A. Ezisematheni
1. Umnotho
1.1. INingizimu Afrika: Indawo Ehamba Phambili Kutshalomali
1.1.1. IKhabhinethi licubungule ngezinhlelo zotshalomali ezivele ohambweni lokuvakashela e-New York e-USA lukaMongameli u-Cyril Ramaphosa nePhini likaMongameli u-Paul Mashatile nase-New York e-United Kingdom (UK).
1.1.2. Uhlelo lukaMongameli, ngokuhambiselana noMhlangano Omkhulu Wezizwe Ezibumbene (i-UNGA) wama-79, lufaka phakathi amathuba okuthuthukisa iNingizimu Afrika njengezwe elihamba phambili lokutshala izimali njengokusho kwakhe kwinkulumo yakhe kwiMakethe Yamasheya yase-New York – inkundla yokuthengiselana ngamasheya enkulukazi emhlabeni ngokwenani lemakethe.
1.1.3. Umkhankaso wotshalomali wePhini likaMongameli obuse-UK nase-Ireland uphinde wabandakanya ukukhuluma neMakethe Yamasheya e-London (i-LSE) mayelana nesidingo sokuthi banyuse izimali abazitshala eNingizimu Afrika. I-LSE bekuyinkundla yokuthengiselana ngamasheya ehamba phambili e-Europe ngowezi-2023.
1.1.4. Bobabili uMongameli u-Ramaphosa nePhini likaMongameli u-Mashatile, kanye nethimba ebelibaphelezele, babalule ngalokho okubekwe eqhulwini nguHulumeni Wobumbano Lukazwelonke (i-GNU), nokubeka phambili ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu nokusungulwa kwamathuba emisebenzi, kanye nezinhlelo ezihambisana nalokhu ziyaqhubeka ukufeza yonke imisebenzi ebekwe eqhulwini. Baphinde bacacisa ngomsebenzi oqhubekayo ezinhlelweni zokuguqula izakhiwo okuzokwenza ukuthi kube nezimo ezivumela utshalomali. Uhlelo lwezinguquko zezakhiwo luqhutshwa ngumkhankaso i-Operation Vulindlela eholwa yiHhovisi likaMongameli noMgcinimafa kaZwelonke.
1.2. ISigaba Sesibili Sokusebenzisana Kukahulumeni Namabhizinisi
1.2.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kweSigaba Sesibili Sokusebenzisana Kukahulumeni Namabhizinisi okuhloswe ngakho ukuqalisa izingenelelo eziseqhulwini emikhakheni ekhethiwe ukuze kuzosheshiswa imisebenzi ezoholela ekukhuleni komnotho obandakanya wonke umuntu nokusungulwa kwemisebenzi, ngokuthi kukhuliswe utshalomali kanye nokuqaliswa kwezinguquko, okuzothuthukisa isizwe.
1.2.2. Ukweseka izingenelelo zikahulumeni, Abaphathi Abakhulu (ama-CEO) abangaphezu kwe-130 bamabhizinisi amakhulu eNingizimu Afrika bahlanganisa izinsiza, okufaka phakathi ulwazi lokubhekana nenkinga yokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga okuyimanje sekuyinto esingasayazi, beseka ukuqaliswa koMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla, Ukuguqulwa Kwama-Visa, kanye nokulwa nobugebengu nenkohlakalo eSigabeni Sokuqala.
1.3. Ukufakwa Kusomqulu Ukuguqulwa Kwama-Visa
1.3.1. IKhabhinethi lamukele ukufakwa kusomqulu kwendlela entsha yama-visa eNingizimu Afrika njengegxathu elibalulekile lokuheha amakhono notshalomali emhlabeni jikelele, ukukhulisa ezokuvakasha kanye nokusungula imisebenzi.
1.3.2. UNgqongqoshe Wezasekhaya, uDkt. Leon Schreiber, ushicilele kusomqulu izinguquko, ezihlanganise enye impumelelo ngaphansi kwe-Operation Vulindlela.
1.4. Ukuqinisekisa ukuthotshelwa Kwemithetho Yabasebenzi
1.4.1. IKhabhinethi lincome imizamo ehlangene eholwa nguMnyango Wezemisebenzi Nabasebenzi (i-DEL) yokuqinisekisa ukuthi abaqashi balandela imithetho yokuqasha abantu.
1.4.2. Selokhu kuthathe uHulumeni Wehlandla Lesikhombisa, i-DEL isikhiphele abaqashi abangenzi kahle embonini yokuphathwa kwezivakashi abaqhubeka nokuqasha abantu bokufika abangenamaphepha izinhlawulo ezingaphezu kwezigidi eziyi-R10. Lokhu kuhlola kuyafana nalokhu okwenziwa embonini yamaloli ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi abaqashi balandela imiyalelo yoMthetho Wezimo Zokuqashwa Kwabantu, wangowe-1997 (Umthetho wama-75 we-1997).
1.4.3. Ukuhlola kuphinde kwaveza ukungathotshelwa kweMithetho Yezabasebenzi ebandakanya amaholo amancane, ukudonswa kwemali, izimo zokuphepha nezempilo ezinganele emsebenzini.
1.5. UHlelo Lokusiza Umqashi Nomsebenzi Lwesikhashana (i-TERS)
1.5.1. IKhabhinethi lamukela ukwenyuswa kwesabelomali se-TERS sisuka kwizigidi ezingama-R400 siya kwizigidigidi ezi-R2.4 kulo nyaka wezimali esikuwo.
1.5.2. Ukwenyuka kwesabelomali kuyingxenye yokuphendula kukahulumeni ekusizeni ukugcina imisebenzi ngokusiza izinkampani ezizithola zisenkingeni yezimali ngenxa yezimo zomnotho ezinzima nokunciphisa ukudilizwa kwabasebenzi.
2. Ukulwa Nobugebengu Nenkohlakalo
2.1. Ubugebengu
2.1.1. IKhabhinethi ligxeka ukubulawa kwabantu abayishumi nesishiyagalombili (18) eLusikisiki nabaqaphi basemphakathini abayisithupha (6) kuQumbu eMpumalanga Kapa ezigamekweni zokudutshulwa.
2.1.2. IKhabhinethi lamukele ukujutshwa okusheshayo kwethimba longoti bamaphoyisa ukuthi baphenye lezi zigameko zokudubula, umsebenzi walo osuvele uthela izithelo, ngoba umsolwa oyedwa oxhunyaniswa ngqo nokubulawa kwabantu abayi-18 eLusikisiki usevelile enkantolo.
2.1.3. IKhabhinethi lamukele ukuphumelela kwemikhankaso eholwa ezobunhloli ebiqhutshwa e-Verulam nasezindaweni zase-High-Flats KwaZulu-Natali. Emkhankasweni wase-Verulam, amaphoyisa atholane phezulu nongqondongqondo futhi ongomunye wabasolwa abafunelwa ukuphangwa kwezimoto ezithwala imali KwaZulu-Natali. Umsolwa wabulalwa ngesikhathi kudutshulwana emva kokuthi evulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni. Ngokufanayo, abasolwa ababili (2) abasolwa ngokubulala abantu abayisikhombisa (7) e-High-Flats babulelwe ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa.
2.1.4. IKhabhinethi liyagqugquzeleka ngempumelelo eqhubekayo ye-Operation Shanela. Esontweni eledlule, abasolwa abangaphezu kwezi-10 000 baboshiwe ngamacala ehlukene afana nokubulala, ukudlwengula, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, ukuphangwa kwamabhizinisi kanye nabashushumbisa izidakamizwa ngokutholakala ne-cocaine emachwebeni angenela ezweni lethu.
2.1.5. IKhabhinethi liphinde lancoma umkhankaso wase-Limpopo oholele ekuvunjululweni kwendawo eyenza izidakamizwa e-Lebowakgomo, lapho kushaqwe khona izidakamizwa zenani elilinganiselwa kwizigidi ezi-R4 futhi kwaboshwa nabasolwa abathathu (3).
2.2. Ukulwa Nenkohlakalo
2.2.1. IKhabhinethi lamukele ukuboshwa kwabaqondisi abayisithupha benkampani yobunjiniyela ababekwe amacala okufolosa ngaBantu Abamnyama bakhwabanisa ithenda eyizigidi ezingama-R400 kwa-Eskom nase-Sasol.
