Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-23 kuMfumfu noLwesithathu mhla wesi-6 kuLwezi 2024

A. Ezisematheni

1. Ezokuphepha Nokuvikeleka
1.1. Ukufa nezifo ezibangelwa ukudla 
1.1.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokufa nangezifo ezibangelwa ukudla okubikwe ezingxenyeni ezehlukahlukene zezwe, eziholele ekufeni kwezingane ezinye zalaliswa ezibhedlela e-Gauteng, eMpumalanga, eMpumalanga Kapa, KwaZulu-Natali naseFreyistata.
1.1.2.    UMongameli uzokhuluma neSizwe ngezingenelelo ezizothathwa nguhulumeni ukubhekana nalesi simo. 
1.1.3.    Okwamanje, uMnyango Wezempilo usujube iSikhungo Sikazwelonke Esibhekele Izifo Ezithathelanayo (i-NICD) ukuthi sithungathe siphinde senze ucwaningo ngomsuka wobuthi obutholakale ekudleni okusemathinini bese senza izincomo. 
1.1.4.    UMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko ngokwesekwa nguMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane neKomidi Longqongqoshe Elibhekene Nokulawulwa Kwenhlekelele bafake kusomqulu iMithetho kaMasipala Esahlongozwa Yokuthuthukiswa koMnotho Wasemalokishini okuhloswe ngayo ukugqugquzela omasipala ukuthi babambisane ohlelweni olufanayo beze nezindlela zokusebenzisana ezizoholela eminothweni yendawo ebandakanya wonke umuntu kanye nokuqeda nya ukuqhutshwa kwamabhizinisi angekho emthethweni emalokishini.   
1.1.5.    IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini, abangani kanye nabantwana abafunda nezingane ezishone emva kokugula ngenxa yokudla ezikudlile futhi lifisela labo abasagula ukululama okusheshayo.

1.2.    Ukulwisana Nobugebengu 
1.2.1.    IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukubulawa ngesihluku kukaNkosikazi Thenjiwe Eunice “Nogcinile” Mtirara eMqhekezweni Great Place eMpumalanga Kapa futhi lidlulisa amazwi enduduzo esigodlweni samaDlomo kanye noBukhosi bonke babaThembu. Abomthetho bazoqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ezenze lobu bugebengu ziyaboshwa.
1.2.2.    IKhabhinethi liphinde lagxeka ukudlwengulwa kwabafundi abayisihlanu ababanjwe inkunzi bekhonjwe ngesibhamu endaweni yaseMqhekezweni.
1.2.3.    I-NATJOINTS isijutshwe ukuba isheshise iqede ubugebengu obusezingeni eliphezulu kanye nokubulala eMpumalanga Kapa nokuqinisekisa ukuthi zonke izigilamkhuba nongqondongqondo bayaboshwa.
1.2.4.    IKhabhinethi lincome umkhankaso wezobunhloli oholwa i-NATJOINTS (umkhankaso wokulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho kanye nomkhankaso i-operation vala-mgodi) oholele ekuboshweni kwabambi-mgodi abangekho emthethweni abangaphezu kwenkulungwane emigodini yemayini engasasebenzi e-Orkney eNyakatho Ntshonalanga selokhu kuqale impelasonto yomhla zi-2 kuLwezi 2024.
1.2.5.    IKhabhinethi lamukele imizamo eqhubekayo yokuqinisa umthamo wamaphoyisa ngokutshalwa kwamaphoyisa amasha aqeda kuqeqeshwa ayizi-2 800 eziteshini zamaphoyisa ezehlukahlukene. Amanye amaphoyisa asaqeqeshwa ayizi-2 000 azothweswa iziqu ngoZibandlela 2024 futhi azobe ebekulungele ukusebenza ngesikhathi samaholide kakhisimusi.
1.2.6.    IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane namaphoyisa ekulweni nobugebengu ngokuthi babike izenzo zobugebengu ku: 0800 10111 nangobugebengu obuhlobene nokuphanga eNombolweni Yezimo Eziphuthumayo Zokuphanga Kuzwelonke ethi: 0800 911 011.

2.    Izindaba Zamazwe Ngamazwe
2.1.    Sibala Izinsuku: Isikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli we-Group of Twenty (i-G20) 
2.1.1.    Sekuqalile ukubalwa kwezinsuku ezisele ukuze iNginizimu Afrika ithathe isikhundla soBumongameli we-G20 kusuka mhla lu-1 kuZibandlela 2024 kuya mhla zingama-30 kuLwezi 2025 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ubumbano, Ukulingana Nokusimama”.
2.1.2.    INgqungquthela Yabaholi izoba seGoli, e-Gauteng kanti i-IMC isebenzisana nezinye iZifundazwe ukusingatha umhlangano woNgqongqoshe Namaqembu Asebenzayo. Sizokwethula uhlelo lweNingizimu Afrika lwe-G20 mhla lu-1 kuZibandlela 2024. 
2.1.3.    INingizimu Afrika izobamba iqhaza eNgqungqutheleni ye-G20 mhla we-18 ne-19 kuLwezi 2024, e-Rio de Janeiro, e-Brazil.

2.2.    INkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe (i-ICJ)
2.2.1.    IKhabhinethi lamukele ukuhanjiswa kweSitatimende Esiqukethe Amaqiniso e-ICJ, esibonisa ukuthi uHulumeni wakwa-Israel usiphule kanjani iSivumelwano Esikhuluma Ngokubulawa Kwabantu ngokuthi uhlasele futhi ubulale amaPhalestina ahlala e-Gaza.
2.2.2.    Isitatimende esiqukethe amaqiniso esingamakhasi angaphezu kwe-1 300 – esinobufakazi nezithasiselo – sinobufakazi bezenzo zika-Israel zokubulala abantu, ukwehluleka kwayo ukunqanda ukugqugquzela ukubulawa kwabantu nokuthi ijezise labo abagqugquzela nababulala abantu. 
2.2.3.    Ukuhanjiswa kwesitatimende kwenzeka ngesikhathi lapho izwe lakwa-Israel liqinisa ukubulala abantu abahlala e-Gaza futhi lihlose ukwenza okufanayo ngokuthi libhubhise izwe lase-Lebanon. Isitatimende siyisikhumbuzo emhlabeni jikelele sonya olubhekiswe kubantu base-Palestine kanye nesidingo sokuthi kube nobumbano ukuze kuzoqedwa impi. Ukuhanjiswa kwesitatimende kube yizinyathelo ezithathwe emva kwesisombululo seNhlangano Yezizwe Ezibumbene sokugxeka izenzo zikahulumeni wakwa-Israel kubantu base-Palestine.

2.3.    Ukuthuthukiswa Kwentando Yeningi Yomhlaba Jikelele 
2.3.1.    IKhabhinethi lihalalisela ohulumeni babantu base-Republic of Botswana, e-Mozambique nase-United States (US) ngokhetho lwabo lwakamuva olube yimpumelelo.
2.3.2.    IKhabhinethi lincoma umfelandawonye we-Umbrella for Democratic Change e-Botswana ngempumelelo yawo ngaphansi kobuholi bukaMongameli uDuma Boko futhi lamukela ukusungulwa kwezinhlelo zenguquko phakathi kobuholi obuphumayo nobuholi obungenayo bukaMongameli Okhethiwe u-Boko. 
2.3.3.    IKhabhinethi lihalalisela uMongameli Okhethiwe u-Daniel Chapo neqembu lakhe, i-FRELIMO, ngokunqoba kwabo okhethweni lwezwe oluyingqophamlando olwenzeke emva kweminyaka engama-32 kulandela ukusayinwa kweSivumelwano Sokuletha Ukuthula, esaqeda impi futhi sethula intando yeningi yamaqembu ehlukene e-Mozambique. Udlame lwasemva kokhetho oluqhubekayo luyakhathaza kakhulu, futhi wonke amaqembu angathinteki kufanele eze nezindlela zomthetho ukuxazulula izikhalazo zokhetho bese eqhubeka nokwakhela phezu ngoxolo okwavunyelwana ngalo kwiSivumelwano Soxolo sase-Maputo Nokubuyisana Kuzwelonke. 
2.3.4.    IKhabhinethi liphinde lahalalisela uMongameli Okhethiwe u-Donald Trump emva kokhetho lweMelika obelungomhla wesi-5 kuLwezi 2024. INingizimu Afrika imagange nokusebenzisana noMongameli u-Trump ezinyangeni eziyi-12 ezizayo uma uMongameli u-Cyril Ramaphosa esethatha izintambo zokuba uMongameli we-G20 mhla lu-1 kuZibandlela 2024.


3    IZindaba Zohwebo  
3.1    Imiphumela Yohambo nokubamba iqhaza kwiNgqungquthela Yokusebenzisana kweShayina ne-Afrika (i-FOCAC)
3.1.1    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngemiphumela yoHambo olube yimpumelelo oluya e-People’s Republic of China nomhlangano we-FOCAC obubanjwe e-Beijing, e-China kusuka mhla wesi-2 kuya mhla wesi-6 kuMandulo 2024. IKhabhinethi litshelwe ngemiphumela ebalulekile elandelayo yeNingizimu Afrika:
3.1.2    Isivumelwano sokushintsha uhlelo lokuhweba lube ngolunemikhiqizo eminingi ekhiqiziwe, ikakhulukazi isivumelwano sokuhwebelana ngohlu lwemikhiqizo eyikhulu esuka eNingizimu Afrika iShayina okumele izifakele amehlo. 
3.1.3    Ngaphezu kwalokhu, iNingizimu Afrika izosebenzisana neShayina emikhakheni emithathu ehlobene nokuncishiswa kwekhabhoni, ukuguqukela kudijithali, ezokuthutha nokuthuthwa kwempahla. Lokhu kusebenzisana kuzovula indlela yokugqugquzela utshalomali ekwakhiweni kwezimoto zikagesi, ukukhiqizwa kwamabhethri, ukugcinwa kogesi ovuselelwayo, kanye neZindawo Ezibekelwe Imisebenzi Yezomnotho kanye NeZindawo Zezimboni. 
3.1.4     Abatshalizimali Abaphambili baseShayina e-Shenzhen nase-Beijing babonise intshisekelo ekwandiseni utshalomali lwabo noma utshalomali lokwakha endaweni entsha eNingizimu Afrika.  
3.1.5    Ngesikhathi seNgqungquthela yaMabhizinisi, iZivumelwano Zokusebenzisana (ama-MoU) zasayinwa ngenhloso yokugqugquzela ukusebenzisana phakathi kwezinkampani zaseShayina nezinkampani zaseNingizimu Afrika kanye neZikhungo Zokuthuthukiswa Kwezezimali ukuqinisa ukusebenzisana okuzogqugquzela ukuthuthukiswa kwezimboni eNingizimu Afrika, kugqugquzele ukusebenzisana kwezobuchwepheshe obuzosiza ekuqedeni ikhabhoni emikhakheni ebalulekile yaseNingizimu Afrika nokugqugquzela utshalomali emkhakheni kagesi ovuselelekayo.
3.1.6    Izivumelwano ezisayinwe emkhakheni kahulumeni nozimele zizofaka igalelo ekusheshiseni utshalomali okuzogqugquzela ukuguqukela kwikhabhoni ephansi nokugqugquzela ukuqanjwa kabusha kwezinto emisebenzini yezimboni kanye nokuheha utshalomali eZindaweni Ezibekelwe Imisebenzi Yezomnotho neZimboni.

4    Umnotho
4.1    ISitatimende Senqubomgomo Yohlahlomali Lwesikhathi Esiphakathi (i-MTBPS)
4.1.1    IKhabhinethi lamukele i-2024 MTBPS, eqalisa izethembiso zikaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke zokuqalisa ukukhuliswa komnotho okusheshayo, okubandakanya wonke umuntu nokusimeme, nokwakha umphakathi olinganayo ngokulwisana nobubha, ukungalingani nokuswelakala kwemisebenzi.
4.1.2    Uzinzo ezimalini zikahulumeni ngokuthi kulawulwe ngobuhlakani ukusetshenziswa kwezimali nezikweledu zikahulumeni kuqinisekisa ukuthi izwe lethu lingakwazi ukukhulisa umnotho ngesikhathi liqinisekisa ukuthi labo ababuthakathaka bayaqhubeka nokusizwa ngezinhlelo zethu zokusiza umphakathi.
4.1.3    IKhabhinethi leseka izinhlaka ezine zokufukula umnotho ngokuletha uzinzo kwezomnotho, ukuqaliswa kwezinguquko zezakhiwo, ukwakha ikhono lombuso nokunyusa utshalomali lwengqalasizinda yomphakathi. Izwe lisahamba kahle ekutheni lisuswe ohlwini lwe-Financial Action Task Force (i-FATF), emva kokuphothula izinyathelo eziyi-16 kwezingama-22 ezahlonzwa ngaphambi kokunye ukuhlolwa kwe-FATF okuzokwenzeka ngowezi-2025. 
4.1.4    I-MTBPS iyingxenye yomzuliswano wesabelomali sezwe lethu esivumela uhlelo lwezimali lwesikhathi esiphakathi kuya kweside ezimalini zesizwe. Siphinde sivumele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babuze iminyango kahulumeni nezinkampani mayelana nokusetshenziswa kwezimali nokunika abatshalizimali isiqinisekiso sokuthi izwe libhekephi ngokwezomnotho.

4.2    Ezokuvakasha
4.2.1    Ukwethulwa koMkhankaso Wasehlobo Wezokuvakasha wezwe kugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika nabavakashi abaqhamuka emhlabeni jikelele ukuthi babone izindawo zokuheha izivakashi ezingaziwa ezitholakala kuzozonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye.
4.2.2    UMkhankaso we-Gimme Summer – Sho’t Left uzobonisa izindawo zakuleli zokuheha izivakashi ezivumela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathokozele, babone, futhi babe yingxenye yezindawo zakuleli eziheha izivakashi.
4.2.3    Ekuqiniseni umkhakha wezokuvakasha, iKhabhinethi lamukele ukufakwa kusomqulu kwe-Trusted Tour Operator Scheme (i-TTOS), okuzokwenza lula inqubo yokufakwa kwezicelo ze-visa kumaqembu amakhulu avakashayo asuka e-China nase-India. 
4.2.4    Lesi sinyathelo sixazulula izinkinga zomthamo wezivakashi ezingenayo futhi kuhloswe ngaso ukuheha abavakashi abaningi abasuka e-China nase-India, okuyisibalo sezivakashi ezivela emazweni aphesheya esingu-1.8% no-3.9% eziza lapha eNingizimu Afrika.
4.2.5    Izinkampani zezokuvakasha ezingathanda ukuba yingxenye zingafinyelela kulolu hlelo ngokungena ku: https://touroperator.dha.gov.za:8443 noma ngokucofoza esithombeni se-TTOS kwiwebhusayithi ethi: www.dha.gov.za.
4.2.6    Ngaphezu kwalokhu, uHlelo lwama-eVisa seluqalisiwe emazweni angama-34 ukuvumela abavakashi bakulawo mazwe ukuthi bafake izicelo zama-visa okuza eNingizimu Afrika ngaphandle kokuya ezindlini zenxusa.

5    Izindaba Zamanzi 
5.1    Umzamo wesikhashana wokuhlinzeka ngamanzi okuphuza e-Hammanskraal
5.1.1    IKhabhinethi lithole laphinde lacubungula inqubekelaphambili esiyenziwe nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ekuhlinzekeni iDolobha lase-Tshwane ngamanzi okuphuza ukuze lizokwazi ukuthumela amanzi okuphuza kubantu base-Hammanskraal ngohlelo lwesikhashana.  
5.1.2    Izinkinga zamanzi eziqhubekayo ezihlasele i-Hammanskraal nezindawo ezakhelene nayo ziyaqhubeka nokukhathaza izimpilo zabantu, kanye nokuhlinzekwa kwezinsizakalo zezempilo ezikhungweni zendawo ezifana nesibhedlela i-Jubilee.
5.1.3    IDolobha lase-Tshwane njengamanje liqalisa umklamo wezigidi ezingama-R278 wokulungisa isihlanzimanzi esingasebenzi i-Rooiwal Wastewater Treatment Works (i-WWTW). 
5.1.4    Kulindeleke ukuthi ukwenyusa umthamo we-Rooiwal WWTW kubize izigidigidi ezilinganiselwa kwezimbili zamarandi. IKhabhinethi litshelwe ukuthi iDolobha lase-Tshwane kuzofanele likhokhele lo mklamo ngemali yalo, noma liyiboleke noma ngeZibonelelo zalo Zokuthuthukiswa Kwedolobha ezisuka kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu. 
5.1.5    Ngowezi-2023, uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle wayalela i-Magalies Water ukuthi ingenelele ngokuphuthuma ngokoMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1997 (Umthetho we-108 we-1997), nokuthi iklame futhi ifake isihlanzimanzi esisha esizoba se-Klipdrift Water Treatment Works eduze nase-Hammanskraal. Lokhu kuzosiza ukunciphisa izinkinga zamanzi nokuza nezisombululo zesikhathi eside. Lesi sihlanzimanzi esengeziwe sizothumela amanzi emathangini athile ohlelweni lweDolobha lokuthumela amanzi nokuzokwenyusa ukuthunyelwa kwamanzi okuphuza e-Hammanskraal. 
5.1.6    Uhulumeni unxusa abantu base-Hammanskraal nezindawo ezakhelene nayo ukuthi babekezele ngesikhathi lo msebenzi uqhubeka. Isigaba sokuqala kulindeleke ukuthi siphothulwe mhla we-15 kuLwezi 2024. Lokhu kuzokwenza ukuthi iDolobha lase-Tshwane likwazi ukuhambisa amanzi okuphuza ezingxenyeni ezithile zase-Hammanskraal.

5.2    Izikolodo Zikamasipala zamabhodi amanzi
5.2.1    IKhabhinethi laziswe ngokwakamuva odabeni oluqhubekayo lwezikolodo zikamasipala zamabhodi amanzi, nokuyisikolodo esikhulayo, ngomhla wama-31 kuNcwaba 2024 esabe sesiyizigidigidi ezingama-R23 sesisonke. Isikolodo sibeka engcupheni ukusebenza kahle kwezimali kwamabhodi amanzi nomkhakha wonke wamanzi. UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle u-Pemmy Majodina kamuva-nje uhlangane nomasipala abehlukene abathintekayo futhi omasipala abangakhokhi bathembisa ukuthi bazokhokha. 
5.2.2    IKhabhinethi esikhathini esedlule ligunyaze ukusungulwa kweKomidi Longqongqoshe (i-IMC) elizosiza omasipala. I-IMC izophinde ibeke phambili izinyathelo zokuthi omasipala bakhokhe izikolodo zabo kumabhodi amanzi, ikakhulukazi labo ababhekene nesimo sokungabi namali.

