A. Ezisematheni
1. Ukusebenza Kwamandla Omnotho
1.1. Ukusebenza Kwezitimela Ezithwala Impahla (TFR) - Ikota Yokuqala
1.1.1. Phakathi nekota yokuqala yonyaka wezimali wezi-2026/27, izitimela ezithwala impahla (TFR) zisebenze kangcono ngokulinganiselwa ku-4,4%, unyaka nonyaka. I-TFR iqede ikota isiqede ukuthutha amathani ayizigidi ezingama-42.0 uma kuqhathaniswa namathani ayizigidi ezingama-40.2 ngonyaka odlule.
1.1.2. Okuphawulekayo, ukuthi i-TFR isebenze kahle kanje naphezu kokwethulwa kokwengezwa kwezinsuku eziyi-11 zokuvalwa kokulungiswa okuhleliwe kwe-Iron Ore Line. Naphezu kwalokhu, i-TFR ithuthe impahla engumthamo omkhulu wamathani, okubonisa ukwenza kahle kakhulu ekusebenzeni nasekuboniseni imiphumela.
1.2. Utshalomali Lwemboni Yezimoto
1.2.1. IKhabhinethi lamukele utshalomali lweToyota South Africa Motors olulinganiselwa kwizigidigidi eziyi-R10.4 endaweni yayo yokukhiqiza iProspecton eThekwini ukuze kukhiqizwe uhlobo lwemoto ininth-generation Hilux. Lolu tshalomali luqinisa umkhakha wokukhiqiza izimoto, lweseka imisebenzi ecishe ibe yizi-27 000 kubahlinzeki jikelele, futhi lweseka imisebenzi yokuhlanganisa izingxenye zemoto engaphezu kwezi-4 300 - okuchaza abasebenzi abasebenza ngqo esikhungweni sokukhiqiza saseToyota iProspecton.
1.2.2. Lolu tshalomali olukhulu, kanye nokuthengwa kwakamuva nokuvuselelwa kwesikhungo sokukhiqiza sangaphambilini seNissan eRosslyn eGauteng yiChery Group. IChery Group imemezele ukuthi izokhiqiza uhlobo lwezimoto zeChery, Jaecoo, kanye neJetour esakhungweni esisanda kuthengwa saseRosslyn.
1.2.3. Ukukhiqizwa kokuqala kuhlelelwe ukuqala maphakathi nowezi-2027, nokubhekeke ukuthi amandla okusebenza akhuphuke ngonyaka olandelayo ukuze kukhiqizwe amayunithi ayizi-15 000 ngonyaka.
1.2.4. Ukuthengwa kweChery Group kuqinisekisa imisebenzi yokukhiqiza engama-692 futhi kulindeleke amanye amathuba emisebenzi acishe abe yizi-3 000 kuzo zonke kwezokuthutha impahla, ubunjiniyela, ukuhlinzekwa kwempahla, kanye nezinsizakalo zokwelekelela.
1.2.5. Lezi zibopho zesikhathi eside ziqinisa isimo seNingizimu Afrika njengendawo enamandla yokukhiqiza kanye nesikhungo sokuthumela imikhiqizo kwamanye amazwe esifundeni.
1.3. Ukubuyekezwa Kokukhula Kwe-IMF eNingizimu Afrika
1.3.1. IKhabhinethi lamukele ukuqagulwa kwesimo sezomnotho esibuyekeziwe se-International Monetary Fund (i-IMF), esibuyekeze ukukhula kweSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP) okulindelwe eNingizimu Afrika kwaya ku-1.1%. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi lokhu kulungiswa okuhle kubonisa umnotho wasekhaya ozinzile oqhubeka nokukhombisa ukuqina.
1.3.2. Nakuba ukubuyekezwa kokuqagulwa kokukhula komnotho waseNingizimu Afrika kungeyona into enkulu, kubonisa ukuzethemba okukhulayo emizamweni yokuvuselela umnotho wezwe naphezu kokuba ntekenteke kokukhula komnotho emhlabeni wonke kanye nokungezwani kwezepolitiki eMiddle East.
1.4. Ukuqaliswa Kwesigaba II Sohlelo Lomqashi Oluthembekile Lwedijithali (i-TES)
1.4.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukuqaliswa ngokusemthethweni kweSigaba II Sohlelo Lomqashi Oluthembekile (i-TES) ukuze kusheshiswe ukucutshungulwa kwe-visa yabaqashi abaqinisekisiwe ngaphandle kokubeka engcupheni ukuphepha kwezwe noma ukulawulwa kokufuduka. Abaqashi abafanelekayo kudingeka babonise ukutshalwa kwezimali okukhulu kwasekhaya, babeke phambili ukuqashwa kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kanye nezakhamuzi ezihlala unomphela, batshale imali ekuthuthukisweni kwamakhono endawo, futhi bavumelane nemikhakha yezomnotho ebaluleke kakhulu. Abaqashi abafanelekayo kudingeka babonise ukutshalwa kwezimali okukhulu kuleli lizwe, babeke phambili ukuqashwa kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kanye nezakhamuzi ezihlala unomphela, batshale imali ekuthuthukisweni kwamakhono endawo, futhi bahambisane nemikhakha yezomnotho ebaluleke kakhulu.
1.4.2. Ingosi yesicelo esiku-inthanethi esibekelwe iSigaba II se-TES - "Home Affairs @ home" iyingxenye yesu likahulumeni elibanzi lokuguqulwa kwedijithali. Ngesinye isikhathi, le ngosi yedijithali izoshintshela ohlelweni oluphelele lwe-Electronic Travel Authorisation (i-ETA) lwezwe.
1.4.3. Abaqashi abafanelekile bayamenywa ukuthi bathumele Izicelo Zentshisekelo (i-EOI) phakathi komhla wama-20 kuNtulikazi 2026 nomhla wesi-4 kuMandulo 2026.
2. Ukwakha Umnotho Oqinile Wesifunda (i-SADC)
2.1. INingizimu Afrika isikulungele ukusingatha iNgqungquthela ye-SADC
2.1.1. IKhabhinethi liqinisekisiwe ngokuthi iNingizimu Afrika isime ngomumo ukusingatha ngempumelelo iNgqungquthela yama-46 Yezinhloko Zombuso kanye noHulumeni beNhlangano Yamazwe Athuthukayo eNingizimu ye-Afrika (i-SADC) kusukela mhla ziyi-16 kuya ziyi-17 kuNcwaba 2026 e-International Convention Centre eThekwini.
2.1.2. Njengengxenye yemisebenzi eyandulela iNgqungquthela ye-SADC, iNingizimu Afrika izosingatha iSonto Lokuthuthukiswa Kwezimboni le-SADC ngowezi-2026 kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-31 kuNtulikazi 2026, e-International Convention Centre eThekwini esifundazweni saKwaZulu-Natali. Lo mcimbi uhlanganisa abenza izinqubomgomo, abaholi bamabhizinisi, abatshalizimali, izifundiswa, abacwaningi kanye nezikhungo zezimali zentuthuko ezivela kuso sonke isifunda nangale ukuze kwenziwe ngcono ukuthuthukiswa kwezimboni.
2.1.3. ISonto Lokuthuthukiswa Kwezimboni le-SADC leseka Isu Nomhlahlandlela Wokuthuthukiswa Kwezimboni we-SADC (2015–2063), okusekelwe ezinsikeni ezintathu: ukuthuthukiswa kwezimboni, ukuncintisana kanye nokuhlanganiswa kwesifunda.
2.1.4. Okugxila kukho kulo nyaka kufaka phakathi ukuthuthukiswa kwezindlela zokukhiqiza zesifunda kwezolimo, imithi, izimpahla zabathengi kanye nokuthuthukiswa kwezimbiwa ezibalulekile, kanjalo nokuthuthukiswa kwengqalasizinda kwezamandla, ezokuthutha, ezokuthutha, amanzi kanye ne-ICT.
2.2. Ukunciphisa izindleko zokuthengiselana ngaphakathi kwe-SADC
2.2.1. IKhabhinethi lihalalisele iBhangengodla laseNingizimu Afrika ngokwandiswa kohlelo lwe-SADC Real-Time Gross Settlement (SADC-RTGS) ngokufaka i-Angolan Kwanza njengohlobo lwesibili lokuthengiselana ngemuva kweRandi laseNingizimu Afrika.
2.2.2. Uhlelo lwe-SADC-RTGS luhlose ukunciphisa izindleko zokuthengiselana ngaphakathi kwesifunda ngokwenza kube lula ukusetshenziswa kwezimali zamazwe ezingaphansi kweBhangengodla laseNingizimu Afrika ngokumela amabhange amakhulu e-SADC abambe iqhaza.
2.2.3. Ukufakwa kwe-Angolan Kwanza njengohlobo lwemali lokuthengiselana ohlelweni lwe-SADC-RTGS kubonisa ingqophamlando ebalulekile ekuthuthukisweni komnotho wesifunda ngokunciphisa izindleko zokuthengiselana.
2.3. IKhomishini Yamazwe Amabili okuyiNingizimu Afrika neNamibia
2.3.1. IKhabhinethi lamukele isiphetho esiyimpumelelo seKhomishini Yesine Yamazwe Amabili okuyiNingizimu Afrika neNamibia (i-BNC) eyenzeka ePitoli mhla ziyi-17 kuNtulikazi 2026, futhi yaqhutshwa ngokubambisana nguMhlonishwa uDkt. Netumbo Nandi-Ndaitwah, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNamibia kanye noMhlonishwa uMongameli uCyril Ramaphosa.
2.3.2. Le Khomishini Yamazwe Amabili iqinisekisile isimo samasu obudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neNamibia kanye nokubambisana okuthuthukile phakathi kwamazwe amabili emikhakheni ebaluleke kakhulu. Okubaluleke kakhulu ukuzibophezela ekubambisaneni ekuhloleni nasekusetshenzisweni kwezinsiza zemvelo okuzokweseka intuthuko yomnotho kanye nokukhula kwamazwe womabili.
2.3.3. Laba Mongameli ababili bamukele ukusayinwa kwezivumelwano eziyisikhombisa zamazwe amabili kanye nezindlela zokubambisana phakathi kwabo.
2.4. Isibonelelo esiphuthumayo sezigidi eziyi-$13 kuqinisa imizamo yokunqanda isifo se-Ebola e-Afrika.
2.4.1. IKhabhinethi lamukele ukugunyazwa kwezibonelelo eziphuthumayo zezigidi eziyi-$13 (amaDola aseMelika) ezivela kwi-African Development Bank Group (i-AfDB) ukuqinisa imizamo yokunqanda ukuqubuka kwesifo se-Ebola eDemocratic Republic of Congo (e-DRC), e-Uganda, naseSouth Sudan ngokuqinisa izindlela eziphuthumayo zikazwelonke zokubhekana nesifo, ukunciphisa ukusabalala kwegciwane nokunciphisa inani labantu abashonayo nokugula emiphakathini ethinteke kakhulu nesengozini.
2.4.2. Lolu xhasomali luza emva kwezicelo zikaMongameli uCyril Ramaphosa ngokwesikhundleni sakhe sokuba yiChampion yeNhlangano Yezizwe Ezibumbene (i-AU) Ebhekele Ukunqanda, Ukulungela Nokubhekana Nobhubhane (i-PPPR), ubumbano olukhulu lwase-Afrika, usizo oluphuthumayo lokusiza abantu kanye nokwanda kokutshalwa kwezimali ekusunguleni izinto ezintsha kwezempilo okuholwa yi-Afrika.
3. Ayikho indawo efana nekhaya, abantu baseNingizimu Afrika ababuyayo bayohlala bamukelekile.
3.1. IKhabhinethi liziphawulile izinsolo zokuthi abantu baseNingizimu Afrika abamhlophe abakhetha ukuyohlala eMelika (e-USA) ngenxa yamanga athi kubulawa abantu abamhlophe eNingizimu Afrika banqatshelwe ama-VISA kuleliya lizwe.
3.2. IKhabhinethi liphinde lagcizelela ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kungakhathaleki ukuthi banemibono enjani yezepolitiki bayohlala benekhaya kuleli lizwe ngaphandle kokwesaba ukushushiswa ngokwezepolitiki nokucindezelwa ngokuhambisana nemithetho yeRiphabhulikhi.
3.3. IKhabhinethi livumile ukuthi iNingizimu Afrika isabhekene nezinselele eziningi zenhlalo-mnotho ezithinta bonke abantu baseNingizimu Afrika, kungakhathaleki ubuhlanga nobulili. Lezi zinselele kumele zixazululwe ngomzamo womuntu wonke (iNingizimu Afrika yonke) okufaka phakathi uhulumeni, amaqembu ezepolitiki, izinhlangano zabasebenzi, amabhizinisi, umphakathi, kanye nabantu baseNingizimu Afrika ngabanye. Imizamo yomuntu wonke kumele iwamukele umthelela oqhubekayo wombuso wobandlululo kanye nesidingo sokulungisa ukungabi nabulungiswa kwesikhathi esidlule.
3.4. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokushaya indiva labo abafuna ukudicilela phansi inkululeko yethu ngokugqugquzela ukucwasa ngokobuhlanga ukuze bazibophezele kabusha emgomweni wokwakha iNingizimu Afrika ebumbene, engenabandlululo ngokobuhlanga futhi echumayo.
4. Isikhathi Sokusoka Sasebusika ngowezi-2026
4.1. IKhabhinethi liveze ukukhathazeka okukhulu ngokuqhubeka kokushona kwabafana kanye nezinye izigameko eziphazamisayo ezibikwe ngeSikhathi Sokusoka sasebusika ngowezi-2026.
4.2. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini yabasokwa abangama-47 abashone ngeSikhathi Sokusoka ngowezi-2026 laphinde lafisela labo abalimele noma abasathola ukwelashwa ukululama okusheshayo.
4.3. IKhabhinethi liphinde lamukela indlela abomthetho abasheshe ngayo ukuqinisekisa ukuthi labo abaphula imithetho yokusoka babekwa icala. Kuze kube manje, kuvulwe amacala obugebengu angaba yi-161, okuholele ekuboshweni kwabantu abangama-41. Ngaphezu kwalokhu, izikole zokusoka ezingekho emthethweni ezingama-42 zivaliwe, kwathi abasokwa abayi-181 bahlengwa kanti abangama-93 bangeniswa esibhedlela.
B. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kwelayisensi yokushayela kusuka eminyakeni emihlanu (5) kuya kweyishumi (10)
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kwelayisensi yokushayela yamaKhodi A, A1, B kanye ne-EB kusuka eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi. Isikhathi sokuvuselelwa seminyaka eyishumi sizosebenza kuphela ezimotweni ezincane. Izimoto ezinkulu nezokuthutha umphakathi zizohlala zingaphansi kwesikhathi sokuvuselelwa seminyaka emibili noma emihlanu evele ikhona bese kuthi Izimvume Zobuchwepheshe Bokushayela nazo zizohlala zivuselelwa esikhathini seminyaka emibili.
1.2. Lolu shintsho luhambisana nezindlela zokusebenza ezinhle zamazwe ngamazwe, luthuthukisa ukusebenza kahle, lunciphisa ukuvuselela njalo kubashayeli futhi lunciphisa ingcindezi yokusebenza ngaphakathi kohlelo lwamalayisensi.
1.3. Ukuqaliswa kwesikhathi sokusebenza esengeziwe kudinga izichibiyelo zomthetho. Ngakho-ke abashayeli kumele baqhubeke nokuvuselela amakhadi amalayisensi okushayela aphelelwe yisikhathi kuze kube yilapho umthetho omusha uqala ukusebenza.
2. Inqubomgomo Ebuyekeziwe Yamanani Kagesi
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo Ebuyekeziwe Yamanani Kagesi ukuze umphakathi uphawule ngayo. Le nqubomgomo ibuyekeza iNqubomgomo Yamanani Kagesi yezi-2008 ukuze ibonise okuqhubekayo embonini yokuphakelwa kukagesi, okuhlanganisa izinguquko eziqhubekayo zemakethe ezivela ekuhlakazweni kwe-Eskom kanye nasekuqalisweni koMthetho Wokuchitshiyelwa Komthethonqubo Kagesi, wezi-2024.
2.2. Le nqubomgomo iqinisa uhlaka lokulawula olulawula amanani kagesi, amanani entengo, kanye nezindleko, futhi ihlinzeka intengo ngokusobala ngokuhlukanisa amanani entengo kuyo yonke imisebenzi yokuphehla ugesi, ukudlulisa, ukusabalalisa kanye nokuwuthenga ezitolo, ngaleyo ndlela ihlanganisa amalungiselelo okulawula amanani kagesi kuzo zonke abaxhumanisi abehlukene phakathi kwabakhiqizi, abahwebi, iNational Transmission Company South Africa (i-NTCSA), kanye nabasabalalisi. Iphinde isungule uhlaka lapho laba baxhumanisi bezovunyelwa futhi balawulwe yi-NERSA.
2.3. Le nqubomgomo yeseka ukwethulwa kwezindleko ezibonisa izindleko ibe ivikela abasebenzisi ababuthaka kanye nemikhakha yezomnotho ehlelekile.
3. Uhlaka Lombiko Wohlelo Lokuguqulwa Kwemakethe Yomkhakha Kagesi
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka loMbiko Wohlelo Lokuguqulwa Kwemakethe Yomkhakha Kagesi ukuze umphakathi uphawule ngalo. Lo mbiko unikeza uhlaka olungumhlahlandlela ekuguqukeni kweNingizimu Afrika kusuka ohlelweni lukagesi olulawulwa kakhulu nguhulumeni kuya emakethe kagesi encintisana kakhulu, ngokuhambisana noMthetho Wokuchitshiyelwa Komthetho Kagesi, wezi-2024 kanye noHlelo Lokusebenza Kwezamandla.
3.2. Izinguquko ezihlongozwayo zihlose ukuqinisekisa ukuthi ugesi awupheli ngokunciphisa ukuthembela kumhlinzeki kagesi oyedwa kanye nokwenza kube nokuhlanganyela okukhulu ekukhiqizweni nasekuhwebeni kukagesi. Lezi zinguquko zihlose futhi ukuheha utshalomali lwengqalasizinda yokukhiqizwa kukagesi, ukudluliselwa kanye nokusabalalisa, ukweseka ukudalwa kwamathuba emisebenzi nokukhula komnotho, kanye nokunciphisa izindleko zikagesi esikhathini eside.
4. Isu Likazwelonke Elibuyekeziwe Lokuphepha Emgwaqweni (i-NRSS) lowezi-2026–2030
4.1. IKhabhinethi ligunyaze i-NRSS 2026–2030 ebuyekeziwe. Isu elibuyekeziwe lakhelwa phezu kwe-NRSS 2016–2030, eyamukelwa ukunciphisa ukufa kwabantu emigwaqweni futhi ihambisana neZinyathelo Zeshumi-minyaka zoMhlabuhlangene Zokuphepha Emgwaqeni kanye noHlelo Lwentuthuko Kazwelonke.
4.2. Ukubuyekezwa kwadingeka ngenxa yezinselelo eziqhubekayo, okuhlanganisa ukuqiniswa komthetho wezemigwaqo ontekenteke, ubuthakathaka obudalwa inkohlakalo kanye nokuqaliswa komthetho ngendlela engafani kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.
4.3. I-NRSS ebuyekeziwe iqhubekisela phambili uhlelo loguquko lonke olusekelwe ekuqinisweni komthetho womgwaqo okuholwa ngezobunhloli, indlela yokungabekezeleli nhlobo inkohlakalo, izindlela ezisebenzisa idijithali kanye nokuqinisa ukuphatha kanye nokuxhumanisa. Iseka imigomo yokuphepha emgwaqweni yomhlaba wonke kanye nomgomo kaHulumeni Wehlandla Lesikhombisa wokunciphisa ukufa kwabantu emigwaqweni ngama-45% ngowezi-2029.
5. Uhlaka Lwesu Lwezinsizakalo Zamanzi Nokuthuthwa Kwendle
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka Lwesu Lwezinsizakalo Zamanzi Nokuthuthwa Kwendle ukuze umphakathi uphawule ngalo isikhathi esiyizinsuku ezingama-60.
5.2. Uhlaka olubuyekeziwe lubeka imigomo yemikhakha, lubhekana nezinselele ezivelayo nokuqhubekayo, futhi luvumelanisa lo mkhakha nezinto eziza kuqala kuzwelonke kanye nezindlela ezinhle zokusebenza zomhlaba wonke. Lugcizelela ukumelana nesimo sezulu, ukuhlanganiswa kwemvelo, ukusimama kwezezimali, igebe elikhona kubuthakathaka emadolobheni nasemakhaya, ukuguqulwa kwedijithali kanye nokuhlelelwa komkhakha okuthuthukisiwe.
5.3. Isu kuhloswe ngalo ukuqinisa ukuphathwa kwemikhakha, ukuthuthukisa ukuhlela nokulethwa kwemisebenzi, kanye nokweseka ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zamanzi nokuthuhthwa kwendle ezisimeme, ezithembekile nezilinganayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
C. Imithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezakhiwo Zikamasipala, wezi-2026
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezakhiwo Zikamasipala ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa, ovame ukubizwa ngokuthi “uMthethosivivinywa Wamadlelandawonye”, uhlose ukuhlinzeka ngohlaka olucacile lwezomthetho lokwakhiwa kohulumeni bamadlelandawonye kanye nokusungula izindlela zokunciphisa izinselele ezihlobene nobudlelandawonye kohulumeni basekhaya.
1.2. IKhabhinethi liqale lagunyaza ukushicilelwa koMthethosivivinywa ukuze umphakathi uphawule ngawo ekuqaleni kowezi-2024. Ngemva kokubonisana okubanzi kanye nokulungiswa okwengeziwe komthetho, lo Mthethosivivinywa manje uthunyelwa ePhalamende ukuze ucutshungulwe. Izichibiyelo ezihlongozwayo zihlose ukukhuthaza ukuphatha ngokubambisana okuzinzile nokunesibopho, ukunciphisa ukungazinzi kwezepolitiki kanye nokweseka ukulethwa kwezinsizakalo emiphakathini okungaphazamiseki.
2. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yokhetho, wezi-2026
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Yokhetho, wezi-2026 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wekhomishini Yokhetho, we-1996; uMthetho Wokhetho, we-1998; kanye noHulumeni Wendawo: UMthetho Wokhetho Kamasipala, wezi-2000, ukulungiselela uKhetho Lohulumeni Bendawo lwezi-2026. Lezi zichibiyelo zihlose ukuqinisekisa ukuvumelana nokuqinisa uhlaka lwemithetho yokhetho, ukuthuthukisa ukuphathwa nokulawulwa kokhetho kanye nokweseka ukuqhutshwa kokhetho olukhululekile, olunobulungiswa noluthembekile.
3. UMthethosivivinywa Wokwakha Uzungu, Ukukhuthaza Nokugqugquzela Ukwenza Amacala, wezi-2026
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokwakha Uzungu, Ukukhuthaza Nokugqugquzela Ukwenza Amacala, wezi-2026 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchitha uMthetho Wemihlangano Enezinxushunxushu, we-1956 osudlulelwe isikhathi, futhi uguqula uhlaka lwezomthetho lokujezisa abantu abakha uzungu, abakhuthaza noma abagqugquzela ukwenza amacala obugebengu. Uthatha indawo yezinhlinzeko ezingahambisani nomthethosisekelo futhi uhambelanisa umthetho nohlelo lwamanje lomthethosisekelo, ube uqinisa ikhono likaHulumeni lokubhekana nokuziphatha okukhuthaza noma okusiza ukwenziwa kwamacala obugebengu.
4. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile (Yezimayini), wezi-2026
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile (Yezimayini), wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuqinisa uhlaka lwezomthetho lokulwa nokumba izimayini okungekho emthethweni kanye nemisebenzi ehlobene nakho eqhubeka nokuba yingozi ekuphepheni komphakathi, ekuthuthukisweni komnotho kanye nokuphathwa okusimeme kwemithombo yezimbiwa yezwe. Uphakamisa izichibiyelo kuMthetho Wenqubo Yobugebengu, we-1977; uMthetho Wamadayimane, we-1986; uMthetho Wokuthuthukiswa Kwezezimbiwa Nemithombo Kawoyela, wezi-2002; kanye noMthetho Wezinsimbi Eziyigugu, wezi-2005. Lezi zichibiyelo zifaka phakathi izinyathelo zokwenza ukumba izimayini okungekho emthethweni kube yicala kanye namacala ahlobene nakho.
5. UMthethosivivinywa Wokulawulwa KwamaThrasti, wezi-2026
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokulawulwa KwamaThrasti, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwenza uhlaka lwezomthetho lwamathrasti lube olwesimanje ngokuthatha indawo yoMthetho Wokulawulwa Kwempahla Yethrasti osewadlulelwa isikhathi. Uhlose ukuqinisa ukuziphendulela nokuthobela imithetho, ukuthuthukisa indima yokwengamela kaMaster weNkantolo Ephakeme kanye nokuhlinzeka ngokuvikelwa okukhulu kwabahlomulayo.
6. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemisebenzi Yezomthetho, wezi-2026
6.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemisebenzi Yezomthetho, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwenza lula izindlela zokuphatha zomkhakha wezomthetho ngesikhathi uqhubekisela phambili ushintsho. Uphinde wethule izinguquko zokwakheka kweSikhwama Sokuthembeka Kwabasebenzi Bezomthetho ukuze kuqiniswe ukusimama kwezezimali futhi kuthuthukiswe ukuvikelwa komphakathi. Lo Mthethosivivinywa uphinde uphakamise izichibiyelo ekuhlinzekeni okwehlukene koMthetho Wokusebenza Kwezomthetho ukuze kwesekwe ukuthuthukiswa kwamakhono abasebenzi bezomthetho, kuthuthukiswe ukufinyelela emsebenzini wezomthetho, kukhuthazwe ukufinyelela kubulungiswa futhi kuxazululwe izinselele ezivele ekuqalisweni koMthetho.
7. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile Yezezimali, wezi-2026
7.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile Yezezimali, wezi-2026, ePhalamende. UMthethosivivinywa uphakamisa izichibiyelo kuMthetho Wokulawulwa Kwemikhakha Yezezimali, wezi-2017 (UMthetho 9 wezi-2017), kanye noMthetho Wokuthengwa Kwempahla Kuhulumeni, wezi-2024 (UMthetho 28 wezi-2024).
7.2. UMthethosivivinywa uphakamisa ukufakwa kwesahluko esisha kuMthetho Wokulawulwa Kwemikhakha Yezezimali ukuze kwesekwe izinguquko zakulei lizwe ezihlose ukuqinisa ukuphathwa nokulawulwa kwezilinganiso zezimali ezisemthethweni. Uphinde uphakamise izichibiyelo esahlukweni sama-68 soMthetho Wokuthengwa Kwempahla Kuhulumeni ukuze kwesekwe izinguquko eziqhubekayo ezihlose ukuqinisa izinhlaka zomthetho zezimali nezokuthengwa kwempahla zaseNingizimu Afrika, ukuthuthukisa ukuqapha, kanye nokukhuthaza ukuqiniseka okukhulu komthetho.
D. Ezakamuva zeKhabhinethi
1. Ukungenelela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamanzi asezingeni eliphezulu okuthembekile kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
1.1 . IKhabhinethi lamukele ukukhishwa koHlelo Lokusebenza Lwamanzi Lukazwelonke olucacisa ukungenelela okuhlelekile ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamanzi asezingeni eliphezulu okuthembekile kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi kuxazululwa izimbangela ezinkulu zezinselele zokuhlinzekwa kwamanzi ezweni. Lolu hlelo lwasungulwa yiKomidi Likazwelonke Elibhekele Izinkinga Zamanzi eliholwa nguMongameli uCyril Ramaphosa ngokubonisana nezinhlaka ezintathu zikahulumeni okuhlanganisa neNhlangano Yohulumeni Bendawo yaseNingizimu Afrika.
1.2 IKhabhinethi lincome ukwethulwa koHlelo Lukazwelonke Lokusheshisa Ukutholakala Kwamanzi, olwethulwa ngoSuku LukaNelson Mandela Lwamazwe Ngamazwe mhla ziyi-18 kuNtulikazi, kanye nokuqaliswa kwezinhlelo zokuhlinzekwa kwamanzi ezingama-67 ezihlukaniswe ngezindawo, ezihlanganisa imigodi yamanzi engoginxi kanye nezindawo zokulayisha amanzi ukuze kwandiswe ukutholakala kwamanzi okuphuza aphephile emiphakathini yasemakhaya engaphakelwa eGauteng, KwaZulu-Natali kanye naseMpumalanga Kapa. Ukungenelela ekutheni kutholakale amanzi ngezinhlelo ezingama-67 kulindeleke ukuthi kuhlomulise abantu ababalelwa kwizi-125 986 kuzo zonke izifundazwe ezintathu, kanti ezinye izigaba zokuqaliswa zihlelelwe uMfumfu 2026 kanye noMbasa 2027.
1.3 Le miklamo imele isigaba sokuqala soHlelo Lukazwelonke Lokusheshisa Ukutholakala Kwamanzi LoMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, oluqaliswa ngamaBhodi Amanzi ngaphansi koMthetho Wezinsizakalo Zamanzi. Imali engaphezu kwezigidi ezingama-R200 ibekelwe iSigaba Sokuqala salolu hlelo, esihlanganisa ukumba imigodi yamanzi yoginxi, ukuthuthukiswa kwamanzi angaphansi komhlaba, ukuvikelwa kwentwasahlobo, ukukhongozelwa kwamanzi emvula kanye nokuvuselelwa kwengqalasizinda yamanzi ekhona ukuze kwandiswe ukutholakala kwamanzi okuphuza aphephile.
1.4 Njengengxenye yohlelo lokutshalwa kwezimali lwengqalasizinda yomphakathi olubanzi, uhulumeni ekuqaleni kwalo nyaka wabeka izigidigidi eziyi-R156 kwingqalasizinda yamanzi nokuthuthwa kwendle eminyakeni emithathu ezayo. Utshalomali luzokweseka ukwandiswa nokunakekelwa kwengqalasizinda yamanzi, luthuthukise ukuthembeka kokuhlinzekwa kwamanzi, futhi lubhekane nezinselele zamanzi nokuthuthwa kwendle ezithinta imiphakathi.
2. Umbiko wokuqhubekayo ekuqalisweni kwendlela ephelele yokulawula ukufuduka eNingizimu Afrika.
2.1 IKhabhinethi lithole umbiko wokuqhubekayo ekuqalisweni kwendlela ephelele yokuqinisekisa ukufuduka okusemthethweni eNingizimu Afrika ngokohlelo lwamaphuzu amahlanu njengoba limenyezelwe nguMongameli uCyril Ramaphosa kanje:
2.1.1 Kusukela mhla zingama-23 kuNtulikazi 2026, kwabikwa izigameko ezingama-205 ezihlobene nokwephulwa komthetho wokufuduka kanye nomthetho ohlobene nazo futhi zabhaliswa njengamacala obugebengu, lesi sibalo senyukile kusuka kwi-103 okuyisibalo esibikwe ngesonto lokuqala likaNtulikazi 2026.
2.1.2 Kuboshwe abantu abangama-354, kanti isifundazwe saseFreyistata sibike inani eliphezulu kakhulu labantu ababoshiwe abayi-174, kulaba ababoshiwe, amacala angi-107 asevele asenkantolo.
2.1.3 Kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2026 – ekupheleni kukaNhlangulana 2026, izinkantolo seziphothule amacala ayizi-28 736 ahlobene nokufuduka ikakhulukazi okuxoshwa kwabantu.
2.1.4 Phakathi komhla ziyi-14 kuNhlangulana kuya kuma-24 kuNtulikazi 2026, izakhamuzi zakwamanye amazwe ezingenawo amaphepha eziyizi-68 327 zabuyiselwa emazweni azo ngokusebenzisa imigudu yomthetho ehlelekile. Kulaba abayizi-68 327, abangama-81% bangabantu baseMalawi; abayi-16% abaseZimbabwe kanye naba-3% baseMozambique.
2.1.5 Ukuqaliswa kwe-Electronic Traveller Authorisation (i-ETA) kanye ne-Enhanced Movement Control System ethuthukisiwe kuyaqhubeka ezikhumulweni zezindiza zamazwe ngamazwe i-OR Tambo, iLanseria, iKing Shaka naseKapa.
2.2 Isikhungo Sokubuyiselwa Kwabantu Emazweni abo Sesikhashana saseMusina sizoncishiswa kusukela kumthamo wabantu abayizi-20 000 kuya kumthamo wabantu abayi-1 500.
3. Umbiko Wonyaka WeKhomishini Yama-26 Yokulingana Kwabasebenzi (i-CEE)
3.1 IKhabhinethi lamukele futhi lawuphawula uMbiko Wonyaka WeKhomishini Yokulingana Kwabasebenzi (i-CEE) wezi-2025/26. Umbiko ulandelela ukuguqulwa kwendawo yokusebenza kanye nokuthobela uMthetho Wokulingana Kwabasebenzi.
3.2 Umbiko Wonyaka we-CEE wama-26 ugqamisa ukungalingani okuqhubekayo kwabasebenzi, kanye nokungalingani ngokobuhlanga nangokobulili okuqhubekayo ezikhundleni eziphezulu emkhakheni ozimele.
3.3 Amaqembu abantu Abamhlophe nabaseNdiya ahlala enabantu abaningi ezikhundleni eziphezulu zokuphatha, nokungama-57.1% ne-12.2% ngokulandelana. Ezingeni eliphezulu labaphathi, abasebenzi Abamhlophe bangama-44.1% kanti abasebenzi baseNdiya bayi-12.5%. Abasebenzi Abansundu Nabangamakhaladi basalokhu bebaningi ezikhundleni eziphansi nezingadingi makhono okusebenza, nokuyilapho ukumelwa kwabasebenzi abanokhubazeka kusalokhu kuphansi, ku-1.3% kubasebenzi bebonke.
3.4 Umbiko uphinde uphawule ukwenyuka kwesibalo sabasebenzi Abansundu emazingeni okuphatha obuchwepheshe, abaphathi abasezingeni eliphakathi, abanekhono kwezobuchwepheshe kanye nabaphathi abancane, kuma-52.0% futhi uphawule ngabantu bakwamanye amazwe abangu-3.1% kuzo zonke izigaba futhi ubonise ukukhathazeka ngokuba nalesi sibalo emisebenzini esezingeni elinamakhono amancane kanye nezinga elingadingi amakhono okungase kube ukwephula uMthetho Wezinsizakalo Zokuqashwa ochaza ukuthi abaqashi kumele baqinisekise ukuthi abekho abanye abantu eRiphabhulikhi abanalawo makhono afanele ngaphambi kokuqasha isakhamuzi sakwamanye amazwe.
3.5 Uhulumeni uzoqhubeka nokusebenzisa okutholakele kulo mbiko ukuqapha ushintsho, ukukhuthaza ukuqashwa ngokulinganayo kanye nokuza nezinyathelo zokulungisa imakethe yezabasebenzi.
4. Umthelela welayisensi yokusakaza ngamagagasi omoya kwingqalasizinda yedijithali
4.1 IKhabhinethi liwuphawulile umbiko ngomthelela welayisensi yokusakaza ngamagagasi omoya kwingqalasizinda yedijithali kanye nokuxhumana eNingizimu Afrika. Ukunikezwa kwelayisensi yokusakaza ngamagagasi omoya edingeka kakhulu kuye kwathuthukisa ukufinyelela kwi-inthanethi enesivinini, kwathuthukisa ukusebenza kahle kwenethiwekhi kanye notshalomali kwingqalasizinda yedijithali.
4.2 IKhabhinethi liveze ukukhathazeka ngokuthi abaqhubi bezokuxhumana abakazifezi izibopho zabo emphakathini ezihlobene nokusakaza ngamagagasi omoya. Uhulumeni wayebeke isilinganiso sokuxhumanisa izikhungo zomphakathi eziyizi-21 878 ngowezi-2029, ezihlanganisa izikole eziyizi-16 139, izikhungo zezempilo eziyizi-4 232, imitapo yolwazi engama-570 kanye nezindlu zendabuko ezingama-937. Kusukela ngoMbasa 2026, abaqhubi bezokuxhumana baxhumanisa izikhungo zomphakathi eziyizi-5 295 kuphela kwizibopho ababezenzile emphakathini.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo nokuhlolwa okufanelekile.
1. Mnu. Nkosikhona Sydney Mbatha njengoMphathi Omkhulu weSmall Enterprise Development Finance Agency.
2. Nkz. Vangile Petronella Nene njengePhini loMqondisi-Jikelele: Izinsizakalo Zemisebenzi kuMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda.
3. Nkz. Beryl Ferguson njengoSihlalo weSouth African National Parks Board.
4. Ukubekwa Kwamalungu Angebona Abaphathi ePublic Investment Corporation (PIC) Soc. Limited
(a) Mnu. Seiso Joel Mohai – iPhini likaNgqongqoshe kweZokuhlela, Ukuqapha Nocwaningo njengoSihlalo
(b) Nkz. Patience N.Z. Nqeto
(c) Nkz. Lebogang R. Mokgabudi
(d) Ummeli Gatlelane Ouma Rasethaba
(e) Nkz. Vivien McMenamin
(f) Nkz. Bajabulile Swazi Tshabalala
(g) Mnu. Itani Mafune
(h) Nkz. Moipone Ramoipone- omele uMgcinimafa kaZwelonke
Ukuqashwa kuhloswe ngakho ukubhekana nezinselele zokuphatha ezikhona. UNgqongqoshe Wezezimali uzoqhubeka nokuqhuba izinguquko ze-PIC njengokwezincomo zeKhomishini kaJaji Mpati ngokubonisana neKhabhinethi.
5. Ukubekwa kweBhodi loMkhandlu weMineral Technology (i-MINTEK)
a. Dkt. Thibedi Ramontja (uSihlalo) (uphinde wabekwa);
b. Nkz. Azwindini Thomani (uphinde wabekwa);
c. Dkt. Takalani Madzivhandila (uphinde wabekwa);
d. Mnu. Luvuyo Keyise;
e. Dkt. Faranna Boodrham;
f. Dkt. Palesa Ramashala;
g. Nkz. Lerato Hilda Dikgole;
h. Dkt. Sandile Ncanana;
i. Nkz. Nondumiso Ngonyama;
j. Dkt. Avela Majavu (uphinde wabekwa);
k. Mnu. Kagiso Menoe (omele uMnyango Wezezimbiwa Nemithombo Kawoyela).
F. Imicimbi Nezingqungquthela
1. Imicimbi Ezayo
1.1 Umbukiso Wezomoya Nezokuvikela wase-Afrika Nombukiso Wezindiza wezi-2026
1.1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa koMbukiso Wezomoya Nezokuvikela wase-Afrika we-13 kanye Nombukiso Wezindiza wezi-2026, ngaphansi kwengqikithi ethi, “Indlela Ye-Afrika Yokubambisana Kwezokuvikeleka Nezezindiza”, ozobanjelwa e-Air Force Base eWaterkloof, eTshwane, kusukela mhla ziyi-16 kuya mhla zingama-20 kuMandulo 2026.
1.1.2 Lo mbukiso kulindeleke ukuthi uhehe abazobukiza abangaphezu kwama-300 abavela emhlabeni wonke, izithunywa ezisemthethweni ezivela emazweni angaphezu kwama-50 kanye nezivakashi ezizohweba ezingaphezu kwezi-30 000. Umcimbi uzophinde ubonise intuthuko emikhakheni yezindiza nezokuvikela ube ukhuthaza ukubambisana kwamazwe ngamazwe, ukuhweba kanye nokutshalwa kwezimali.
1.2 Ingqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika ngowezi-2026
1.2.1 IKhabhinethi likuphawule ukuthi iNingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yokuthuthukiswa Kwengqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) yowezi-2026 kusukela mhla zingama-23 kuya mhla zingama-25 kuNcwaba 2026. Lo mcimbi kulindeleke ukuthi uhehe izithunywa ezibalelwa kuma-700.
1.2.2 Ingqungquthela izohlanganisa abatshalizimali, izikhungo zezimali, abenzi bezinqubomgomo, abaholi kanye nabanye abalingani abeza namasu ukuze kuthuthukiswe uhlelo lokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda eNingizimu Afrika futhi kuboniswe inqubekela-phambili ekuqalisweni koHlelo Lwengqalasizinda Kazwelonke lowezi-2050 olwagunyazwa yiKhabhinethi.
1.2.3 I-SIDSSA 2026 izomemezela imiklamo eyisishiyagalombili ephambili yengqalasizinda ekhethwe ngaphansi kweBid Window 2 yokulungiselela imiklamo kanye nokwesekwa ngokobuchwepheshe, ikhiphe ushicilelo lwesithathu lweNcwadi Yokwakha, inikeze ngokuqhubekayo ngeSu Lemiklamo Edidiyelwe (ama-SIP), ibonise ukusungulwa kwenqubomgomo nemithetho ebalulekile, futhi igqamise ukubambisana kumasu engqalasizinda okuhloswe ngakho ukubeka iNingizimu Afrika njengendawo ehamba phambili yokuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nesikhungo sokuxhasa ngezimali ezwekazini i-Afrika.
1.3 Inyanga Yabesifazane: Isikhumbuzo Seminyaka engama-70 Sokumasha Kwabesifazane ngowe-1956
1.3.1 Ngomhla wesi-9 kuNcwaba 2026, iNingizimu Afrika izogubha iminyaka engama-70 yoKumasha Kwabesifazane ngowe-1956, lapho abesifazane abangaphezu kwezi-20 000 bamasha baya eZindini Zombuso belwela ukwelulwa kweMithetho Yamapasi kanye noMthetho Wezindawo Zasemadolobheni. Isikhumbuzo esiyingqophamlando sizogujwa ngaphansi kwengqikithi kazwelonke ethi: “Abesifazane Abanamandla Banika Isizwe Amandla.”
1.3.2 IKhabhinethi ligcizelele ukuthi ukuba nesibindi kwesizukulwane sowe-1956 kwaholela ngqo ekubandakanyweni kwabesifazane ePhalamende, kuhulumeni, emkhakheni ozimele, kanye nasemphakathini, kwasungula ngokuqinile ubuzwe obulinganayo kanye namalungelo omthethosisekelo eNingizimu Afrika yentando yeningi labantu. Ngesikhathi yethulela isigqoko amandla abesifazane besizwe, iKhabhinethi liphinde laqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni okungaguquki ekuvikeleni, ekukhuthazeni, nasekuthuthukiseni amalungelo abesifazane kanye nokuqinisa umsebenzi wokuqeda udlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF), ukuqeda ukubandlululwa ngokomnotho, kanye nokuqinisekisa ukufinyelela okulinganayo ezinsizeni zokukhiqiza.
1.3.3 IKhabhinethi ligcizelele ukuthi lo mcimbi wokugubha iminyaka uyisisekelo soMkhankaso Omkhulu Wenkululeko, oqhutshwa ngaphansi kwengqikithi ethi: "Ukuhlonipha isikhathi esidlule, ukuletha ikusasa." Kuyo yonke iNyanga Yabesifazane, uhulumeni uzohola izinkundla zikazwelonke zokuhlonipha ukuzinikela kwabesifazane emzabalazweni wenkululeko ngesikhathi eqinisekisa indima ebalulekile yabesifazane esikhathini samanje.
2 Izingqungquthela Ezisingathiwe
2.1 Ingqungquthela Nombukiso wase-Afrika wama-26 Wezitimela
2.1.1 INingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Nombukiso wase-Afrika wama-26 Wezitimela ngomhla wesi-7 nowesi-8 kuNtulikazi 2026 eGoli.
2.1.2 Kule Ngqungquthela kubhekwe inqubekela-phambili eyenziwe ekulungiseni izinsizakalo zezitimela zabagibeli zezwe, njengoba uhambo lwabagibeli lwaminyaka yonke ludlula izigidi eziyi-100 ekupheleni kukaNdasa 2026 kanye nemizila yezitimela engama-35 kwengama-40 yezwe iphinde yasebenza. Uhulumeni usazimisele ukubuyisela izinsizakalo zezitimela zabagibeli eziphephile, ezithembekile nezingambi eqolo, ngenhloso yokufinyelela ekutheni abagibeli bahambe ngezitimela izikhathi eziyizigidi ezingama-600 ngonyaka ngowezi-2030.
3 Izimemezelo
3.1 Ukubhaliswa kwemishado yesintu efanelekayo
3.1.1 IKhabhinethi likhumbuza wonke amalungu omphakathi ukuthi mhla zingama-31 kuNcwaba 2026 yisikhathi sokugcina sokubhalisa imishado yesintu efanelekile ngaphansi kwesikhathi sokubhalisa esikhethekile esamenyezelwa nguNgqongqoshe Wezasekhaya.
3.1.2 Isikhathi sokubhalisa esikhethekile, kusukela mhla lu-1 kuMandulo 2024 kuya kumhla zingama-31 kuNcwaba 2026, sethulwa ukuze kuvunyelwe abantu abasemishadweni yesintu engabhaliswanga ngokusemthethweni esikhathini esibekiwe ukuthi babhalise ngokusemthethweni umshado wabo. Lokhu kufaka phakathi imishado yesintu eyenzeka ngaphambi koMthetho Wokwamukelwa Kwemishado Yesintu eyenzeka ngoLwezi 2000, kanye nemishado eyenzeke ngemva kwalokho engabhaliswanga esikhathini esibekiwe.
3.1.3 IKhabhinethi linxusa amalungu omphakathi adinga ulwazi olwengeziwe ngenqubo yokubhalisa noma amaphepha adingekayo ukuba avakashele ihhovisi labo loMnyango Wezasekhaya eliseduze.
3.2 Impelasonto Yokugcina Yokubhalisela Ukuvota
3.2.1 IKhabhinethi linxusa bonke abavoti abafanelekile ukuba basebenzise impelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota kuzwelonke, ehlelelwe umhla lu-1 nowesi-2 kuNcwaba 2026, ukubhalisela ukuvota ngaphambi koKhetho Lohulumeni Basekhaya lwezi-2026. Abavoti abafanelekile bakhuthazwa ukuba basebenzise leli thuba lokugcina lokubhalisa noma ukuvuselela imininingwane yabo yokubhalisa. Iziteshi zokuvota ezweni lonke zizovulwa kusukela ngehora lesi-08h00 kuya kwelesi-17h00. Abavoti abafanelekile bangabhalisa noma bavuselele imininingwane yabo nganoma yisiphi isikhathi ngengosi esemthethweni yokubhalisa abavoti ku-inthanethi ye-IEC, esebenza ubusuku nemini, izinsuku eziyisikhombisa ngesonto, ku- https://registertovote.elections.org.za.
3.2.2 IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abasebasha nabaqalayo ukuvota, ukuba basebenzise ilungelo labo lentando yeningi lokuvota. Intando yeningi yethu isekelwe entandweni yabantu, futhi ivoti lakho libalulekile empumelelweni yentando yeningi esebenza kahle. Ngokusebenzisa ilungelo lethu lokuvota nokuqinisekisa ikusasa elingcono labo bonke abantu sihlonipha iminyaka yokuzidela kanye nokulwela inkululeko yethu esiyithole kanzima.
G. Imiyalezo
1. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nemindeni yalaba:
• Umdlali wasesiswini weBafana Bafana neMamelodi Sundowns uJayden Adams (Grootman), olethe injabulo esizweni ngokudlala kwakhe okuhle kakhulu okuhlanganisa neNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2026.
• Owayengumdlali weRugby waseNingizimu Afrika ngaphansi kweminyaka eyi-18 uLuqobo Makwedini, umdlali osemusha ovelele olethe injabulo kwabaningi ngomsebenzi wakhe onzima nokuzinikela enkundleni yomdlalo.
• Umlingisi osemnkantshubomvu uSeputla Sebogodi oshiye umlando omangalisayo njengomunye wabadlali abanamakhono nabahlonishwayo eNingizimu Afrika, ngomsebenzi wakhe omuhle oqhube amashumi eminyaka kumabonakude naseshashalazini.
• Iqhawe lomzabalazo wenkululeko uShantavothie “Shanthie” Naidoo Tweedie onikele impilo yakhe yonke kanye nokuzibophezela kwakhe okwasiza ohambweni lweNingizimu Afrika oluya enkululekweni. Njengesishoshovu esasilwa nobandlululo, wabhekana nezikhathi ezahlukene zokuboshwa, okuhlanganisa ukuvalelwa yedwa, ngaphansi koMthetho Wobuphekula kanye nemiyalelo yokuvinjwa. Wahlala nasekudingisweni e-United Kingdom kusukela ngowe-1972 kuya kowe-1991.
• UBettina Wyngaard, ummeli waseNingizimu Afrika owaba ngumbhali kanye nesishoshovu, odume ngamanoveli akhe esiBhunu kanye nokulwela kwakhe amalungelo abesifazane.
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba:
• Ithimba laseNingizimu Afrika ngokuphakamisela ifulegi phezulu nokwenza izwe liziqhenye ngeMidlalo yeCommonwealth eGlasgow. INingizimu Afrika isiwine izindondo ezingama-22 kuze kube manje: izindondo eziyisithupha zegolide, eziyisishiyagalombili zesiliva, kanye neziyisishiyagalombili zethusi.
Izindondo zegolide
• Pieter Coetze - 200m backstroke yamadoda.
• Pieter Coetze - 50m backstroke yamadoda.
• Pieter Coetze - 100m backstroke yamadoda.
• Nathan Hendrick - S13 100m freestyle yamadoda.
• Lara van Niekerk - 50m breaststroke yabesifazane.
• Christian Sadie – 50m freestyle S7 yamadoda.
Izindondo zesiliva
• Erin Gallagher - 50m butterfly yabesifazane.
• Aimee Canny - 100m breaststroke yabesifazane.
• Michael Houlie - 50m breaststroke yamadoda.
• Nathan Hendricks - 50m freestyle S13 yamadoda.
• Danika Vyncke - 50m freestyle S13 yabesifazane.
• Aimee Canny - 200m individual medley yabesifazane.
• Pieter Coetzé, Michael Houlie, Erin Gallagher, Aimee Canny - 4x100m medley relay exubile ubulili.
• Kaylene Corbett – 200m breaststroke yabesifazane.
Izindondo zethusi
• Erin Gallagher - 100m butterfly yabesifazane.
• Ruard van Renen - 50m backstroke yamadoda.
• Ruard van Renen –100m backstroke yamadoda.
• Olivia Nel - 100m backstroke yabesifazane.
• Aimee Canny, Rebecca Meder, Erin Gallagher, Olivia Nel - 4x100m freestyle relay yabesifazane.
• Pieter Coetze, Guy Brooks, Ruard van Renen, Chad le Clos - 4x100m freestyle relay yamadoda.
• Pieter Coetzé, Michael Houlie, Chad le Clos, Ruard van Renen – 4x100m medley relay yamadoda. UChad le Clos ube ngumdlali othole izindondo eziningi kakhulu emlandweni weMidlalo yeCommonwealth ngerekhodi lezindondo ezingama-21 ngemuva kokusiza iNingizimu Afrika ukuthi ithole indondo yethusi ku-4x100m medley relay yamadoda.
• Olivia Nel, Aimee Canny, Erin Gallagher, Rebeca Meder – 4x100m medley relay yabesifazane.
• AmaBhokobhoko ngokunqoba yonke imidlalo yawo emithathu yeNations Championship kanye nokuhlala esicongweni ngamaphuzu aphezulu.
• AmaJunior Springboks ngokunqoba i-World Rugby U20 Championship eTbilisi, eGeorgia.
• UDricus Du Plessis ngokunqoba uKamaru Usman emqhudelwaneni omkhulu ekhadini wokulwa we-Ultimate Fighting Championship (i-UFC) e-Oklahoma City.
• UBayanda Walaza ngokwenza ezibukwayo eMdlalweni we-TIPOS P-T-S eSlovakia, ngokunqoba i-100m yamadoda ngokushaya imizuzwana eyisi-9.89 nokuba ngumdlali wesine waseNingizimu Afrika ukugijima ngaphansi kwemizuzwana eyisi-9.90.
• Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika, iBanyana Banyana njengoba lincintisana kwi-2026 Women's Africa Cup of Nations eMorocco futhi sibafisela okuhle emdlalweni wabo wesibili bedlala ne-Ivory Coast ngoLwesihlanu, mhla zingama-31 kuNtulikazi 2026.
• INyuvesi yaseWitwatersrand (i-Wits) ngokubekwa njengeyunivesithi ehamba phambili e-Afrika, ngokusho kwe-2026 Center for World University Rankings (i-CWUR). Lokhu kubeka i-Wits phakathi kwezikhungo ezingu-1% eziphezulu zemfundo ephakeme emhlabeni jikelele, nethathe indawo yama-200 kwizikhungo ezingaphezu kwezi-21 000 ezihloliwe emhlabeni jikelele.
• INyuvesi yaseKapa (i-UCT), ngokuthatha indawo ye-102 emhlabeni jikelele ku-2026 Times Higher Education Sustainability Impact Rankings, kanye nokuthatha izindawo eziyi-100 eziphezulu eziyisishiyagalalunye kuyo yonke imikhakha ye-UN Sustainable Development Goals (SDGs).
• ULubanzi Dube oneminyaka eyi-12 ubudala, ngokuba ngumuntu wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika ukuwina i-2026 World Startup Forum Championship eSwitzerland. Encintisana nabasunguli abangama-400 abavela emhlabeni jikelele, uLubanzi uwine ngokusungula kwakhe okusha, iSolEase eyenzelwe ukubhekana nezinselele zempilo yezinyawo. Impumelelo yakhe ayigcinanga nje ngokubeka iNingizimu Afrika emehlweni omhlaba wonke kodwa futhi ikhuthaze intsha yase-Afrika ukuba iphishekele isayensi, ubuchwepheshe, kanye namabhizinisi.
• Iqembu laseNingizimu Afrika ngokuthatha indawo yesine kuMqhudelwano Womhlaba Wokupelwa Kwamagama eShanghai, eShayina, lapho umfundi weBanga lesi-7 uMbulelo Tolom ethathe indawo yesithupha emangalisayo ngesikhathi encintisana nabafundi abavela emabangeni aphezulu.
Imibuzo:
UPhiko lukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Xhumana: noNkz. Nomonde Mnukwa, iBamba likaMqondisi-Jikelele
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

