A. Ezisematheni
1. Ukwakha amandla nokuqina komnotho
1.1. Uhulumeni namabhizinisi baqinisa ubudlelwano ukuze kusheshiswe ukukhula komnotho kanye nokusungulwa kwamathuba emisebenzi
1.1.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kweSigaba sesi-3 soBudlelwane Bukahulumeni Namabhizinisi ukuze kuthuthukiswe ukukhula komnotho, kuhehwe utshalomali futhi kusungulwe imisebenzi engaphezu kwesigidi ngowezi-2030.
1.1.2. Isigaba sesi-3 sakhelwe phezu kwempumelelo yokubambisana kweSigaba soku-1 nesesi-2 emikhakheni ebalulekile. Impumelelo yeSigaba sesi-2, ifaka phakathi ukuphela kokucimangoka, ukuthuthukiswa kokusebenza kwezitimela namachweba; ukuphuma kweNingizimu Afrika ohlwini lwe-FATF; kanye nokubekwa yi-S&P neFitch esigabeni esingcono seZikweletu.
1.1.3. Isigaba sesi-3 sizothuthukisa izinguquko, siqinise ukuzethemba kwabatshalizimali futhi sandise amathuba ezomnotho kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Ngezinhloso ezibalulekile zokwandisa amandla kagesi, ukwandisa inani lempahla, ukuvula ukutshalwa kwezimali okukhulu, kanye nokuthuthukisa ukufika kwezivakashi zamazwe ngamazwe ngowezi-2027.
1.2. INingizimu Afrika ilungisa umgomo omusha wesifo sofuba
1.2.1. IKhabhinethi laziswe ngenqubekela-phambili ekusungulweni komgomo omusha wesifo sofuba (i-TB), okwamanje useSigabeni sesi-3 sokuvivinywa, ongaba negalelo elikhulu ekuqedeni i-TB njengesifo esiyingozi empilweni yomphakathi.
1.2.2. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi uhulumeni ulungiselela ukubhaliswa nokwethulwa komgomo uma izivivinyo ziphumelela.
IKhabhinethi liphinde lamukela isivumelwano nesikhungo iSerum Institute of India sokukhiqiza imigomo ye-TB ukuze isatshalaliswe emhlabeni wonke, okuzoqinisa amandla eNingizimu Afrika okukhiqiza imijovo, kweseke ukusungula izinto ezintsha futhi kufake isandla ekukhuleni komnotho nasekusunguleni amathuba emisebenzi.
1.3. Ukubeka isisekelo sekusasa lezamandla aqinile: Umsebenzi Wokukhiqiza Ugesi we-Eskom
1.3.1. I-Eskom iqophe umlando ohlelweni lwayo lokuqeda ukucimakonga ngokufinyelela esimeni sokucimakonga ezifundazweni eziyisikhombisa ngaphambi kokufika kwesikhathi ebesibekiwe uMfumfu 2026. Cishe amakhasimende ayizigidi ezi-1.2 abuyiselwe esimeni sokuphakelwa ugesi esijwayelekile, okunciphisa inani lamakhasimende athintekile laya ku-6.8% wesilinganiso samakhasimende e-Eskom.
1.3.2. Ngaphezu kwalokho, i-Eskom iphinde yehlisa kakhulu ukuthembela kwayo kudizili, njengoba izindleko zehla ngaphezu kwama-83% unyaka nonyaka kusukela kwizigidigidi eziyisi-R5.92 kuya kwizigidi ezingama-R992 esikhathini esifanayo, njengoba ukusetshenziswa kwe-Open Cycle Gas Turbine kwehle kusuka ku-8.67% kuya ku-1.10%.
1.3.3. Ukwehla okukhulu kokusetshenziswa kukadizili kukhombisa ukuthuthuka okuqhubekayo ekusebenzeni kwezithuthi kanye nohlelo lwezamandla oluthembekile, olusebenzayo noluqinile. INingizimu Afrika manje isibe nezinsuku ezingama-467 ezilandelanayo ngaphandle kokucimangoka kusukela mhla ziyi-16 kuNhlaba 2025, ihlinzeka ngogesi ngokuthembeka emakhaya nasemabhizinisini futhi yeseka ukuthuthukiswa komnotho okubanzi.
1.3.4. IKhabhinethi lamukele ukuthuthuka okuqhubekayo ekusebenzeni kwe-Eskom njengoba i-Energy Availability Factor ifinyelele ezingeni layo eliphezulu kusukela ngowezi-2020, okubonisa ukukhiqizwa kukagesi ngaphandle kokuphazamiseka. Lokhu kuthuthuka okuqhubekayo kubuyisele cishe amamegawatts ayizi-6 100 omthamo wogesi okhiqiziwe kugridi, nalapho ukucinywa kukagesi okungahleliwe kwehle cishe ngama-40% unyaka nonyaka.
1.3.5. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babeke imibono mayelana noHlaka lweNqubomgomo Yamanani Kagesi Ebuyekeziwe okwamanje evuleleke ukuthi umphakathi uphawule ngayo. Izinyathelo zenqubomgomo eziphakanyisiwe zihlose ukunciphisa izindleko zikagesi ngesikhathi kugcinwa amanani abonisa izindleko kanye nokuvikela amakhaya asengcupheni kanye nemikhakha yezomnotho ehlelekile.
1.4. Ingqungquthela Yesi-5 Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika
1.4.1. IKhabhinethi lamukele ukusingatha ngempumelelo kweNingizimu Afrika iNgqungquthela Yesi-5 Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) eKapa.
1.4.2. IKhabhinethi liphinde lamukela ukuhlonzwa kwemiklamo yengqalasizinda engama-263 enani lezigidintathu ezi-R1.99 ezigabeni ezahlukene zokusungulwa nokuqaliswa.
1.4.3. Ezinyangeni eziyi-18 ezedlule, kuqedwe imiklamo engama-37 enani lezigidigidi ezingama-R69, nokweseka ukukhula komnotho kanye nokusungulwa kwemisebenzi.
1.5. UMthetho Wokukhula Komnotho Nokutholakala Kwamathuba e-Afrika
1.5.1. IKhabhinethi lamukele ukwelulwa koMthetho Wokukhula Komnotho Nokutholakala Kwamathuba e-Afrika (i-AGOA), ogcina ukufinyelela okukhethekile kwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika efanelekile emakethe yase-United States of America (e-USA). Lokhu kwelulwa, okuzoqhubeka kuze kube ngumhla zingama-31 kuZibandlela 2028, kunikeza isiqiniseko kubakhiqizi bakuleli lizwe nabathumela imikhiqizo kwamanye amazwe, kweseka ukuhlukahluka kwezimakethe, kwenyusa impahla ethunyelwa kwamanye amazwe kanye nobudlelwano obujulile bokuhweba notshalomali ne-USA.
1.6. Isivumelwano seCitrus ne-India
1.6.1. IKhabhinethi lamukele isivumelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-India sokwandisa izindlela zokuthunyelwa kwecitrus eNingizimu Afrika, kulandela cishe iminyaka eyishumi yezingxoxo. Lesi sivumelwano sizohlinzeka abakhiqizi becitrus ngezindlela ezehlukene zokuthutha imikhiqizo futhi seseke ukuthunyelwa kwecitrus e-India – enye yezimakethe ezinkulukazi nezikhula ngokushesha emhlabeni.
1.6.2. Njengomthengisi omkhulu othumela icitrus kwamanye amazwe emhlabeni onamathani ayizigidi ezi-2.9 ecitrus athunyelwe kwamanye amazwe ngowezi-2025 wathola izigidigidi ezi-US$2.1, imboni yecitrus yaseNingizimu Afrika isize ngamathuba omsebenzi amakhulu kulo lonke uchungechunge lwemakethe. Ukufinyelela emakethe okwandisiwe kuzoqinisa ukukhula komkhakha, ukuthunyelwa kwemikhiqizo kwamanye amazwe kanye namathuba okudala imisebenzi.
1.7. Ukuthuthukisa ukuncintisana kweNingizimu Afrika njengendawo yezokuvakasha, ibhizinisi kanye notshalomali
1.7.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwenkundla ye-Electronic Travel Authorisation (i-ETA) yaseNingizimu Afrika njengengxenye yokuguqukela kwidijithali kohlelo lwevisa kanye nokufuduka.
1.7.2. I-ETA ithatha indawo yezinqubo zevisa ezenziwa ngesandla ngohlelo lwedijithali olusheshayo nolusebenza kahle kakhulu.
1.7.3. Ngokuhlanganisa ukuqinisekiswa kwezithupha kanye nobuchwepheshe obuthuthukisiwe, i-ETA izoqinisa ukuvikeleka kwemingcele, ithuthukise ukulawula ukufuduka futhi ithuthukise ukuncintisana kweNingizimu Afrika njengendawo yezokuvakasha, ibhizinisi kanye notshalomali.
2. Ukwakha ubudlelwano obuqinile namazwe omhlaba
2.1. INingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela ye-SADC yama-46 ebe yimpumelelo
2.1.1. Khabhinethi lamukele ukusingathwa ngempumelelo kweNgqungquthela yama-46 ye-SADC eThekwini neqale ngesikhundla seNingizimu Afrika sokuba uSihlalo ngaphansi kwesihloko esithi: Ukuthuthukiswa Kwezimboni Okuqinile, Okusimeme Nokubandakanyayo ngokulandela Ukuthuthukiswa Kwengqalasizinda, Ukuguqulwa Kwezolimo Nezimbiwa Ezibalulekile ngenhloso yokuzuza Umhlaba Onobulungiswa”.
2.1.2. Ingqungquthela yathola futhi yacubungula imibiko mayelana: nokuqaliswa koHlelo Lwesu Lokuthuthukiswa Kwesifunda (i-RISDP) lwezi-2020-2030, olusekelwe emizamweni eqhubekayo yokuthuthukisa ukuthula, ukuphepha, umnotho, ezempilo, kanye nokusebenza kwengqalasizinda; inqubekela-phambili ekuthuthukisweni koMgudu Wezomnotho WaseNyakatho-Ningizimu (i-NSEC), ukusungulwa kohlelo Lotshalomali lwe-NSEC, kanye neSikhungo Sokuphathwa Komgudu; kanye nesidingo sokuhlonza okungenani imiklamo/izindawo ezintathu (03) okuzoxoxwa ngayo emhlanganweni olandelayo woMkhandlu Wongqongqoshe.
2.1.3. INingizimu Afrika yathatha leli thuba ukuchazela iNgqungquthela ngokuphathwa kokufuduka ezweni kanye nesidingo sokubamba ingxoxo ye-SADC ngalolu daba okuhlanganisa izinto eziyimbangela kanye nezindaba zokuphepha ezihlobene nalokhu.
2.2. Iseshini Yesine YeKhomishini Yamazwe Amabili YeNingizimu Afrika NeZimbabwe
2.2.1. IKhabhinethi lincome impumelelo yeKhomishini Yamazwe Amabili yeNingizimu Afrika neZimbabwe, ebuyekeze ukubambisana kwamazwe amabili futhi yaqinisa ubudlelwano phakathi kwamazwe amabili.
2.2.2. IKhabhinethi liphawule ukuthi iZimbabwe isalokhu ingomunye wabalingani abakhulu bezohwebo beNingizimu Afrika e-Afrika, lapho ukuhweba kwamazwe amabili kufinyelele kwizigidigidi ezingama-R81 ngowezi-2025.
2.2.3. Iseshini Yesine iphethe ngezivumelwano ezintsha eziyisithupha zokubambisana, okuhlanganisa ne-MoU yokudluliselwa kweziboshwa zaseZimbabwe ezigwetshwe kuleli. Izivumelwano ezengeziwe zimayelana: ubunxusa, ezolimo, ubuciko namasiko, kanye nokuthuthukiswa kwabesifazane kuzothuthukisa ukuhlanganiswa kwesifunda kanye nokuguqulwa komnotho.
3. Uhlelo Lokubuyiswa Kwabantu Ababedingisiwe
3.1. Isigaba sase-Angola soHlelo Lokubuyiswa Kwabantu Ababedingisiwe eNingizimu Afrika
3.1.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwesigaba sase-Angola soHlelo Lokubuyiswa Kwabantu Ababedingisiwe eNingizimu Afrika lokuthungatha nokubuyisa izinsalela zabantu baseNingizimu Afrika abashona ekudingisweni ngesikhathi somzabalazo wenkululeko, njengengxenye yoHlelo Lokubuyiswa Kwabantu Ababedingisiwe Lweminyaka Emihlanu lwezwe.
3.1.2. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi i-Angola inenqwaba enkulu kakhulu yabantu baseNingizimu Afrika abashona ekudingisweni, njengoba kutholakale amathuna angaphezu kwama-400.
3.1.3. IKhabhinethi linxusa imindeni yabantu ababathandayo abashona, abanyamalala noma abangcwatshwa e-Angola ngesikhathi somzabalazo wenkululeko ukuthi ibhalise ne-South African Heritage Resources Agency (i-SAHRA) ngokusebenzisa inkundla i-SAHRA Exile Repatriation Portal ku-https://www.sahra.org.za/exile-repatriation/.
3.1.4. Imindeni edinga usizo ingabhalisa futhi emahhovisi e-SAHRA, eFreedom Park, emahhovisi oMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko esifundazweni kanye nasezinhlakeni zamasosha.
3.2. INingizimu Afrika ibuyisela izinsalela zamathambo abantu baseNamibia kanye namaqhawe omzabalazo
3.2.1. IKhabhinethi lamukele ukubuyiselwa kwezinsalela zamathambo abantu baseNamibia abangama-86, okuhlanganisa namaqhawe enkululeko uFestus Nehale noSimon Niilenge, abashonela ejele ngemuva kokuboshwa eRobben Island.
3.2.2. Izinsalela zamathambo, ezasuswa eNamibia eminyakeni engaphezu kwekhulu edlule futhi zahlolwa ngendlela engafanele ngesikhathi sobukoloni, zizongcwatshwa kabusha eHeroes’ Acre eNamibia.
3.2.3. IKhabhinethi lamukele ukubuyiselwa kwezinsalela zamathambo njengesenzo esibalulekile sobulungiswa esihlonipha amaqhawe enkululeko futhi sinike izizukulwane zazo ukuthula nokwamukela.
B. Izinqumo ZeKhabhinethi
1. Ukuchitshiyelwa Kwemibhalo Yesivumelwano SeBhange Lomhlaba Lokwakha Kabusha Nentuthuko
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende ukuchitshiyelwa okuhlongozwayo Kwemibhalo Yesivumelwano SeBhange Lomhlaba Lokwakha Kabusha Nokuthuthukiswa (i-IBRD) ukuze kuthuthukiswe amandla okuboleka imali ebhange nokweseka izinto ezibalulekile zentuthuko yomhlaba wonke nezesifunda.
1.2. Ukuchitshiyelwa kuyingxenye ye-ajenda ebanzi yokuguqulwa kwamaBhange Okuthuthukiswa Kwamazwe Ngamazwe egunyazwe yi-G20 ukuze kuqiniswe amandla ezezimali kanye nokuguquguquka kokusebenza kwama-MDB.
1.3. Ukugunyaza kweNingizimu Afrika kuzokweseka izinto eziseqhulwini zentuthuko yezwe ngokuthuthukisa ukufinyelela kwizimali ezilinganiselwe zentuthuko esimeme.
2. Imibiko Yonyaka wezi-2025/26 emayelana nokuqaliswa koMthetho Wokuchibiyela Umthetho Wobugebengu (Amacala Ocansi Nezindaba Ezihlobene nawo) wezi-2007
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa ePhalamende kweMibiko Yonyaka wezi-2025/26 emayelana nokuqaliswa koMthetho Wokuchibiyela Umthetho Wobugebengu (Amacala Ocansi Nezindaba Ezihlobene nawo), wezi-2007.
2.2. IKhabhinethi liveze ukukhathazeka ngezibalo ezisephezulu kakhulu zamacala okudlwengula namanye ocansi ezivezwe eMbikweni naphezu kokungenelela kukahulumeni okuningi, futhi lakhipha umyalo wokuqiniswa kwezinhlelo eziningi ngaphansi koHlelo Lwesu Lukazwelonke lokubhekana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane.
2.3. Ukuqinisa izindlela zokubhekana namacala ezocansi, ubulungiswa bobugebengu, ezempilo, ukuthuthukiswa komphakathi nemikhakha yezemfundo, ukuqinisa ukuvimba ubugebengu, ukwesekwa kwezisulu, ukuziphendulela kwabenzi bobubi kanye nokuvikelwa kwamaqembu asengcupheni.
3. Imibiko Yonyaka wezi-2025/26 emayelana nokuqaliswa koMthetho Wobulungiswa Bezingane, wezi-2008 (uMthetho Nmbl. 75 wezi-2008)
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa ePhalamende Imibiko Yonyaka wezi-2025/26 emayelana nokuqaliswa koMthetho Wobulungiswa Bezingane, wezi-2008 (uMthetho Nmbl. 75 wezi-2008): 1 kuMbasa 2025 - 31 kuNdasa 2026.
3.2. IKhabhinethi likhiphe umyalelo wokuthi kumele kwenziwe imizamo eyengeziwe yokuqinisa indlela ehlelekile yokuvimbela ukwephulwa komthetho ezinganeni.
C. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. I Ukuqaliswa Kwesu Lokuguqula Ukusebenza Komasipala
1.1. IKhabhinethi laziswe ngenqubekela-phambili eyenziwe yiKomidi LoNgqongqoshe (i-IMC) mayelana Nesu Lokuguqula Ukusebenza Komasipala ekubhekaneni nezinselele komasipala abanengcindezi.
1.2. Ukungenelela kwandiswe kusukela komasipala abayi-10 bokuqala kuya kwabangama-38 futhi kugxile ekuthuthukiseni ukusebenza kahle kwezezimali, ukubusa, ukulethwa kwezinsizakalo, imiphumela yokuhlolwa kwamabhuku kanye namakhono ezikhungo.
1.3. I-IMC iphinde yeseke ukuqaliswa kokungenelela komthethosisekelo lapho izinyathelo zokweseka ezikhona zingakatholi imiphumela ehlosiwe.
2. Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yemingcele
2.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lokuthuthukisa Ingqalasizinda Yemingcele (2026–2030) ukuze luqinise futhi lwenze ingqalasizinda yemingcele yaseNingizimu Afrika ibe ngeyesimanje njengengxenye yesu likahulumeni lokulawula ukufuduka kwabantu.
2.2. Lolu hlelo luzosetshenziswa kuzo zonke izifundazwe eziyisikhombisa ezinemingcele futhi luzothuthukisa ukuvikeleka kwemingcele, ukuhambahamba kwabaqaphi, izikhathi zokuphendula zokusebenza, ukuphepha kwabasebenzi, ukunakekelwa kwengqalasizinda kanye nokuxhumana phakathi kohulumeni, ngesikhathi kuvinjelwa ukungena ngokungemthetho emingceleni.
3. Isimo sokulungela Ukhetho Lohulumeni Bendawo lwezi-2026
3.1. IKhabhinethi laziswe ngesimo sokulungela Ukhetho Lohulumeni Bendawo lwezi-2026 (ama-LGE) futhi laphawula ngenqubekela-phambili eyenziwe ekulungiseleleni ukhetho oluhlelelwe umhla wesi-4 kuLwezi 2026.
3.2. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi izindlela zokuxhumanisa kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni zikazwelonke, zesifundazwe nezendawo zikhona ukuze zeseke inqubo yokhetho ekhululekile, enobulungiswa, ethembekile nenokuthula. IKhabhinethi lamukele izinyathelo eziqhubekayo zokuqinisa ukubamba iqhaza kwabavoti, ukulwa ukusabalalisa izindaba ezingelona iqiniso nokuqinisekisa ukulungela ukusebenza; laphonde lakhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuba bahlanganyele enqubeni yentando yeningi ngokusebenzisa ilungelo labo lokuvota.
3.3. IKhabhinethi ligxeke kakhulu ukubulawa kwamakhansela kwakamuva futhi labonga ukusukuma okusheshayo kwamaphoyisa ekutholeni izigilamkhuba ezenze lobu bugebengu obubi kanje.
3.4. IKhabhinethi linxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba beseke ukubekezelelana kwezepolitiki, benqabe ukwesatshiswa, udlame kanye nanoma yikuphi ukuziphatha okuphazamisa ubuqotho benqubo yokhetho njengoba izwe lilungiselela Ukhetho Lohulumeni Bendawo lwezi-2026 ngomhla wesi-4 kuLwezi 2026.
4. Ezakamuva Kwezokubambisana Kwezamanzi
4.1. IKhabhinethi litshelwe ngokuqhubekayo ngomsebenzi weHhovisi Lokubambisana Kwezamanzi (i-WPO), eleseka omasipala ukuqinisa ukulethwa kwezinsizakalo zamanzi ngokubambisana nomkhakha ozimele.
4.2. Ngaphansi koHlelo Lwamanzi Olungenamali Engenayo, i-WPO isize uMasipala waseThekwini ukuthola izigidi ezingama-R379 eminyakeni eyisithupha ukunciphisa ukumosheka kwamanzi futhi yeseka iTheku kanye neDolobha laseTshwane ngokuliqalisa.
4.3. Ngaphansi koHlelo Lokusetshenziswa Kabusha Kwamanzi, omasipala abangama-34 baqede ukuhlolwa kwengozi yesimo sezulu, kanti izigidi ezingama-US$235 zatholakala kwiGreen Climate Fund ukuze kuthuthukiswe imiklamo yokusetshenziswa kabusha kwamanzi.
4.4. I-WPO isungula isikhwama sokuthuthwa kwendle sokweseka ubuchwepheshe bokuthuthwa kwendle ezindaweni zokuhlala eziyimijondolo nasezikoleni.
4.5. Ngaphansi koHlelo Lokukhishwa Kosawsoti Emanzini Olwandle, isiphakamiso sathunyelwa eDolobheni laseKapa sokweseka umklamo wePaarden Eiland wokukhishwa kosawoti emanzini ngokusebenzisana kukahulumeni kanye nozimele.
D. Imithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwempahla Esisetshenzisiwe, wezi-2026
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwempahla Esisetshenzisiwe, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisa ukulawulwa komkhakha wempahla esisetshenzisiwe kanye nokuvala igebe kwezomthetho ukuze kulwiwe nezimpahla ezebiwe, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda, ukwebiwa kwezintambo zikagesi kanye nokuhweba ngezinsimbi ezilahliwe okungekho emthethweni.
2. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukwebiwa Kwemfuyo, wezi-2026
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukwebiwa Kwemfuyo, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisa izinyathelo zokuvimbela, ukuphenya kanye nokushushisa ukwebiwa kwemfuyo, ukuthuthukisa ukulawulwa kobunikazi bemfuyo nokuba nemfuyo, kanye nokuthuthukisa ukuvikelwa komkhakha wezolimo.
3. UMthethosivivinywa Wokuziphatha Kwamalungu Esigungu Esiphezulu, wezi-2026
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuziphatha Kwamalungu Esigungu Esiphezulu ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokuziphatha Kwamalungu Esigungu Esiphezulu, we-1998 ukuze kuqiniswe amazinga okuziphatha kanye nokuziphendulela, kucaciswe indima yoMvikeli Womphakathi, futhi kuthuthukiswe ukulawulwa kokushayisana kwemisebenzi kanye nokusetshenziswa okungafanele kwehhovisi likahulumeni.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo nokuhlowa okufanele.
1. Dkt. Thembisile Lynette Xulu njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezempilo Kuzwelonke.
2. Nkz. Blikis Omar njengePhini loMqondisi-Jikelele: kuCwaningo Lwenqubomgomo Nezothetho kuMnyango Kamabhalane Wezokuvikeleka Wamaphoyisa.
3. Nkz. Prudence Madiba njengoMphathi Omkhulu weSikhungo Sikazwelonke Sokuthuthukiswa Kwezamandla eNingizimu Afrika.
4. Nkz. Babalwa Mapisa njengoMphathi Wezezimali Omkhulu weNhlangano Kazwelonke Yezezimali Zezindlu.
5. Ukubekwa kwamalungu angebona abaphathi beBhodi laBaqondisi leRoad Traffic Management Corporation
a. Nkz. Nomusa Mufamadi (uSihlalo);
b. Nkz. Lerato Magalo (uphinde wabekwa);
c. Nkz. Lindani Agness Mncwango;
d. Mnu. Tshepiso Poho;
e. Nkz. Nomkhita Mona;
f. Mnu. Gift van Staden;
g. Nkz. Malebo Matolong; kanye
h. noDkt. Mpostol Mashinini.
6. Ukubekwa kwamalungu alawula ngezikhathi ezithile eNational Energy Regulator of South Africa
a. Nkz. Sijabulile Makhathini;
b. Mnu. Dharamraj Brijlal; kanye
c. noNkz. Nompucuko Nontombana
7. Ukuphinde kokubekwa kukaSihlalo nePhini likaSihlalo noMqondisi oyedwa weBhodi leNational Radioactive Waste Disposal Institute
a. Dkt. Lemao Dorah Modise (uphinde wabekwa futhi uSihlalo);
b. Dkt. Wolsey Barnard (uphinde wabekwa futhi iPhini likaSihlalo); kanye
c. noMnu. Ashley Latchu
8. UMnu. Graham Ian Wood njengoSihlalo weBhodi Lezokuvakasha eNingizimu Afrika.
F. Imicimbi Nezingqungquthela
1.1. Ingqungquthela ye-18 ye-BRICS
1.1.1. UMongameli uCyril Ramaphosa uzohola ithimba laseNingizimu Afrika eNgqungqutheleni ye-18 ye-BRICS eNdiya mhla ziyi-12 ne-13 kuMandulo 2026 ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukwakha Ukuqina, Ukusungula Izinto Ezintsha, Ukubambisana Nokusimama”.
1.1.2. Ingqungquthela izohlinzeka ngethuba lokuthi iNingizimu Afrika ithuthukise izinto eziza kuqala kwintuthuko kazwelonke neyase-Afrika, ngesikhathi iqinisa ukubambisana, ukuhweba, utshalomali kanye nentuthuko eqhubekayo ngaphakathi kwi-BRICS.
1.2. Umhlangano Wenguyazana yase-Afrika Waminyaka Yonke weWorld Bank Group (i-WBG) ne-International Monetary Fund (i-IMF) wezi-2027
1.2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe uMhlangano Wenguyazane yase-Afrika Waminyaka Yonke weWorld Bank Group (i-WBG) ne-International Monetary Fund (i-IMF) ngowezi-2027 ngokwesikhundla sayo njengoSihlalo weNguyazane yase-Afrika. Lo mhlangano uzohlinzeka ngenkundla yokuthuthukisa izinto eziseqhulwini entuthukweni ye-Afrika, uqinise izwi lezwekazi ekubusweni kwezezimali emhlabeni wonke, futhi usebenzise ubuholi beNingizimu Afrika beNguyazane ye-Afrika kanye nolwazi onalo oluthole ngokuba uMongameli we-G20 ukuthuthukisa izinto eziseqhulwini e-Afrika kanye nokuxoxisana ne-WBG ne-IMF.
1.3. Umhlangano Okhethekile WeForamu Yomhlaba Yezomnotho
1.3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe uMhlangano Okhethekile WeForamu Yomhlaba Yezomnotho (i-WEF) eKapa kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-31 kuNdasa 2028, okungokokuqala ngqa ukuthi i-WEF Spring Davos ibanjelwe kuleli lizwe, okuzoletha ithuba lokukhuthaza ukutshalwa kwezimali, ukuhweba, ukubambisana kwezomnotho kanye nentuthuko esimeme.
1.4. Ingqungquthela yeHayidrojini Ecocekile e-Afrika yezi-2026
1.4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqungquthela yesibili yeHayidrojini Ecocekile e-Afrika eKapa kusukela mhla ziyi-15 kuya ziyi-16 kuMandulo 2026 ukuze kuthuthukiswe umnotho we-Afrika wehayidrojini ecocekile ngokubambisana phakathi kohulumeni, abatshalizimali kanye nabalingani embonini.
1.4.2. Le ngqungquthela izokweseka izifiso zeNingizimu Afrika zehayidrojini ecocekile ngokukhuthaza ukuthuthukiswa kwezimboni, ukutshalwa kwezimali, ukudluliselwa kobuchwepheshe, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nokufinyelela ezimakethe zehayidrojini ecocekile ezisafufusa.
1.5. Ingqungquthela Yomhlaba Yokufinyelela Kubulungiswa Kwabantu Bonke
1.5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Yomhlaba Wonke Yokufinyelela Kubulungiswa Kwabantu Bonke kanye Nokubhekana Nokusha Okuvelayo, ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukuqinisa Izinhlelo Zobulungiswa Ezigxile Kubantu: Ukujulisa Intando Yeningi Labantu”. Ingqungquthela izobanjelwa eSun City Convention Centre eNyakatho Ntshonalanga kusukela mhla ziyi-11 kuya ziyi-13 kuLwezi 2026.
1.5.2. Izohlanganisa oNgqongqoshe Bezobulungiswa abavela esifundeni se-SADC, i-BRICS, iGermany, iSpain, iCanada, iNetherlands, i-European Union, uMhlabuhlangene neKenya, kanjalo nabasebenzi bezomthetho, izifundiswa, umphakathi kanye nabanye abathintekayo. Ingqungquthela izohlinzeka ngenkundla yokuhlola izindlela ezintsha, kwabelanwe ngemikhuba emihle yokusebenza, iqinise ukubambisana kanye nokuqhamuka nezincomo ezingasetshenziswa ukuze kuthuthukiswe ukufinyelela kobulungiswa esifundeni nasemhlabeni jikelele.
1.6. Izikhumbuzo Zikazwelonke Nemikhankaso KaMandulo
1.6.1. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi uMandulo uzogujwa njengeNyanga Yezokuvakasha, Inyanga Yamagugu kanye neNyanga Yezinsizakalo Zikahulumeni. INyanga Yezokuvakasha, ngaphansi kwesihloko esithi “Ukukhulisa Umkhakha Wezokuvakasha waseNingizimu Afrika Esikhathini Sedijithali”, ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele izindawo zakuleli ngaphansi komkhankaso we-Sho’t Left futhi basebenzise amaphakheji okungcebeleka angambi eqolo.
1.6.2. INyanga Yamagugu, egujwa ngaphansi kwesihloko esithi “Ukugubha Ifa Lethu Eliphilayo: Ukuqinisa Izibopho Ezisibophayo”, igubha amasiko ahlukahlukene aseNingizimu Afrika, amasiko kanye nefa eliphilayo, ngesikhathi ikhuthaza ubumbano lomphakathi kanye nokwazisa ukwehlukahlukana kwamasiko okucebile kwesizwe.
1.6.3. INyanga Yezinsizakalo Zikahulumeni ibheka igalelo labasebenzi bakahulumeni ekuthuthukisweni nasekuhlinzekweni kwezinsizakalo, ngesikhathi ikhuthaza ubungcweti, ukuzibophezela, ukusungula izinto ezintsha kanye nokwenza kahle kuwo wonke umkhakha weZinsizakalo Zikahulumeni.
1.6.4. IKhabhinethi likhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlanganyele kule migubho futhi babungaze izindinganiso, abantu kanye nezikhungo ezifaka isandla ekwakheni isizwe kanye nentuthuko yomphakathi.
1.7. Usuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo lwe-SAPS
1.7.1. I-SAPS izosingatha uSuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo ngeSonto, ziyisi-6 kuMandulo 2026, ukuhlonipha wonke amalungu e-SAPS ashona esemsebenzini phakathi komhla lu-1 kuMbasa 2025 kanye nomhla zingama-31 kuNdasa 2026. Umcimbi uzoba seSikhumbuzweni Samaphoyisa eZindlini Zombuso ePitoli.
G. Imiyalezo
1. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nemindeni yalaba abalandelayo:
- UJaji uFikile Eunice Mokgohloa, osebenze ngokuvelele ekuphathweni kobulungiswa ezweni lakithi. Ushone esesebenza eNkantolo Ephakeme Yokudlulisa Amacala.
- Uhulumeni nabantu baseZimbabwe ngemuva kokushona kwabantu abangama-93 engozini yesikebhe eLake Kariba.
- Uhulumeni nabantu baseDemocratic Republic of the Congo ngemuva kokushona kwabantu abangaphezu kwezi-2 000 ngenxa yesifo esihlasele se-Ebola empumalanga ye-DRC.
- UTlotlo Tsheka, umbhali oneminyaka eyisikhombisa ubudala, umdwebi wezithombe kanye nenxusa lokufunda nokubhala, kanye nomshicileli wezincwadi ezintathu, ushone ngesikhathi eqeda ukubhala umbhalo wesine.
- OwayenguMphathi weqembu leBafana Bafana, uMnu. Sipho Nkumane, owaziwa ngegalelo lakhe ebholeni laseNingizimu Afrika.
- Owayengumpetha weSibhakela Emhlabeni izikhathi ezimbili, uMnu. Zolani Tete, ozokhunjulwa ngegalelo lakhe esibhakeleni saseNingizimu Afrika.
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lithanda ukuhalalisela laba abalandelayo:
- UPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS), ngokuthola iPublic Sector Icon Award ngenxa yobuholi balo, ukuphathwa kwesikhungo kanye negalelo elilufakayo emsebenzini womphakathi kanye nokuguqulwa kwezwe.
- UMnu. Siyabulela Duda we-GCIS, owine umklomelo wesibili esigabeni Sezithombe ze-SADC Media Awards ngowezi-2026, kanye noMnu. Seakga Relebogile Tladi weSputnik Radio Africa, othole umklomelo wesibili esigabeni Somsakazo. Imiklomelo ihlonipha ukusebenza kakhe kwezobuntatheli kanye negalelo lokuthuthukisa ukuhlanganiswa kwesifunda, intuthuko kanye nokubambisana ngaphakathi kwe-SADC.
- Umkhakha wezemidlalo eNingizimu Afrika ngokwenza ezibukwayo kuma-2026 South African Sport Awards:
- Mnu. Akani Simbine ngokuba iQhawe Lezemidlalo Lonyaka;
- Nkz. Prudence Sekgodiso ngokuba Umdlali Wesifazane Ophambili Wonyaka;
- Mnu. Pieter Coetze ngokuba Umdlali Wesilisa Ophambili Wonyaka;
- Mnu. Bayanda Walaza ngokuba iQhawe Eliselincan Lezemidlalo Lonyaka;
- Iqembu Lekhilikithi Lamadoda ama-Proteas ngokuba iQembu Lonyaka.
- IBanyana Banyana, ngokuqhubekela phambili emidlalweni kaWafa-Wafa ye-FIFA Inter-Confederation kanye nokugcina ithemba labo lokungenela iNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA yezi-2027;
- Iqembu LeHockey Labesifazane LaseNingizimu Afrika, ngokunqoba kwabo kokuqala kwiNdebe Yomhlaba ye-FIH Hockey yezi-2026;
- ULinani Potwana, othe eneminyaka eyisithupha ubudala waqokwa njengompetha kwi-IPA All-Star Contest eWuhan, eShayina, encintisana nababambe iqhaza abavela emazweni angaphezu kwama-40;
- Abathole imiklomelo ye-2026 South African Women in Science Awards (i-SAWiSA), ngeqhaza labo ekuthuthukisweni kohlelo lwesayensi, ubuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha eNingizimu Afrika.
Imibuzo:
UPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Xhumana: Terry Vandayar, iBamba loMqondisi-Jikelele
Umakhalekhukhwini: 082 444 9092
#GovZAUpdates

