A. Ezisematheni
1. Ubulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nezokuvikeleka
1.1. IKhomishini Yezobulungiswa Yophenyo kaMadlanga
1.1.1. IKhabhinethi ikwamukele ukuqokwa kweKhomishini Yezobulungiswa kaMadlanga Ephenya NgoBugebengu, Ukugxambukela Kwezombusazwe kanye Nenkohlakalo Ohlelweni Lwezobulungiswa Bobugebengu kanye nokushicilelwa kusomqulu kweMigomo Yokusebenza.
1.1.2. Ukusungulwa kwekhomishini kuqinisekisa ukuzibophezela kukaMongameli ekusebenziseni izinqubo zomthethosisekelo ukuze kuphenywe ngokuphelele izinsolo zokungenzi kahle, ukugcina ubuqotho bezikhungo zethu, ukwakha ukwethenjwa ngumphakathi kanye nokwenza noma ubani ophula imithetho yezwe lethu aziphendulele.
1.2. Ukunqanda Nokulwisana Nobugebengu
1.2.1. IKhabhinethi ikwamukele ukungenelela kwamaphoyisa ngohlelo lwe-Operation Shanela 2 lapho kuboshwe abasolwa abangaphezu kwezi-17 000 ezweni lonkana phakathi kwama-27 kuNtulikazi nomhla zi-2 kuNcwaba 2025. Babalelwa kwizi-2 911 abasolwa abebefunwa ababoshelwe amacala abucayi nanodlame, afana nokubulala, ukuzama ukubulala, ukuduna izimoto, ukudlwengula, ukugqekeza izindlu namabhizinisi kanti abayi-1 763 baboshelwe ukushaya, nokulimaza kanzima (i-GBH).
1.2.2. IKhabhinethi iphinde yakwamukela ukuboshwa kwabasolwa abangama-550 abasolwa ngokumba izimayini ngokungekho emthethweni emgodini wezimayini e-Barberton, eMpumalanga njengengxenye ye-Operation Vala Umgodi futhi yakuphawula ukuthi banikwe ibheyili.
B. Ezakamuva kwiKhabhinethi
1. UHlaka Lokusebenzisana neMelika
1.1. IKhabhinethi ithole ulwazi lwakamuva loHlaka Lokusebenzisana neMelika (i-USA), mayelana namanani entela angama-30% anikezwa iNingizimu Afrika okulindeleke ukuthi aqale ukusebenza kusukela mhla ziyisi-7 kuNcwaba 2025; ngokuthi amanani entela azobuyekezwa ngokushesha uma lawa mazwe amabili (2) efinyelela esivumelwaneni.
1.2. IKhabhinethi ikuqinisekisile ukuzibophezela kukahulumeni ekutholeni izixazululo ezakhayo nezisimeme ngokuqhubeka nokuxoxisana neMelika nokubandakanya okusezingeni lobuMongameli.
1.3. Njengoba iHhovisi likaMongameli lishilo, uMongameli Ramaphosa uxhumene noMongameli Trump ngocingo izolo ekuseni njengengxenye yokuqinisa imizamo yezingxoxo ezimayelana nezivumelwano zokuhwebelana neNingizimu Afrika.
1.4. Imizamo kahulumeni isagxile ekukhuliseni umnotho ukusindisa nokudala amathuba emisebenzi emisha, okuhlanganisa nokuqinisa imizamo eyehlukahlukene kanye nokuqinisa ukudidiyelwa kokuthengwa kwempahla emhlabeni wonke njengoba izwe lisebenzela ukukhulisa izimakethe zalo zokuthekelisa e-Asia, eYurophu, e-Middle East, kanye nase-Afrika yonkana ukuze kuthuthukiswe ukusimama komnotho wethu.
1.5. Ngokubhekene ngqo nezimboni ezithintwe ukukhushulwa kwentela, uhulumeni ugxile ekungeneleleni engxenyeni edingeka kakhulu ezimbonini ezithintekile kanye nokungenelela okuhloswe ngako ukuqinisekisa ukuletha uzinzo embonini nokuvikela imisebenzi yabantu. Lokhu kubandakanya:
1.5.1. Ukusungulwa kweHhovisi Elisiza Ngezokuthekelisa, elizosebenza njengehhovisi izinkampani ezithintekayo ezizoxhumana nalo ngqo.
1.5.2. Izinyathelo zokusiza izinkampani ukuthi zamukele intela kanye nokubheka ukusimama kwesikhathi eside kanye namasu okukhula komnotho ukuze kuvikelwe imisebenzi kanye namandla okukhiqiza eNingizimu Afrika.
1.5.3. ISikhwama Sokusiza Imikhiqizo Yalapha Ekhaya (i-LSF) sezinkampani ezithintekayo ukuthi zifake isandla emzamweni kazwelonke.
1.5.4. Uhlelo Lokweseka Ukuthekelisa Nokuncintisana (i-ECSP), oluzohlanganisa indawo yokusebenza kanye nemishini ukuze kubhekwane nezidingo zesikhathi esifushane kuya kwesimaphakathi kuzo zonke izimboni.
1.5.5. Ukusebenzisana noMnyango Wezabasebenzi ngezinyathelo zokunciphisa ukulahleka kwemisebenzi okungaba khona, kusetshenziswa amathuluzi akhona ngaphakathi kwezinhlaka zawo ezingalungiswa ukuze zibhekane nezinselele zamanje.
1.5.6. Ngemva kokubonisana neKhomishini Yezokuncintisana, kwethulwe Isivumelwano Sokuncintisana Kubathekelisi ukuze kuvunyelwe ukusebenzisana kanye nokuxhumana kulabo abancintisanayo. Uhlaka lweSivumelwano Sokuncintisana luzoshicilelwa ekupheleni kwesonto ukuze inqubo izophothulwa ngokushesha. Imininingwane izotholakala ku: https://www.thedtic.gov.za
2. Iphekheji Yohwebo Notshalomali yeNingizimu Afrika ne-China yangowezi-2025 – 2029
3.1 UMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana (i-dtic) ngokubonisana nezinhlangano zezimboni kanye nemikhandlu yokuthekelisa impahla uhlanganise Iphekheji Yohwebo Notshalomali yeNingizimu Afrika ne-China (2025 – 2029) njengesisekelo sokuxoxisana ngezomnotho ne-China.
3.2 Iphakheji ibandakanya ezohwebo, utshalomali, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokuthuthukiswa kwamakhono. (a) Kwezohwebo: Okuseqhulwini ngukuhwebelana ngemikhiqizo eyi-100 ehamba phambili, ukusungulwa kombukiso ongezukuphela e-China, kanye nokubambisana ukuze kubhekwane nezinyathelo zokulawula. (b) Kutshalomali Nokuthuthukiswa Kwezimboni: Okuseqhulwini kukutshalomali ekukhiqizweni kwensimbi, amathayi, izimoto, amabhethri, imithi kanye nemishini yokwelapha, ukukhiqizwa kwezitimela kanye nomnotho wedijithali. (c) Ingxenye yokuthuthukiswa kwamakhono: Igxile emakhonweni ahambisana nemikhakha ebalulekile ehlonziwe okuhlanganisa nokuhlinzeka ngemisebenzi kanye nokuhlinzeka ngokunakekelwa.
3.3 Lesi sikhwama kwabelwane ngaso nohulumeni we-People’s Republic of China (i-PRC) ngesikhathi sokuvakasha kwePhini likaMongameli uMashatile e-China, okwenzeka kusukela mhla ziyi-14 kuya ziyi-18 kuNtulikazi 2025. IPhini likaMongameli lixoxisane namabhizinisi kanye nezikhungo zezimali ezibalulekile zase-China, laphinde labamba iqhaza eNgqungqutheleni Yotshalomali yaseNingizimu Afrika ne-China kanye noMbukiso Wamazwe Ngamazwe Wamabhizinisi ase-China (i-CISCE), lapho lethule khona ngokusemthethweni uMbukiso Kazwelonke waseNingizimu Afrika ozobeka izwe lethu njengemgudu we-Afrika eku-Sub-Saharan wezohwebo, utshalomali kanye nokubambisana kwezimboni.
3. INkulumo-mpendulwano Kazwelonke - Ingqungquthela Kazwelonke Yokuqala
3.1. IKhabhinethi ithole futhi yacubungula umbiko omayelana nenqubekelaphambili esiyenziwe kuze kube manje mayelana nokubizwa kwengqungquthela yokuqala yezimbili zeNkulumo-mpendulwano Kazwelonke ezobanjwa ezinsukwini ezintathu kusukela mhla ziyi-15 kuya mhla ziyi-17 kuNcwaba 2025 e-UNISA (ePitoli).
3.2. Le ngqungquthela yokuqala kuhloswe ngayo ukunxenxa ukuvumelana mayelana nezihloko okuzogxilwa kuzo kuNkulumo-mpendulwano Kazwelonke ehlelelwe ukubandakanya abantu baseNingizimu Afrika abavela kuzo zonke izigaba zempilo ukuthi bahlangane ukuze kuhlaziywe umbono wezwe lethu weminyaka engama-30 ezayo. INkulumo-mpendulwano Kazwelonke ihlelelwe ukuthi ibe nezinkulumo-mpendulwano zamawadi ezingaphezu kwezi-13 400, ngaphezu kwezingxoxo eziholwa izakhamuzi eziyizi-50 000 ezinyangeni eziyi-12 ezizayo kusukela ekubizweni kweNgqungquthela yokuqala.
3.3. Lolu hlelo seluvele lunesasasa elikhulu, njengoba kunezinhlangano ezingaphezu kwama-737 ezivela emikhakheni engaphezu kwama-30 ezibhalisele ukubamba iqhaza okubonisa isifiso esinamandla phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika sokubumba ikusasa labo ngokuhlanganyela.
3.4. IKhabhinethi iphinde yaqinisekisa ukuthi iNkulumo-mpendulwano Kazwelonke ayiyona nje inkundla yokuxoxisana, kodwa iyindlela enamandla yokwenza izinto - ibeka isisekelo seNingizimu Afrika ebandakanya wonke umuntu futhi ebumbene.
4. INqubomgomo Yamanani Emikhiqizo Yekhabhoni (i-CBAM)
4.1. IKhabhinethi yazisiwe ngenqubekelaphambili ekunqumeni umthelela we-CBAM emnothweni waseNingizimu Afrika, okuhlanganisa nemikhakha/imikhiqizo engena kuma-CBAM. IKhabhinethi igunyaze ukucutshungulwa kwezinyathelo ezilinganayo kanye nemiyalezo ekhombisa kokubili izidingo zethu zentuthuko, intshisekelo yezwe, imithelela yokukhula komnotho kanye nokuzibophezela kokwenzekayo ngesimo sezulu.
4.2. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuqaliswa kwenqubo kahulumeni ebanzi ehlanganisa izinhlangothi eziningi ezoholwa yi-dtic okuhlanganisa ukusebenzisana nezifundiswa, izinkampani ezizimele kanye nabasebenzi abahlelekile ukuze kuthuthukiswe amasu okukhipha ikhabhoni kanye nokusetshenziswa kobudlelwano bamazwe amabili, namazwe ahlukahlukene kanye nezinye izinkundla ezikhona ukunxenxa nokukhankasela ukulwa ne-CBAM.
5. Imibiko Yokusebenza ephuma Kabili Ngonyaka
5.1. IKhabhinethi ithole yaphinde yacubungula Imibiko Yenqubekelaphambili ephuma Kabili Ngonyaka emayelana nokuqaliswa koHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esimaphakathi (i-MTDP) lwangowezi-2024 kuya kowezi-2029 kusukela ngoMfumfu wezi-2024 kuya kuNdasa wezi-2025.
5.2. I-MTDP icacisa izinto eziseqhulwini ezibalulekile ezamukelwe yi-GNU esikhathini sowezi-2024 kuya kowezi-2029 okuyilezi: (i) Ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu nokusungulwa kwamathuba emisebenzi, (ii) Ukunciphisa ubumpofu nokubhekana nezindleko eziphezulu zokuphila kanye (iii) Nokwakha umbuso onekhono nothuthukayo.
5.3. UNgqongqoshe Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola, kanye noSihlalo ababambisene nabo baMaqoqo eKhabhinethi bazohlinzeka ngombiko ojulile ngalolu daba ngoLwesibili mhla ziyi-12 kuNcwaba 2025.
6. Ezakamuva ze-G20
6.1. Cishe imihlangano esemthethweni ehleliwe engama-80 kweyi-132 ekhalendeni le-G20 isivele ibanjiwe.
6.2. Izingxoxo zemiqulu/ izimemezelo zeMiphumela yoNgqongqoshe kanye nemiphumela ehlobene nazo yezinga eliphezulu seziqalile.
6.3. INingizimu Afrika yethule iZindleko Zesibuyekezo Sezimali okuyisinyathelo esibalulekile sokusungula uhlelo lwezezimali lomhlaba wonke olunobulungiswa oluvumela amazwe asathuthuka ukuthi atshale izimali kwingqalasizinda, ezempilo, ezemfundo kanye nokubhekana nesimo sezulu.
6.4. Wonke amaQembu Abamba Izingxoxo ze-G20 aziwayo ethule izinhlelo zawo zomsebenzi nezinto ezibalulekile. I-US ibonise ukubuya kwayo ekubambeni iqhaza ngokugcwele emihlanganweni ye-G20 nakuba isezingeni likaNobhala Ongaphansi.
6.5. Imihlangano elandelayo ibanjwe ngoNtulikazi:
6.5.1. Umhlangano weSine we-G20 wamaPhini Ezezimali Nebhange Elikhulu mhla ziyi-14 nomhla ziyi-15 kuNtulikazi 2025, owawugxile kulokhu: (i) uHlaka Lokuqapha Nokubika Lwamabhange Amakhulu Amazwe Ehlukahlukene, (ii) Ukulinganisela Uxhasomali Lokubhekana Nobhubhane, kanye (iii) Nombiko wakamuva Ngezingxoxo Zesikweletu Somhlaba.
6.5.2. Umhlangano Wezimakethe Ezisafufusa Namaphini Amazwe Athuthukayo (i-EMDE) owaphakamisa ukuthi iNingizimu Afrika kufanele iqhubeke nokubamba imihlangano ye-EMDE njengelungu le-G20 Troika ngonyaka ozayo.
6.5.3. IMihlangano Yesithathu Yongqongqoshe Bezezimali kanye Nabaphathi Bamabhange Amakhulu ngomhla ziyi-17 nangomhla ziyi-18 kuNtulikazi 2025 yadingida (i) ukwakhiwa kwezimali zamazwe ngamazwe, (ii) ingqalasizinda, (iii) intela yamazwe ngamazwe, (iv) izithiyo ekukhuleni nasekuthuthukisweni kwe-Afrika, (v) ezezimali ezisimeme, kanye (vi) nezindaba zomkhakha wezezimali nokubandakanywa komuntu wonke kwezezimali.
6.5.4. Umhlangano Wesithathu Wezobuchwepheshe weQembu le-G20 Lokuhlonyiswa Kwabesifazane (i-EWWG) kusukela mhla wesi-2 kuya kowesi-4 kuNtulikazi 2025, wawugxile ekuthuthukiseni inkulumo-mpendulwano yomhlaba wonke kanye nokubambisana ngokulingana kobulili kanye nokunika amandla abesifazane ngokugxila ngokukhethekile ekuboneni, ekwehliseni nasekusabalaliseni kabusha umsebenzi wokunakekela ongakhokhelwa.
6.5.5. Umhlangano Wesithathu Weqembu Lezemfundo owawubanjwe kusukela mhla wesi-2 kuya mhla wesi-3 kuNtulikazi 2025, wawugxile (i) kwisidingo esiphuthumayo sokuhlinzeka othisha abenele ukuze kuqinisekiswe imfundo esemgangathweni ebandakanya wonke umuntu nelinganayo kanye nokuthuthukisa amathuba okufunda impilo yonke yawo wonke umuntu. Emhlanganweni kuphinde kwadingidwa ngohlaka Lwesimemezelo Songqongqoshe Bezemfundo be-G20.
6.5.6. Umhlangano Wesihlanu Weqembu Lezempilo kusukela mhla ziyisi-8 kuya ziyisi-9 kuNtulikazi 2025 wawugxile ekuqiniseni ukutholakala kwezempilo emhlabeni wonke emikhakheni efana nokulungela nokubhekana nobhubhane, kanye nesidingo sokuxhaswa ngezimali okusimeme kanye nokufinyelela ngokulinganayo kubuchwepheshe obusha obunjengemithi yokugomela i-TB.
6.5.7. Umhlangano Wesithathu Weqembu Lokuncishiswa Kwezinhlekelele kusukela mhla ziyisi-9 kuya ziyi-10 kuNtulikazi 2025 obugxile ekubhekaneni nezinselele ezikhona ekuLawulweni kweziNhlekelele kanye nokwabelana ngolwazi, amasu, nezindlela ezingcono kakhulu zokunciphisa izinhlekelele.
6.5.8. Umhlangano Wesine Wethimba Lokukhula Komnotho Okubandakanya umuntu wonke, Ukuthuthukiswa Kwezimboni, Ukuqashwa kanye Nokunciphisa Ukungalingani owawubanjwe kusukela mhla ziyisi-9 namhla ziyi-10 kuNtulikazi 2025 - wawugxile kumasu okukhuthaza ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu, ukuthuthukiswa kwezimboni, ukuqashwa kanye nokunciphisa ukungalingani.
6.5.9. Umhlangano Wesibili Weqembu Lokusimama Kwesimo Sezulu Nezemvelo kusukela mhla ziyi-14 kuya zingama-18 kuNtulikazi 2025 obugxile ezindabeni zezinhlobonhlobo zemvelo nokongiwa kwayo, ukuguquka kwesimo sezulu, ukucekelwa phansi komhlaba, isomiso, amakhemikhali nokulahlwa kwemfucuza, izinga lomoya, nezilwandle nogu.
6.5.10. Umhlangano Wesine Weqembu Lentuthuko kusukela mhla zingama-21 kuya zingama-23 kuNtulikazi 2025 obugxile ekubekeni imigomo esezingeni eliphezulu yezimpahla zomhlaba wonke kanye nokutshalwa kwezimali, ukuthola imali eyengeziwe yokuthuthukisa, nokusungula izindlela eziqinile zokuphepha komphakathi kuwo wonke umuntu.
7. Uhlelo Lwamanzi Lokungenelela lwaseGiyani (Isifunda saseMopani, eLimpopo)
7.1. IKhabhinethi yaziswe ngenqubekelaphambili yokuqaliswa koHlelo Lwamanzi Lokungenelela eGiyani.
7.2. UMklamo Wamanzi waseGiyani obandakanya ukwakhiwa kwamapayipi amakhulu angu-325 km asuka kuma-WTWs aseGiyani ukuze kufakwe namadamu okuhlinzeka ngamanzi ukuze aphakele izigodi ezingama-55 eGiyani nezinye izindawo. Isiyonke inqubekelaphambili yomklamo njengamanje ikuma-90.23%. Ukuhlolwa kokumpontshwa nokuthunyelwa kwamanzi kona kume kuma-90% omsebenzi osele. Lo msebenzi kubhekeke ukuthi uphothulwe ngoMandulo wezi-2025.
7.3. ISigaba Sokuqala Sokuxhunywa Kwamapayipi Ezigodini ezingama-55 eGiyani esihlanganisa ukuxhunywa kwamapayipi namamitha asemakhaya ezigodini ezingama-24 kwezingama-55. Lo mklamo unezigodi ezingama-23 kwezingama-24 eziqediwe ngokuxhunywa kwamapayipi namamitha emakhaya. ISigodi sase-Risinga View esisele sizophothulwa ekupheleni kukaNtulikazi 2025. ISigaba 2a esihlanganisa ukuxhunywa kwamapayipi namamitha emakhaya ezigodini eziyi-15, sizoqaliswa kunyakamali wezi-2025/26 kanti iSigaba 2b (izigodi eziyi-16) sizoqaliswa ngonyaka olandelayo we-MTEF.
7.4. Ukuthuthukiswa kwama-WTW aseGiyani ukusuka ku-30Ml/d kuya ku-40Ml/d kanye nokuthuthukiswa kwenqwaba yemithombo yamanzi ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kwamanzi anele ezigodini ezingama-55 zaseGiyani, kusesesigabeni sokuhlela esizoqaliswa ngekota yesithathu yalo nyakamali uma sekuphothulwe i-IRS. Sethemba ukuthi lokhu kuzoba okokugcina ukungenelela komnyango eGiyani ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi ezigodini ezingama-55 kanye nedolobha.
7.5. Le nqubekelaphambili ilandela ukungenelela okubalulekile kwangaphambilini okwakuhlanganisa:
7.5.1. IPayipi Elikhulu e-Nandoni-Nsami – ipayipi lamanzi angakahlanzwa elingama-40.5 km elisuka edamini iNandoni e-Vhembe, liphumela e-Xikukwani liphinde liyongenela edamini kuma-WTW aseGiyani, elaqala ukusebenza mhla ziyisi-5 kuMbasa 2023 laze laqedwa ngoZibandlela wezi-2023 futhi njengamanje lihlinzeka ama-TWT aseGiyani ngesilinganiso esiyi-15MI/d samanzi angakahlanzwa. Okuhambisana nalo mzila kunepayipi lamanzi ahlanzekile elingu-.58 eliphelela KwaMsani (e-Greater Malamulele) ngaphansi kukaMasipala Wendawo wase-Collins Chabane, nalo elaqedwa ngoZibandlela wezi-2023.
7.5.2. Ukulungiswa kabusha kwama-WTW aseGiyani ukuze kubuyiselwe umthamo wawo wokukhiqiza wasekuqaleni ube ngu-30Ml/d owase wehlile waba ku-13-17Ml/d, kwaqedwa ngoNhlangulana 2024.
7.6. Imiklamo ephelile idle imali elinganiselwa kwizigidigidi eziyisi-R6, ezixhaswe uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS).
8. Ukubambisana kweNingizimu Afrika ne-Nigeria emkhakheni kawoyela negesi
8.1. IKhabhinethi yazisiwe ngemiphumela yohambo lomsebenzi wobuchwepheshe oluya e-Nigeria lukaNgqongqoshe uGwede Mantashe ukuyoxoxa ngokubambisana emikhakheni yezimayini, uwoyela negesi njengengxenye yeKhomishini Yamazwe Amabili phakathi kweNingizimu Afrika ne-Nigeria (i-BNC).
8.2. I-Nigeria ifuna ukuthuthukisa umkhakha wayo wezimayini ngokuhlola nokukhiqiza izimbiwa kanye nokwethekela ulwazi oluningi lweNingizimu Afrika emkhakheni wezimayini.
8.3. INingizimu Afrika inentshisekelo yokuthola ukwabiwa kukawoyela kanye negesi ewuketshezi ye-petroleum (i-LPG) evela e-Nigeria nokufunda nolwazi olukhulu lwase-Nigeria ekuhloleni nasekukhiqizeni uwoyela negesi.
8.4. IKhabhinethi yazisiwe ngokuzibophezela kwe-Nigeria ukuphothula, ekupheleni kukaNcwaba 2025, imigomo yezohwebo yokwabiwa kukawoyela ongahluziwe eNingizimu Afrika okuzokwenza ukuthi izikhungo zokuhluza zikahulumeni nezizimele eNingizimu Afrika zikwazi ukuzifinyelelela ngqo.
9. Ukuqhubekisela phambili ukuqaliswa kwezinguquko emkhakheni wezokuthuthwa kwempahla
9.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende kwenqubo yokuqokwa kweBhodi Lomlawuli okuhloswe ngalo ukuhlinzeka ukubheka Ukulawulwa Komnotho Wezokuthutha (i-TER) ezindabeni zayo zamaqhingasu okuqinisekisa ukubusa ngendlela eyiyo nokulawulwa kwezimali. Ibhodi le-TER lizoqinisekisa ukuhambisana kwemigomo yokulawula umnotho kuzo zonke izindlela zokuthutha okuhlanganisa namachweba, izitimela, umgwaqo kanye nezindiza. IBhodi lizophokophelela ukuqondisa umthetho ekugqugquzeleni amanani afanelekile ngezinjongo ezibalulekile zokuvikela abasebenzisi kanye nokuthuthukisa ukuncintisana. Ukuqokwa kuzoqinisekisa ukuthi igunya elisemthethweni lifezekiswa emazingeni aphezulu okuziphatha kanye nokulethwa kwezidingonqangi.
9.2. Ukuqokwa kwebhodi kubalulekile ekusungulweni nasekusebenzeni kwe-TER njengenye yezinto ezibekwe eqhulwini kuhulumeni ukuze kusekelwe uhlelo lwezinguquko, “oluzokwenza ngcono ukuqhutshwa kwebhizinisi kalula ngokuhlanganisa kanye nokwenza lula izinqubo zokulawula, izimvume ezizenzakalelayo kanye nezinye izicelo, kuncishiswe izindleko zokuthobela imithetho”, futhi kuzoqiniseka inqubomgomo, okuzosiza ikakhulukazi ukuheha utshalomali oludingekayo embonini yezokuthutha.
9.3. I-TER izoqinisekisa ukuthi imithetho yalo mkhakha inobulungiswa phakathi kukahulumeni nezinhlangano ezizimele. Izolwela ukuthi kube namanani entengo afanele ukusiza ukuvimbela ukukhuphuka kwemali yokugibela ngendlela engafanele ukuze kuqinisekiswe ukuthi abagibeli bathola okubafanele ngemali yabo. Lokhu kuzovikela abadla imbuya ngothi kanye nesigaba sabasebenzi, iningi labo elithembele kwizithuthi zomphakathi. Lokhu kuzoba nomthelela ekwehliseni kwabo imali abayisebenzisa kwezokuthutha nyanga zonke, okuzoholela ekutheni babe nemali esalayo futhi bakwazi ukukhokhela izinto.
9.4. IBhodi le-TER kuzomele liqinisekise ukuthi abaqhubi bezinkampani zangaphandle abazokwamukelwa kunethiwekhi kazwelonke yezitimela ephethwe nguMphathi wengqalasizinda wakwa-Transnet baphathwa ngendlela efanele, futhi likhuthaze ubunikazi bamasheya azoqinisekisa ukuqagulwa kwamanani kwezokuthuthwa kwempahla futhi okuzoholela kutshalomali lwesikhathi eside kanye nokuzethemba kubatshalizimali. Lokhu kuzosiza ezinhlosweni zamasu kaHulumeni zokuthuthukisa umnotho nokusungulwa kwamathuba emisebenzi ngokuvuleka kwemisebenzi eminingi eMkhakheni wezokuthutha.
9.5. Ukusuka ekuthuthweni kwempahla ngamaloli kuye ezitimeleni kuzokwenzeka lapho izinkampani zizosusa izinto eziningi ezifana namalahle, iziqukathi ziziyise ezitimeleni, ngaleyo ndlela kuncishiswe ukuthinteka kwemvelo, ukugcinwa kwemigwaqo yethu, ukunciphisa isiminyaminya emigwaqeni kanye nokuncipha kwezingozi emigwaqeni. IBhodi lizoqinisekisa ukuthi lilinganisa indlela yalo yokulawula kuzo zonke izindlela ekwenzeni imisebenzi yalo yokwethembeka.
C. Izinqumo zeKhabhinethi
1. Ukwamukelwa Kwesivumelwano Sokusungulwa kwe-Afreximbank
1.1. IKhabhinethi igunyaze ukwamukelwa kweNingizimu Afrika eSivumelwaneni Sokusungulwa kwe-Afreximbank ukuze ithole ubulungu obugcwele, kuvuleleke ngokugcwele amathuluzi e-Afreximbank ohwebo notshalomali, izikhungo zezimali, kanye nezinhlelo zokubambisana zamasu ezisekela izinto ezibalulekile zentuthuko yezwe lonke nezwekazi.
1.2. INingizimu Afrika, ngokusebenzisa Inhlangano Yomshuwalense Wezikweletu Zokuthekelisa (i-ECIC) izodlulela ekubeni namasheya asesigabeni A, okuzonikeza izwe indima eqinile ekubuseni kwe-Afreximbank, okuhlanganisa nokuba nomthelela phezu komkhombandlela wayo wesu, uhlaka kanye nokuqokwa kobuholi.
1.3. Ngokwamukela isivumelwano sokusungulwa nokuba yilungu elizimele, uhulumeni waseNingizimu Afrika uvula ikhono le-Afreximbank lokujulisa usizo lwayo lwezezimali zokuthekelisa notshalomali ngokuhlinzeka ngoxhasomali, imikhiqizo kanye nezinsizakalo ezinkampanini zaseNingizimu Afrika, amabhange ezentengiselwano, kanye nezinkampani zikahulumeni waseNingizimu Afrika, ngaleyo ndlela weseka ukuthekelisa nokuhlelwa kabusha kwezimboni zomnotho waseNingizimu Afrika.
1.4. Ngaphezu kwalokhu, ubulungu obuzimele benza kufinyeleleke ezikhungweni zokungenelela zebhange, ezivame ukusetshenziselwa ukusiza amazwe angamalungu ase-Afrika kanye nezikhungo zawo ezizimele noma nini lapho kunokwehluleka kwezimakethe, izinkinga zezimali zomhlaba wonke, ezomnotho kanye nezombusazwe.
2. Inqubo yeSabelomali sowezi-2026 (izimiso, imihlahlandlela kanye nekhalenda)
2.1. IKhabhinethi icubungule isiphakamiso sezinguquko zesabelomali okuhloswe ngaso ukwakha uhlelo lwesabelomali olusekela izinjongo zentuthuko yeNingizimu Afrika noluvikela ukusimama kwezimali kwesikhathi eside futhi lagunyaza Izimiso Zesabelomali sowezi-2024 - 2029, Imihlahlandlela ye-MTEF yowezi-2026 kanye neNqubo yeKhalenda Lesabelomali sowezi-2026.
2.2. Izimiso Zesabelomali sowezi-2024 – 2029
2.2.1. Uhulumeni kufanele enze inqubo eqinile nebandakanya wonke umuntu ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni sangaphambili mayelana neqoqo elinganiselwe lezinto ezibekwe eqhulwini zesabelomali:
a. uhlaka lwezimali
b. intela
c. uxhasomali lwezikweletu
d. utshalomali olubalulekile lwengqalasizinda
e. izinto ezibalulekile okumele kusetshenziswe kuzona imali kanye nezinto okumele kuncishiswe kuzona ukusetshenziswa kwemali, kanye
f. nezinyathelo zokukhulisa umnotho.
2.2.2. Izinqumo zesabelomali ezisekelwe ebufakazini, ezigxile emiphumeleni nezinolwazi lwedatha:
(a) Uhlelo lwesabelomali olulodwa, oluhlanganisiwe, olusobala noluphelele oluhlanganisa noKwabiwa Kwemali engenayo kuyo yonke imikhakha kahulumeni.
(b) Ukugcina isigaba sama-214 soMthethosisekelo lapho inqubo yesabelomali kufanele icabangele ngokugcwele igunya namandla ezimali azo zonke izinhlaka zikahulumeni.
2.2.3. Ukuhlela okudidiyelwe, ukubeka eqhulwini kanye nesabelomali okuhlanganisa nokuhambelanisa izingxoxo zamaholo abasebenzi bakahulumeni nenqubo yesabelomali.
2.2.4. Izinqumo zesabelomali kumele ziphokophelele phambili futhi zibe ngokwesikhathi esimaphakathi, ngaleyo ndlela i-MTEF kufanele ibe ithuluzi eliyihamba phambili lokuhambelanisa izinto ezibekwe eqhulwini zenqubomgomo neqhingasu lezimali.
2.2.5. Inqubo yesabelomali kufanele yakhiwe kahle, inqunyelwe isikhathi futhi isekelwe emithethweni futhi ngenxa yalokho, iKhalenda Lesabelomali libeke izikhathi ezimisiwe esigabeni ngasinye senqubo, kusukela ekumisweni kwezinto eziseqhulwini kuye ekugunyazweni komthetho.
2.2.6. Izinqumo zesabelomali kufanele zilandelane futhi zihlonishwe njengengxenye yokugcina ukusebenza ngempumelelo kwenqubo yesabelomali.
2.2.7. Izinhlaka ezithatha izinqumo ngesabelomali kumele zisebenze ngempumelelo, zibambe iqhaza nangesikhathi.
2.2.8. Inqubo yesabelomali kumele ikhuthaze ukusebenza kahle nokwabiwa kwezimali zomphakathi.
2.2.9. Inqubo yesabelomali kumele isekele ukuthathwa kwezinqumo okusatshalalisiwe kanye nokuziphendulela.
2.3 IMihlahlandlela ye-MTEF iqinisekisa kabusha ukuzibophezela kukahulumeni kwinqubo yesabelomali enokuziphatha okuhle, esobala futhi ehambisana namasu asekela izinjongo zeNingizimu Afrika zezimali zesikhathi eside kanye nezinto eziseqhulwini zentuthuko kazwelonke.
3. Uhlaka lwesibili lwaseNingizimu Afrika Lomnikelo Kazwelonke Onqunyiwe (i-NDC) ekuphenduleni komhlaba wonke
ekuguqukeni kwesimo sezulu njengoba kudingwa yiSivumelwano sase-Paris.
3.1. IKhabinethi igunyaze ukushicilelwa koMnikelo Kazwelonke Onqunyiwe (i-NDC) ukuze kuboniswane ngayo.
3.2. I-NDC yesibili ihlongoza ukuthi igesi ekhishwa yi-Greenhouse Gas (i-GHG) ilinganiselwe kuma-320 – 380 mt CO2 eq ngowezi-2035.
3.3. Ukuphothulwa kwe-NDC yesibili kuphumelelisa ukuzibophezela nezibopho zeNingizimu Afrika zamazwe ngamazwe maqondana nomthelela womhlaba wonke ekuguquguqukeni kwesimo sezulu kanye nokuqinisekisa ukuguqukela kwezamandla acocekile ukuze kuzofinyelelwa emnothweni kanye nomphakathi onekhabhoni ephansi. I-NDC izophinde itholakale ku-https://www.dffe.gov.za
3.4. Uhulumeni wenze ucwaningo lwezobuchwepheshe lwemigudu yezwe ekhipha igesi ye-GHG kuze kufike ngowezi-2035, kanye nokuhlaziya izibopho zomthetho zaseNingizimu Afrika ngaphansi kweSivumelwano sase-Paris kanye nencwadi yomthetho, amandla ezwe avuselelekayo ahlelelwe owezi-2035, iQhingasu Likazwelonke Lezamandla kanye NoHlelo Oludidiyelwe Lwezinsiza.
4. Umbiko ngeZingxoxo Zongqongqoshe – Amadayimane Angahluziwe: Izinselele Namathuba (30 Ntulikazi 2025)
4.1. Imboni yedayimane yaseNingizimu Afrika ibambe iqhaza elikhulu embonini yedayimane yomhlaba wonke nobucwebe, futhi inegalelo elikhulu emnothweni wezwe. Noma kunjalo, imboni yedayimane emhlabeni wonke iyaqhubeka nokubhekana nezinselele ezinkulu ngenxa yezimo zomnotho omkhulu futhi ngenxa yalokho, iKhabhinethi igunyaze uMnyango Wezezimbiwa Nophethiloli ukuthi ubambe iqhaza ezivumelwaneni zamazwe ngamazwe ezivumela ohulumeni abakhiqiza idayimane ukuba babe sesimweni esingcono sokukhangisa nokudayisa amadayimane angahluziwe emhlabeni jikelele. Ukuze lokhu kuphumelele, iKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuthi imboni yedayimane icelwe ukuthi ifake igalelo lika-1% wemali engenayo yonyaka etholwa ngokudayiswa kwedayimane, ukuze kusekelwe ukuthengiswa kwamadayimane angempela/okuyiwona aseNingizimu Afrika ukuze kukhuliswe umnotho nokusungula amathuba emisebenzi.
5. Ukususwa Kokuchithwa koMthethosivivinywa we-SAA SOC Limited ohlelweni lwePhalamende lokushaya umthetho
5.1. IKhabhinethi igunyaze isicelo sokwethula ukuhoxiswa koMthethosivivinywa We-South African Airways (i-SAA) Soc Limited ohlelweni lwePhalamende lokushaya umthetho.
5.2. ISivumelwano Sokuthengisa Nokuthenga kanye nokuchithwa koMthetho we-SAA wesi-5 wezi-2007, bekuyisimo saphambilini uMnyango Wezamabhizinisi Kahulumeni waphambilini bekumele usifeze ukuze kuphothulwe lo msebenzi. UMthethosivivinywa wethulwa ePhalamende mhla zingama-25 kuMasingana 2024; kodwa, ngomhla ziyi-14 kuNdasa 2024, ukuqedwa kokuthengiselana kwamenyezelwa kulandela ukwehluleka kwezingxoxo phakathi kwamaqembu. Ngenxa yalokho, ukuqedwa kwesivumelwano kwenza zonke izimo ezisasele phakathi kokunye, ukuchithwa koMthetho we-SAA wesi-5 wezi-2007 ukuba kungafezeki, yingakho kunesicelo sokuhoxiswa koMthethosivivinywa ohlelweni lwePhalamende lokushaya umthetho.
D. IMithethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezinsizakalo Zamanzi
1.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezinsizakalo Zamanzi. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuqinisa ukulawulwa nokuphathwa kwezinsizakalo zamanzi kanye nokwenza ngcono ukuthotshelwa koMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1997 (uMthetho wama-108 we-1997).
1.2. Izichibiyelo zoMthetho Wezinsizakalo Zamanzi zethula izinguquko zokubhekana nokungahlukaniswa kwemisebenzi yomasipala yeZiphathimandla Zezinsizakalo Zamanzi (i-WSA) kanye Nabahlinzeki Bezinsizakalo Zamanzi (i-WSP), ngokucacisa mayelana nemisebenzi ngayinye, ukubhekana nokusebenza kabi kwama-WSP ngokwethula isidingo esingokomthetho sokuthi ama-WSA angaqoka kuphela ama-WSP anemvume yokusebenza elandela imithetho ekhishwe nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle.
1.3. Lezi zichibiyelo zizophinde zibhekane nobuthakathaka obuhlonziwe kulo mkhakha, okuhlanganisa ukwethulwa kwamacala okungahambisani nomthetho, izinkambiso kanye namazinga okungenelela kanye namazinga aphansi okusebenza kwabahlinzeki bezinsizakalo zamanzi, okufanele ziphoqelelwe yiziphathimandla zezinsizakalo zamanzi.
2. UMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuchibiyela Ezamanzi
2.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Kazwelonke Wokuchibiyela Ezamanzi. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezamanzi Kazwelonke, we-1998 (uMthetho wama-36 we-1998). Lezi zichibiyelo zizothuthukisa imithethonqubo futhi zizoqinisekisa ukuthi imithombo yamanzi yezwe iphathwa kahle, iyavikelwa futhi iyongiwa. Lo Mthethosivivinywa uphinde wenze iziphakamiso zokuqeda ukungalingani kwesikhathi esedlule ngokuphathelene nokwabiwa kwamanzi futhi uphinde uqalise ukusebenza kweSigaba sama-27 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996, ngokuhlinzekela ukuvikelwa kwemithombo yamanzi yezwe.
3. UHlaka Lomthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezingane
3.1. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kohlaka Lomthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezingane ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuvuselela nokuqinisa uMthetho Wezingane okhona, wezi-2005 (uMthetho wama-38 wezi-2005), ngokugxila emikhakheni eminingana ebalulekile njengobuthakathaka kanye nokungenzeleli ohlelweni lokunakekela izingane kanye nokuvikela kuzo zonke izinhlobo zezinsizakalo ezisukela ekuvimbeleni, ukungenelela kusenesikhathi, okungumthetho, okunye ukunakekelwa, ukuhlanganisa kabusha kanye nezinsizakalo zokunakekela izingane. Lo Mthethosivivinywa uhlose nokuqinisa izindlela zokuqhubeka nokuvikela izingane edlameni, ekuphathweni kabi, ekuhlukunyezweni, ukunganakwa nasekuxhashazweni.
E. Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.
1. Dkt. Cynthia Ntombifuthi Khumalo njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko.
2. Dkt. Sipho Ngomane njengoMqondisi-Jikelele (u-DDG): Ukuphathwa Kwemisebenzi kuMnyango Wezokuvakasha
3. Nkz Yanga Ntombizodidi Tantsi njengo-DDG: Imifelandawonye Edidiyelwe Nokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.
4. Mnu. Vuyisa Africa Dayile njengo-DDG: INqubomgomo Yomkhakha Nocwaningo kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.
5. Dkt. Nonhlanhla Ignatia Ndlovu njengo-DDG: HIV/AIDS, TB ne-MCWH kuMnyango Wezempilo.
6. Ukuqokwa kwabaphathiswa bakahulumeni kwi-Tirisano Construction Fund Board
a. Slz. Wellington Didibhuku Thwala;
b. Nkz. Allyson Lawless;
c. Dkt. Msizi Reginald Myeza; kanye
d. noNkz. Zukiswa Kimani.
7. Ukuqokwa kwamalunga e-National Housing Finance Corporation Board
(a) Mnu. Khalid Desmond Golding (uSihlalo);
(b) Nkz. Balungile Siphumelele Dlungwane;
(c) Mnu. Thulani Siyabonga Mabaso;
(d) Nkz. Jacqueline Ramatsimele Maisela;
(e) Nkz. Ayesha Seedat;
(f) Nkz. Alison Hickey -Tshangana;
(g) Nkz. Nomzamo Babhekile Hlengiwe Khumalo;
(h) Ummeli Mthokozisi Daluxolo Xulu;
(i) Nkz. Tshepiso Florah Kobile;
(j) Mnu. Velile Cecil Dube;
(k) Nkz. Noluthando Khulukazi Mashologu; kanye
(l) noMnu. Satish Roopa.
8. Ukugcwaliswa kwezikhundla zomsebenzi ze-Community Schemes Ombud Service Board
(a) Nkz. Busisiwe Nwabisa Nzo (uSihlalo);
(b) Nkz. Sarah Madinoge Letsie;
(c) Nkz. Moganambal Karen Muthen; kanye
(d) noMnu. Mduduzi Orville Sikhumbuzo Zungu.
9. Ukugcwaliswa kwezikhundla zomsebenzi ze-Property Practitioners Regulatory Authority Board
(a) Nkz. Mmanare Evylyn Mamabolo;
(b) Nkz. Merriam Mapule G. Mashiteng;
(c) Mnu. Leshabe Samuel Rampedi; kanye
(d) noMnu. Thomas Khorommbi Sigidi.
10. Ukugcwaliswa kwesikhundla somsebenzi weBhodi le-Housing Development Agency
(a) Mnu. Malesela Phineas Sebatjana.
11. Ukuqokwa kwamalungu ebhodi le-South African Airways (i-SAA)
(a) Nkz. Sedzani Faith Mudau (uSihlalo);
(b) Nkz. Fathima Gany (iPhini likaSihlalo);
(c) Mnu. Theunis Potgieter;
(d) Mnu. Mongezi India;
(e) Mnu. Dennis Thokozani Dlomo;
(f) Nkz. Pamela Bulelwa Yako;
(g) Nkz. Bongiwe Pityi;
(h) Dkt. Salome Chiloane-Nwabueze;
(i) Dkt. Prittish Dala;
(j) Mnu. Lisa Mangcu;
(k) Nkz. Bongiwe Mbovu;
(l) Nkz. Siphumelele Dlungwane;
(m) Ummeli Johannes Collen Weapond
(n) Solwazi John Lamola (i-CEO)
(o) Nkz. Lindsay Olitzky (i-CFO)
12. Ukuqokwa kwaBaqondisi Abangabona Abaphathi beBhodi Labalawuli Bomnotho Wezokuthutha (i-TER) (Ukuqokwa kweBhodi le-TER kuyingxenye yokuqalisa izinguquko emkhaheni wezokuthuthwa kwempahla).
(a) Nkz. Ethel Teljeure (uSihlalo);
(b) Nkz. Balebebetje Zondi;
(c) Nkz. Fathima Bibi Sheik;
(d) Mnu. Lucky Thekisho;
(e) Mnu. Vincent Blennies; kanye
(f) noMnu. Ravindra Nair.
13. Abaqondisi Abangebona Abaphathi beBhodi lesikhashana le-Road Accident Fund
(a) Mnu. Kenneth Brown (uSihlalo)
(b) Nkz. Nonhlanhla Mabusela-Aikhuere (iPhini likaSihlalo).
(c) Nkz. Ntswaki Kutumela;
(d) Nkz. Innocentia Mmule Pule;
(e) Mnu. Richard Dyantyi;
(f) Mnu. Mpontshane Afred Mkhipheni;
(g) Mnu. Neeshan Balton;
(h) Nkz. Alfredina (Ntina) Themba
F. Imicimbi Ezayo
1. USuku Lwabesifazane
1.1 UMongameli Ramaphosa uzohola izwe esikhumbuzweni soSuku LukaZwelonke Lwabesifazane lowezi-2025 mhla ziyisi-9 kuNcwaba 2025 eNkundleni Yezemidlalo iNkowankowa, e-Tzaneen eLimpopo. Isikhumbuzo salo nyaka senzeka ngaphansi kwengqikithi enkulukazi ethi: “Ukwakha Umnotho Osimeme Wobantu Bonke”, okuhambisana nesikhundla seNingizimu Afrika soBumongameli be-G20 kanye nokuzibophezela kwayo emigomeni yoBumbano, Ukulingana Nokusimama.
1.2 Uhlelo lwalo nyaka lugcizelela ukuthuthukiswa kokuzibandakanya kwabesifazane ebuholini nempilo yezomnotho, ukugqugquzela ukufakwa kwezezimali kanye nokubhekana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane njengesithiyo esikhulu ekuthuthukisweni kwabesifazane.
1.3 INyanga Yabesifazane ayiwona nje umgubho wokuhlonipha ukuqina negalelo labesifazane kukho konke ukuhlukahluka kwabo, kodwa iyikhwelo lokuthatha isinyathelo ukuze kuqinisekiswe ukufakwa ngokuphelele nokulingana kwabesifazane ekubumbeni ikusasa laseNingizimu Afrika.
2. Imbizo ye-JCPS yokuqwashisa nokunqanda i-GBVF
2.1 IQoqo Lezobulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu kanye Nezokuvikeleka (i-JCPS) lizosingatha imbizo yokuqwashisa nokunqanda uDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane mhla ziyisi-8 kuNcwaba e-Ga-Kgapane, eLimpopo.
2.2 Lolu hlelo luzohlanganisa iminyango kahulumeni, abaholi bendabuko basemphakathini kanye nomphakathi wendawo ukuze baqwashise futhi baqinise indlela yokubhekana nalesi sihlava se-GBVF.
3 Ingqungquthela Yotshalomali yase-Afrika
3.1 IKhabhinethi igunyaze ukuthi iNingizimu Afrika isingathe Ingqungquthela Yotshalomali Lwamanzi YeNhlangano Yobumbano lwe-Afrika eKapa kusukela mhla ziyi-13 - 15 kuNcwaba 2025. Le ngqungquthela izohlanganisa iZihloko Zemibuso Nohulumeni, Ongqongqoshe Base-Afrika Bezamanzi, amazwe angamalungu e-G20, abatshalizimali, umkhakha wangasese, abakhi bezinqubomgomo, izifundiswa, izinhlangano zamazwe ngamazwe kanye nemikhakha ehlobene nayo ukuze bacobelelane ngezinselele zokuhlinzekwa kwamanzi, uxhasomali lwengqalasizinda yamanzi kanye notshalomali lwamanzi ezwenikazini.
3.2 Le ngqungquthela ihambisana nomgomo we-G20 wokukhulisa izinga kanye nenani lezimali ezingenayo neziphumayo ezibhekele isimo sezulu emazweni asathuthuka ngokunxenxa utshalomali ukuze kutholakale amanzi kanye nokusimama, kanjalo nokuthuthwa kwendle okusimeme. Omunye wemiphumela yale ngqungquthela kuzoba ukuhlonza izenzo zokuphatha, ezezimali, imininingwane kanye namandla emkhakheni wezamanzi, ikakhulukazi ukunxenxa utshalomali ukuze kuvalwe igebe loxhasomali elihlonzwe ngoHlelo Lotshalomali Lwamanzi e-Afrika, olwaziwa nangokuthi “Vala Igebe, Xhasa Umkhankaso Wamanzi”. Ngaphezu kwalokho, le ngqungquthela izobonisa imiklamo esilungele abatshalizimali kulabo abangaba abatshalizimali.
4. Ukwethulwa kweSihlanzimanzi sase-Zuikerbosch se-Rand Water
4.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzokwethula iSihlanzimanzi sase-Zuikerbosch se-Rand Water eduze kwase-Vereeniging mhla ziyisi-8 kuNcwaba 2025. Isikhungo esikhulukazi sikanokusho sesiHlanzimanzi e-Afrika futhi sihlose ukunyusa umthamo wamanje wokuphakelwa kwamanzi we-Rand Water futhi sibe negalelo ekuqinisekiseni ukuthi amanzi awapheli e-Gauteng.
5. Imiyalezo
5.1. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba:
• UHulumeni wase-Nigeria nabantu bakhona kulandela ukudlula emhlabeni kwalowo owayenguMongameli wezwe, u-Muhammadu Buhari. Ubuholi bukaMongameli u-Buhari bahlanganisa izizwe zethu ezimbili futhi baba nesandla ekukhuleni komnotho okuhlangene kwe-Afrika nentuthuko.
• UNkz. Tracy Brown, umshushisi wenkantolo yesifunda, osebenzela eNkantolo yeMantshi yase-New Brighton eGqeberha owabulawa ngesihluku phambi komuzi wakhe. Ukubulawa kwakhe kuwukuhlasela umthetho kanye nemizamo yethu engapheli mandla yokubopha izigebengu.
• Intatheli edumile kanye noMhleli Omkhulu wephephandaba i-Sowetan, u-Pearl Sebolao umsebenzi wakhe wobuntatheli obulokhu ugqame iminyaka engaphezu kwamashumi amabili.
• Umakadebona ongumlingisi nosomahlaya, uMeme Ditshego, umsebenzi wakhe oncomekayo owabonakala kumabonakude, imidlalo yeshashalazi namafilimu.
• Usomabhizinisi odumile, umklami kanye nomsunguli welebula yemfashini ye-Sun Goddess enezindondo eziningi uVanya Mangaliso owenza imvunulo yesintu yaseNingizimu Afrika yaba yimfashini.
• Uhulumeni wase-Ghana, ngokuphahlaka kwendiza enophephela emhlane ebithwele izikhulu zikahulumeni eziningi.
1. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:
• UMongameli Wamajaji u-Dunstan Mlambo oqokwe njengePhini Lejaji Eliyinhloko laseNingizimu Afrika. U-Justice Mlambo uke wasebenza njengoMongameli wamaJaji oPhikweni lwase-Gauteng Lwenkantolo Ephakeme futhi ubelokhu ekhombisa ukuzibophezela okuqinile ekuzimeleni kwezobulungiswa, ekufinyeleleni kwezobulungiswa, nasekuguquleni uhlelo lwezomthetho.
• U-Dkt. Mafu Rakometsi, oyi-CEO yoMkhandlu Umalusi ngokuqokwa kwakhe njengoMongameli we-International Association for Education Assessment.
• Iqembu laseNingizimu Afrika elenze ezibukwayo eMidlalweni Yamanyuvesi Omhlaba ye-FISU yowezi-2025, eJalimane. Iqembu laseNingizimu Afrika liqede iMidlalo ngezindondo eziyi-19 sezizonke, ezihlanganisa eziyisi-6 zeGolide, eziyisi-5 zeSiliva neziyi-8 zeThusi:
a. UBayanda Walaza uwine igolide ku-100m no-200m.
b. Iqembu laseNingizimu Afrika le-4x100m relay labesilisa (Bayanda Walaza, Retshidisitswe Mlenga, Kyle Zinn, Mthi Mthimkulu) liwine isiliva.
c. U-Lythe Pillay uwine igolide ku-400m yabesilisa
d. U-Aiden Smith uwine igolide ku-shoot put yabesilisa, ngokudlula inkundla ngomzamo wakhe wesithupha nowokugcina.
e. U-Pieter Coetze uthole izindondo ezimbili zegolide ku-50m ne-100m backstroke yabesilisa. Uphinde wathola izindondo zegolide nezesiliva ezimbili kuma-World Aquatic Championships e-Singapore.
• Iqembu laseNingizimu Afrika ngomsebenzi walo omuhle kakhulu ku-African U18 ne-U20 Championships in Athletics, e-Abeokuta, e-Nigeria ngowezi-2025. Iqembu laseNingizimu Afrika liwine izindondo zegolide, isiliva nezethusi emikhakheni eyahlukene.
• UZakithi Nene ngokudla ubhedu ku-400m kwi-London Diamond League.
• U-Retshidisitswe Mlenga ngokufinyelela kwizinga loShampeni womhlaba ku-100m e-Austria.
• Iqembu laseNingizimu Afrika le-U20 (ama-Springboks Amancane) ngokuwina uMqhudelwano Womhlaba Webhola Lombhoxo ku-U20, e-Rovigo, e-Italy.
• U-Aldrich Potgieter ngokuthola isicoco sakhe sokuqala se-PGA Tour eneminyaka engama-20 kuphela, ngokuwina i-2025 Rocket Classic e-Detroit Golf Club e-USA.
• Osaziwayo beKhilikithi baseNingizimu Afrika ngokuwina kowamanqamu eMqhudelwaneni Wamaqhawe Omhlaba e-Birmingham, e-England.
• Isikole i-Redhill ngokuqopha umlando ngokuba yisikole sokuqala saseNingizimu Afrika ukuwina iNdebe Yomhlaba Yezikole Yebhola Lomnqakiswano ye-U17.
• UPhiko Lwabezindaba kwa-SABC ngokuhlanganisa iminyaka engama-75 besebenzela isizwe.
• INingizimu Afrika ngokuqinisekiswa njengendawo esemthethweni ye-2026 LIV Golf Tournament, umcimbi omkhulu wamazwe omhlaba wezemidlalo ozodlalelwa e-Gauteng, eNingizimu Afrika okokuqala ngqa ngoNhlaba 2026.
Sikhishwe: uPhiko LukaHulumeni Lwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi (i-GCIS)
Imibuzo: Nkz Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485