5.3    Ukuncishiswa Kokuphakelwa Kwamanzi e-Gauteng
5.3.1    IKhabhinethi litshelwe ngesigaba sokuqala sokuncishiswa kwamanzi esesilungisiwe e-Gauteng ngenxa yokudingeka kwamanzi okuqhubekayo okudalwa izinga eliphezulu lokusetshenziswa kwamanzi okudalwa ukukhula kwenani labantu, ukuxhunywa kwamanzi okungekho emthethweni, amapayipi avuzayo kanye nokumoshwa kwamanzi. 
5.3.2    Isilinganiso esiphakathi sokusetshenziswa kwamanzi e-Gauteng singamalitha angama-279 umuntu ngamunye ngosuku uma kuqhathaniswa nesilinganiso somhlaba samalitha ayi-173 umuntu ngamunye ngosuku. Ngesikhathi omasipala bamadolobha e-Gauteng bezoqalisa isigaba sokuqala sokunciphisa amanzi, muncane kakhulu umzamo owenziwa ngomasipala. 
5.3.3    UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle noNdunankulu wase-Gauteng bacele omasipala ukuthi baqalise isigaba sesibili sokunciphisa amanzi esizoza nezinhlawulo uma abathengi bengathobeli imikhawulo.

5.4    Ukusungulwa kweKomidi Likazwelonke Elibhekele Izinkinga Zamanzi
5.4.1    IKhabhinethi leseka isinqumo sikaMongameli sokunezela umsebenzi osuvele uqhutshwa iPhini likaMongameli wokudlulisela izinkinga zamanzi njengesimo esibucayi nokusungulwa kwekomidi likaZwelonke elizobhekana nenkinga yamanzi elizoqhamuka nohlelo lokusebenza lwamanzi liphinde lize nongoti ukuze kuzongenelelwa ezinkingeni zikazwelonke zamanzi esigabeni sikaHulumeni Wasekhaya.

6    Ezenhlalo
6.1    Ukusayinwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokwehlukanisa Umshado
6.1.1    IKhabhinethi lamukele ukukhishwa kweqoqo lokuqala lezitifiketi zomshado wamaSulumane ezingama-33 nguMnyango Wezasekhaya emva kokuthi uMongameli u-Ramaphosa esayine uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukuhlukaniswa Komshado ngoNhlaba kulo nyaka. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokwehlukaniswa Komshado, we-1979 (Umthetho wama-70 we-1979) ukuthi wamukele imishado yamaSulumane futhi uvikele amalungelo abafazi bamaSulumane kanye nezingane uma leyo mishado iphela.
6.1.2    Lezi zinguquko okwakumele ngabe zenzeka kudala zibonisa ukuzinikela kwezwe ekuqinisekiseni ukuthi amalungelo abafazi bamaSulumane nezingane ayalingana nawabanye, isithunzi, nokufinyelela kubulungiswa kanjalo nokubhekelelwa komntwana, njengokusho koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996.  
6.1.3    Ziphinde ziqinisekise ukubumbana komphakathi, ukwakhiwa kwesizwe kanye nokwabelana ngobuzwe kanjalo nokuhlonipha amasiko ehlukahlukene kanye namasiko enkolo.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi 
1.    Izinqumo Zomhlangano Wekhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wama-23 kuMfumfu 2024

1.1.    Ukhetho Lohulumeni Basekhaya Lwezi-2026
1.1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kweKomidi Longqongqoshe elizobhekela amalungiselelo oKhetho Lohulumeni Basekhaya lwangowezi-2026/27. 
1.1.2.    Ukhetho olwedlule lohulumeni wasekhaya lwabanjwa mhla lu-1 kuLwezi 2021, ukhetho lomasipala olulandelayo luzoba phakathi womhla zi-2 kuLwezi 2026 kuya mhla lu-1 kuNhlolanja 2027.  I-IMC izokwakhiwa uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko kanye neminyango eyahlukahlukene ebalulekile ekuqinisekiseni ukulethwa kokhetho oluyimpumelelo. 
1.1.3.    IKhabhinethi liphinde lacubungula lase ligunyaza indlela yokubala inani lamakhansela ngokweSahluko sama-20 (1) (a) soMthetho Wokwakheka Komasipala. 
1.1.4.    UKhetho Lomasipala lwezi-2026 luzoba ukhetho lwesithupha selokhu sathola intando yeningi labantu ngowe-1994. I-IMC izosebenza ngokubambisana ne-IEC namanye amabhodi afanele ekuqinisekiseni ukuthi umsebenzi oholela kohulumeni wasekhaya uhamba kahle futhi ngokuthula.

2.    UMthethosivivinywa
2.1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Uhlaka Lwangaphakathi Kuhulumeni, wezi-2024
2.1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Uhlaka Lwangaphakathi Kuhulumeni, wezi-2024 ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Umthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukwenza izichibiyelo zoMthetho Wohlaka Lwezobudlelwano Lwangaphakathi Kuhulumeni (Umthetho we-13 wezi-2005), ukuqinisekisa ukuthi izinhlaka ezihlukene zikahulumeni zisebenza ngendlela ehambisanayo.
2.1.2.    Izichibiyelo zizolungisa ezinye izahluko zoMthetho eseziphelelwe isikhathi futhi zizoqinisekisa ukuthi zontathu izinhlaka zikahulumeni zisebenza ngokubambisana ukwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi ezihlangabezana nezidingo zabantu.
2.1.3.    ISahluko 3 soMthethosisekelo sidinga ukuthi zonke izinhlaka zikahulumeni zisebenzisane zibe nokwethembana nokukholelwa ekuqiniseni ubudlelwane obuhle nokusiza nokweseka omunye nomunye.  Ngale ndlela, UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Uhlaka Lwangaphakathi Kuhulumeni, uzobheka ukuxhumanisa kokuqaliswa kwezinqubomgomo nemithetho kahulumeni, nokuqinisekisa uhulumeni ohlangene, ukuhlinzekwa kwezinsizakalo, ukuqapha nokuqaliswa kwezinqubomgomo. Lezi zinguquko zomthetho zizophinde zeseke UHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda okuhloswe ngalo ukwenza ngcono nokuqinisa izinhlelo zobudlelwano bangaphakathi kuhulumeni.

3.    Izinqumo Zomhlangano Wekhabhinethi obubanjwe mhla wesi-6 kuLwezi 2024

3.1.    UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
3.1.1.    IKhabhinethi ligunyaze uhlelo lwangowezi-2024 loMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana ne-GBVF, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Iminyaka engama-30 Yezinyathelo Ezihlanganisiwe Zokuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane”, olugcizelela ukubaluleka kwendlela ebandakanya umphakathi wonke yokulwisana ne-GBVF kanye nokubaluleka kokuphendula okumikhakhaminingi.
3.1.2.    Lo nyaka usho ukuphela kweminyaka engama-26 iNingizimu Afrika yaba yingxenye yeZinsuku ezingama-16 zoMkhankaso Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane, ozokwethulwa mhla wama-25 kuLwezi 2024 e-Royal Bafokeng Stadium eNyakatho Ntshonalanga.
3.1.3.    Lokhu kweseka umkhankaso womhlaba ozoqala mhla wama-25 kuLwezi (uSuku Lomhlaba Lokuqedwa Kodlame Olubhekiswe Kwabesifazane) uphele mhla zili-10 kuZibandlela (uSuku Lomhlaba Lwamalungelo Abantu). Umkhankaso wakulo nyaka uyaqhubeka nokubhekana nomsuka we-GBVF ngesikhathi ukhuthaza ubudoda kanye nokulingana kwezobulili, kanye nokusungulela abesifazane nezingane amathuba omnotho. 
3.1.4.    Yize izigilamkhuba ze-GBVF ezingaphezu kwe-1 000 zaboshwa phakathi komhla lu-1 kuMbasa nomhla wama-31 kuMandulo 2024, kusekuningi okusafanele sikwenze njengesizwe ukuqeda lesi sihlava emphakathini wakithi.

3.2.    Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka (i-DRAM) ngowezi-2024
3.2.1.    IKhabhinethi ligunyaze uhlelo kanye nesiqubulo se-2024 DRAM noSuku Lukazwelonke Lwabantu Abaphila Nokukhubazeka, oluqale kusuka mhla wesi-3 kuLwezi kuya mhla wesi-3 kuZibandlela. Isiqubulo sakulo nyaka sithi: “Sibungaza Iminyaka engama-30 yeNkululeko; sakha umphakathi obandakanya abantu abaphila nokukhubazeka”. 
3.2.2.    Isiqubulo sigcizelela ukubaluleka kokuqwashisa ngezinselele abantu abaphila nokukhubazeka ababhekana nazo, ukugqugquzela nokuvikela isithunzi sabo nokwazi amalungelo njengokusho koMthethosisekelo. 
3.2.3.    Ukususa imigoqo ekhona evimbela abantu abaphila nokukhubazeka kubandakanya ukuqinisekisa indawo yabo enezinsiza, esimeme nephephile, kanye nokwazi ukuthi akusikho konke ukukhubazeka okubonakala ngeso lenyama. Imisebenzi ezothatha inyanga yonke izoqwashisa futhi ibonise inqubekelaphambili izwe eseliyenzile ekuqinisekiseni ukuvikelwa kwamalungelo abantu abaphila nokukhubazeka.
3.2.4.    Uhulumeni unxusa wonke umphakathi ukuthi usebenze ngokubambisana nababambiqhaza ekwakheni ikusasa elisimeme nelibandakanya abantu abaphila nokukhubazeka.

3.3.    INqubomgomo Yokugwema Nokwelashwa Kokugula Kokusetshenziswa Kwezidakamizwa 
3.3.1.    IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo Yokugwema Nokwelashwa Kokugula Kokusetshenziswa Kwezidakamizwa, okuhloswe ngayo ukuqhamuka nohlaka oluphelele lokubhekana nezinkinga ezihlobene notshwala nokusetshenziswa kwezidakamizwa imiphakathi ebhekene nakho. 
3.3.2.    Inqubomgomo yengeza kwizingenelelo ezikhona ezifana noHlelo Olukhulu Lukazwelonke Lwezidakamizwa olwaqaliswa phakathi kwezi-2013 nowezi-2017, futhi ivala amagebe atholakala kuMthetho Wokugwema Nokwelashwa Kwabasebenzisa Izidakamizwa, wezi-2008 (Umthetho wama-70 wezi-2008).
3.3.3.    Inqubomgomo yethula izinhlelo zomphakathi zokugwema ezibhekana ngqo nezinkinga zokusetshenziswa kwezidakamizwa. Lokhu kugcizelelwa ezinhlakeni ezintathu: Ukunciphisa Ukulangazelela – okuhlose ukugwema ukuthi abantu bangakwazi ukuphila ngaphandle kwezidakamizwa; Ukunciphisa Ukusabalalisa – okuhlose ukunciphisa ukufinyelela kwizidakamizwa kanye noKunciphisa Umonakalo – okungukwelashwa nemisebenzi ehlobene nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Kugxilwe ekunciphiseni umonakalo odalwa izidakamizwa kubantu ngabanye nemiphakathi. Lokhu kungaba yimpumelelo ngokuthi kugwenywe, kungenelelwe kusenesikhathi, ukwelapha kanye nezinye izinyathelo ezihambisana nakho kanye nezinsizakalo ezihlanganiswe kabusha.
3.3.4.    Inqubomgomo ishicilelwe kwiwebhusayithi yoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ethi: www.dsd.gov.za.

4.    Ezakamuva kwiKhabhinethi 
4.1.    ISimo Sezimayini eNingizimu Afrika 
4.1.1.    IKhabhinethi laziswe ngombiko weSimo Semboni Yezimayini, ngokocwaningo oluqhutshwe yi-Mintek. 
4.1.2.    Umbiko uphethe imininingwane egcwele neyamanje ngokuqhubekayo kamuva ezimakethe zomhlaba zemikhiqizo, ukukhiqizwa kwezimbiwa eNingizimu Afrika, igalelo lemboni yezimayini kwisamba somkhiqizo wezwe, utshalomali kanye nokusungulwa kwemisebenzi. 
4.1.3.    Umbiko usebenza njengethuluzi elibalulekile lokuthola izithiyo ekuthuthukisweni komnotho wezimayini, okuyiyona nto enomthelela omkhulu ekukhuleni komnotho waseNingizimu Afrika. 
4.1.4.    Umbiko weSimo Semboni Yezimayini uzovumela umkhakha wezimayini kuleli lizwe ukuthi ukwazi ukuzibeka futhi usebenzise ithuba lokuchuma esimeni sokudingakala kwemikhiqizo ngokuthi uhlinzeke ngolwazi ngemikhiqizo eyahlukahlukene.

4.2.    Umbiko ngeSigaba Sesine soHlelo Lukamongameli Lokusungelela Intsha Imisebenzi emkhakheni wemfundo eyisisekelo ngaphansi koHlelo Lwezemfundo Eyisisekelo Lokusungula Imisebenzi (i-BEEI) 
4.2.1.    IKhabhinethi laziswe kafushane ngempumelelo ye-BEEI, okuwuhlelo olukhulu lomphakathi lokungenelela ekusunguleni amathuba emisebenzini elizosiza intsha engasebenzi ephakathi kweminyaka eyi-18 nama-35 ubudala. Lezi zingenelelo kuhloswe ngazo ukubhekana namazinga aphezulu okungasebenzi kwentsha eNingizimu Afrika.
4.2.2.    Selokhu lolu hlelo lwaqala ngoZibandlela 2020, i-BEEI isisungule amathuba emisebenzi alinganiselwa kwisigidi esi-1.1 entsha ephakathi kweminyaka eyi-18 nama-35 ubudala. Lolu hlelo luphinde lwasiza izwe ukuthi libhekane nezinselele ezimbi zomnotho ezidalwe ubhubhane lwe-COVID-19, njengengxenye yohlelo lukahulumeni lokuvuselela umnotho.
4.2.3.    I-BEEI isifake abantu abasha abayizi-240 342 ezikoleni njengabasizi bothisha kanye nabasizi besikole. Abasizi bathola umholo ongadluli izi-R4 000 ngenyanga. IKhabhinethi livume isethulo esenziwe nguMnyango Wemfundo Eyisisekelo sokuqhubeka noHlelo Lwemfundo Eyisisekelo Lokusungula Amathuba Emisebenzi kunyakamali wezi-2024/25.

5.    Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.  

1.    Mnu. Neville Matjie esikhundleni sokuba yi-CEO ye-Brand South Africa
2.    Ukuqashwa kukaNkz. Khetha-okuhle Vincentia Rantao ukuba ngumqondisi ongeyona ingxenye yabaphathi abakhulu kwiBhodi le-Land Bank. 
3.    Ukuqashwa kweBhodi Labalawuli le-CCMA
(a)    Dkt. September Cornelia Carol (uSihlalo Ozimele)
(b)    Nkz. Riefdah Ajam (Imisebenzi Ehleliwe) 
(c)    Mnu. Solly Phetoe
(d)    Mnu. Wiseman Dinwa;
(e)    Mnu. Sifiso Lukhele (Amabhizinisi Ahleliwe);
(f)    Mnu. Kaizer Moyane;
(g)    Nkz. Siobhan Leyden;
(h)    Nkz. Unathi Ramabulana (omele uhulumeni);
(i)    Nkz. Ntsoaki Mamashela; kanye 
(j)    noMnu. Lucky Charles Mohalaba

6.    Imicimbi Ezayo

6.1.    UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 
6.1.1.    UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane uzothulwa mhla zingama-25 kuLwezi 2024 e-Royal Bafokeng Stadium eNyakatho Ntshonalanga ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Iminyaka engama-30 yokuthuthukisa isinyathelo Esihlanganisiwe Sokuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane”.  

6.2.    Ukungena kwePhalamende Lase-Afrika (i-PAP) 
6.2.1.    ISeshini Eyejwayelekile Yesine yePhalamende Lesithupha le-PAP, okuyisishayamthetho sezwekazi sabamele wonke amazwe ase-Afrika, izoqala mhla wesi-4 kuya mhla we-15 kuLwezi 2024. 
6.2.2.    Ngesikhathi seSeshini, imibiko ephuma emakomidini ehlukahlukene izokwendlalwa futhi kwenziwe nezincomo zeNgqungquthela Yezinhloko Zamazwe noHulumeni base-Afrika mayelana nezinqubomgomo ezihambelanayo nemithetho yezwekazi. 
6.2.3.    I-GCIS izobheka ukuqaliswa kwezinhlelo zokuxhumana nezamaklasta, kanti imibiko izohanjiswa kwiKhabhinethi nyanga zonke njengengxenye yombiko weZindaba Ezisematheni.

7.    Imiyalezo

7.1.    Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • UNgqongqoshe Wezangaphandle wase-Ghana u-Shirley Ayorkor Botchwey ngokuqokwa kwakhe kamuva ukuba uMabhalane-Jikelele we-Commonwealth. UNkz. Botchwey uzoqala isikhundla sakhe seminyaka emine sobuholi benhlangano yamazwe angama-56 mhla lu-1 kuMbasa 2025.
  • Iqembu labafundi abahlanu baseNingizimu Afrika abathole iziqu ze-Masters in Maritime Affairs enyuvesi i-World Maritime University e-Sweden. Izifundo zabo bezixhaswe yi-Transport Education Training Authority, okuyiziphathimandla zezemfundo nezokuqeqesha ezigunyazwe ukuthi zithuthukise amakhono nokuqeqesha kuwona.
  • I-Banyana Banyana, okuyiQembu LaseNingizimu Afrika Likanobhutshuzwayo Labesifazane, ngokudlulela kowamanqamu emidlalweni ye-COSAFA Women’s Championship. Iqembu lethu lesizwe lishaywe ngamapenadi ngesikhathi lidlala ne-Zambia.
  • Ababhukudi baseNingizimu Afrika u-Chad Le Clos ngokuthola indondo yegolide ku-200m butterfly yamadoda kanye no-Pieter Coetzee ngokuthola indondo yegolide ku-100m naku-200m backstroke kanjalo nesiliva ku-50m backstroke yamadoda emidlalweni ye-2024 World Aquatics Swimming World Cup e-Singapore.

7.2.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini:

  • Ka-Slz. Noel Chabani Manganyi (84), obeyisifundiswa esigogodile, udokotela wengqondo nomsebenzi kahulumeni.

Imibuzo: 
Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485


#GovZAupdates #serviceDeliveryZA
 

Share this page

Similar categories to explore