Isitatimende SeKhabhinethi ngomhlangano wangomhla zi-5 Lwezi 2014

1. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

1.1. IKhabhinethi igunyaze uMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokuliswana Nodlame Olubhekiswa Kwabesifazane Nezingane (i-16 Days of Activism) ngaphansi kwesiqubulo esithi “Nami Ngibale: Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Engenalo Udlame phambili”.

Kulo nyaka (wezi-2014) sibungaza iminyaka eyi-16 yalo mkhankaso ohlose ukuqhubeka nokuqwashisa ngokuvikelwa kwabesimame nezingane kugxilwe kakhulu ekuhlomiseni abesilisa kanye nokusebenzisana nabo ukuba nabo babe yingxenye ekulweni nalesi sihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Umkhankaso uzokwethulwa mhla zingama-25 kuLwezi uqhubeke kuze kube mhla zili-10 kuZibandlela wezi-2014. Ngale kwe-16 Days of Activism, kunohlelo lonyaka wonke oluzokwengamela luphinde luhlolisise indlela izimpilo esezishintshwe ngayo ngenxa yemithetho nezinhlelo ezibhekiswe ekuqedeni udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

1.2. IKhabhinethi yazisiwe mayelana nenqubekela phambili yezokuthuthukisa imodeli Yokungamela Egxile Kuzakhamuzi. Umklamo osahlolwa ugxile ekuhlomiseni uhulumeni ukuze akwazi ukuthola imibono yezakhamuzi njengengxenye yohlelo lokungamela. Umklamo uzosebenzisa izinhlelo ezikhona vele njengoHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi kanye nohlelo Lokuthuthukiswa Kwabasebenzi Emphakathini ukuze kuphuculwe ukungamela okugxile kuzakhamuzi kulesi sikhathi soHlaka Lokusebenza Oluphakathi Nonyakamali.

Umklamo osahlolwa uzogxila kule mikhakha yeminyango elandelayo: Umbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika, Iminyango yezeMpilo nezokuThuthukiswa Komphakathi kanjalo neNhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika. Lo mklamo uzokwelulelwa nakweminye imikhakha kuso lesi sikhathi soHlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi.

1.3. IKhabhinethi igunyaze ukujutshwa kwamalungu Ombutho WezamaPhoyisa waseNingizimu Afrika (i-SAPS) ayi-140 ukuba aye eLesotho izinsuku ezingama-90; nokungenzeka zelulwe uma kunesidingo. Ukungenelela okuphuthumayo kweNhlangano Ethuthikisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) kuye kwadingeka eLesotho kulandela ukushuba kwesimo okukhulu kanye nokungahambi kahle kwezombusazwe kanjalo nokufadabala kwesimo sezokuphepha ngoNcwaba wezi-2014. Ukungenelela kwe-SADC kuhloswe ngako ukuba emva kwesikhathi isimo sezombusazwe nezokuphepha sizinze unomphelo.

Amazwe Amathathu e-SADC (i-SADC Troika) abhekene Nezombusazwe, Ezokuvikela nezokuPhepha nalapho iNingizimu Afrika inguSihlalo anxuse uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuba eseke ukuqaliswa kokusebenza Komhlahlandlela Osisivumelwane saseLesotho.

Ukujutshwa kwamalungu e-SAPS ayi-140 kuqale mhla zizi-2 Mandulo 2014 futhi kulindeleke ukuba kuphothulwe mhla zingama-30 Lwezi 2014, uma kungazange kudingeke ukuba kwelulwe. INingizimu Afrika ijube amaPhoyisa eLesotho ngokuhambisana noMthetho WezamaPhoyisa eNingizimu Afrika, uMthetho we-1995; (UMthetho Ongunombolo 68 we-1995) uhlinzeka ukuthi uKhomishini KaZwelonke woMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika angajuba amaphoyisa aye ngaphandle kwemingcele yeZwe, ngemvume kaNgqongqoshe. Njengoba amaphoyisa ezobe esebenza ngokujutshwa yimiyalelo ye-SADC ngeke kusayindwe Isivumelwano Sokusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika noHulumeni waseLesotho.

1.4. IKhabhinethi yawamukela amaphuzu ezizokhulumela phezu kwawo izithunywa zaseNingizimu Afrika  ezizohambela Ikhomfa Edidiyele ye-10 Yamazwe Abambe Iqhaza (i-COP) elungiselela Ingqungquthela yase-Vienna kanye Nomhlangano wama-26 Wamazwe Abambe Iqhaza (i-MOP) ngeSivumelwano sase-Montreal Esikhuluma Ngesakhi Esishabalalisa Isivikelimisebe yelanga emkhathini, phecelezi i-Ozone Layer (i-COP10-MOP26), kusukela mhla ziyi-17 kuya kumhla zingama-21 Lwezi 2014 e-Paris, e-France.

INgqungquthela yase-Vienna neSivumelwano sase-Montreal zasungulelwa uHlelo LweMvelo Lwezizwe Ezihlangene ngenjongo yokuvikela i-Ozone Layer. Ukuvikelwa kwemvelo kusenzelwa isizukulwana samanje nesizayo kuyinto eseqhulwini. Injongo-ngqangi ukusebenzela ukuphathwa kwamakhemikhali okubhekelela imvelo nangendlela enokuzinza.

1.5. IKhabhinethi igunyaze ukusungulwa Komkhandlu Weshadi LeMboni Yezokuthutha Lezokuthuthukiswa Ngokunabile Kwabamnyama Kwezomnotho ukuze kwenganyelwe kuphinde kulawulwe ukuqaliswa kokusebenza kwezinjongo Zokuthuthukiswa Kwabamnyama Kwezomnotho.

2. Ukuqaliswa Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

2.1. IKhabhinethi yamukele ukuhambela kukaMongameli Jacob Zuma ngohlelo lokuNgamela uMsebenzi Wokulethwa Kwezinsiza iSiyahlola esiFundeni saseMopani , eGiyani esiFundazweni saseLimpopo. Izinhlelo zokulethwa kwezinsiza ziholele ekutheni kulethwe amanzi ezigodini ezingama-55 kulesi sifunda kwaphinde kwalungiswa i-Giyani Water Treatment Works, nokwenyuse ubungako bamanzi ngamanye amamegalitha ayisi-6.7 ngosuku. Ukuhlinzeka ngamanzi kuzothuthukisa ukuthuthwa kwendle kanti lokho kuzoba nomthelela omuhle kwezempilo nokuphila kwezakhamuzi.

2.2. IKhabhinethi yamukele icebo eliholwa yiPhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa elihlanganise izinhlangano ezingaphansi Komkhandlu Wezwe Wokuthuthukisa Umnotho kanye Nezabasebenzi (i-Nedlac) mhla zizi-4 Lwezi 2014 ukuze kutholwe izisombululo okuvunyelwana ngazo ezingxabanweni zasemsebenzini kwi-Indaba ePhathelene Nezabasebenzi.

Izithunywa ezethamele Indaba zibike ukuthi, “izinhlangano ziyazibona izinselele zokuntuleka kwemisebenzi, ububha kanye nokungalingani okubhekene nomnotho waseNingizimu Afrika kanye nomphakathi. Ngale nje kwezinye izinselele ezingavimba izingxoxiswano zomphakathi zamanje, izinhlangano ezingaphansi kwe-Nedlac zibuka i-Nedlac njengohlaka okuqhutshwa ngaphansi kwalo izingxoxo zomphakathi, ngakho-ke umqhubi wanoma yiziphi izinhlelo ezingalandela i-Indaba ePhathelene Nezabasebenzi.

Ophathina bomphakathi beNdaba bazokwethula uhlelo lokuxoxisana, ngamathimba ajutshiwe ukwenza umsebenzi, nokuzoqagula izindlela zokubhekana nezingqinamba eziqavile ezidingidwe ngesikhathi kuqhubeka Indaba. Ibalazwe elingumhlahlandlela elicacile lizokwenziwa ezinyangeni ezimbili emva kwe-Indaba, ukuxoxisana kuzoqala ngoMasingana wezi-2015.

IKhabhinethi inethemba lokuthi lokhu kuxoxisana phakathi kukahulumeni, amabhizinisi, abasebenzi, kanye nomphakathi wabasebenzi kuzoba negalelo ekukhuleni kakhulu komnotho. 

2.3.   IKhabhinethi yamukele ukungenelela kwePhini LikaMongameli u-Cyril Ramaphosa kule mibiko yokukhishwa kwabantu emapulazini eNtshonalanga Kapa. Imihlangano yakhe nabalimi nabasebenzi ithele izithelo.

