Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-23 kuMandulo 2026

A.     Ezisematheni 
1. IKhabhinethi ligxeka ukwanda kwezigameko zodlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane  
1.1. IKhabhinethi lihlanganyela nesizwe ekugxekeni udlame olubhekiswe kubulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) futhi lilila kakhulu ngokushona kwabesifazane abayisishiyagalolunye ababulawe ngesihluku ezindaweni ezahlukene kuMasipala Wedolobha lase-Ekurhuleni, eGauteng. Isibalo sesikhuphuke safika kwi-13. 
1.2. IKhabhinethi lamukela ukuboshwa kwabasolwa abane mayelana nokubulawa kwabantu abathathu kwababulelwe. Abasolwa basavalelwe ngemuva kokwenqatshelwa ibheyili kulandela ukuvela kwabo enkantolo. 
1.3. IKhabhinethi liyaweseka umyalelo kaMongameli Ramaphosa oya eThimbeni Lokuphenya Elihlanganisa Imikhakha Ehlukene (Multi-Disciplinary Investigation Team), eliholwa uPhiko LwamaPhoyisa eNingizimu Afrika (i-SAPS), wokuthi kuboshwe futhi kushushiswe ngokushesha izigulamkhuba ezingababulali. Ithimba liphenya abantu abaningana abasolwayo.  
1.4. Ukwanda kwezigameko ze-GBV – ikakhulukazi ukubulawa kwabesifazane, okungukubulala ngamabomu owesifazane ngumuntu osondelene naye – kumele kuvuse umoya wokuthi umphakathi uthathe izinyathelo zokuvikela abesifazane; lokhu kumele kwenziwe ngamadoda, imindeni, imiphakathi kanye nesizwe sonkana.   
1.5. Ngokufanayo, izinhlaka zomthetho kufanele ziqinisekise ukuthi labo abanecala lokubulala abesifazane bayatholakala futhi babhekana nengalo yomthetho; njengoba imithetho yachitshiyelwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubugebengu be-GBVF bujeziswa ngokuqinile.  
1.6. Uhulumeni uzoqhubeka nokwenza konke okusemandleni akhe ukukhuthaza ukuphepha kanye nenhlalakahle yabesifazane nezingane emiphakathini yethu. Sonke, amadoda nabesifazane, masilwe nodlame futhi sidlale eyethu indima ekuqedeni lesi sihlava se-GBVF.  
1.7.     IKhabhinethi liphinde licela noma ubani onolwazi mayelana nobugebengu ukuthi abikele amaphoyisa, ashayele inombolo yamahhala yeCrime Stop ethi 086 00 10111 noma inombolo yosizo ye-GBV Command Centre esebenza ubusuku nemini ethi 0800 428 428. 

2. INgqungquthela ye-BRICS  
2.1. IKhabhinethi lamukele iNgqungquthela ye-18 ye-BRICS ebe yimpumelelo ebibanjelwe eNew Delhi, eNdiya kusukela mhla ziyi-12 kuya ziyi-13 kuMandulo 2026, ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukwakha Ukuqina, Ukusungula Izinto Ezintsha, Ukubambisana kanye Nokuphepha”.Kule ngqungquthela baphinde baqinisekisa ukuzibophezela kwaleli qembu la mazwe ohlelweni lwamazwe ngamazwe olubandakanya wonke umuntu futhi olumele izakhamuzi kanye nokubambisana okuthuthukile kwezohwebo nokutshalwa kwezimali; ukuthengiselana ngemali esebenza kulelo lizwe kanye nokukhokhelana kwabantu besemazweni ehlukene; uxhasomali lwengqalasizinda ngeBhange Lentuthuko Elisha; ukubambisana kwezedijithali; intuthuko esimeme; ukumelana nesimo sezulu kanye nokuqinisekisa ukuthi ukudla akupheli. 
2.2. ENingizimu Afrika, imiphumela yengqungquthela ibalulekile njengoba yeseka izinhloso zezwe zokusheshisa ukuthuthukiswa kwezimboni, ukwandisa ukufinyelela emakethe, ukuheha utshalomali kanye nokukhuthaza ukwengezwa ubugugu kwizimbiwa ezibalulekile. Lezi zinto eziseqhulwini zingaqinisa imikhiqizo yakuleli lizwe, zidale amathuba amabhizinisi kanye nosomabhizinisi, zeseke ukudalwa kwemisebenzi futhi ziqinisekise ukuthi ubugugu butholakala emithonjeni yemvelo yezwe.  

3. Umnotho   
3.1.     Abakhiqizi bama-cherry baseNingizimu Afrika bangena emakethe yaseShayina. 
3.1.1. IKhabhinethi ljabule ngokuthi abakhiqizi bama-cherry baseNingizimu Afrika bangene emakethe yaseShayina okokuqala ngqa ngemuva kokusayinwa kwesivumelwano sokungena emakethe phakathi kweNingizimu Afrika neShayina ngomhla wesi-8 kuMandulo 2026. Lesi sivumelwano sasayinwa nguNgqongqoshe Wezolimo, uMnu. Willie Aucamp kanye nomele i-Ejensi Ehlola Izimpahla Ezobuya Ngaphandle eShayina ngesikhathi soMhlangano Wesi-9 Wongqongqoshe Wezokuvikelwa Kwabantu, Izilwane Nezitshalo Ezifweni obuseBeijing.

