A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1 Utshalomali
1.1.1 IKhabhinethi lizwakalise ukwethemba ukusimama komnotho, njengoba izwe liqhubeka nokwakha ubudlelwano ukuze kwakhiwe imikhakha ebalulekile nokuheha utshalomali olusha.
1.1.2 IKhabhinethi liphinde lakwamukela ukwethulwa kohlelo lobuchwepheshe bomkhathi be-Google South Africa olubiza izigidigidi ezi-R2.5 eGoli, oluhlanganisa iNingizimu Afrika kunethiwekhi yomhlaba ye-Google Cloud. Lo mklamo ungowokuqala we-Google e-Afrika futhi uwuphawu lotshalomali olubalulekile kungqalasizinda yezobuchwepheshe yaseNingizimu Afrika.
1.1.3 IKhabhinethi licela yonke imikhakha ukuthi isheshise indlela yezwe lethu ebheke ekukhuleni komnotho okusimeme nokuvulwa kwamathuba emisebenzi ngokwandisa ukutshalwa kwezimali kanye nokuqinisa okuningi okuhle okumayelana nezwe lakithi.
1.2 Ukusebenzisana Kwezimboni Ezizimele Emiklamweni Yokuthuthwa Kwempahla Ngezitimela Nasemachwebeni
1.2.1 IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kweSicelo Sokuthola Ulwazi Lokubamba Iqhaza Kwezimboni Ezizimele Emiklamweni Yokuthuthwa Kwempahla Ngezitimela Nasemachwebeni, njengoba lokhu kuyingxenye yezinguquko ezibalulekile zokuthuthukisa umkhakha wezokuthuthwa kwempahla eNingizimu Afrika futhi okuzothuthukisa ukukhula komnotho ngokuthi kwenziwe ngcono izindlela zokuthunyelwa kwempahla kwamanye amazwe.
1.2.2 UMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla eNingizimu Afrika ukhuthaza ukuncintisana okukhulu emisebenzini yezitimela nezikhumulo zamachweba, okuzoheha utshalomali oluzimele kodwa ingqalasizinda efana nolayini bezitimela namachweba izohlala ingaphansi kukahulumeni.
1.3 Ezamandla
1.3.1 IKhabhinethi lamukele ukwengezwa kwamamegawathi angama-800 omthamo wokuphehlwa kabusha kukagesi kugridi kazwelonke ngemva kokuba u-Eskom ephumelele ukulungisa iyunithi yokugcina ephehla ugesi e-Kusile Power Station. Lokhu kuzosiza ukuletha uzinzo kwigridi futhi kuqinise ukutholakala kukagesi esikhathini esizayo ezweni lethu.
1.4 Izibalo Zekota Zokuqashwa Kwabantu
1.4.1 IKhabhinethi lamukele ukwenyuka kwesibalo sabaqashiwe ngemisebenzi eyizi-12 000 safinyelela ezigidini eziyi-10.64 emkhakheni ohlelekile ongewona owezolimo ngekota yesine yowezi-2024. Izibalo Zekota Zokuqashwa Kwabantu ze-Stats SA zibonise izinzuzo zokuqashwa emkhakheni wezohwebo, izinsizakalo zamabhizinisi, ezokuthutha kanye nomkhakha kagesi.
1.4.2 Yize kube nokwenyuka okuncane, ukuqashwa ngokugcwele kusalokhu kuphansi kunangonyaka odlule. IKhabhinethi lizibophezele ekuqhubeni izinguquko, nokuqalisa izinhlelo ezigxile ekukhuleni komnotho ukuze kuzokwakhiwa isimondawo esihambelana nokusungulwa kwamathuba emisebenzi.
2. Isimemezelo Somthetho Wokuguquguquka Kwesimo Sezulu, wama-22 wezi-2024
2.1 IKhabhinethi lamukele isimemezelo soMthetho Wokuguquguquka Kwesimo Sezulu, wezi-2024 (uMthetho wama-22 wezi-2024) esenziwe nguMongameli u-Ramaphosa ngoMsombuluko, mhla ziyi-17 kuNdasa 2025, okungumthetho ovumela ukuthuthukiswa kwezinqubomgomo ezisebenzayo zokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nohlelo lwesikhathi eside lokuguqukela emnothweni kanye nomphakathi osebenzisa ikhabhoni ephansi.
2.2 IKhabhinethi liphinde lamukela iQembu Lababambisene Kumazwe Ngamazwe (i-IPG), umfelandawonye wamazwe ahlanganisa i-United Kingdom, i-Germany, i-France ne-EU, ukuvala igebe loxhasomali elivulwe yi-US ngemva kokuhoxa eKubambisaneni kuHlelo Lokuguqukela Kwezamandla Ahlanzekile.
2.3 Isamba sezithembiso zamazwe ngamazwe eNingizimu Afrika manje siyizigidigidi eziyi-US$12.8, okuhlanganisa imali engaphezu kwezigidigidi ezi-US$9 evela ku-IPG kanye neminikelo evela e-Spain, e-Switzerland nase-Canada.
3. Ubudlelwano Namazwe Omhlaba
3.1 Ubudlelwano beNingizimu Afrika ne-Japan
3.1.1 IKhabhinethi lamukele ubudlelwano obuqinile phakathi kweNingizimu Afrika ne-Japan kulandela ukuvakasha kwePhini likaMongameli u-Paul Mashatile e-Japan kusuka mhla ziyi-17 kuya mhla ziyi-19 kuNdasa 2025 okuhloswe ngakho ukuqinisa ukusebenzisana okukhona phakathi kweNingizimu Afrika ne-Japan emikhakheni okuvunyelwana ngayo.
3.1.2 Izingxoxo zaphinde zabanjwa ne-Ejensi Yokubambisana Yamazwe Ngamazwe Yase-Japan ukuhlola izindawo okungasetshenzisanwa kuzo kwezomnotho, iNhlangano Yokuthuthukiswa Komnotho wase-Afrika e-Japan ukuze kuxoxwe ngamathuba ohwebo notshalomali kanye neNhlangano Yase-Japan Eqinisekisa Ukutholwa Kwezinsimbi Nezamandla ukuze kugqanyiswe amathuba okutshalwa kwezimali emkhakheni wezimayini.
4. Ezempilo
4.1 Ukuhoxiswa Kwemithetho Yomkhiqizo Wokudla Kwehempu Nensangu
4.1.1 IKhabhinethi likwamukele ukuhoxiswa kweMithetho evimbela ukuthengiswa kwemikhiqizo yokudla kwehempu nensangu nguMnyango Wezempilo.
4.1.2 Yize siwuvuma umthelela omubi wokudayiswa okungalawulwa kwemikhiqizo yehempu kanye nensangu ukuthi ingadliwa yizingane, leyo Mithetho kufanele kuboniswane ngayo kabanzi, akumele iphikisane neSinqumo Senkantolo Yomthethosisekelo futhi akumele iphule uMthetho Wokusetshenziswa Kwensangu Ngasese.
4.1.3 UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uhlanganisa uHlaka lweMithethonqubo ngaphakathi kweminyango ukuze kuqaliswe uMthetho Wokusetshenziswa Kwensangu Ngasese.
4.2 Isifo Samatele (i-FMD)
4.2.1 IKhabhinethi litshelwe ngokwelulwa kwemingcele yeNdawo Yokulawulwa Kwezifo KwaZulu-Natali (i-DMA) ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kweSifo Samatele (i-FMD).
4.2.2 I-DMA inwetshiwe ukuze ifake omasipala abalandelayo: i-Big Five Hlabisa; uMtubatuba; KwaNongoma; oLundi; Umhlabuyalingana; eJozini; oPhongolo; Abaqulusi; uMfolozi; uMhlathuze; eMthonjaneni; iNquthu; eNkandla; uMlalazi naseMandeni.
4.2.3 Azikho izilwane ezihlukene izinselo (izinkomo, izimvu nezimbuzi), imikhiqizo yazo noma izakhi zofuzo ezizosuswa ngaphakathi kwemingcele ye-DMA ngaphandle uma kugunyazwe yimvume kadokotela wezilwane kahulumeni.
5. Ubulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nezokuvikeleka
5.1 Ukunqandwa Kobugebengu
5.1.1 IKhabhinethi likwamukele ukuboshwa kwabasolwa abayizi-12 892 phakathi komhla ziyi-17 kuNdasa nomhla wama-23 kuNdasa 2025 nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) njengengxenye yomkhankaso we-Operation Shanela.
