A. Ezisematheni
1. Inkulumo-mpendulwano Kazwelonke
1.1 Iminyaka engama-70 Yomqulu Wenkululeko
1.1.1 Ngalolu suku, eminyakeni engama-70 edlule okungumhla zingama-26 kuNhlangulana 1955, izithunywa ezingaphezu kwezi-3 000 zobuhlanga nemiphakathi ehlukahlukene, zabuthana e-Kliptown, eGoli ngenza yombono weNingizimu Afrika eziyifunayo, enentando yeningi labantu, engacwasi ngokwebala futhi esekelwe ezimisweni zokulingana, ubulungisa bezenhlalakahle, amalungelo abantu kanye nokuchuma komnotho komuntu wonke.
1.1.2 UMqulu weNkululeko wawuwumphumela womkhankaso omkhulukazi emphakathini ohlanganisa izinhlangano ezehlukene ezazimelene noBandlululo kanye nezakhamuzi, owawuhlelwe ngaphansi kwe-African National Congress, ubheke izifiso zabo ezihlangene zokuba neNingizimu Afrika ekhululekile nelungile.
1.1.3 UMqulu Wenkululeko ungumqulu oyisisekelo woMthethosisekelo weNingizimu Afrika yangemva koBandlululo, futhi usabalulekile ekuqondiseni ukungalingani okuvelele kwezenhlalo nezomnotho okusadlangile ezweni lakithi.
1.2 Isivumelwano Sikazwelonke ngeNkulumo-mpendulwano Kazwelonke
1.2.1 Eminyakeni engama-70 ngemva kokwamukelwa koMqulu Wenkululeko kanye nokwamukela ukuthi izinselele ezisabhekene nezwe lethu zidinga imibono ephusile evela kithi sonke, abantu baseNingizimu Afrika abavela kuyo yonke imikhakha yempilo bayamenywa ukuba babambe iqhaza kuNkulumo-mpendulwano Kazwelonke ezonquma ikusasa leNingizimu Afrika esiyifunayo. Njengokwamukelwa koMqulu Wenkululeko, iNkulumo-mpendulwano Kazwelonke izolandela uhlelo olunzulu lokubonisana okuhlanganisa namazinga ezifunda nezifundazwe.
1.2.2 IKhabhinethi likuphawulile ukukhathazeka komphakathi mayelana nesabelomali esilinganisiwe seNkulumo-mpendulwano Kazwelonke futhi lifisa ukucacisa ukuthi isabelomali esihlongozwayo asikakathathwa ngokwezinqubo ezimisiwe zesabelomali zikahulumeni noma sicutshungulwe yiKomidi Longqongqoshe (i-IMC) eliholwa yiPhini LikaMongameli, u-Paul Mashatile. IKhabhinethi lizazi kahle izithiyo ezikhona njengamanje kwezezimali futhi liyalele i-IMC ukuthi iqinisekise ubuhlakani ekuxhaseni ngezimali iNkulumo-mpendulwano Kazwelonke.
2. Umnotho
2.1 Uhlelo Olukhulu Lwezamandla Avuselelwayo eNingizimu Afrika
2.1.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa Kohlelo Olukhulu Lwezamandla Avuselelwayo eNingizimu Afrika (i-SAREM) ukuze kuqhutshekwe nokukhiqizwa kwasekhaya, ukuthuthukiswa kwamakhono nokudala amathuba emisebenzi ezweni. I-SAREM eyagunyazwa yiKhabhinethi ngoNdasa kulo nyaka, ihlose ukweseka isidingo sasekhaya samandla avuselelekayo futhi iqhubekisele phambili ukuthuthukiswa kwezimboni ngesikhathi iqinisekisa ukuguqukela enandleni kagesi acocekile.
2.2 Isivumelwano Semalimboleko eyizigidigidi ezi-US$1.5 Yenqubomgomo Yentuthuko
2.2.1 IKhabhinethi litshelwe ngeSivumelwano Semalimboleko eyizigidigidi ezi-US$1.5 Yenqubomgomo Yentuthuko esisayinwe phakathi kukahulumeni waseNingizimu Afrika neBhange Lomhlaba esizosetshenziswa ukuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu nokudalwa kwamathuba emisebenzi. Imali ebolekiwe ihambisana nemigomo yoMgcinimafa Kazwelonke eyingxenye yemizamo kahulumeni yokuqalisa izinguquko zesakhiwo futhi izosetshenziselwa ukususa izingqinamba ezikhona kwingqalasizinda, ikakhulukazi emikhakheni yezamandla nokuthuthwa kwempahla.
2.2.2 Usizo lwemalimboleko lusekelwe phezu kwezinsika ezintathu zezinguquko zesakhiwo: ukwenza ngcono ukutholakala kwezamandla, ukuthuthukisa ukusebenza kahle kanye nokuncintisana kwezinsizakalo zokuthutha impahla kanye nokweseka iNingizimu Afrika ekuguqukeleni emnothweni wekhabhoni ephansi, okuwumgogodla walokhu uhulumeni akubeke eqhulwini komnotho obandakanya wonke umuntu nokudala amathuba emisebenzi.
2.3 Ukufika kwemithi yokugomela isifo samatele
2.3.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukufika kwemithi yokugoma edingeka kakhulu, evela eBotswana, ukuze kuliwe nokuqubuka kwesifo samatele (i-FMD) ezingxenyeni ezithile zezwe.
2.3.2 Imithi yokugoma isatshalaliswa futhi inikezwa mahhala ezindaweni ezithintekile, ikakhulukazi KwaZulu-Natali (e-KZN) naseMpumalanga Kapa kanye nalawo mapulazi akwezinye izifundazwe lapho isifo sitholakale khona. Iqoqo lesibili lemithi yokugoma lisathengiwe e-Botswana Vaccine Institute.
3. Ubudlelwane Bamazwe Ngamazwe
3.1. INgqungquthela ye-G7
3.1.1. UMongameli Cyril Ramaphosa uhambele iNgqungquthela Yeqembu Lamazwe Ayisikhombisa (i-G7), futhi iNingizimu Afrika ithatha i-G7 njengozakwethu ekuhleleni amasu. UMongameli Ramaphosa usebenzise ithuba le-G7 ukunxusa ukubambisana phakathi kwe-G7 kanye ne-G20 kanye nokunxenxa ukwesekwa kwezinguquko ezikhungweni zamazwe ngamazwe zokubuswa komhlaba wonke njengoMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN kanye nohlelo lwezezimali lomhlaba wonke. Ukubamba iqhaza kukaMongameli ku-G7 kuveza ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika ayikho esikhundleni senqubomgomo emelene neNtshonalanga, kodwa sikulungele ukusebenzisana nawo wonke umuntu ukuzuza lokho iNingizimu Afrika ekudingayo nokuqhubekisela phambili i-Ajenda yase-Afrika.
3.2 Ukuvakashela e-Russia
3.2.1 IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile uphethe uhambo lwakhe lomsebenzi lwase-Russia, lapho aphinde wabamba iqhaza ku-28th St. Petersburg International Economic Forum 2025 (i-SPIEF ’25).
3.2.2 Lolu hambo lugxile ekuthuthukiseni ukubambisana kwezomnotho phakathi kwala mazwe womabili emikhakheni efana nezolimo, ezezimoto, ezamandla nezimayini, kanye nesayensi nobuchwepheshe.
3.3 Ingxabano ye-Israel ne-Iran
3.3.1 IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngokubhebhetheka kwezingxabano phakathi kwe-Israel ne-Islamic Republic of Iran, kanye nokuhlasela kwezindiza kweMelika (i-USA). Ukuhlasela okuqhubekayo kwalawa mazwe womabili sekuholele ekulashoneni kwabantu, ukulimala kanye nokucekelwa phansi kwempahla.
3.3.2 IKhabhinethi linxusa ukuba kuqedwe ngokushesha izingxabano, ukuvinjwa kanye nokuthotshelwa ngokuphelele komthetho wamazwe ngamazwe yizo zonke izinhlangothi ukuze kuvinjwe ukuqhubeka kokuhlupheka kwabantu. IKhabhinethi liphinda futhi licela i-USA, i-Israel kanye ne-Iran ukuthi babambe izingxoxo ezakhayo futhi banikeze Inhlangano Yezizwe Ezihlangene ithuba lokuphatha izingxoxo ezizophuma nesisombululo ngokuthula, okuhlanganisa ukuhlolwa nokuqinisekiswa kwesimo se-Iran ekunothisweni kwe-uranium, kanye namandla ayo enuzi.
3.3.3 Umhlaba awunakukwazi ukukhokhela ukuhlukanisa i-Iran ngokwezifunda ezincane ezehlukahlukene, ngobukhulu nje benani labantu, indawo kanye nemithombo yezimbiwa. Njengezwekazi, thina e-Afrika sisabhekene nemiphumela yokuhlukaniswa kwe-Libya eminyakeni eyishumi nane ngemva kokushintsha kombuso wase-Libya, i-Afrika ibhekene nokwanda kobuphekula ezweni lonke okuhlobene nokuhlukaniswa nokungabikho kozinzo e-Libya.
3.3.4 Sidinga ukuthula emhlabeni wonke futhi kumele silwele ukuxazulula izingxabano ngokuthula.
3.4 Ukukhathazeka ngesimo sase-Haiti esiya ngokuba sibi
3.4.1 IKhabhinethi likhathazekile ngesimo sase-Haiti esiya ngokuba sibi futhi liyaqinisekisa ukuthi kudingeka indlela emiqondominingi ukuze kuqiniswe ukubusa, ukwenza ngcono ukuthotshelwa komthetho, kanye nokugqugquzela ukuthuthukiswa komnotho ngokusebenzisana kwesifunda namazwe ngamazwe ngokubeka eqhulwini izimfuno zabantu base-Haiti.
3.5 Isinqumo seNkantolo ePhakeme yasePitoli mayelana nokungcwatshwa kukaMongameli wesi-6 wase-Zambia ongasekho, uMnu. Edgar Lungu
3.5.1 IKhabhinethi lisibonile isinqumo seNkantolo ePhakeme yasePitoli sokuvimbela ukungcwatshwa kukaMengameli ongasekho uLungu eNingizimu Afrika ngemuva kwesivumelwano phakathi kwezinhlangothi zombili.
3.5.2 IKhabhinethi linxusa umndeni wakwaLungu kanye nohulumeni wase-Zambia ukuthi basebenzise ithuba elinikezwe iNkantolo Ephakeme ukuthi bezwane ukuze baqinisekise ukungcwatshwa okunesizotha kukaMongameli ongasekho ngokuhambisana nokuhlonipha okufanele uMongameli Wombuso.
3.6 Ukuhoxa kwe-SAMIDRC empumalanga ye-DRC
3.6.1 IKhabhinethi litshelwe ngokufika kancane kancane kwamasosha Ombutho Wezokuvikela eNingizimu Afrika (i-SANDF) evela empumalanga ye-Democratic Republic of Congo (e-DRC) kulandela isinqumo se-SADC sokumisa ukungenelela kwe-SAMIDRC.
3.6.2 Alinganiselwa kwi-1 718 amasosha e-SANDF asefikile ezweni, kanti kulindeleke ukuthi amanye afike emasontweni ambalwa ezayo.
3.6.3 IKhabhinethi liphinde laqinisekisa ukuzibophezela okuqhubekayo kweNingizimu Afrika ekubeni nesifunda saseNingizimu ye-Afrika esinokuthula, esizinzile futhi esiphumelelayo, laphinde lancoma imizamo yamasosha e-SANDF yokufaka isandla ekubuyiseleni ukuthula, ukuvikeleka nozinzo e-DRC.
4. Ubulungiswa Nokunqanda Ubugebengu
4.1. Ukuphepha nokuvikeleka
4.1.1. Uhulumeni uyayamukela inqubekelaphambili esiyenziwe ekulweni nobugebengu ngemikhankaso efana ne-Operation Shanela kanye ne-Operation Vala Umgodi. Babalelwa kuma-239 abasolwa ababoshwa ezweni lonke phakathi komhla lu-1 nomhla ziyi-15 kuNhlangulana 2025 nge-Operation Vala Umgodi. Abasolwa baboshelwe amacala ahlobene nokumbiwa kwemigodi ngokungemthetho nobunye ubugebengu obuhlukene obuhlanganisa ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukutholakala namadayimane angapholishiwe, ukutholakala neziqhumane okungekho emthethweni kanye nokwephula uMthetho Wezokufuduka wezi-2002.
4.1.2. I-Operation Vala Umgodi, selokhu yasungulwa ngoZibandlela wezi-2023, yaholela ekuboshweni kwabasolwa abangaphezu kwezi-27 000 kanye nokushaqwa kwezibhamu ezingaphezu kwama-600, okuhlanganisa izibhamu okungezona ezangempela (izibhamu zamathoyizi) nezinhlamvu eziyizi-16 000.
