ISitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla we-15 kuMfumfu wezi-2025

A.    Ezisematheni

1.    Ezemidlalo 
1.1.    INingizimu Afrika ingene kwiMidlalo Yendebe Yomhlaba ye-FIFA ngowezi-2026
1.1.1.    IKhabhinethi lihalalisela iqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo elikhulu, iBafana Bafana, ngokungena kwiNdebe Yomhlaba ye-FIFA 2026, okwagcina ukwenzeka ngowezi-2002 (ngemidlalo yokuhlunga) nangowezi-2010 (ngamalungelo esizwe esisingathile, lapho iNingizimu Afrika yasingatha umqhudelwano wokuqala weNdebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo ezwenikazini lase-Afrika).
1.1.2.    Indlela yeBafana Bafana eya ekungeneni beyibonakalisa ngokweqiniso umoya wabantu baseNingizimu Afrika wokuqina, amandla kanye nokukhalipha. Ikithi lento siyiNingizimu Afrika, Isegazini.

2.    Umnotho
2.1.    UHlelo Lwezinguquko luka-Eskom Lwenzuzo Yezigidigidi ezi-R16
2.1.1.    IKhabhinethi likwamukele ukubuyela kwe-Eskom ekwenzeni inzuzo ngemva kokuba inkampani ibike inzuzo eyizigidigidi eziyi-R16 ngemva kwentela onyakeni wezimali ophela ngoNdasa wezi-2025, okusho lukhulu ngenqubekela-phambili yohlelo lwezinguquko e-Eskom.
2.1.2.    Izinguquko zase-Eskom zikhombisa umthelela wohlelo lwe-Operation Vulindlela lwezinguquko kanye nobuholi obuqinile beBhodi eliholwa nguSihlalo wakwa-Eskom, uDkt. Mteto Nyathi; kanye nethimba labaphathi abanekhono eliholwa yi-Group CEO uMnu. Dan Marokane kanye nomsebenzi woBuholi bezepolitiki bukaNgqongqoshe Wezamandla Kagesi, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa.
2.1.3.    Le ngqopha-mlando yenzeka ngesikhathi lapho izwe selibe nesinye isikhathi eside ngaphandle kokucishwa-konga kukagesi, esingaphezu kwezinsuku eziyi-150 zilandelana ngaphandle kokucishwa-konga kukagesi, okubonisa ngokusobala ukuthi ukuphakelwa kukagesi eNingizimu Afrika kunozinzo. U-Eskom ubeke eqhulwini ukuqedwa ukucishwa kukagesi ezinyangeni eziyi-12 kuya kweziyi-18 ezizayo. Ukucishwa kukagesi njengamanje kwenzelwa ukuvikela ingqalasizinda ebalulekile ezindaweni ezikhahlanyezwe ukulahlekelwa ugesi kanye nokuxhuma ngokungemthetho.
2.1.4.    IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuthi ibike ngokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, ukweba kanye nokucekelwa phansi kwempahla ocingweni lwamahhala lwakwa-Eskom ku-0800 112 722 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze.

2.2.    Ingozi Yebhasi Eyenzeke Emngceleni waseMakhado (eLimpopo) ku-N1 North 
2.2.1.    IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kohulumeni nakubantu baseZimbabwe naseMalawi ngokushona kwezakhamuzi zabo ezingama-43 engozini yebhasi ku-N1 North eMakhado (eLimpopo), ngeSonto, mhla ziyi-12 kuMfumfu wezi-2025. IKhabhinethi lifisela ukululama kwabalimele abangama-48 abasasele ezibhedlela eSifundeni saseVhembe eLimpopo.
2.2.2.    IKhabhinethi lidabukile ukuzwa ukuthi le ngozi ibingagwemeka ukube imithetho yomgwaqo ibilandelwa futhi ithotshelwa, laphinde lanxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo, ikakhulukazi, abasebenzisi bezithuthi zomphakathi ukuba bathobele umthetho ngokusebenzisa izimoto ezifanele ukuba semgwaqeni kuphela, bagweme ukugcwalisa kakhulu abagibeli nemithwalo, futhi bashayele ngokuphepha. 
2.2.3.    Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi lizwakalise ukudumala nokungaphatheki kahle kwayo ngamabhakede emishanguzo yezidambisi-gciwane (ama-ARV) kanye neminye imishanguzo ekhishwa ngodokotela etholakale phakathi kwezingcucu zebhasi elingenayo imvume yokuthwala imithi. Sekuqaliswe uphenyo oluphelele, futhi izikhungo zomthetho nazo zithatha le ngozi njengecala lokushushumbiswa kwemithi elingase livulwe. Ukwebiwa kwemithi kadokotela, ikakhulukazi ama-ARV nakho kubukela phansi impi yokulwela isifunda esingenayo i-HIV. 
2.2.4.    IKhabhinethi licela abantu bangaphandle ukuthi babe yizivakashi eziziphethe kahle eNingizimu Afrika futhi likhumbuza wonke umuntu ukuthi kube umzamo omkhulu ukunqanda ukuphathwa kabi kwakamuva okubhekiswe kubantu bakwamanye amazwe emitholampilo yakuleli. Ngeshwa, ubufakazi obuqinisekisa ukwebiwa okungenangqondo kwemithi emitholampilo kahulumeni akuyisizi imizamo yokubuyisela izimo kubantu bangaphandle ukuze bathole ukunakekelwa kwezempilo ezikhungweni zikahulumeni. 
2.2.5.    IKhabhinethi ledlulise ukubonga kuHulumeni Wesifundazwe saseLimpopo ngokusabela kwakhe ngokushesha ekuhlinzekeni ngezokwelapha kwabalimele nokuvundulula imizimba yalabo abashonile.

3.    Ezempilo
3.1.    Ukulwa ne-HIV ne-Aids
3.1.1.    IKhabhinethi litshelwe mayelana nokwethulwa kokuqaliswa komuthi wokuvimbela i-HIV ilenacapavir, okuhlelelwe ukuqala ngoNdasa noma ngoMbasa wezi-2026. ILenacapavir iyikhambi elisebenza isikhathi eside elivimbela i-HIV elinikeza ukuvikeleka izinyanga eziyisithupha ngemithamo emibili nje ngonyaka. Ukuqaliswa kokuqala kuzogxila ezifundeni ezingama-23 ezinezigameko eziphezulu ezifundazweni eziyisithupha, kubhekwe imitholampilo yomphakathi eqhuba kahle cishe engama-360 kulezi zindawo.
3.1.2.    Lokhu kuqaliswa kuzoqinisa ukulwa kukahulumeni nesandulela-ngculazi nengculazi kanye nenjongo yethu yokunciphisa ukutheleleka okusha kwe-HIV kube ngaphansi kuka-0.1% ngowezi-2032.

4.    Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe 
4.1.    Uhulumeni wase-US ugunyaze i-PEPFAR BRIDGE PLAN eNingizimu Afrika
4.1.1.    IKhabhinethi likwamukele ukugunyazwa kwe-PEPFAR Bridge Plan eNingizimu Afrika yenani lezigidi eziyi-US$115 isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha kusukela mhla lu-1 kuMfumfu wezi-2025 kuya zingama-31 kuNdasa wezi-2026.
4.1.2.    I-PBP yenzelwe ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ze-HIV okungaphazamiseki eNingizimu Afrika ngokweseka ukuqhubeka kwezinsizakalo ze-HIV/Aids nokubeka eqhulwini izidingo eziqondene nezwe kanye nokusindisa impilo. 
4.1.3.    IKhabhinethi lizwakalise ukubonga kuhulumeni wase-United States of America ngokuzibophezela kwakhe ekwesekeni nasekusimamiseni inqubekela-phambili ekulweni ne-HIV/Aids.

4.2.    Uhambo lomsebenzi lukamongameli oluya e-Ireland naseBelgium 
4.2.1.    Uhambo lomsebenzi lwakamuva lukaMongameli uCyril Ramaphosa oluya e-Ireland mhla ziyisi-8 kuMfumfu wezi-2025 kanye naseBelgium mhla ziyisi-9 kuMfumfu wezi-2025, luqinise ubudlelwano beNingizimu Afrika namanye amazwe futhi kwavula nezindlela ezintsha zokuhwebelana nokutshalwa kwezimali. 
4.2.2.    Kulolu hambo lwaseBelgium, uMongameli Ramaphosa ubambe iqhaza kuGlobal Gateway Forum eBrussels kusukela mhla ziyisi-9 kuya ziyi-10 kuMfumfu wezi-2025, lapho uMongameli Wekhomishana YaseYurophu amemezela khona uHlelo Lotshalomali Lomhlaba oluyizigidigidi eziyi-€11.5 (amabhiliyoni angama-R229) eNingizimu Afrika. Lolu hlelo luzibophezela ekukhuliseni utshalomali lwase-Europe kuleli lizwe ngezigidigidi eziyi-R173 oHlelweni Lokuguqukela Emandleni Acocekile, izigidigidi ezingama-R24 kuJust Component, izigidigidi ezingama-R20 zengqalasizinda nokuxhuma kanye nezigidigidi eziyisi-R6 ekwakheni uchungechunge kwezemithi yokwelapha. 
4.2.3.    IKhabhinethi lamukele uhlelo lokutshalwa kwezimali kanye nomthelela olungaba nawo ekukhuleni komnotho, ekudaleni amathuba emisebenzi, amabhizinisi asekhaya kanye nokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

4.3.    Sekubalwa Izinsuku ezingama-40 Kuqale i-G20
4.3.1.    Sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuqala kweNgqungquthela Yabaholi Be-G20 njengoba sekusele izinsuku ezingaphezudlwana nje kwama-40 ngaphambi kokuthi iqale ngoLwezi eNingizimu Afrika. 
4.3.2.    UMongameli uCyril Ramaphosa uhlole indawo ngoLwesihlanu, mhla ziyi-10 kuMfumfu wezi-2025 eNASREC Expo Centre ukuze athole isiqinisekiso sokuma ngomumo kwendawo. 
4.3.3.    UHulumeni Wesifundazwe saseGauteng esekwa yiHhovisi likaMongameli uphinde abambe imihlangano masonto onke yokuhlola ukuma ngomumo kwengqalasizinda ukuhlola ukulungela kanye namagebe adinga ukungenelela.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

5.    Uhlelo Lokugcina Lwezinsiza Oludidiyelwe (i-IRP 2025)
5.1.    IKhabhinethi ligunyaze uhlaka lokugcina loHlelo Lwezinsiza Oludidiyelwe (i-IRP 2025) okuwuhlelo lwesikhathi eside olwenzelwe ukuhlela ukuhlanganiswa kukagesi ezweni, okuhloswe ngalo ukulinganisa ukuphakelwa nesidingo sikagesi ngesikhathi kubhekwa umthelela wemvelo kanye nezindleko zikagesi. Inqubomgomo yokugcina eyethulwe kwiKhabhinethi imele utshalomali lwezigidintathu ezi-R2.23 ezizosiza ukuhlanganiswa kukagesi eNingizimu Afrika esikhathini esizayo. 
5.2.    Lolu hlelo luhlose ukunciphisa izinkinga ezishiywa ugesi kwimvelo ngokunciphisa ukungcola okukhishwa ugesi emhlabeni nakuleli lizwe. Lugxile ekubhekaneni nezingqinamba zamanje kwezamandla kanye nokuhlelela izinjongo zesikhathi eside, ezifana nokuzuza umkhakha kagesi onguZero Net ngowezi-2050. I-IRP 2025 iwukuthuthukiswa kwe-IRP 2023 eyagunyazwa yiKhabhinethi.

6.    Inqubomgomo Yezokuxhumana Kukahulumeni yowezi-2025
6.1.    IKhabhinethi ligunyaze izichibiyelo zeNqubomgomo Yezokuxhumana Kukahulumeni yowezi-2018 ukuba yiNqubomgomo Yezokuxhumana Kukahulumeni yowezi-2025. 
6.2.    Le nqubomgomo ibhekana nezinguquko zesimo sezokuxhumana, iqinisekisa umphakathi onolwazi olunzulu ngokuxhumanisa ukuxhumana kukahulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi kuyahambisana, akunazihibe futhi kuhlinzeka ngolwazi lukahulumeni ngesikhathi, olunembayo futhi olufinyelelekayo.
6.3.    Inqubomgomo, ehambisana ne-MTDP 2025 – 2029, isebenza kuzo zontathu izigaba zikahulumeni okuhlanganisa nama-ejensi nezinhlaka zabo. Ngokwengqikithi kaHulumeni Wobumbano Lwesizwe, inqubomgomo izoqondisa ukuhambisana kwemiyalezo ikakhulukazi ezindabeni zenqubomgomo kahulumeni kanye nalokho okuthakaselwa uzwelonke.

7.    Umbono Okummongo Wophawu Lwesizwe kanye Nesu Lokumisa Kabusha Izwe 
7.1.    IKhabhinethi laziswe ngemiphumela yocwaningo lwakamuva lwesithunzi somkhiqizo wesizwe olwenziwe yiBrand SA. 
7.2.    IKhabhinethi ligunyaze Isu Lokumisa Kabusha Izwe elichaza isiphakamiso sokubaluleka koPhawu Lwesizwe eNingizimu Afrika.  
7.3.    Leli lisu lakhelwe ekuxhumaneni okudidiyelwe, ukusebenzisana nababambiqhaza okuhlosiwe kanye nemiyalezo eqondene nezwe ngqo ukuze kuqinisekiswe ukuzwakala kuzo zonke izimakethe ezihlukahlukene. 
7.4.    IBrandSA izoqala ukwethula nokusebenzisa iSu.  

C.    IMithethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuvikela, wezi-2025 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokuvikela, wezi-2025. Inhloso enkulu yalo Mthethosivivinywa ukuchibiyela izigaba ezithile ezihambisana nesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo odabeni oluphakathi kuka-O’Brien N.O v uNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi kanye Nabanye sowezi-2024. 
1.2.    Leli cala laliphathelene nokuzimela kwezinkantolo zezempi, ikakhulukazi izinkantolo ezimbili zamasosha ezasungulwa okokuqala ngqa ngaphansi koMthetho Wezinyathelo Zokuqondiswa Kwezempi we-1999, iNkantolo Yejaji Lezempi kanye neNkantolo Yejaji Elikhulu Lezempi. Izichibiyelo zizobhekana nakho konke ukuphambana nomthethosisekelo okuvezwe yinkantolo enkulu.

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinyathelo Zokuqondiswa Kwezempi, wezi-2025 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinyathelo Zokuqondiswa Kwezempi, wezi-2025. 
2.2.    Izichibiyelo kuhloswe ngazo ukubhekana nezigaba ezithile ngokuhambisana nesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo odabeni oluphakathi kuka-O’Brien N.O v uNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi kanye Nabanye sangowezi-2024. 
2.3.    Leli cala laliphathelene nokuzimela kwezinkantolo zezempi, ikakhulukazi izinkantolo ezimbili zamasosha ezasungulwa okokuqala ngqa ngaphansi koMthetho Wezinyathelo Zokuqondiswa Kwezempi we-1999, iNkantolo Yejaji Lezempi kanye neNkantolo Yejaji Elikhulu Lezempi.

3.    Ukuhoxiswa kokucutshungulwa koMthethosivivinywa Wokuthunyelwa Kwempahla Ngemikhumbi, wezi-2023 
3.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuhoxiswa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuthuthwa Kwempahla Ngemikhumbi, wezi-2023 ukuze kuvunyelwe uMnyango Wezokuthutha ukuthi uphothule inqubo yeNedlac. 
3.2.    UMthethosivivinywa ulungisa kabusha uMthetho Wokuthuthwa Kwempahla Ngemikhumbi we-1951 ukuze ufezekise umbono kahulumeni okuhloswe ngawo ukuvuselela ingxenye yokuthuthwa kwempahla ngemikhumbi yomkhakha wezokuthutha olwandle okuhloswe ngawo ukuthuthukisa igalelo lawo ekukhuleni komnotho.  

D.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.
1.    UMnu. Bongani Sayidini njengoMphathi Omkhulu wasePetroleum Agency South Africa. 
2.    UNkz. Ditebogo Barbara Kgomo njengoMphathi Omkhulu waseNational Nuclear Regulator. 
3.    UMnu. Makhahlele Richard Manzini njengeChief Investment Officer yeSmall Enterprise Development and Finance Agency (i-SEDFA).
4.    UMnu. Molatlhegi Kgauwe njengoMphathi Wezimali Omkhulu e-SEDFA.
5.    UNkz. Xoliswa Daku njengelungu leBhodi le-Export Credit Insurance Corporation of South Africa.
6.    UMnu. Christoffel Johannes Lotter tukuthi asebenze kwiBhodi lePorts Regulator of South Africa.
7.    Amalungu ebhodi leNuclear Energy Corporation of South Africa 
i.    Mnu. David Nicholls (uSihlalo).
ii.    Dkt. Vuyo Mthethwa (iPhini likaSihlalo);
iii.    Dkt. Derik Wolvaart;
iv.    Dkt. Khensani Xivuri;
v.    Mnu. Ismail Lambat;
vi.    Dkt. Pulane Molokwane;
vii.    Mnu. Eugene Julies; kanye
viii.    noNkz. Phumelele Dlungwane

8.    Abaqondisi beBhodi le-Eskom Holdings SOC Ltd
i.    Dkt. Busisiwe Vilakazi
ii.    Mnu. Lwazi Goqwana
iii.    Mnu. Clive Le Roux
iv.    Dkt. Andrew Barendse
v.    Dkt. Dimakatso Matshoga
vi.    Dkt. Kgaogelo Chiloane
vii.    Nkz. Sharmila Govind
viii.    Dkt. Vuyo Peach
ix.    Dkt. Tsakani Mthombeni
x.    Nkz. Bajabulile Tshabalala 
xi.    Mnu. Tshokolo Nchocho

9.    Ukwengezwa kwebhodi lesikhashana le-Universal Service and Access Agency of South Africa  
i.    Mnu. Busani Ngcaweni;
ii.    Nkz. Yolisa Kedama;
iii.    Nkz. Carmen Cupido; kanye 
iv.    noNkz. Rachel Kalidass.

10.    Abaqondisi beBhodi leCross-Border Road Transport Agency (i-C-BRTA)
i.    Mnu. Kevin van der Merwe (uphinde wabekwa) - uSihlalo
ii.    Ummeli Adila Chowan (uphinde wabekwa)
iii.    Nkz. Loyiso Kula (uphinde wabekwa) – iPhini likaSihlalo
iv.    Nkz. Keitumetse Mahlangu
v.    Nkz. Yongama Pamla-Dhludhlu
vi.    Dkt. Dineo Penelope Mathibedi
vii.    Nkz. Zandile Kabini
viii.    Mnu. Randall Howard
ix.    Mnu. Dave Jackson Moswane

E.    Ezakamuva kwiKhabhinethi
1.    Umbiko Wophenyo Ngokuwa kwedamu lemfucuza iJagersfontein 
1.1.    IKhabhinethi lazisiwe ngemiphumela yophenyo lobuchwepheshe mayelana nokuwa kwedamu lemfucuza iJargesfontein okwadala umonakalo omkhulu edolobheni laseJagersfontein eFreyistata. UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNkz. Pemmy Majodina uzowudedela lo mbiko emphakathini. 
1.2.    IKhabhinethi liyajabula ngokuthi ukuqulwa kwamacala obugebengu sekuqalile njengoba ummangalelwa evele eNkantolo yeMantshi yaseJagersfointein mhla ziyi-11 kuMandulo wezi-2025.  

2.    Umkhakha kawoyela negesi waseNingizimu Afrika 
2.1.    IKhabhinethi laziswe ngokuqhubekayo emkhakheni kawoyela negesi eNingizimu Afrika. Izwe lenza umsebenzi omkhulu ekusebenziseni imithombo yegesi ukukhiqiza ugesi nemisebenzi ehlobene nophethiloli; kanye namadwala ase-Karoo Basin okulinganiselwa ukuthi angamumatha amacubic feet angama-200 trillion emithombo yegesi. Izwe lifuna ukusheshisa ukuhlola kuzo zombili izimakethe zasogwini nangaphandle kogu ukuze kuvuleke ikhono eligcwele lemithombo yalo kawoyela negesi.
2.2.    Ukuhlola nokukhiqiza okuqhubekayo kubandakanya iVirginia Gas Project eFreyistata, i-Amersfoort and Volksrust Gas Project eMpumalanga kanye ne-Lephalale Coal Bed Methane Project eLimpopo. Le miklamo iphethe igesi yemvelo eningi nemithombo yehelium. UNgqongqoshe Wezokudoba, Amahlathi, kanye Nezemvelo useyiphothulile Imithethonqubo Yegesi Yedwala futhi izofakwa kugazethi ngaphambi kokuphela kukaMfumfu wezi-2025. Le Mithethonqubo izohlinzeka ngohlaka lokulawula ubungozi bemvelo kanye nokuphepha okuhlobene nokuqhekeka.

3.    Isimo saseSudan kanye nohambo lomsebenzi lwePhini likaMongameli oluya eSouth Sudan 
3.1.    IKhabhinethi liyigxekile ingxabano eqhubekayo eSudan esanda kuholela ekubulaweni kwezakhamuzi ezilinganiselwa kuma-60 kanti eziyi-17 kuzo bekuyizingane yiRapid Support Forces (i-RSF) mhla ziyisi-9 kuMfumfu wezi-2025 e-El Fasher, inhloko-dolobha yaseNorth Darfur eSudan. 
3.2.    IKhabhinethi liphawule ngokukhathazeka ukuthi kuze kube manje, izinkulungwane zezakhamuzi zisavaleleke e-El Fasher osekuyisizinda sokuhlaselwa ngokungakhethi kwe-RSF okwenza isimo sibe sibi esivele sisibi kakhulu. 
3.3.    Ngakolunye uhlangothi, iKhabhinethi likwamukele ukuqiniswa kokubambisana emikhakheni yezokuphepha, ezobunhloli, kanye nokusungulwa kwekomiti elihlangene lezomnotho phakathi kweSouth Sudan neSudan. IKhabhinethi likubona lokhu kuqiniswa kobudlelwano njengokubalulekile ekwenzeni ngcono uzinzo nokuvikeleka kwesifunda. 
3.4.    Njengoba iNingizimu Afrika iqinisekisa ukuthula, iKhabhinethi likwamukele ukuphothulwa kokuvakasha okuyimpumelelo kwePhini likaMongameli uPaul Mashatile eJuba, eSouth Sudan esikhundleni sakhe njengeSithunywa Esikhethekile SikaMongameli eSouth Sudan. Lolu hambo lugxile ekuvuseleleni ukuqaliswa kweSivumelwano Esivuselelwe Sokuthula ebesimile.

4.    Uhlelo lukaMongameli Lokuthula lwe-Israel nePalestine kanye Nokubuyiswa Kwezishoshovu zeGlobal Sumud Flotilla 
4.1.    IKhabhinethi likwamukele ukusayinwa koHlelo likaMongameli Trump Lokuthula lwe-Israel nePalestine, oluvula indlela yokuqeda udweshu olubi eGaza. Le nqubekela-phambili ihambisana nokuzibophezela kweNingizimu Afrika kwesikhathi eside ekuletheni ukuthula emhlabeni wonke, ubulungisa kanye nenkululeko yabantu basePalestine.
4.2.    IKhabhinethi liphinde linxusa zonke izinhlangothi ukuthi zihloniphe izinyathelo okuxoxiswene ngazo futhi ziphishekele inqubo yezombusazwe ethembekile nebandakanya wonke umuntu ezoqeda le nkinga yobuntu futhi ivimbele ukulahleka kweminye imiphefumulo.
4.3.    IKhabhinethi liphinde lakwamukela ukuqaliswa kweSigaba soku-1 soHlelo Lokuthula ngokukhululwa kwabathunjwa bakwa-Israel ngokushintshana neziboshwa zezombusazwe zasePalestine.
4.4.    Uhulumeni waseNingizimu Afrika uyaqhubeka nokugqugquzela ukuthi kuqedwe nya ukudliwa kweGaza nezinye izindawo zasePalestine. 
4.5.    IKhabhinethi likwamukele ukubuya ngokuphephile kwezishoshovu eziyisithupha zaseNingizimu Afrika ezihlanganyele kuGlobal Sumud Flotilla, umkhankaso okuhloswe ngawo ukuhambisa ukudla nezinsiza zokwelapha eGaza. IKhabhinethi licela kumiswe ukudubulana ngokushesha, ukufinyelela kwezenhlalakahle okungavimbekiyo futhi kukhishwe izakhamuzi ngokuphephile ezindaweni ezilwayo.

5.    Okuqhubekayo kwezepolitiki eRiphabhulikhi yaseMadagascar 
5.1.    IKhabhinethi liziphawule ngokukhathazeka izinxushunxushu zezombusazwe zakamuva eRiphabhulikhi yaseMadagascar, eziholele ekulahlekeni kwemiphefumulo nasekucekeleni phansi impahla. 
5.2.    IKhabhinethi linxusa ukuthi kube nokuthula futhi bonke abantu/ ababambiqhaza bafune isixazululo esinokuthula kulokhu kungqubuzana ngendlela ehambisana nemigomo yentando yeningi, kanye nokubusa komthetho.

F.    Imicimbi Ezayo
1.    Inyanga Yezokuthutha
1.1    Njengoba sigubha Inyanga Yezokuthutha kulo Mfumfu, iNingizimu Afrika ibungaza indima ebalulekile yezokuthutha ekuqhubekiseni phambili umnotho wethu nasekulolongeni izimpilo zethu zansuku zonke. Njengoba sesingene ngokugcwele kule nyanga, lesi sikhumbuzo saminyaka yonke sigqamisa ukuqina kwengqalasizinda yethu yezokuthutha kwezezindiza, ezasolwandle, ezokuthutha umphakathi kanye nemigwaqo.
1.2    Utshalomali lwethu emkhakheni wezokuthutha lukhuthaza ukukhula komnotho nokudala amathuba emisebenzi. Ukuthuthukiswa kwezitimela, imigwaqo kanye nezokuthutha umphakathi kuguqula indlela abantu baseNingizimu Afrika abafinyelela ngayo ezindaweni zokusebenza, ezikoleni nasezindaweni zokungcebeleka, lukhuthaza ukuxhumana kakhudlwana namathuba.
1.3    Umzuzu ogqamile weNyanga Yezokuthutha bekuyi-SA Auto Week, ebanjwe kusukela mhla lu-1 kuya zi-3 kuMfumfu wezi-2025 eNelson Mandela Bay. Lo mcimbi omkhulu uhlanganise abaholi bezimboni, abatshalizimali, abakhiqizi bemishini yangempela kanye nama-SMME ukuze kuqalwe izingxoxo zokusheshisa ukutshalwa kwezimali, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokuthuthukiswa kwezimboni okubandakanya wonke umuntu kumasipala omkhulu nesifundazwe, ukuqinisa ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ekubeni nekusasa lezokuthutha eliphumelelayo, elilinganayo.

2.    Ingqungquthela yesi-7 Yobulungiswa Bezenhlalakahle 
2.1.    UMongameli Cyril Ramaphosa uzokwethamela Ingqungquthela Yesi-7 Yobulungiswa Bezenhlalakahle eNyuvesi yaseStellenbosch mhla ziyi-17 kuMfumfu wezi-2025, ezobanjwa ngaphansi kwendikimba ethi: “Ubulungiswa Bezenhlalakahle, Ukungapheli Kokudla Nokuthula: Izindlela Zokulingana, Ubumbano, Ukusimama kanye Nokumelana Nesimo Sezulu”. 
2.2.    Le ngqungquthela izohlanganisa abaqambi benqubomgomo, izishayamthetho, izinhlangano zezombusazwe, abezomthetho, abaholi bendabuko nabezenkolo, izinhlangano zomphakathi kanye nezifundiswa ukuze kugqugquzelwe izingxoxo ezisezingeni eliphezulu mayelana nokungapheli kokudla njengesisekelo sobulungiswa bezenhlalakahle, ukulingana kanye nentuthuko esimeme. 
2.3.    Le ngqungquthela ihlose ukusheshisa inqubekela-phambili ebheke kuNhloso yesi-2 yeNtuthuko Esimeme (Ukuqeda Indlala) kanye ne-Ajenda 2063 ye-AU. Iphinde ihambisane noHlelo Lwentuthuko Lukazwelonke lwaseNingizimu Afrika lowezi-2030, olubeka eqhulwini ukuqedwa kobubha kanye nokunciphisa ukungalingani.

3.    INgqungquthela ye-Afrika yowezi-2025
3.1.    INgqungquthela ye-Afrika yeFinancial Times izobanjelwa eLondon phakathi komhla zingama-21 kuya zingama-22 kuMfumfu wezi-2025 ngaphansi kwendikimba ethi: “I-Afrika Emhlabeni Oguqukayo”.
3.2.    Le ngqungquthela izohlanganisa izinhloko zemibuso, ongqongqoshe, abaholi bamabhizinisi, abezimali kanye nabasunguli bezinto ezintsha ukuze bahlole ukuthi amazwe ase-Afrika angabhekana kanjani nokushintshashintsha kwemifelandawonye yomhlaba, athuthukise ubuchwepheshe bedijithali nobuvuselelekayo, ajulise ukuhwebelana phakathi kwezwekazi futhi ahehe ukutshalwa kwezimali okusimeme.
3.3.    Le ngqungquthela inikeza inkundla yokucija umbono we-Afrika ezingxoxweni zomhlaba wonke, ukwakha ubudlelwano kanye nokubumba ikusasa eligxile ekuqiniseni nasekukhuleni okubandakanya wonke umuntu.

4.    Izivivinyo zeSitifiketi Sikazwelonke
4.1.    IKhabhinethi lifisela Ikilasi Lonyaka wezi-2025 okuhle kodwa njengoba lilungiselela izivivinyo zeSitifiketi Sikazwelonke SikaMatikuletsheni (i-NSC) ezizoqala mhla zingama-21 kuMfumfu wezi-2025 ziphele zingama-27 kuLwezi wezi-2025.
4.2.    Uhulumeni uyakuthokozela ukuzinikela kothisha, abazali kanye nababheki abaqhubeka nokwesekwa abafundi nokubanika ithemba lokuthi baphumelele.
4.3.    IKhabhinethi licela abazali nabanakekeli babantwana ukuthi bahlale bezibandakanye ngokukhuthala futhi bakhuthaze abafundi, ngesikhathi beqinisekisa ukuthi banendawo ekhaya ebesekayo nekulungele ukuthi bafunde baphinde bazilungiselele.

G.    Imiyalezo
1.    Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubantu nohulumeni:

  • WowayenguNdunankulu waseKenya (2008 - 2013), uMnu. Raila Odinga. Waphinde wasebenza njengoMmeleli Omkhulu WeNhlangano Yamazwe ase-Afrika Wokuthuthukiswa Kwengqalasizinda (2018 – 2023). Usopolitiki waseKenya nelungu lePhalamende. 

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nomndeni ka:

  • UNgqongqoshe waphambilini kanye neNxusa laseNingizimu Afrika eFrance, uMnu. Nathi Mthethwa osebenze kwiKhabhinethi iminyaka eyi-15 ezikhundleni zezeMidlalo, eZobuciko Namasiko kanye Namaphoyisa. Wabuye wabamba iqhaza elikhulu emzabalazweni wenkululeko yaseNingizimu Afrika. Ekuhlonipheni umsebenzi wakhe oncomekayo esizweni sethu nakubantu bakhe, uMongameli Ramaphosa umemezele uMngcwabo Okhethekile Osemthethweni weSigaba sesi-2.

2.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kulaba:

  • USolwazi Peter Mutharika ekunqobeni kwakhe okhethweni lukazwelonke lwaseMalawi; futhi simfisele impumelelo njengoba elungiselela ukuthatha umthwalo osindayo awunikezwe abantu baseMalawi. INingizimu Afrika ibheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenzisana kwayo nokuphatha kukaSolwazi Mutharika, ukusebenza ngokubambisana ukuqinisa izibopho zobudlelwano kanye nobumbano phakathi kwezizwe zethu ezimbili.
  • USolwazi Priya Soma-Pillay okhethweni lwakhe njengePhini likaMongameli Wenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezifo Zabesifazane Nezokubelethisa (i-FIGO) ngesikhathi soMhlangano Jikelele we-FIGO wezi-2025 eKapa.
  • INingizimu Afrika ihlonishwe ngemizamo yayo emikhulu yokulwa nokukhuluphala ngokweqile kanye nezifo ezingathathelani, ithola Umklomelo We-UN Inter-Agency Task Force eMhlanganweni Weshumi Waminyaka Yonke yeFriends of the Task Force eNew York, e-USA. Lokhu kuhlonishwa kugcizelela ubuholi beNingizimu Afrika ekubhekaneni nokukhuluphala ngokweqile kanye nezifo ezingathathelaniyo, nokubeka uphawu lokuthi ezinye izizwe zilulandele ekulweni nezifo ezingagwemeka.
  • UMvikeli Womphakathi waseNingizimu Afrika (i-PPSA) lapho igubha iminyaka engama-30 yasungulwa. I-PPSA ibambe iqhaza elibalulekile ekuphakamiseni imigomo yentando yeningi labantu, ukubeka izinto obala kanye nokuphatha okuhle.
  • AmaBhokobhoko ngokunqoba kwawo kulandelana iRugby Championship. Iqembu seliphinde lakhombisa amandla, ikhono kanye nobumbano enkundleni yomhlaba.
  • Iqembu lebhola likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engama-20, elaziwa kakhulu ngokuthi Amajita, ngokufinyelela esigabeni sokugcina se-16 seNdebe Yomhlaba ye-FIFA Yabangaphansi Kwama-20 eChile.

Sikhishwe:
Imibuzo: Mnu. Sandile Nene – iBamba likaSomlomo weKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 712 2316
 

Share this page

Similar categories to explore