5.1.2 Lokhu kubandakanya abasolwa abayi-1 753 abebefunwa ngamacala abucayi nanodlame afana nokubulala, ukuzama ukubulala, ukudlwengula, ukubamba inkunzi amabhizinisi kanye namakhaya. Ngaphezu kwalokho, abasolwa abayi-1 794 baboshelwe ukushaya ngeNhloso Yokulimaza kanye nabadayisa izidakamizwa abangama-203 nabo baboshwa. Abanye abasolwa abayi-1 507 baboshelwe ukutholakala nezidakamizwa nabasolwa abayi-115 ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
5.2 Imikhankaso Eqhubekayo Yokusabalalisa Izindaba Ezingamampunge
5.2.1 IKhabhinethi liphawule ngokukhathazeka ngokuqhubeka kwemikhankaso esabalalisa izindaba ezingamampunge eyenziwa yi-Solidaritiet ne-AfriForum kanye nabalingani babo, kanti nezikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ziphenya ngokwephulwa kwemithetho yaseNingizimu Afrika.
5.2.2 Ukuvimbela ukuqhubeka kokusatshalaliswa kwezindaba ezingamampunge, uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika uhlangane ne-AfriForum ukuze ucacise izinsolo zokubulawa kwabantu abamhlophe okuthinta ukubulawa kwabanikazi bamapulazi.
5.2.3 Emhlanganweni i-AfriForum ivumile ukuthi izibalo zobugebengu ezikhishwe uNgqongqoshe Wamaphoyisa zinembile, kuhlanganisa nokubulawa kwabanikazi bamapulazi.
5.2.4 Kuyinto eyaziwayo ukuthi ezinye zezigameko zokubulawa kwabanikazi bamapulazi zenziwa abantu abalimi ababaziyo kubandakanya namalungu omndeni.
5.2.5 IKhabhinethi liyazi futhi ngezinsolo ezingamanga zokuthi kunabalimi abamhlophe ababalelwa kwizi-72 000 ababhalisele ukuthuthela eMelika emva kwesimemo sikaMongameli waseMelika.
5.2.6 Ngokolwazi, oluqoqwe kwa-AgriSA nakuMnyango Wezolimo, kanye ne-StatsSA, iNingizimu Afrika inabalimi abahwebayo abayizi-41 000 kuphela.
5.3 Ukulwa Nenkohlakalo
5.3.1 IKhabhinethi lemukele iForamu Elwisana Nenkohlakalo Ye-Ejensi Elawula Imingcele eyethulwe mhla wama-25 kuNdasa 2025, njengengxenye yemizamo yokulwa nenkohlakalo ekulawulweni kwemingcele kanye nokungena kwabokufika.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1.1. IMihlangano Yokulungiselela iNgqungquthela Yeqembu Lamazwe Angamashumi Amabili (i-G20)
1.1.1. INingizimu Afrika isaqhubeka nokubamba uchungechunge lwemihlangano ye-G20 esezingeni eliphezulu ukulungiselela iNgqungquthela ye-G20 ngoLwezi 2025. Imihlanganoo yakamuva ibibanjwe ngale ndlela elandelayo:
1.1.2. Umhlangano wokuQala we-G20 Wokuhwebelana Nokutshalwa Kwezimali wabanjwa nge-inthanethi kusukela mhla ziyi-18 kuya kuma-20 kuNdasa 2025 futhi kwadingidwa ngokwakhiwa kweminotho ebandakanya wonke umuntu, impumelelo kanye nokwehluleka kohlelo lwezohwebo lwamazwe ngamazwe eminyakeni engama-30 edlule. Kuphinde kwadingidwa ngezohwebo kanye nokukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, uhlelo lwezohwebo oluphendula izinkinga ezikhona, ukuthuthukiswa kwezimboni ezingangcolisi imvelo nokuguqulwa kweNhlangano Yezohwebo Yomhlaba.
1.1.3. IZingxoxo Zikazwelonke ezimayelana nokuxoxisana kweThimba Lezolimo kanye NoMhlangano we-G20 Wososayensi Abayizinhloko Kwezolimo owawubanjwe mhla ziyi-18 kuNdasa 2025 (nge-inthanethi) futhi kwadingidwa ukusimama kwezolimo, ukusungulwa kwezinto ezintsha kanye nokuqina.
1.1.4. IThimba le-G20 Lezimali Zamazwe Ngamazwe lahlangana ePitoli mhla ziyi-18 kuNdasa ukuzobhunga ngenkinga yezikweletu zase-Afrika.
1.1.5. INingizimu Afrika isingathe umhlangano wokulungiselela iNgqungquthela Yohlelo Lotshalomali Lwamanzi e-Afrika yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika ehlelelwe uNcwaba 2025.
1.1.6. IThimba le-G20 Elibhekele Ukusimama Kwemvelo Nesimo Sezulu lahlangana mhla wama-25 kuNdasa 2025, futhi lagxila ezintweni ezibalulekile ezibekwe eqhulwini kwezemvelo nokuguquguquka kwesimo sezulu.
1.1.7. Umhlangano Wesibili Wethimba Lezempilo le-G20 uyaqhubeka kuze kube mhla wama-28 kuNdasa 2025. Kulo mhlangano kudingidwa ukuqinisa nokugqugquzela ukutholakala kwezinsizakalo zezempilo ngokulinganayo.
1.1.8. Umhlangano weThimba le-G20 Lomnotho Wedijithali Kwezobuhlakani Mbumbulu uzoba seGqeberha kusukela mhla ziyisi-7 kuya mhla ziyi-11 kuMbasa 2025 ukuze kugxilwe ekuguqukeleni kwidijithali, kanye nokukhula komphakathi nomnotho okubandakanya wonke umuntu.
1.1.9. IKhabhinethi liphinde lathola umbiko wokuhlolwa mayelana nesimo nokugcinwa kwezindawo zaseNingizimu Afrika ezingamaGugu Omhlaba ngokuhambisana neZimiso Eziphansi ze-G20 zokulungiselela nokusingatha i-G20. IKhabhinethi liphawulile ukuthi izindawo eziyisikhombisa kweziyishumi nambili (12) ezingaMagugu Omhlaba eNingizimu Afrika sezikulungele ukusingatha izivakashi ze-G20, kodwa kudingeka ukulungiswa okuthile ukuze izivakashi zizothokozela ukuhambela lezi zindawo.
1.2. INgqungquthela yesi-8 yeNingizimu Afrika ne-European Union (i-EU).
1.2.1. IKhabhinethi lamukele ukuqiniswa koBudlelwane Bokusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU eNgqungqutheleni yesi-8 yeNingizimu Afrika ne-EU ebibanjwe mhla ziyi-13 kuNdasa 2025 eNingizimu Afrika.
1.2.2. I-EU iphinde yagcizelela ukweseka kwayo iSikhundla soBumongameli be-G20 seNingizimu Afrika kanye nokubaluleka kwe-G20 njengenkundla yomhlaba wonke yokubambisana kwamazwe ngamazwe kwezomnotho.
1.2.3. I-EU iphinde yamemezela utshalomali lwe-Global Gateway Investment Package lwezigidigidi ezingama-R93.5 ukuze kwesekwe imiklamo yotshalomali ekuguqukeleni kwezamandla anganukubezi imvelo, ingqalasizinda yokuxhumana yedijithali nangokwesiqu, kanye nemboni yakuleli yezokwelapha.
2. Umbiko wenqubekelaphambili mayelana nokubhaliswa kwezitolo eziyiziphaza nezinye izindawo eziphatha ukudla kanye nokungenelela ukuze kunqandwe izifo ezibangelwa ukudla.
2.1. IKhabhinethi lithole umbiko wenqubekelaphambili mayelana nokubhaliswa kwezitolo eziyiziphaza nezinye izindawo ezidayisa ukudla kanye nokwakamuva ngomsebenzi owenziwayo ukuze kunqandwe izifo ezibangelwa ukudla.
2.2. Uhlelo lokubhalisa seluphothuliwe ngaphandle uma kukhona ofisa ukuvula isitolo esiyisiphaza esisha.
3. Ukushintshwa kwamakhadi e-Ejensi Yezimpesheni eNingizimu Afrika (i-SASSA) ngamakhadi amasha ase-Postbank
3.1. IKhabhinethi laziswe ngokuqhubekayo ngokushintshwa kwamakhadi alabo abahlomula ngezibonelelo zakwa-SASSA ngamakhadi amasha aphephile ase-Postbank.
3.2. Umnqamulajuqu wokuthi abahlomuli bakwa-SASSA bashintshe ikhadi labo lakwa-SASSA ukuze bathole ikhadi lase-Postbank welulelwe umhla zingama-30 kuMbasa 2025 ukuze u-SASSA noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi bezoqedela ukushintsha kwalabo abasasele.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Isigaba Sesibili se-Operation Vulindlela
1.1. IKhabhinethi ligunyaze izindawo okugxilwe kuzo ku-Operation Vulindlela, okuwuhlelo oluhlanganyelwe lweHhovisi likaMongameli kanye noMgcinimafa Kazwelonke lokuqhuba izinguquko zezinqubomgomo.
1.2. Izindawo okugxilwe kuzo zihlanganisa ukuphothulwa komsebenzi omuhle weSigaba Sokuqala emikhakheni yezaMandla, Amanzi, i-Visa, kanye Nezinguquko Kwezokuthuthwa Kwempahla kanye nezindawo ezintsha okugxilwe kuzo zoHulumeni Bendawo, ukungalingani kwendawo kanye nokuguqukela kwidijithali.
1.3. IKhabhinethi liyalele i-OV ngokuxoxisana neMinyango ethintekayo ukuthi icubungule ezinye izinguquko ezigxile ekusungulweni kabusha kwezimboni nokwakhiwa kwemikhiqizo yakuleli, ukuze kuvulwe ukwakhiwa kwengqalasizinda, kanye nomkhakha kawoyela negesi nokuhlola.
1.4. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe lesishiyagalombili elinegesi eningi futhi ukuvinjwa kokwehla kwegesi kudinga ukuthi izwe libe namandla okuzihlinzeka ngegesi.
1.5. IKhabhinethi lizophinde libe nomhlangano okhethekile ozogxila oHlelweni Lokukhula Komnotho emasontweni amane (4) azayo.
2. INqubomgomo Edidiyelwe Kazwelonke Yokulawula Ukuhlanzeka Kwamanzi
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kweNqubomgomo Edidiyelwe Yokulawula Ukuhlanzeka Kwamanzi. Le nqubomgomo ihlose ukubhekana nezinselele zokuhlanzeka kwamanzi njengoba zicacisiwe kuMthetho Odingidwayo we-1997 Wenqubomgomo Kazwelonke Yamanzi eNingizimu Afrika kanye noMthetho Kazwelonke Wamanzi,
2.2. Inqubomgomo ibeka uhlu lwezimiso ezakha isisekelo sokulawulwa kwezinga lokuhlanzeka kwamanzi. Ihlinzeka ngokuhambisana nayo yonke imithetho efanele ephathelene namanzi, kanye nokuzibophezela kwezwe emhlabeni jikelele ekuhlinzekeni nasekulondolozeni amanzi njengensiza eyivelakancane.
3. UHlelo lwaseNingizimu Afrika Lwezamandla Avuselelekayo (i-SAREM)
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa koHlelo lwaseNingizimu Afrika Lwezamandla Avuselelekayo (i-SAREM).
3.2. I-SAREM kuhloswe ngayo ukukhulisa isidingo esikhulayo samandla avuselelekayo nobuchwepheshe bokugcinwa kwezamandla okuzogqugquzela ukuthuthukiswa kwezimboni nemikhiqizo yalapha kuleli lizwe.
3.3. Uhlelo lugxile emandleni adonswa elangeni nasemoyeni, i-lithium-ion, ibhethri kanye nobuchwepheshe bokugcina ibhethri be-vanadium futhi lwenziwe ukuthi lube umqulu osebenzayo.
3.4. IKhabhinethi liyalele ukuthi kwenziwe umsebenzi owengeziwe oHlelweni ukuze:
3.4.1. Luzokhuthaza abatshalizimali ukuthi baxhase ukuthuthukiswa kwabahlinzeki bamandla avuselelekayo,
3.4.2. Luzofaka phakathi ukuthuthukiswa kukaphethiloli wehayidrojini eluhlaza ukuze kuhlangatshezwane nesibopho samazwe ngamazwe sikaphethiloli ohlanganisiwe ongu-5% emikhakheni yezindiza nezasolwandle ngowezi-2030.
4. UMhlahlandlela kaHulumeni Wokuguqukela kwiDijithali
4.1. IKhabhinethi ligunyaze uMhlahlandlela kaHulumeni Wokuguqukela Kwedijithali okuhloswe ngawo ukusebenzisa ubuchwepheshe ukuze kuthuthukiswe ukuhlinzekwa kwezidingongqangi zomphakathi kanye nokusebenza kahle kukahulumeni. Izindaba ezidingidwayo zihlanganisa: ukusebenza ngokuxhumana phakathi kweminyango, izinhlelo zokusebenza eseziphelelwe yisikhathi, imisebenzi eyelekanayo kanye namakhono namandla alinganiselwe.
4.2. Isungulelwe ukuletha uhulumeni wedijithali ogxile kubantu, oziqonda kangcono izidingo zabantu, ikakhulukazi abantu ababuthakathaka, ngokuqinisekisa ukulethwa kwezidingonqangi ngempumelelo.
D. IMithethosivivinywa
1. UHlaka Lomthethosivivinywa Wokuchibiyela i-Ejensi Kazwelonke Yengqalasizinda Yamanzi yaseNingizimu Afrika (i-NWRIA).
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela i-NWRIA. Izichibiyelo zihambisana nokufakwa ohlwini kwe-NWRIA njengenkampani kahulumeni ngokweShejuli Yesibili.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.
1. Mnu. Fhululani Peter Netshipale njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi.
2. Amalungu oMkhandlu waseNingizimu Afrika Wokuqedwa Kwezikhali Ezibhubhisayo:
(a) Nkz. Ditebogo Kgomo (uSihlalo);
(b) Dkt. Kelvin Kemm;
(c) Dkt. Alison Lubisi;
(d) Mnu. Gian Marcon ;
(e) Nkz. Kgaugelo Mogashoa;
(f) Nkz. Elsie Monale;
(g) Mnu. Sandile Ndlovu;
(h) Nkz. Deidre Penfold;
(i) Nkz. Lizell Reinecke;
(j) Slz. Bismark M Tyobeka; kanye
(k) noDkt. Jaqueline Weyer.
3. Amalungu e-South African Forestry Company Limited:
(a) Slz. Edward Nesamvuni (uSihlalo)
(b) Mnu. Neeshan Balton (uphinde wabekwa)
(c) Nkz. Lahlane Malema (uphinde wabekwa)
(d) Mnu. Norman Baloyi;
(e) Mnu. Leo Long;
(f) Mnu. Ndyebo Grootboom;
(g) Ummeli Nomazotsho Yvonne Memani;
(h) Mnu. Zwintayo Madula;
(i) Nkz. Sharon Mkhize; kanye
(j) noNkz. Ntombifuthi Nkosi.
F. Imicimbi Ezayo
1.1. USuku Lomhlaba Lwesifo Sofuba (i-TB)
1.1.1. INingizimu Afrika igubhe uSuku Lomhlaba lwe-TB mhla zingama-24 kuNdasa 2025 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Yebo! Mina Nawe Singayiqeda i-TB: Zinikele, Tshala izimali, Ngenelela”.
1.1.2. IKhabhinethi liyajabula ngokuthi iNingizimu Afrika yehlise izinga lokungenwa yisifo se-TB ngama-57% ngowezi-2023 ukuze ihlangabezane nomgomo weNhlangano Yezempilo Yomhlaba wonke wokunciphisa isifo se-TB ngama-50% kusukela ngowezi-2015 kuya kowezi-2025. Uhlelo lwethu olukhulu lwezidambisigciwane libe negalelo emiphumeleni engcono ye-TB, okuhlanganisa ukwelashwa ngempumelelo kanye nokuncipha kokushona kwabantu.
1.1.3. IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele umtholampilo noma isibhedlela esiseduze nabo ukuze bayohlolelwa i-TB mahhala.
2. INgqungquthela Yezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (27 -28 kuNdasa 2025)
2.1. INgqungquthela Yezamanzi Nokuthuthwa Kwendle yowezi-2025 izobanjwa mhla zingama-27 nama-28 kuNdasa 2025 e-Gallagher Estate ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukutholakala Nokuhlinzekwa Kwamanzi.”
2.2. INgqungquthela izoqhubekisela phambili izibopho ezenziwe oHlelweni Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi lowezi-2025-2029 (i-MTDP) kanye ne-Operation Vulindlela 2.0, njengengxenye yeqhingasu likaHulumeni Wehlandla Lesikhombisa lokushintsha umkhakha wezamanzi.
2.3. Kule Ngqungquthela kuzophinde kubhekwe inqubekelaphambili esiyenziwe oHlelweni Lokusebenza Lwengqungquthela Yamanzi Yonyaka lwezi-2024 futhi kubhekwe nemibiko emayelana nokuhlanzeka kwamanzi aphuzwayo i-Blue, Green and No Drop yangoZibandlela 2023.
3. ISigungu Somnotho Sabesifazane (i-WECONA)
3.1. I-WECONA, egqugquzela ukubamba iqhaza okulinganayo kwezomnotho kwabesifazane emnothweni obandakanya wonke umuntu ukuze kunqandwe isihlava sodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF), izobanjwa mhla zingama-28 kuNdasa 2025.
3.2. Lolu hlelo lukazwelonke luhlanganisa izinkampani, iminyango kahulumeni, izinhlangano kanye nabantu abathile ukuze kuzotholwa izindlela zokuthi amabhizinisi aphethwe ngabesifazane abambe iqhaza kwezomnotho.
4. INyanga Yenkululeko
4.1. INingizimu Afrika izogubha iNyanga Yenkululeko ngoMbasa kanye noSuku Lwenkululeko yethu mhla zingama-27 kuMbasa 2025.
4.2. USuku Lwenkululeko kanye neNyanga Yenkululeko ngumcimbi oyingqophamlando wokubungazwa njengesizwe esinobunye, njengoba izwe lethu libungaza ukusungulwa kweNingizimu Afrika ebumbene, engacwasi ngokobuhlanga, engacwasi ngobulili futhi ebusa ngentando yeningi labantu ezibophezele ekwaziseni isithunzi somuntu, ukungacwasi ngokwebala nangobulili, kanye nokuhlonipha umthetho njengoba kubekwe kuMthethosisekelo wethu.
4.3. Umcimbi kaZwelonke wokugubha uSuku Lwenkululeko kulo nyaka uzoba seMpumalanga futhi uzobungaza ukuphothulwa komgubho weMinyaka engama-30 yeNkululeko neNtando Yeningi Labantu.
5. INgqungquthela Yezingane zase-Afrika (3 – 7 kuMbasa 2025)
5.1. INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yezingane zase-Afrika (i-ACS) eGoli kusukela mhla zi-3 kuya ziyisi-7 kuMbasa 2025.
5.2. INingizimu Afrika yaqokwa njengendawo yeNgqungquthela elandelayo, ne-Nelson Mandela Children’s Fund njengeNhlangano Yomphakathi ehamba phambili.
5.3. Izihambeli eziphuma kulo lonke izwekazi zizohlangana kule ngqungquthela eholwa yizingane ukuze kube nezingxoxo phakathi kwabasunguli bezinqubomgomo nezingane.
6. INgqungquthela ye-17 Yenhlangano Yamazwe Ngamazwe Yamajaji Abesifazane (i-IAWJ) Eyenzeka Eminyakeni Emibili
6.1. INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela ye-17 ye-IAWJ Eyenzeka Eminyakeni Emibili eKapa kusukela mhla ziyisi-9 kuya mhla ziyi-12 kuMbasa 2025 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukusimama: Abesifazane Ebuholini Ukuqeda i-GBVF”.
6.2. Ingqungquthela, esingathwe uPhiko lwaseNingizimu Afrika lwe-IAWJ, ihlanganisa amajaji nochwepheshe bezomthetho abaphuma emhlabeni jikelele. Izobheka izindlela zokuqeda i-GBVF ngokulwela amalungelo abesifazane, nobuholi. Kule ngqungquthela kuzobe kukhona izingwazi zezomthetho ezifana neNhloko yamaJaji uMandisa Maya.
7. Ukuvakasha kukaMongameli eDolobheni Elikhulu i-Nelson Mandela Bay
7.1. UMongameli Ramaphosa uzothatha uHambo LukaMongameli oluya eGqeberha mhla ziyi-15 nomhla we-16 kuMbasa 2025 ukuze ahlole inqubekelaphambili ekulethweni kwezidingongqangi, izinselele kanye namathuba okukhula komnotho obandakanya wonke umuntu.
7.2. UHambo lukaMongameli luzokwethanyelwa ngabaholi abavela kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni futhi luyithuba lokuthi uhulumeni axoxisane nabahlali.
4. INgqungquthela yase-Afrika Yehayidrojini Ehlanzekile (12-13 kuNhlangulana 2025)
4.1. INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela yokuqala yase-Afrika Yehayidrojini Ehlanzekile kusukela mhla ziyi-12 kuya mhla ziyi-13 kuNhlangulana 2025.
4.2. INgqungquthela yase-Afrika Yehayidrojini Ehlanzekile ihlose ukukhuthaza ukusebenzisana kwesifunda, ukwenza lula ukwabelana ngobuchwepheshe, ukwakhiwa kwamakhono nokwenza ukuthi kufinyeleleke ezimakethe emkhakheni wehayidrojini ehlanzekile.
G. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
1.1. UMhlonishwa, uMongameli Netumbo Nandi-Ndaitwah ekugcotshweni kwakhe njengoMongameli wase-Namibia. Uphinde abe nguMongameli wokuqala wesifazane wezwe lakhe, oqoke iPhini likaMongameli lesifazane lokuqala ngqa, uMhlonishwa u-Lucia Witbooi kanye neKhabhinethi eligcwele abesifazane.
1.2. IQembu laseNingizimu Afrika ngokwenza ezibukwayo kuma-2025 Special Olympics World Winter Games e-Italy nasemidlalweni ye-World Athletics Indoor Championship e-China.
1.2.1. Kuma-Special Olympics World Winter Games, iNingizimu Afrika yawina indondo yegolide eyodwa, ezintathu zesiliva nezethusi ezimbili:
a) UNaledi Hlalele uwine igolide ku-Figure Skating;
b) U-Bianca Basson no-Kenneth Mokabo bawine isiliva ku-Figure Skating;
c) U-Shane Bentley uwine isiliva ku-Short Track Speed Skating;
d) U-Tyrell Sykes uwine ithusi ku-Figure Skating; kanye
e) No-Shirnel Swarts uwine ithusi ku-Short Track Speed Skating.
1.2.2. IQembu laseNingizimu Afrika emiqhudelwaneni ye-World Athletics Indoor Championship e-China, iwine kanje:
a) U-Prudence Sekgodiso uqophe umlando ngokuba ngowokuqala wesifazane waseNingizimu Afrika ukuzuza indondo yegolide ku-World Athletics Indoor Championships ku-800m.
b) U-Akani Simbine ngokuwina indondo yethusi kowamanqamu we-60m ku-World Athletics Indoor Championships.
c) U-Cheswill Johnson wenze imizamo emihle kakhulu ku-long jump yabesilisa kanye no-Chris van Niekerk ku-shot put.
1.3. Umsubathi osemusha uBayanda Walaza, ophule umgoqo we-sub-10, waba ngowesihlanu emhlabeni onejubane kumamitha ayi-100 kanye nerekhodi laseNingizimu Afrika lika-Under 20 ngemizuzwana engu-9.99 ukuwina iGolide ku-Athletics Gauteng North Championships.
1.4. U-Rassie Erasmus ngokuqokwa njengoMqeqeshi Wonyaka wezi-2024 kuma-SA Rugby Awards.
1.5. Cheslin Kolbe odlalela ama-Springbok ngokuba ngumdlali wokuqala wasemuva kusukela ngo-2013 ukuklonyeliswa ngokuba nguMdlali Wonyaka Webhola Lombhoxo waseNingizimu Afrika wezi-2024.
1.6. U-Nadine Roos ngokuhlonishwa njengoMdlali Wonyaka Webhola Lombhoxo wezi-2024, okungokwesibili eminyakeni emithathu.
1.7. IBafana Bafana ngokuqhwakele ku-Group C ku-2026 FIFA World Cup ngokunqoba ngo-2-0 i-Lesotho e-Peter Mokaba Stadium.
1.8. Umculi waseNingizimu Afrika u-Tyla Laura Seethal, odume ngelika-Tyla, oqokwe njengeCiko Lomhlaba Lonyaka kuma-iHeartRadio Music Awards.
2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo:
2.1. Nkz. Yolanda Nyembezi, odume ngelika-Yallunder, obengumculi onamakhono obejabulisa abalaleli ngephimbo lakhe elimtoti nangobuciko bakhe.
2.2. Mnu. Ashwin Trikamjee, uMongameli we-South African Hindu Maha Sabha nobenguSihlalo weForamu Kazwelonke Yabaholi Benkolo. Ummeli Wamalungelo Abantu. Ubenegalelo nasekuthuthukisweni kwebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. Njengesishoshovu esilwisana noBandlululo, wahola uphiko lwaseThekwini lwe-Natal Indian Congress.
2.3. Abaqaphi bomphakathi abayisithupha (6) ababulewe futhi lifisela ukululama okusheshayo kwabanye abayisithupha (6) abalimale endaweni yase-Marry Me eSoshanguve. Abashonile nguMpho Johannes Koko, u-Phelemon Seshoka, u-Katlego Motloutsi, u-Andries Moreteledi Tlhabane, u-Siliky Ngoeng, nomunye oyedwa okungakaziwa ubani. Abantu ababili (2) abaxhunyaniswa nalobu bugebengu baboshiwe kanti bazovela eNkantolo ngoLwesithathu, mhla wama-26 kuNdasa 2025.
2.4. Mnu. James O'Connell, umshayeli wendiza oshone ngesikhathi ibhanoyi lakhe i-Impala Mark 1 liphahlazeka ngesikhathi enza umbukiso ku-West Coast Air Show e-Saldanha Airfield eNtshonalanga Kapa.
Imibuzo:
Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485