Isitatimende soMhlangano Oyisipesheli weKhabhinethi wangoMsombuluko, mhla wesi-3 kuNdasa 2025

A.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.     Isabelomali sangowezi-2025-2026

1.1.    UMhlangano Oyisipesheli weKhabhinethi wabanjwa ngoMsombuluko, mhla wesi-3 kuNdasa 2025 ukuze kuzodingidwa imibono yamalungu eKhabhinethi ezoholela ekuthatheni izinqumo ezingcono, ngokubuka isimo, ukuze kuzokwabiwa imali yeSabelomali sonyakamali wezi-2025/26 nesikhathi esiphakathi. Lokhu kulandela omunye umhlangano oyisipesheli weKhabhinethi owawungoMsombuluko, mhla wama-24 kuNhlolanja 2025, lapho kwadingidwa kabanzi ngezinkinga zezimali ezibhekene naleli lizwe kanye nesidingo sokuthi kuqaliswe ngokushesha izinto ezintathu ezibekwe eqhulwini kuhulumeni wehlandla lesikhombisa ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke. Emhlanganweni wangomhla wama-24 kuNhlolanja 2025, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wasungula ithimba loNgqongqoshe eliholwa yiPhini likaMongameli u-Paul Mashatile ukuthi lisebenze noNgqongqoshe Wezezimali kanye nethimba lakhe elibuya kuMgcinimafa Kazwelonke ukuhlanganisa imibono yekhabhinethi ukuze izophinde icutshungulisiswe.

1.2.    Ithimba eliholwa yiPhini likaMongameli u-Mashatile lisizwa nguMgcinimafa Kazwelonke lethule uchungechunge lwemibono ecutshungulwe yiKhabhinethi. Ukuthobela isahluko sama-27 soMthetho Wokulawulwa Kwezimali Zikahulumeni (Umthetho woku-1 we-1999), iKhabhinethi ligunyaze uNgqongqoshe Wezezimali ukuthi akhethe emibonweni edingidiwe bese aba imali yeSabelomali ngendlela yokuthi sifaka lokhu okulandelayo:

(a)     Izinkinga zezimali ezibhekene nezwe;
(b)     Asibi nomphumela omubi emakhaya ahluphekayo nathola imalingena ephakathi; futhi
(c)     Sikhuthaza ukukhula komnotho.

1.3     Ngokuphothulwa kokudingidwa kwemibono yeKhabhinethi ngeSabelomali, uNgqongqoshe Wezezimali noMgcinimafa Kazwelonke manje sebeme ngomumo ukuphothula isabelomali bese besethula ephalamende ngoLwesithathu, mhla we-12 kuNdasa 2025.

Imibuzo: 
Mnu. Sathasivan (Terry) Vandayar – iBamba likaSomlomo Kahulumeni
Umakhalekhukhwini: 082 444 9092

Share this page

Similar categories to explore