2.4. IKhabhinethi yamukele ukuhambela koNgqongqoshe e-United Kingdom okube yimpumelelo beholwa nguNgqongqoshe Ehhovisi LikaMongameli, u-Jeff Radebe, kusukela mhla zingama-27 kuya kumhla zingama-28 Mfumfu 2014. Uhlelo, olubandakanya i-innovaBRICS Conference kanye nomhlangano nabatshali-zimali e-Chatham House e-London, luhlinzeke uhulumeni waseNingizimu Afrika nabaholi bezamabhizinisi eNingizimu Afrika ngethuba lokukhangisa iNingizimu Afrika njengendawo okungenziwa kuyo amabhizinisi.

2.5. IKhabhinethi yamukele umhlangano wokulethwa kombiko woMcwaningimabhuku-Jikelele ngemiphumela yocwaningomabhuku lukaZwelonke nolwezifundazwe lwangowezi-2013/14 njengoba lokho kuyingxenye yemizamo yahulumeni yokuqinisekisa ukubusa okuhle. Uhulumeni uzothatha izinyathelo zokulungisa uma kwenzeka kuba nokungahambi kahle okuhlonzwa ucwaningomabhuku.

3. Okushiwo iKhabhinethi Kwezisematheni

3.1. IKhabhinethi yamukele Umbiko Webhange Lomhlaba (Umbiko Wesi-6 Wokuqhubekayo Kumnotho waseNingizimu Afrika, kugxilwe kakhulu kunqubomgomo yezimali nokwabiwa kwazo) okhombise ukuthi iNingizimu Afrika yenze okuningi kule minyaka engama-20 edlule. Umbiko WaseNingizimu Afrika Wezomnotho, okhishwe ngoLwesibili, mhla zizi-2 Lwezi 2014, uthole ukuthi izinqubomgomo zaseNingizimu Afrika zezimali zikwazile ukubhekana namazinga obubha nokungalingani, nokuthi intela nemihlomulo yomphakathi kuyasiza ukwaba imiholo kusuka kwabanothile kuya kwabampofu.  Umbiko ukhombise ukuthi inqubomgomo yezimali isezingeni eliphezulu eNingizimu Afrika njengoba ihlomulisa abampofu. Umbiko uphinde waveza ukuthi lezi zinqubomgomo zezimali zitakule abantu abayizigidi ezi-3.6 ebuphofini ngowezi-2010/11.

3.2. IKhabhinethi iziqaphele izinkinga ezikhungethe ugesi njengamanje ezidalwe izinkinga zengqalasizinda kwezinye zeziteshi zamandla kagesi. Ngakho-ke iKhabhinethi inxenxa bonke abantu baseNingizimu Afrika basize ukonga ugesi njengoba izwe libhekene nenkinga yagesi. IKhabhinethi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kwenziwa konke okusemandleni ukubhekana nalezi zinkinga.

3.3. IKhabhinethi iyiqaphele Inhlolovo Yezabasebenzi Yekota Yonyaka ekhombise ukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kule kota yesithathu nonyaka ingama-25.4% yenyuke isuka kuma-24.7% ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule yagqamisa isidingo sokuba umnotho wenze kahle kakhulu ukuze sikwazi ukubhekana nezinkinga ezintathu zokuntuleka kwemisebenzi, ububha kanye nokungalingani.

IKhabhinethi iqinisekise bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi kuselokhu kuseqhulwini kuhulumeni. Ngenkathi Izinhlelo Zezemisebenzi Zikahulumeni zithela izithelo, iKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubo bonke bezomphakathi ukuba basebenzisane nohulumeni ukuqinisa imizamo yokudala imisebenzi nokuthola izisombululo zamanje nezesikhathi esizayo ukuze kuliwe nokuntuleka kwemisebenzi.

3.4. IKhabhinethi ikwamukele ukunyuka kwezinga lokulinganiselwa kweNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC) yi-Fitch Ratings Agency.

3.5. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu beZwe lase-Zambia kulandela ukudlula emhlabeni kukaMongameli Michael Chilufya Sata.

3.6. IKhabhinethi idabuke kakhulu ngokudlula emhlabeni kwezihlabani zezemidlalo ezine zakuleli idlulisa amazwi enduduzo emindenini nabangani bomshayisibhakela uPhindile Mwelase, isihlabani ngendondo yegolide kuma-Olimpiki uMbulaeni Mulaudzi, owayengumdlali wamaBhokobhoko (i-Springboks) u-Tinus Linee kanye nokapteni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa. Ukweseka komphakathi inkonzo yesikhumbuzo kanye nozwelo olumangalisayo olukhonjisiwe lusihlanganisile osizini lwethu njengoba besikhumbula amaqhawe ethu ezemidlalo.

