Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wesi-3 kuNhlangulana 2026 kanye nomhlangano Oyisipesheli weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu mhla we-13 kuNhlaba 2026

A. Ezisematheni

1. Ukukhula kwezokuvakasha, ukukhula kwezokuthutha kwezezindiza kanye nezinyathelo zokuphepha kwezivakashi

1.1 IKhabhinethi lamukele ukusebenza kahle komkhakha wezokuvakasha, ngokusho koMbiko Wezokuvakasha Wamazwe Ngamazwe weZezibali eNingizimu Afrika, eqophe inani lezivakashi ezingenayo eliyizi-989 329 ngoMbasa 2026. Leli yinani elibonisa ukukhula okuphezulu kakhulu kwanyanga zonke esikhathini esifanayo ngonyaka owedlule okwake kwaqoshwa, okuqinisekisa ukukhanga kweNingizimu Afrika njengendawo yokuvakasha emhlabeni.

1.2 Ukuze kugcinwe lo mfutho, uhulumeni uyaqhubeka nokwandisa ukuxhumana kwezindiza zamazwe ngamazwe, muva nje i-LATAM Airlines inqume ukusondeza, ukuqaliswa kwezindiza zayo ezintathu ezihambela ngqo phakathi kweSão Paulo neKapa njalo ngamaviki amathathu kuthi kube ngoNtulikazi 2026, okungaphambi kwesikhathi sokuqaliswa ebesingoMandulo. Ngaphezu kwalokhu, mhla zingama-24 kuNhlangulana 2026, i-Air Europa's yethula indiza yazo ehamba ngqo phakathi kweMadrid neGoli okuzoqinisa ukuxhumana neYurophu futhi kweseke ukukhula kuyo yonke imikhakha yezokuvakasha kanye nokuphathwa kwezivakashi.

1.3 Ukwanda kwezivakashi kuza ngemuva kokwehla okubikiwe kwezibalo zobugebengu ezigabeni ezibalulekile nokushesha kwabomthetho ukuxazulula namacala obugebengu.

2. Umsebenzi omuhle wezezimali nokusebenza kweTelkom

2.1 IKhabhinethi lihalalisele iTelkom, okuyinkampani ubunikazi bayo obuningi nguhulumeni, ngokusebenza kwayo kahle kwezezimali nokusebenza kanhla ngonyakamali ophele ngomhla wama-31 kuNdasa 2026. Kulesi sikhathi, imisebenzi yeTelkom isize ama-SMME angama-362 ngamathuba okuthenga ayizigidi ezingama-R593, yasiza ngokusungulwa kwemisebenzi eyizi-74 114 ngohlelo lokuthuthukiswa kwama-SMME, intsha engasebenzi eyi-1 524 yaqeqeshwa ngezifundo ze-ICT. ITelkom iphinde yaba nesibalo sababhalisile esingaphezu kwezigidi ezimbili.

2.2 Uhulumeni uzothola imali engenayo eyizigidi ezingama-R559 (ngaphandle kwezabelo zezinye izinkampani eninamasheya aphethwe nguhulumeni). Le mali engenayo eyengeziwe izosiza ukweseka izinto ezibekwe eqhulwini zentuthuko kahulumeni kanye nezibopho zokulethwa kwezinsizakalo zomphakathi.

2.3 IKhabhinethi liphinde laqaphela indima edlalwa yinkampani ekuvaleni ukuhlukana kwedijithali nokweseka intuthuko yezomnotho ebandakanya wonke umuntu, futhi liqinisekile ukuthi iTelkom, ngaphansi kobuholi be-CEO uMnu. Serame Taukobong kanye neBhodi Labaqondisi bazohlala beqinile kulesi simo sezomnotho esinzima samanje.

3. Ukulwa ngokubambisana nokuthengiswa kwezidakamizwa kanye namaqembu ezigelekeqe

3.1 IKhabhinethi lincome iZikhulu Zokulawulwa Kwemingcele, oKlebe, uphiko lwe-SAPS K9 nazo zonke ezinye izikhungo zomthetho ezibandakanyeka ekubanjweni kwezidakamizwa okuqhutshwa ezobunhloli ezingabiza cishe isigidigidi esi-R1 eChwebeni Lokungena eBeitbridge.

3.2 Umkhankaso owawuhlelwe mhla zingama-27 kuNhlaba 2026 waholela ekubanjweni kweloli elalihamba lidlula eZimbabwe liya eNingizimu Afrika. Ukusesha okubanzi kwaholela ekutholakaleni kwamagremu angaba yizi-713 000 emethaqualone, eyaziwa kakhulu ngokuthi i-ABBA, into esetshenziswa kakhulu ekukhiqizweni kweMandrax.

3.3 Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi lincome uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika ngokubopha abasolwa abayi-11, okubalwa kubona nezakhamuzi ezine zaseMexico, ngemuva kokutholakala kwelabhorethri yokukhiqiza izidakamizwa ebiza izigidi zamarandi epulazini eSwartruggens eSifundazweni saseNyakatho-Ntshonalanga.

4. I-SA yeseka ukulwa kwezwekazi ne-Ebola

4.1 IKhabhinethi leseka isithembiso sezwe sokufaka umnikelo wezigidi eziyi-$5 ohlelweni lwezwekazi lokulungela ukubhekana nesifo oluyizigidi ezingama-319 ngemuva kokuqubuka kwe-Ebola okusakazeke kulo lonke elaseDemocratic Republic of the Congo nase-Uganda.

4.2 Yize ukuqubuka kwamenyezelwa njengesimo esiphuthumayo sezempilo yomphakathi esikhathazayo emhlabeni wonke yiNhlangano Yezempilo Emhlabeni okwamanje akukho sizathu sokukhathazeka eNingizimu Afrika. I-Ebola ayivamile eNingizimu Afrika futhi ukudluliselwa isuka kumuntu iya komunye kwenzeka ngokuthintana ngqo noketshezi lomzimba lomuntu onegciwane, onezimpawu.

5. IKhomishini Yezizwe Ezimbili YaseNingizimu Afrika neBotswana

5.1 INingizimu Afrika neBotswana baphothule ngempumelelo iKhomishini Yezizwe Ezimbili Yesithupha (i-BNC) ngesikhathi soHambo lwezinsuku ezimbili LukaMongameli uCyril Ramaphosa oluya eBotswana.

5.2 I-BNC iqinisekise ubudlelwano obuqinile nobunomlando phakathi kwala mazwe amabili ngesikhathi ithuthukisa ukubambisana emikhakheni ebalulekile njengesayensi, ubuchwepheshe, ukusungula izinto ezintsha, ukuhweba, ezokuvakasha kanye nentuthuko yesifunda.

5.3 I-BNC iphethe ngokusayinwa kwemithetho emine emisha ehlose ukuthuthukisa ukukhula komnotho okusimeme kanye nokuhlanganiswa kwesifunda futhi lokhu kungaphezu kwemithetho engama-28 esivele iqalisiwe.

5.4 Imithetho emine emisha yala mazwe amabili yile: Isivumelwano Sokusebenzisana (i-MoA) Sokuphathwa Okuhlangene Komgangatho Wamanzi kanye Nezinhlobo Zezilwane Zamanzi Esigodini Esingenhla Somfula iLimpopo; Isivumelwano Sokuxhumanisa Izinsizakalo Zokuthungatha Nohlenga Amabhanoyi; Isivumelwano Sokubambisana Emkhakheni Wezamandla; kanye Nesivumelwano Sokusebenzisana (i-MoA) Emkhakheni Wezinsizakalo Zokuhlunyeleliswa Kwezimilo Nezamajele.

6. Ukuvakasha kwezwe laseKenya (Kule lizwe)

6.1 UMongameli uCyril Ramaphosa usingathe uMhlonishwa uMongameli uWilliam Ruto weRiphabhulikhi yaseKenya ohambele eNingizimu Afrika kusukela mhla zi-3 kuya zi-5 kuNhlangulana 2026.

6.2 Lolu hambo lwezwe luthuthukisa ukuhweba, ukutshalwa kwezimali, kanye nokubambisana nezivumelwano eziyisithupha (6) ezisayinwe eZindlini Zombuso eTshwane.

6.3 Izivumelwano zokusebenzisana ezisayiniwe zimayelana nokuThuthukiswa koHwebo ngokubambisana eMikhakheni Yokulinganisa, uMthethonqubo Wezobuchwepheshe, Ukuhlolwa Kokuhambisana, Ukugunyazwa, iMetrology; Ukubambisana Kwezokuthunyelwa Kwemikhumbi Nezasolwandle; Imfundo Yobuchwepheshe kanye Nokuqeqeshwa Kwezemisebenzi; Ukukhuthazwa Kobambiswano Ngokulingana Ngokobulili kanye Nokunika Amandla Abesifazane; Ubuciko, Amasiko Namagugu; kanye Nezemidlalo.

6.4 Uhambo lwezwe luhlanganise iNgqungquthela Yezamabhizinisi equkethe imikhakha ezimele yaseNingizimu Afrika naseKenya, lapho abebehlanganyele babelane ngolwazi nabadlule kukho emkhakheni wamabhizinisi futhi bahlola amathuba okuthuthukisa ukuhweba kanye nokutshalwa kwezimali okuhambisanayo.

7. Uhambo lwePhini likaMongameli oluya eNdiya

7.1 IPhini likaMongameli uShipokosa Paulus Mashatile livakashele eNew Delhi, eNdiya.

7.2 Uhambo luqinise ukubambisana ezinkundleni zamazwe amaningi njenge-UN, i-BRICS kanye ne-G20, lwaphinde lwathuthukisa ukubambisana kwezohwebo, ukutshalwa kwezimali, ucwaningo, ukudluliselwa kobuchwepheshe, ngesikhathi lweseka amabhizinisi amancane.

7.3 IPhini likaMongameli lihlanganyele emhlanganweni wamazwe amabili nePhini likaMongameli u-C.P. Radhakrishnan, futhi lavakashela uMhlonishwa uNkk. Smt. Droupadi Murmu, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNdiya.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Indlela ephelele yokulawula ukufuduka eNingizimu Afrika

1.1 IKhabhinethi lamukele futhi lagunyaza indlela ephelele yokulawula ukufuduka eNingizimu Afrika, esungulwe yiKomidi LoNgqongqoshe Kwezokufuduka, laphinde lagunyaza noMbiko Wezwe Wohlelo Lwezinyathelo Zikazwelonke (i-NAP) mayelana Nokufuduka eNingizimu Afrika.

1.2 UMongameli uzokhuluma nesizwe ngalolu daba.

2. Isu Lokuthuthukiswa Kwezimboni Elibuyekeziwe (i-IDS)

2.1 IKhabhinethi ligunyaze Isu Lokuthuthukiswa Kwezimboni Elibuyekeziwe ukuze liqaliswe. Isu elasungulwa ngokubonisana okubanzi, leli lisu ligxile ekuthuthukisweni kwezimboni okunomthelela omkhulu, okubandakanya wonke umuntu emnothweni waseNingizimu Afrika. Isu lihambisana nezinto ezibekwe eqhulwini zenqubomgomo yoHulumeni Wehlandla Lesikhombisa futhi lesekwe ezinsikeni ezintathu ezibalulekile zokuqhuba ukukhula kwezimboni kanye noguquko, okuyilezi: umnotho ongenayo ikhabhoni, ukuguqukela kwidijithali, kanye nokutshala izimali emikhakheni ehlukahlukene.

2.2 I-IDS ibeka eqhulwini imikhakha ebalulekile ekuthuthukisweni kwezimboni, okuhlanganisa ukuvikelwa kwezimboni ezifana neyensimbi, izimoto, ukukhiqiza kanye nezimayini. Iphinde ikhuthaze ukukhula emikhakheni yokukhula komnotho esikhathini esizayo okuhlanganisa imikhiqizo yezolimo, umnotho wedijithali kanye nomnotho ococekile. Ngaphezu kwalokhu, isu lihlose imikhakha enamathuba amakhulu okukhula komnotho nokusungulwa kwamathuba emisebenzi, ikakhulukazi kubantu abasha, okuhlanganisa nezokuvakasha kanye nezinsizakalo zamabhizinisi emhlabeni wonkana.

2.3 I-IDS kulindeleke ukuthi isungule izinkulungwane zamathuba emisebenzi minyaka yonke, igxile kakhulu ekuthuthukisweni kwamakhono kanye nokulungiselela abantu abangasebenzi emikhakheni edingeka kakhulu njengamandla avuselelekayo kanye nokukhiqiza. Ikomidi Longqongqoshe, eliholwa nguMongameli, lizokwengamela ukuqaliswa kwaleli su ukuqinisekisa ukusebenza kwalo okuhlelekile kanye nomphumela.

2.4 Umqingo ophelele uyatholakala kuwebhusayithi ye-dtic: www.thedtic.gov.za.

3. Ukuvalwa koMklamo Wokulungiswa Komgwaqo Onguthelawayeka waseGauteng (i-GFIP)

3.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuthi i-SANRAL iqalise ukuvalwa kwe-GFIP okuhlanganisa isixazululo somyalelo wenkantolo we-OUTA, ukubhekwa kwezindleko emva kwecala, kanye nokuphothula zonke izindaba eziphathelene nokubuyiselwa kwesikweletu esedlule se-e-toll.

3.2 Lokhu kulandela isinqumo sikahulumeni sokumisa uhlelo lokukhokhisa nge-elekthronikhi ku-GFIP olwaqala ukusebenza mhla ziyi-12 kuMbasa 2024.

3.3 IKhabhinethi liiphawulile izincomo ze-SANRAL zokusula isikweletu esikweletwa abasebenzisi bomgwaqo abangazange bakhokhe, nokuthi uMgcinimafa Kazwelonke uzokhokha lesi sikweletu, nokuthi abasebenzisi bomgwaqo abakhokhe yonke imali ngeke babuyiselwe imali ngoba lokhu kwakuwumthetho ngaleso sikhathi.

4. Imibiko yenqubekela-phambili ephuma kabili ngonyaka ngoHlaka Lwesu Lwesikhathi Esimaphakathi

4.1 IKhabhinethi lamukele futhi lacubungula imibiko yenqubekela-phambili ephuma kabili ngonyaka mayelana nokuqaliswa koHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2024-2029 (i-MTDP) kusukela ngoMfumfu 2025 kuya kuNdasa 2026. Imibiko inikeza umbono jikelele wokusebenza komnyango uma kuqhathaniswa nezinto ezibekwe qhulwini kuhulumeni kazwelonke, igqamisa impumelelo ebalulekile, inqubekela-phambili eyenziwe kanye nezinselele zokuqaliswa kwayo.

4.2 IKhabhinethi liyiphawulile inqubekela-phambili enamandla ekuqalisweni kwe-MTDP kuzo zonke izinto ezibekwe eqhulwini.

4.3 UNgqongqoshe Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola kanye noSihlalo Bamaqembu eKhabhinethi, bazonikeza imininingwane eyengeziwe ngemibiko yenqubekela-phambili ephuma kabili ngonyaka kusukela ngoMfumfu 2025 kuya kuNdasa 2026. I-GCIS izonikeza imininingwane yomhlangano.

5. Ukuhoxiswa Kwenqubomgomo Yobuhlakani Bokwenziwa (i-AI)

5.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuhoxiswa kwenqubomgomo yobuhlakani bokwenziwa, eyashicilelwa ukuze umphakathi uphawule ngayo ngoNdasa 2026. Ukuhoxiswa kuzovumela ukushintshwa kwenqubomgomo yobuhlakani bokwenziwa ukuqinisekisa ukuthi ifeza imigomo yayo ehlosiwe nokuthi isungula amazinga kazwelonke ekusetshenzisweni kwe-AI ngobuqotho.

C. Umthethosivivinywa

1. Umthethosivivinywa Wokuchithwa Kwemithetho Ethile Yezobulungiswa Yangaphambi yowe-1994, wezi-2026

1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchithwa Kwemithetho Ethile Yezobulungiswa Yangaphambi kowe-1994, wezi-2026 ukuze ucutshungulwe kabanzi. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukubuyekeza nokuchitha umthetho owawuphelelwe yisikhathi wamakoloni kanye nowesikhathi sobandlululo ongasahambisani nezimiso zomthethosisekelo wentando yeningi labantu futhi ongasenaso isidingo.

1.2 Uma usuphothulwe yiPhalamende, lo Mthethosivivinywa uzochitha izingcezu eziyi-149 zemithetho yezobulungiswa yesikhathi sobandlululo eyayisasebenza futhi isebenza ngisho nangesikhathi sikahulumeni wentando yeningi labantu. UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo usuqalile kakade ukubheka eminye imithetho yezobulungiswa yesikhathi sobandlululo ukuze ichithwe.

D. Ezakamuva kwiKhabhinethi

1. Ukusingathwa kweNgqungquthela ye-SADC yowezi-2026

1.1 IKhabhinethi lithole umbiko mayelana namalungiselelo eNingizimu Afrika okusingatha iNgqungquthela yama-46 yeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-17 kuNcwaba 2026. Le ngqungquthela izoba luphawu lokuqala kwesikhathi sezinyanga eziyi-12 seNingizimu Afrika njengoSihlalo we-SADC. Umhlangano Wokuxoxisana woNgqongqoshe Bamazwe Angaphandle be-SADC wabanjwa kusukela mhla zingama-22 kuya mhla zingama-24 kuNhlaba 2026 eSkukuza, eMpumalanga, lapho izithunywa zaxoxa khona ngamasu okuqinisa ukubambisana kwesifunda.

1.2 Kulo mhlangano kwaxoxwa ngemikhakha emihlanu ebalulekile, okubalwa kuyo Ukuxhaswa Kwesifunda Okuhlanganisiwe, Utshalomali, Ukuphathwa Kwezikweletu Zikahulumeni kanye Nokuqoqwa Kwemali Engenayo Yezwe, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Izitolo Nohwebo; Ingqalasizinda, Ezokuthutha Nokuthuthwa Kwempahla kanye Nokuhamba Kwabantu Ngokukhululeka, Impahla Nezinsizakalo; Ezamandla,Uwoyela Negesi kanye Nezimbiwa; Nezolimo, Okokukhiqiza Ezolimo, Abahlinzeka Ngempahla, Izimakethe kanye Nokutholakala Kokudla, futhi kwahlonzwa izinyathelo ezibaluleke kakhulu zomsebenzi ohlanganyelwe.

1.3 Ukusingatha ingqungquthela ye-SADC kanye nokuthatha isikhundla sokuba uSihlalo kubalulekile njengoba kuzokwenza iNingizimu Afrika ikwazi ukuhola uguquko lwezomnotho lwesifunda, iqhube ukuthuthukiswa kwezimboni, futhi ithuthukise kokubili ukuhlanganiswa kwezepolitiki kanye nomnotho kuso sonke isifunda.

2. Imibiko Yonyaka Neyekota Yokuqala Yokulawulwa Kwezikhali Ezivamile Zikazwelonke (i-NCACC)

2.1 IKhabhinethi lithole umbiko wonyaka we-NCACC wezi-2025 kanye nombiko wekota yokuqala yezi-2026 mayelana nokudluliselwa okugunyaziwe kwezikhali ezivamile.

2.2 Ngonyaka ophele ngoZibandlela 2025, i-NCACC ligunyaze izimvume zokuthumela izikhali ezingama-582 ezibiza izigidigidi eziyi-R10, izitifiketi zokubhalisa eziyi-197, kanye nezimvume zezinkontileka eziyi-183 ezibiza izigidigidi ezingama-R41.

2.3 Izimvume zokungenisa izikhali ezivunyelwe zifinyelele kuma-366 ngenani lezigidi ezingama-R269 kanti Izimvume Zokuthumela Izikhali ezisetshenziswa kabili eziyi-132 ezibiza izigidi ezingama-R600 zavunyelwa ngaleso sikhathi. INingizimu Afrika ingenise imishini ebiza izigidi ezingama-R269.

2.4 Umbiko uqhubeka uphawula ukuthi, ngowezi-2025, izinkampani ezengeziwe ezingama-5% zabhaliswa uma kuqhathaniswa nowezi-2024.

3. Ukulungiswa Kwezinkantolo

3.1 IKhabhinethi laziswe kafushane ngomsebenzi owenziwe ukuze kulungiswe izindawo ezingaphansi kwamandla eNkantolo Ephakeme futhi leseka ukuqaliswa kwezincomo ezisheshayo zeKomidi Lokulungiswa Kwezinkantolo mayelana nezifunda zikamantshi kanye nezifunda ezincane lapho izihlalo ezinkulu nezendawo zeNkantolo Ephakeme zizosebenzisa khona amandla azo. Lokhu kuhloswe ngakho ukuthuthukisa ukufinyelela kobulungiswa futhi kweseka indlela ehlukaniswe ngezigaba yokwandisa izikhundla zobulungiswa ukuze kuxazululwe imikhawulo yamandla ngaphakathi kwenkantolo, kanye nokusungulwa kwezihlalo ezengeziwe zezindawo ezingaphansi kwezigaba ezihlonziwe.

3.2 UNgqongqoshe uKubayi uzonikeza imininingwane eyengeziwe ngalolu daba ngesonto elizayo. I-GCIS izonikeza imininingwane yesithangami.

E. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.

  1. Mnu. Bongikhaya Dayimani njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezokuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya.
  2. Nkz. Gcobisa Joyce Soci njengePhini loMqondisi-Jikelele (u-DDG): Kwezokuphatha kuMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali.
  3. Mnu. Dick Andries Sono njengo-DDG: Ingqalasizinda Yedijithali Nobuchwepheshe kuMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali.
  4. Nkz. Jeanette Morwane Mmatsiate njengo-DDG: Ezezindaba Nolwazi Oluqukethwe kuMnyango Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali.
  5. Ibhodi le-Export Credit Insurance Corporation of South Africa
    a. Mnu. Sipho Bhanisi njengomele uMgcinimafa Kuzwelonke.
  6. Ukubekwa kwamalungu engeziwe kuMkhandlu weNingizimu Afrika Onqanda Ukusabalala Kwezikhali Zembumbiso
    a. Inxusa Tebogo Seokolo; (iPhini likaSihlalo nomele i-DIRCO); kanye
    b. Dkt. Praise Sibuyi (omele i-Ejensi Yokuvikelela Kombuso)
  7. Ukubekwa kweBhodi leSouth African Post Office
    c. Nkz. Regina Sizakele Madlala (uSihlalo);
    d. Nkz. Margarete Mosibudi Phiri (iPhini likaSihlalo);
    e. Mnu. Vuyo Mafata;
    f. Nkz. Tanya van Meelis;
    g. Nkz. Mantombi Lekhuleni;
    h. Ummeli Mthokozisi Daluxolo Xulu;
    i. Dkt. Mduduzi Justice Kennedy Bophela;
    j. Mnu. Charley Fred Chain;
    k. Mnu. David Mangena; kanye
    l. noMnu. Khonanjalo Buthelezi.

F. Imicimbi ezayo

1. Ukuqaliswa kweLenacapavir

1.1 UMongameli uRamaphosa ngokwesekwa nguNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi uzokwethula ukuqaliswa kweLenacapavir, umjovo wokuvimbela i-HIV osebenza isikhathi eside ojovwa kabili ngonyaka.

1.2 Ukungenelela kunikeza izindlela zokukhetha zokuvimbela i-HIV, ikakhulukazi kubantu abanenkinga yokuphuza i-PrEP nsuku zonke. Ukuqaliswa kwayo kuyingxenye yesu elihlanganisiwe lokuvimbela i-HIV laseNingizimu Afrika elihlose ukunciphisa ukutheleleka okusha nokuthuthukisa izinga lokuphila.

1.3 Ukwethulwa kwayo kuzokwenzeka ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-5 kuNhlangulana 2026 eLilian Ngoyi Stadium, eSecunda, eMpumalanga.

2. Inyanga Yentsha

2.1 Kule nyanga iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-50 yomlando weZibhelu ZaseSoweto zowe-1976, isikhumbuzo esinamandla sokuzinikela okukhulu kwentsha yethu emzabalazweni wenkululeko, ubulungiswa kanye nokulingana.

2.2 Ukuze kuhlonishwe ifa elingapheli leKilasi lowe-1976, iNyanga Yentsha izogujwa ngaphansi kwesihloko esithi “RESET@50 – Ikusasa Liyasibiza”. Ekugubheni ingqophamlando, uhulumeni uzoqalisa uhlelo lonyaka wonke oluhlose ukuhlanganisa umzabalazo womlando wenkululeko ngokuthuthukiswa kwentsha yanamuhla. Lolu hlelo luzogxila kakhulu emfundweni elinganayo, ukubamba iqhaza emnothweni obandakanya wonke umuntu, ukuthuthukiswa kwamakhono, kanye nokuba yisakhamuzi esibamba iqhaza.

2.3 IKhabhinethi licela yonke imikhakha yomphakathi ukuthi ibambisane nohulumeni ekungeneleleni okuqhuba ukuqashwa kwentsha, ukukhulisa amabhizinisi nokubuyisela ithemba entsheni. Ngale mizamo yokubambisana, isizwe sizoqhubeka nokuqinisa ukubamba iqhaza kwentsha ekwakheni isizwe kanye nokuguqulwa komnotho.

3. Ukugubha Inqophamlando Yenkululeko

3.1 Uhulumeni uzokwethula uMkhankaso Wenqophamlando Yenkululeko ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuhlonipha Isikhathi Esidlule, Ukuletha Ikusasa” mhla ziyi-18 kuNhlangulana 2026 eZindlini Zombuso.

3.2 IKhabhinethi lizoseka ukuqaliswa kweSikhumbuzo sama-70 semashi Yabesifazane yangowe-1956 esizoba ingxenye yemicimbi yenqophamlando yenkululeko kuzwelonke, okuwukuqala kohlelo lukazwelonke lwemicimbi yokukhumbula imashi Yabesifazane yangowe-1956 engokomlando.

4. Izinhlamvu zemali zesikhumbuzo

4.1 IKhabhinethi ligunyaze ukwakheka kwezinhlamvu zemali zesikhumbuzo ezizokhishwa yiBhangengodla laseNingizimu Afrika (i-SARB) ngowezi-2026 ngaphansi kwengqikithi yezemfundo. Lolu chungechunge luzohlanganisa izinhlamvu zemali ze-R2 eziyisikhumbuzo seminyaka eyi-125 yeziqu zeqhawe lomzabalazo uCharlotte Maxeke, owaba njengowesifazane wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuthola iziqu zaseyunivesithi.

4.2 Izinhlamvu zemali ze-R2 zesikhumbuzo nazo zizokhishwa yi-SARB njengophawu lweminyaka engama-50 yezibhelu zaseSoweto ngowe-1976, ukukhumbula iminyaka engama-30 yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, kanye nokukhumbula iminyaka engama-70 yenqophamlando yemashi yabesifazane yangowe-1956 eya eZindlini Zombuso. Ngaphezu kwalokhu, izinhlamvu zemali ze-R5 zizobonisa izimpawu ezifakwe ezinhlamvini zemali ze-R2. Lezi zikhumbuzo zigqamisa indima yemfundo ekuthuthukiseni umthethosisekelo kanye nokukhuthaza ukuhlanganyela komphakathi kanye nomnotho okubandakanya wonke umuntu.

5. Impelasonto Yokubhalisela Ukuvota Kohulumeni Bendawo ngowezi-2026

5.1 IKhabhinethi likhumbuza bonke abavoti abafanelekile ukuthi babhalisele uKhetho Lohulumeni Bendawo oluzayo mhla wesi-4 kuLwezi 2026.

5.2 Impelasonto yokuqala yokubhalisa abavoti ingoMgqibelo, mhla zingama-20 kuNhlangulana 2026, kanye neSonto, mhla zingama-21 kuNhlangulana 2026 ezikhungweni zokubhalisa eziseduze nabo, NOMA ngokuvakashela ku-registertovote.elections.org.za, NOMA ngokuvakashela amahhovisi endawo eKhomishini Yokhetho ngezikhathi zokusebenza.

5.3 Izakhamuzi ziyakhunjuzwa ukuthi zingavota kuphela lapho zibhalise khona futhi zingathola nesiteshi sazo sokuvota esifanele ku-maps.elections.org.za/vsfinder.

5.4 IKhabhinethi linxusa intsha, ikakhulukazi, ukuthi ihlanganyele ngenkuthalo ekwakheni ikusasa lemiphakathi yayo ngokubamba iqhaza okhethweni.

6. Amakhadi e-SASSA

6.1 IKhabhinethi linxusa bonke abahlomula kwezibonelelo zikahulumeni abasebenzisa amakhadi egolide e-SASSA ukuthi bawashintshe bathathe amakhadi amasha amnyama ePostbank ngaphambi kosuku lokugcina lwangomhla zingama-31 kuNcwaba 2026.

6.2 Ukushintshwa kwamakhadi kumahhala futhi kungenziwa ezindaweni ezibekelwe lokho zePostbank ezitolo eziyingxenye yalokhu ezweni lonke.

Imiyalezo

1. Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nomndeni walaba:

  • Intatheli ehlonishwayo, uBaldwin Ndaba, umsebenzi wakhe ovelele wahlanganisa izincwadi eziningana eminyakeni eminingi. Uzokhunjulwa ngothando lwakhe ngezwe lethu, ubungcweti bakhe kanye nokuzinikela kwakhe eqinisweni.
  • UMa Griet Margaret Messelaar, undlunkulu weNdlu Yasebukhosini YamaGriqua oshone eneminyaka eyi-106 ubudala. Uzokhunjulwa njengomlweli wolimi kanye nefa lamaGriqua, kanjalo nesithunzi sakhe esikhulu nokuhlakanipha.
  • UNkk. Dina no-Ernest Marais, izithandazi ezabulawa e-KNP futhi bancoma i-SAPS kanye nezinye izinhlaka zomthetho ngokubopha ngokushesha abasolwa ngalokhu kubulala.

2. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kodwa laba:

  • Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo iBafana Bafana njengoba limele izwe kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA yezi-2026 e-United States. IKhabhinethi lifisela iqembu amandla, ubunye kanye nempumelelo enkundleni yomhlaba. Yenzani isizwe siziqhenye!
  • IMamelodi Sundowns (Masandawana, Kabo Yellow) ngokugcotshwa njengompetha be-CAF yezi-2026. Iqembu lenze isizwe sethu saziqhenya enkundleni yezwekazi, liphinde labonisa isimo salo njengeqembu elinamandla ebholeni lase-Afrika.
  • I-Orlando Pirates (The Bucaneers, eZimnyama Ngenkani) ngokugcotshwa njengompetha be-PSL ngowezi-2026.
  • U-DJ odumile waseNingizimu Afrika uBlack Coffee ngokudlala kwakhe okuthengise wonke amathikithi e-The O2 Arena yaseLondon egcwale ngabantu abayizi-20 000, nokuba ngu-DJ wokuqala wase-Afrika ukufeza lokhu. UBlack Coffee isizukulwane sakhe so-DJ baseNingizimu Afrika sisize ukuletha umculo wokudansa waseNingizimu Afrika kubabukeli emhlabeni jikelele, futhi udlale ezindaweni ezidumile njenge-Ibiza, Coachella kanye neMadison Square Garden.

Sikhishwe ngegunya leKhabhinethi ngu:
uNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli, uNkz. Khumbudzo Ntshavheni

Imibuzo:
UPhiko Lwezokuxhumana Lukahulumeni Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Xhumana: Nkz. Nomonde Mnukwa, iBamba loMqondisi-Jikelele
Usuku: 4 kuNhlangulana 2026
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
www.gcis.gov.za; www.gov.za

#GovZAUpdates

Share this page

Similar categories to explore