A. Ezisematheni
1. Okuhamba phambili kwezomnotho
• Uhulumeni usalokhu egxile kulokhu okulandelayo:
o ukukhulisa umnotho;
o ukunciphisa inani labantu abangasebenzi; kanye
o nokusungula isimo sotshalomali esiqinile.
1.1 Inqubekelaphambili ebonakalayo kwezomnotho:
1.1.1 Ukukhula kwesamba somkhiqizo wezwe (i-GDP)
- IKhabhinethi likuphawulile ukukhula kancane komnotho waseNingizimu Afrika ngo-0.4% ekoteni yesibili yowezi-2024, okubonisa ukwenza kahle komnotho usuwonke onyakeni.
- Ukukhula komnotho kwenzeke kakhulu embonini yezezimali, eyezokudayiswa kwezindlu kanye nemboni yezinsizakalo zamabhizinisi, okunyuke ngo-1.3%, imboni ngayinye okufake igalelo eliyiphesenti elingu-0.3 ekukhuleni komnotho.
- Imboni yezohwebo, eyokupheka kanye nezindawo zokulala izivakashi, imboni yezokukhiqiza nekagesi, imboni yegesi namanzi zona zibe negalelo lephesenti elingu-0.1 ekukhuleni kwe-GDP, kanti izindleko zokusetshenziswayo emakhaya sezizonke zifake iphesenti elingu-0.9 nezindleko zokusetshenziswayo sezizonke zaba yiphesenti elingu-0.2 ekukhuleni kwe-GDP. Lezi zimboni zibe nemisebenzi ekhulisa umnotho ekoteni edlule.
- Umnotho waseNingizimu Afrika usalokhu uqinile neKhabhinethi ligqugquzela yonke imikhakha ukuthi yakhele phezu kwalo msebenzi omuhle ukuya phambili.
- Uma yonke imikhakha iba nalo mfutho njengesizwe, sizophumelela ekusunguleni amathuba amaningi emisebenzi siphinde senze ngcono amazinga okuphila kubo bonke abantu eNingizimu Afrika.
- IKhabhinethi libeke phambili ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu kanye nokusungulwa kwemisebenzi kuHulumeni Wehlandla Lesikhombisa ngakho-ke izingenelelo ezikhona zizoqiniswa ukuze lokhu kuzoba yimpumelelo.
1.1.2 Utshalomali lomkhakha wezimoto
- Umkhankaso wotshalomali lwaseNingizimu Afrika uyaqhubeka nokuheha utshalomali oluqinisekisa injongo kahulumeni yokuqhuba ukukhula komnotho nokusungula imisebenzi. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwesikhungo sokukhiqiza izingxenye zemoto senani lesigidigidi esi-R1.1 e-Dube Trade Port Special Economic Zone eKwaZulu-Natali.
- Utshalomali olukhulu lwe-Toyota Tsusho Africa (Pty) Ltd ne-Ogihara Thailand Corporation Ltd lubuyise ukuzethemba kweNingizimu Afrika ekubeni indawo yokuthi amanye amazwe atshale izimali kuyona.
- Utshalomali luphinde lwaqinisekisa inqubekelaphambili esiyenziwe ngaphansi kobuholi bukaMongameli u-Cyril Ramaphosa, osehole lo mkhankaso wotshalomali osuhehe izithembiso zotshalomali olungaphezu kwe-R1.51 trillion kusukela ngowezi-2018.
1.1.3 Ukugqugquzela imikhiqizo ethunyelwa iNingizimu Afrika kwamanye amazwe
- Iqoqo lokuqala likakwatapheya waseNingizimu Afrika lifikile e-Japan ngokuphela kukaNcwaba wezi-2024, lokho okuqinise kakhulu umkhakha walapha ekhaya wokwatapheya, nokubonise umthelela omuhle oHlelweni Olukhulu Lwezolimo Nemikhiqizo Yezolimo, okuhloswe ngalo ukukhulisa indlela yokuthi abakhiqizi baseNingizimu Afrika bakwazi ukufinyelela ezimakethe ezintsha.
- Abatshali bakakwatapheya eNingizimu Afrika manje bazozuza okukhulu njengoba imizamo yokukhulisa izindlela zokuthi abakhiqizi bezolimo bafinyelela ezimakethe iqhubeka. I-India, i-China ne-Japan banamathuba ezimakethe kubantu abangaphezu kwezigidigidi ezi-R2.5.
1.1.4 Ukutholakala Kukagesi
- IKhabhinethi lincome u-Eskom, ibhodi layo, abaphathi nabobonke abasebenzi abebesebenza ngokungakhathali ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ayinakho ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuleli hlobo njengoba isikhungo sikagesi siqhubeka nokwengeza ugesi kwisizinda sikagesi kuzwelonke ngokulandela uhlelo lokuvuselela ukuphehlwa kukagesi.
- U-Eskom uhlose ukugcina ukucinywa kukagesi eziteshini kungaphansi kwezi-13 000 megawatts njengoba usebenza ukwenza ngcono ukusebenza kweziphehlimandla zikagesi.
- Ukuthunyelwa kukagesi ngokungaphazamiseki kubalulekile ekukhuliseni umnotho wethu, ukuqinisa ukuzethemba kanye nokuthuthukisa izinga lokuphila kwizakhamuzi zakithi.
- Uhulumeni uyaqhubeka nokusebenzisa UHlelo Lokusebenza Lukagesi, obekulokhu kusetshenziswa lona ekunciphiseni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ngokuqinisekisa ukunakekelwa kweziphehlimandla zakwa-Eskom.
- Ukuguqulwa komkhakha wethu wezamandla kuyingxenye ebalulekile yemizamo yethu yokwakha ikusasa lezamandla labantu bakithi.
1.1.5. Ukuguqulwa kwezinkampani zikahulumeni (ama-SOE)
- Ngokuhambisana nesimemezelo esenziwa nguMongameli u-Ramaphosa ngokwedlule ePhalamende sokuhlela kabusha ama-SOE ethu, umsebenzi wawo wonke ama-SOE usudluliselwe kongqongqoshe abehlukahlukene, emva kokuthi uMongameli esayine ukugunyaza lesi simemezelo.
- Lesi sinyathelo sihambisana nezinhlelo zokusungula indlela yokusebenza eyodwa lapho uHulumeni ezobheka khona ukusebenza kangcono kwama-SOE ethu ukuthi akhulise umnotho, enze ngcono ukulethwa kwezidingonqangi, kanye nokucijisa ama-SOE ngamakhono kwezentengiselwano namasu okusebenza.
- Umsebenzi wakwa-Eskom udluliselwe kuNgqongqoshe Wezamandla Nokagesi no-Transnet, i-South African Airways kanye ne-South African Express yadluliselwa kuNgqongqoshe Wezokuthutha.
- Inkampani kahulumeni yamadayimane i-Alexkor izophathwa nguNgqongqoshe Wezezimbiwa Nowoyela, inkampani yezobuchwepheshe bezezindiza nasemkhathini nobuchwepheshe bezempi i-Denel izoba ngaphansi kukaNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi, bese kuthi i-South African Forestry Company SOC Limited, ebhekelele amahlathi kahulumeni, yona izoba ngaphansi kukaNgqongqoshe Wezamahlathi, Ukudoba Nemvelo.
1.1.6 Uxhasomali lwentuthuko
- Uxhasomali lwakamuva olugunyaziwe oluyizigidigidi eziyi-R17.8 oluphuma e-BRICS New Development Bank (i-NDB) ukuze luzosiza kwimiklamo yengqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle luzonciphisa ukusalela emuva kwingqalasizinda futhi luqinisekise ukuhlinzekwa kwezidingonqangi emakhaya ahlwempu.
- I-NDB iphinde yaba nesivumelwano ne-Transnet ngemalimboleko kahulumeni eyizigidigidi ezi-R5 zokwakhiwa kangcono umkhakha wezitimela ezithutha impahla.
- IKhabhinethi idlulise ukubonga ngoxhasomali, olusiza ekusheshiseni ukuthuthukiswa kwengqalasizinda esizweni sakithi futhi lusize ekuthuthukiseni izimpilo zabantu.
Okuhamba phambili ngenhlalakahle yabantu
• Uhulumeni uhlose:
o ukwakha iNingizimu Afrika engcono yawowonke umuntu; kanye
o nokuqinisekisa ukulingana, ukufinyelela nokubandakanywa kwizinsizakalo.
2.1 Inqubekelaphambili ebonakalayo ngenhlalakahle yabantu
2.1.1 ISivumelwano sikaMongameli Sezempilo
- Ukufuna ukunakekelwa ngokwezempilo okusezingeni elifanele nokungambi eqolo kuwowonke umuntu sekuthathe elinye igxathu elisondele ekusayinweni kweSivumelwano Sikamongameli Sezempilo sesibili.
- Isivumelwano sezempilo siluhlaka lokusebenzisana phakathi kwemikhakha ebalulekile kanye nababambiqhaza abafana nohulumeni, amabhizinisi, abasebenzi, umphakathi, abasebenzi bezempilo, izinyonyana, abasebenzisa izinsizakalo, amakhansela omthetho, izifundiswa kanye nabacwaningi.
- Kuhloswe ngaso ukuqinisa uhlelo lokusebenza lwezempilo, kanye nokuqapha nokuhlola amalungiselelo okuqaliswa koMshwalense Kazwelonke Wezempilo.
- Isivumelwano sezempilo kuhloswe ngaso ukuqinisa umkhakha wezabasebenzi ngesikhathi kwenziwa ngcono ukufinyelela kumakhambi, imigomo kanye nemikhiqizo yezempilo, kanjalo nokwenza ngcono ingqalasizinda nokuqinisekisa ukuxoxisana nomkhakha ozimele.
3. Ukulwa Nobugebengu Nenkohlakalo
- Uhulumeni akabubekezeleleli nhlobo ubugebengu, ukukhwabanisa nenkohlakalo; futhi bonke labo abaphula imithetho yezwe lethu bazophendula.
3.1.1 Ukulwisana nobugebengu obuqhubekayo
- IKhabhinethi lisalokhu lizimisele ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyindawo lapho wonke umuntu ezizwa ephephile; futhi ukuboshwa kwakamuva nokugwetshwa kwabasolwa ababandakanyeka ebugebengwini obehlukahlukene kubonisa ukuzinikela ekulweni nobugebengu.
- Ukwenyuka kobugebengu ezibalweni zekota zakamuva zobugebengu zekota yokuqala kusuka kuMbasa kuya kuNhlangulana 2024 zibonisa ukuthi kusekuningi okusamele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zizizwa ziphephile.
- UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), luholwa kuNgqongqoshe Wamaphoyisa, balwisana nalobu bugebengu. Imisebenzi yamaphoyisa yakamuva:
o ukutholana phezulu nabasolwa e-Milnerton, eKapa, okuholele ekufeni nasekuboshweni kwabanye.
o imikhankaso eseMpumalanga Kapa, egxile eMthatha nase-Nelson Mandela Bay.
o ukuboshwa okwenzeke e-Gauteng, eMpumalanga naseFreyistata okuhlobene nokuphanga. - Uhulumeni uqalisa indlela ephelele yokusebenza kuhulumeni, kubandakanya lokhu:
o ukusayinwa kwezivumelwano zokusebenzisana nohulumeni bezifundazwe nabasekhaya.
o ukuqalisa izinhlelo zokusebenza eKapa nase-Nelson Mandela Bay, nezinhlelo zokuphinda lokhu komasipala bamadolobha.
o ukuxoxisana neminye iminyango ukwenza ngcono ukusebenzisana ekulwisaneni nobugebengu. - INqubomgomo Kazwelonke Yamaphoyisa kulindeleke ukuthi iphothulwe futhi yamukelwe uma kuphela uMfumfu 2024 ukuxazulula izinkinga ezifana neziteshi zamaphoyisa nengqalasizinda ngokwezimiso nezindinganiso.
- IKhabhinethi lamukele ukusayinwa kweSivumelwano Sokusebenzisana Ekulwisaneni Nobugebengu eNtshonalanga Kapa, esithuthukisa ukusebenzisana nokuxhumanisa phakathi kwabobonke ababambiqhaza ekuxazululeni izinkinga zokuphepha nokuvikeleka. Ngokuba nezinhlelo ezibeke umphakathi phambili, ukuhlanganiswa kwezinsiza kanye nokusungulwa kwamaqhingasu amasha, lesi sivumelwano sivumela ukusebenza ngokubumbana phakathi kwe-SAPS, isifundazwe nemiphakathi ekulweni nobugebengu nokugqugquzela ukuphepha komphakathi.
- Ngokungagudluki ezithembisweni ezenziwa nguMongameli u-Ramaphosa ngesikhathi ethula iNkulumo Yokuvula iPhalamende mhla we-18 kuNtulikazi 2024 zokwakha izwe eliphephile, ama-ejensi ezomthetho asekhuphule amasokisi ekulweni nobugebengu.
- UPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala Ahamba Phambili (i-DPCI), oluphinde lubizwe ngoKlebe, lubophe abasolwa abangama-673 ngekota yokuqala yangowezi-2024/25, lapho abangama-506 bagwetshwa kwaphinde kwaphuma imiyalelo yenkantolo engama-77 yokuthi kushaqwe impahla ehlobene nemisebenzi yobugebengu. Amaphoyisa aphinde abopha abasolwa abayizi-14 422 ngobugebengu obehlukene emkhankasweni i-Operation Shanela kusuka mhla ziyi-19 kuya mhla zingama-25 kuNcwaba 2024.
- Ukugasela okuminxaminingi kwamaphoyisa, amaphoyisa kamasipala, ezokuhlunyeleliswa kwezimilo, uMnyango Wezasekhaya kanye nama-ejensi ezomthetho emabhilidini ayisithupha aqhwagiwe eThekwini kuholele ekutholakaleni kwamadola mbumbulu aseMelika ayizigidi ezi-R4, kwatholakala nezidakamizwa, namaphakethe ayi-117 ezinhlamvu notshwala, aphinde abopha abokufika abangaphezu kwe-150 abasolakala ngokungabi namaphepha okuba kuleli lizwe.
- Le mpumelelo ilandela inqubekelaphambili eyenziwe ukuhlakaza amaqembu obugebengu kuleli lizwe selokhu kuqale unyaka. I-DPCI isivundulule amalabhorethri omshoshaphansi ezidakamizwa ayishumi aphinde abopha abantu abangama-34 ngokukhiqiza, ukuthengisa nokutholakala nezidakamizwa ezingekho emthethweni.
- IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke basebenzisane nabomthetho ngokuthi babike izenzo ezingekho emthethweni emaphoyiseni ngokushayela ku:10111 ukusiza ukuqeda izigilamkhuba emphakathini yakithi.
- Ukulwisana nobugebengu kungumsebenzi wethu sonke kanti uhulumeni uzoqhubeka nokuqhuba imikhankaso ezonxenxa bonke abantu emphakathini ukuthi basebenze ngokubambisana ekutheni sibe neNingizimu Afrika engcono nephephile.
3.1.2 Ukujeza kwalabo abasolwa ngokukhwabanisa
- IKhabhinethi lamukele umyalelo wokushaqwa kwezigidi ezi-R6.5 kulabo ababandakanyeka ekuphangweni kwemali e-National Lotteries Commission. Lezi zinyathelo zeseka ukuqaliswa kweQhingasu Lokulwa Nenkohlakalo, elihlanganisa ama-ejensi ezokuthotshelwa komthetho ekulweni nenkohlakalo.
- IKhabhinethi liphinde lamukela umyalelo weNkantolo yase-London ukuthi kuvunyelwe ukubuyiswa kowase-Britain nobengusonkontileka waphambilini wakwa-Eskom, uMnu. Michael Lomas, eNingizimu Afrika ukuzobhekana namacala enkohlakalo ethweswe wona. UMnu. Lomas uzobuyiswa ukuze ezobhekana namacala athweswe wona enkohlakalo angama-41 ahlobene nokwakhiwa kwe-Kusile Power Station. Lo myalelo wenkantolo ubuyisa ukuzethemba ohlelweni lobulungiswa futhi luqinisekisa ukuzimisela kwethu ukuthobela izibopho zamazwe ngamazwe zamalungelo abantu.
- Ekukhipheni umyalelo walo, iJaji u-Charles Bourne ubike ukuthi uhlelo lokusebenza lwamajele aseNingizimu Afrika asesimeni esikahle futhi bazokwazi ukuhlangabezana nezidingo zikaMnu. Lomas.
- Ukusayinwa kwesimemezelo sikaMongameli u-Ramaphosa esigunyaza uPhiko Oluphenya Amacala Aphambili (i-SIU) ukuthi luphenye izinsolo zenkohlakalo nokungaphathi ngendlela e-Eskom kuqinisa imizamo yokuthi labo ababandakanyeka ezenzweni zenkohlakalo kuHulumeni baphendule.
- Isimemezelo sifaka phakathi izinsolo zokungaphathi ngomthetho nangendlela okwenzeka phakathi womhla lu-1 kuNdasa 2006 nomhla wama-30 kuNcwaba 2024, kanti izinkontileka eziyisishiyagalolunye zizophenywa. UMongameli uphinde wachibiyela lesi simemezelo esigunyaza i-SIU ukuthi iphenye ezinye izinsolo zenkohlakalo eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nokuguqulwa Komhlaba.
- IKhabhinethi lishayele ihlombe isigwebo seminyaka eyi-15 esinikwe uMphathi waphambilini Wobunjiniyela we-Passenger Rail Agency yaseNingizimu Afrika, uMnu. Daniel Mthimkhulu, esikhishwe yinkantolo i-Palm Ridge Commercial Crimes Court. Lesi sigwebo sibonisa ukunqoba empini yokulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa ezikhungweni zaleli lizwe. Siphinde sibonise ukuzinikela kukahulumeni ekugqugquzeleni ukuqeda ngokungathembeki emsebenzini nasekuqinisekiseni ukuphendula kuzona zonke izigaba.
3.1.3 Ukulwisana nokuphanga
IKhabhinethi angeke lizibekezelele izenzo zokuphanga
- INingizimu Afrika ithatha isifundo kwamanye amazwe ukuze izosungula amaqhingasu okubhekana nezigameko zokuphanga.
- Indlela efaka umphakathi wonke kanye nomzamo obumbene kahulumeni, abomthetho, amabhizinisi nemiphakathi kuyadingeka ukuze kuzosungulwa imbumba ezolwisana nalobu bugebengu.
- Ukuphanga akuhlukumezi nje kuphela abantu abathile; kodwa kubukela phansi umnotho wonke jikelele. Ngokulwa nalobu bugebengu, sivikela imisebenzi, sigqugquzele utshalomali futhi sigqugquzele ukukhula komnotho.
- Sicijisa imiphakathi ukuthi ikwazi ukusukuma ilwe nokuphanga. Ngokufunda, izindlela zokuthola usizo, kanye nezindlela zokubika ngaphandle kokudalulwa, senza ukuthi abantu baphikisane nezigebengu ngendlela ephephile.
- I-SAPS ihlonyiswa nezinsizakusebenza zesimanjemanje kanye nezindlela zokulwa nokuphanga, kufaka phakathi nezindlela ezisezingeni lobunhloli kanye namaphoyisa omsebenzi okhethekile, ukuze ezokwazi ukuba ngaphambili ngokomqondo kunezigebengu.
- Ukuphanga kujwayele ukuthi kudlange lapho kungekho khona amathuba omnotho. Uhulumeni ubhekana nembangela yalokhu ngokuthi atshale izimali kwezemfundo, ukusungulwa kwemisebenzi, kanye nokuthuthukiswa komphakathi ngokuhambisana nemizamo yabezomthetho.
- Uhulumeni usebenza ngokubambisana nababambiqhaza emazweni ngamazwe ukubonisana ngezobunhloli, izindlela zokuthungathwa kwezigebengu kanye nokuletha izigilamkhuba phambi komthetho.
- Imizamo yethu igxile kakhulu ekuvikeleni abantu ababuthakathaka namabhizinisi ahlezi esengcupheni yokuphangwa. Akekho okufanele aphile ngokwesaba emphakathini wabo.
- Uhulumeni uzinikele ukuthatha isinyathelo esisimeme, esizosebenza isikhathi eside esizoqeda nya ubugebengu kanye nokuletha ukuphepha nokuvikeleka kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
3.1.4 Izicelo zomgunyathi zobufakazi bezomthetho nobezokwelapha
- IKhabhinethi lishaqekile ukuthi abanye abameli abangenasimilo nabanenhliziyo ende bazame ukukhwabanisela uMbuso izigidigidi zamarandi ngokufaka izicelo zomgunyathi zobufakazi bezomthetho nobezokwelapha.Lezi zenzo ezimbi zivundululwe ophenyweni olunzulu olwenziwe i-SIU emva kwezinsolo ngezicelo zomgunyathi ezifakwe kuMbuso kusukela ngowezi-2017.Uphenyo oluqhubekayo luveze ukuthi abanye abameli ngezinye izikhathi ngokusizwa abasebenzi bezempilo abasebenzela uHulumeni, bebeya eMnyangweni Yezempilo ezifundazweni, uphenyo oluvezwe yi-SIU luholele ekongeni okungenani izigidigidi ezi-R3 eMinyangweni Yezempilo eyehlukahlukene.
3. Okubekwe phambili kwezokubusa
- UHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU) ugxile ekuthuthukiseni ikhono likahulumeni lokwethula izinjongo ezibalulekile zikahulumeni.
- Amaqembu e-GNU azinikele ukusebenza ngokubambisana ukufezekisa iphupho labo lokwenza ngcono izimpilo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
- Sinomqomdo ocace bha wokugqugquzela indlela yokubhekana nezinkinga kuzozonke izinhlaka zikahulumeni – kuzwelonke, esifundazweni nakohulumeni basekhaya.
3.1 Inqubekelaphambili kokubekwe phambili kuhulumeni
3.1.1 Ukwenza kangcono ukuphathwa kwemithombo yamanzi
- Imizamo yokwenza ngcono ukuphathwa kwezinsiza zamanzi ezikhona kanye nokuqinisekisa ukutholakala kwamanzi eminyakeni eyishumi ezayo sekuqiniswe ukugunyazwa kukaMongameli u-Ramaphosa koMthethosivivinywa kaZwelonke waseNingizimu Afrika We-ejensi Yengqalasizinda Yamanzi, osungula i-ejensi entsha ezobhekelela ukuthuthukiswa nokuphathwa kwengqalasizinda kazwelonke yamanzi.
- IKhabhinethi lamukela umthetho omusha njengegxathu elibalulekile kuguquko lokunyusa utshalomali ekunakekelweni nasekwakhiweni kwengqalasizinda yamanzi nokwenziwa ngcono kwezinga lamanzi.
3.1.2 Imiphumela yocwaningomabhuku lohulumeni basekhaya
- IKhabhinethi liphawule ngeMiphumela Yocwaningomabhuku Lukamasipala ekhishwe uMcwaningimabhuku Jikelele weNingizimu Afrika (i-AGSA) yonyaka wezi-2022/23 ebonisa ukwenza kangcono kancane kancane ukuphathwa kwezimali komasipala abathile.