3.7. IKhabhinethi ikushayele ihlombe ukuboshwa ngokushesha komsolwa uMbutho WamaPhoyisa aseNingizimu Afrikia ngesonto elidlule ngecala lokubulawa kukakapteni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa yaphinda yanxenxa imiphakathi ukuba iqhubeke nokusebenzisana namaPhoyisa ukuqhubeka nokuvalela abasolwa.

IKhabhinethi ikwamukele ukugwetshwa odilikajele abayisishiyagalolunye kukaNtokozo Hadebe ngamacala akhe esabisayo emantombazanyaneni amathathu ase-Diepsloot, eGoli, kanjalo nesigwebo seminyaka engama-315 ebhadla ejele uMhlonishwa Elias Mathebula ngokuhlalisa kabi abantu KwaZulu-Natali. Kusukela ngowezi-2008 kuya kowezi-2013, uMathebula wayehlasela abesifazane Ogwini Lweningizimu nesifundazwe, ikakhulukazi eMzinto, e-Hibberdene, eDududu naseMsinsi ngokulandela nokudlwengula izisulu eziyi-18, eziphakathi kweminyaka eyi-14 kuya kwengama-40. Lezi zigwebo zithumele isexwayiso esinzima kuzaphulamthetho ukuthi izenzo  zobugebengu ngeke zibekezelwe.

3.8. IKhabhinethi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ukugcina wonke umuntu ephephile futhi umema yonke imiphakathi ukuba yelekelele amaphoyisa ngokubika izenzo zobugebengu ezenzeka ezindaweni zayo.

3.9. IKhabhinethi iyagcizelela ukuthi iziphathimandla zezempilo nezezizinda ekungenela kuzo izihambi ziqaphe ngabomvu ukuqagula nokuqaphela i-Ebola. Kuze kube manje babalelwa kwabangama-525 abasebenzi bezempilo nabasemalabhorethri ezibhedlela eziyi-13 (kubandakanya nezikhungo eziyi-11 eziqokelwe lokhu) kanye nezikhulu ezibalelwa kwezingama-270 kulo lezi zinda ayisishiyagalolunye asengcupheni enkulu abaqeqeshelwe ukubhekana nanoma yini engavela.

3.10. IKhabhinethi ibongele Umhlonishwa uMongameli uJenene Ian Khama Seretse Khama, umholi we-Botswana Democratic Party, ngokuphinde akhethwe njengoMongameli Wezwe lase-Botswana, kulandela ukhetho olube yimpumelelo mhla zingama-24 Mfumfu 2014.

3.11. IKhabhinethi ibongela uMhlonishwa Nksz Dilma Rousseff, we-Workers Party ngokuphinde akhethwe njengoMongameli we-Federative Republic of Brazil kulandela ukhetho olube yimpumelelo mhla zingama-26 Mfumfu 2014.

3.12. IKhabhinethi ihalalisela uMphathi omusha WeBhangengodla laseNingizimu Afrika, uLesetja Kganyago njengoba ezoqala esikhundleni sakhe esisha mhla ziyisi-9 Lwezi 2014. IKhabhinethi iphinde yazwakalisa ukubonga kwayo kuMphathi osephuma esikhundleni u-Gill Marcus ngokushayela inqubomgomo yezimali ngempumelelo ezikhathini zobunzima kwezomnotho.

3.13. IKhabhinethi ihalalisela u-Chad Le Clos njengomunye wababili abahlomule kakhulu ku-FINA (Fédération Internationale de Natation) uchungechunge Lwendebe Yomhlaba Kwezokubhukuda oluphethwe e-Singapore.

4. Imicimbi Ezayo

4.1.  UMongameli Jacob Zuma uzokwethamela iNgqungquthela ye-G20 e-Brisbane, e-Australia, kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla ziyi-16 Lwezi 2014. Njengoba kuyilo kuphela izwe lase-Afrika eliyingxenye ye-G20, ubulungu beNingizimu Afrika buhlinzeka ngethuba lokuba negalelo kuzinqubomgomo ezisemqoka zomhlaba kanti lokho kungaba nomthelela omuhle kwezomnotho zethu, isizinda kanye nezwekazi.

4.2. Umgqugquzeli we-SADC nePhini LikaMongameli wakuleli u-Cyril Ramaphosa uzohambela e-Lesotho kusukela mhla ziyisi-5 kuya mhla ziyisi-6 kuLwezi njengeminye yemizamo yokuqinisa ukuthula nokuphepha kuleliya lizwe. Lokhu kulandela ukusayindwa okusanda kwenzeka kwesivumelwano sokusebenza kanye nesivumelwano sokuphepha eMaseru nokuyikho okuyisisekelo sokubuyiselwa esimweni esejwayelekile kanjalo nokuzinziswa kwesimo sokuphepha ezweni.

4.3 IKhabhinethi iphinde yamukela ukwethulwa kweBhuloho laseMashunka naseNgubo, Isikimu Sokuchelela saseTugela Ferry kanjalo nesikhungo sokudayisa saseMsinga, KwaZulu-Natali, ngomhla ziyisi-8 Lwezi 2014 nguMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezasemakhaya Nezinguquko  Kwezomhlaba.

Isikimu Sokuchelela sase-Tugela Ferry sizosiza abalimi abancane abayi-1 716 kanti indawo yaseMsinga yokudayisa imfuyo izodala amathuba omsebenzi. Ibhuloho elinqamula phezu koMfula uThukela lizoxhuma kangcono imiphakathi waseMashunka nowaseNgubo ikwazi ukuthola izinsiza namathuba kwezomnotho. Lezi zingqalasizinda nemiklamo yentuthuko iyahambisana nenhloso yahulumeni yokwakha imiphakathi yasemakhaya enokushabasheka okuhle, ukulingana kanye nokuzinza.

4.4 UMnyango Wezemvelo, ngokuhlanganyela neKomidi LikaHulumeni Kwezokuguquguquka Kwesimo Sezulu, uzoba nengqungquthela mayelana Nokuphendula KweNingizimu Afrika Esimweni Sokuguquguquka Kwesimo Sezulu phakathi komhla ziyi-10 kuya kumhla ziyi-13 kuLwezi wezi-2014 e-Gallagher Convention Centre, e-Midrand, ngaphansi kwesihloko esithi: “INingizimu Afrika iguqukela kukhabhoni ephansi kanye nomnotho nomphakathi ongazanyazanyiswa isimo sezulu.” Ngenxa yalokhu, iKhabhinethi iyakugcizelela ukuzibophezela kweNingizimu Afrika ekuthuthukiseni umnotho wekhabhoni ephansi kanye nokwakhela ezimpumelelweni zengqungquthela yokuguquguquka kwesimo sezulu eyayiseThekwini.

5. Abaqashiwe:

5.1. IKhabhinethi ikwamukele ukuqashwa kwabalandelayo Emnyangweni Wezezimali  Kazwelonke
a) Mnu M Sachs – Iphini Lomqondisi-Jikelele – Isikhulu SezeSabiwomali
b) Mnu AF Julies – Iphini Lomqondisi-Jikelele – Ukunganyelwa Nokuphathwa Kwempahla

5.2. IKhabhinethi ikwamukele ukuqashwa kwamalungu alandelayo eMkhandlwini we-Shadi Lokuhlonyiswa Okugxile Ekuthuthukisweni Okuphelele Komnotho Wabantu Abamnyama:
a) Mnu. Randall Barry Howard (Usihlalo Womkhandlu weShadi),
b) Mnu. Ismail Noormahomed Essa (Imboni Yezomphakathi)
c) Nk. Fusi Makhasane (Izinhlangano Zamabhizinisi)
d) Nk. Ntokozo Jennifer Sabelo (Izinsiza Zokuthutha Ngamanzi)
e) Nk. Hlamalani Baloyi (Omele intsha)
f) Mnu. Colgate Nangu (Ukudlulisela phambili Nokulungisa)
g) Nk. Cleo Shiceka (Ezezetimela)
h) Nk. Sibongile Sambo (Ezamabhanoyi Zakuleli)
i) Mnu. Abner Ramokgolo (Ukuthutha Ngomgwaqo)
j) Nk. Joy Sebenzile Matsebula (Abantu Abaphila Nokukhubazeka)
k) Nk. Verlene Manuel (Usizo Lokuthutha abantu ngezitimela)
l) Mnu Herry Tshamunwe Masindi (Izinhlangano zabasebenzi)
m) Nk. Carol-Anne Cairns (Izinkampani Zamabhanoyi Zangaphandle)
n) Mnu. Philip Taaibosch (Omele i-Santaco, inhlangano yamatekisi)
o) Nk. Mary Phadi (Izinhlangano Zabesifazane)
p) Mnu. Stephen Sangweni (Izinhlangano Zokuthutha abagibeli).

Imibuzo:
Mnu. Donald Liphoko
Umakhalekhukhwini: 082 901 0766

Share this page

Similar categories to explore