Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-11 kuNhlangulana 2025

A.    Ezisematheni

1.    Umnotho

1.1.    Ukukhula komnotho

1.1.1    IKhabhinethi liziphawulile izibalo zesamba somkhiqizo wezwe (i-GDP) njengoba zikhishwe yi-StatsSA eziveze ukuthi umnotho ukhule ngo-0.1% kwikota yokuqala (i-Q1) yowezi-2025, futhi lokhu kulandela ukunyuka ngo-0.4% eKoteni yesine yowezi-2024.  
1.1.2    Phakathi kokunye, imboni yezolimo, amahlathi, neyokudoba inyuke ngo-15.8%, kwathi imboni yezokuthutha, eyokugcina impahla kanye neyezokuxhumana inyuke ngo-2.4%. Ngaphezu kwalokho, imboni yezohwebo, yezokudla kanye neyokulala izivakashi inyuke ngo-0.5%. 
1.1.3    IKhabhinethi lisakhathazekile ngokwehla kwemboni yezokukhiqiza, ikakhulukazi lapho uhulumeni esebeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yakuleli futhi ngaleyo ndlela lilindele ukuphothulwa kweNqubomgomo Yezimboni ebuyekeziwe. 
1.1.4    Uhulumeni uyawuqonda umthelela wezinselele eziphathelene nokuthuthwa kwempahla okuqhubeka nokuba nomthelela ekukhuleni kwemboni yezimayini, futhi siyaqhubeka nokugxila kabanzi emsebenzini weSigaba Sesibili se-Operation Vulindlela kanye Nokubambisana Kwamabhizinisi Nohulumeni ekuxazululeni ngokushesha izinselele zezokuthuthwa kwempahla kuleli lizwe. 
1.1.5    Ngakho-ke, iKhabhinethi liyakwamukela ukugunyazwa kwesiGungu Sikazwelonke koHlaka Lwezimali lowezi-2025 oluzokwandisa ukusetshenziswa kwemali kukahulumeni kutshalomali lwengqalasizinda (isigidintathu esisodwa samaRandi esikhathini esiyiminyaka emithathu).

1.2    Ucwaningo Lwekota Lwezabasebenzi 

1.2.1    IKhabhinethi liyiphawulile imibiko yabezindaba ezwakalise ukukhathazeka ngezibalo zokuqashwa kwabantu abavela emkhakheni ongahlelekile oCwaningweni Lwekota Lwezabasebenzi (i-QLFS).
1.2.2    I-QLFS iqoqa imininingwane mayelana nemisebenzi yemakethe yezemisebenzi yabantu abaneminyaka eyi-15 nangaphezulu njalo ngekota. Ngaphezu kwalokho, i-StatsSA ikhipha umbiko ophelele njalo ngemva kweminyaka emine, ohlanganisa isahluko esibhekene noCwaningo Lwabaqashi kanye Nabaziqashayo (i-SESE). Lolu cwaningo luhlose ukuhlinzeka ngemininingwane ejulile mayelana nezinto kanye nokusebenza kwamabhizinisi omkhakha ongakahleleki eNingizimu Afrika.
1.2.3    IKhabhinethi belidingida ngokukhetha i-SESE yekota noma yonyaka, nokho i-StatsSA izodinga ukufinyelela kwirejista yamabhizinisi angahlelekile okwamanje engekho ukuze i-StatsSA izokwazi ukwenza isampula yabamele amabhizinisi.
1.2.4    Ngaphambilini samemezela ukuthi iKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Kazwelonke Yokukhishwa Kwelayisensi Yebhizinisi (i-NBLP) ezokwenza ukuthi kube nokukhishwa okufanayo kwamalayisensi amabhizinisi angahlelekile phakathi kokunye futhi esikhathini sokuqaliswa kwale Nqubomgomo, uMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kufanele ukwazi ukwenza irejista ethembekile yamabhizinisi angahlelekile ezothuthukisa i-QLFS kanye ne-SESE yonyaka.

2.    Ubulungiswa Nokunqandwa Kobugebengu
2.1    Ukuphepha nokuvikeleka

2.1.1    IKhabhinethi liyiqaphele inkulumo-mpikiswano eqhubekayo mayelana nobugebengu eNingizimu Afrika nezinsolo zokuthi alukho uhlelo oluqinile lukahulumeni lokubhekana nobugebengu eNingizimu Afrika, lokhu kwenzeka nakuba mhla zingama-23 kuNhlaba 2025, uNgqongqoshe Wezamaphoyisa wakhipha izibalo zobugebengu zeKota yesi-4 yowezi-2024/5 (1 Masingana – 31 Ndasa 2025).
2.1.2    Ngesikhathi sokukhishwa kwezibalo zobugebengu uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uchaze Okuseqhulwini Kwezamaphoyisa Kuhulumeni Wehlandla lesi-7 ngale ndlela elandelayo: (a) Ukunciphisa izinga lokubulawa kwabantu, (b) Ukunciphisa izibhamu ezingekho emthethweni kanye nokuqinisa ukulawulwa kwezibhamu ezisemthethweni, (c) Ukulwa ne-GBVF, (d) Ukuhlakaza ubugebengu obuhleliwe, okuhlanganisa ukushushumbiswa kwezidakamizwa, ukubanjwa kwezimoto zemali, ukuphanga, nokuthumba, ukubhekana nodlame lwamaqembu ezigelekeqe, nokuqeda inkohlakalo - ngaphakathi kwa-SAPS nasezweni lonkana. 
2.1.3    Izibalo zowezi-2024/25, zeKota yesi-4 zibonise inqubekelaphambili (ukwehla okujwayelekile) uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo onyakeni wezimali odlule. Isibonelo, eziteshini zamaphoyisa zobugebengu obuphezulu ezingama-30 ngokwemibiko, eziyi-13 zirekhode izibalo eziphansi, kwathi ezi-2 azibonisanga shintsho.
2.1.4    Mayelana nokubulawa kwabalimi, izibalo zobugebengu zikhomba ukuhlaselwa kwamapulazi okuhlobene nebhizinisi, futhi ngokomthetho uhulumeni akahlukanisi abantu ngokwebala, ngokwemibiko yakamuva engenaqiniso, yabanikazi bamapulazi ababulewe bobabili (2) babengabantu Abamnyama, (2) abasebenzi basemapulazini abangabantu Abamnyama babe yizisulu, kanti omunye wabaphathi bamapulazi kwabahlanu ababulawa bekungumuntu Omnyama. 
2.1.5    Mayelana nezibhamu ezingekho emthethweni, i-Operation Shanela iyaqhubeka nokubonisa imiphumela ebonakale kushaqwa izibhamu ezingekho emthethweni eziyi-128 nokuboshwa kwabantu abangama-82. 
2.1.6    UPhiko Oluphenya Amacala Abucayi nalo luyaqhubeka nomsebenzi walo, oholele ekutheni abasolwa abangama-656 bavele enkantolo, kubandakanya nabangama-364 abayamaniswa namacala abucayi ahleliwe, abangama-220 ngobugebengu obubucayi bezentengiselwano kanye nabangama-72 ngenkohlakalo ebucayi. 
2.1.7    Mayelana ne-GBVF, izingxoxo eziholwa yi-IMC mayelana ne-GBVF zizoba ngoLwesihlanu, mhla ziyi-13 kuNhlangulana 2025 eHholo Lomphakathi lase-Atteridgeville ePitoli futhi zizogxila ekuqalisweni koHlelo Lwesu Likazwelonke kanye nenqubekelaphambili. Izophinde ihlole futhi iqinise ukusebenza kahle nokusebenza ngokufanele kwezinsizakalo ezinikezwa izisulu ze-GBVF. 
2.1.8    IKhabhinethi likwamukele ukuvuma icala kwenye yezinkabi ezabulala uNobhala-Jikelele woPhiko Lwentsha lwe-African National Congress, uSindiso Magaqa kanye neKhansela laseMzimkhulu ngoNtulikazi wezi-2017. IKhabhinethi likubekela phezulu ukubulala okuyamaniswa nepolitiki ngoba izisulu yizona ezizinikele ekulweni nenkohlakalo. Siyethemba ukuthi lokhu kuzobakhanyisela nabanye ababa yingxenye.

2.2    Ukubuyiswa kwamathambo abantu baseNingizimu Afrika ababedingisiwe

2.2.1    IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa kweSigaba sesi-2 soMklamo Wokubuyiswa Kwamathambo, obandakanya ukungcwatshwa kabusha kwamathambo okhokho babantu abangama-Khoi nama-San. Nakuba ukuthungathwa, ukumbiwa kanye nokubuyisela amathambo abalweli benkululeko abafela ekudingisweni kusalokhu kugxilwe kukho. Lolu hlelo lokubuyisela ekhaya kanye nokungcwatshwa kabusha kwamathambo ama-Khoi nama-San angaphandle kwezwe lubalulekile ekuqoshweni okunembile kozalo lwaseNingizimu Afrika. Inqubo yokungcwatshwa kabusha kwamathambo okhokho abangama-58 abadabuka eNyakatho Kapa, isisezingeni eliphezulu futhi kusaqhubeka ukubonisana nemiphakathi ethintekile.
2.2.2    Lesi sinyathelo sakhela phezu kwempumelelo yokubuyiselwa kwalabo ababengabalweli benkululeko abangama-49 ngowezi-2024 futhi kuwubufakazi bokuzibophezela kukahulumeni ekubhekaneni nokungabi nabulungiswa esikhathini esedlule kanye nokugqugquzela umuzwa wobumbano nokuphulukiswa esizweni. Ithimba elihlanganise abantu abehlukene maduze lizoqala umkhankaso wokuya e-Angola, e-Lesotho, e-Zambia nase-Zimbabwe ukuyokwenza ucwaningo, ukuhlola amarekhodi amathuna kanye nokuthungathwa kwamathuna.

2.3    Umgubho wokusungulwa kweNkantolo yoMthethosisekelo
2.3.1    Unyaka wezi-2025 uhlanganisa iminyaka engama-25 kusukela kumhlangano wokuqala weNkantolo yoMthethosisekelo, okuyithuluzi elibalulekile ekuvikelweni kwentando yeningi labantu yethu yomthethosisekelo.
2.3.2    Kungawo lo moya lapho iKhabhinethi lemukele ukuxoxisana phakathi kukahulumeni kanye nophiko Lwamajaji oluholwa yiJaji Eliyinhloko uMandisa Maya kanye nezinhloko zezinkantolo obekusingathwe nguMongameli Cyril Ramaphosa. Izingxoxo bezigxile ekuxoxisaneni ngokuqaliswa kwezinyathelo zokuphatha ezisasele ukuze kuqaliswe ukulandelwa komthethosisekelo okuqinisekisa ukuthi uphiko lwamajaji, njengephalamende, lusebenza njengohlaka lombuso oluzimele. Kokubili iSigungu Esiphezulu kanye Nophiko Lwamajaji baphinde baqinisekisa ukuzibophezela okuhlanganyelwe ekwakheni uhlelo lwezobulungiswa oluqinile, olusebenza ngempumelelo olugxile ngokuqinile kumagugu oMthethosisekelo wethu.

3.    Ukuvikelwa Komphakathi kanye Nokuthuthukiswa Kwabantu

3.1    Isimo sezulu esibi kakhulu
3.1.1    IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini yalabo abashone ngesikhathi kunezikhukhula ezindaweni ezehlukene zaseMpumalanga Kapa. Kuze kube manje, bangama-57 sebebonke asebeshonile. Imindeni eminingi nayo ilahlekelwe amakhaya kwalimala nengqalasizinda eMpumalanga Kapa naKwaZulu-Natali. 
3.1.2    Uhulumeni udidiyela imisebenzi yokuhlenga kanye nokweseka ngeZikhungo Zokulawulwa kweziNhlekelele Kuzwelonke Nakwizifundazwe njengoba zilawulwa yi-IMC ebhekele ukulawulwa kwezinhlekelele. Kutshalwe amathimba ezimo eziphuthumayo asuka eGqeberha, e-East London naseSifundeni sase-Chris Hani ezindaweni ezithintekile ukuze asize abezimo eziphuthumayo endaweni.
3.1.3    IKhabhinethi lixwayisa wonke umuntu ukuthi aqaphele ezinsukwini ezimbalwa ezizayo ngenxa yesimo sezulu esibi esilindelwe ezindaweni eziningi zezwe. Lokhu kungase kubale ukwehla kwamazinga okushisa, ukukhithika, izivunguvungu nemvula enamandla. 
3.1.4    Izakhamuzi ziyelulekwa ukuthi ziqaphe izeluleko zesimo sezulu endaweni emsakazweni, kumabonakude nasezinkundleni zokuxhumana; nokugwema ukuhamba ngaphansi kwezimo ezingaphephile. Abavakashi bayakhuthazwa futhi ukuthi bahlele kabusha noma bahlehlise uhambo lwabo lapho bebhekene nezimo zezulu ezimbi.

4.    Ezempilo

4.1    Umxhantela omusha we-COVID-19 ezifundeni ezithile e-Asia 
4.1.1    IKhabhinethi liqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi izwe, ngokusebenza noMnyango Wezempilo (i-DoH), likuqaphe ngeso lokhozi ukuqubuka komxhantela omusha we-COVID-19, owaziwa ngokuthi i-Nimbus noma i-NB.1.8.1, ohambisana nokwenyuka kwezigameko ezibikwayo ezifundeni ezithile zase-Asia. 
4.1.2    IKhabhinethi licela zonke izakhamuzi ukuthi ziqinisekise ukulandela imikhuba emihle yenhlanzeko ehlanganisa ukugwema ukuxhawulana kungenasidingo, ukugeza izandla ngensipho, ukuvala umlomo lapho ukhwehlela, ukusebenzisa isifonyo uma unomkhuhlane, nokuhlala ekhaya uma ungazizwa kahle. Sabonisa ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19 ukuthi ngalezi zinyathelo ezilula, singanciphisa ukubhebhetheka kwezifo zokuphefumula.

4.2    Isifo samatele

4.2.1    IKhabhinethi liyayemukela indlela esheshayo yokusabela koMnyango Wezolimo, kulandela ukubheduka kwesifo samatele. Izifundazwe ezithinteke kakhulu yiKwaZulu-Natali (i-KZN), iMpumalanga ne-Gauteng. Umnyango usuthenge imithamo yemithi yokugoma engaphezu kwezi-900 000, kanti iqoqo lokuqala kulindeleke ukuthi lifike maduze.
4.2.2    Ezindaweni lapho lisadlange khona, zonke izilwane ezinalesi sifo zivelelwa zodwa; azivunyelwe ukuthi kube ezingenayo, eziphumayo, noma ezidlula kulezi zindawo zamapulazi. Izindawo ezinkulu, lapho abantu bengakwazi ukuthola izaziso zokuvalelwa, zithathwa njengeZindawo Ezihlaselwe Isifo futhi kusebenza imikhawulo efanayo.  
4.2.3    Ngaphezu kwalokhu, izinhlelo ziyaqhubeka zokusungula uMkhandlu Wokuphepha Kwezilwane Nezitshalo Eziphilayo ozohlanganisa uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika, odokotela bezilwane, ososayensi, iZiphathimandla Zokulawulwa Kwemingcele kanye nokaputeni bemboni ukuze kubhekwane kangcono nokuqubuka kwezifo esikhathini esizayo nokulawula ubungozi obuhlobene nazo.

4.3    Isikhathi sokusoka

4.3.1    Isikhathi sokusoka sasebusika sowezi-2025 sesifikile, uhulumeni usazibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwabasokayo, ngesikhathi egcina ubugugu bamasiko aleli siko.
4.3.2    Ziningi izinyathelo ezithathwayo ngesikhathi sokusoka sangowezi-2025, okuhlanganisa ukubhaliswa okuyimpoqo kanye nokuqinisekiswa kwezikole zokusoka, kanye nokuhlolwa okuphelele kwezempilo kwabo bonke abasokayo. Noma isiphi isikole esiphula umthetho, esingahloniphi imithetho yezokuphepha noma esibeka izimpilo zabantu engozini sizovalwa ngaphandle kokungabaza. 
4.3.3    IKhabhinethi licela abazali nabanakekeli ukuthi badlale indima yabo ekuqinisekiseni ukuphepha kwamadodana abo ngokusebenzisa izikole zokusoka ezigunyaziwe kuphela. Abazali bangabika izikole zokusoka ezingekho emthethweni kwabomthetho noma esiteshini samaphoyisa esiseduze nabo.

5.    Ezokubusa

5.1    Ingxoxo Kazwelonke 
5.1.1    IKhabhinethi lasamukela isimemezelo esenziwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa sosuku lweNgqungquthela Kazwelonke, mhla ziyi-15 kuNcwaba 2025 njengengxenye yenqubo ebheke kwiNgxoxo Kazwelonke. Le ngqungquthela iyithuba labo bonke abantu baseNingizimu Afrika abavela kuyo yonke imikhakha yempilo ukuthi baxoxe ngezinselelo ezibhekene nezwe lethu futhi baphakamise izisombululo okufanele zibhekwe nguhulumeni ukuze ziqaliswe. 
5.1.2    UMongameli Ramaphosa uqoke iKomidi Longqongqoshe (i-IMC) elizoholwa yiPhini LikaMongameli, u-Paulos Mashatile ukuze lilungiselele, lihlanganise futhi liqhube iNgqungquthela Kazwelonke kanye Nengxoxo Kazwelonke.  
5.1.3    UMongameli Ramaphosa uphinde waqoka ithimba LaBantu Abahlonishwayo abazohlinzeka ngomhlahlandlela kuhulumeni mayelana neNgqungquthela Kazwelonke kanye Nengxoxo Kazwelonke.

5.2    Imiphumela yocwaningomabhuku lukahulumeni wasekhaya
5.2.1    IKhabhinethi liyiqaphele imiphumela yoMbiko Jikelele wezi-2023/24 ngemiphumela yocwaningomabhuku loHulumeni baseKhaya, okhombisa ubungcono obuthile emikhakheni yezitatimende zezimali kanye nemibiko yokusebenza. 
5.2.2    Umbiko ugqamisa ukuthi omasipala abangama-41 bathole ukucwaningwa kwamabhuku okungenankinga ngonyaka wezimali wezi-2023/24. Uphinde ukhombise ukuthi omasipala abangama-59 benze ngcono kwimiphumela yabo yocwaningomabhuku kusukela ngowezi-2020/21, kanti bangama-40 kuphela abehlise izinga.
5.2.3    I-AGSA ikuqaphele ukwenyuka kwezindleko ngendlela engafanele, kodwa  umsebenzi sewenziwe, lezi zindleko zephula noma azihambisani nezimfuneko ze-MFMA/ PFMA kanye neminye imithetho esebenzayo, eyake yahlonzwa yi-AGSA, kusho ukuthi inkampani yehlulekile ukwamukela okuhambisana nalokho okudingwa yiMithetho esebenzayo.
5.2.4    IKhabhinethi likhuthazwa ukuzibophezela koMcwaningimabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika ekuqedeni ukusetshenziswa kwemali okungenasidingo nokumoshayo ngaphambi kokuphela kwesikhathi sakhe sokuphatha. Izindleko ezingenasidingo nezimoshayo zichazwa njengezindleko ezenziwelwa ize, azizange zilethe inzuzo nebhizinisi. 
5.2.5    Ngokuqaliswa Kwezinguquko zoHulumeni baseKhaya ezethulwe ngaphansi kweSigaba Sesi-2 se-Operation Vulindlela, uhulumeni uzosebenzela ukweseka lesi sibopho esibalulekile soMcwaningimabhuku-Jikelele kanye nokusebenzisana nezinhlaka ukulandela inqubo enqunyiwe yokugunyaza ukusetshenziswa kwezimali ngendlela engafanele. Lo msebenzi nawo ubuye uhambisane nokubuyekezwa koMthetho Odingidwayo Wohulumeni Wasekhaya ukuze kuqedwe lezo zindawo ezisebenzisa izimali ngendlela engafanele ezidalwa igebe kwezomthetho.

5.3    Umkhankaso Wamadolobhakazi Namadolobha Ahlanzekile
5.3.1    IKhabhinethi likwamukele ukwethulwa komkhankaso Wamadolobhakazi Namadolobha Ahlanzekile yiPhini likaMongameli u-Paulos Mashatile ukukhuthaza imiphakathi ukuthi igcine amadolobha namadolobhakazi ethu ehlanzekile. 
5.3.2    Yize wethulwe eDolobheni laseGoli, lo mkhankaso uzonabela emadolobhenikazi nasemadolobheni akwezinye iziFundazwe emasontweni azayo. 
5.3.3    IKhabhinethi licela izakhamuzi ukuthi zizibophezele ekugcineni izindawo zethu zomphakathi zihlanzekile futhi zizinhle, kanye nokuba ngabanini bemvelo yethu. Lolu hlelo lukazwelonke luhlose ukwakha izindawo zasemadolobheni ezihlanzekile, ezingangcolisi imvelo futhi ezisetshenziswa yiwo wonke umuntu.

6.    Ezamazwe Ngamazwe

6.1    INgqungquthela ye-G7

6.1.1    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzohambela Ingqungquthela Yabaholi Be-G7 e-Kananaskis, e-Canada, kusukela mhla ziyi-15 kuya mhla ziyi-17 kuNhlangulana 2025. 
6.1.2    INgqungquthela ye-G7 ihlose ukubhekana nezinselele zomhlaba ezihlanganisa ukugqugquzela ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokubhekana nobunzima bobuchwepheshe obuguquka ngokushesha.
6.1.3    Kulindeleke ukuthi izingxoxo zigxile ekukhathazekeni ngokuvikeleka kwamazwe ngamazwe, ikakhulukazi ingxabano eqhubekayo e-Ukraine kanye nokuqinisa ukuzinza komnotho womhlaba.

6.2    Ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-Russia
6.2.1    IPhini likaMongameli, u-Paulos Mashatile, uzovakashela i-Russian Federation phakathi komhla ziyi-16 nama-21 kuNhlangualana 2025, ukuze kuqiniswe ubudlelwano obunesikhathi eside bezobunxusa nezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika nezwe lase-Russia.
6.2.2    Lolu hambo lunikeza ithuba lokuqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bezomnotho, ukuhlola izindlela ezintsha zokubambisana kanye nokuqhubekisela phambili ukuthula esifundeni. INingizimu Afrika yeseka ukuxazulula ngokuthula ingxabano ye-Russia/Ukraine futhi iyaqhubeka nokubamba iqhaza njengomxazululi ongathathi hlangothi.

B.    Ezakamuva zeKhabhinethi

1.    Ukuqaliswa Kwezinqumo zeNgqungquthela Yamanzi Nokuthuthwa Kwendle
1.1.    IKhabhinethi lazisiwe mayelana nezinhlelo zokuqalisa imiphumela yeNgqungquthela Yamanzi Nokuthuthwa Kwendle, eyayibanjelwe ukuthola izixazululo kwizinselele zamanzi nokuthuthwa kwendle iNingizimu Afrika ebhekene nazo.
1.2.    Imiphumela iqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekunqobeni izinselele zemboni kanye nokwakha umkhakha wamanzi nokuthuthwa kwendle osimeme, onegalelo ekuphakamiseni isithunzi nenhlalakahle yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
1.3.    IKhabhinethi liyakwamukela ukuzibophezela kwababambe iqhaza ekwenzeni ngcono ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kulo mkhakha ngezingenelelo zesikhathi esifushane, esimaphakathi nesikhathi eside ngezinqumo ezibalulekile ezigxile kulokhu okulandelayo:
1.3.1.    Yonke iminyango kahulumeni kufanele ikhokhele ama-invoyisi afanele avela komasipala ezinyangeni ezintathu futhi omasipala basebenzise izinyathelo eziqinile zokulawula izikweletu eminyangweni kahulumeni engakhokhi. 
1.3.2.    Zonke Iziphathimandla Zezamanzi (i-WSA) zikhokhe ama-invoyisi azo amanje ngokugcwele emaBhodini Amanzi ngesikhathi, njengamanje, wonke amaBhodi Amanzi akhokhele ama-invoyisi awo amanje ngokugcwele eMnyangweni Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS), kusuka manje, i-DWS kanye namabhodi amanzi aqalise indlela egunyaziwe yokusula izikweletu komasipala abafanelekayo, kusuka manje ne-DWS iqalise ukusebenza kweQhingasu Lamanani Amanzi elibuyekeziwe uma kushaya umhla lu-1 kuMbasa 2026. 
1.3.3.    UMgcinimafa Kuzwelonke uzophothula ukubuyekezwa kwemodeli yoxhaso lwezimali kuhulumeni wasekhaya kanye ne-DWS ukuze kusungulwe umlawuli wamanzi ozimele womnotho ozolawula amanani amanzi kuwo wonke umkhakha wamanzi, eminyakeni emithathu. 
1.3.4.    Wonke ama-WSA/Abahlinzeki Benkonzo Yamanzi (ama-WSP) abangakabi nazo izinhlelo zamanzi amahhala, kumele zibe sezikhona ngoNhlaba 2025, wonke ama-WSA angakayihlanganisi imali etholwa ngokudayisa amanzi kufanele athathe izinqumo emiKhandlwini yawo mayelana nalokhu kungakapheli izinyanga eziyisi-6 futhi wonke ama-WSA abuyekeze amarejista awo futhi aqinisekise ukuhlinzekwa kwamanzi amahhala kwabahluphekayo eminyakeni emibili. Bonke abanye abasebenzisi bamanzi bazokhokhiswa futhi imali kufanele iqoqwe kubo bonke abanye abasebenzisi.