- Noma kunjalo, usamuningi umsebenzi okufanele wenziwe ukwenza ngcono ukuthotshelwa komthetho komasipala abaningi abaqhubekayo nokuthola imiphumela yocwaningomabhuku engemihle.
- Umbiko we-AGSA ubonisa omasipala bamadolobha abangama-34 kwabangama-257, omasipala besifunda nabasekhaya bathole imiphumela yocwaningomabhuku emihle.
- Ngasohlangothini oluhle, inani locwaningomabhuku olunobufakazi obungaphelele lehlile ngesikhathi omasipala abangama-45 bethole imiphumela yocwaningomabhuku engcono kusukela ngowezi-2020/21, nenani lalaba abalethe izitatimende zezimali ngesikhathi libe ngcono kusuka kuma-81% ngowezi-2020/21 kuya kuma-90% ngowezi-2022/23.
- IKhabhinethi ligqugquzeleke kakhulu ngokuthi uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, ngokubambisana ne-AGSA, uyaqhubeka nokuqalisa izinhlelo okuhloswe ngazo ukuhlanganisa konke okuhle okwenziwe komasipala abathile.
- Umnyango uphinde wabeka phambili ukusizwa komasipala abangenzi kahle kuleli lizwe ngokuthi benze kangcono ukusebenza ngokubaqeqesha nokudluliswa kwamakhono, kanye nokubeka imithetho yobuncane bezindinganiso kubaphathi bakamasipala nabaphathi abakhulu.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
(i) Usuku Lukazwelonke Lokubungaza Amaphoyisa
(a) IKhabhinethi litshelwe kafushane ngoSuku Likazwelonke Lokubungaza amaphoyisa, obelungeSonto, mhla lu-1 kuMandulo 2024.
(b) USuku Lwesikhumbuzo kuhloswe ngalo ukuhlonipha abesifazane namadoda abangamaphoyisa abashona besemsebenzini, kanye nokuthatha izinyathelo ezifanele ukweseka imindeni yabo ikakhulukazi izingane zabo ezisafunda isikole.
(c) Uhulumeni uphikisana kakhulu nokubulawa kwamaphoyisa angama-39 ashona esemsebenzini futhi uzobhekana nanoma ubani obandakanyeka ekubulaweni kwamaphoyisa esemsebenzini.
(d) Uhulumeni ubeke phambili ukulwisana nezenzo zobugebengu futhi uzoqinisa imithetho ezovumela uhulumeni ukuthi akwazi ukuthuthukisa izindlela zokulwa nobugebengu.
(ii) Inqubekelaphambili yeNingizimu Afrika ekubekweni iso ngenxa yokuntula izindlela zokulwa nokuhlanzwa kwemali yi-Financial Action Task Force (i-FATF)
(a) IKhabhinethi lithole umbiko wesine wokuqhubekayo owethulwe yi-Interdepartmental Committee on Anti-Money Laundering and Combatting the Financing of Terrorism (IDC-AML/CFT) kusukela iNingizimu Afrika yafakwa ngaphansi kweso le-FATF ngoNhlolanja wezi-2023. Lo mbiko uqinisekisa isinqumo seKhabhinethi sangomhla wama-27 kuMandulo 2023 sokuthi i-IDC-AML/CFT ebika ngenqubekelaphambili yethulwe izikhathi ezintathu ngonyaka.
(b) Sekube nenqubekelaphambili ebonakalayo eNingizimu Afrika ngokuxazulula inkinga yokweswela izindlela zokuthobela umthetho, kokungama-20 kokudingekayo ukuthobela umthetho, kuyi-15 okuthotshelwe ngokuphelele.
(c) Ukuze iNingizimu Afrika iphume ngokuphelele ngaphansi kweso le-FATF ibe nezinyathelo ezingama-22 ezikhonjwe njengezinenkinga ekusebenzeni kahle, eziyisishiyagalombili zazo sesixazululiwe, osekusele eziyi-14 ezizoxazululwa ngoNhlolanja 2025.
(d) IKhabhinethi libuphawulile ubunzima bezinkinga okufanele zixazululwe, kodwa lisalokhu lizimisele ukuqinisekisa ukuthi imizamo iyaqiniswa ukuze kuzoxazululwa izinkinga ezisele, liphinde lakuphawula ukuthi imizamo yeNingizimu Afrika iletha imiphumela engcono uma kuqhathaniswa neyamazwe asethuthukile afana neMelika, esalokhu iza ngemuva kweNingizimu Afrika.
(iii) UHlelo Lunye Lwensangu
(a) IKhabhinethi litshelwe kafushane ngenqubekelaphambili ngokusungulwa koHlelo Lunye Lwensangu, okuhloswe ngalo ukuhlinzeka ngohlaka lokusungulwa, ukukhuliswa nokuthuthukiswa kwemboni yensangu eNingizimu Afrika ukuze izofaka igalelo ekukhuleni komnotho, ukulwisana nenhlupheko nokusungula imisebenzi.
(b) UHlelo Lunye lwakheke ngezinsika eziyisishiyagalolunye, okuyiZinsiza Zokulawula Ezisebenzayo; uHlelo Olusimeme Lokufakelwa Kwezimbewu; Ukuthuthukiswa Kocwaningo Nobuchwepheshe; Uhlelo Lokweseka Abakhiqizi; Ukuthuthukiswa Kwezimakethe; Ukuthuthukiswa Kwamabhizinisi Nabahlinzeki Bezinsiza; Ukuthuthukiswa Kwemikhiqizo Nokukhiqizwa Kwayo; Ukufundisa Nokuqeqesha; kanye Nokuxhumana Nokuqwashisa.
(c) Inqubekelaphambili esiyenziwe kuze kufike manje ifinyezwe ngokulandelayo:
i. Kulandela ukumenyezelwa kwensangu njengesitshalo sezolimo, sekukhishwe izimvume zokutshala insangu eziyinkulungwane nekhulu elineshumi (1 110).
ii. UMongameli u-Ramaphosa wagunyaza uMthethosivivinywa Wokusetshenziswa Ngasese Kwensangu ngoNhlaba 2024.
iii. UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uzoqhamuka nemithetho yokweseka Ukusetshenziswa Ngasese Kwensangu.
iv. UMnyango Wezempilo, ngokusebenzisana neZiphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika (i-SAHPRA), usuphothule izingxoxo mayelana nezinguquko zoMthetho weShejuli Yamakhambi Nemithi Ehambisana Nawo, we-1965 (Umthetho we-101 we-1965).
v. UMnyango Wezokuhweba, Izimboni Nokuncintisana (i-dtic) uphothule ukucwaningwa kwesimo namanani emkhakheni weNsangu eNingizimu Afrika, i-dtic maduze nje izoqalisa izingxoxo ngeNqubomgomo Yohwebo Lwensangu.
vi. UMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo (i-ARC) usungule izinhlobo ezimbili zensangu kanti ngokusebenzisana noMnyango Wezolimo, Uguquko Lomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Ezisemakhaya (i-DALRRD), uphakathi nomsebenzi wokukhiqiza imbewu ukuze izotholakala ngesikhathi sokutshala ngowezi-2025.
vii. NgoNhlaba 2024, uNgqongqoshe Wezolimo, Uguquko Lomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya wagunyaza uHlelo Lokuqinisekiswa Kwensangu ukuze kuzolawulwa uhlobo nezinga lensangu lokho okuzokweseka indlela esimeme yokuthola imbewu yensangu.
viii. I-DALRRD isiqale ucwaningo olubiza izigidi ezi-R124 ne-ARC olugxile ekutshalweni kwensangu ezosetshenziswa ukwenza amakhambi okwelapha, i-fibre nokunye, ukuqashwa kwezifo ezingahlasela izitshalo zensangu, ukugcinwa kwembewu yokuqala, ukusungulwa kohlelo lwembewu Yensangu.
ix. E-Gauteng, ngokusebenzisana noMkhandlu Wesayensi Nocwaningo Lwezimboni, kwesekwa amabhizinisi ayishumi amancane, aphakathi namancanyana ukuze kuthuthukiswe umkhiqizo. I-DALRRD iyaqhubeka nokuxoxisana nezifundazwe ezizinikele kulokhu kuze kube manje.
x. Ukuthuthukisa ikhono lomnyango ukuthi likwazi ukubeka iso ukutshalwa kwensangu yilabo abanezimvume, i-ARC isungule uhlelo olubanzi lokuqeqesha oluzosiza ekuhloleni.
(iv) INyanga Yemisebenzi Kahulumeni Edidiyelwe
(a) IKhabhinethi litshelwe kafushane ngezinhlelo zokubungaza iNyanga Yemisebenzi Edidiyelwe Kahulumeni kulo nyaka.
(b) Kulo nyaka iNyanga Yemisebenzi Edidiyelwe Kahulumeni ibungazwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Uhulumeni osebenzayo”.
(c) INyanga Yemisebenzi Kahulumeni iyisikhumbuzo sokuthi kusho ukuthini ukusebenzela imiphakathi iphinde ibheke umthelela uhulumeni anawo, ikakhulukazi ngezinkinga zokulethwa kwezidingonqangi.
(d) Kulo nyaka, iNingizimu Afrika ibungaza iMinyaka engama-30 Yenkululeko kanye neminyaka engama-27 yoMthetho Odingidwayo we-Batho Pele njengohlaka lokuletha uguquko ekulethweni kwezidingonqangi eNingizimu Afrika.
(e) Uhlelo oludidiyelwe lukahulumeni lubandakanya iNyanga Yemisebenzi Kahulumeni; iNyanga Yamagugu; iNyanga Yezokuvakasha kanye neNyanga Yokutshalwa Kwezihlahla.
C. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
(a) Nkz. Yolanda Batandwa Damoyi njengoMqondisi Omkhulu weBhodi le-Public Investment Corporation.
(b) Nkz. Thulisile Glory Manzini njengoMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.
(c) Ukubekwa esikhundleni kwamalungu eBhodi le-South African Diamond and Precious Metals Regulator.
(i) Mnu. Abiel Mngomezulu (uSihlalo);
(ii) Dkt. Natalie Skeepers – Amalungu angebona abaphathi;
(iii) Nkz. Fungai Mushohwe – Ilungu elingaphethe;
(iv) Nkz. Faith Tumelo Mokwena – Ilungu elingaphethe;
(v) Dkt. Tshepo David Khoza – Ilungu elingaphethe;
(vi) Nkz. Leanda-Marsha Mtshali – Ilungu elingaphethe;
(vii) Mnu. Norman Baloyi – Ilungu elingaphethe;
(viii) Mnu. Mawethu Cawe – Ilungu elingaphethe;
(ix) Ummeli Madikeledi Moloto – (Ilungu eliphambili elimele i-DMRE);
(x) Nkz. Rebone Nkambule – (elinye ilungu elimele i-DMRE);
(xi) Mnu. Rangers Molapo – (ilungu eliphambili elimele i-NUM);
(xii) Mnu. Dingindawo Sibeko – (elinye ilungu elimele i-NUM);
(xiii) Ummeli Leon Johannes Pretorius – ilungu eliphambili le-UASA;
(xiv) Nkz. Nongcebo Ngcobo – ilungu eliphambili le-SARB;
(xv) Nkz. Kamolegelo Manamela – elinye ilungu le-SARB;
(xvi) Nkz. Nosiphiwo Mzamo – (ilungu langaphambilini); kanye
(xvii) noMnu. Cecil Khoza – (ilungu langaphambilini).
(c) Ukubekwa esikhundleni kwamalungu eBhodi le-State Diamond Trader
(i) Mnu. Abbey Chikane (uSihlalo);
(ii) Mnu. Ernest Blom – Ilungu elingaphethe;
(v) Nkz. Komathie Kisten Govender – Ilungu elingaphethe;
(vi) Ummeli Mpati Lebakeng – Ilungu elingaphethe;
(vii) Dkt. Olga Masekoa – Omele umnyango;
(viii) Nkz.. Hellen Diatile ilungu eliphambili elimele i-NUM;
(ix) Mnu Thapelo Malekutu elinye ilungu le-NUM;
(x) Nkz. Adele Rossouw ilungu eliphambili elimele uBumbano;
(xi) Mnu. Johan Du Toit Böning – elinye ilungu elimele uBumbano;
(xii) Mnu. Jacques Hugo – ilungu elimele i-UASA;
(xiii) Nkz. Danile Nyakale – ilungu eliphambili elimele i-IDC;
(xiv) Mnu. Lefu Dlamini – elinye ilungu elimele i-IDC;
(xv) Nkz. Nosiphiwo Mzamo – ilungu elingaphethe (langaphambilini); kanye
(xvi) noMnu. Cecil Khosa – Ilungu elingaphethe (laphambilini).
D. Imicimbi Ezayo
a) INyanga Yamagugu
- NgoMandulo, iNingizimu Afrika ibungaza iNyanga Yamagugu ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukubungaza izimpilo zamaqhawe namaqhawekazi akithi anikela ngezimpilo zawo ukuze sithole inkululeko”.
- Kule nyanga, uhulumeni uzokwethula uMkhankaso Wokubuyiswa Kwamaqhawe Ekudingisweni okuhloswe ngawo ukubuyisa ekhaya amathambo amaqhawe ayelwela inkululeko ashonela ekudingisweni ukuze imindeni yabo izokwazi ukuxola, futhi iphole kanye nokubuyiswa kwezwe lethu.
- Lolu hlelo luyingxenye neNqubomgomo Kazwelonke yoKubuyiswa Nokubuyiselwa Kwamathambo Abantu Nezinto Ezingamagugu. Laba abanikela ngezimpilo zabo ukuze sithole inkululeko bavulele indlela umthethosisekelo wentando yeningi labantu osekelwe phezu kwezimiso zesithunzi somuntu kanye namalungelo alinganayo awo wonke umuntu.
- Uhulumeni ucela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise leNyanga Yamagugu ukugqugquzela ukubumbana komphakathi, ukwakha isizwe kanye nokwabelana ngaleli lizwe kanjalo lokuhlonipha labo abanikela ngezimpilo zabo ukuze thina sizothola inkululeko.
b) UMhlangano Jikelele wama-79 weNhlangano Yobumbano Lwezizwe (i-UNGA)
- UMongameli u-Ramaphosa uzohola ithimba laseNingizimu Afrika kwiNkulumo-mpikiswano Jikelele yoMhlangano wama-79 we-UNGA e-New York kusuka mhla wama-24 kuya mhla wama-30 kuMandulo 2024.
- Kulo nyaka umhlangano uzobanjwa ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ubumbano ngokwehlukahlukana, ukuthuthukisa ukuthula, intuthuko esimeme kanye nesithunzi somuntu kowowonke umuntu kuyo yonke indawo.”
- UMongameli u-Ramaphosa uzokwethula inkulumo eMhlanganweni Jikelele mhla wama-24 kuMandulo 2024, lapho ezobe ehlolisisa isimo samanje sokuthula emhlabeni nasezwenikazini, izinselele zokuvikelela nentuthuko.
- Ngaphambi kwe-UNGA 79, uNobhala-Jikelele we-UN uzovula iNgqungquthela Yesikhathi Esizayo mhla wama-20 kuya mhla wama-21 kuMandulo 2024 eKomkhulu le-UN. Ingqungquthela izohlanganisa abaholi bomhlaba ukugqugquzela isivumelwano esisha samazwe ngamazwe sokuthi kusetshenzwa kanjani kahle esikhathini samanje ngesikhathi okuzovikela isikhathi esizayo.
c) UMbukiso Wezindiza Nezokuvikela e-Afrika (i-AAD) wezi-2024
- UMongameli u-Ramaphosa uzovula umbukiso we-AAD, kusuka mhla we-18 kuya mhla wama-22 kuMandulo 2024 e-Air Force Base Waterkloof e-Gauteng ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuthola Izindlela Ezintsha, Ukwabelana Ngezisombululo, Ukubonisa Amaqhinga Amasha Namakhono”.
- I-AAD iwona mbukiso Wezokuvikela osingathwa iNingizimu Afrika eZwenikazini i-Afrika futhi ubalwa emicimbini eyisithupha ephezulu emhlabeni ekhalendeni leZokuvikela owenziwa ngezinhloso ezilandelayo:
- ukubonisa eZokuvikela kanye nobuchwepheshe bezindiza obakhiwe bakhiqizwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.
- ukugqugquzela nokuthumela imikhiqizo esimamisa eZokuvikela nezimboni zezindiza.
- ukugqugquzela nokuqinisekisa indima yeNingizimu Afrika njengezwe eliqhuba ukusungulwa kwezinto ezintsha nokukhiqiza.
- ukwelula ukusebenzisana emhlabeni jikelele; ukusebenzisana phakathi kwamabhizinisi naphakathi kohulumeni.
- ukugqugquzela iNingizimu Afrika ukuthi ibe izwe elikhethwa izivakashi namabhizinisi.
- ukufaka igalelo ekusungulweni kwamathuba emisebenzi.
- ukusungula inkundla yezemfundo ezogqugquzela imisebenzi kwezokuvikela nezindiza nokuqamba kabusha entsheni.
d) IMiqhudelwano ye-FIBA Under-18 AfroBasket
- INingizimu Afrika isingathe imiqhudelwano yamazwe ayi-12 ye-U18 Basketball African Championship ePitoli kusuka mhla lu-1 kuya mhla ziyi-14 kuMandulo 2024. Abadlali abadlala kule miqhudelwano amaqembu e-basketball kazwelonke abesilisa ayi-12 nabesifazane ayi-12 ahlukaniswe amaqoqo amathathu, ngalinye linamaqembu amane.
e) Ukusayinwa kweSivumelwano Sokuqaliswa KoHlelo phakathi koMnyango Wemfundo Eyisisekelo noMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko
- Mhla wesi-4 kuMandulo 2024, uNgqongqoshe Wemfundo Eyisisekelo noNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko basayine iSivumelwano Sokuqaliswa Kohlelo ukugqugquzela ukubaluleka kwezemidlalo esikoleni, kanye nokweseka ukubaluleka kwezifundo zangaphandle kwamagumbi okufundisela ezikoleni zethu ukuthi zisiza ukuthi abafundi bakhule ngokuphelele futhi kuyabasiza ukuthuthukisa amakhono abalulekile ukuthi baphumelele futhi babe izakhamuzi ezibamba iqhaza kuleli lizwe.
- Lolu hlelo luhlanganisa uchungechunge lwezinhlelo zokusebenzisana ezifana nokuba yinxusa leZemidlalo; iKhempu Kazwelonke Yentsha; Imidlalo Yendabuko; Amaqembu agqugquzela ukufunda izincwadi; uHlelo Lokufundisa Ngamagugu; Umncintiswano Wokupelomagama; uhlelo lwentsha i-Young Patriots Programme; Ukufundisa Ngokuzivocavoca; uHlelo Lukazwelonke Lomtapo Wolwazi; i-South African Schools Choral Eisteddfod; iViki Likazwelonke Lokuqwashisa Ngezinqolobane, phakathi kwezinye.
E. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
- Abacwaningi baseNingizimu Afrika ababe yingxenye yocwaningo lwe-BEAT-Tuberculosis (i-TB), oseluphenduke uhlelo oluhamba phambili emhlabeni empini yokulwa nesifo sofuba esingalapheki ngamakhambi kubo bonke abantu, okube nomthelela kwinqubomgono yomhlaba yokwelashwa kwe-TB yeNhlangano Yezempilo Yomhlaba.
- U-Warona Tsiane no-Onalerona Tsiane, abadume ngokuthi ama-Tee Sisters, ngokuphuma indawo yesithathu emncintiswaneni Wendebe Yomhlaba Yokuqalwa Kwamabhizinisi obubanjwe e-Japan. I-Tee Sisters iphinde yahlabana ngemiklomelo emibili ye-Sustainable Development Goals e-UN, ikakhulukazi eye-Goals 1 (No Poverty) kanye ne-16 (Peace, Justice and Strong Institutions).
- Abasubathi bezwe lakithi emiqhudalwaneni ye-Under-20 World Championships neMidlalo ye-Paralympic, ikakhulukazi laba abalandelayo:
- umgijimi onesivinini osemusha emhlabeni, uBayanda Walaza ngendondo yegolide emjahweni wamanqamu we-100m no-200m emdlalweni ye-U20 World Championships. UWalaza usafunda wenza umatikuletsheni e-Curro Hazeldean ePitoli.
- U-Bradley Nkoana ngendondo yeThusi kowamanqamu we-100m ku-Under 20 (U20) World Championships.
- U-Udeme Okon ngendondo yeGolide kowamanqamu we-400m U20 World Championships.
- Indondo yeSiliva yeqembu lamadoda le-relay engu-4x400m (Bryan Katoo, Sihle Mahlangu, Njabulo Mbatha, Udeme Okon) ku-U20 World Championships.
- U-JL van Rensburg ngendondo yeSiliva ye-shot-put yamadoda kowamanqamu we-U20 World Championships.
- U-Hannah van Niekerk ngendondo yeThusi ku-400m hurdles ku-U20 World Championships.
- UMpumelelo Mhlongo ngendondo yeGolide kanye nerekhodi lomhlaba elisha ku-T44 100m yamadoda eMdlalweni yama-Paralympic e-Paris.
- U-Louzanne Coetzee ngendondo yeThusi ku-T11 1500m yabesifazane eMidlalweni yama-Paralympic e-Paris.
- U-Ronwen Williams, unozinti weBafana-Bafana ne-Mamelodi Sundowns, ngokuqokwa kwakhe njengomunye wonozinti abahamba phambili abayishumi (10) emhlabeni kuma-Ballon d’Or awards.
- Iqembu lama-Springboks, ngokwehlula iqembu lama-All Blacks emdlalweni we-Castle Lager Rugby Championship ngoMgqibelo, mhla wama-31 kuNcwaba 2024.
- I-Passenger Rail Agency of South Africa (i-PRASA) ne-Gautrain ngokuhlinzeka ngezinsizakalo zokuthutha ezivumele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayozibukela mathupha umdlalo wama-Springboks ne-All Blacks. IKhabhinethi liphinde lagqugquzela umphakathi ukuthi babheke baphinde bagibele isitimela sakwa-PRASA esinophawu lweminyaka engama-30 yenkululeko nentando yeningi labantu.
4. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:
- Slz. Brian O'Connell, iNhloko yeNyuvesi yaphambilini nePhini likaShansela weNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa. Usebenze njengeNhloko yeNyuvesi kusuka ngowezi-2001 kuya kowezi-2014.
- umsebenzi womsakazo nomabonakude uThabiso Sikwane, umsakazi osemnkantshubomvu nogqugquzele abantu abaningi ezweni lonkana.
- umhayi wezinkondlo uBhishobhi u-Jessica Mbangeni, obaziwa kakhulu ngekhono lakhe lobumbongi. Usehaye izinkondlo zakhe emcimbini wokugcotshwa kukaMongameli waphambilini uThabo Mbeki ngowe-1999 nakwikhonsathi ye-46664 kaMongameli waphambili u-Nelson Mandela.
- UMnu. Mphakamisi Nciweni, uthisha waKwaZakhele Primary School eMpumalanga Kapa, obulawe emagcekeni esikole ngabaphangi.
Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485