3.1.2. Lesi sivumelwano sivula amathuba kubakhiqizi baseNingizimu Afrika okufinyelela kwenye yezimakethe ezinkulu kakhulu zama-cherry emhlabeni. IShayina yamukele cishe amathani ayizi-586 900 ama-cherry anenani eliyizigidigidi ezi-US$3.3 (cishe izigidigidi ezingama-R52.8) ngowezi-2025. Ukuvulwa kwemakethe kulindeleke ukuthi kukhuthaze ukutshalwa kwezimali ekukhiqizweni kwama-cherry futhi kudale imisebenzi emisha engaba ngama-600. 
3.1.3. Lokhu osekwenziwe kuyingxenye yemizamo emikhulu yokwandisa ukuthunyelwa kwemikhiqizo yezolimo isuka eNingizimu Afrika kanye nokusabalalisa izimakethe zomhlaba wonke. Lokhu kuhambisana nokuqaliswa kohlelo lwentela yamahhala lwaseShayina lwemikhiqizo yaseNingizimu Afrika efanelekayo, olwaqala ukusebenza mhla lu-1 kuNhlaba 2026. 

4. Sibala izinsuku ukuya Okhethweni Lohulumeni Bendawo lwezi-2026 
4.1. IKhabhinethi linxusa bonke abavoti abafanelekile abanomazisi abalahlekile noma abonakele ukuba bathathe abanye ngokushesha okukhulu ngaphambi koKhetho Lohulumeni Bendawo ngomhla wesi-4 kuLwezi 2026. Izakhamuzi zingavakashela ihhovisi loMnyango Wezasekhaya noma amanye amabhange angaphezu kwama-450 abambe iqhaza ukuze zifake izicelo zomazisi.  4.2. Izicelo zamavoti ayisipesheli kulolu khetho zivuliwe futhi zizovala ngomhla we-12 kuMfumfu 2026 ngehora lesi-17:00. Ivoti eliyisipesheli livumela abavoti abafanelekile, ababhalisile abangakwazi ukuvota eziteshini zabo zokuvota ngosuku lokhetho ukuthi bavote ngaphambi kosuku lokuvota. Amavoti ayisipesheli avulekele abavoti abanokukhubazeka, abesifazane abakhulelwe, izaguga kanye nabantu abanemisebenzi ebaluleke kakhulu. 
4.3. IKhabhinethi likhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi intsha kanye nabaqalayo ukuvota, ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvota. Ivoti ngalinye libalulekile futhi lisiza ukugcina intando yeningi yethu inamandla. 
4.4. IKhabhinethi linxusa amaqembu epolitiki nabantu abazimele ababambe iqhaza okhethweni oluzayo ukuthi bahlale begcina iMithetho Yokuziphatha Yokhetho futhi babekezelelane kwezepolitiki. 

5. Amalungiselelo okugcina ezivivinyo zeSitifiketi Sikamatikuletsheni ngowezi-2026 
5.1. IKhabhinethi lifisela bonke abafundi inhlanhla njengoba belungiselela izivivinyo zeSitifiketi Sikamatikuletsheni zangowezi-2026, eziqala ngomhla wama-13 kuMfumfu 2026. Kulesi sigaba sokugcina, izikole zigxile ukubuyekeza umsebenzi kanye nokuhlinzeka ngosizo olwengeziwe lwezemfundo ukuze kuqinisekiswe ukuthi abafundi bame ngomumo. 
5.2. IKhabhinethi licela abazali nabanakekeli ukuthi baqaphe inqubekela-phambili yabafundi babo futhi bakhe beseke abantwana ukuze bezokwazi ukugxila ezifundweni zabo. Abafundi bayakhuthazwa ukuthi bazibekele izikhathi zokufunda futhi bafune usizo kothisha noma kozakwabo uma bengaqiniseki ngomsebenzi wabo wesikole. Uma wena noma umfundi wakho webanga likaMatikuletsheni ezizwa ecindezelekile noma ekhathazekile, lukhona usizo lochwepheshe olutholakala mahhala ubusuku nemini oluvela enhlanganweni iSouth African Depression and Anxiety Group ku-0800 12 13 14.  

6. Ukulungiselela nokubhekana nesimo esibi sezulu
6.1. Uhulumeni uyaqhubeka nokuqapha izimo zezulu ezimbi ezweni lonke. Ukuguquguquka kwesimo sezulu kunegalelo ekwandeni kwezikhathi kanye nokuqina kwezehlakalo zesimo sezulu esibi. Iziphathimandla zesifundazwe nezomasipala kufanele zihlale ziqaphile, zime ngomumo futhi ziqinisekise ukuthi izinhlelo zokubhekana nezimo eziphuthumayo ziyaqaliswa lapho kudingeka khona.  
6.2. Imiphakathi ikhuthazwa ukuthi iqaphe izexwayiso ezikhishwa yiNhlangano Yesimo Sezulu eNingizimu Afrika futhi ilandele iziyalo zeziphathimandla zokulawulwa kwezinhlekelele - ikakhulukazi ezindaweni ezisebungozini bezikhukhula, imimoya enamandla, isichotho nezinye izimo eziyingozi. 

B.     Izinqumo zeKhabhinethi 
1.    Umthetho Odingidwayo Obuyekezwayo Wokugcina woHulumeni Bendawo, wezi-2026 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo Obuyekezwayo Wokugcina Wohuumeni Bendawo wezi-2026, ukuthi ube umhlahlandlela woguquko nokuvuselelwa kohlelo lohulumeni wendawo. Ukubuyekezwa koMthetho Odingidwayo kwenziwa ukuze kubhekanwe nezinselele eziqhubekayo zokubusa, ezezikhungo, ezezimali kanye nezokulethwa kwezinsizakalo ezibhekene nomasipala.  
1.2.    Umthethi Odingidwayo uphendula ngokuqinisa ukuqaliswa, ukuziphendulela, ukuhambisana kwezikhungo kanye nokusimama kwezezimali. 
1.3.    IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukusungulwa kweBhodi Elengamele Uguquko lesikhathi esikhithile kanye nohlelo oludidiyelwe, oluhlukaniswe ngezigaba lukahulumeni wonke, oluholwa ngokuhlanganyela uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana, iHhovisi likaMongameli kanye noMgcinimafa Kazwelonke ukuze kuqhutshwe ukuqaliswa kwezinguquko.

2.    Ukuhlukaniswa kweTransnet National Ports Authority (i-TNPA) kanye nokuguqulwa okubanzi kwezokuthutha nokuthuthwa kwempahla 
2.1.    IKhabhinethi litshelwe ngokwakamuva mayelana nokuqaliswa kwezinguquko zokuthutha nezokuthuthwa kwempahla okuhloswe ngakho ukuthuthukisa ukusebenza, ukuthembeka kwengqalasizinda kanye nokuncintisana kohlelo lwezokuthutha nokuthuthwa kwempahla eNingizimu Afrika.   
2.2.    IKhabhinethi leseke ukuhlukaniswa kweTransnet National Ports Authority (i-TNPA) ukuze isebenze njengenkampani ezimele ephethwe ngqo nguhulumeni. 
2.3.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthi i-TNPA iphenye ukuthi kungenzeka yini umlingani wezabelo ezincane kwesinye sezikhungo zezimali zentuthuko zezwe (ama-DFI). 
2.4.    Izimiso ezizosetshenziswa ekuhlukaniseni zifaka phakathi isinxephezelo esifanele se-Transnet emva kokuhlolwa ngokuzimela kwe-TNPA; ukusimama kwezezimali kwesikhathi eside, ukwabiwa ngokulinganayo kwezikweletu ze-Transnet Group ne-TNPA; ukuvikelwa kwabasebenzi namakhasimende; ukulondolozwa kobunikazi bombuso obuhlelekile nokulawulwa kwengqalasizinda yamachweba kazwelonke; kanye nokuthuthukisa amandla okutshalwa kwezimali nokuthuthukiswa kwengqalasizinda.  

3.    Ukuqinisekiswa kweSivumelwano Sokucindezelwa Kwemithetho Engekho Emthethweni Ephathelene Nezindiza Zomphakathi Zamazwe Ngamazwe kanye Nendlela Eyengeziwe yeSivumelwano Sokucindezela Ukudunwa Kwezindiza. 
3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa kweSivumelwano Sokucindezelwa Kwemithetho Engekho Emthethweni Ephathelene Nezindiza Zomphakathi Zamazwe Ngamazwe kanye neNdlela Eyengeziwe yeSivumelwano Sokucindezela Ukudunwa Kwezindiza ePhalamende ukuze siqinisekiswe. 
3.2.    Lesi sivumelwano siqinisa uhlaka lwezomthetho lwamazwe ngamazwe lokulwa nobungozi obuvelayo ezindizeni zomphakathi kanye nokuthuthukisa ukuphepha kwezindiza emhlabeni jikelele. 
3.3.    Lesi sivumelwano siphinde senze kube yicala phakathi kokunye, ukusetshenziswa kwezindiza zomphakathi ngenhloso yokubulala abantu, ukulimaza abantu noma ukudala umonakalo omkhulu; ukusetshenziswa kwezindiza njengezikhali; ukwehlisa endizeni izinto eziphilayo, amakhemikhali noma ezenuzi; kanye nokuhlaselwa kwamanethiwekhi asemoyeni.  

4.    Uhlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yezikhumbuzo Zamagugu 
4.1.    IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yezikhumbuzo Zamagugu ukuze luhlinzeke ngohlaka oluhlelekile lokuhlela, ukuphatha kanye nokuqaliswa kwemiklamo yezikhumbuzo zamagugu kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni. 
4.2.    Le nqubomgomo ikhuthaza izindlela ezisimeme nezingambi eqolo zezikhumbuzo ngesikhathi iqinisa ubumbano lomphakathi, ukwakha isizwe, ukubuyisana kanye nobunikazi besizwe obufanayo.  
4.3.    Luzophinde luthuthukise ukuhlanganiswa, ukuzibophezela kanye nokusimama kwesikhathi eside kwemiklamo yezikhumbuzo zamagugu.  

5.    Ukuba ngusihlalo kweNingizimu Afrika weForamu Yezingxoxo ye-India, iBrazil neNingizimu Afrika (i-IBSA) kusukela ngowezi-2026 kuya kowezi-2027 
5.1.    IKhabhinethi ligunyaze izinto eziseqhulwini nemiphumela elindelekile ngesikhathi iNingizimu Afrika iphethe isikhundla sokuba ngusihlalo weForamu Yezingxoxo ye-India, iBrazil neNingizimu Afrika (i-IBSA) kusukela ngowezi-2026 kuya kowezi-2027 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Ukuthula, Ukuchuma kanye Nentuthuko". 
5.2.    Isikhundla seNingizimu Afrika sokuba ngusihlalo sizogxila ekuqiniseni ukubambisana phakathi kwamazwe aseNingizimu, ukukhulisa ezohwebo, utshalomali kanye nokubambisana kwezimboni ngesikhathi kuthuthukiswa intuthuko esimeme okuhlanganisa imikhakha yezamandla, ukuqamba izinto ezintsha nobuchwepheshe, kanye nokuqinisa ubudlelwano phakathi kwabantu ngokusebenzisa ezemidlalo namasiko. 

6.    Umbiko woMbuso oya eKomidini lase-Afrika Lochwepheshe Bamalungelo Nenhlalakahle Yomntwana (i-ACERWC) 
6.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMbiko woMbuso waseNingizimu Afrika eKomidini lase-Afrika Lochwepheshe Bamalungelo Nenhlalakahle Yomntwana (i-ACERWC).  
6.2.    INingizimu Afrika yethule umbiko wayo wesibili ngoNhlaba kowezi-2023, kanti umbiko olandelayo kulindeleke ukuthi uthunyelwe ngasekupheleni kukaMandulo kowezi-2026.  Lo mbiko ucacisa izinyathelo eziphathelene nomthetho, izikhungo kanye nezinqubomgomo ezithathiwe ukuze kuvikelwe futhi kuthuthukiswe amalungelo ezingane, kanye nezinyathelo ezithathiwe ukuphendula imibono yokugcina eyenziwa yikomidi embikweni wezi-2023.  

C.     Ezakamuva kwiKhabhinethi  
1. Umbiko Wocwaningo Ngezinhlelo Zentuthuko Ezihlanganisiwe kanye Nohlelo Lokuqala LoHlelo Lokuthuthukiswa Kwesifunda ngokombono woBulili, Intsha Nokukhubazeka 
1.1. IKhabhinethi litshelwe ngoMbiko Wocwaningo Ngezinhlelo Zokuthuthukiswa Ezihlanganisiwe kanye Nohlelo Lokuthuthukiswa Kwesifunda (i-DDM) ngokombono woBulili, Intsha Nokukhubazeka.  
1.2. Ucwaningo Kwezinhlelo ze-DDM luveza ukuthi ukuhlela ingqalasizinda kuzo zonke izifunda akubheki ngokwanele izinto eziza kuqala kwabesifazane, intsha kanye nabantu abanokukhubazeka ikakhulukazi uma kucwaningwa ngokombono womthelela. 
1.3. Ucwaningo luphinde luveze ukuthi ukungenelela okubhekene ne-GBVF nokuhlukunyezwa ngokocansi kusalokhu kunganele futhi kungalingani komasipala. 
1.4. IKhabhinethi leseke ukuqaliswa kwezincomo ezivunyiwe ngeminyango efanele kazwelonke neyesifundazwe ngokuqapha okuqhubekayo kwenqubekela-phambili nguMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu Abanokukhubazeka.  

2.    Umthelela we-El Niño ekupheleni kwamanzi 
2.1.    IKhabhinethi lithole umbiko ngomthelela ongaba khona we-El Niño ngowezi-2026/27 ekupheleni kwamanzi kanye nezinyathelo ezithathwayo ukunciphisa ubungozi obuhambisana nalokhu. 
2.2.    IKhabhinethi likuphawulile ukuthi izimo ze-El Niño ezilindelwe ngeke nje zibe yingozi enkulu ekutholakaleni kwemithombo yamanzi kodwa zizophinde zithinte kabi umkhakha wezolimo kanye nokutholakala kokudla okuhlanganisa neminye imikhakha yezomnotho edinga amanzi amaningi, okuzoba nomthelela ezindlekweni zokuphila eziphezulu kakade kanye nempilo yabantu baseNingizimu Afrika. 
2.3.    Uhulumeni uqinisa ukulungela isomiso kanye nezinye izindlela eziqinile ukuze avikele isizwe kwimithelela emibi. Ithimba lochwepheshe leminyango ehlukene selivele lisebenza ukuqhamuka nendlela yokubhekana nalesi simo edidiyelwe.  
2.4.    IKhabhinethi linxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise amanzi ngokucophelela futhi beseke imizamo yokonga amanzi ukuze banciphise ingcindezi ezinhlelweni zokuhlinzeka ngamanzi ngesikhathi sasehlobo. 

D.     IMithethosivivinywa 
1.    Umthethosivivinywa Wokulawula Imboni Yomkhathi eNingizimu Afrika, wezi-2026 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokulawula Imboni Yomkhathi, wezi-2026 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukususa uMthetho Wezomkhathi ophelelwe yisikhathi we-1993 bese usungula uhlaka lwesimanje lokulawula ukuphathwa kwemboni yomkhathi yaseNingizimu Afrika. Lo Mthethosivivinywa uzohambelanisa uhlaka lokulawula umkhathi lwaseNingizimu Afrika nezindinganiso nezibopho zomhlaba wonke eziguqukayo. Uzophinde weseke ukuzimela kweNingizimu Afrika kwamanye amazwe kanye nabasebenzi bawo ngokuthola idatha yomkhathi edingekayo kakhulu ekwenzeni izinqumo zenqubomgomo ezisheshayo zokungenelela kukahulumeni, ngesikhathi uqinisa ukwethembeka kwezwe njengomsebenzisi okahle womkhathi. Uphinde ubhekane negebe elikhona ekufakweni kwezibopho zesivumelwano somkhathi samazwe ngamazwe emthethweni wakuleli lizwe. 
1.2.    Umthetho ohlongozwayo uzolawula imisebenzi yomkhathi yokuhweba esanda kuvela; uqinise ukwengamela umkhakha womkhathi; uhlinzeke ngezidingo zesibopho kanye nomshuwalense; futhi uqinisekise ukuhambisana nezibopho zomhlaba wonke zaseNingizimu Afrika. Uzophinde udale indawo efanelekile yokutshalwa kwezimali, ukusungula izinto ezintsha, ucwaningo kanye nokuthuthukiswa kwamakhono; ngesikhathi weseka ukukhula kwamakhono omkhathi kanye namathuba okuhweba.