2.    Amalungiselelo eNgqungquthela ye-G20 
2.1.    IKhabhinethi laziswe ngomsebenzi oqhubekayo njengoba izwe lilungiselela ukusingatha Ingqungquthela Yabaholi Be-G20, njengoba inqwaba yemihlangano isaqhubeka.
2.2.    I-IMC ye-G20 ibike ngeminye yeMiklamo Yamagugu e-G20 ehleliwe kanye nemicimbi eseceleni ngaphansi kwesikhundla seNingizimi Afrika soBumongameli be-G20. Lokhu kubandakanya umklamo wamagugu wezokuvakasha ngaphansi kobuholi boMnyango Wezokuvakasha, kanye nemicimbi efana neNgqungquthela Yotshalomali Lwezokuvakasha, iNgqungquthela Yezobuchwephe bedijithali Kwezokuvakasha i-Tourism Hackathon, kanye neMiphakathi Egqugquzela Ezokuvakasha. 
2.3.    Lokhu kuhloswe ngakho ukusebenzisa inkundla ye-G20 ukuphakamisa nokubeka kabusha iNingizimu Afrika njengendawo ethandwayo kwezokuvakasha notshalomali lwezokuvakasha. 
2.4.    Le mihlangano elandelayo ye-G20 yabanjwa eNingizimu Afrika ukulungiselela iNgqungquthela ye-G20 
2.4.1.    Umhlangano wesithathu weQembu Elibhekele Umnotho Wedijithali (i-DEWG) owawubanjwe mhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-11 kuNhlangulana 2025 eLimpopo, kwagxilwa ekuqhubekiseleni phambili izinto eziseqhulwini ezibekelwe ukwenza umnotho wedijithali ubandakanye wonke umuntu, uphendule futhi uvumele intuthuko esimeme. 
2.4.2.    Umhlangano wesithathu weQembu Elibhekele Ezezimali Kumazwe Ngamazwe owawubanjwe kusukela mhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-10 kuNhlangulana 2025, eLimpopo, kuxoxwe ngohlaka lokuqapha kanye nokubika loMhlahlandlela we-G20 oluholela kumaBhange Okuthuthukiswa Kwamazwe Ahlukahlukene (ama-MDB) angcono, amakhulu futhi asebenza ngempumelelo.
2.4.3.    INgqungquthela ye-G20 Yezemfundo Esifundazweni eyayibanjwe e-KZN mhla ziyi-10 kuNhlangulana 2025 kwabhekwa amathuba azokwenza amazwe angamalungu akwazi ukuletha ukunakekelwa kwezingane nemfundo eseqophelweni eliphezulu kanye nokukhiqiza abafundi abanekhono lakusasa.
2.4.4.    INgqungquthela ye-U20 Sherpa neSigungu soSodolobha base-Afrika ezoba kusukela mhla ziyi-12 kuya mhla ziyi-14 kuNhlangulana 2025, ihlanganise osodolobha abavela emazweni ahlukene ukuze kudingidwe izinto ezibalulekile njengamathuba ezomnotho, ukusebenza kwesimo sezulu, ukulingana kwezenhlalakahle kanye noguquko lwedijithali. 
2.4.5.    Umhlangano wesine weQembu Lezempilo ubanjwe kusuka mhla ziyi-10 kuya ziyi-13 kuNhlangulana 2025, kwadingida ngamathuba okudluliswa kobuchwepheshe, ukuxhaswa ngezimali okusimeme kanye nokuqondisa imithetho ukuze kuqinisekiswe ukufinyeleleka okufika ngesikhathi nangokulinganayo kumathuluzi okusindisa impilo ngesikhathi sezimo eziphuthumayo.
2.4.6.    Umhlangano wesithathu weQembu Elibhekele Ubuhlakani Mbumbulu (i-AI), Ukuphathwa Kwedatha kanye Nokusungulwa Kwezinto Ezintsha Zokuthuthukiswa Okusimeme ubanjwe e-Limpopo kusukela mhla ziyi-12 kuya mhla ziyi-13 kuNhlangulana 2025, unikeze ithuba amazwe amalungu e-G20 ukuthi alolonge ikusasa lentuthuko ye-AI kanye nokusetshenziswa kwayo ukuthola lokho okudingwa ngumhlaba.

C.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.         Umbiko weKomidi Longqongqoshe Elibhekele Izifo Ezibangelwa Ukudla 
1.1.    IKhabhinethi lithole umbiko we-IMC Wezifo Ezibangelwa Ukudla ogxile ngokukhethekile kwizibulali-zinambuzane ze-organophosphate.
1.2.    I-IMC yelulekwe uMkhandlu Oweluleka oNgqongqoshe (i-MAC) ngezifo ezibangelwa ukudla njengoba waqokwa nguNgqongqoshe Wezempilo, u-Dkt. Aaron Motsoaledi. I-MAC iqukethe ochwepheshe abavela emikhakheni eyahlukene yezempilo futhi bazohlinzeka ngomhlahlandlela mayelana nokuvimbela ukuqubuka kwezifo esikhathini esizayo. 
1.3.    I-MAC yenze umsebenzi ngokutholakala kanye nokusetshenziswa kwe-Terbufos, (eyaziwa kakhulu ngokuthi i-Galiphirimi), umkhiqizo oyingozi kakhulu owabulala izingane eziyisithupha eNaledi, eSoweto. Nakuba isiqinisekiso sokuthi izingane zayithinta singekho, ukuthi kungenzeka ukuthi izingane zidle ukudla okune-Terbufos okuthengwe esitolo se-spaza sendawo kuseyincazelo ekhona.  
1.4.    IKhabhinethi ligunyaze ukuvinjelwa kanye nokungeniswa kwe-Terbufos eNingizimu Afrika isuka kwamanye amazwe, okuyikhemikhali ebizwa ngokuthi i-organophosphate, evame ukusetshenziswa njengesibulali-zinambuzane. 
1.5.    UMnyango Wezolimo uzohola inqubo yezingxoxo zokuvinjelwa kwe-Terbufos okuhambisana noHlelo lwawo lowezi-2010 lokuqeda izibulali-zinambuzane ezinoshevu esikhathini esithile futhi usebenzele ukuhlonza ezinye izindlela eziphephile esikhundleni se-Terbufos.

D.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo nokuhlolwa okufanele.
1.    UMnu. Ndumiso Kubheka njengeSikhulu Esiphezulu Sesikhungo Sikazwelonke Sokuthuthukiswa Kwentsha.

2.    Amalungu eBhodi le-Export Credit Insurance Corporation of South Africa
a.    UNkz. Delia Ndlovu (uSihlalo);
b.    UMnu. Willem van der Spuy
c.    UMnu. Andile Mabizela;
d.    UMnu. Sisa Mayekiso;
e.    UMnu. Bheki Ishmael Mkhize;
f.    UMnu. Philisiwe B. Mthethwa; kanye 
g.    NoNkz. Siobhain O’Mahony.

3.    Amalungu eBhodi le-South African National Accreditation System
(a)    UDkt. Tshengedzeni Demana (uSihlalo);
(b)    UDkt. Dharmarai Naicker;
(c)    UDkt. Pulane Elsie Molokwane;
(d)    UDkt. Bruce Christopher Gordon;
(e)    UNkz. Nolitha Ntobongwana; 
(f)    UNkz. Lebogang Ameliah Matlala;
(g)    UNkz. Anele Zukiswa Vutha;
(h)    UDkt. Nandi Malumbazo;
(i)    UNkz. Slindile Nomathemba Ndwandwe;
(j)    UMnu. John Mayiwane Vusumuzi Mazibuko; kanye
(k)    NoNkz. Nomvula Pamella Mhlari.

4.    Amalungu eBhodi le-South African Bureau of Standards
(a)    USlz. Mzubanzi Bismark Tyobeka (uSihlalo);
(b)    UMnu. Garfield Mario Bergstedt;
(c)    UMnu. Mavela Alford Velamuva Dlamini;
(d)    UDkt. Reabetswe Kgoroeadira;
(e)    UNkz. Tshepiso Tinyiko Matlapeng;
(f)    UNkz. Kgotatso Mohulatsi;
(g)    UNkz. Deidre Penfold; kanye 
(h)    NoMnu. Griffith Zabala.

E.    Imicimbi Ezayo

1.    INgqungquthela Yehayidrojini Ecocekile e-Afrika
1.1    IKhabhinethi likuphawulile ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yehayidrojini Ecocekile e-Afrika eKapa mhla ziyi-12 namhla ziyi-13 kuNhlangulana 2025. Le Ngqungquthela ihlanganisa ongqongqoshe beZamandla base-Afrika, abasunguli benqubomgomo, nabatshalizimali ukuze bahlole amathuba okukhiqizwa kwehayidrojini ecocekile, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye namandla okuthekelisa kwamanye amazwe. 
1.2    Umkhakha wehayidrojini kuleli lizwe udlondlobala ngokushesha njengesisekelo seqhingasu lesizwe lokuguqukela emnothweni wekhabhoni ephansi, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi esimeme kanye nokuzibeka njengomholi womhlaba kwezamandla acocekile.

2.    Inyanga Yentsha (Usuku Lwentsha Lukazwelonke ngowezi-2025)
2.1    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu abasha ukuba bahlanganyele ekugubheni uSuku Lwentsha Lukazwelonke mhla ziyi-16 kuNhlangulana ngaphansi kwendikimba ethi “Amakhono Omhlaba Oguquguqukayo, ukuthuthukiswa kwentsha ukuze ibambe iqhaza elibonakalayo kwezomnotho”. Umcimbi omkhulu walo nyaka uzoba se-Reckfarm Stadium eTlokwe, kuMasipala Wendawo i-JB Marks eNyakatho Ntshonalanga, futhi uzogxila ekukhuthazeni imfundo nokuthuthukiswa kwamakhono entsheni, ahambisana namathuba omnotho. 
2.2    USuku Lukazwelonke Lwentsha luluphawu lwengqopha-mlando lapho abafundi Abamnyama balwa nombuso wobandlululo ngokumelene nokuphoqelelwa kwesiBhunu njengolimi lokufundisa. 
2.3    Yingakho-ke, uMthetho Ochibiyela Imithetho Yezemfundo Eyisisekelo (i-BELA) ugcizelela ukwethulwa kokufundiswa ngolimi lwesintu kwi-STEM yonkana nezinye izifundo ezibalulekile. Lo msebenzi uqale kuHulumeni Wehlandla lesi-6 ngokwethula ukufundisa ngezilimi zomdabu (isiXhosa) eMpumalanga Kapa futhi lokhu kwenze ngcono kakhulu imiphumela kamatikuletsheni yase-EC. Lo msebenzi unabela nakwezinye izifundazwe. Ulimi lwesintu luhlanganisa isiBhunu okuwulimi lwama-Afrika ubandlululo olwaluthi amaKhaladi.

F.    Imiyalezo
1.    Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba:
a)    IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kuHulumeni weRiphabhuliki yase-Zambia nesizwe sonke, kulandela ukudlula emhlabeni kuMongameli waphambilini, uMhlonishwa u-Edgar Chagwa Lungu wase-Zambia.
b)    Umthwebuli wezithombe owaziwayo, isishoshovu samasiko kanye nomhleli we-jazz, u-Rashid Lombard. U-Lombard wayeyilungu elihlonishwayo le-National Order of Ikhamanga (iSiliva), ayithola ngowezi-2014 ngeqhaza lakhe kwezobuciko namasiko kanye nokuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni umculo we-jazz kuleli lizwe;
c)    UMongameli wamaJaji waphambilini woPhiko lwaseMpumalanga Kapa lweNkantolo Ephakeme, uJaji Clement Temba Sangoni, isazi somthetho esihlakaniphe kakhulu futhi ebambelele ngokuqinile emgomweni wobulungiswa ongaguquki, owayephinde abe ngumholi wendabuko ophezulu woMkhandlu Wendabuko waseQokolweni-Zimbane eMthatha. 
2.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba:
a)    UTete Dijana ngokuwina i-Comrades Marathon yowezi-2025 okwesithathu, nowaphumelela ngowezi-2022 nangowezi-2023;
b)    U-Gerda Steyn ngokuvikela isicoco sakhe se-Comrades Marathon ngokunqoba i-Women’s 2025 Comrades Marathon kanye nokuba umgijimi wokuqala waseNingizimu Afrika ukuwina umjaho ogqugquzela ubuntu izikhathi ezine. Phambilini wayiwina ngowezi-2019, owezi-2023 nangowezi-2024.
c)    Isihlabani sama-Paralympic esihamba ngesihlalo, uKgothatso Montjane kanye nozakwabo wase-Japan u-Yui Kamiji, ngokuwina isicoco sabo sesibili se-French Open Women’s Wheelchair Doubles;
d)    Umsubathi waseNingizimu Afrika, uZakithi Nene, ngokuwina igolide ku-Men’s 400m e-Kip Keino Classic e-Nairobi kanye nokubeka irekhodi elisha lemizuzwana engu-43.76; 
e)    Umklami wezindawo waseNingizimu Afrika, u-Leon Kluge nethimba lakhe ngokuwina igolide ku-RHS Chelsea Flower Show e-London;
f)    Sihalalisela iBhodi kanye Nabaphathi bakaw-Telkom ngemiphumela yabo yezezimali futhi ngokokuqala ngqa eminyakeni emine bakhokhe izabelo ze-R500m kuhulumeni, liholwa ngusihlalo u-Geoff Qhena kanye ne-Group CEO uMnu. uSerame Taukobong.


Imibuzo: Nkz. Nomonde Mnukwa 
 iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore