A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1. I-SARS iqophe umlando ngokuqoqa imalingeniso eyizigidintathu ezi-R2
1.1.1. IKhabhinethi lishayele ihlombe i-SARS engaphansi kukaKhomishana u-Edward Kieswetter ngokuqoqa imalingeniso engaphezu kwezigidintathu ezi-R2, okuyingqophamlando eyenzeke ngokushesha emva kokuqoqwa kwemalingeniso eyisigidintathu esi-R1.
1.1.2. Ukuqoqwa kwentela okuthuthukisiwe kukhulisa amandla ezezimali kanye nokuzinza ngokunciphisa ukuthembela kukahulumeni ezikweletini kanye nokuvula isikhala esengeziwe sezimali sokuxhasa isabelomali.
1.1.3. Izwe livuna izinzuzo zokuthuthukiswa kokuthobela imithetho yentela kanye nokusebenza ngokuziphatha kahle kwe-SARS okuwumphumela wokusebenza kanzima nokuzinikela, kanye nenqubekela-phambili eyenziwe ekuqalisweni kwezincomo zeKhomishini kaNugent.
1.1.4. Ukuqoqwa kwemalingeniso eyizigidintathu ezi-R2 nakho kubonakalisa ukukhula komnotho, kulokhu, okusekelwe ekusebenzeni komnotho komkhakha wezezimayini, okuhlala kuwumgogodla womnotho waseNingizimu Afrika.
1.1.5. Le mpumelelo ibonisa ukukhula komnotho okuphawulekayo uma kuqhathaniswa nokuqoqwa kwemalingeniso eyizigidigidi eziyi-R114 ngowe-1994/95 kanye nesikhathi esathatha i-SARS ukufinyelela ekuqoqweni kwemalingeniso eyisigidintathu esi-R1 (2018), kanye neminyaka eyisi-8 kuphela ukufeza ukuqoqwa kwemalingeniso eyizigidintathu ezi-R2.
1.2. INgqungquthela Yesithupha Yotshalomali YaseNingizimu Afrika iqinisekisa ukuthi izwe njengendawo yokutshala imali ethandwayo
1.2.1. Izwe lisingathe iNgqungquthela Yesithupha Yotshalomali YaseNingizimu Afrika (i-SAIC) ebe yimpumelelo eyisimanga mhla zingama-31 kuNdasa 2026 eGoli ebe nezithunywa ezingaphezu kwe-1000 ezivela emazweni angama-50 ezibambe iqhaza eNgqungqutheleni.
1.2.2. INgqungquthela Yesithupha Yotshalomali YaseNingizimu Afrika ingumjikelezo wesibili womkhankaso wotshalomali lapho uhulumeni ephishekela khona isilinganiso sotshalomali lwezigidintathu ezi-R2 eminyakeni emihlanu ezayo.
1.2.3. Izithembiso zotshalomali ezibiza izigidigidi ezingama-R898 ezihlanganisa imiklamo engama-81 kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye (9) kwakuyivoti eliphusile lokukhetha iNingizimu Afrika njengendawo yokutshala izimali.
1.2.4. Izithembiso zokutshala imali kulindeleke ukuthi zidale imisebenzi ehlala njalo engaphezu kwezi-230 000 esekela ukuzibophezela kukahulumeni ekukhuleni okubandakanya wonke umuntu kanye nokudala imisebenzi.
1.2.5. Kusukela yasungulwa ngowezi-2018, i-SAIC iphumelele ukunxenxa izithembiso zotshalomali eziyizigidintathu ezi-R1.56, yadlula isilinganiso sokuqala seHhovisi likaMongameli ngezigidigidi ezingama-R628. Kusukela ekuzibophezeleni kutshalomali lwezigidintathu ezi-R1.56, imiklamo eyi-137 eyenza isamba esiphelele sezigidigidi ezingama-R400 isiphothuliwe, kanti imiklamo engama-84 yenani lezigidigidi ezingama-R417 isakhiwa njengamanje.
1.3 Ukukhula Okuqhubekayo kwe-GDP kubonisa umnotho okhula njalo
1.3.1 IKhabhinethi yamukele amakota amahlanu alandelanayo okukhula komnotho okungaphazanyiswa, okuholele ekukhuleni kwe-GDP yonyaka okungu-1.1% ngowezi-2025 njengoba kukhishwe yi-StatsSA. 2025 Lokhu kukhula komnotho kwaphinde kwesekwa ngukunyuka kwe-GDP ngo-0.4% ekoteni yokugcina yowezi-2025.
1.3.2 Ukusebenza komnotho okuqine kakhulu kusukela ngowezi-2022, kwakuqhutshwa kakhulu yimikhakha ebalulekile yezinsizakalo zezimali, izindlu nezinsizakalo zebhizinisi, ezohwebo, ezokupheka kanye nezindawo zokuhlala kanye nezinsizakalo zomuntu siqu, ezazesekwa kakhulu ngamagalelo amihle avela kwezolimo kanye nezinsizakalo zikahulumeni jikelele.
1.4 Isikhungo sesikweletu seBhange Lomhlaba Wonke Sokwakha Kabusha Nokuthuthukisa sizokhulisa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ebalulekile
1.4.1 IKhabhinethi lamukele ukusungulwa kweCredit Guarantee Vehicle (i-CGV) yiBhange Lomhlaba Wonke Lokwakha Kabusha Nokuthuthukisa ngenani lezigidi ezingama-$350 (cishe izigidigidi eziyisi-R5.6).
1.4.2 ICredit Guarantee Vehicle izoqala ngokugxila ekwandiseni ingqalasizinda kagesi yezwe futhi esikhathini esizayo izokwandiswa ukuze ifake imiklamo yengqalasizinda kwezamanzi, ezokuthutha impahla, ezemfundo kanye nezempilo.
1.5 INingizimu Afrika isingatha ngempumelelo i-LIV Golf kwelase-Afrika
1.5.1 IKhabhinethi liyathokoza ngokuthi iNingizimu Afrika iphinde yabonisa amakhono ayo njengezwe elihamba phambili ngemicimbi ngokusingatha ngempumelelo i-LIV Golf - eyokuqala ngqa kwelase-Afrika eGoli eyayinabadlali abaphambili bamazwe ngamazwe kanye nabadlali abavelele baseNingizimu Afrika.
1.5.2 Abantu abangaphezu kwezi-100 000 bebehambele lo mcimbi odumile, oze nezinzuzo ezinkulu kwezomnotho nakwezenhlalo, okuhlanganisa nokunyuka kwezokuvakasha. Isibonelo, ezinye zezivakashi ebezihambele lo mcimbi zandise isikhathi sokuhlala kwazo ukuze zibone izindawo ezahlukahlukene zezokuvakasha ezweni, okuhlanganisa izindawo zokuvakasha ezinezilwane, izifunda ezisogwini, izindawo zokukhiqiza iwayini, kanye namadolobha.
1.5.3 Imicimbi eminingi ye-LIV Golf ihlelelwe owezi-2027 nowezi-2028 futhi kungenzeka ukuthi iqhubeke kuze kube ngowezi-2029 nowezi-2030. Amathikithi e-2027 SA LIV golf aseqalile ukuthengiswa
1.6 Ukunciphisa Umthelela Wempi ye-US, i-Israel, i-Iran eNingizimu Afrika
1.6.1 IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli uCyril Ramaphosa ekunxuseni ukuphela kwempi ngokushesha phakathi kwe-US, i-Israel ne-Iran enomthelela omubi kakhulu esifundeni saseMpumalanga Ephakathi kanye nomhlaba wonke.
1.6.2 IKhabhinethi liyaziswa njalo ngokuqinisekiswa kokuthunyelwa kukaphethiloli kuleli lizwe okuthintekile ngenxa yempi eqhubekayo, futhi yaqinisekiswa ukuthi uphethiloli eNingizimu Afrika usalokhu ukhona ngokwanele okwamanje. IKhabhinethi laziswa ukuthi iNingizimu Afrika ithembele kuphela ekutholeni imikhiqizo ehluziwe eMpumalanga Ephakathi.
1.6.3 UMongameli usesungule iThimba LoNgqongqoshe elihlanganisa oNgqongqoshe Bezimbiwa Nemithombo Kaphethiloli (usihlalo), Ezezimali, Ezokuthutha, Ezohwebo, Imboni Nokuncintisana, Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, Ezolimo, Ugesi Nezamandla, Amahlathi, Ezokudoba Nemvelo, kanye Nehhovisi likaMongameli ukuze kuhlanganiswe indlela kahulumeni yokunciphisa umthelela wempi ongaba nayo ezindlekweni zokuphila, uphethiloli kanye nokutholakala kokudla.
1.6.4 Njengokungenelela okusheshayo, iThimba lincome ukwehliswa kwentela kaphethiloli njengamanje ukuze kuncishiswe umthelela ekukhuphukeni kwamanani kaphethiloli okwaqala ukusebenza ngoLwesithathu, mhla lu-1 kuMbasa 2026.
1.6.5 Sithanda ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukuhlinzekwa kukaphethiloli ezweni kusazinzile futhi iziteshi zikaphethiloli ezinganawo uphethiloli njengamanje kungenxa yezinkinga yokuthi abantu bathenga ngokwethuka futhi bathenge uphethiloli omningi ngesikhathi. Abantu baseNingizimu Afrika bacelwa ukuba bangathengi ngokwesaba futhi bangathengi uphethiloli ngenhloso yokuwubeka.
1.7 Ukunikezwa kwelayisensi ye-Postbank kuqinisekisa ukuthi izinsizakalo zezimali ezingabizi ziyafinyelela emiphakathini
1.7.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukunikezwa kwelayisensi esemthethweni yePostbank njengoMhlinzeki Wezinsizakalo Zezezimali (i-FSP) yiFinancial Sector Conduct Authority (i-FSCA) eqinisa umsebenzi oqhubekayo wokubeka iPostbank njengebhange lokuthengisa elisimeme eliphethwe nguhulumeni.
1.7.2 Ngale layisensi, iPostbank izokwazi ukwandisa uchungechunge lwayo lwezinsizakalo zezimali ukuze ithuthukise ukubandakanywa kwezezimali futhi ihlinzeke ngezinsizakalo zezimali ezingambi eqolo emiphakathini ekhishwe ngaphandle kwezezimali.
1.7.3 IKhabhinethi lincome inqubekela-phambili eyenziwe ekuqiniseni amakhono ePostbank njengesikhungo samabhange esiphethwe nguhulumeni.
1.8 Umsebenzi wokuvundulula izidumbu e-Ekapa Minerals Mine
1.8.1 IKhabhinethi litshelwe ngokwakamuva mayelana nokubuvunjululwa kwezidumbu zabavukuzi abahlanu abebevaleleke ngaphansi komhlaba kusukela kwaqubuka udaka e-Ekapa Minerals Mine eKimberley.
1.8.2 Zonke izidumbu ezinhlanu zivunjululiwe futhi iKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini, ozakwabo kanye nabathandekayo balabo abashonile.
1.8.3 UMnyango Wezimbiwa Nemithombo Kaphethiloli usuqalile ngophenyo oluphelele ngalesi sigameko ukuze kuboshwe labo abayimbangela yobudedengu, uma bube khona.
2. Ukuthuthukiswa Kwezinsizakalo Zomphakathi
2.1 Ukuguqulwa Kwezinsizakalo Zokuhweba Emadolobheni Amakhulu ukuze kuthuthukiswe izinsizakalo ezibalulekile eMadolobheni Amakhulu ayisishiyagalombili
2.1.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa kokuGuqulwa kwezinsizakalo Zokuhweba Emadolobheni Amakhulu - isinyathelo esikhulu se-Operation Vulindlela - esenzelwe ukusiza omasipala abayisishiyagalombili basemadolobheni amakhulu ezweni ukubuyisela nokuqinisa ukulethwa kukagesi, amanzi namanzi angcolile, kanye nezinsizakalo zokulahlwa kukadoti.
2.1.2 Njengengxenye yohlelo, uMgcinimafa Kazwelonke uzobeka izigidigidi ezingama-R54 zenkokhelo yomsebenzi omuhle eminyakeni eyisithupha ezayo, enikeza uxhaso olubekelwe omasipala basemadolobheni amakhulu ababonisa ukwena kangcono okulinganiselwe ekulethweni kwezinsizakalo ezibalulekile.
2.1.3 Ukuze bafaneleke ukuthola le nkokhelo, omasipala basemadolobheni amakhulu kumele bahlangabezane nezilinganiso zokusebenza ezibekwe kuHlelo Lwabo Lokuthuthukisa Ukusebenza ezinsizakalweni ezibalulekile zokuhweba - amanzi, ugesi kanye nezinsizakalo zokulahla udoti.
2.2 2024 – Imiphumela yocwaningo-mabhuku lwezi-2024 - 2025 loMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi
2.2.1 IKhabhinethi lixoxe ngoMbiko Jikelele Weminyango Kazwelonke Neyezifundazwe, Izinhlangano Zikahulumeni kanye Nezishayamthetho noMcwaningimabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika Wemiphumela Yocwaningomabhuku lwezi-2024 - 25 lwe-PFMA.
2.2.2 Lo Mbiko ukhombisa ukuthuthuka okuncane kucwaningomabhuku oluhle olungenamaphutha olwaziwa kakhulu ngokuthi ucwaningomabhuku olungenazinkinga olwenyuke kusuka ku-142 ngowezi-2023-24 kuya ku-151 ngowezi-2024-25 ngesikhathi ukusetshenziswa kwemali okungafanele nokuchitha imali kwehla uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Ukusetshenziswa kwemali okungenasidingo nokuchitha imali kwehla kakhulu kusuka kwizigidigidi ezi-R3.54 ngowezi-2023-24 kuya kwizigidigidi ezi-R1.42 ngowezi-2024-25.
2.2.3 IKhabhinethi likhathazekile ngezinhlangano neminyango eminingana ebingayi phambili kuCwaningomabhuku Olungenamaphutha ngokutholiwe ngokwezigaba zakho kanye nokungasebenzisi iZinhlelo Zokusebenza ukulungisa amaphutha atholakele. Isibonelo, kusukela embikweni wezi-2023-24, kuxazululwe kuphela ukungahambi kahle kwezinto ezibalulekile ezingama-38 nengxenye yezigidigidi ezi-R1.38 zezimali ezilahlekayo kugwenyiwe noma zabuyiswa.
2.2.4 Amalungu eKhabhinethi azoqapha ukuqaliswa kwezinhlelo zokusebenza zokubhekana namaphutha atholakele kucwaningomabhuku, futhi eseke izinyathelo zoMcwaningimabhuku-Jikelele zokuletha ukuziphendulela, ukulawula kwangaphakathi okuqinile kanye nezinyathelo zokuvimbela ezibalulekile ekubuseni okuhle nasekuthuthukisweni kwezinsizakalo.
3 Ukulwisana Nobugebengu
3.1 Ukulwisana nobugebengu kuqiniswe ngokutshalwa kwe-SANDF ukusiza i-SAPS
3.1.1 IKhabhinethi lamukele ukutshalwa kwamalungu ayizi-2 200 e-SANDF azosebenzisana ne-SAPS ekulweni nokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni kanye namaqembu ezigelekeqe eMpumalanga Kapa, eFreyistata, eGauteng, eNyakatho Ntshonalanga naseNtshonalanga Kapa.
3.1.2 I-SANDF izosebenza njengomlekeleli wombutho futhi isebenze ngemithetho ecacile okuxoxiswane ngayo. Ukuqaliswa kokutshalwa kwe-SANDF sekuseduze nokuphothulwa.
3.2 Amagugu namasiko ethu kumele ahlonishwe yibo bonke abantu, ikakhulukazi izivakashi zethu
3.3 IKhabhinethi liveze ukunengeka ngalokho okubizwa ngokuthi ukugcotshwa waloyo odabuka ezwni laseNigeria njengenkosi eDolobheni laKuGompo, eMpumalanga Kapa futhi ladlulisa ukuthi lokhu kungumdlalo nje wezingane futhi akukho emthethweni.
3.4 IKhabhinethi liqinisekisile ukuthi ukusungulwa, ukwamukelwa, kanye nokusebenza kwanoma yiluphi uhlaka lobuholi bendabuko kulawulwa ngokuqinile nguMthetho Wobuholi Bendabuko Nama-Khoi-San, onikeza izinqubo ezicacile nokungeke kuxoxiswane ngazo zokufaneleka nokwamukelwa kwenkosi.
3.5 IKhabhinethi lisiphawule isixoliso esivela kwiKhomishini Ephakeme yaseNigeria ngalolu daba futhi layalela i-DIRCO ukuthi iqhubeke nokuxhumana neKhomishini Ephakeme ngokuziphatha okungamukeleki kwabantu baseNigeria eNingizimu Afrika okungafanele njengezivakashi.
3.6 Kuyakhathaza kakhulu ukuthi izikhalazo zangempela ngalolu daba ziholele ezenzweni zobudlova nobugebengu. IKhabhinethi likhumbuza izakhamuzi ukuthi ilungelo lokubhikisha lihambisana nesibopho, kumele lisetshenziswe ngokuthula nangokulandela imithetho.
4 Ukuthuthukisa Amalungelo Abantu
4.1 Ukubuyisela isithunzi ngokubuyiselwa komhlaba
4.1.1 Njengengxenye yokubuyisela isithunzi somuntu, uMongameli uCyril Ramaphosa ubuyisele amahektha ayizi-17 000 omhlaba kubantu abafanelekile ababalelwa kwizi-2 000 emiphakathini yase-St Paul, eNgunjini, eNdzimankulu/eVierkant kanye nomndeni wakwaLawrence KwaZulu-Natali.
4.1.2 IPhini likaMongameli, uPaul Mashatile ubuyisele amahektha angaphezu kwama-627 omhlaba kanye nezincwadi zobunikazi kuSchulk Marhiqa Communal Property Association okuzohlomula amakhaya ayi-18 kanye nabahlomulayo abangama-86 KuMasipala Wendawo waseGovan Mbeki, eMpumalanga.
4.1.3 Kusukela ngoNdasa 2025, izimangalo zomhlaba eziyizi-83 205 zase zixazululiwe, okwaholela ekubuyiselweni kwamahektha ayizigidi ezi-3.9 omhlaba emiphakathini nakubantu ngabanye kusukela ngowe-1995. Uhulumeni utshale imali eyizigidigidi ezingama-R58 ekuthengweni komhlaba, izibonelelo kanye nezinxephezelo zezimali ezisiza abahlomulayo abayizi-376 976 kuzwelonke. Ngaphezu kwalokho, amahektha ayizigidi eziyisi-5.3 aphinde ahlukaniswa kusukela ngowe-1995, futhi uhulumeni uqinise ukulethwa kosizo ngemva kokuhlaliswa, wathuthukisa ukusebenza kwamapulazi futhi wandisa ukufinyelela emakethe.
4.2 Ukuqinisekiswa kwesithunzi namalungelo amaKhoi-San
4.2.1 IKhabhinethi lamukele ukungcwatshwa kabusha kwamathambo okhokho bamaKhoi namaSan abangama-63 eKinderlê Monument, eSteinkopf, eSifundazweni saseNyakatho Kapa. La mathambo ayiqoqwana elincane lezinkulungwane zamathambo abantu bomdabu asuswa ngokungemthetho ngasekupheleni kwekhuluminyaka le-19 nasekuqaleni kwekhuluminyaka lama-20 ayiswa kwizigcinamagugu eYurophu.
4.2.2 Ukungcwatshwa kabusha kuyingxenye yokubuyiselwa kwamalungelo nesithunzi sobuntu sabantu bamaKhoi namaSan kanye nesikhumbuzo sokuhlazeka kohlelo lokubusa kwamakoloni kanye noHulumeni Wobandlululo owawuphatha abantu base-Afrika njengabantu abangebona abantu futhi beyizinto zokugconwa nokuzijabulisa. Ukungcwatshwa kabusha kungukuzinikela kukahulumeni ekuhlonipheni labo abadela izimpilo zabo emizabalazweni yokumelana nokulwela inkululeko.
4.2.3 Ukungcwatshwa kabusha kuhambisana nesinye isigameko sokufakwa kwamagama endabuko amaKhoi namaSan ohlelweni loMnyango Wezasekhaya okuyisinyathelo esibalulekile sokubuyisela isithunzi sobuntu. Okokuqala ngqa emlandweni waseNingizimu Afrika, izitifiketi zokuzalwa, omazisi besimanje kanye namaphasiphoti manje sekuzofaka ngokusemthethweni futhi kubhalwe amagama endabuko amaKhoi-San ngemuva kokuthuthukiswa kwezinhlelo ze-IT eMnyangweni Wezasekhaya.
B. Izinqumo ZeKhabhinethi
1. UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe Wobuzwe, Ukufuduka kanye Nokuvikelwa Kwababaleki (i-CIRP)
1.1 IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe we-CIRP, ukuze uqaliswe. Le nqubomgomo yethula ukuguqulwa okuyisisekelo kohlaka lokufuduka kanye nobuzwe lwaseNingizimu Afrika. Ngemva kokugunyazwa kokuqala yiKhabhinethi ngoMbasa 2024, uMnyango Wezasekhaya washicilela UMthetho Odingidwayo Osahlongozwa ngomhla we-12 kuZibandlela 2025 ukuze uhlanganise izinto eziza kuqala kuHulumeni Wobumbano Lukazwelonke.
1.2 UMthetho Odingidwayo kuhloswe ngawo ukuhlanganisa uMthetho Wobuzwe baseNingizimu Afrika, uMthetho Wokufuduka, kanye noMthetho Wababaleki ube yinto eyodwa yomthetho ukuze kususwe ukungqubuzana okukhona kwezomthetho. Ukuthuthukiswa okubalulekile kufaka phakathi ukuhlanganiswa kwezincomo ezivela embikweni we-Operation Vulindlela mayelana nokuguqulwa kwenqubomgomo yama-visa; ukucacisa okwengeziwe kanye nemininingwane yokuqinisa ukuqaliswa kwezinqubomgomo zokufuduka nobuzwe, kanye nokugxila okukhulu ekuguqukeleni kwidijithali.
1.3 UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe uhlose ukuqinisekisa indlela ehambisanayo, yesimanje yokuvikela ubuzwe, ukufuduka kanye nokuvikelwa kwababaleki. Weseka izinhloso zentuthuko kazwelonke kanye nokuphepha kwezwe okuhlanganisa nomgomo weZwe Lokuqala Eliphephile, okhuthaza ababaleki ukuthi bafune ukuvikeleka ezweni lokuqala abafinyelela kulo futhi elithathwa njengeliphephile.
1.4 UMthetho Odingidwayo uhlinzeka iminyango kahulumeni Efanele ukuthi ikhethe ukuhweba, izikhundla kanye nemisebenzi egcinelwe abantu baseNingizimu Afrika kuphela ukuze kusebenze isigaba 22 somthethosisekelo. Izikhundla zemisebenzi ezikhishwe yiminyango efanele kumele kucabangele ilungelo labakhoseli lokufuna umsebenzi ukuze baziphilise bagcine isithunzi sabo.
2. Umbiko wocwaningo ngomthelela wokushintsha kwesimo sezulu kubantu abaphila nokukhubazeka
2.1 IKhabhinethi ligunyaze uMbiko Wocwaningo ngoMthelela Wokushintsha Kwesimo Sezulu Kubantu Abaphila Nokukhubazeka kanye nokushicilelwa kwawo.
2.2 Inhloso yoMbiko ukuqinisekisa ukuthi zonke izinyathelo zesimo sezulu, ukunciphisa kanye namasu okuzivumelanisa nezimo abandakanya abantu abaphila nokukhubazeka.
2.3 Ucwaningo lukhomba igebe elikhulu ezindleleni zokuvikela abantu abaphila nokukhubazeka ngesikhathi sezehlakalo zenhlekelele.
2.4 Izincomo ezibalulekile zifaka phakathi ukufakwa kwezindlela zokushintsha kwesimo sezulu kanye nezindlela zokubhekana nezinhlekelele; ukuqinisekisa ukuthi izindlela zokuxwayisa kusenesikhathi ziyafinyeleleka kubo bonke abantu abaphila nokukhubazeka; ukuhlinzeka ngokuxhumana okufinyelelekayo nokufanelekile okubhekene nezinhlekelele; ukubeka phambili abesifazane namantombazane aphila nokukhubazeka kanye nabantu abadala abaphila nokukhubazeka ezinhleweni zokuguquka kwesimo sezulu; ukwandisa ukubamba iqhaza kwabantu abaphila nokukhubazeka ekuthuthukisweni nasekuqalisweni kwezinqubomgomo zokushintsha kwesimo sezulu; kanye nokuqinisa ukubandakanywa kwabantu abaphila nokukhubazeka ekwakhiweni nasekuqalisweni kwenqubomgomo yokushintsha kwesimo sezulu ezingeni lendawo.
3. Umbiko mayelana nokucelwa kokungenelela kuzwelonke kuMasipala Wendawo waseDitsobotla
3.1 IKhabhinethi litshelwe ngenqubekela-phambili ekuqalisweni kokungenelela kukazwelonke kuMasipala Wendawo waseDitsobotla. IKhabhinethi liqinisekisile ukuqokwa kommeleli weKhabhinethi, kanye neMigomo Yokusebenza egunyaziwe yokungenelela kuzwelonke.
3.2 Inqubekela-phambili ekungeneleleni ibandakanya:
3.2.1 Ukulungiswa kabusha kokuqokwa kukaSodolobha, uSomlomo kanye nokulungiswa kabusha kwamakomiti eSigaba 79/80 sekuqediwe, ngesikhathi ukuhlolwa ngokomthetho kuqhutshwa ngokuba semthethweni kokuqokwa koMphathi kaMasipala.
3.2.2 Ukugunyazwa koHlelo Lokubuyiselwa Kwezimali nguNgqongqoshe Wezezimali futhi kucutshungulwa eMkhandlwini.
3.2.3 Ngaphezu kwalokho, ukuqinisekisa ukuqhubeka kokuhlinzekwa kwezinsizakalo eziyisisekelo, isivumelwano samanzi nokuthuthwa kwendle sesenziwe noMasipala Wesifunda saseNgaka Modiri Molema, futhi uhlelo lwebhizinisi oluhambisana nalo seluphothuliwe. Njengengxenye yokungenelela kokuphathwa kwezinhlekelele kulandela izinhlekelele ezenzeka phakathi kukaLwezi 2024 noNhlolanja 2025, kwakhiwe izindlu zesikhashana (i-TRU) ezingama-95 kwezingama-239 ezihleliwe.
3.2.4 I-COGTA Kazwelonke iqedele ukubuyekezwa kwengqalasizinda ye-ICT kamasipala ukusekela ukuvuselelwa kwengqalasizinda kanye nokulethwa kwezinsizakalo. UMnyango Wezamahlathi, Ukudoba kanye Nemvelo uqoke umhlinzeki wezinsizakalo ukusiza ngokuthuthukiswa koHlelo Oludidiyelwe Lokuphathwa Kwemfucuza, kanti uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Wesifundazwe unikezele ngamaloli amabili ukusiza ngokususwa kwemfucuza ezindaweni zokulahla udoti ezingekho emthethweni ezihlonziwe.
3.3 Izingxoxo phakathi kukamasipala ne-Eskom zisemaphethelweni ekutholeni isivumelwano esihlose ukubhekana nezinselele zokuhlinzekwa kukagesi. Iminyango yeklasta ye-JCPS iyaqhubeka nokweseka ngezobunhloli, ukuvimbela ubugebengu, ukushushiswa kanye nokungenelela kokuphathwa kwezokuvikeleka. ONgqongqoshe Bokubusa Ngokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko kanye Nezezimali bayaqhubeka nokunikeza ukwesekwa okuhlelekile nokusebenzayo phakathi kohulumeni kulokhu kungenelela.
4. Uhlelo Olusahlongozwa Lokuthuthukiswa Kwezikhumulo Zezindiza Zikazwelonke (i-NADP)
4.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kwe-NADP esahlongozwa ukuze umphakathi uphawule ngayo. I-NADP iwuhlaka lokuhlela lukazwelonke olwakhiwe nguMnyango Wezokuthutha ukuze luqondise intuthuko ehlelekile, ukwanda kanye nokusimama kwesikhathi eside kwenethiwekhi yezikhumulo zezindiza zaseNingizimu Afrika. Ihlinzeka ngendlela ehlelekile, yohlelo lonke ekuhleleni ingqalasizinda yezikhumulo zezindiza, ukuqinisekisa ukuhambisana nezinto eziza kuqala kwezokuthutha zikazwelonke, ezomnotho kanye nentuthuko yendawo.
4.2 I-NADP izoqinisekisa ukuthi ukuthuthukiswa kwezikhumulo zezindiza kuyahlelwa, kuqhutshwa yisidingo futhi kuhlanganisiwe, kuvimbele ukwanda okungahleliwe ngenkathi kukhulisa ukusiza kwezenhlalo nezomnotho okuvela kwingqalasizinda yezindiza.
4.3 Ngemva kwalokho, i-NADP izokwakha inethiwekhi ehlanganisiwe, ehlelekile yezikhumulo zezindiza ukuze kuthuthukiswe ukukhula komnotho, ezokuthutha, ezokuvakasha kanye nokudalwa kwemisebenzi. Izoqondisa futhi isekele kokubili ukuhlela inethiwekhi iyonke kanye nokuthuthukiswa kwezikhumulo zezindiza ngazinye ezihlanganiswe ngaphakathi kwendawo yazo ebanzi kanye nokusetshenziswa komhlaba. Amalungu omphakathi akhuthazwa ukuthi athumele imibono ebhaliwe ngalolu hlelo olushicilelwe ku-www.transport.gov.za.
5. Uhlaka Lohlelo Olukhulu Lwezitimela Lukazwelonke (i-NRMP)
5.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka lwe-NRMP ukuze umphakathi uphawule ngalo. I-NRMP uhlelo oluhlelekile lwesikhathi eside oluthuthukiswayo ukuqondisa ukuvuselelwa, ukunwetshwa kanye nokuthuthukiswa kohlelo lwezitimela lwaseNingizimu Afrika.
5.2 Uhlelo olukhulu lucacisa iNqubomgomo Kazwelonke Yezitimela, eyaginyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2022, lwaba uhlelo lokutshalwa kwezimali olusebenzayo, oluhlukaniswe ngezigaba kanye nokuqaliswa kohlelo lwezitimela zempahla nezabagibeli kwiminyakashumi ezayo. Luhlose ukusungula uhlelo olungambi eqolo, oluncintisanayo ngokuhlanganisa izitimela zabagibeli, zempahla, kanye nezinesivinini esikhulu, ngenkathi lukhuthaza ukubandakanyeka komkhakha ozimele.
5.3 Uhlelo lwezitimela lwaseNingizimu Afrika lubhekane neminyaka yokutshalwa kwezimali okunganele, ukwehla kokusebenza, ukwebiwa, ukucekelwa phansi kanye nokungasebenzi kahle, okuholela esiminyaminyeni emigwaqweni, izindleko eziphezulu zokuthutha impahla, kanye nokunciphisa ukuncintisana komnotho. I-NRMP ibhekana nalezi zinselele ngokubeka izitimela njengomgogodla wohlelo lwezokuthutha lukazwelonke, ukusekela ukukhula komnotho, ukudala imisebenzi kanye nezinhlosonqangi zesimo sezulu.
6. Uhlaka Lwenqubomgomo Yokuthuthukiswa Nokuvuselelwa Komnotho Wasemadolobheni Nasemakhaya
6.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka lweNqubomgomo Yokuthuthukiswa Nokuvuselelwa Komnotho Wasemadolobheni Nasemakhaya ukuze umphakathi uphawule ngayo. Le nqubomgomo isungulelwe ukuguqula umnotho wendawo kusuka ezindaweni ezisebenzisa imikhiqizo kuye ezindaweni ezikhiqizayo, neziphilayo ngokuzihlanganisa nomnotho ohlukahlukene. Ihlose ukukhuthaza ukuhweba okusimeme, ukudala amathuba emisebenzi, nokunciphisa ubumpofu ngokusekelwa okuqondiwe nokuhlelekile.
6.2 Le nqubomgomo isekelwe ezindaweni eziningana ezibalulekile, okuyilezi (i) ukuthuthukiswa kosomabhizinisi basemalokishini nabasemakhaya abasimeme; (ii) ukuqondisa ukuthuthukiswa kwendlela yokuphila kwemvelo ehlelekile nehlangene; (iii) ukwandisa ukufinyelela emathubeni ezomnotho namakethe; kanye (iv) nokunciphisa izinkinga zemithetho evimbela ukukhula komnotho wasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.
7. Uhlaka Lwenqubomgomo Yobuhlakani Mbumbulu (i-AI) eNingizimu Afrika
7.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kwenqubomgomo ye-AI eNingizimu Afrika ukuze umphakathi uphawule ngayo. Inhloso yenqubomgomo ye-AI ukuqinisekisa ukuthi izinzuzo nobungozi obulethwa yi-AI busatshalaliswa ngokulinganayo emphakathini nasezizukulwaneni. Inqubomgomo ye-AI ihlose ukuqinisa ikhono likaHulumeni lokulawula nokwamukela i-AI ngokuzibophezela, ngenkathi ikhuthaza ukusungula izinto ezintsha kuleli lizwe, isekela ukudalwa kwemisebenzi kanye nokuthuthukisa ukufinyelela kumakhono e-AI.
7.2 Le nqubomgomo yakheke ngezinsika eziyisithupha eziyinhloko ezihlose ukukhuthaza intuthuko enesibopho kanye nokusetshenziswa ngendlela kwe-AI. Lezi zinsika eziyinhloko yilezi (i) amandla kanye nokuthuthukiswa kwamakhono, (ii) ukusetshenziswa kwe-AI ukukhulisa umnotho obandakanya wonke umuntu kanye nokudalwa kwemisebenzi, (iii) ukubusa ngokuzibophezela, (iv) i-AI enokuziphatha kahle kanye nokubandakanya wonke umuntu, (v) ukulondolozwa kwamasiko kanye nokuhlanganiswa kwamazwe ngamazwe, kanye (vi) nokuthunyelwa kwezinsiza okugxile kubantu. Le nqubomgomo iyaqaphela ukuthi kufanele kwamukelwe indlela ehlukaniswe ngezigaba, njengoba ukusetshenziswa kwe-AI kanye namaphrofayili anobungozi kuhluka emikhakheni yonke.
8. Iqhingasu Likazwelonke Lokusungula Amabhizinisi (i-NES) kanye Nohlelo Lokuqalisa Ukusebenza
8.1 IKhabhinethi ligunyaze i-NES kanye Nohlelo lwayo Lokuqalisa Ukusebenza. Iqhingasu lihlose ukuqinisa Amabhizinisi Amancanyana, Amancane, kanye Naphakathi (ama-MSME) kanye nokubhekana nokungasebenzi kwentsha. Isekelwe ezinsikeni ezinhlanu: (i) Ukuthuthukisa imfundo yamabhizinisi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono, (ii) Ukusiza ukushintshana kwezobuchwepheshe kanye nokusungula izinto ezintsha, (iii) Ukuthuthukisa ukufinyelela kwezezimali kanye nezimakethe, (iv) ukuthuthukiswa kwemithetho, kanye (v) Nokukhuthaza ukuqwashisa kanye nokuxhumana. Ngemva kwenqubo ebanzi yokubonisana nomphakathi, i-NES ichaza izindlela zokukhuthaza isiko lokuhweba eNingizimu Afrika ngokuhlinzeka ngesimondawo esivumela umsebenzi wokuhweba, kanye nohlelo lokusekela lapho ama-MSME angachuma khona ngokuqhubekayo.
8.2 I-NES izoba yisihluthulelo sokuvula amandla e-MSME, iqhube ukukhula kwe-GDP, idale imisebenzi futhi iqinisekise intuthuko yezomnotho ebandakanya wonke umuntu. Ngaphezu kwalokho, iqhingasu lihlose ukuxhumanisa uhlelo lokuhweba ezweni, kufaka phakathi izincomo zokuhweba kwamabhizinisi okufanele zifakwe kuhlelo lwezifundo zeminyango yeMfundo Eyisisekelo kanye nePhakeme njengomsebenzi abangawukhetha.
9. Uhlaka Lwenqubomgomo Yokufukula Nokuthuthukisa Ibhizinisi (i-IBDS)
9.1 IKhabhinethi ligunyaze Uhlaka Lwenqubomgomo Ye-IBDS ukuze luqaliswe. Uhlaka lwenqubomgomo luhlinzeka ngokuguqulwa komthetho ohlelweni lwamabhizinisi amancane ngokucacisa izindima zabathintekayo abahlukahlukene kanye nokukhuthaza ukwesekwa okudidiyelwe nokuhlanganisiwe.
9.2 Uhlaka Lwenqubomgomo Ye-IBDS luyingxenye ebalulekile yoHlelo Olukhulu Lukazwelonke Oluhlanganisiwe Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, olusebenza njengohlaka oluqondisayo lwabo bonke ababambe iqhaza ababandakanyekayo ekusheshiseni ukukhula kwama-MSME ngezinhlelo, imikhiqizo kanye nezinsizakalo ezilinganisiwe.
9.3 Izinhloso ezibalulekile zifaka phakathi ukuthuthukisa umgangatho kanye nezindinganiso zezinsizakalo zokuthuthukiswa kwebhizinisi, ukuqinisekisa ukufinyelela okungcono ekusekelweni kwama-MSME, ikakhulukazi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, kanye nokukhuthaza ukusungula izinto ezintsha kanye nokuhweba. Ngaphezu kwalokho, lolu hlaka lubeka amabhizinisi amancane njengabaqhubi abaha,ba phambili ekudaleni imisebenzi kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ngokuhambisana noHlelo Lwentuthuko Lukazwelonke.
C. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukuvimbela Ukuxoshwa Ngokungemthetho kanye Nokuhlala Emhlabeni Ngokungemthetho (i-PIE)
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwe-PIE kuGazethi Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo.
1.2. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho we-PIE we-1998 ukuze kulwiwe nokuhlaselwa komhlaba ngokungemthetho, kuvikelwe abanikazi bezindawo, futhi kuncishiswe imisebenzi yobugebengu obuhleliwe bomhlaba.
1.3. Iziphakamiso ezibalulekile zifaka phakathi ukwenza kube yicala ukugqugquzela ukuhlaselwa komhlaba ngokungemthetho, ukwandisa izindlela ezibekwe yizinkantolo lapho kukhishwa imiyalelo, kanye nokuqinisa imithethonqubo mayelana nendawo yokuhlala ehlukile. Lezi zichibiyelo zihlose ukubhekana nokungacaci koMthetho wamanje, okudala ukungaqiniseki mayelana nezincazelo nezidingo okumele kuhlangatshezwane nazo zokususwa kwabantu ngokungemthetho, naphezu kwezinhloso noma izimo zabantu ababandakanyeka ekuhlaleni ngokungemthetho.
2. UMthethosivivinywa woMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi (i-NEDLAC)
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa koMthethosivivinywa we-NEDLAC ePhalamende ukuze uqhutshekwe nokucutshungulwa. UMthethosivivinywa ohlongozwayo uzosusa uMthetho we-NEDLAC (uMthetho 35) we-1994 futhi uphakamise ukuhambisana kwezinhlelo ze-NEDLAC nezinguquko ohlelweni lomthethosisekelo oluye lwenzeka kusukela ngowe-1994.
2.2. UMthethosivivinywa ohlongozwayo uphinde uhlinzekele uNgqongqoshe ukuthi enze imithethonqubo mayelana nezilinganiso zokwamukelwa kanye nobulungu ngenqubo ehlanganisa ukubonisana kanye nemibono yomphakathi, okwenza uhlelo lusebenze obala kakhudlwana. UMthethosivivinywa uzoqinisa ukubamba iqhaza komphakathi ku-NEDLAC futhi uwuqinise njengesikhungo sezingxoxo zomphakathi esihlose ukukhuthaza ukukhula komnotho, ukudala amathuba emisebenzi, ukubandakanywa komphakathi kanye nokulingana komphakathi.
3. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile (Ukulwa Nokuhlanzwa Kwemali Nokulwa Nokuxhaswa Ngezimali Kobuphekula) wezi-2026
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa ePhalamende. UMthethosivivinywa ohlongozwayo wezi-2026 wakhela ezinguqulweni zangaphambilini zoMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwemithetho Ejwayelekile (Ukulwa Nokuhlanzwa Kwemali Nokulwa Nokuxhaswa Ngezimali Kobuphekula) futhi kusukela lapho, uMgcinimafa Kazwelonke wandise iziphakamiso ukuze kufakwe ezinye izinyathelo eziphathelene nokuqinisa uhlaka lwezomthetho lokulwa nokuhlanzwa kwemali kanye nokuxhaswa ngezimali kobuphekula.
3.2. UMthethosivivinywa ulungisa iMithetho yamanje okuyilena (i) UMthetho Wesikhungo Sobunhloli Bezezimali, wezi-2001 (UMthetho 38 wezi-2001); (ii) UMthetho Wezinhlangano Ezingenzi Nzuzo, we-1997 (UMthetho 71 we-1997); (iii) UMthetho Wokulawula Impahla Yetrasti, we-1988 (Umthetho 57 we-1988); (iv) UMthetho Wezinkampani, wezi-2008 (Umthetho 71 wezi-2008) kanye (v) noMthetho Wokulawulwa Kwemboni Yezezimali, wezi-2017 (Umthetho 9 wezi-2017).
3.3. Lezi zichibiyelo zihlose ukuqinisa uhlelo lweNingizimu Afrika Lokulwa Nokuhlanzwa Kwemali Nokulwa Nobuphekula ngaphambi kokuhlolwa okulandelayo kwe-Financial Action Task Force (i-FATF) Mutual, okuhlelelwe ukuthi kuqale maphakathi nowezi-2026 futhi kuphele ngoMfumfu 2027.
4. UMthethosivivinywa Wokudalula Okuvikelwe, wezi-2026
4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokudalula Okuvikelwe (UMthethosivivinywa Wokuvikela Izingede) ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uyingxenye yezinguquko zomthetho ezihlose ukuqinisa ukuvikelwa kwezingede ngokuchitshiyelwa koMthetho Wokudalula Okuvikelwe okhona (UMthetho 26 wezi-2000). Uphinde uphendule ezincomweni ezivela kuMbiko weKhomishini Yokubanjwa Kombuso Ngobhongwane onxusa ukuvikelwa kangcono kwabenzi benqubomgomo nezingede.
4.2. UMthethosivivinywa uqukethe iziphakamiso zokwenza kube yicala ukuziphindiselela futhi unikeze ukwesekwa ngokwengqondo, ngokomthetho nangokwezimali izingede. UMthethosivivinywa uzonikeza incazelo yegama elithi “izingede” ukuze libandakanye osonkontileka, abeluleki, kanye namalungu omphakathi futhi uzosungula izinqubo ezicacile zokudalula okuyimfihlo.
5. UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kokuxhumana Nge-elekthronikhi (i-ECA), wezi-2026
5.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjiswa koMthethosivivinywa we-ECA ePhalamende. Inhloso yalo Mthethosivivinywa ukuchibiyela uMthetho Wezokuxhumana Nge-elekthronikhi, wezi-2005. Inhloso yezichibiyelo eziphakanyisiwe ukukhuphula izinga lokuncintisana emkhakheni wezokuxhumana kanye nokwehlisa amanani. Izichibiyelo zoMthetho Wezokuxhumana Nge-elekthronikhi nazo zihlose ukusungula isimondawo esivumela ukutshalwa kwezimali ngokugxila okukhulu ekunciphiseni izithiyo zokulawula ukungena ukuze kuthuthukiswe ukuncintisana futhi kuvumele ne-Independent Communications Authority of South Africa ukuba ikwazi ukulawula lo mkhakha.
6. UMthethosivivinywa Wokuziphatha Kwezikhungo Zezezimali (i-COFI)
6.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa we-COFI, wezi-2025 ephalamende. Inhloso yalo Mthethosivivinywa ukusungula uhlaka olulodwa, oluphelele lokulawula ukuziphatha kwemakethe kwazo zonke izikhungo zezezimali. Lokhu kuyingxenye yomgomo kahulumeni obanzi wokuguqula umthethosivivinywa wezezimali ube yimodeli ye-Twin Peaks. Imodeli ye-Twin Peaks uhlelo lokulawula oluhlukanisa ukuqashwa kwezezimali kube yiziphathimandla ezimbili ezihlukene: i-Prudential Authority yokuphepha nokusebena kahle, kanye ne-Financial Sector Conduct Authority yokuziphatha kwemakethe kanye nokuvikelwa kwabathengi. Uhlelo lusungula umkhakha "ophephile" osebenza ngalokho okudingwa yibo bonke abathengi.
6.2. Lo Mthethosivivinywa uzoqinisekisa ukuphathwa kwamakhasimende ngendlela efanele, uthuthukise uguquko, futhi ukhuthaze ukuzinza. Uphinde usekele uguquko lomkhakha wezezimali futhi udinga izikhungo zezimali ukuthi zibe nezinqubomgomo ezihambisana noMthetho Womkhakha Wezezimali. Futhi, lo Mthethosivivinywa usekela intuthuko yemakethe kanye nokuncintisana ngokuvumela indlela ehlukile yokunikeza amalayisense ukuze kukhuthazwe ukungena kwabantu abasha njengobuchwepheshe bezezimali.
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.
1. Mnu. Bareng B. Mthumkulu njengoMabhalane Wezokuvikela eMnyangweni Wezokuvikela.
2. Nkz. Nomfundo Clementine Tshabalala njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nemvelo (ukwelulwa kwenkontileka).
3. Mnu. Xolile Adviser Brukwe njengePhini loMqondisi-Jikelele: ku-Corporate Support Services kuMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi.
4. Mnu. Sibusiso Attwell Makhanya njengoMphathi Omkhulu we-Phongola-Umzimkulu Catchment Management Agency.
5. Nkz. Lucia Lungelwa Sigasana njengoMphathi Omkhulu Wesifunda: Isifunda saseNtshonalanga Kapa kwi-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika.
6. Ukuqokwa kwaBaqondisi bebhodi le-Airports Company South African
i. Mnu. Irvin Phenyane (uSihlalo);
ii. Nkz. Eunice Xoliswa Daku (iPhini likaSihlalo);
iii. Nkz. Keitumetse Stella Mahlangu
iv. Mnu. Surendra Sooklal
v. Mnu. Kurt Frayne Parker
vi. Nkz. Ulandi Exner;
vii. Mnu. Patric Roy Mnisi; kanye
viii. noMnu. Theunis Chamberlain
7. Amalungu eSimangaliso Wetland Park Authority
i. Nkz. Memory Thulile Sosibo (uSihlalo noqokwe kabusha);
ii. Mnu. Bongani Mzwakhe Mhlongo (uqokwe kabusha);
iii. Nkz. Nombuso Mlambo (uqokwe kabusha);
iv. Mnu Sifiso Mdluli;
v. Dkt. Kailen Padayachee
vi. Nkz. Jacolette Adam;
vii. Nkz. Hazel Thulisile Xulu;
viii. Nkz. Zamekile Coreen Zama; kanye
ix. noMnu. Boy Daniel Ngobeni (uqokwe kabusha).
E. Imicimbi Ezayo
1. INyanga Yenkululeko
1.1 INingizimu Afrika igubha iNyanga Yenkululeko ngoMbasa 2026 ngomqondo ovuselelekile wokuzigqaja ngesizwe, igubha iminyaka engama-32 selokhu kwashintsha umlando kusuka kuhulumeni wobandlululo ocindezelayo kuya kuhulumeni wentando yeningi labantu ozimele.
1.2 Izikhumbuzo zalo nyaka zibaluleke kakhulu njengoba sigubha iSikhumbuzo seminyaka engama-30 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika, umbhalo oguqulayo osiqondise ohambweni lwethu lwentando yeningi labantu lokwakha umphakathi osekelwe ebulungiseni nasekulinganeni.
1.3 INyanga Yenkululeko inikeza ithuba zonke izakhamuzi lokuthuthukisa amalungelo nezibopho eziqukethwe kuMthethosisekelo wethu ngokuthuthukisa ubumbano olukhulu lomphakathi kanye noguquko oluqhubekayo lwesizwe sethu.
2. Dlala indima yakho ubhalisele ukuvota: Bhalisela Ukuvota
2.1.1 IKhomishini Yokhetho Ezimele iqoke uMgqibelo, mhla zingama-20 kanye neSonto, mhla zingama-21 kuNhlangulana 2026 njengempelasonto esemthethweni yokubhalisa abavoti.
2.1.2 IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ukuvota ukuba babhalisele ukuvota okhethweni lukahulumeni basekhaya oluzayo.
2.1.3 Ufanelekile ukuvota uma uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika kusukela eminyakeni eyi-18 futhi unencwadi kamazisi eluhlaza enebhakhodi, ikhadi le-ID lesimanje noma isitifiketi somazisi sesikhashana.
2.1.4 Abavoti abafanelekile bangabhalisa noma bavuselele imininingwane yabo ngengosi esemthethweni ye-IEC eku-inthanethi – https://registertovote.elections.org.za esebenza ubusuku nemini, nsuku zonke.
2.1.5 Izakhamuzi zelulekwa ukuthi zihlale ziqaphile futhi zigweme ukuchofoza izixhumanisi ezisolisayo noma ukuvakashela amawebhusayithi mbumbulu azenza isizinda seKhomishini Yokhetho yaseNingizimu Afrika.
3. Ingqungquthela Kazwelonke Yokuthuthukiswa Komnotho Wendawo
3.1 UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, ngokubambisana ne-SALGA kanye noMnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (i-CoGTA), uzobamba iNgqungquthela Kazwelonke Ye-LED eBirchwood Hotel and Conference Centre eGoli ngomhla we-15 nowe-16 kuMbasa 2026. Ingqungquthela Kazwelonke Ye-LED izosebenza njengenkundla eza nezixazululo zokubeka kabusha izinjongo zokuThuthukiswa Komnotho Wendawo ngokuhambisana noMthetho Odingidwayo Osahlongozwa Wohulumeni Basekhaya ngaphansi kwengqikithi ethi “Ukuvuselela Umnotho Wendawo: Uhlelo Lokubambisana Lokukhula Kwamabhizinisi Amancane Nokwenza Lula Ukuqhutshwa Kwamabhizinisi”.
3.2 Kule ngqungquthela kuzokhuluma uMhlonishwa uMongameli uRamaphosa futhi ihanjelwe ubuholi bazo zonke izinhlaka ezintathu zikahulumeni, i-SALGA, ama-SOE nama-DFI, kanye nomkhakha ozimele, abaholi bendabuko, kanye nabanye abathintekayo be-LED.
3.3 INgqungquthela izoshintsha i-LED kusukela enhlosweni yenqubomgomo iye esinyathelweni esisebenzayo esiqinisa ikhono lezikhungo zendawo, sibhekane nokungalingani kwendawo, sihlanganise imikhakha yomphakathi nezimele kosomabhizinisi bendawo abakhulisa umnotho, futhi sakhe isimondawo sotshalomali nokuthuthukiswa kwama-MSME.
F. Imiyalezo
1. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba:
• Isishoshovu esilwa nobandlululo kanye noNdunankulu wangaphambilini kanye noNgqongqoshe Wezokuvikela uMosiuoa Lekota, owanikela impilo yakhe emzabalazweni weNingizimu Afrika engenabandlululo ngokobuhlanga, ngokobulili futhi enentando yeningi labantu.
• UNicholas “Fink” Haysom, ummeli odumile wamalungelo abantu owasebenza njengoMeluleki Omkhulu Wezomthetho kaMongameli uNelson Mandela futhi kamuva waba nguMmeli Okhethekile kaNobhala-Jikelele weNhlanganio Yezizwe Ezihlangene ezindimeni ezahlukene.
• Intatheli enolwazi, umbhali ohlonishwayo kanye neqhawe lomzabalazo elalizinikele uTerry Bell owadlala indima ebalulekile ekulweni nobandlululo, esebenzisa kokubili izwi lakhe kanye nokubhala kwakhe ukudalula ukungalingani nokugqugquzela ushintsho lwentando yeningi labantu eNingizimu Afrika.
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
• USolwazi Nyaweleni Tshifularo kanye nethimba lakhe lezokwelapha ngokuhlukanisa ngempumelelo amawele ahlangene ekuhlinzekweni okube ngumlando eMankweng Hospital eLimpopo. Lokhu kuhlinzwa kuqinisekisa amandla ezibhedlela zaseNingizimu Afrika okuhlanganisa nalezo ezisezindaweni zasemakhaya, okuhlinza esimeni esibucayi njengoba izwe lilungiselela ukuqalisa uMshwalense Kazwelonke Wezempilo.
• UDkt. Keamogetswe Ramonaheng, iNhloko yeFiziksi Yezokwelapha kanye ne-Radiobiology e-Nuclear Medicine Research Infrastructure (i-NuMeRI), ngokuthola umklomelo ohlonishwayo we-Saul Hertz Award kwi-8th Theranostics World Congress ngamagalelo ku-theranostics, okungumkhakha okhulayo ohlanganisa izithombe zokuxilonga kanye nokwelashwa nge-radionuclide okuqondisiwe ukuthuthukisa imiphumela yokwelashwa komdlavuza.
• USolwazi Prinola Govenden waseNyuvesi yaseGoli onikezwe isikhundla sokuba nguSihlalo ohlonishwayo we-UNESCO: Ukubandakanywa Kwamasiko kanye Nokulingana Kwezokuxhumana Ngedijithali e-Afrika (2026-2030), ngemuva kwenqubo yomhlaba wonke yokuncintisana kakhulu yezicelo eziyi-135 ezithunyelwe ekomkhulu le-UNESCO eParis, eFrance.
• UKutlwano Peta, umfundi oneziqu ze-Accounting Sciences, owakhethwa ngowezi-2025 njengomunye wabahlanganyeli abayi-16 kuphela kwabangaphezu kwe-1 800 abafake izicelo emhlabeni wonke kwi-Institute of Singapore Chartered Accountants (i-ISCA) Global Talent Program (i-GTP) eSingapore. UKutlwano, ozoba yingxenye yehhovisi loMcwaningi-mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika maduze, wayenguye kuphela omele i-Afrika.
• Umgijimi wamabanga amade waseNingizimu Afrika, u-Adriaan Wildschutt, owenze umlando njengoba ewine umjaho we-half-marathon eNew York City, ngaleyo ndlela waba ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukuwina umjaho we-half-marathon ohamba phambili emhlabeni.
• UMajor General Carl Moatshe oqokwe ukuthi athathe isikhundla sokuhola i-SA Air Force kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2026, futhi uzokhushulelwa esikhundleni sokuba yiLieutenant General. Uthatha indawo yeNhloko ye-Air Force ephumayo, uLieutenant General Wiseman Simo Mbambo, isikhathi sakhe sichazwe njengobuholi obuqinile kanye nokusiza isizwe.
• UNkz. Lytania Johnson ngokuqokwa njenge-CEO ye-First National Bank, ngemuva kweminyaka engama-25 kulesi sikhungo futhi uzohola neyunithi entsha yokuthengisa neyokuhweba yebhange.
• UNkz. Valdene Reddy, ngokuqokwa njenge-CEO ye-Johannesburg Stock Exchange kanye nowesifazane wokuqala onsundu ukubamba lesi sikhundla.
• ISpringbok Sevens – iBlitzbokke yethu esiyithandayo – ngokuqokwa njengompetha beWorld Sevens Series ngowezi-2025/26, nangokuwina isicoco seNew York Sevens.
• UMasipala iGreater Tzaneen eMopani, eLimpopo, ngokuqokwa njengomasipala ohlanzekile kunabo bonke eNingizimu Afrika eMiklomelweni Kazwelonke Yokuphathwa Kwemfucuza ebibanjwe uMnyango Wezamahlathi, Ukudoba kanye Nemvelo.
• ICape Town International Airport ngokuthathwa njengeSikhumulo Sezindiza Esihamba Phambili e-Afrika iminyaka eyi-11 ilandelana eMiklomelweni Yezindiza Yomhlaba ye-Skytrax yezi-2026 ebibanjelwe eLondon, e-United Kingdom. I-O.R. Tambo International Airport ibekwe endaweni yesibili engcono kakhulu, kanti iKing Shaka International Airport eThekwini ibekwe endaweni yesine futhi yabonakala phakathi kwezikhumulo zezindiza eziphezulu zesifunda e-Afrika.
• Ukuqokwa kweNingizimu Afrika kwiQembu Elisebenzayo Lezokuxhumana leSeshini yama-70 yeKhomishini Yesimo Sabesifazane, ebanjwe ngaphansi kweNhlangano yeZizwe Ezihlangene. Lokhu kuqokwa kuqinisekisa ubuholi beNingizimu Afrika ekuthuthukiseni ukuxhumana okunesu kokulingana ngokobulili kanye nokunika amandla abesifazane.
• Iqhawe Lomculo, uDkt. Abdul İbrahim osethathe umhlalaphansi eneminyaka engama-91 ubudala. Iqhawe lomzabalazo wenkululeko elasebenzisa umculo ukulandisa indaba yeNingizimu Afrika eyayinobandlululo ngaleso sikhathi. Abantu baseNingizimu Afrika kufanele bakubonge kakhulu.
3. Ukuziphatha kahle kule mpelasonto yePhasika
3.1 IKhabhinethi lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika impelasonto ende yePhasika ephephile nejabulisayo. Lesi yisikhathi lapho abantu baseNingizimu Afrika abaningi behamba ezweni lonkana bevakashela imindeni, abangane noma ngezinjongo zenkolo. Lokhu kuvame ukuza nokwanda kwesibalo sezimoto emigwaqweni yethu.
3.2 IKhabhinethi linxusa wonke umuntu ukuba aziphathe ngendlela efanele lapho eshayela - qiniseka ukuthi imoto yakho ifanelekile ukuba semgwaqweni ngaphambi kokushayela futhi wonke umuntu osemotweni okuhlanganisa nezingane kumele babophe amabhande abo.
3.3 Samukela izivakashi ezweni lethu futhi siqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika nezivakashi ukuthi ukulwa nobugebengu kuseyizinto eziza kuqala kuhulumeni waseNingizimu Afrika, futhi ngomsebenzi woPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika, kunenqubekela-phambili ebonakalayo ekulweni nobugebengu. Izwe lethu liyaqhubeka nokwenza konke okusemandleni alo ukuqinisekisa ukuphepha kwabo bonke abavakashela ogwini lwethu.
3.4 Izindawo ezidumile zezivakashi zihlinzekwa ngokuphepha okwengeziwe. Njengoba impelasonto yePhasika isondela, iZiphathimandla Ezilawula Imingcele (i-BMA) sezikulungele ukuqinisekisa ukuhamba kwabantu nezimpahla okusebenzayo, okuphephile nokungenazihibe kuwo wonke amachweba okungena eNingizimu Afrika angama-71 kulesi sikhathi.
3.5 Ngenxa yesimo se-FMD, iKhabhinethi linxusa ukuthuthwa kwezilwane ngokuzibophezela ukuze kugwenywe ukusabalala okuqhubekayo kwalesi sifo. Siyaqonda isidingo esikhulu sokuhambisa izilwane njengoba sinezidingo zokudla inyama kodwa kumele silandele izinqubo ze-FMD.
Sikhishwe ngokumela iKhabhinethi ngu:
uNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli, uNkz. Khumbudzo Ntshavheni
Imibuzo:
uPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Ungathinta: Nkz. Nomonde Mnukwa, iBamba loMqondisi-Jikelele
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

