Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla zingama-28 kuNhlaba 2025

A.    Izindaba ezisematheni
1.    Ezamazwe ngamazwe

1.1    Ubudlelwane obuphakathi kwe-SA kanye ne-US
1.1.1    INingizimu Afrika ikwamukele ngezimhlophe izandla ukubuyisana ngezobudlelwane bamasu obukhona phakathi kweNingizimu Afrika (i-SA) kanye nezwe laseMelika (i-US) ngemva kokuvakasha okuhambisana nezomsebenzi kukaMongameli wakuleli u-Cyril Ramaphosa kwelaseMelika.
1.1.2    Ithimba laseNingizimu Afrika kanye nelaseMelika lizophothula imininingwane yesivumelwano sobudlelwane bezohwebo phakathi kweNingizimu Afrika kanye neMelika. Singakugcizelela ngesikhulu isibindi ukuthi izinhloso ebezibekelwe lolu hambo zifezeke ngendlela efanele.
1.1.3    IKhabhinethi ikubheke ngabomvu ukuzibandakanya okuqhubekayo kwabaphathi bezwe laseMelika engqungqutheleni yabaholi bamazwe ngamazwe eyaziwa nge-G20, okubandakanya phakathi ukuphumelela kukaMongameli waseMelika u-Donald Trump ukuba yingxenye yale Ngqungquthela yaBaholi be-G20.
1.2    Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye nezwe lase-France
1.2.1 IKhabhinethi yamukele ngentokozo ukuvakasha kwePhini likaMongameli u-Shipokosa Paulus Mashatile okuqinise ubudlelwane obukhona phakathi kwezwe lase-France kanye neNingizimu Afrika. IPhini likaMongameli kanye lethimba lezithunywa baphinde bathamela iNkomfa Yotshalomali phakathi kwe-SA kanye ne-France ngenhloso yokwenza ngcono ukutshalwa kwezimali kwezinkampani zase-France lapha eNingizimu Afrika kanjalo neNingizimu Afrika e-France, futhi kuphinde kusungulwe ubudlelwano phakathi kwezinkampani zaseNingizimu Afrika kanye nezase-France ekutshalweni kwezimali okuhlanganyelwe ngokusebenzisa iNkundla Yezwekazi lase-Afrika Yokuhwebelana Mahhala.

2.    Ezomnotho
2.1    Isabelomali sikaZwelonke

2.1.1    IKhabhinethi ikuqinisekisile ukuthi iyaseseka Isabelomali sikazwelonke sonyaka wezi-2025 esethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali ngoLwesithathu, mhla zingama-21 kuNhlaba 2025, esicacisa ngezinto eziseqhulwini ekusetshenzisweni kwemali kule minyaka emithathu ezayo ngaphakathi kwenqubomgomo yezimali yezwe lakithi.

2.1.2    Isabelomali sikazwelonke sikhombisile ukuzibophezela kwethu ekuziphatheni kahle ezezimali. Sikhombisile ukuthi siqondisa umnotho ngendlela ebhekelela labo abadonsa kanzima kwezezimali emphakathini wethu, ngesikhathi sitshala imali kwezomnotho ngokutshala imali elinganiselwa kwi-R1 trillion kwingqalasizinda kule minyaka emithathu ezayo.

2.1.3    Lesi sabelomali okuhloswe ngaso ukuqeda inhlupheko, sisho ukuthi eRandini ngalinye, amasenti angama-61 ezimali ezihlanganisiwe, ezingenanzalo zizosetshenziswa ezinsizeni ezisemqoka zamahhala njengogesi, amanzi, imfundo, ezempilo, izindlu ezingambi eqolo, kanye nezibonelelo zikahulumeni zalabo abadinga usizo.

2.2     Ingqungquthela Yokuthuthukiswa kweNgqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) yangowezi-2025

2.2.1    IKhabhinethi ikwamukele ukuphothulwa ngempumelelo kweNgqungquthela yokuThuthukiswa kweNgqalasizinda Esimeme eNingizimu Afrika (i-SIDSSA) yangowezi-2025 ebibanjelwe eKapa kusukela mhla zingama-25 kuya mhla zingama-27 kuNhlaba 2025, lapho kwethulwa khona uhlelo lwesibili lwezwe lwencwadi yezokwakha ethi: “A Repository Of Funded Infrastructure Projects” ukuze ithengwe ngonyaka wezi-2025 kuya kowezi 2026.

2.2.2    Ngesikhathi sengqungquthela, kumenyezelwe imiklamo emisha sha eyisikhombisa (7) esemqoka yengqalasizinda, esukela oHlelweni Lokuqala Lokubhida lokulungiselela umklamo, nokufukula umkhankaso wesizwe sethu wokusebenzisa ingqalasizinda ukukhulisa umnotho, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokwakha imiphakathi esimeme.

2.2.3    Isamba senani lemiklamo esakhiwayo njengamanje ezweni lingaphezulu kwezigidigidi ezingama-R313.5, kanti umklamo osazoqala wengqalasizinda yomkhakha wezamandla uhlanganisa izigidigidi eziyi-R180 zotshalomali olugxile ekuphehlweni kwamandla kagesi.

3.    Ubulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu Nezokuvikeleka
3.1    Izibalo Zobugebengu

3.1.1    Ukukhishwa kwezibalo zobugebengu zekota yesine zonyaka wezimali wezi-2024/2025 kuqinisekisa ukuthi ubugebengu buseyinkinga emphakathini wakithi eNingizimu Afrika ethinta wonke umuntu ngezindlela eziningi. Izibalo zikhomba ukwehla kwezinye izigaba zobugebengu okuhlanganisa phakathi ukubulala. Noma kunjalo, ubugebengu bezentengiselwano, amacala ocansi, okuhlanganisa ukudlwengula kanye namanye amacala afaka phakathi ucansi anyukile.

3.1.2    Sishayela ihlombe uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ngomsebenzi osheshayo wokuphenya kanye nokubopha abantu ababandakanyeka emacaleni Odlame Olubhekiswe kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa kwaBesifazane (i-GBVF). I-SAPS isibophe abasolwa ecaleni lokubulala u-Olorato Mongale, obengumfundi waseNyuvesi yase-Wits isidumbu sakhe esatholwa ngemuva kokuthi ebezikhiphe nosolwa njengombulali wakhe. Njengohulumeni sidlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nakubangani bakhe.

3.1.3    Uhulumeni uyasamukela isinqumo esikhishwe iJaji u-Nathan Erasmus eNkantolo Ephakeme yaseNtshonalanga Kapa, egwebe u-Kelly Smith, u-Jacquen Appollis, no-Steveno van Rhyn udilikajele ngokushushumbisa abantu kanye neminyaka eyi-10 eyengeziwe ngokuthumba okuhlobene nokunyamalala kuka-Joshlin Smith oneminyaka eyisithupha ubudala. Nakuba lesi sigwebo siletha ubulungiswa obuthile, asijabulisi ngokuphelele. Silokhu simile ekuzinikeleni kwethu ekwambuleni iqiniso nokuqinisekisa ukuthi abomthetho bayaqhubeka nokulandela yonke imikhondo engaba khona ukuze kutholakale u-Joshlin. Ukuvikelwa kwezingane yinto eseqhulwini ezweni lonke. Sizoqhubeka nokuqinisa imithetho yethu, ukusebenza ngokubambisana kanye nemizamo yomphakathi yokuqinisekisa ukuthi yonke ingane eNingizimu Afrika iphephile, iyigugu futhi ivikelekile ekulimaleni.

3.1.4    Njengohulumeni sizoqhubeka nokuqinisa impi yethu yokulwisana nobugebengu ngokuqasha nokuqeqesha amaphoyisa amasha kanye nokubuyisela izikhungo ezikhethekile zokulwa nobugebengu. Lokhu kuhlanganisa ukuhlomisa izikhungo zethu zokugcinwa komthetho ngamathuluzi esimanjemanje nokuqeqeshwa okudingekayo ukuze kubhekwane nezinselele zanamuhla zobugebengu obuyindida.

3.2     Ukulwisana nokufuduka okungekho emthethweni

3.2.1    Ukwethulwa komkhankaso omusha sha obizwa nge-Operation New Broom okungumkhanakso wakamuva oqhutshwa ngobuchwepheshe nguMnyango Wezasekhaya osebenza ukulwisana nokufuduka ngokungemthetho ukhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulweni nobugebengu kanye nokugcina umthetho. Lo mkhankaso usebenzisa ubuchwepheshe besimanjemanje ukuze kuboshwe, kugwetshwe futhi kudingiswe abokufika kuleli ngokungemthetho.

3.2.2    Lo mkhankaso, esigabeni sawo sokuqala, uholele ekuboshweni kwabasolwa abangama-25 abahleli ngokungemthetho e-District 6, eKapa. Lolu hlelo lusebenzisa ubuchwepheshe obuhambisana nolibofuzo ukuze kuqinisekiswe isimo sokufudukela kwelinye izwe kubasolwa, kuqedwe amaphepha omgunyathi kanye nokwenza kube lula ukuthi izinkantolo ziphothule amacala.

4.    Ezokubusa
4.1    Uhulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU)

4.1.1    Namuhla sihlanganisa unyaka ngemva kokhetho lukaZwelonke nolweZifundazwe umphumela walo owasho ukuthi alikho iqembu lezombusazwe elizuze iningi. Lesi sikhathi saletha ukuthandabuza okukhulu eNingizimu Afrika kanye nakubantu bayo. Namuhla njengoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU), siyaziqhenya ngokuthi sakwazi ukusungula uhulumeni zingakapheli izinsuku eziyi-14, okuyimpumelelo emangalisayo uma kubhekwa isikhathi esathathwa amazwe athuthukile omhlaba ukuze akhe uhulumeni osesimweni esifanayo.

4.1.2    Lesi sigameko esiyingqophamlando siwuphawu lokuzibophezela kabusha ekuzinzeni, ukubambisana kanye nasekubuseni okubandakanya wonke umuntu. Lokhu kubambisana okuyingqophamlando, okuhlanganisa amaqembu ezombusazwe ayi-10, kukhombise amandla okubeka isizwe phambili ngokubeka eqhulwini izidingo zeNingizimu Afrika kanye nabantu bayo. Ngezingxoxo ezakhayo kanye nokuvumelana, amaqembu asebenze ngokubambisana ukuxazulula izinkinga ezikhona, kugxilwe kumuzwa wobunye kanye nenjongo eyodwa ukwedlula imibono yethu eyehlukile.

B.    Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Amalungiselelo eNgqungquthela ye-G20

1.1 Indawo yeNgqungquthela Yabaholi be-G20
INgqungquthela Yabaholi be-G20 izobanjelwa e-NASREC Expo Centre eGoli ngoLwezi kowezi-2025. I-NASREC (Isikhungo Sikazwelonke Semicimbi Yezolimo, EzeMidlalo Nezokungcebeleka) yakhiwa ngowe-1984 ngesikhathi sokudlanga koBandlululo. Isendaweni ephakathi kweGoli kanye namaLokishi aseNingizimu-Ntshonalanga, manje aziwa  ngokuthi yi-SOWETO, yayingumngcele wedolobha, owawubeke umkhawulo ukuthi abantu abamnyama bahamba bagcine kuphi nokwaholela ekusungulweni kwe-Soweto, eyayisebenza njengendawo yokufukamela abantu abamnyama abazosebenza emadolobheni ngemali engatheni. Uhulumeni wentando yeningi labantu uyaqhubeka nokuthuthukisa indawo i-NASREC ukuze isebenze ukuvala igebe elavulwa uhulumeni woBandlululo ngokuhlukaniswa kwezindawo zokuhlala ezithuthukile nezingathuthukisiwe eNingizimu Afrika, okusalokhu kubonakala engathi singamazwe amabili aseNingizimu Afrika aphila ngaphakathi kwezwe elilodwa. Namuhla, intuthuko endaweni yase-NASREC njengedolobha lesimanjemanje, eliphinde libe yinkundla yezemidlalo i-Soccer City (inkundla yezemidlalo i-FNB), inkundla kazwelonke yaseNingizimu Afrika ewuphawu olukhulu. I-Soccer City eyasingatha umdlalo wokuqala weNdebe Yomhlaba yebhola likanobhutshuzwayo kwelengabadi e-Afrika ibalwa nezinkundla ezingama-20 ezinkulu emhlabeni. Ngakho-ke, ukusingathwa kweNgqungquthela Yabaholi Be-G20, njengeminye imicimbi eminingi, endaweni yase-NASREC iyaqhubeka nokuba negalelo ekwenzeni i-NASREC ibe indawo yokuhlanganyela eholela kwiNingizimu Afrika elinganayo.

1.2 INgqungquthela Yezenhlalo ye-G20
INingizimu Afrika maduzane nje izokwethula isu kanye nohlelo lwayo lweNgqungquthela Yezenhlalo Ye-G20. Uhlelo lweNgqungquthela Yezenhlalo Ye-G20 luyingxenye yohlelo oluthathwe kwiZinhlelo ze-G20 yase-Brazil, olwasungula inkundla yezinhlangano zomphakathi ezithintwa izinqumo zezwe nezomnotho ezinkulu ezenziwa abaholi beQembu elinamandla lamazwe angama-20.

1.3 Imihlangano Yokulungiselela iNgqungquthela ye-G20
Njengengxenye yamalungiselelo aqhubekayo e-G20 njengoba sisebenzela ezinqumweni okufanele zicutshungulwe eNgqungqutheleni Yabaholi Be-G20, kubanjwe imihlangano elandelayo ye-G20: 
a) Umhlangano Wesibili Wokubambisana Komhlaba Nokubandakanywa Kwezezimali owawuseMpumalanga - kudingidwe ngokubaluleka kokuthuthukisa ukubandakanywa kwezimali ngokuhlinzeka ngoxhaso lwezezimali emabhizinisini amancanyana, amancane naphakathi kanye nendlela engcono yokusebenzisa ubuchwepheshe ukuze kufakwe abantu abanganikiwe amathuba.
b) Umhlangano Wokuqala we-W20 owawubanjwe uMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Yabantu (i-HSRC) kanye nozakwabo eKapa - uvule ithuba emaqenjini ahlukahlukene ukuthi adingide izindaba ezithinta abesifazane, okuhlanganisa indima yabesifazane kwezomnotho, i-GBVF, ukufinyelela emfundweni nokulingana kwezempilo.
c) Umhlangano Wesithathu Weqembu Elisebenza Ngengqalasizinda owawubanjelwe eMpumalanga - wawugxile kwingqalasizinda Ekhiqizayo enqamula imingcele, ukukhuphula utshalomali olusimeme ngezimali ezihlanganisiwe kanye nokuqalisa imiklamo yotshalomali.
d) Umhlangano Wesibili we-G20 Wohlelo Lomnotho Wezitshalo Nezilwane owawubanjelwe eMpumalanga - kwadingidwa ngokusetshenziswa komnotho wezitshalo nezilwane ukuze kubhekwane nokukhula komnotho, intuthuko esimeme, ukuvikelwa kwemvelo kanye nokulingana kwezenhlalo.
e) IMihlangano ye-G20 yeThimba Locwaningo Nokuqamba Kabusha kanye Nokuxoxisana eyabanjelwa eMpumalanga - ibuyekeze inqubekelaphambili esiyenziwe ezintweni eziyishumi okwavunyelwana ngazo emhlanganweni wokuqala futhi yadingida Isimemezelo Songqongqoshe Se-G20 Socwaningo Nokuqamba Kabusha.
f) Umhlangano Wesithathu WeQembu Lezentuthuko owawubanjelwe KwaZulu-Natali - ubugxile ezindaweni eziseqhulwini zeQembu eliSebenzayo leNtuthuko ngenhloso yokufinyelela esivumelwaneni sokubhekana nezinselele zentuthuko ezikhona zesikhathi sethu kanye nokusheshisa ukutholakala kwama-SDG.
g) Umhlangano Wososayensi Abayinhloko KwezoLimo (i-MACS) owawubanjelwe eLimpopo - uxoxe ngamasu angenziwa okuthi amazwe emhlabeni wonke angaqinisa kanjani izindlela zokuthi ukudla kungapheli, ukulima okusimeme, kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu ngokusungula izinto ezintsha nokusebenzisana kwezesayensi. 
h) Umhlangano we-G20 Wokunakekelwa Nemfundo Yabantwana - kuxoxisanwe ngokubeka Ukunakekelwa Nemfundo Yabantwana  kummongo wohlelo lwezemfundo lomhlaba wonke.
i) Umhlangano we-G20: Ukulinganiswa Kweziqu Emhlabeni Wonke - kuxoxwe ngezindaba ezibalulekile ekubumbeni izinhlelo zemfundo ezibandakanya wonke umuntu nezincintisanayo emhlabeni wonke njengokufuduka kwabasebenzi bamazwe ngamazwe, ukusebenza  kwamakhono kwamanye amazwe kanye nendima eguquguqukayo yamakhono okufunda okuqhubekayo nokuletha amathuba okuqasheka.
j) Umhlangano Wesibili Weqembu Lokusebenza Lezemfundo owawuseNyakatho Ntshonalanga kwaxoxwa ngokuhlinzekwa kwemfundo esezingeni eliphezulu nebandakanya bonke abafundi.

C. Izinqumo zeKhabhinethi
1.    UMthetho Odingidwayo Wenqubomgomo Kazwelonke Yokufuduka Kwabasebenzi (i-NLMP) wezi-2025

1.1 IKhabhinethi igunyaze uMthetho Odingidwayo wezi-2025 weNqubomgomo Kazwelonke Yokufuduka Kwabasebenzi (i-NLMP) ukuthi uqalise ukusebenza. Inqubomgomo ihlose ukuhlinzeka ngohlaka lokuphoqelela ukuhanjiswa ngokufanelekile nokuhlelekile kanye nokuqashwa kwabantu bangaphandle ezweni. Ihlose  ukulinganisa emikhakheni eminingi, okuhlanganisa nokubhekana nalokho abantu baseNingizimu Afrika abakulindele ngamathemba okuthola imisebenzi, ngenxa yokwanda kokuntuleka kwemisebenzi kanye nombono wokuthi abantu bangaphandle bavala amathuba okufinyelela emakethe yezemisebenzi.

1.2    I-NLMP yethula izibalo enanini eliphelele labantu bangaphandle ababhalisiwe abanezimvume zokusebenza abangase baqashwe emikhakheni emikhulu yezomnotho efana nezolimo, ezokuvakasha kanye nokungcebeleka, kanye nezokwakha, phakathi kokunye.

1.3    Le nqubomgomo iphelelisa okunye ukungenelela okufana nokuphoqelelwa kohlu lwemikhakha lapho abantu bangaphandle bengeke benikwe izimvume zebhizinisi kanye nezichibiyelo zoMthetho Wezamabhizinisi Amancane Kazwelonke, we-1996 (uMthetho we-102 we-1996), njengoba uchitshiyelwe, ukuze kuvinjwe abantu bangaphandle abasungula amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo namancanyana, kanye nokuhweba kweminye imikhakha yezomnotho.

2.    Ukugunyazwa kweNqubomgomo Kazwelonke Yokunikeza Ilayisensi Yebhizinisi

2.1    Inqubomgomo Yokukhishwa Kwelayisensi Yebhizinisi iyisinyathelo esikhulu ekuhleleni izinqubo zokukhishwa kwamalayisensi kuwo wonke amazinga kazwelonke, wezifundazwe, nawomasipala, ukuqinisekisa ukuvumelana kwemithetho kanye nokwenza ngcono ukuthotshelwa kwemithetho.

2.2    Ngokwethula imihlahlandlela ecacile kanye nohlelo olukhethekile lwamalayisensi, inqubomgomo ikhuthaza ukufakwa kwezomnotho kwama-MSME kanye namaqembu ayencishwe amathuba phambilini emikhakheni eqondiwe, nokugcinwa kwemisebenzi ethile yebhizinisi eyenzelwe amabhizinisi aseNingizimu Afrika kuphela.

2.3    Ukwenza uhlelo lube ngolwesimanjemanje, inqubomgomo isungula ingosi yelayisensi ye-elekthronikhi, esikhundleni sezinqubo zasemandulo ezidlulelwe yisikhathi ngenkundla yedijithali esebenza kahle futhi esobala. Lolu shintsho alunciphisi nje kuphela izinkinga kwezokuphatha kodwa luphinde lusekele isimondawo esivumelana nebhizinisi, luqhubekisele phambili ukukhula ngokulingana kanye nokubamba iqhaza okubanzi emnothweni.

D. UMthethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinsizakalo Zokuqashwa  

1.1.    IKhabhinethi igunyaze uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinsizakalo Zokuqashwa ukuthi uhanjiswe ePhalamende.
1.2.    Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lwenqubomgomo kanye nesisekelo esingokomthetho sokulawula ukuqashwa kwabantu bangaphandle emabhizinisini ngesikhathi ukhuthaza ukuvikeleka kwezwe kanye nezintshisekelo zezwe.
1.3.    Inhloso yalo Mthethosivivinywa ukuphakamisa ukulawulwa kwama-ejensi ezabasebenzi ukuvimbela ukuxhashazwa kwabasebenzi, njengokuhlinzekwa kwemisebenzi eholela ubala ngokuthi kuqashwe abantu bangaphandle abangenazo izincwadi. Uphinde uhambelanise ukuhlinzekwa koMthetho Wokufuduka, (uMthetho we-13 wezi-2002) kanye noMthetho Wababaleki (uMthetho we-130 we-1998).
1.4.    Lo Mthethosivivinywa uphakamisa uhlaka oluzokwenza uNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi ukuthi abeke izilinganiso zokuqashwa kwabantu bangaphandle. Isilinganiso singasebenza ngokuya nomkhakha wezomnotho, isigaba somsebenzi noma indawo. UNgqongqoshe uzosungula isilinganiso emkhakheni ngemva kokubonisana neBhodi Lemisebenzi Yokuqashwa kanye nokucubungula imibono yomphakathi.
1.5.    IKhabhinethi iyalele uNgqongqoshe Wezokuqashwa Nezabasebenzi ukuthi aphothule ngokushesha imibono yalokho okuhlanganisa amakhono ayivelakancane nabalulekile ukuze kusungulwe isisekelo samakhono asekhaya ukuze kwenziwe ngcono ukuqashwa kwabantu abaningi baseNingizimu Afrika abangasebenzi.
1.6.    IKhabhinethi iphinde yasigcizelela isidingo sokusheshisa ukuphothulwa koMthetho Odingidwayo Wokufudukela kwelinye izwe ukuze kulawulwe ngempumelelo ukufuduka kwabasebenzi.

E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1. Mnu Matsobane Themba Matlou njengeSikhulu Esiphezulu ku-Ejensi Yezezimpesheni eNingizimu Afrika. 
2. UNkz Ogalaletseng Anastasia Gaarekwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (i-DDG): Ubudlelwano Ngaphakathi Kuhulumeni kuMgcinimafa Kazwelonke. 
3. UMnu Christopher Charles Axelson njenge-DDG: Umkhakha Wezentela Nezezimali kuMgcinimafa Kazwelonke. 
4. Nksz Ulrike Britton njenge-DDG: Ezezimali Zikahulumeni kuMgcinimafa Kazwelonke
5. Amalungu ebhodi Yesikhwama Somshwalense Wabangasebenzi (i-UIF):
(a) Nkz Zodwa Penelope Manase (uSihlalo) 
(b) Mnu Edward Malomeje Thobejane (Abasebenzi Abahlelekile);
(c) Nkz Martle Keyter (Abasebenzi Abahlelekile);
(d) Mnu Malesela Moses Lekota (Abasebenzi Abahlelekile);
(e) Nkz Zizile Lushaba-Nyawo (Ibhizinisi Ahlelekile);
(f) Mnu Hillary Mac Master (Ibhizinisi Elihlelekile);
(g) Nkz Beverly Jack (Ibhizinisi Elihlelekile);
(h) Mnu Thembinkosi Josopu (Umphakathi Ohleliwe);
(i) Mnu Skhumbuzo Mpanza (Umphakathi Ohlelekile);  
(j) Nkz Paulet Sesedi Pelo (Umphakathi Ohleliwe). 
(k) Mnu Mahuza Ngubane (omele uMnyango wezeMfundo ePhakeme);
(l) Nkz Ogalaletseng Anastasia Gaarekwe (omele uMgcinimafa Kazwelonke); futhi 
(m) Nkz Ntshimi Esther Tloana (omele uMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi)

6. Amalungu eBhodi le-Sentech: 
(a) Nkz Sedzani Mudau (uSihlalo);
(b) Mnu Themba Phiri;
(c) Mnu Mbasa Metuse;
(d) u-Adv Lavandran Gopaul;
(e) Mnu Patrick Wadula;
(f) Mnu Peter Zimri;
(g) Nkz Alexandria Procter; kanye 
(h) no-Nkz Lwazikazi Nopece.

F. Imicimbi ezayo
1. Isikhumbuzo sezinyanga ezibalulekile kanye nemicimbi kazwelonke ngowezi-2025 

IKhabhinethi igunyaze izindikimba kanye nemibhalo yokubungazwa kwemicimbi kazwelonke ebalulekile ezokwenzeka ezinyangeni ezimbalwa ezizayo ngale ndlela elandelayo:
(a) Inyanga Yentsha
Uhlelo lweNyanga Yentsha yowezi-2025 luzokwethulwa e-Hector Pieterson Memorial and Museum e-Orlando West, e-Soweto e-Gauteng ngaphansi kwendikimba ethi: “Amakhono Omhlaba oshintshayo – Ukuthuthukisa intsha ukuze ibambe iqhaza elibonakalayo kwezomnotho.” Ukugxila kohlelo lweNyanga Yentsha yowezi-2025 kuzoba ikhwelo lokuthatha izinyathelo zokubhekana nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha futhi kwakhiwe umnotho obeka eqhulwini intsha yezwe. Le nyanga izosetshenziselwa ukugqamisa amathuba okufunda atholakalayo namathuba emisebenzi ezimbonini ezingaqasha abantu abaningi futhi ezidingeka kakhulu kubantu abasha.
(b) Inyanga Yabesifazane
IKhabhinethi igunyaze indikimba nemisebenzi yokubungaza uhlelo lweNyanga Yabesifazane yowezi-2025, kulo nyaka kuphela iminyaka engama-30 Yesimemezelo Sase-Beijing sowe-1995 kanye Nohlelo Lokusebenza, okuwuphawu olubalulekile lwamalungelo abantu besifazane, ukufukulwa kanye nokuphishekela ukulingana ngokobulili. Uhlelo lowezi-2025 luzogxila ekuqaliseni izinyathelo zokuvimbela isihlava esibi soDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane i-GBVF, ukukhuthaza ukuziphatha okunempilo, inhlonipho kanye nesimo sengqondo phakathi kwabesilisa nabafana, nokudala izindawo zokusebenza kanye nezimo lapho abesifazane namantombazane bezizwa bephephile. IKhabhinethi igcizelele ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basukume babhekane ngqo ne-GBVF.
(c) Izinsuku eziyi-16 Zokulwisana ne-GBVF
Umkhankaso wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olusekelwe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) uzoba kusukela mhla zingama-25 kuLwezi kuze kube ziyi-10 kuZibandlela 2025 ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukuthuthukisa Uguquko: Ukulinganisa, ukuvimbela, ukugqugquzela ubudoda obuhle, kanye nokuqinisekisa izindawo eziphephile nezibandaka wonke umuntu ukuze kuqedwe i-GBVF”. Umkhankaso wakulo nyaka uyaqhubeka nokubhekana nezimbangela ze-GBVF ngesikhathi ukhuthaza ubudoda obuhle kanye nokulingana ngokobulili, kanye nokudala amathuba ezomnotho kwabesifazane kanye nezingane.
(d) Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka
IKhabhinethi igunyaze umbhalo kanye nendikimba yeNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka yowezi-2025 (i-DRAM) eqala mhla wesi-3 kuLwezi kuya mhla wesi-3 kuZibandlela. Indikimba ithi: “Ukusungula ubudlelwano obunobuhlakani bemikhakha eminingi emphakathini obandakanya abaphila nokukhubazeka.” Indikimba igcizelela ukubaluleka kobambiswano ekuthuthukiseni amalungelo nokubamba iqhaza, kwabantu abaphila nokukhubazeka emphakathini. Le misebenzi ezodonsa inyanga yonke izoqwashisa abantu futhi iphinde ikhombise inqubekelaphambili izwe eseliyenzile ekuqinisekiseni ukuthi amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka ayavikelwa, lokhu kuzohlanganisa ukugqugquzela ukulalelwa kwemibono yezingane eziphila nokukhubazeka, ukuvula amathuba edijithali kubantu abaphila nokukhubazeka kanye nokutshala imali kumasu okuthuthukisa imisebenzi ebandakanya abantu abaphila nokukhubazeka.

G. Imiyalezo
1. Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:
a) Umama u-Gertrude Ntiti Shope, owayaziwa kakhulu ngelika-MaShope, iqhawe lomzabalazo wethu wenkululeko owayeyingxenye yeqembu lokuqala lamalungu ePhalamende akhethwa ngokwentando yeningi ngowe-1994. Wayephinde abe yilungu le-Order for Meritorious Service (Silver), elaklonyeliswa ngowezi-2003 ebongwa ngomsebenzi wakhe womphakathi. Ngaphezu kwalokho, u-MaShope wayeyilungu elasungula i-Federation of South African Women (i-FEDSAW) eyahlanganisa abesifazane ukuba balwe nombuso wobandlululo ongenabulungisa, ononya kanye nobandlululo. Wakhethwa njengoMongameli wokuqala we-ANCWL ngowe-1991. UMongameli Ramaphosa umemezele ukuthi u-MaShope uzohlonishwa ngeSigaba Soku-1 Somngcwabo Esikhethekile kanye nokuthi amafulegi aseNingizimu Afrika ezweni lonke nakuzo zonke izikhungo zethu kufanele aphephezeliswe kuhhafu kuze kufike inkonzo yomngcwabo wakhe ngoMgqibelo, zingama-31 kuNhlaba 2025. 
b) U-Nkz Lungi Annette Mnganga-Gcabashe obeyiLungu LePhalamende ngezikhathi ezehlukene kusukela ngowezi-2004 futhi wasebenza njengoSihlalo weKomidi lesiShayamthetho lezokuvakasha ePhalamende lesi-7. Uphinde waba yiPhini likaMengameli we-ANCWL. Walwa nokungabi nabulungiswa kobandlululo futhi wabamba iqhaza elikhulu ekugqugquzeleni imiphakathi ukuthi ibe nokuthula ngesikhathi kunodlame lwezombusazwe KwaZulu-Natali.
c. Umlingisi owanqoba izindondo, u-Presley Chweneyagae owaduma ngekhono lakhe elimangalisayo lokulingisa efilimini i-Tsotsi, eyanqoba indondo yohlobo lwe-Academy Award for Best Foreign Language Film ngowezi-2005. Udlale emafilimini amaningi nasemidlalweni yomabonakude, ngesikhathi edlula emhlabeni ubedumile endimeni yakhe engu-Cobrizi emdlalweni kamabonakude odumile i-The River. 
d) Umsakazi osemnkantshubomvu u-Darren Scott izwi lakhe elakha imboni yemisakazo yaseNingizimu Afrika iminyaka engaphezu kwamashumi amane futhi ngowezi-2024 wangeniswa ku-Radio Awards Hall of Fame. 
e) Owayengumdlali wamaBhokobhoko u-Cornal Hendricks owadlala imidlalo yokuzivivinya eyi-12 ehambisana namaBhokobhoko phakathi kowezi-2014 nowezi-2015 futhi washaya ama-try amahlanu.
f) U-Charles B Rangel, owayeyilungu lengqungquthela yase-US futhi esebenze isikhathi eside e-Harlem, eNew York, okwathi ngowe-1987 waxhasa lokho okwakwaziwa ngokuthi “I-Rangel Amendment” eyashintsha ikhodi yentela yase-US ukuze yenqabele izinkampani zangaphandle zentela ezinkampanini zase-US ezazitshala imali ku-Apartheid South Africa. Uphinde wasebenzisa amandla akhe ukuze asize ukuvula amathuba okuhweba phakathi kwe-US namazwe asathuthuka ngokusebenzisa i-Caribbean Basin Initiative kanye noMthetho Owengamele Ukukhula kanye Namathuba e-Afrika i-African Growth and Opportunity Act (AGOA).
g) U-Ngũgĩ wa Thiong'o, umbhali wase-Kenya owashona eneminyaka engama-87 ubudala, wayenguqweqwe kwezezincwadi zesimanje zase-Afrika - imibhalo yakhe ebhala ngokuguqulwa kwe-Kenya isuka esihlokweni sobukoloni kuya kwintando yeningi, futhi umsebenzi wakhe uyaqhubeka nokukhuthaza i-Afrika kanye Nomhlaba ekuthuthukisweni kweZwekazi lase-Afrika. Uzokhunjulwa njengoqweqwe oluphambili kwezokubhala ezwenikazini i-Afrika.
h) U-Dkt, u-Dean Tshenuwani Simon Farisani, owayeyilungu lePhalamende, owayenguNgqongqoshe Wezokuthutha eLimpopo, isazi sezenkolo nomfundisi weBandla lamaLuthela aseNingizimu Afrika (i-ELCSA). Ngesikhathi sobandlululo, wayengomunye wabefundisi abamnyama ababegqame kakhulu ezweni ababeshumayela imfundiso yenkolo yokulwela inkululeko yobandlululo ephuma kwi-Diocese yakhe kanye ne-Devhula-Lebowa Circuit eyayise-Transvaal ngaleso sikhathi. Wasungula i-Black Evangelic Youth Organisation kanye no-Cyril Ramaphosa (onguMongameli waseNingizimu Afrika wamanje) ekuqaleni kowe-1970 futhi wayekhuthele enhlanganweni yaBantu abamnyama i-Black Consciousness, ikakhulukazi njengoMongameli wayo we-Black People's Convention kusukela ngowe-1973 kuya kowe-1975. Waxoshwa futhi wadingiswa ekuqaleni kowe-1980. Ekubuyeni kwakhe ngemuva kokuvalwa kwe-ANC, waba nesandla ekwakhiweni kabusha kwezinhlaka ze-ANC, wagqugquzela iBandla ukuthi lisekele ukubuyisana kwezwe nokuthuthukiswa komphakathi.

2.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi ihalalisela futhi ifisela okuhle laba:

a) Umsubathi oshisa izikhotha u-Akani Simbine, okumanje ungumsubathi oshesha kakhulu emhlabeni, onqobe i-100m kwimidlalo ye-Atlanta City ngemizuzwana engu-9.86 kanye ne-100m kumqhudelwano we-Rabat Diamond League ngesikhathi esingu-9.95s.
b) Umsubathi osemncane uBayanda Walaza, oshesha kakhulu esigabeni sakhe seminyaka yobudala emhlabeni oqophe irekhodi elisha laseNingizimu Afrika ku-100m Yabesilisa, egijima imizuzwana engu-9.94 eSikhumbuzweni sika-Boris Hanzekovic.

c) Umsubathi waseNingizimu Afrika, uZakithi Nene oqede endaweni yesibili yabesilisa i-Men’s 400m, egijima imizuzwana engu-44.46 ku-Rabat Diamond League.

d) Amajita, iqembu lesizwe lebhola likanobhutshuzwayo elingaphansi kweminyaka engama-20, elaqopha umlando ngokunqoba isicoco sendebe yezizwe zase-Afrika yabangaphansi kweminyaka engama-20 okokuqala ngqa.

e) U-Rayno Nel ngokuqopha umlando wokuba ngowokuqala waseNingizimu Afrika kanye nowase-Afrika ukubanga isicoco esihlonishwayo seNdoda Enamandla Kunabo Bonke Emhlabeni.

Imibuzo: 
Nkz Nomonde Mnukwa – Ibamba likaSomlomo kaHulumeni 
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore