ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-17 kuMandulo 2025

A.    Ezisematheni

1.    Umnotho

1.1.    Ukukhula Komnotho

1.1.1.    IKhabhinethi lizamukele izibalo zakamuva ze-GDP, ezikhombisa ukuthi umnotho ukhule ngo-0.8% kwikota yesibili yowezi-2025, nokube ngcono ukusuka ku-0.1% wokukhula kwekota yokuqala. 
1.1.2.    Ukukhula kwe-GDP ngo-0.8% kukhombisa ukusimama okubanzi kuyo yonke imikhakha ebalulekile. Izimboni eziyisishiyagalombili zibe nokukhula kwikota yesibili, kanti imikhakha ebalulekile efana neyokukhiqiza, izimayini, nohwebo ibuyele esimeni yokukhula. Ukwenyuka kwemali esetshenziswa emakhaya nakho kukhombisa ukuba ngcono kwemali engenayo futhi lokhu kuqinisekiswe ngezibalo ezingcono ezibikiwe zokwehla kwamandla emali.
1.1.3.    IKhabhinethi liphinde lasamukela isinqumo se-Fitch sokuqinisekisa izilinganiso zesikhathi eside zezikweletu zeNingizimu Afrika zemali yangaphandle kanye neyasekhaya kanye nokugcina uzinzo.
1.1.4.    Izilinganiso zisekelwa uphiko lukahulumeni lwezikweletu ngokuvamile olusebenza ngemali yalapha ekhaya, olunezikweletu zesikhathi eside nezikhungo ezinamandla kanye nohlaka oluthembekile lwenqubomgomo yezimali. Ngokwe-Fitch, inqubekelaphambili eyenziwayo ngaphansi kwezinguquko zesigaba sesibili somkhankaso kahulumeni we-Operation Vulindlela igxile ekulungiseni izingqalasizinda zenethiwekhi (ugesi, ezokuthuthwa kwempahla, namanzi) yanciphisa ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga futhi yaqeda ukwehla kwenani lezimpahla ezithuthwayo, okube negalelo ekuqaguleni kwe-Fitch kokunyuka okuncane kokukhula kwangempela kwe-GDP.
1.1.5.    Iziqinisekiso ze-Fitch zibonisa ukuqhubeka nokuthi abatshalizimali bakuthembe ukuphathwa kwezimali zezwe namandla ezikhungo.

1.2.    Uhlelo lukaMongameli Lokuqashwa Kwentsha  

1.2.1.    IKhabhinethi lamukele uMbiko weKota weNtuthuko wakamuva Wokungenelela KukaMongameli Ekuqashweni Kwentsha kusukela kuMbasa kuya kuNhlangulana wezi-2025, ogqamisa amagxathu abalulekile ekusunguleni izindlela zokungenisa imali kubantu abasha baseNingizimu Afrika.
1.2.2.    Bangaphezu kwezigidi ezi-5.64 abantu abasha ababhalise kwi-National Pathway Management Network (i-NPMN), bedlula inani ebelibekiwe ekuqaleni lezigidi ezi-5. Bangaphezu kwezigidi ezingu-1.91 abantu abasha abathole amathuba okuthola imali yesikhashana, okukhombisa ukuthi imizamo kahulumeni yokubhekana nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha iyakhula.
1.2.3.    Kule kota kuphela, amathuba angaphezu kwezi-234 000 atholwe ngabantu abasha ngokusebenzisa i-NPMN. Lokhu kubandakanya ulwazi lomsebenzi, izinhlelo zokuthuthukisa amakhono, namathuba okungenisa imali ahlomisa abantu abasha ukuthi bangene emakethe yemisebenzi. IKhabhinethi lizwakalise ukubonga kubo bonke elibambisene nabo ngeqhaza labo eliqhubekayo futhi liqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha ngokusebenzisa izindlela ezintsha zokungenelela.

2.    Ubudlelwano bamazwe ngamazwe  

2.1.    Iseshini yama-80 yeSigungu Esiphezulu seNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UNGA 80)

2.1.1.    INingizimu Afrika izobamba iqhaza kwiseshini yama-80 yeSigungu Esiphezulu seNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-UNGA-80) ezohlangana ngaphansi kwendikimba ethi “Kungcono uma sibambisene: iminyaka engama-80 nangaphezulu ukuze kube nokuthula, intuthuko kanye namalungelo abantu” kusukela mhla zingama-23 - 29 Mandulo 2025 e-New York, e-US. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzohola ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika.
2.1.2.    INingizimu Afrika izosebenzisa le nkundla ukuqinisa ukuzibophezela kwayo kubumbano lomhlaba wonke, amalungelo abantu bonke, intuthuko esimeme njengesibopho somuntu wonke, kanye nokuxazulula izingxabano ngokuthula nokugxile ngokukhethekile kwizingxabano zaseMpumalanga ye-DRC, abantu base-Sudan nase-Palestine. Ngaphezu kwalokhu, iNingizimu Afrika izosebenzisa i-UNGA 80 ukukhuthaza i-Ajenda kaMongameli waseNingizimu Afrika ye-G20.
2.1.3.    UMongameli uzobamba imihlangano yamazwe amabili nozakwabo abambalwa futhi ahlangane nama-CEO ezinkampani ezinkulu zamazwe ngamazwe.
2.1.4.    ONgqongqoshe u-Tau kanye noLamola bahambe phambili ukuyoxoxisana ngesivumelwano sohwebo saseNingizimu Afrika neMelika kanye nemihlangano ekhethekile ye-UN. 
2.1.5.    Abanye oNgqongqoshe bethimba bazobika ngezingxoxo zabo ngesikhathi bekwi-UNGA.

3.    Ubulungiswa Nokunqandwa Kobugebengu

3.1.    Ikhomishini kaMadlanga Yophenyo 

3.1.1.    IKhabhinethi likwamukele ukuqaliswa kokulalelwa kwezingxoxo zeKhomishini Yezobulungiswa Ephenya NgoBugebengu, Ukugxambukela Kwezombusazwe kanye Nenkohlakalo OHlelweni Lwezobulungiswa Bobugebengu – eyaziwa kakhulu ngokuthi iKhomishini kaMadlanga.
3.1.2.    IKhabhinethi licela noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza umsebenzi wekhomishana ukuthi axhumane nayo ku: madlangacommission@behonest.co.za noma ku: 0800 111 369.

3.2    Ikhomishini kaKhampepe

3.2.1    IKhabhinethi likwamukele ukuqaliswa kwezindaba Zokubuyisana kwiKhomishana kaKhampepe Yamaqiniso Nokubuyisana (i-TRC).
3.2.2    IKhomishini isivele ibambe imihlangano nabamangali nabamele uhulumeni.

4.    Ukubusa

4.1.    Umhlangano Wesigungu Sikazwelonke noMkhandlu Ophethe Wesifundazwe SaseNyakatho-Ntshonalanga 

4.1.1.    IKhabhinethi liyamukele imiphumela yomhlangano phakathi kweSigungu Sikazwelonke noMkhandlu Ophethe Isifundazwe saseNyakatho-Ntshonalanga. Lokhu kuwukuxoxisana kwesi-7 phakathi kwesigungu sikazwelonke nemikhandlu ephezulu yezifundazwe okuhloswe ngakho ukuqinisa ukusebenzisana kohulumeni kanye nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ngokuhambisana nokubekwe eqhulwini kuHulumeni Wehlandla leSikhombisa.
4.1.2.    Kulo mhlangano kugcizelelwe ukuzinikela kakusha ekwenzeni ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi esifundazweni. Kuqinisekiswe ukubambisana kuzozonke izinhlaka zikahulumeni ukuze kulethwe ingqalasizinda ebalulekile njengokwakhiwa kabusha kwemigwaqo, ukuhlinzekwa kwengqalasizinda yamanzi kanye nokuba khona kukagesi ukuze kuthuthukiswe izifiso zezimboni zesifundazwe. 
4.1.3.    Kulo mhlangano bazibophezele ukusebenza ngokubambisana nohulumeni wesifundazwe saseNyakatho-Ntshonalanga ukuqinisekisa ukuxazululwa kwezinselele ezikhungethe omasipala esifundazweni.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi 

1.    Uhlaka Lweqhingasu Likazwelonke Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi  

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka Lweqhingasu Likazwelonke Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi (i-NES) kanye Nohlelo Lokusebenza ukuze umphakathi uphawule ngalo. Lelisu kuhloswe ngalo ukukhuthaza ukubamba iqhaza kwabantu abasha kanye namabhizinisi ayencishwe amathuba phambilini emnothweni ngokugqugquzela amabhizinisi kanye nokuqinisekisa ukusimama ngokuklomelisa Amabhizinisi Amancane, Amancane Naphakathi (ama-MSME). Ngaphezu kwalokho, i-NES yenza iziphakamiso zendlela yokugqugquzela usikompilo lwezamabhizinisi eNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngesimondawo esivumayo sokuqhuba amabhizinisi, kanye nokudala indawo eyeseka ama-MSME ukuze asimame futhi aphumelele. Lokhu kuzoba yimpumelelo ngokuthi kugxilwe ezinsikeni ezinhlanu ezibalulekile zeqhingasu okuyilezi: (i) Ukuthuthukisa imfundo yezamabhizinisi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono; (ii) Ukulawulwa ukushintshana kwezobuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha; (iii) Ukwenza ngcono ukufinyelela kuxhasomali nasezimakethe; (iv) Ukwenza ngcono isimo sokulawula amabhizinisi; kanye (v) Nokuthuthukisa ukuqwashisa nokuxhumana. Kukho konke, leli qhingasu kuhloswe ngalo ukwandisa ukuzibandakanya kwezomnotho okusemthethweni, ukubhekana nenani eliphezulu labantu abasha abangasebenzi ngokuthuthukisa amabhizinisi entsha kanye nokuhlinzeka ngomhlahlandlela wamasu kanye nomhlahlandlela ohlanganisa umsebenzi weminye iminyango ebalulekile kanye nozakwethu kwezamasu okusebenza. Ukwengeza, leli qhingasu lihlose ukuxhumanisa isimondawo sokuthuthukiswa kwamabhizinisi ezweni, okuhlanganisa nezincomo zokuthi amabhizinisi afakwe ohlelweni lwezifundo zeminyango yeMfundo Eyisisekelo kanye Neyemfundo Ephakeme njengeminye yemisebenzi engakhethwa.

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Womkhandlu Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthi umphakathi uphawule, ngoMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (i-Nedlac), wezi-2025.  
1.2.    Lo Mthethosivivinywa owuhlaka uzochitha uMthetho we-NEDLAC we-1994 futhi uphakamise ukuhambisana kwezinhlelo zesikhungo se-NEDLAC nezinguquko ohlelweni lwezomthetho lomthethosisekelo olwenzeka kusukela ngowe-1994. 
1.3.    Uhlaka loMthethosivivinywa luphinde luhlinzekele ukuthi uNgqongqoshe enze iMithethonqubo mayelana nokwamukelwa kanye nenani lobulungu ngenqubo ehlanganisa ukubonisana nokwamukelwa komphakathi, okwenza uhlelo lube sobala.

D.    Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.

1.    Nkz. Udisha Chathuri njengoSihlalo we-Patent Examination Board.

2.    Ukwelulwa kweNkontileka yoMqondisi Jikelele woMnyango Wemfundo Eyisisekelo, uMnu. Hubert Mathanzima Mweli isikhathi esiyiminyaka emihlanu.

3.    Ukugcwaliswa kwezikhala ze-South African National Biodiversity Institute (SANBI) Board
3.1    Dkt. Mamphaka Tau (uSihlalo)
3.2    Slz. Edward Nesamvuni
3.3    Mnu. Eugene Vincent Jooste
3.4    Nkz. Shamala Naidoo
3.5    Nkz. Ayanda Ntanda 
3.6    Nkz. Eva Dorothy Khosa
3.7    Dkt. Andrew Kirkwood Muir
3.8    Nkz. Gertrude Bulelwa Koyane
3.9    Ummeli Candice Kirsty Slum

4.    Ukugcwaliswa kwezikhala kwi-South African National Parks Board 
a.    Nkz. Beryl Ferguson (uSihlalo wesikhashana)
b.    Mnu. Livhuwani Matsila
c.    Nkz. Hulisani Mushiana
d.    Dkt. Sibongile Lynette Masuku
e.    Nkz. Nozipho Rachel Nxele
f.    Mnu. Mokgema Mongane
g.    Ummeli Catherine Warburton
h.    Mnu. Thomas Ignatius Bouwer
i.    Mnu. Raymond Maboe
j.    Mnu. Ashley Latchu; kanye 
k.    noNkz. Goitsemang Mathebula                            

E. Imicimbi Ezayo

1.    Ukuhlonipha Iziboshwa Zangaphambili Zezepolitiki 

1.1    UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko, ngokubambisana neNhlangano Yeziboshwa Zangaphambilini Zezepolitiki kanye neSigcinamagugu sase-Robben Island, bazosingatha ukuhlangana kweziboshwa zaphambilini zezepolitiki kwiSigcinamagugu sase-Robben Island mhla wama-27 kuMandulo.
1.2    Kulo mbuthano kuzohlonishwa iziboshwa zezepolitiki ezingaphezu kwe-1 700 ezazigcinwe e-Robben Island kanye nezinye izikhungo ezweni lonke. Ukuhlangana kabusha kuyingxenye yokugcina umlando womzabalazo wenkululeko nokukhumbula ukuthi inkululeko abantu baseNingizimu Afrika abayijabulelayo namuhla bekungeyona eyamahhala. Kunamadoda nabafazi abadela inkululeko yabo ukuze iNingizimu Afrika ikhululeke. 
1.3    Kulo mbuthano kuzophinde kuhlanganiswe omakadebona base-Namibia, e-Lesotho, nase-Botswana, okubonisa ukuxhumana emzabalazweni wenkululeko yaseningizimu ne-Afrika owawulwa nobuqonela.

2.    Uhlelo Lwezobulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka Komphakathi 

2.1    IKlasta Yezobulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu kanye Nezokuvikeleka (i-JCPS) isingatha Uhlelo Lokufinyelela Emphakathini mhla ziyi-18 kuMandulo 2025 eNkundleni Yezemidlalo yaseMthatha yowezi-2010 eMthatha, eMpumalanga Kapa, njengengxenye yeQhingasu Elididiyelwe Lokunqanda Ubugebengu Nodlame (i-ICVPS). 
2.2    Lolu Hlelo kuhloswe ngalo ukwakha ubudlelwano obuqinile futhi luqhubekisele phambili izixazululo ezime njalo, ezivuna umphakathi ukuze kwakhiwe imiphakathi ephephile futhi enamandla, ngokugxila kakhulu eMthatha, eseyihlonzwe njengendawo ekhungathwe ubugebengu.

3.    Imihlangano Yokulungiselela Ingqungquthela Yabaholi Be-G20 

3.1    Imihlangano elandelayo yokulungiselela iNgqungquthela ye-G20 yabanjwa emasontweni ambalwa edlule:

3.1.1    Umhlangano Wesithathu Weqembu Elisebenzayo Lezokuvakasha owawubanjwe mhla ziyi-11 kuMandulo 2025 eMpumalanga kwahlanganiswa imibono kanye nalokho okwalethwa ukulungiselela umhlangano woNgqongqoshe Bezokuvakasha be-G20 mhla ziyi-12 kuMandulo 2025.
3.1.2    Umhlangano woNgqongqoshe Bezokuvakasha be-G20 owawubanjwe mhla ziyi-12 kuMandulo 2025 eMpumalanga wahlanganisa oNgqongqoshe Bezokuvakasha ukuze kuphothulwe uhlelo lokusebenza olulungele ukuqhubekisela phambili intuthuko yezokuvakasha esimeme phakathi kwamazwe angamalungu e-G20.
3.1.3    Umhlangano Wesithathu Wokubambisana Kwamazwe Omhlaba Wonke Nokubandakanywa Kwezezimali wabanjwa mhla ziyi-11 – 12 kuMandulo 2025 eNtshonalanga Kapa ukuze kuthuthukiswe izixazululo ezisebenzayo, ezintsha nezibandakanyayo ezizoqinisekisa ukuthi ukukhula komnotho kubandakanya wonke umuntu futhi akushiyi muntu emuva.
3.1.4    Amadolobha aseGoli kanye nelaseTshwane asingathe ngokuhlanganyela Ingqungquthela yoSodolobha ye-Urban 20 (i-U20) kusukela mhla ziyi-12–14 kuMandulo 2025 eGoli. Ingqungquthela ibihlanganise osodolobha abavela emadolobheni e-G20 ukuze babhekane ngokubambisana nezinselelo ezikhungethe amadolobha ngesikhathi beqinisekisa ukuthi izinto ezibekwe eqhulwini emadolobheni ziyaphakanyiswa ohlelweni lwe-G20.
3.1.5    ISithangami Somhlaba Yezezimali eyabanjwa mhla ziyi-15 - 17 kuMandulo 2025 e-Gauteng yayihlanganise ababambiqhaza abayi-1 200 abavela emazweni angaphezu kwama-60 kanye nezikhungo zezezimali ezingama-240. Njengomcimbi oseceleni osemthethweni weHhovisi likaMongameli we-G20 eNingizimu Afrika, kulesi sithangami kwahlolwa izindlela ezintsha zokuxhasa ngezimali, okuhlanganisa nezinhlaka zezimali ezixubile kanye nezinhlelo eziqinisekisayo ezingavula izimali zamabhizinisi endawo okwakungafinyeleleki kuzona ngaphambilini.

E.    Imiyalezo

1.    Isimemo Sokufaka Izicelo

a. Abafundi abasemkhakheni wezemfundo ephakeme kanye nalabo abafunda umatikuletsheni bayamenywa ukuba bafake izicelo zoXhasomali Lukazwelonke Lwabafundi (i-NSFAS) onyakeni wokufunda wezi-2026 okuvulwe ngoMsombuluko, ziyi-15 kuMandulo okuyoze kuvale ziyi-15 kuLwezi 2025.

b. Abazali, othisha, omakhelwane kanye nemiphakathi bayacelwa ukuba basize abafundi ngokuthi bafake izicelo zoxhasomali lwe-NSFAS.

2.    Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 

  • Abantu kanye nohulumeni wase-Qatar ngokushona kwabantu kulandela ukuhlasela okwenziwa uMbutho Wezokuvikela wakwa-Israel e-Doha esakhiweni esihlala abantu.
  • Owayengumdlali wasemuva wamaBhokobhoko u-Bevin Fortuin owadlala izivivinyo ezimbili kumaBhokobhoko, edlala ne-Ireland e-Dublin ngowezi-2006, kanye ne-Australia e-Sydney ngowezi-2007.
  • Owayengumdlali wamaBhokobhoko u-Jan Boland Coetzee owadlalela amaBhokobhoko phakathi kowe-1974 nowe-1976. Wabuye waba ngumphisi wewayini owaziwayo endaweni yase-Stellenbosch lapho aguqula khona i-Vriesenhof Vineyard yaba indawo yewayini esezingeni lomhlaba.
  • Amagidangoma amane eqembu lomculi kaMaskandi odumile uSibonelo Hlongwane abashona engozini yemoto bephuma emcimbini e-Bergville beya eGoli.

3.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • AmaBhokobhoko ngokunqoba kwawo ngama-43-10 bedlala ne-New Zealand ukuze agcine i-Freedom Cup ngesikhathi semidlalo ye-Castle Lager Rugby Championship.
  • U-Alan Hatherly ngokuwina i-Mountain Bike World Championships e-Valais, e-Switzerland, nokugcina isicoco unyaka wesibili kulandelana.
  • U-Retief Goosen ngokuwina i-Sanford International ngamashothi amabili e-Minnehaha Country Club e-Sioux Falls, e-South Dakota. Ukuwina kwakhe kuqinisekise u-Retief Goosen umsebenzi wakhe wesine we-PGA Tour Champions.
  • Iqembu laseNingizimu Afrika liqophe umlando kuma-World Athletics Championships e-Tokyo ngowezi-2025 ngokuba nabasubathi ababili emqhudelwaneni wamanqamu we-100m wabesilisa okokuqala ngqa, kwathi u-Gift Leotlela walala endaweni yesi-5 ngo-9.95s kwathi u-Akani Simbine walala isi-7 ngo-10.04s.
  • Umculi waseNingizimu Afrika u-Tyla Laura Seethal, odume ngelika-Tyla owine indondo ye-Best Afrobeats kuma-MTV Video Music Awards ngowezi-2025 ngengoma yakhe ethi “Push 2 Start”.
  • U-Onalerona Tsiane kanye no-Mosa Letsoela, abaziwa ngama-Tee Sisters, ngokumela izwe ku-Teen Entrepreneurship World Cup 2025 lapho bethole khona imiklomelo emibili yokuthuthukisa iZinhloso Zentuthuko Esimeme Zenhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-SDG): SDG 1 "Ukuqeda zonke izinhlobo zobubha yonke indawo" kanye ne-SDG 10 "Ukunciphisa Ukungalingani."
  • Ithimba leKomidi Likazwelonke laseNingizimu Afrika Lokuchelela Nokugeleza kwamanzi (i-SANCID), usihlalo walo nguSolwazi Sylvester Mpandeli, ngokuklonyeliswa ngezindondo ezine ze-World Heritage Irrigation Structures (i-WHIS) engqungqutheleni yesi-4 yeNkasa Yomhlaba. Lo Mgubho Wemiklomelo wenzeke mhla ziyisi-07 kuMandulo 2025 e-Kuala Lum-pur, e-Malaysia. USolwazi Mpandeli ungumfundi waseNyuvesi yaseVenda aphinde abe nguSolwazi eNyuvesi.
  • Abahlomule imiklomelo emikhakheni eyahlukene emcimbini Wokuklonyeliswa Kwabesifazane Kwezesayensi eNingizimu Afrika ngowezi-2025 (i-SAWISA):
    • OSolwazi u-Brenda Morrow, u-Lucy Moleleki kanye no-Alison September esigabeni seSayensi yezeMvelo Nobunjiniyela.
    • OSolwazi u-Jill Hanass-Hancock, u-Sarojini Nadar no-Shanaaz Mathews esigabeni se-Humanities and Social Sciences.
    • OSolwazi u-Carolyn McKinney kanye noZilungile Mkhize-Kwitshana ngempumelelo yabo ekugqugquzeleni ukuxhumana nomphakathi ngocwaningo.
  • USolwazi Jill Farrant othole indondo ye-Lifetime Achievement Award ngomsebenzi wakhe wokuqala ezitshalweni ezimelana nesomiso emiklomelweni ye-National Research Foundation (i-NRF).
  • USolwazi Liza Korsten othole indondo ye-Lifetime Achievement Award ku-National Science and Technology Forum (NSTF)-South32 Awards ngomsebenzi wakhe kwezempilo yezitshalo nokuphepha kokudla.

Imibuzo: 

Nkz. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore