Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wesi-07 kuNcwaba 2024

Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wesi-07 kuNcwaba 2024

Umhlangano wokuqala ojwayelekile weKhabhinethi lombuso wesikhombisa ubanjwe eZindlini Zombuso, ePitoli, ezinsukwini ezimbili ezandulela ukubungazwa koSuku Lukazwelonke Lwabesifazane kuleli lizwe. Njengoba siqeda iminyaka engama-68 kwaba khona iMashi Yabesifazane kanye neminyaka engama-70 kwamukelwa uSomqulu Wabesifazane, okuyisimemezelo senhloso esenziwa inhlangano i-Federation of South African Women, esicacisa ngamalungelo nezimfanelo zabesifazane ngabesifazane baseNingizimu Afrika.

Kulo nyaka, sibungaza iNyanga Yabesifazane njengoba futhi sibungaza ukubekwa kweJaji uMandisa Maya esikhundleni sokuba yiJaji Eliyinhloko laseNingizimu Afrika lesifazane lokuqala. Phambilini uke wasebenza ngempumelelo njengoMongameli weNkantolo Enkulu Yokudlulisa Amacala kusukela ngowezi-2017 futhi waba ngowesifazane wokuqala ukuba kuleso sikhundla.

Ukubaluleka kokubekwa kwakhe kulesi sikhundla kuzwakala kangcono uma sikhuluma ngokubungazwa kwabesifazane. Ngokwemibiko yeNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yamajaji Abesifazane: “Ngowe-1994, amajaji ayebalelwa kwayi-165, ayi-160 kuwona kwakungamadoda ebala elimhlophe, amathathu kungamadoda ebala elinsundu, amabili kungabesifazane bebala elimhlophe; kwakungekho nelilodwa ijaji lowesifazane elinsundu ngaleso sikhathi. Kusukela ngoNhlolanja wezi-2023, kunamajaji angama-253, kuwona ayi-113 ngabesifazane, okungabesifazane abansundu abangama-32% kanye nabesifazane abamhlophe abangama-13% lokho okusinikeza ama-45% abesifazane sebephelele. Ngaphezu kwalokhu, amajaji angamadoda ayi-140, okungamadoda ansundu angama-39% kanye namadoda amhlophe angama-17%.

A.  Ezisematheni

1.  IMidlalo ye-Olympics e-Paris: IQembu laseNingizimu Afrika lowezi-2024
1.1.  IKhabhinethi lihalalisele iQembu laseNingizimu Afrika ngokumela izwe ngokuzigqaja kuma-Olympics e-Paris kanye nokundizisela phezulu ifulegi lesizwe ngokubeka izwe lethu phezulu kumazwe angama-30 asehlabane ngezindondo.
1.2.  IKhabhinethi liphinde lahalalisela laba abalandelayo:
1.2.1.  Iqhawe kwezokubhukuda, u-Tatjana Smith ngokuthola indondo yegolide kwi-100m Breaststroke yaBesifazane kanye nesiliva ku-200m Breaststroke.
1.2.2.  Iqembu lama-Blitzboks ngokuthola indondo yethusi emidlalweni ye-Men’s Rugby Sevens.
1.2.3.  Umgibeli webhayisikili u-Alan Hatherly ngokuthola indondo yethusi ku-Men’s Cross-country Cycling Mountain Bike.
1.2.4.  U-Akani Simbine oqophe umlando ngesikhathi ephuma endaweni yesine emjahweni wamadoda wamanqamu we-100m obushisa kakhulu. INingizimu Afrika ibalwa namazwe anamadoda anesivinini.
1.3.  Abantu baseNingizimu Afrika bayacelwa ukuba baqhubeke nokweseka iQembu laseNingizimu Afrika elizophinde lincintisane eMidlalweni yama-Paralympic ezoqala mhla wama-28 kuNcwaba kuze kube mhla wesi-8 kuMandulo 2024.

2.  Umnotho
2.1.  INgqalasizinda Yezitimela
2.1.1.  IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwezitimela ezintsha zobuchwepheshe besimanjemanje eMzileni Omkhulu eDolobheni laseKapa yi-Ejensi YaseNingizimu Afrika Yezitimela Zabagibeli (i-PRASA), okuyi-ejensi yoMnyango Wezokuthutha (i-DoT). 
2.1.2.  Kuphinde kwengezwa ukusebenza emzileni osuka eNyanga uya esiteshini sase-Mandalay. Izitimela zisebenzisa uhlelo lwesimanjemanje lwezinkomba eLanga kuya kuJantshi wase-Mutual, okuthuthukisa ezokuphepha kanye nokusebenza kahle kwezitimela. 
2.1.3.  Ubuchwepheshe besimanjemanje obuphezulu kulezi zitimela kubala iminyango ezivulekelayo, bese kuthi ama-CCTV egumbini ngalinye afakelwe ukuthuthukisa ezokuphepha kwabagibeli. 
2.1.4.  IKhabhinethi liphinde lakuncoma ukuvuselelwa kwemizila eminingi nokuyinto uhulumeni ayibeke eqhulwini yokuletha ezokuthuthwa komphakathi eziphephile, ezithembekile nezingambi eqolo.

3.  IZindawo Zamagugu Omhlaba ze-UNESCO
3.1.  IKhabhinethi lamukele ukufakwa kwezindawo zaseNingizimu Afrika ezinomlando wamalungelo abantu kanye nomzabalazo ohlwini oluhlonishwayo lweZindawo Zamagugu Omhlaba ze-UNESCO.
3.2.  Lezi zindawo ezethiwe ngokuthi Izindawo Zomlamdo ka-Nelson Mandela: Amalungelo Abantu, Inkululeko noKubuyisana, azigcini nje kuphela amagugu ethu ahlukile kodwa zenza ukuba izwe lethu libe yindawo enkulu eheha izivakashi ukuthi zizobona Izindawo Zamagugu Omhlaba, lokho okunika amandla ezokuvakasha kanye nomnotho.
3.3.  Lezi zindawo zibandakanya iZindlu Zombuso, i-Constitution Hill, i-Liliesleaf farm, i-Sharpeville memorial, i-Walter Sisulu Square, 16 June 1976: The Streets of Orlando West, iNyuvesi yase-Fort Hare kanye ne-ZK Mathews House, eMqhekezweni, e-Waaihoek nase-Ohlange.
3.4.   Komidi Lamagugu Omhlaba le-UNESCO liphinde labhala izindawo ezintathu ze-Middle Stone Age njengokuhlonipha igalelo leNingizimu Afrika ekuqondeni umsuka wesimanje wokuziphatha kwabantu. Lezi zindawo yi-Diepkloof Rock Shelter eseduze ne-Elands Bay eNtshonalanga kapa, i-Pinnacle Point Site Complex ese-Mossel Bay naseNtshonalanga Kapa kanye ne-Sibhudu Cave KwaDukuza, KwaZulu-Natali.

4.  Izilinganiso Zezibalo Zabantu Zaphakathi Nonyaka
4.1.  IKhabhinethi lamukele iZilinganiso Zezibalo Zabantu Zaphakathi Nonyaka (i-MYPE) zangowezi-2024 ezibonise ukuthi abantu baseNingizimu Afrika baphila isikhathi eside.
4.2.  Iminyaka yokuphila inyuke yaya kwiminyaka engama-66.5 kusuka kwiminyaka engama-53.6 ngowezi-2005 ngenxa yezingenelelo eziningi zikahulumeni ezifake phakathi uhlelo lokukhishwa kwemishanguzo - okuluhlelo olukhulukazi lwemishanguzo emhlabeni, ukukhishwa kwemigomo kanye nokwehla kwezinga lokufa kwezinsana lisuka kwizinsana ezilinganiselwa kuma-57 kweziyi-1 000 ezizalwe ziphila ngowezi-2002 kuya kwezingama-22.9 kwizinsana eziyi-1 000 ezizalwe ziphila ngowezi-2024.
4.3.  Izibalo zabantu eNingizimu Afrika manje sezingaphezu kwezigidi ezingama-63, zikhule ngephesenti elingu-1.33 kusuka ngoNtulikazi 2023 kuya kuNtulikazi 2024.
4.4.  Izibalo zokukhula kwabantu ezibuyekeziwe zizosiza uhulumeni ekwenzeni izinhlelo kanye nokwaba izinsiza njengoba siqhubeka nokwenza ngcono impilo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

5.  Ezokuphepha Nokuvikeleka
5.1.  Ukulwisana Nobugebengu
5.1.1.  IKhabhinethi lamukele impumelelo yama-ejensi ezomthetho ekubopheni amalungu eqembu lezigelekeqe obugebengu obuhleliwe njengengxenye yohlelo oluqhubekayo lokulwa nobugebengu. 
5.1.2.  Umkhankaso we-Operation Shanela woPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika usuqinisekise ukuboshwa kwabasolwa abayizi- 766 237 ngamacala obugebengu obehlukahlukene, kanti abasolwa abayizi-161 752 balaba bekungabasolwa abebefunwa ngamacala amakhulu, afaka phakathi ukubulala, ukubamba izimoto zemali, ukuphanga kuhlonyiwe, ukudlwengula, nokuduna izimoto.
5.1.3.  IKhabhinethi lamukele ukuvalwa kwenkambi engekho emthethweni yokuqeqesha amasotsha e-White River, eMpumalanga kulandela umkhankaso wezobunhloli okuphinde kwaholela ekuboshweni kwabantu abangama-95 abangabokudabuka e-Libya. 
5.1.4.  IKhabhinethi liphinde lacela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane namaphoyisa ekulweni nobugebengu ngaphandle kokuzithathela umthetho ezandleni zabo.
5.1.5.  IKhabhinethi alivumelani nezenzo ezenziwe ngabanye babaholi basemphakathini eziholele ekusatshisweni kwabafundi nothisha esikoleni sabo. UMnyango Wemfundo Eyisisekelo uzoqhubeka nokusebenza ne-SAPS ukuqinisekisa ukuthi izikole zihlala ziyindawo ephephile yokufunda nokufundisa.

5.2.  Ukukhwabanisa Nenkohlakalo
5.2.1.  IKhabhinethi lijabulile ngokuthi iNkantolo Yamacala Ezentengiselwano yaseThekwini ibophe iphinde igwebe izikhulu zaphambilini zoMnyango Wezasekhaya kanye nabokufika kuleli lizwe abalahlwe yicala lokukhwabanisa nenkohlakalo ekusebenzeni kohlelo lwabezokufika. Lezi zigwebo ziqinisa imizamo kahulumeni yokwakha umbuso oziphathayo, osebenza ngendlela efanele, futhi okhonayo ukuthuthuka.

B.  Ezakamuva kwiKhabhinethi

1.1.  Ukutholakala Kwamanzi
1.1.1.  IKhabhinethi laziswe kafushane ngemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukutholakala kwamanzi kuleli lizwe emva kokwenyuka kwezinga lokudingeka kwamanzi ngenxa yokwenyuka kwezibalo zabantu kanye nokukhula komnotho, kanye nokuthi amanzi akhona angama-75% eNingizimu Afrika asevele akhiwe.
1.1.2.  Njengamanje, kunemiklamo kazwelonke emikhulu yengqalasizinda yamanzi eyi-14 yenani elingaphezu kwezigidigidi eziyi-R100 ezisezigabeni ezehlukene zokwakhiwa. 
1.1.3.  UMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle ususungule iHhovisi Lamanzi lapho uzosebenzisana ne-SALGA na-DBSA okuhloswe ngalo ukusiza omasipala ukuthi baqalise imizamo nezindlela ezehlukene zokuthola amanzi ukuqinisekisa ukuthi asiphelelwa amanzi esikhathini esizayo. 
1.1.4.  IKhabhinethi liphinde latshelwa ngenqubekelaphambili ekuqinisekiseni ukuthunyelwa kwamanzi emphakathini wase-Giyani nase-Hammanskraal kanye nokubhekana nenkinga yokuchitheka kwendle kuMasipala waseMfuleni.
1.1.5.  IKhabhinethi litshelwe ukuthi amanzi aseqalile ukuphuma ezigodini eziyisishiyagalolunye (9) ezingaphansi koMasipala i-Greater Giyani kanti ezinye izigodi eziyi-15 zizowathola amanzi uma kuphela uNcwaba 2024.
1.1.6.  UMasipala Wesifunda sase-Mopani usuthole uxhasomali lwesibonelelo sokulungisa kanye nokwenyusa ukusebenza kweSihlanzimanzi saseGiyani.
1.1.7.  UMnyango ngokusebenzisana ne-City of Tshwane kanye ne-Magalies Water baphothula umklamo we-Magalies Water wokuthumela ezinye izindlela zokuthola amanzi okuphuza e-Hammanskraal eTshwane ngoMfumfu wezi-2024, ngesikhathi i-City of Tshwane iqhubeka nokulungisa nokuthuthukisa iSihlanzimanzi sase-Rooiwal.
1.1.8.  Ngokubona izinselele eziningi ekuthunyelweni kwamanzi kuleli lizwe, i-DWS izoba nezithangami nabezindaba njalo emavikini amabili ukuzobika ngenqubekelaphambili ekuxazululeni inkinga yokutholakala kwamanzi kanye nemizamo okumelwe ithathwe yimiphakathi ukuqinisekisa ukuthi amanzi ayatholakala kuleli lizwe eliswele amanzi.

1.2.  Ugesi
1.2.1.  Ukuthunyelwa kukagesi ngaphandle kokuphazamiseka sekusondele ngenxa yokuqaliswa koHlelo Lokusebenza Lukagesi (i-EAP) olwamenyezelwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoNtulikazi wezi-2022. I-EAP igxile ekunakekelweni okuhleliwe kanye nomsebenzi wokuqiniseka ukuthi ugesi uyatholakala ngokuletha umthamo wogesi omusha okube negalelo ekutheni kuthunyelwe ugesi ngaphandle kokuphazamiseka futhi kungabi nakucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga izinyanga eziningana. Lokhu kubaluleke kakhulu ekukhuleni komnotho futhi kunomthelela omuhle ngezinga lempilo elivumela izakhamuzi ukuthi zikwazi ukuqhubeka nemisebenzi yazo yansukuzonke zingaphazamiseki. 
1.2.2.  U-Eskom ubike ukuLahleka Kwamandla Kagesi Okungahleliwe (i-UCLF) okuyizi-8 321 MW ngokuphela kukaNtulikazi wezi-2024, okubonisa impumelelo enkulu ekusebenzeni kangcono kokuphehlwa kukagesi eziteshini zikagesi.
1.2.3.  IKhabhinethi lihalalisele u-Eskom ngale mpumelelo futhi lanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokulandela izindlela zokonga ugesi ukuze kuzovikelwa isizinda sikagesi sikazwelonke. Ngokwenza njalo sonke sizobe sidlala indima yethu ekusizeni ukuthi sibe nogesi, okuyikhona okubalulekile emabhizinisini, ezimbonini nasemnothweni.

2.  Uhwebo
2.1 INgqungquthela yama-21 ye-AGOA
2.1.1.  IKhabhinethi linconywe kakhulu ngokubamba iqhaza kweNingizimu Afrika eNgqungqutheleni yama-21 Yomthetho Wokukhula Komnotho Namathuba ase-Afrika (i-AGOA) e-United States nokuqinisekise ubudlelwano obuhle bamazwe phakathi kwezwe lethu kanye ne-USA,
2.1.2.  INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuqhubela phambili ukuvuselelwa koMthetho Wokukhula Komnotho Namathuba ase-Afrika, ozophelelwa yisikhathi ezinyangeni eziyi-14, futhi yeseka ikhwelo loNgqongqoshe Bohwebo base-Afrika lokuthi uhulumeni wase-US aqede ngokubuyekeza i-AGOA minyaka yonke.

2.2.  Ukuphikisana ngezithelo ezisawolintshi phakathi kwe-SA ne-EU kwi-WTO
2.2.1.  IKhabhinethi liphinde latshelwa kafushane ngesikhalazo esisemthethweni esikhishwe yizwe kwiNhlangano Yohwebo Yomhlaba isikhiphela imibandela eqinile nenganasidingo ye-European Union (i-EU) emayelana nokuphila kwezitshalo okuhambelana nemithethonqubo ye-Citrus Black Spot (i-CBS) ne-False Codling Moth (i-FMC) emayelana nokuthunyelwa kwemikhiqizo yezithelo ezisawolintshi zaseNingizimu Afrika e-EU.
2.2.2.  INingizimu Afrika iyizwe lesibili elikhulu emhlabeni elithumela izithelo ezisawolintshi kanti ama-33% ezitshalo ezisawolintshi ezithunyelwa kwamanye amazwe zisuke ziya emakethe yase-EU. Imboni yaseNingizimu Afrika isungulele abantu abayizi-140 000 amathuba emisebenzi ezindaweni zasemakhaya eNingizimu Afrika lokho okungukweseka abantu abayizigidi ezi-1.5.
2.2.3.  Izinyathelo ze-EU, ezingawona nje umgoqo kuphela, ziholele ezindlekweni ezinkulu embonini yezithelo ezisawolintshi eNingizimu Afrika, ezilinganiselwa kwizigidigidi ezi-R2 (izigidi eziyi-$110) ngonyaka. I-EU ithathe isinqumo sokubekela iNingizimu Afrika izinyathelo eziqinile kodwa ayangakwenza okufanayo kwamanye amazwe asesimeni esifanayo afana ne-Israel.

2.3.  Ubudlelwano Namazwe Omhlaba
2.3.1.  IKhabhinethi lamukele iSeluleko se-ICJ mayelana neMiphumela Yezomthetho esuka kwiNqubomigomo Nezindlela Zokusebenza ze-Israel eNdaweni yamaPhalestina nokuqinisekise ukuthi ukuqhubeka kokuhlala kuka-Israel eNdaweni yamaPhalestina akukho emthethweni ngaphansi komthetho wamazwe ngamazwe.
2.3.2.  Isinqumo sibonisa ukuthi wonke amazwe anomsebenzi wokuqeda izenzo ezingekho emthethweni ze-Israel kanye nokuthatha isinyathelo sokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho wamazwe ngamazwe.
2.3.3.  INingizimu Afrika ibe phakathi kwamazwe angamalungu e-UN angama-49 alethe isitatimende ngalolu daba kwi-ICJ ngoNhlolanja wezi-2024.

2.4.  Imibhikisho yase-Kenya nase-Nigeria
2.4.1.  IKhabhinethi lidlulise ukukhathazeka ngemibhikisho eqhubekayo e-Kenya nase-Nigeria futhi lanxusa bonke ababandakanyekayo ukuthi bathole izisombululo ngokushesha ezizosiza izakhamuzi ngezinkinga zezindleko eziphezulu zokuphila, okuyinkinga iNingizimu Afrika esingeke sayikhiphela ngaphandle kuyona.

2.5.  UKhetho lwase-United Kingdom
2.5.1.  IKhabhinethi liphinde lahalalisela uNgqongqoshe Wombuso u-Sir Keir Starmer wase-United Kingdom kanye neqembu i-Labour Party ekunqobeni kwabo ukhetho lwakamuva. INingizimu Afrika ime ngomumo ukusebenza nohulumeni wase-United Kingdom ukuqinisa ubudlelwano bohwebo nokusebenzisana.
2.5.2.  Uhulumeni uzoqhubeka abeke iso kokuqhubekayo kwamanye amazwe nawo asazoba nokhetho kulo nyaka.

2.6.  INingizimu Afrika ekukhethweni ukuthi ingene emabhodini amazwe ehlukahlukene
2.6.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukuba iNingizimu Afrika ingaba semabhodini amazwe ehlukahlukene:
2.6.1.1.  Ukuqokwa kukaNkz. Swazi Bajabulile Tshabalala esikhundleni sokuba kuMongameli we-African Development Bank (i-AfDB) kusuka ngowezi-2025-2023, ukhetho luzoba ngoNcwaba 2024. 
2.6.1.2.  Ukuqokwa kukaNkz. Yvette van der Merwe esikhundleni sokuba nguMongamel we-Organisation of Vine and Wine (i-OIV) okhethweni oluzoba se-France ngoMfumfu 2024. INingizimu Afrika inikwe ithuba lokuphinde ikhethe uMkhandlu Wamalungelo Abantu wangowezi-2026-2028.
2.6.1.3.  INingizimu Afrika ibheke ukuphinde kukhethwe uSolwazi Frans Jacobus Viljoen eKomidini Lamalungelo Abantu le-UN lezi-2025-2027, okhethweni oluhlelelwe uMfumfu wezi-2024 e-New York, e-USA.
2.6.1.4.  INingizimu Afrika ifuna ukuba yingxenye yeKhomishini ye-UN ebhekele iSimo Sabezifazane (i-CSW) ngowezi-2025 kanye neKhomishini yeZokuthuthukiswa Komphakathi ngowezi-2025. Ukhetho lwawo womabili amabhodi luzoba ngoMbasa wezi-2025.
2.6.1.5.  INingizimu Afrika izofuna ukuba yingxenye yoMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN wesikhathi seminyaka emibili wezi-2031-2032, uma sekulithuba le-Afrika eseNingizimu.

2.7.  Amalungiselo eNingizimu Afrika Kwesesikhundla Sobumongameli we-G20
2.7.1.  INingizimu Afrika izothatha isikhundla sokuba nguMongameli we-G20 kusuka mhla lu-1 kuZibandlela 2024.
2.7.2.  IKhabhinethi laziswe ngokuqhubekayo ngamalungiselelo eNingizimu Afrika okuthatha isikhundla sokuba uMongameli we-G20 kanye nokusingatha iNgqungquthela ye-G20 ngowezi-2025.
2.7.3.  IKomidi Longqongqoshe selijutshwe ngomsebenzi wokumela uhulumeni nabantu baseNingizimu Afrika ekuhleleni lo mcimbi.
2.7.4.  INingizimu Afrika izoqhubeka isebenzise amathuba ukuze ihole futhi isingathe imicimbi yamazwe ngamazwe efana ne-G20 lokho okuzodonsa amehlo omhlaba ezinkingeni ezivimbela ukuthuthuka kwe-Afrika kanye namazwe aseNingizimu yomhlaba.

C.  Imicimbi Ezayo
1  INyanga Yabesifazane 
1.1  Izwe lizobungaza uSuku Lukazwelonke Lwabantu Besifazane mhla wesi-9 kuNcwaba 2024 e-Dennis Nel Stadium, e-Poffader eNyakatho Kapa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibungaza iminyaka engama-30 yenkululeko ngokuThuthukiswa Kwabesifazane”. 
1.2  Umgubho wakulo nyaka weNyanga Yabesifazane uzobheka kakhulu inqubekelaphambili esiyenziwe ekucijisweni kwabesifazane ngakwezenhlalo-mnotho selokhu sathola inkululeko kanye nemiphumela yoSomqulu Wabesifazane. 
1.3  Isizwe sakithi sikhumbula abesifazane abangaphezu kwezi-20 000 abamasha babheka eZindlini Zombuso mhla wesi-9 kuNcwaba 1956, belwela iMithetho Yokuphathwa Kwamapasi kwabesifazane. 
1.4  IKhabhinethi limema izakhamuzi ukuthi zibe yingxenye yemicimbi yenyanga ezophinde ifake phakathi imibukiso yezohwebo, izingxoxo iphinde ibonise ngamathuba akhona abesifazane emikhakheni eyehlukene angasetshenziswa ukuvala igebe kwezobulili.

2  ISigungu Esikhulu sama-32 se-International Astronomy Union (i-IAU)
2.1  INingizimu Afrika izosingatha umhlangano omkhulu womhlaba wesayensi yezinkanyezi, okuyiSigungu Esikhulu sama-32 se-International Astronomy Union (i-IAU), eKapa. 
2.2  Umhlangano uzoqhutshwa amaviki amabili kusuka mhla wesi-6 kuNcwaba 2024 futhi kuzoba ngokokuqala ukuthi ingqungquthela yesayensi yezinkanyezi ibe sezwenikazini i-Afrika.
2.3  Lezi zingxoxo zidlala indima enkulu ekusizeni iNingizimu Afrika ukuthi ithuthuke isuke emnothweni ogxile kwizinsiza iye emnothweni ogxile olwazini. INingizimu Afrika eminyakeni eyedlule ingene ekuthuthukisweni kwesayensi yezinkanyezi nasemisebenzini ehlobene nesayensi yezinkanyezi, yaphinde yamemezela imiklamo efana ne-SKA ne-MeerKAT.

3  IViki Lobuhlakani Ngemali eNingizimu Afrika
3.1  IViki Lobuhlakani Ngemali eNingizimu Afrika (i-MSWSA) ngowezi-2024 lizoqhutshwa kusuka mhla wama-26 kuNcwaba 2024 kuya mhla lu-1 kuMandulo 2024 nelizogxila ezinhlelweni nasemizamweni eyehlukene yokufundisa abathengi ngemali.
3.2  I-MSWSA ngumzamo we-National Consumer Financial Education Committee (i-NCFEC) wokugqugquzela, ukucijisa kanye nokufundisa abantu baseNingizimu Afrika kanye nokufaka igalelo ekutheni sibe nezakhamuzi ezifundisekile ngokwezimali.
3.3  Imisebenzi ezokwenziwa ngesikhathi somkhankaso izofaka phakathi ukufundiswa mahhala, izincazelo, ukuvakashela enxanxatheleni yezitolo, imibukiso kanye nokufundiswa kusetshenziswa uhlelo lwe-inthanethi.

C.  Imiyalezo
1.  Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 
•  Nkz. Kholeka Gcaleka, umvikeli womphakathi waseNingizimu Afrika ngokukhethwa ukuthi abe nguMongameli Wesifunda we-International Ombudsmen Institute.
•  Dkt. Mugwena Maluleke, uNobhala Jikele weNyonyana yoThisha yaseNingizimu Afrika (i-SADTU), ngokukhethwa ukuba abe nguMongameli we-Education International kwi-World Congress ye-10.
•  Dkt. John Kani, ingqalabutho yomlingisi, umqondisi nombhali wemidlalo, ngokuhlonishwa ngendondo ye-Order of the British Empire ngu-His Majesty King Charles III.

2.  Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 
•  Abafundi abahlanu basesikoleni i-Morneg Combined School abashone ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo litholana phezulu nesitimela ku-R104 Road eduze nase-Mafube Village, phakathi kwe-Wonderfontein ne-Arnot.
•  Ingqalabutho yomlimgisi u-Connie Chiume (72) obaziwa kakhulu ngendawo abeyidlala emdlaweni obizwa nge-Rhythm City. Waphinde wabungazwa kakhulu ngokuvela kwakhe kwifilimu ye Marvel i-Black Panther. 
•  Uhulumeni nabantu base-Federal Democratic Republic of Ethiopia kulandela ukubhodloka komhlaba e-Gofa, e-Southwestern Ethiopia, okuholele ekushoneni kwabantu okungenani abangama-250.
•  Abantu abane abashone kushayisana iveni nesitimela sempahla eduze kwase-Postmasburg eNyakatho Kapa.
•  Mnu. Robbie Venter (64), i-CEO yaphambilini yase-Altron osebenze ezikhundleni ezehlukahlukene ku-ICT kusukela ngowe-1997.
•  Mnu. John Sidipa Mphosi (71), uSihlalo we-Global Oil, okuyinxanxathela yezitolo zikawoyela.

Engathi imiphefumulo yabo ingalala ngokuthula.

Share this page

Similar categories to explore