AMAPHUZU AMQOKA NGEMPILO YEPHINI LIKAMONGAMELI U-DAVID MABUZA

INingizimu Afrika izilele ukudlula emhlabeni kowayeyiPhini likaMongameli u-David Mabuza.

•    OwayeyiPhini likaMongameli u-David Mabuza udlule emhlabeni eneminyaka engama-64, ngoLwesine, mhla wesi-3 kuNtulikazi 2025, kulandela ukugula isikhashana. 
•    Uhulumeni udlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balowo owayeyiPhini likaMongameli u-David Mabuza.  
•    U-David Mabuza usebenze njengePhini likaMongameli waseNingizimu Afrika kusukela ngowezi-2018 kuya kowezi-2023. 
•    U-David Mabuza uzokhunjulwa ngegalelo lakhe elihle ekulweni nobandlululo, nangobuholi bakhe obuyisibonelo nokubonisa intshisekelo ngezwe lakhe.
•    Unikele impilo yakhe ekusebenzeleni isizwe futhi ushiya ngemuva imfundiso yokuzithoba, ukusebenza, nokuzinikela emigomweni yentando yethu yeningi labantu yomthethosisekelo.  
•    Kuwo wonke umsebenzi wakhe wezombusazwe, usebenze ngokuzikhandla ukuletha umphumela wangunaphakade empilweni yabantu.

UMongameli u-Cyril Ramaphosa usememezele uMngcwabo Wombuso weSigaba sesi-2 ukuhlonipha lowo owayeyiPhini Likamongameli WeRiphabhulikhi.

•    UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luzomasha ngesikhathi senkonzo yomngcwabo wowayeyiPhini likaMongameli, ozoba seMpumalanga.
•    UMongameli Ramaphosa umemezele ukuthi Izinsuku Zokuzila Zikazwelonke zizogcinwa kusukela ngoMsombuluko mhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2025, nokuthi amafulegi aphephezeliswe kuhhafu ezweni lonkana kuze kube kusihlwa ngoMgqibelo, mhla ziyi-12 kuNtulikazi 2025.
•    IPhini likaMongameli uMabuza usebenzele abantu baseMpumalanga njengoNdunankulu kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2018, nangaphambilini njengeLungu loMkhandlu Ophethe waseMpumalanga emikhakheni eyahlukahlukene.
•    Wasebenzisa amakhono akhe obuholi nokugqugquzela esikhundleni sakhe sokuba uMholi Wezamabhizinisi Kahulumeni ePhalamende, kanjalo nokuba ngumholi woMkhandlu Kazwelonke Wengculazi eNingizimu Afrika.
•    IPhini likaMongameli uMabuza ubevame ukumela iNingizimu Afrika ezinkundleni zomhlaba wonke futhi waqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika nabalingane bayo abasondelene nayo.

U-David Mabuza wasebenzela isizwe sakithi ngamalengiso.

•    Ubengumholi obeyisishoshovu ngesikhathi eqala umsebenzi wakhe kwezombusazwe, futhi wafika wahola isizwe sakithi waphinde wasiza iNingizimu Afrika ukuthi ikwazi ukuxoxisana nozakwethu ezwenikazini kanye nomhlaba jikelele ngokwesikhundla sakhe njengePhini likaMongameli.
•    Wamela izwe lethu ngentshisekelo futhi waba neqhaza elikhulu ekuthuthukiseni indawo yeNingizimu Afrika emhlabeni.
•    Siyakubonga ukuzibophezela kwakhe okujulile emzabalazweni wenkululeko nasekuthuthukiseni umbuso obandakanya wonke umuntu, ophumelelayo, nowentando yeningi labantu.
•    Lowo owayeyiPhini likaMongameli wayethandwa kakhulu futhi ebonisa ukunakekela nothando lweqiniso kuwo wonke umuntu ayexhumana naye.

U-David Mabuza wadlala indima enkulu ekuqinisekiseni inkululeko yethu kanye nentando yethu yeningi Labantu yomthethosisekelo.

•    U-David Mabuza wazalwa ngowe-1960 ePhola ngase-Hazyview eMpumalanga futhi uyindodana yesithathu kwabahlanu. 
•    Wayenguthisha wezibalo owabonisa ubushoshovu bakhe bokulwa nobandlululo ku-Azanian Students Organisation (i-Azaso) ebusheni bakhe ngeminyaka yowe-1980, kamuva wajoyina i-Congress Movement, eyayiholwa yi-ANC.
•    UMabuza wayengomunye wabasunguli bokuqala bentando yeningi labantu futhi waba yingxenye ebalulekile yenqubo yokwakha ukuzethemba ngemva kobandlululo.
•    Ngemva kokhetho lokuqala lwentando yeningi labantu ngowe-1994, wajutshwa kuhulumeni ukusiza ukufeza isithembiso soMqulu Wenkululeko, esigubha iminyaka engama-70 yawo kulo nyaka. 
•    Ubengumholi ovelele owaletha ingcebo yolwazi ngomsebenzi wakhe kuhulumeni.
•    Udlale indima ebalulekile ekuletheni ubumbano kuleli lizwe nasezwenikazini lonkana.  
•    Esikhundleni sakhe njengeSithunywa esiKhethekile saseNingizimu Afrika e-South Sudan, wagqugquzela ukuthi amaqembu ase-Sudan avumelane neSivumelwano Sesikhashana Esivuselelwe Sikahulumeni Wobumbano Lukazwelonke.
•    Wabamba iqhaza elikhulu ekuhlomiseni abaholi bendabuko ukuze baqhubekisele phambili intuthuko eSifundazweni saseMpumalanga.

Masibungaze impilo ka-David Mabuza futhi sizibophezele kabusha ekuphileni ngezimfundiso zakhe.

•    U-David Mabuza wayengumlweli wezwe nenkululeko owanikela impilo yakhe ekusebenzeleni abantu baseNingizimu Afrika.
•    U-David Mabuza ungowesizukulwane esaphonsela inselele isimo esingenabulungiswa ngesikhathi sobandlululo futhi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayalibonga iqhaza alibamba ekukhululweni kwezwe lethu.
•    Ukudlula kwakhe emhlabeni kuyikhwelo kubantu abasha lokuthi bathathe umsebenzi ongakaqedwa wesizukulwane sakhe wokukhulisa umnotho, okuzohlomulisa wonke umuntu.
•    Wakhetha izindawo ezikude eNingizimu Afrika okwakunzima ukufinyelela kuzo, lokho kwakuyisenzo samabomu njengoba lezi zindawo kwakuyimiphakathi eyayidinga usizo kakhulu. 
•    Wasebenzisa amakhono akhe ekwakheni ukubambisana ukuze asize ekwethulweni ngokusemthethweni kwe-South African National AIDS Council Private Sector Forum, okwabonisa ukubaluleka kweqhaza elibanjwa amabhizinisi ezindleleni zezwe zokubhekana ne-HIV ne-TB.
•    Ngezinyathelo esizithathayo, singaqhubeka ezinyathelweni zemfundiso enamandla ka-David Mabuza nabanye abaningi ezibekwe ezandleni zethu ngokuqinisekisa ukuthi sinomphakathi wabantu bonke onobulungiswa nongenzeleli. 
•    Ngokusebenzisa ngokubambisana, singakhulisa iNingizimu Afrika ukuze inqobe izinselelo ezintathu zokuntuleka kwemisebenzi, ububha, nokungalingani.
•    Kufanele siqhubeke nokulwela ukuthi sibe isizwe esisebenzela wonke umuntu, esakhelwe phezu kwamagugu entando yeningi labantu, inkululeko, nokulingana, njengoba siphokophelele iNingizimu Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono. 
 

Share this page

Similar categories to explore