2.    UMthethosivivinywa Wokunxeshezelwa Kwezifo Ezimayini Nasemisebenzini Elawulwayo, wezi-2025 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokunxeshezelwa Kwezifo Ezimayini Nasemisebenzini Elawulwayo, wezi-2025 ukuze umphakathi uphawule ngawo.  
2.2.    Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukususa uMthetho Wezifo Ezimayini Nasemisebenzini we-1973 ophelelwe yisikhathi bese usungula uhlelo lwesimanje, olusebenzayo nolufinyelelekayo lokulawulwa kwezinxephezelo zezifo emkhakheni wezimayini. 
2.3.    Umthetho ohlongozwayo uzoqinisa ukuhlonza, ukulandelela, ukuxilongwa kanye nesinxephezelo sabasebenzi basemayini bamanje nabangaphambilini abatholakale benezifo abazithole emsebenzini, kube kuthuthukiswa izindlela zokuthola izinzuzo kanye nezinsizakalo kubasebenzi abathintekile nalabo abondliwa yibona. 
2.4.    Lo Mthethosivivinywa uphinde uhlinzeke ngokusungulwa kweNhlangano Kahulumeni Ebhekele Ukunxeshezelwa Kwasezimayini Nasemsebenzini, ezoba nesibopho sokulawula izicelo, izinkokhelo zesinxephezelo kanye nezinsizakalo ezihlobene nakho, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe ukuzibophezela kanye nokulethwa kwezinsizakalo ngaphakathi kohlelo lwesinxephezelo. 

E.     Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo nokuhlolwa okufanele. 
1.    Mnu. Zane-Udien Dangor njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana (kwelulwe inkontileka).  
2.    Dkt. Sean Douglas Phillips njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (kwelulwe inkontileka). 
3.    Mnu. Milingoni Fhulufhelo Lloyd Nedohe njengoMqondisi-Jikelele woPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS). 
4.    Nkz. Avril Halstead njengePhini loMqondisi-Jikelele: Asset and Liability Management kuMgcinimafa Kazwelonke.  
5.    Nkz. Thandazile Francisca Mnguni njengePhini loMqondisi-Jikelele: Izinhlelo Zemisebenzi Yomphakathi kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana.  
6.    Nkz. Sibongile Mpofu njengePhini loMqondisi-Jikelele: Corporate Services kuMnyango Wezokubusa Ngokubambisana.  
7.    Dkt. Nontsikelelo Ingrid Manzini-Matebula njengePhini loMqondisi-Jikelele: Ukuqapha, Ukuhlola, Ucwaningo Nokuxhumanisa kuMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu Abanokukhubazeka. 
8.    Nkz. Tirhane Alinah Fosi njenge-CEO yeGovernment Printing Works.  
9.    Mnu. Johannes Makgokolla Moholola njenge-CEO ye-Air Traffic and Navigation Services.  
10.    Mnu. Siphamandla Mthethwa njenge-CEO ye-Airports Company South Africa. 
11.    Mnu. Waseem Carrim njenge-CEO yeRoad Accident Fund.  
12.    Mnu. Alford Sifiso Nsibande njenge-CEO ye-Independent Development Trust.

13.    Ukubekwa kabusha kukaSihlalo weBhodi laka-Eskom:  
Dkt. Mteto Nyati. 

14. Ukubekwa kwamalunga uMkhandlu Webhodi leGeoscience  
a.    Mnu. Kelepile Dintwe (uphinde wabekwa njengoSihlalo); 
b.    Dkt. Mayshree Singh (uphinde wabekwa); 
c.    Dkt. Siyanda Mngadi (uphinde wabekwa); 
d.    Nkz. Thobeka Njozela (uphinde wabekwa); 
e.    Dkt. Mdu Zakwe; 
f.    Mnu. Lindelani Mudau (omele uMnyango Wezezimbiwa Nemithombo Kawoyela);  
g.    Dkt. Patience Gwaze (omele uMnyango Wezamahlathi, Ukudoba Nemvelo);  
h.    Nkz. Millicent Solomons; kanye  
i.    noMnu Musa Mabuza (osebenza ehhovisi).  

15. Ukubekwa kwe-African Exploration Mining Finance Corporation Board  
a.    Mnu. Bernad Swanepoel (uphinde wabekwa njengoSihlalo); 
b.    Mnu. Mzwandile Masondo (uphinde wabekwa); 
c.    Nkz. Pamella Mhlarhi; 
d.    Mnu. Samuel Molefi; 
e.    DKt. Ntombifuthi Nxumalo; 
f.    Mnu. Bonga Makhanya; 
g.    Ummeli Vhongani Masondo;   
h.    Mnu. Masibulele Phesa.  

16. Ukubekwa kwamalunga eBhodi leBhange Lentuthuko eNingizimu ye-Afrika 
a.    Mnu. Bongani Nqwabana (uphinde wabekwa); 
b.    Dkt. Petrus Matji (uphinde wabekwa); 
c.    Nkz. Disebo Moephuli (uphinde wabekwa); 
d.    Mnu. Joel Netshitenzhe (uphinde wabekwa); 
e.    Dkt. Chantal Naidoo (uphinde wabekwa); 
f.    Slz. Edgar Pieterse (uphinde wabekwa);  
g.    Mnu. Jonathan Muthige (uphinde wabekwa); 
h.    Mnu. Barry Hore (uphinde wabekwa);  
i.    Nkz. Mametja Moshe. 

17. Ukubekwa kwamalunga eNational Gambling Board 
a.    Dkt. Makgathatso Charlotte Chana Pilane-Majake (uSihlalo);  
b.    Mnu. Kganki Matabane (iPhini likaSihlalo); 
c.    Nkz. Chuma Fani; 
d.    Nkz.  Zoleka Gloria Bula; 
e.    Nkz. Silochini Pillay; 
f.    Mnu. Milton Ntwana (omele Amaphoyisa); 
g.    Nkz. Niklasina Maria Kruger (omele uMnyango Wezokuhweba, Izimboni Nokuncintisana); 
h.    Mnu. Khayalethu Ntimbela (omele uMgcinimafa Kuzwelonke);   
i.    Nkz. Sizakele Magangoe (omele uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi).  

18. Ukubekwa kwamalunga eBhodi leNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni.  
a.    Mnu. Mabotha Authur Moloto; 
b.    Nkz. Dinao Modirwadi Lerutla; 
c.    Nkz. Victoria Ngwenya; 
d.    Ummeli Fana Joe Nalane; 
e.    Dkt. Boitshoko Ntshabele;  
f.    Mnu. Kgathatso Tlhakudi;  
g.    Mnu. William Solomon Steenkamp;   
h.    Ummeli Thandi Orleyn (uphinde wabekwa). 

19. Ukubekwa kwamalunga eBhodi leRand Water  
a.    Mnu. Gcinumzi Qotywa (uSihlalo); 
b.    Nkz. Phindile Mbanjwa (iPhini likaSihlalo);  
c.    Nkz. Ayanda Noah; 
d.    Mnu. Luvuyo Ntoyi; 
e.    Nkz. Lethabo Mashamaite; 
f.    Mnu. Oliver Josie; 
g.    Dkt. Mosidi Makgae; 
h.    Dkt. Rethabile Melamu; 
i.    Nkz. Ayanda Mafuleka;   
j.    Nkz. Moleboge Bothlale Lekwane.  

20. Ukubekwa kwamalunga oMkhandlu weFilm and Publications Board   
a.    Slz. Siyasanga Tyali (uSihlalo); 
b.    Nkz. Lungelo Dhladhla Nxele (iPhini likaSihlalo); 
c.    Ummeli Lindelwa Ndziba; 
d.    Nkz. Ditaba Lucy Maraka;  
e.    Nkz. Zandile Gail Mpungose; 
f.    Dkt. Phosa Jan Mashangoane; 
g.    Nkz. Miriann Maartens; 
h.    Dkt. Seithati Maria Motebang; 
i.    Nkz. Melanie Roy  

21. Ukubekwa kwamalunga eBhodi Elelulekayo kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane 
a.    Slz. Vusi Gumede; 
b.    Dkt. Jabulile Msimango-Galawe; 
c.    Dkt. Nomfundo Mcoyi-Zondo; 
d.    Nkz. Juliet Miyabo; 
e.    Mnu. Sifiso Skenjana; 
f.    Mnu. Jacob Gcwili; 
g.    Mnu. John Jeffrey; 
h.    INdlovukazi uDkt. Kgosi Gaboilelwe;  
i.    Mnu. Siyabulela Xuza;  
j.    Mnu. Anthony Frank Julies   

22. Ukubekwa kwamalunga Angabona Abaphathi eBhodi Labaqondisi bePublic Investment Corporation (i-PIC) 
a.    Dkt. Mugwena John Maluleke; 
b.    Nkz. Lindiwe Martha Motshwane; 
c.    Mnu. Reuben Mpono Maleka; 
d.    Nkz. Bulelwa Mabasa.  

F.     Imicimbi Nezingqungquthela  
1. Inyanga Yezokuthutha 
1.1. INingizimu Afrika izogubha iNyanga Yezokuthutha kuyo yonke inganga kaMfumfu. Le nyanga kuhloswe ngayo ukuthuthukisa izinhlelo zokuphepha emgwaqweni futhi igqamise izinzuzo zezomnotho nezenhlalo zohlelo lwezokuthutha olusebenza kahle. Iphinde inikeze ithuba lokwazisa umphakathi ngenqubekela-phambili ekwakheni kabusha ingqalasizinda yezokuthutha yezwe.  

2. INyanga Yezokuvikeleka Kwamanethiwehki (Cybersecurity) 
2.1. INingizimu Afrika izogubha iNyanga Yokuqwashisa Ngokuvikeleka Kwamanethiwehki ngoMfumfu ukuze kuqwashiswe futhi kukhuthazwe ukuphepha kwedijithali kanye nokuqina. Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuba ahlale eqaphile, aziphathe kahle ku-inthanethi futhi aqinise ulwazi lwawo lwedijithali ukuze azivikele wona, imininingwane yabo siqu kanye namadivayisi awo ebungozini bamanethiwekhi. 

3. UMhlangano We-136 Wamalungu e-Open Geospatial Consortium 
3.1. Iningizimu Afrika izosingatha uMhlangano we-136 Wamalungu e-Open Geospatial Consortium (i-OGC) eKapa kusuka mhla we-12 kuya mhla we-15 kuMfumfu 2026, nokuzoba ngokokuqala ukuthi lo mcimbi osezingeni lomhlaba ubanjelwe e-Afrika.  
3.2. I-OGC ihlanganisa abaholi bakahulumeni, izinhlangano zokuklanywa komhlaba, abacwaningi, izinkampani zobuchwepheshe, ongoti bezindinganiso, abathuthukisi kanye nabasunguli abavela kulo lonke elase-Afrika nasemhlabeni wonke ukuze babambisane ngekusasa lobuchwepheshe bokuklanywa komhlaba nokusebenzisana.  
3.3. Ukusingatha lo mcimbi kuzoqinisa isikhundla seNingizimu Afrika njengomholi ekusebenziseni ulwazi lwezokuklanywa komhlaba, kukhuthaze ukwamukelwa kwezindinganiso zomhlaba wonke futhi kuthuthukise ukubambisana kulo lonke elase-Afrika kanye nokuklanywa komhlaba.  

4. INgqungquthela ye-15 yeZizwe Ezihlangene Yokuvimbela Ubugebengu kanye Nobulungiswa Bobugebengu (Ingqungquthela Yobugebengu) 
4.1. INingizimu Afrika ibambe iqhaza kwiNgqungquthela ye-15 yeNhlangano Yezizwe Ezihlangene Yokuvimbela Ubugebengu Nobulungiswa Bobugebengu ezobanjelwa e-United Arab Emirates kusukela mhla zingama-26 kuMandulo kuya mhla lu-1 kuMfumfu 2026.  
4.2. Le ngqungquthela izohlola izindlela zomhlaba wonke zokubhekana nezinselele zobugebengu eziguqukayo, okuhlanganisa nalezo ezivela ekuthuthukeni kwezobuchwepheshe, ngesikhathi kukhuthazwa ukubambisana kwamazwe ngamazwe kanye nokuqiniswa kwezinhlelo zezobulungiswa bobugebengu. 
4.3. Ingqngquthela izohlinzeka ngenkundla ebalulekile yokuthi iNingizimu Afrika ifake isandla futhi ihlomule ekuthuthukisweni komthetho nenqubomgomo yamazwe ngamazwe, yabelane ngolwazi lukazwelonke kanye nezinqubo ezingcono kakhulu futhi iqhubekisele phambili ukusebenza komthetho nentuthuko esimeme. 
4.4. Ingqungquthela yeHayidrojini Ecocekile e-Afrika yezi-2026  
IKhabhinethi lamukele iNgqungquthela ebe yimpumelelo yeHayidrojini Ecocekile e-Afrika yezi-2026 ebanjelwe eKapa kusukela mhla ziyi-15 kuya ziyi-16 kuMandulo 2026 ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukususa Umkhakha weHayidrojini Ecocekile e-Afrika usuka kuPowerPoint uya kuGigawatts”. Kulo mhlangano kuxoxwe ngenqubekela-phambili ekuqalisweni kwemiklamo, uxhasomali, ingqalasizinda kanye nentuthuko yezimboni eNingizimu Afrika nakulo lonke izwekazi. ENingizimu Afrika, le ntuthuko iyingxenye yoHlelo Lwezinsiza Oluhlanganisiwe olungumhlahlandlela wotshalomali olukhulu lokuhlinzekwa kukagesi – oluhlose ukuthi lube nekhabhoni elingene nephansi. Umhlangano uphinde wanikeza ngokuqhubekayo esigabeni sokuqala semiklamo yehayidrojini ecocekile.  
Lokhu kufaka phakathi umklamo kaphethiloli wezindiza wePhelan Green Group i-Electro-Sustainable Aviation Fuel eSaldanha Bay. I-Phelan izibophezele ngezigidi ezi-$100 kanti ukwakhiwa kulindeleke ukuthi kuqale kwikota yokuqala yezi-2027. Eminye imiklamo esigabeni sokuqala ifaka phakathi iCoega Green Ammonia Project eMpumalanga Kapa, eqede umsebenzi wokulungiselela kusenesikhathi; iSaldanha Hydrogen Direct Reduced Iron Project oGwini oluseNtshonalanga, esesigabeni sokuqala sokusebenza; iPrieska Power Reserve eNyakatho Kapa, umklamo we-ammonia ecocekile okwamanje esesigabeni sokuqaliswa; iGreen e-Fuels Producers Green Methanol Corridor, ehlose ukubhekana nesidingo saseYurophu futhi isesigabeni sokuqala sokusebenza; kanye neGreen Hydrogen Solutions Project, okuhloswe ngayo ukusiza imakethe yaseNingizimu Afrika futhi sekuqedile ukudwetshwa kwayo ngonjiniyela. 

 G.     Izigameko zokudubula ezenzeka ngemuva koMhlangano weKhabhinethi 
1.1    Ukudubula okwenzeka eWedela, eCarltonville, eWest Rand, eGauteng 
Uhulumeni udlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani babantu abayi-18 ababulawa endaweni yokucima ukoma eWedela, eCarltonville, eWest Rand, lapho abantu abayisi-8 abahlomile nabangaziwa bavulela ngenhlamvu kubantu ababephuza khona.
 1.2    Abantu abayi-17 bashonela endaweni yesigameko kanti oyedwa washona kamuva ngenxa yokulimala. Abanye abantu abayi-18 balimala futhi bayiswa esibhedlela. Abahlanu kubona basesimweni esibucayi kakhulu. 
1.3    Abane kuphela kwabashonile asebehlonzwe ukuthi bangobani, futhi uhulumeni unxusa abantu ukuba bahlole izihlobo zabo ezihlala kule ndawo futhi babike emaphoyiseni uma kukhona abantu abalahlekile.  
1.4    Izimoto ezimbili zashiswa kwabe sekuntshontshwa omakhalekhukhwini. Amaphoyisa athungatha abasolwa abayisi-8 abathinteka kulokhu kudubula.

2. Isigameko sokudubula eLwandle, eKapa
2.1 Uhulumeni udlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani babantu abayishumi ababulawa eLwandle, eKapa ngoMgqibelo kusihlwa, lapho abahlanu kubo bashonela khona lapho kanti abanye bashonela endleleni eya esibhedlela.  
Sekuqokwe amaqembu abaphenyi abavela emikhakheni eyehlukene ukuze kubanjwe futhi kubekwe icala labo abenze lezi zenzo zobugebengu ezesabekayo. 

H.     Imiyalezo 
1.     Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nezihlobo zalaba abalandelayo: 
•    UMnu. Enos Mafokate, umgibeli wamahhashi ohlonishwa umhlaba wonke kanye nompetha wokuqala omnyama wokugxumisa amahhashi. Uphinde waba ngumsunguli weSoweto Equestrian Centre, isikole sokugibela amahhashi futhi owathola iLifetime Achievement Award kumaSouth African Sports Awards.  
•    Imindeni yalabo abashona engozini yomgwaqo u-N1 eyadlula nemiphefumulo engama-21 eNtshonalanga Kapa; kanye nokushayisana kwezimoto emgwaqeni u-N17 eMpumalanga okwadlula nemiphefumulo yabantu abayisishiyagalombili.  
•    UMnu. Owen Ndlovu, owayengumethuli wezemidlalo wakwa-SABC kanye nesishoshovu somculo owayezifela ngemboni yobuciko nezindaba, ezemidlalo futhi elwela amalungelo amaciko.   
•    Umshayeli wezimoto zomjaho, uMnu. Robert Wolk, omunye wabaqhudelana emjahweni wezimoto eNingizimu Afrika abaphumelele kakhulu, umsebenzi wakhe othathe cishe amashumi amathathu eminyaka. Uke waba ngumpetha we-SA Formula Volkswagen ngowezi-2013, umpetha weFormula 1600 ngowezi-2015, waba yingqwele ye-SA GTC kulandelana ngowezi-2021 nangowezi-2022 kanye ne-SA Touring Cars Champion ngowezi-2024. 

2.     Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela laba abalandelayo: 
•    Iqembu lamaSpringbok ngokunqoba uchungechunge lomqhudelwano omkhulu kunayo yonke emdlalweni webhola lombhoxo (Rugby's Greatest Rivalry) bedlala ne-All Blacks, kanye noSiya Kolisi ngokuba ngukaputeni wamaSpringbok ophumelele kakhulu ngokuwina imidlalo engama-56 yamazwe ngamazwe. 
•    IMamelodi Sundowns ngokunqoba indebe ye-FIFA African – Asian Pacific Cup ngemuva kokunqoba ngo-2-1 iqembu elingompetha base-Asia, i-Al-Ahli. 
•    UMnu. Bayanda Walaza ngokunqoba umjaho wamadoda we-100m emqhudelwaneni iRovereto International Meeting, lapho abeke khona irekhodi elisha lomqhudelwano ngesikhathi esiyisimizuzwana eyisi-9.91. Uphinde wanqoba emjahweni we-100m emqhudelwaneni iSerbia Athletics Meeting eSmederevo, eSerbia. 
•    UMnu. Sinesipho Dambile ngokuqeda endaweni yesibili emjahweni wamanqamu wamadoda wama-200m emqhudelwaneni iDiamond League eBrussels. 
•    UMnu. Xola Magwaza ngokuba ngowaseNingizmu Afrika wokuqala ukunqoba isicoco seNatural Universe Open emqhudelwaneni we-International Natural Bodybuilding Association/Professional Natural Bodybuilding Association Natural Universe eSingapore. 
•    IKyalami Grand Prix Circuit ngokukhethelwa ukubamba umqhudelwano odumile i-Michelin 24H Series kusukela ngomhla ziyisi-8 kuya ziyi-10 kuMasingana 2027, okuyingqophamlando njengoba lo mqhudelwano uzobe wenzeka okokuqala ezwekazini i-Afrika. Lo mcimbi uzoba nomjaho onzima wamahora angama-24 enkundleni yomjaho edumile yezimoto yakuleli eMidrand.  
•    Iqembu labesifazane lakuleli lebhola lomnqakiswano, iSPAR Proteas, ngokuphuma isibili emqhudelwaneni we-Africa Netball Cup wezi-2026 obubanjelwe eKenya. 
•    Iqembu labesilisa laseNingizimu Afrika lebhola lomnqakiswano, iProtea Warriors, ngokugcina isicoco salo sezwekazi emqhudelwaneni we-Africa Netball Cup wezi-2026 obubanjelwe eKenya.  
•    Ama-Proteas ngokunqoba i-Australia emdlalweni wesibili wamazwe ngamazwe wosuku olulodwa e-DP World Wanderers Stadium nokunqoba ochungechungeni lwemidlalo emithathu ngokuhola ngama-20.  
•    Umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uMnu. Ricardo Malajika, ngokunqoba isicoco somhlaba se-WBC Super Flyweight eTokyo, eJapan. 
•    INingizimu Afrika ngokuthola indondo yesiliva eMkhakheni Wokulungiswa Kwezindiza emqhudelwaneni weWorld Skills Competition wezi-2026 eShanghai, eChina. Izwe belimelwe ngabafundi abangama-29 ababambe iqhaza emakhonweni angama-27, behlanganyele nabancintisana. 
•    Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labangaphansi kweminyaka engama-20 laseNingizimu Afrika, i-Amajita, ngokunqoba umqhudelwano we-COSAFA U20 kanye nokufanelekela ukudlala emqhudelwaneni we-African Football (i-CAF) Under-20 Africa Cup of Nations.
•    IBafana Bafana, iqembu lesizwe lebhola lezinyawo, ngokunqoba kwayo ngo-2-1 ibhekene ne-Equatorial Guinea. 

Sikhishwe ngokumela iKhabhinethi ngu:  
UNgqongqoshe Ehhovisi LikaMongameli, uNkz. Khumbudzo Ntshavheni 
Uphiko lukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS) 
Xhumana: Nkz. Nomonde Mnukwa: iBamba loMqondisi-Jikelele
Ucingo: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore