A. Ezisematheni
1. Ezemidlalo Nokubambisana Komphakathi
1.1. Iqembu Lekhilikithi Labesifazane LamaProteas lidlulela Kowamanqamu WeNdebe Yomhlaba Yekhilikithi Yabesifazane ye-ICC
1.1.1. IKhabhinethi lihalalisele Iqembu Lekhilikithi Labesifazane LaseNingizimu Afrika ngokudlala kahle kakhulu nokuqophe umlando ngokudlulela kowamanqamu wabo okokuqala kwiNdebe Yomhlaba Yekhilikithi Yabesifazane ye-ICC yowezi-2025. Ukudlala kwabo bekujabulisa kakhulu, futhi sebezibeke ethubeni lokuncintisana enkundleni yomhlaba wonke.
1.1.2. IKhabhinethi libafisele okuhle njengoba belungiselela umdlalo wamanqamu futhi lanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baseke iqembu lethu njengoba bezama ukoqopha umlando ngokunqoba iNdebe Yomhlaba Yekhilikithi Yabesifazane ye-ICC yokuqala ngqa. IKhabhinethi liyathokoza ukuthi unyaka wezi-2025 ube ngongcono kakhulu kumaqembu ekhilikithi kazwelonke aseNingizimu Afrika njengoba iqembu lesizwe labesilisa liwine umdlalo wamanqamu we-ICC Test Championship ngesikhathi iqembu labesifazane lifinyelele kowamanqamu weNdebe Yomhlaba ye-ODI.
2. Umnotho
2.1. INingizimu Afrika iphumile ngaphansi kweso leFinancial Action Task Force (i-FATF)
2.1.1. IKhabhinethi lamukele ukususwa ngokusemthethweni kweNingizimu Afrika ohlwini lweFinancial Action Task Force (i-FATF). Lesi sinqumo silandela ukuphothulwa ngempumelelo kwazo zonke izinto okwakumele zenziwe ezingama-22 ngoNhlangulama wezi-2025 kanye nomphumela omuhle ovela ocwaningweni lwe-FATF ngoNtulikazi, okuqinisekisile ukuthi izinguquko zeNingizimu Afrika zokuqinisa izinhlelo zayo zokulwa nokuhlanzwa kwemali kanye nokuxhaswa ngezimali ukulwa nobuphekula ziyasebenza futhi zisimeme.
2.1.2. IKhabhinethi lincome umsebenzi omuhle nohlelekile wethimba leminyango ehlukene okunguMgcinimafa Kazwelonke, i-Ejensi Yezokuvikelwa Kombuso, uPhiko Lukazwelonke Lokushushisa kanye noPhiko Oluphenya Ubugebengu Obuphambili, ngezinyathelo ezibekwe ukulwa nokushushisa ubuphekula kanye nokuxhaswa ngezimali izenzo zobuphekula.
2.1.3. Lokhu kuphuma kuza emva kokuqeda isikhathi esiyiminyaka emibili ngaphansi kweso lokhozi kusukela izwe lafakwa ohlwini ngowezi-2023. Lokhu kubonisa ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ekubuseni ngomthetho, ukuqinisa izikhungo ezibalulekile, kanye nokuthuthukisa izinqubo zokuthobela umthetho kanye nokuphatha.
2.1.4. Ukususwa ohlwini kulindeleke ukuthi kuthuthukise ukuzethemba kumabhizinisi, kuqinise uhlelo lwezezimali, kunciphise izindleko zokuboleka imali, kufake isandla ekuthembekeni komnotho wethu, kwandise ukuheha utshalomali olwengeziwe kanye nokusungulwa kwamathuba emisebenzi. Ngaphezu kwalokho, ukususwa ohlwini kuzonciphisa ukuthengiselana kwezezimali okungekho emthethweni futhi kuqinise isithunzi seNingizimu Afrika njengezwe elithembekile nelithobela imithetho ohlelweni lwezezimali lwamazwe ngamazwe.
2.2. Ukuthuthukiswa kokusebenza kahle emachwebeni aseNingizimu Afrika
2.2.1. IKhabhinethi lamukele ukuvulwa kwamacrane amasha eShip-to-Shore eDurban Container Terminal Pier 2, eyingxenye yoHlelo Lokuvuselela Imikhumbi lweTransnet Port Terminals oluyizigidigidi ezi-4 zamaRandi.
2.2.2. ITransnet ilawula ukuthunyelwa kwempahla kuleli lizwe ngokusebenzisa amachweba ayo, izitimela kanye namapayipi, okubalulekile ekukhuleni komnotho. Indima eyidlalayo ihlanganisa ukuhambisa izimpahla ezinkulu kanye neziqukathi, ukuhlinzeka ngezinsizakalo zokuthutha ezihlanganisiwe nezisebenzayo kanye nokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yayo isebenza ngokwezinga lomhlaba. Ngokuhlinzeka ngezinsizakalo zokuthutha ezithembekile nezisebenzayo, iTransnet ihlose ukukhulisa ukuncintisana kweNingizimu Afrika, ukunciphisa izindleko zokuqhuba ibhizinisi kanye nokweseka ukukhula komnotho wezwe.
2.2.3. Amacrane amasha azosiza ekuthembekeni okukhulu kochungechunge lokuthuthwa kwempahla, athuthukise ukusebenza kahle, athuthukise amandla okulawula impahla kanye nokuncintisana, anciphise izindleko zabathekelisi nezabalanda impahla kwamanye amazwe futhi andise ukusebenza kahle kwezohwebo - ekugcineni aseke ukukhula komnotho, intuthuko yezimboni kanye nokusungulwa kwamathuba emisebenzi. IKhabhinethi liphinde laqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekwenzeni ingqalasizinda yezokuthuthwa kwempahla kanye namachweba eNingizimu Afrika ibe ngeyesimanje ukuqinisekisa uhlelo lokuthuthwa kwempahla oluqinile noluncintisanayo emhlabeni jikelele.
3. Ukuthuthukiswa komphakathi nabantu
3.1. Izivivinyo Zesitifiketi Sikamatikuletsheni
3.1.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukuqala kahle kwezivivinyo zeSitifiketi Sikazwelonke Sikamatikuletsheni (i-NSC) zowezi-2025, lapho abafundi abangaphezu kwezi-900 000 ezweni lonkana bebhala khona. Izinhlelo ezibekwe nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo ziqinisekisa ukuphathwa kwezivivinyo okuthembekile nokuphephile.
3.1.2. IKhabhinethi linxusa abazali nabanakekeli ukuba baqhubeke nokweseka abafundi kulesi sikhathi ngokuthi baqinisekise ukuthi indawo abafundela kuyo izolile futhi inokuthula futhi baqaphe amazinga abo okukhathazeka kuze kube yilapho kukhishwa imiphumela yokugcina ngoMasingana wezi-2026. Laba bantu abasha bamele ikusasa lesizwe sethu, futhi kumele bazi ukuthi sihlala sizigqaja ngabo.
3.2. Ubuqhwaga ezikoleni
3.2.1. IKhabhinethi liphawula ngokukhathazeka ngemibiko yakamuva ngezigameko zobuqhwaga ezenzeka ezikoleni ezahlukene. Ubuqhwaga ezikoleni kuyindaba ebaluleke kakhulu; futhi kuyisibopho sawo wonke umuntu ukuqinisekisa ukuthi izikole zethu ziyindawo yokufunda ephephile nenomoya wokwamukela.
3.2.2. IKhabhinethi linxusa zonke izikole ukuthi zithathele phezulu izinsolo zokuxhashazwa, udlame kanye nokuhlukumeza futhi ziphenye ngazo. Abafundi bakhuthazwa ukubika izehlakalo zobuqhwaga nokuhlukunyezwa kubaphathi bezikole, othisha, abazali kanye nabanakekeli.
3.2.3. IKhabhinethi liqinisekisa ukuthi izikole kumele zilandele uHlaka Lukazwelonke Lokuphepha Kwezikole, olunikeza umhlahlandlela wokubhekana nodlame, okuhlanganisa nobuqhwaga. Kunesidingo futhi sokuthi izikole ziqinise ngokuqinile iMithetho Yokuziphatha Yabafundi efaka phakathi okulindelwe okucacile kokuziphatha kanye nemiphumela yobuqhwaga.
4. Ubudlelwano bamazwe ngamazwe
4.1.1. Ukuvakasha kombuso nezingxoxo namazwe ngamazwe
4.1.2. UMongameli uCyril Ramaphosa uphethe uhambo olube yimpumelelo lwezizwe ezintathu lokuvakashela e-Indonesia, eVietnam, eMalaysia; kanye nolunye oluya eSwitzerland. Ukuxoxisana kanje kwamazwe ngamazwe kuhloswe ngakho ukuqinisa ubudlelwano baseNingizimu Afrika namazwe angabalingani; ikakhulukazi ekwandiseni ukuhweba, utshalomali kanye nokubambisana okunesu. Ukuvakashela lezi zizwe ezintathu e-Asia kuyingxenye yemizamo yokusungula izivumelwano zokuhweba ezivulelekile ezizoqhubekisela phambili isifiso seNingizimu Afrika sokuhlukanisa ngobukhulu izimakethe zayo.
4.1.3. Ukuhweba eNingizimu-mpumalanga ye-Asia neNingizimu Afrika kuphansi kakhulu futhi kufinyelela phakathi kwamadola ayizigidigidi ezingama-22 nezingama-25. Ngesikhathi sokuvakasha, la mazwe amathathu avumelana ngesidingo sokukhulisa ukuhweba kanye notshalomali phakathi kwala mazwe.
4.1.4. INingizimu Afrika ithekelisa imikhiqizo efana namalahle, izithelo kanye nemikhiqizo eminingi yezolimo kwamanye amazwe ase-Asia, okuveza ithuba lokukhulisa ukuhweba kanye nokuthekelisa kwamanye amazwe.
4.1.5. Isiwombe sokugcina salezi zingxoxo zamazwe ngamazwe siphethe ngokuhambela eSwitzwerland okube yimpumelelo. Uhambo luqinisa ubudlelwano bezepolitiki, ezomnotho kanye nezenhlalo nokubambisana okuthuthukisiwe okuhlomulisayo emikhakheni yohwebo notshalomali, ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nesayensi nokusungula izinto ezintsha.
5. Ubudlelwano beNingizimu Afrika neTürkiye
5.1.1. Uhambo lomsebenzi lwePhini likaMongameli uPaul Mashatile lwaseTürkiye ngoMfumfu wezi-2025 lwaqinisa ubudlelwano phakathi kwala mazwe amabili. Ngesikhathi salolu hambo, waba ngusihlalo weKhomishini Yamazwe Amabili (i-NBC) yokuqala phakathi kwala mazwe amabili. I-BNC yasungulwa ngokuhambisana nesivumelwano sangowezi-2012 esasungula ikhomishini, ezoba nosihlalo osemazingeni ePhini likaMongameli, ngokulandelana.
5.1.2. Izingxoxo zaphetha ngomcimbi wokusayina izivumelwano eziningana, ezazihlanganisa iSimemezelo Esihlangene Sokusungulwa kweKhomishini Ehlangene Yezomnotho Nokuhweba (i-JETCO) kanye neZivumelwano Zokusebenzisana (ama-MoU) emikhakheni yemfundo ephakeme nokuqeqeshwa, kanye nokubambisana maqondana nezindawo ezikhethekile zezomnotho nezivulelekile.
6. I-G20
6.1.1. IKhabhinethi liyathokoza ngokuthi amalungiselelo aseNingizimu Afrika okusingatha ngempumelelo iNgqungquthela Yabaholi be-G20 kusukela mhla zingama-22 kuya mhla zingama-23 kuLwezi asesigabeni esiphambili, futhi iyazethemba ukuthi izwe lethu lizosingatha ingqungquthela ngempumelelo.
6.1.2. Ingqungquthela kulindeleke ukuthi ikhuthaze umsebenzi omkhulu wezomnotho ngokukhula kwesidingo sempahla, izinsizakalo, ingqalasizinda kanye nezokuthuthwa kwempahla; ukusungula amathuba emisebenzi kanye nokukhulisa imali engenayo yamabhizinisi kuleli lizwe. Ngaphezu kwalokho, izinkulungwane zezithunywa zamazwe ngamazwe, abezindaba kanye nezivakashi bazobonisa umhlaba izindawo ezikhangayo zaseNingizimu Afrika, baqhubekisele phambili ukukhula komnotho kwesikhathi eside emkhakheni wezokuvakasha. Isikhundla sethu soBumongameli we-G20 sesivele siqinisa umkhakha wezokuvakasha wezwe, ngemihlangano esemthethweni eyi-100 kweyi-132, esivele ibanjelwe ezweni lonke kusukela mhla lu-1 kuLwezi wezi-2024.
6.1.3. Ngaphambi kwengqungquthela, kuNgqungquthela Yezenhlalo ye-G20 ehlelelwe umhla ziyi-18 kuya kumhla zingama-20 kuLwezi wezi-2025, ukuhlanganisa imibono yomphakathi enqubweni yokuthatha izinqumo ye-G20 okukhuthaza ubumbano lomhlaba wonke, ukuthuthukisa intuthuko ebandakanya wonke umuntu kanye nokuletha isimemezelo esibonisa izifiso kanye nobunjalo bezimo zokuphila zezakhamuzi.
6.1.4. INingizimu Afrika isebenzisa uBumongameli bayo be-G20 ukubhekana nezinselele ezinkulu ezibhekene nomhlaba kanye nokukhuthaza ukuvumelana ngezinkinga ezahlukahlukene. Izinto esizibeke eqhulwini ukuqinisa ukumelana nezinhlekelele kanye nokubhekana nazo, ukuqinisekisa ukusimama kwezikweletu eminothweni esathuthuka, ukunxenxa izimali ukuze kube noshintsho olufanele lwezamandla acocekile kanye nokusebenzisa izimbiwa ezibalulekile ukuze kukhule umnotho okubandakanya wonke umuntu.
6.1.5. Simagange ukwamukela izihambeli zethu ezihlonishwayo eNgqungqutheleni Yabaholi be-G20 kanye nokudlulisela isikhundla soBumongameli be-G20 enzeni laseMelika.
B. Izinqumo ZeKhabhinethi
1. Uhlaka Lwezimali lwezi-2025 kanye Neziphakamiso Zemali Engenayo
1.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lwezimali lwezi-2025 kanye Neziphakamiso Zemali Engenayo ukuze kwethulwe ePhalamende. Uhlaka lwezimali luyingxenye ebalulekile yesabelomali sikazwelonke sonyaka. Uhlaka Lwezimali lungolonyaka wezimali othize futhi lugcizelela inqubomgomo yezomnotho yesigungu sikazwelonke. Luhlanganisa uchungechunge lwezinkinga, njengesilinganiso-nani sayo yonke imali engenayo (isabelomali kanye nesabelomali esengeziwe esichazwe ngokwehlukana) okulindeleke ukuthi siphakanyiswe phakathi nalowo nyaka wezimali kanye nokuqagula ukuboleka kwalowo nyaka wezimali.
1.2. UNgqongqoshe Wezezimali, u-Enoch Godongwana, uzokwethula i-MTBPS ePhalamende mhla ziyi-12 kuLwezi wezi-2025 ngehora lesibili ntambama.
2. INingizimu Afrika ithatha ubuholi besikhashana be-SADC
2.1. IKhabhinethi ligunyaze isicelo esivela kuNobhala Omkhulu weNhlangano weSouthern African Development Community (i-SADC), sokuba uMnu. Elias Mpedi waseNingizimu Afrika athathe izintambo zobuholi besikhashana be-SADC ngenxa kokuqhubekalayo kamuva nje kwezepolitiki eMadagascar. Lokhu kuhlanganisa ukusingatha yonke imihlangano ye-SADC ehlelelwe kusukela ngoLwezi wezi-2025 futhi iNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi ithathe imisebenzi yesikhashana kuze kube yilapho iNgqungquthela ithatha isinqumo esisemthethweni.
2.2. Lesi sicelo sihambisana neSahluko 9A(2)(b) kanye nese-10(4) seSivumelwano se-SADC esithi lapho uSihlalo okhona engakwazi ukufeza imisebenzi yakhe, uSihlalo olandelayo kufanele aqhubeke nemisebenzi yesikhashana kuze kube yilapho iNgqungquthela ithatha isinqumo.
3. Inqubomgomo Yezinsizakalo Zokuthuthukiswa Komphakathi Kubantu Abanokukhubazeka
3.1. Inqubomgomo ibuyiselwe emuva ukuze kulungiswe izindleko, noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuze abonisane noNgqongqoshe Wezezimali.
4. Umbiko Wonyaka Wenqubekela-phambili Wesi-8 (2023 - 2024) omayelana nokusetshenziswa koMthetho Odingidwayowe Wamalungelo Abantu Abanokukhubazeka (i-WPRPD)
4.1. IKhabhinethi ligunyaze Umbiko Wenqubekela-phambili Wesi-8 mayelana nokusetshenziswa kwe-WPRPD, kanye nezincomo zayo. Umbiko ubonisa imibono evela eminyangweni kahulumeni kazwelonke neyesifundazwe ngesikhathi sokubika sowezi-2023 - 2024. Uhlinzeka ngezibuyekezo mayelana nokungenelela okubekiwe ukuze kususwe izithiyo zokufinyelela kubantu abanokukhubazeka.
4.2. Uchaza ukungenelela okubalulekile okuhlose ukususa izithiyo zokufinyelela kubantu abanokukhubazeka. Lokhu kufaka phakathi imikhankaso yokuqwashisa umphakathi, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda ukuze kwenziwe ngcono ukufinyeleleka, izixazululo zokufinyelela kwizithuthi zokuhamba kanye namasu okuxhumana abandakanya wonke umuntu. Okungenani iminyango kahulumeni kazwelonke engama-30 kanye namahhovisi ayisithupha kaNdunankulu afakile imibono embikweni, ogunyaziwe ukuthi ushicilelwe kusomqulu futhi ukhishwe emphakathini nguMnyango Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abanokukhubazeka. Umbiko ungatholakala ku-www.dwypd.gov.za.
C. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanhle nokuhlolwa okufanele.
1. Mnu. Livhuwani Tommy Makhonde njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezasekhaya (ukwelulwa kwenkontileka)
2. Dkt. Mbulelo Nokwequ njengoMphathi Omkhulu weNational Metrology Institute of South Africa.
3. Mnu. Mpumelelo Maseko njengoMqondisi Ongesiye Umphathi kwiBhodi Lenhlangano Yotshalomani Lukahulumeni.
4. IBhodi LabaQondisi le-SASRIA
(i) Dkt. Nolwandle Mgoqi-Mbalo (uphinde wabekwa);
(ii) Mnu. Reginal Haman (uphinde wabekwa);
(iii) Nkz. Margaret Phiri (uphinde wabekwa);
(iv) Mnu. Shafee Verachia;
(v) Nkz. Noxolo Abraham;
(vi) Nkz. Nomusa Mufamadi;
(vii) Mnu. Afika Selemane;
(viii) Mnu. Nkhumeleni Musekwa;
(ix) Nkz. Vuyelwa Matsiliza;
(x) Nkz. Mmabatho Sukati;
(xi) Mnu. Dirkse Kunz
5. Abaqondisi beBhodi leCross-Border Road Transport Agency (i-C-BRTA) (njengoba kwashiwo phambilini)
(i) Mnu. Randall Howard (uSihlalo);
(ii) Nkz. Ms Loyiso Kula
(iii) Adv. Adila Chowan (uphinde wabekwa);
(iv) Nkz. Keitumetse Mahlangu;
(v) Nkz. Yongama Pamla-Dhludhlu;
(vi) Dkt. Dineo Penelope Mathibedi;
(vii) Nkz. Zandile Kabini;
(viii) Mnu. Dave Jackson Moswane
6. Amalungu eBhodi Lokuthuthukiswa Kwemboni Yezokwakha
(a) Mnu. Khulile Nzo; (uSihlalo);
(b) Slz. Susanna Bouillon (iPhini likaSihlalo);
(c) Nkz. Yvonne Mbane;
(d) Dkt. Karabo Siyila;
(e) Mnu. Johan van der Walt;
(f) Dkt. Deenadayalen Konar;
(g) Dkt. Julia Petla;
(h) Nkz. Thembisa Jimana;
(i) Dkt. Elizabeth Makgae
D. Ezakamuva kuKhabhinethi
1. Izinhlelo zokubhekana nokungcolisa kwendle kanye namapayipi endle
1.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) mayelana nezinhlelo zesikhathi eside zokubhekana nezinselele zokungcolisa kwendle kanye namapayipi endle ezibhekene nomasipala abaningana.
1.2. USomqulu Kazwelonke Wezimiso Eziyimpoqo Zamanzi Nezinsizakalo Zokuthuthwa Kwendle obuyekezwe yi-DWS ngomhla wesi-6 kuNhlangulana wezi-2025, usuvele uvule indawo evumela ukusetshenziswa kwezinhlelo zokuthuthwa kwendle ezisebenzisa amanzi kahle ezweni lonke.
1.3. Le mithethonqubo ivimbela ukuxhunywa okusha emisebenzini evele iminingi ngokweqile yezihlanzimanzi. Lokhu kusho ukuthi omasipala bangase bangavumeli ukuxhunywa okusha nokwengeziwe kwabasebenzisi abaningi ohlelweni lokuhlanza amanzi amanzi olukhona, ngaphandle kokuthi lolo hlelo lunamandla okubhekana neminye imisebenzi eyengeziwe.
1.4. Ngaphezu kwalokho, uMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwezinsizakalo Zamanzi uzonikeza uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle amandla aqinile okuqinisekisa izindinganiso nezimiso.
E. Imicimbi Ezayo
1. Isikhwama Somhlaba Wonke Sokulwa Nengculazi, Isifo Sofuba kanye noMalaleveva – Ingqungquthela Yesi-8 Yokuvuselela
1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kweNgqungquthela Yesi-8 Yokuvuselela yeSikhwama Somhlaba wonke ezobanjwa mhla zingama-21 kuLwezi wezi-2025 eGoli. Le ngqungquthela, esingathwe yiNingizimu Afrika kanye ne-United Kingdom ngokubambisana neSikhwama Somhlaba Wonke Sokulwa Nengculazi, Isifo Sofuba (TB) kanye neMalaleveva, izokwenzeka ngkuhambisana neNgqungquthela Yabaholi be-G20. Lo mhlangano uyithuba elibalulekile lokunxenxa ukuzibophezela komhlaba wonke kanye nezinsiza zokusheshisa ukulwa nokuqeda i-HIV kanye ne-AIDS, i-TB kanye nomalaleveva.
1.2 Le ngqungquthela izohlanganisa iziNhloko Zombuso kanye nohulumeni, imiphakathi, abalingani bamazwe ngamazwe kanye kanye nomkhakha ozimele, ukuze kuqinisekiswe utshalomali oludingekayo ukwandisa izinhlelo zezempilo ezisindisa impilo. Izingxoxo engqungqutheleni kulindeleke ukuthi zisize ekuqiniseni izinhlelo zezempilo eziqinile nezisimeme, ezibalulekile ekwakheni ikusasa elinempilo neliphephile kubantu bonke.
F. Imilayezo
1. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nasebanganini balaba abalandelayo:
- Iqhawe lomsakazo, uMfundisi u-Abel Sello Phiri, ozwi lakhe liduduze futhi lakhuthaza izizukulwane ngezinhlelo zakhe zasemini eMotsweding FM.
- UTshiamo noBaleseng Moramaga, abazala ababili ababulawa ngesihluku eMamelodi East. Umsolwa oneminyaka engama-38 ubudala uboshwe ngamaphoyisa maqondana nokubulawa okungenangqondo.
- IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani abashonelwe abathandekayo babo ngemuva kwezingozi ezimbili zomgwaqo ezihlukene ezidlule nemiphefumulo eyi-15 kuleli sonto. Ingozi phakathi kwetekisi elincane neveni eBassonia, eGauteng idlule nemiphefumulo eyisikhombisa kanti enye ingozi phakathi kwetekisi elincane neloli emgwaqeni omkhulu i-N3 phakathi kweVan Reenen's Pass neMontrose eFreyistata idlule nemiphefumulo eyisishiyagalombili.
- UTshiamo noBaleseng Moramaga, abazala ababili ababulawe ngesihluku eMamelodi East. Umsolwa oneminyaka engama-38 ubudala owaboshwa mayelana nokubulawa okungenangqondo uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMamelodi izolo (ngoLwesithathu).
2. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
- UQhawekazi Mazaleni ngokuphuma phambili waba nguZime waseNingizimu Afrika ngowezi-2025; laphinde lamfisela okuhle emisebenzini yakhe emisha.
- UMongameli ngokuthola noma ukuhlonishwa ngeziqu zobudokotela yi-University of Malaya. Cabinet.
- UMelissa Nayimuli ngokuthweswa isicoco sikaZime Womhlaba waseNingizimu Afrika futhi uzomela iNingizimu Afrika emncintiswaneni womhlaba wonke woZime Bomhlaba eThailand.
- IKhabhinethi lihalalisele iNational School of Government ngokwethula ngempumelelo uHlelo Lokubusa Komnotho lwabaholi bomphakathi, eNairobi eKenya, ngokubambisana neGhana Institute of Management and Public Administration (i-GIMPA) kanye neKenya School of Government (i-KSG), kusukela mhla zingama-27 kuya kuma-30 kuMfumfu wezi-2025. Uhlelo lwezifundo luhanjelwa amalungu ephalamende, amalungu esigungu sikazwelonke, izinhloko zeminyango kanye nezifundiswa ezivela eNingizimu Afrika, eGhana naseKenya. Uhlelo Lokubusa Komnotho lwagunyazwa yiKhabhinethi ngoNcwaba wezi-2020 futhi luhlose ukuqinisa ubuholi, ucwaningo kanye nengxoxo ngenqubomgomo emayelana nezindaba zokubusa komnotho ezingeni eliphezulu kanye nabaphathi abaphezulu kuhulumeni.
Imibuzo:
Mnu. Sandile Nene
iBamba LikaSomlomo KaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 712 2316