4.1.3. Phakathi komhla ziyi-16 kuNhlangulana kuya zingama-22 kuNhlangulana 2025, uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ngokusebenzisa i-Operation Shanela, ubophe abasolwa abayizi-15 372. Okunye okubalulekile kuhlanganisa ukuboshwa kwabantu abayizi-2 400 ababethungathwa abahlobene namacala abucayi nanodlame (ukubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula nokubamba inkunzi); abayi-159 baboshelwe ukubulala; abayi-100 baboshelwe ukudlwengula; abayi-1 173 baboshelwa ukushaya ngenhloso yokulimaza; abayizi-2 602 ngokutholakala nezidakamizwa kanye nama-64 ngokuduna noma ukweba izimoto.
4.1.4. IKhabhinethi liphinde lakwamukela ukugwetshwa kwamadoda amabili kwamane alahlwa yicala lokubulawa okuhleliwe kukaNosipho ‘Nomdundu’ Mafani waKwaNokuthula (23), owayephila nokukhubazeka kwengqondo. Laba bobabili, uMboneli Msila noMonde Tshemese, bagwetshwe udilikajele ngamunye ngamacala okwakha itulo lokubulala nelokubulala abalenza ukuze bathole imali ehlobene nokukhokhwa kwemali yomshwalense kamasingcwabisane eyisamba sezi-R600 000.
4.1.5. Ukulwa Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
IKhabhinethi liyalele uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuthi usheshise ukuphothulwa koMthethosivivinywa Wokusekela Izisulu ukuze kuqiniswe izindlela zokulwa ne-GBVF.
5. Ukuthuthukiswa Komphakathi Nabantu
5.1. Ukubuyela esimeni emva kwezikhukhula
5.1.1. IKhabhinethi lazisiwe ngemizamo eqhubekayo yokulungisa isimo emva kwenhlekelele yezikhukhula eMpumalanga Kapa (EC) nase-KZN. Ezingeni likazwelonke, iKomidi Elididiyelwe Likazwelonke Elibhekele Izikhukhula, kanye neKomidi Longqongqoshe Lokulawulwa Kwezinhlekelele selisunguliwe futhi selihlangane izikhathi eziningana ukuze lihlole isimo futhi linqume ukuthi zingasizwa kanjani izifundazwe ezithintekile.
5.1.2. Isikhungo Sikazwelonke Sokulawulwa Kwezinhlekelele kanye nezikhungo zokulawulwa kwezinhlekelele zezifundazwe nakomasipala, nazo ziyaqhubeka nokuhlinzeka ngemibiko yokuhlola kanye nezindlela zokubhekana nesimo.
5.1.3. Okubekwe eqhulwini kusalokhu kungukuhlinzeka indawo yokukhosela yezimo eziphuthumayo kanye nezinsiza ezidingwa imiphakathi ethintekile ukuze kuzinze isimo. Umsebenzi uyaqhubeka futhi wokubuyisela izidingongqangi ezifana namanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nogesi. Lokhu kuhlanganisa nokuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo bathola omazisi (i-ID) nezitifiketi zesikhashana zomazisi ukuze bathole izinsiza ezibalulekile. Ukuhlolwa komonakalo wamakhaya nengqalasizinda kanye nohlelo lokwakha kabusha kuyaqhubeka. Uma sekuphothuliwe, kuzolungiselelwa uhlelo oluphelele lokubuyisela esimeni.
5.2 Isimo sezulu esibi
5.2.1 Abesimo Sezulu eNingizimu Afrika baxwayise ngokuthi amakhaza ashubisa umnkantsha alindeleke ukuthi afike izolo, ngoLwesithathu, zingama-25 kuNhlangulana 2025, ezindaweni eziseningizimu-ntshonalanga yeNingizimu Afrika.
5.2.2 Kungenzeka kube nezimvula ezinamandla ezinobungozi bezikhukhula ezindaweni ezisentshonalanga yeNtshonalanga Kapa, ikakhulukazi ezindaweni eziphansi futhi amanzi angagelezi kahle kuzona kusukela ngoLwesithathu kuze kube uLwesine, zingama-25 kanye nama-26 kuNhlangulana 2025. Umoya ovunguza ngamandla endaweni ungadala umonakalo ezakhiweni zendawo futhi usiphule nezihlahla. Ngaphezu kwalokhu, izimo ezibandayo kakhulu zingalindeleka, kanye nokukhithika ezintabeni ezisentshonalanga yaseNtshonalanga Kapa, kusabalele phakathi eningizimu-ntshonalanga yaseNyakatho Kapa.
5.2.3 Kulindeleke umoya onamandla futhi okungenzeka ube yingozi ezindaweni eziningi zase-EC ngoLwesine, mhla zingama-26 kuNhlangulana 2025, kanye nokwehla kwamazinga okushisa emini.
6. Ukubusa
6.1. Inqubekelaphambili yeQembu likaMongameli laseThekwimi
6.1.1. IKhabhinethi lazisiwe ngokusebenza kweQembu Lokusebenza likaMongameli laseThekwini. Intuthuko ibonakale kwezamanzi nokuthuthwa kwendle. Kutholwe uxhasomali lwezigidi ezingama-R378 ukusiza ekunciphiseni ukumosheka kwamanzi okubonakalayo, okuhambisana nokuncishiswa kwama-30% kokusalela emuva kokulungiswa kwamapayipi amanzi nezitamukoko zendle.
6.1.2. Ukuhambela eThekwini nakho kuba ngcono, kukhule ngama-33% unyaka nonyaka kanti kufaka ngaphezu kwezigidigidi eziyi-R17.4 kwezomnotho. Inani labavakashi bamazwe ngamazwe likhuphuke ngo-9.8%, okulethe izigidi ezi-R3.3 endaweni yaseThekwini.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Inqubekelaphambili ekuqaliseni ngempendulo kaMongameli ezincomweni zeKhomishini Yokubanjwa Kombuso Ngobhongwane
1.1. IKhabhinethi lazisiwe ngenqubekelaphambili enkulu eyenziwe ekuqaliseni izincomo zeKhomishini Yokubanjwa Kombuso Ngobhongwane. Amaphuzu avelele abalulekile ahlanganisa lawa:
1.1.1. Ukutholwa kwempahla okuxhumene Nokubanjwa Kombuso Ngobhongwane kusuka ku-R2.9b ngoMfumfu 2022 kuya ku-R11b ngoMbasa 2025.
1.1.2. Izinguquko ezinkulu ezihlanganisa ukushaywa kwemithetho emisha eyisishiyagalombili ebhekana nenkohlakalo, ukuthengwa kwempahla, izinsizakalo zezobunhloli, nokuziphendulela kwenkampani.
1.1.3. Uphenyo nokushushiswa kobugebengu: amacala amane ekhomishini yokubanjwa kombuso ngobhongwane wonke aphothulwe ngezinqumo zokulahlwa yicala; amanye amacala ayi-11 athinta abantu abangama-51 kanye nezinkampani ezingama-27 abhaliswe enkantolo.
1.1.4. Izinyathelo zobungcweti nezokulawula: Phambilini uMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni udlulisele abaqondisi bangaphambilini bezinkampani zikahulumeni abangama-71 kuKhomishini Yezinkampani Nobunikazi Bobuciko (i-CIPC) ngamacala okuphula umthetho okwaholela emacaleni ayisishiyagalolunye aqhubekayo.
1.1.5. Ukuziphendulela Kwenkampani: I-CIPC isiqedile ukubuyekezwa kwezinkampani ezizimele eziyi-10 ezithintekayo eMbikweni Wokubanjwa Kombuso Ngobhongwane, nophenyo oluyisithupha olusaqhubeka kanye nayisishiyagalombili amasha adluliselwe kwi-SIU asacwaningwa.
1.1.6. UMgcinimafa Kazwelonke umise i-Bain & Co. iminyaka eyi-10 (2022-2032) ekwenzeni ibhizinisi nombuso, okuyinto u-Bain ayiphosele inselele enkantolo.
1.1.7. Izinguquko ezehlukene zokuvimbela ukubanjwa kombuso ngobhongwane esikhathini esizayo ziyaqhubeka ngesikhathi ezinye seziqalisiwe, phakathi kwalezo eziqalisiwe yilezi:
1.1.7.1. Ukusungulwa koPhiko Lokuphenya Olulwisana Nenkohlakalo olwaqala ukusebenza mhla ziyi-19 kuNcwaba 2024.
1.1.7.2. UHlaka Lukazwelonke Lokuqaliswa Kokusebenza Ngobungcweti Komkhakha Kahulumeni lwagunyazwa yiKhabhinethi ngoMfumfu wezi-2022.
1.1.7.3. UMkhandlu Kazwelonke Wokweluleka Ngokulwa Nenkohlakalo uphothule ucwaningo ngezincomo zezinguquko zesikhungo zeKhomishini Yokubanjwa Kombuso Ngobhongwane.
2. Amalungiselelo eNgqungquthela ye-G20
2.1. I-G20 (imihlangano)
IKhabhinethi lazisiwe ngomsebenzi oqhubekayo njengoba izwe lilungiselela ukusingatha iNgqungquthela Yabaholi Be-G20, njengoba inqwaba yemihlangano iqhubeka ngale ndlela elandelayo:
2.1.1. Ukulungiselela ukusingatha iNgqungquthela ye-Y20 yaseNingizimu Afrika ngasekupheleni kwalo nyaka ngaphansi kwesikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20. I-Y20 South Africa Pre-Summit ehlanganise izithunywa ezivela emazweni angamalungu e-G20 nangale kwayo, ukuqala izingxoxo ngezinqubomgomo kanye nokwazisa ngeSimemezelo se-Y20, yabanjwa kusukela mhla ziyi-18 kuya mhla ziyi-19 kuNhlangualana 2025.
2.1.2. Umhlangano Wesithathu Wethimba Elibhekele Ukukhula Komnotho Okubandakanya wonke umuntu, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Ukuqashwa kanye Nokunciphisa Ukungalingani wabanjwa nge-inthanethi kusukela mhla ziyi-18 kuya ziyi-19 kuNhlangulana 2025, kwadingidwa ngokwakhiwa kwezinhlaka zokuhlanganisa umnotho omkhulu, izimboni, izimakethe zabasebenzi, ukuvikelwa komphakathi kanye nezinqubomgomo zezemvelo ngokulandela izinjongo ezihlanganyelwe zokusungula imisebenzi ehloniphekile nokunciphisa ukungalingani.
2.1.3. INgqungquthela Yesikhathi Esimaphakathi ye-T20 yaseNingizimu Afrika ebibanjwe nge-inthanethi kusukela mhla ziyi-19 kuya zingama-20 kuNhlangulana 2025, kwahlolwa inqubekelaphambili kumathimba asebenzayo ayisihlanu, ukusebenzisana okujulile kwezifunda kanye nemiphumela yenqubomgomo elungisiwe ngaphambi kweNgqungquthela Yabaholi Be-G20.
2.1.4. Umhlangano Wokuqala we-G20 Empower Alliance owawubanjwe kusukela mhla zingama-20 kuya zingama-21 kuNhlangulana 2025, kuxoxwe ngeziNsika zeQhingasu le-G20 Empower Alliance zobuholi besifazane, ukwesekwa kwezamabhizinisi kanye nentuthuko yezomnotho esimeme.
2.1.5. INgqungquthela ye-SAI20 ebingumbuthano wabacwaningimabhuku-jikelele abavela emazweni angamalungu e-G20 ebibanjelwe eGoli kusukela mhla zingama-24 kuya zingama-25 kuNhlangulana 2025, kudingidwe izindaba eziphathelene nokwenza izinto obala kanye nokuziphendulela ekuphathweni kwezimali zikahulumeni.
2.2. IKhabhinethi liphinde lathola umbiko ngemihlangano ye-Sherpa Track esanda kubanjwa, kanye nemizamo yokuxhumanisa neyokulungiselela eyenzelwe izingxoxo ezizayo zemiqulu kanye nezimemezelo zoMphumela Wongqongqoshe be-G20. IKhabhinethi lazisiwe ukuthi sekubanjwe imihlangano engama-69 kuze kube manje, phakathi kwemihlangano eyi-132 esemthethweni ye-G20 ehleliwe.
2.2.1. Umhlangano wesi-3 we-G20 Sherpa uzoba e-Sun City kusukela zingama-25 kuya zingama-27 kuNhlangulana 2025 futhi kulindeleke ukuthi kutholwe impendulo evela kuQembu Elibhekele Ukuthungathwa Kwezimali, kubuyekezwe izibopho ezibalulekile ze-G20 nezinto ezihlosiwe kanye nokuxoxisana ngezindlela zokuqinisekisa ukuthi i-G20 iyakwazi ukuhlanganisa izimpendulo zomhlaba wonke ukubhekana nezinkinga.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Amandla Adidiyelwe - Ukungenelela kwezimboni ukuvuselela Ukuncintisana Kwemboni Yensimbi eNingizimu Afrika
1.1. IKhabhinethi litshelwe ngomthelela wenhlalo-mnotho wokuncipha okuqhubekayo kwemboni yensimbi kanye nesidingo esiphuthumayo sokungenelela kukahulumeni nezimboni ukuze kunqandwe ukwehla.
1.2. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uMnyango Wezogesi Nezamandla uphothule isivumelwano sezimboni nohulumeni sokuhlelwa kabusha kwentela ukuze kusekelwe umkhakha wensimbi, kanjalo nokuvuselela ukuthuthukiswa kwezimboni eNingizimu Afrika kanye namandla okuhlomula kulo mkhakha.
1.3. IKhabhinethi ligunyaze ukufakwa kwensimbi ye-chrome ngaphansi kokulawula ukuthekelisa, okuzodinga abezokuthekelisa ukuthi batholee imvume yeKhomishini Yokulawulwa Kwezohwebo Yamazwe Ngamazwe (i-ITAC),
1.4. IKhabhinethi ligunyaze umkhankaso wokuthuthukisa intela yokuthekelisa insimbi ye-chrome kanye nokwandisa uhlaka/imithethonqubo yokuncibilikisa ye-Special Economic Zone (SEZ).
2. UHlelo Olukhulu Lomnotho Wemfucuza (i-WEMP)
2.1 IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koHlelo Olukhulu Lomnotho Wemfucuza (i-WEMP) ukuze luqaliswe. Uhlelo lolu lugxile ekunciphiseni imfucuza, ukugaywa kabusha kanye nokuvuselelwa - ikakhulukazi imfucuza eyiziqukathi. Luhlose ukukhulisa igalelo lomnotho wemfucuza emnothweni obanzi wezwe; ngesikhathi lunciphisa imithelela emibi yemvelo nempilo yamakhemikhali kanye nemfucuza kwimvelo.
2.2 Lolu hlelo luhlongoza ukungenelela okuningana okuzovula futhi kukhuthaze amathuba ezomnotho ngaphakathi komnotho wemfucuza, ngokusebenzisa phakathi kokunye, ukwandisa ukuthekeliswa kwempahla kanye nokudala imisebenzi. Ibalelwa kwizi-60 000 imisebenzi engahlelekile exhasiwe kuzwelonke ngokubamba iqhaza kwabacoshi bemfucuza ekuqoqweni kwemfucuza, ukuhlungwa kanye nokugaywa kabusha kwemfucuza efana nephepha, ipulasitiki nezingilazi. Kulindeleke ukuthi imisebenzi eyengeziwe esunguliwe izohlomulisa abesifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka.
D. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imisebenzi Yophiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), wezi-2025
1.1 IKhabhinethi livume ukulethwa ePhalamende isihlongozo soMthethosivivinywa Wokuchibiyela we-SAPS. Lo mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho we-SAPS we-1995 ukuze kusungulwe uhlaka olusemthethweni lwamaphoyisa olufaka isandla ekulweni nobugebengu ngempumelelo. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uqinisekisa ukuhambisana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996, uHlelo Lwentuthuko Kazwelonke lwezi-2030, Umthetho Odingidwayo Wamaphoyisa wezi-2016, Umthetho Odingidwayo Wezokuphepha Nokuvikeleka wezi-2016, iNqubomgomo Yezokuvikela Umphakathi kanye neNqubomgomo Yezemisebenzi Yamaphoyisa Ngalinye.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.
1. Ummeli Mikateko Joyce Maluleke njengoMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka (ukwelulwa kwenkontileka izinyanga ezi-5).
2. Mnu. Brian Monakali njengeSikhulu Esiphezulu Sokulawulwa Kwezokuphepha Ezitimeleni.
3. IBhodi Lezinsizakalo Zokuhamba Ngezindiza Nemikhumbi
Nkz. Doris Dondur uzongena esikhundleni esikhona seBhodi
4. Ibhodi Labaphathi be-Independent Development Trust
(a) Nkz. Zimbini Hill;
(b) Nkz. Lerato Makgothatso Kumalo;
(c) Slz. Stella Motlhago Bvuma;
(d) Mnu. Wayne Stewart Manthe;
(e) Dkt. Deenadayalen Konar;
(f) Mnu. Neil Jensen;
(g) Nkz. Sekadi Phayane – Shakhane;
(h) Nkz. Thobile Buhlebethu Maloka;
(i) Slz. Raymond Nkando; kanye
(j) noNkz. Bongekile Zulu.
5. Amalungu eBhodi Lenhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC)
(a) Dkt. Gloria Tomatoe Serobe (uSihlalo);
(b) Mnu. Reon Barnard;
(c) Mnu. Sam Bhembe;
(d) Mnu. Tanya Reeva Cohen;
(e) Nkz. Ayanda Dlodlo;
(f) Dkt. Nomusa Dube-Ncube;
(g) Dkt. Keitumetse Mothibeli; kanye
(h) noDkt. Sydney Mufamadi.
Imicimbi Ezayo
6.1 Ukuqashwa Kwentsha
6.1.1 Njengoba sivala imigubho yeNyanga Yentsha, iKhabhinethi ligcizelele ikhwelo likaMongameli u-Cyril Ramaphosa lokuthi amabhizinisi nezinye izinhlaka zikahulumeni zisebenzise inkundla ye-SAYouth.mobi ukuhlinzeka ngezindlela eziqhubekayo zokuthi abantu abasha bazuze futhi bafunde.
6.1.2 Manje kunabantu abasha abangaphezu kwezigidi ezi-4.7 ababhalisile enkundleni kanye nesizindalwazi soMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi. Ngalezi zinkundla, abantu abasha baye basekwa ukuze bathole amathuba okuhola angaphezu kwezigidi eziyi-1.6.
6.1.3 IKhabhinethi licela amabhizinisi ukuthi anikeze abantu abasha usizo ngokuhlinzeka ngamathuba omsebenzi kanye nokutshala imali kwezemfundo nokuthuthukiswa kwamakhono.
F. Imiyalezo
1. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nomndeni walaba:
a) Mnu. Sinethemba Mpambane, iPhini likaSekela-Shansela waseNyuvesi i-Walter Sisulu owabulawa ngokudutshulwa esemotweni yakhe esikhungweni senyuvesi eNkululekweni.
b) Umhlaziyi ophambili nomethuli wezemidlalo, uPhumlani Msibi, owaduma kakhulu ngombuzo wakhe othi “thoughts please” ngesikhathi enza inhlolokhono yakhe yebhola ngemuva komdlalo.
c) Umshayi wecilongo nomculi we-flugelhorn uFezile “Feya” Faku, owayenomsebenzi oncomekayo owadlondobala kumazwekazi amahlanu futhi owasebenzisana nezingwazi ezifana no-Abdullah Ibrahim noBheki Mseleku.
2. Amazwi okuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba:
a) Ama-Proteas ngokuhlula i-Australia kowamanqamu we-World Test Championship futhi ngokwenza kanjalo athole isicoco esihlonishwayo se-ICC World Test Championship. Ukunqoba kwabo okumangalisayo kuzo zonke izingqinamba kulethe injabulo esizweni sakithi futhi kwakhombisa amandla ezemidlalo ukuhlanganisa nokugqugquzela ukubumbana komphakathi kanye nokwakhiwa kwesizwe.
b) U-Laura Seethal odume ngelika-Tyla, ngokusingatha i-Nickelodeon Kids’ Choice Awards yowezi-2025 nokuba yiciko lokuqala lase-Afrika ukunqoba indondo ye-“Favourite Global Music Star” kuma-Nickelodeon Kids’ Choice Awards owezi-2025 e-USA.
c) Umakadebona womlingisi uLeleti Khumalo kanye nomdidiyeli wamafilimu u-Anant Singh, abawine indondo ehlonishwayo ye-Golden Nymph Award esigabeni se-‘Special Creation’ ngefilimu ethi Don’t Give Up kwi-64th Monte-Carlo Television Festival. Le filimu iqondiswe ngu-Darrell James Roodt.
d) Umpetha Womhlaba Wemidlalo Yangaphakathi u-Prudence Sekgodiso, obesefomini enhle ngenyanga kaNhlungulana. Ngomhla ziyi-15 kuNhlangulana 2025, wathatha indawo yesithathu ku-800m yabesifazane ochungechungeni lwe- Diamond Leagues e-Stockholm, e-Sweden. Ngomhla zingama-24 kuNhlangulana 2025 wagijima ngendlela engcono kakhulu ukuze awine i-800m yabesifazane e-Ostrava Golden Spike e-Czech Republic.
Njengoba sigubha iminyaka engama-70 kwasungulwa uMqulu Wenkululeko, sifisa ukukhumbuza bonke abantu ukuthi “iNingizimu Afrika ngeyabo bonke abahlala kuyo, abamnyama nabamhlophe” – uMqulu Wenkululeko
Sikhishwe: UPhiko Lwezokuxhumana Kuhulumeni Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Imibuzo: Nkz. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo weKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485