2.3. Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
2.3.1. Ukugwetshwa komdlwenguli odlwengula ephindelela olahlwe yicala uNkosinathi Phakathi odilikajele abangama-42 yiNkantolo Ephakeme yase-Gauteng kuthumela isexwayiso kubabhebhezeli be-GBVF sokuthi isizwe sakithi ngeke siphile lubhojozi ngenhla yezenzo zabo ezimbi.
2.3.2. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babike bonke ababhebhezeli bobugebengu be-GBVF noma ngaluphi uhlobo lodlame olubhekiswe kubantu ababuthakathaka - ingane, umuntu omdala noma umuntu ophila nokukhubazeka - esiteshini samaphoyisa sendawo noma bashayele inombolo yamahhala ye-Crime Stop ethi: 086 00 10111.
3. Ukubusa
3.1. Ekugcwaliseleni isethembiso esenziwa ngesikhathi seNkulumo emayelana Nokusetshenziswa Kwezimali kweHhovisi LikaMongameli sokuthi bazosebenzisana nohulumeni bezifundazwe nabasekhaya ukuxazulula izinkinga zokulethwa kwezidingonqangi, uMongameli u-Ramaphosa uzohola ithimba lamalungu eKhabhinethi ekuxoxisaneni noNdunankulu Namalungu Amakomidi Aphezulu Esifundazwe.
3.2. Uhambo lokuqala luzoya e-Limpopo ngoLwesihlanu, mhla lu-1 kuLwezi 2024 futhi luzolandelwa uhambo oluya KwaZulu-Natali ngoLwesine, mhla wesi-7 kuLwezi 2024.
4. Ukuvikelwa Komphakathi
4.1. Izimo Zezulu Ezimbi
4.1.1. IKhabhinethi seligqugquzele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale beqaphile futhi bahloniphe izixwayiso zesimo sezulu eziphuma kwiNhlangano Yesimo Sezulu eNingizimu Afrika. Izwe liyaqhubeka nokubhekana nesimo sezulu esingesihle kusuka ekukhithikeni okungajwayelekile, izikhukhula, iziphepho, izivunguvungu kanye nokushisa kakhulu okudalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu. Izixwayiso zesimo sezulu zithunyelwa kuzozonke izinkundla zokuxhumana, kanye neziteshi zemisakazo yomphakathi.
4.1.2. IKhabhinethi maduze-nje lizothola iQhingasu Elihlanganisiwe Lokubhekana Nokulawula Izinhlekelele ezibuyekeziwe elikhuluma ngokunciphisa nokubhekana nezinhlekelele, kufaka phakathi noxhasomali lokusiza ngezikhathi zenhlekelele.
4.2. IForamu Yokuqala Kazwelonke yoHlelo Lokufudukela Emadolobheni
4.2.1. Iminyango eyehlukene okunguMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, owezoKubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, i-South African Cities Network kanye noHlelo lwe-UN Lwezokuhlaliswa Kwabantu (i-UN-Habitat) basingathe iForamu Yokuqala Kazwelonke yoHlelo Lokufudukela Emadolobheni yezinsuku ezintathu, kanye neNqubomgomo yeNingizimu Afrika Yokufudukela Emadolobheni. Iforamu ibihlanganise ababambiqhaza ababalulekile ukuzokhuluma ngezinselele nokubonisana ngamathuba okufudukela emadolobheni eNingizimu Afrika.
4.2.2. Iforamu igqamise ukubaluleka kokulawula ukufudukela emadolobheni njengenye yezindlela zokubhekana nezimo ezifana nokuguquguquka kwesimo sezulu, ukuthuthukiswa kwezokuthutha nobuchwepheshe.
4.3. Ukubuyiswa kwamathambo aMaqhawe Enkululeko aseNingizimu Afrika
4.3.1. IKhabhinethi lamukele ukubuyiswa kwamathambo amaqhawe ethu enkululeko ayekade engcwatshwe e-Zimbabwe nase-Zambia. Ukubuyiswa kwamathambo abo eNingizimu Afrika esikhululekile kungukufezeka kweSandulela soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996, oyala ngokuthi kufanele 'siqede ukwahlukana kwesikhathi esedlule bese sisungula umphakathi owakhelwe phezu kwentando yeningi labantu, ubulungiswa kanye namalungelo abantu.'
4.3.2. Lesi sinyathelo siyingxenye yoHlelo Lokubuyiswa Kwamathambo Amaqhawe, okuhloswe ngalo ukuvumela izwe nemindeni ukuthi ikhumbule labo abalwela inkululeko nobulungiswa, nokuthi uhulumeni ahloniphe futhi agcine umlando walabo abanikela ngezimpilo zabo ukuze izwe lizokhululeka.
4.3.3. INingizimu Afrika kusafanele ibonge kakhulu ubumbano lwamazwe ngamazwe lwawo wonke amazwe akhoselisa amaqhawe enkululeko, aweseka futhi awanika nendawo yokugcina yokuphumula.
4.4. Ezemidlalo
4.4.1. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke unozinti weqembu le-Mamelodi Sundowns neBafana Bafana u-Ronwen Williams, oqokwe njengomunye wonozinti abayishumi abahamba phambili emhlabeni kuma-Ballon d’Or awards emkhakheni we-Yachine Trophy, ngokuthi bavote ku-https://www.lequipe.fr/en/special/selection/ballon-dor-2024/section/the…
4.4.2. U-Williams ungumdlali waseNingizimu Afrika wokuqala ukuthi aqokelwe i-Yachine Trophy kuma-Ballon d’Or awards. Ihlandla lama-68 lomcimbi wokuklonyeliswa lizoba mhla wama-28 kuMfumfu 2024. Kusuka manje kuze kube yilolo suku, singavotela u-Williams kuyo yomibili imkhakha ye-English ne-French.
5. Izindaba Zamazwe Ngamazwe
5.1. Isinqumo se-UNGA ngengxabano ye-Israel ne-Palestine
5.1.1. IKhabhinethi lamukele isinqumo se-UNGA esimemezele ukuthi ukuhlala kwezwe lakwa-Israel e-East Jerusalem, e-West Bank nase-Gaza akukho emthethweni, kwabe sekugunyazwa ukuthi izifiki namasotsha akwa-Israel mabaphume baphele.
5.1.2. Lesi sinqumo asibalulekanga kuphela ecaleni leNingizimu Afrika eliseNkantolo Yobulungiswa Yamazwe Ngamazwe (i-ICJ) kodwa amazwe athuthukile afana ne-Spain, i-Belgium ne-Japan ahlanganyele namazwe amaningi aseNingizimu ukweseka lesi sinqumo.
5.2. Uhambo Lombuso oluya e-Kingdom of Lesotho
5.2.1. IKhabhinethi liluphawulile uHambo Lombuso lukaMongameli u-Ramaphosa lokuya e-Kingdom of Lesotho ngoLwesihlanu, mhla wesi-4 kuMfumfu 2024, ngokumenywa iNkosi u-Letsie III. Kulolu hambo, uMongameli wethamele uKubungazwa Kweminyaka engama-58 yoSuku Lokuzibusa Kwezwe lase-Lesotho Nomgubho Weminyaka Eyikhulu, waphinda wabeka amagama ngesikhathi semigubho yesikhumbuzo samagugu acebile eSizwe saBasotho.
5.3. Ingxabano eqhubekayo e-Sudan
5.3.1. IKhabhinethi liphawulile ngokubhebhetheka kwengxabano e-Sudan labe selinxusa bonke abantu base-Sudan ukuthi bathobele imiyalelo ye-AU neZiphathimandla Zentuthuko kuHulumeni wokuthi baqede ingxabano. INingizimu Afrika ikulungele ukusiza amaqembu ngobungcweti bayo, ababambiqhaza nabanye ababandakanyekayo ukuze kuzosetshenzwa ngokubambisana ukuletha ukuthula e-Sudan.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. Umbiko ngokuphothulwa kokuHlolwa Kwendlela Yokuphila kwamalungu angaBaphathi (i-SMS)
1.1. IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokuqhubekayo ekuphothulweni kwama-eDisclosure ngamalungu angama-SMS futhi lancoma inqubekelaphambili eyenziwe okubandakanya ukuthotshelwa komthetho yiminyango kazwelonke nezifundazwe eyi-147 kweyi-160, yaphinda yatshelwa ngophenyo oluqhubekayo kumalungu angathobeli umthetho.
1.2. IKhabhinethi linxuse uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nokuphatha ukuthi ucabange ngokuyisa uhlelo lwe-eDisclosure komasipala.
2. Umbiko ngokusungulwa kweRejista Elilodwa Lokuqondiswa Kwezigwegwe kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni
2.1. IKhabhinethi lithole umbiko ngokuqhubekayo ekusungulweni kweRejista Elolidwa Lokuqondiswa Kwezigwegwe kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni futhi leseka isethulo sokuthi iRejista Lokuqondiswa Kwezigwegwe lihlanganiswe nohlelo lukahulumeni lokuKhokha imiholo kanye nolohulumeni basekhaya, ukuze uma kuqashwa kuzoba lula ukubona labo abathintekayo, abasula nabaxoshwa.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinya Osahlongozwa weNkampani kaWoyela yaseNingizimu Afrika (i-SANPC)
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa we-SANPC wezi-2024. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngokusungulwa kwenkampani kahulumeni, nokufakazisa isinqumo seKhabhinethi sangomhla we-10 kuNhlangulana 2020 sokuthi kuhlanganiswe i-PetroSA, i-South African Gas Development Company (i-iGas) ne-Strategic Fuel Fund Association.
1.2. Ukuhlungwa kokawoyela eNingizimu Afrika kwenziwa yi-International Oil Companies (i-IOC), lokho okubeka engozini ukutholakala kukawoyela oluketshezi njengoba i-IOC ivala izindawo zokuhlunga uwoyela. UMthethosivivinywa owethuliwe ubeka i-SANPC njengenkampani ezothatha ngokwayo amalungelo okuhlola uwoyela negesi iphinde iphathe amasheya ngokwemithetho yoMbuso yamalungelo ayo.
2. UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wemikhiqizo Kawoyela wezi-2024
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Osahlongozwa Wemikhiqizo Kawoyela ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi imikhiqizo kawoyela iyatholakala kanye nokuthuthukiswa komkhakha wemikhiqizo kawoyela, kubandakanya ukwethulwa kwemikhiqizo yesimanje, ecocekile kanye nevuselelekayo ezokwenza ngcono ukuhlanganiswa kwezamandla.
2.2. UMthethosivivinywa uzofaka igalelo kulokho okubekwe nguhulumeni eqhulwini okungukuguqula umnotho nokusungula amathuba emisebenzi emkhakheni wemikhiqizo kawoyela eNingizimu Afrika futhi uzoxazulula izinkinga eziningi ezaphakanyiswa ezihambisana nokuqhutshwa koMthetho Wemikhiqizo Kawoyela, we-1977 (Umthetho we-120 we-1977).
3. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezempilo Nokuphepha Kwezimayini
3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezempilo Nokuphepha Kwezimayini.
3.2. UMthethosivivinywa osahlongozwa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho Wezempilo Nokuphepha Kwezimayini, we-1996 (Umthetho wama-29 we-1996) ngokuhambelanisa izinqubo zokuphatha, ukuqinisa ukuthotshelwa komthetho, ukuqinisekisa amacala nezinhlawulo, nokuchibiyela ukuchazwa kwezinto ezithile.
3.3. UMthethosivivinywa osahlongozwa, phakathi kwezinye izinto, uzoqinisekisa ukuthi imigomo yezempilo nokuphepha iqaliswa ukusebenza kahle, iyalandelwa futhi yenza ngcono ukusebenza kwezimayini, ngalokho ke izonciphisa ukushona kwabasebenzi, ukulimala kanye nezifo.
D. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.
1. Mnu. Nkululeko Lwazi Mahlangu njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokubusa, Ubungozi Nokutshotshelwa Komthetho kuMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda.
2. Ukubekwa kwamalungu ebhodi le-Limpopo-Olifants Catchment Agency:
(a) Ummeli Thato Goodness Moeeng (uSihlalo);
(b) Mnu. Nandha Govender (iPhini likaSihlalo);
(c) Mnu. Francois Joubert;
(d) Nkz. Phathutshedzo Mudzanani;
(e) Dkt. Vhahangwele Bologo Akwinekomi;
(f) Mnu. Nkhangweni Lawrence Rambau;
(g) Mnu. Dikgole Timothy Seroka;
(h) Ummeli Reinette Mary Rosey; kanye
(i) noMmeli Elanie Broekman.
E. Imicimbi Ezayo
1. INyanga Yezokuthutha
1.1. Kulo nyaka siqeda iminyaka eyi-19 yeNyanga Yezokuthutha ngoMfumfu ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Senza okuningi ngokubambisana". Imicimbi izogxila ekuboniseni ingqalasizinda yomphakathi kanye nokulungisa okuqhubekayo kwezinsizakalo zomphakathi ngokusebenzisana nabobonke ababambiqhaza.
1.2. Inqubekelaphambili ebonakalayo isiyenziwe kwezokuthuthwa kwempahla selokhu kwasungulwa i-Transnet War Room, nokusebenza kangcono ekuthuthweni kwempahla ngezitimela nasekusebenzeni kwamachweba.
1.3. Uhulumeni uzobonisa imiklamo yokwakhiwa kwemigwaqo, okufaka ukulungiswa kuka-N2/N3 KwaZulu-Natali ne-Moloto Road, ehlanganisa izifundazwe i-Gauteng, iMpumalanga ne-Limpopo.
1.4. I-Ejensi Yezitimela Zabagibeli eNingizimu Afrika (i-PRASA) isiyenze inqubekelaphambili ebonakalayo ekuvulweni futhi kwemizila ebalulekile efaka umzila wase-Germiston-Katlehong-Kwesine, okusahlolwa ukusebenza kwawo, kanye noMzila waseKapa, okuhlelwe ukuthi uphothulwe uma kuphela unyaka wezimali.
2. INyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi
2.1. UMfumfu uphinde abe yiNyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi kanti uhulumeni uhlose ukuqwashisa ngeMisebenzi yoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi.
2.2. Kule nyanga, kuzohanjelwa imiphakathi ezindaweni ezehlukene ezweni lonkana ukusondeza izinsizakalo emiphakathini, izinhlelo zokusiza umphakathi kanye nokuxoxisana nomphakathi, izinhlelo zemikhankaso yokuthuthukisa impilo yemiphakathi ethintekayo.
3. INgqungquthela Kazwelonke Yaminyaka Yonke Yomlando Okhulunywa Ngomlomo
3.1. INingizimu Afrika izobamba iNgqungquthela Kazwelonke Yaminyaka Yonke Yomlando Okhulunywa Ngomlomo yangowezi-2024 kusuka mhla wesi-7 kuya mhla we-11 kuMfumfu 2024 oLundi, KwaZulu-Natali.
3.2. Engqungqutheleni yakulo nyaka, kuzogxilwa ngokukhethekile kulezo zinto eziyisikhumbuzo sesizwe ezingabhalwanga phansi, ezingagciniwe nezingalondoloziwe ezinqolobaneni zikazwelonke nasesifundazweni.
4. Inyanga Yokuqwashisa Ngokuphila Kwengqondo
4.1. UMfumfu yiNyanga Yokuqwashisa Ngokuphila Kwengqondo, okuhloswe ngakho ukufundisa umphakathi ngokuphila kwengqondo nokubagqugquzela ukuthi banakekele ukuphila kwengqondo yabo. Sigqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathole usizo nokwesekwa, nokuthi bahloniphe labo abaphethwe yizifo zengqondo.
5. INgqungquthela ye-Brazil, i-Russia, i-India, i-China ne-South Africa (i-BRICS)
5.1. UMongameli u-Ramaphosa uzokwethamela iNgqungquthela yangowezi-2024 ye-BRICS e-Kazan, e-Russia kusuka mhla zingama-22 kuya zingama-24 kuMfumfu 2024.
5.2. ENgqungqutheleni ye-16 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuqinisa Ukusebenzisana Kwamazwe Ukuthuthukisa Umhlaba Ococekile Nezokuvikeleka”, kuzodingidwa ngezinkinga zohwebo, izinkinga zombusazwe emhlabeni kanye nokusebenzisana phakathi kwamazwe angamalungu.
6. USuku Lwenkululeko Yabezindaba
6.1. NgoMgqibelo, mhla we-19 kuMfumfu 2024, iNingizimu Afrika izobungaza uSuku Lwenkululeko Yabezindaba njengophawu lokukhumbula izigameko zangomhla we-19 kuMfumfu 1977 (uLwesithathu Omnyama) lapho kwanqantshelwa khona izinhlangano Ezilwela Abantu Abamnyama eziyi-19 kanye namaphephandaba amabili (2). INingizimu Afrika ekhululekile isiyenze inqubekelaphambili ebonakalayo ukuthuthukisa ukukhululeka kwabezindaba nokukhuluma ngokukhululeka. Ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka libhaliwe kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika.
7. IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM).
7.1. UMongameli u-Ramaphosa uzohola iMbizo kaMongameli ye-DDM ezoya eMgababa kuMasipala Wedolobha laseThekwini KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu, mhla wesi-8 kuLwezi 2024.
7.2. IKhabhinethi linxusa abahlali baseMgababa nezindawo eziseduzane ukuthi beze embizweni ukuze bezoxoxisana nabamele umphakathi ngezisombululo zezinselele ezikhona emiphakathini yabo, nokuthola izindlela zokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi.
8. Izivivinyo Zesitifiketi Sikazwelonke seBanga le-12 (i-NSC)
8.1. IKhabhinethi lifisela iKilasi langowezi-2024 okuhle kodwa uma liqala izivivinyo zikamatikuletsheni mhla wama-21 kuMfumfu 2024, futhi linxusa abazali nabanakekeli ukuthi beseke abafundi ngalesi sikhathi esibalulekile ohambeni lwabo lwemfundo.
8.2. I-NSC isalokhu iyigugu, futhi ivulela abantu abasha amathuba amaningi ajabulisayo.
G. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
• Ithimba Labameli laseNingizimu Afrika ku-ICJ ngokuklonyeliswa nge-4th Steve Biko/Frantz Fanon Award emkhakheni we-Psychology Liberation. Umklomelo ngowomsebenzi wabo wokuma neSivumelwano Sokunqanda Nokujeziswa Kobugebengu Bokubulawa Kwabantu e-Gaza. Amalungu ethimba yilawa: u-John Dugard SC; u-Adila Hassim SC; uTembeka Ngcukaitobi SC; u-Blinne Ní Ghrálaigh KC, u-Max du Plessis SC, u-Vaughan Lowe KC, u-Tshidiso Ramogale, u-Sarah Pudifin-Jones no-Lerato Zikalala.
• oSolwazi u-Salim Abdool Karim no-Quarraisha Abdool, ngokuthola umklomelo we-Lasker Award ngokusebenzela umphakathi ngomsebenzi wabo wocwaningo lwe-HIV lokusindisa impilo.
• U-Relebogile Maloma, umfundi onesibindi weBanga 3 ngokwenza i-chemotherapy kanye nothisha wakhe, uNkz. Nqobile Mbatha, ngokuthola uMklomelo kaNgqongqoshe we-#MyTeacher Award ngodaba lwabo olugqugquzelayo. Ngale kokulwa nomdlavuza, u-Relebogile, ngokwesekwa kakhulu nguNkz. Mbatha, ukwazile ukuqhubeka nomsebenzi wakhe wesikole ngesikhathi esesibhedlela. UNkz. Mbatha uqinisekise ukuthi u-Relebogile azange asalele emuva, ubemsiza ngokufunda nangokuxhumana nabanye abafundi ekilasini. Ngalo mzamo omkhulu, u-Relebogile akahambisananga nje nezifundo kodwa wenze ezibukwayo, waba kubafundi abayishumi abaphume phambili ekilasini lakhe – konke lokhu ukwenze esesibhedlela. Udaba lwabo lungubufakazi okunamandla bomphumela wozwelo nokuzinikela ekufundiseni, kanye nokuphikelela komuntu.
• Nkz. Melisa Carol Du Plessis (Ofundisa iBanga R);
• Nkz. Bonisiwe Happiness Maphumulo (Ofundisa Amabanga Aphansi);
• Nkz. Nthabiseng Mavis Mateba (Ofundisa Amakhono Empilo, iBanga 1-6);
• Nkz. Koliwe Doris Mbatha (Ubuholi Besikole Samabanga Aphansi);
• Mnu. Thapelo Jacob Mthimkhulu (Ofundisa Esikoleni Samabanga Aphezulu);
• Nkz. Rose Martha De Jonker (Ubuholi Esikoleni Samabanga Aphezulu);
• Mnu. Tiisetso Daniel Chaka (Ukufundisa Abafundi Abanezidingo Ezikhethekile);
• Mnu. Mbongiseni Cyril Dlamini (Ubuholi Esikoleni Sabafundi Abanezidingo Ezikhethekile)
• Mnu. Itumeleng Esau Jr Komane (Ukufundisa Nokufunda Ngobuchwepheshe);
• Nkz. Maserole Mojela (Ukufundisa Isayensi Yemvelo);
• Nkz. Motlatso Lucia Maake (Ukufundisa iSayensi);
• Mnu. Ethon Alexander (Ukufundisa Izibalo, GET);
• Mnu. Sithembiso Eugene Mahlalelo (Ukufundisa Izibalo, FET);
• Mnu. Derek Swart (Umklomelo we-Kader Asmal Lifetime Achievement); kanye
• noNkz. Ntombozuko Mkizwana (Uthisha Ophume Phambili Kuzwelonke).
• Ama-Springboks, iqembu lesizwe lombhoxo, ngokuphuma phambili ngesikhathi bedlala ne-Argentina nangokuthatha isicoco se-2024 Rugby Champions.
• Iqembu le-Under 20 Men’s likanobhutshuzwayo, elaziwa ngokuthi Amajita, ngokuthatha isicoco se-TotalEnergies CAF Under-20 Africa Cup of Nations champions, nokungena emidlalweni yemiqhudelwano ye-2025 U-20 Africa Cup of Nations.
• I-Motorsport South Africa, ngokuthola ithuba lokusingatha umcimbi we-World Rally-Raid Championship (i-W2RC), ozoba seNingizimu Afrika ngowezi-2025.
• U-Zoalize Jansen van Rensburg, ngokwethweswa isicoco sikaZime Womhlaba waseNingizimu Afrika ngowezi-2024. U-Zoalize uneminyaka eyi-18 futhi uzomela izwe kuNobuhle Womhlaba wama-71 ngoNhlolanja wezi-2025.
• Abaklonyeliswe emikhakheni eyehlukene kuma-SAICA South African in Australia Awards. Umklomelo we-CEO utholwe nguManana Johnson emkhakheni wezokuthuthukiswa komphakathi, Ubuntu, ukuxhumana nomphakathi nokubandakanywa kwentsha.
2. Amazwi enduduzo
• IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kuHulumeni nabantu base-Democratic Republic of Congo kulandela isibhicongo sesikebhe e-Lake Kivu ngoMgqibelo, mhla wesi-5 kuMfumfu 2024, esidlule nemiphefumulo yabantu.
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:
• Umfundisi owaziwayo u-Ray McCauley, umsunguli we-Rhema Bible Church noSihlalo waphambilini we-National Interfaith Council of South Africa.
• IJaji laphambilini u-Willem Heath – obengusihlalo we-Heath Commission of Enquiry ebiphenya ngenkohlakalo, ukukhwabanisa nokungaphathi kahle eMpumalanga Kapa, waphinde wahola uPhiko OLukhethekile Lokuphenywa Kwamacala kusuka ngowe-1997 kuya kowezi-2021.
• Umculi womculo wokholo u-Solomon Molokoane, odume ngelika ‘Solly Moholo’, obesinika ukugqugquzeleka, ukuphola nokujabula ngomculo wakhe.
• USiphiwe ‘General GTZ’ Sibisi, obese kunguyena osele eqenjini lomculo we-Kwaito i-Chiskop, nowadlala indima ebalulekile ekuthuthukisweni komculo we-Kwaito kuleli lizwe.
3. Isimemezelo Somphakathi
a. IKhabhinethi linxusa bonke abantu bakuleli lizwe ukuthi basebenzise amanzi ngokuwonga njengoba iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe eliswele amanzi futhi njengamanje sibhekene nokuncipha kwamanzi. Ikakhulukazi, sinxusa abahlali base-Gauteng naKwaZulu-Natali, lapho amanzi esezingeni lokuqala (1) nasezingeni lesibili (2) izinyathelo zokuvalwa kwamanzi seziqalile, ukulandela ukuvalwa kwamanzi okubekiwe.
b. Amanzi ayimpilo, asebenzise ngokuwonga.
Sikhishwe: uPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485