Inkulumo Yokuvulwa Kwephalamende Eyethulwa Ngumongameli U-Cyril Ramaphosa Ehholo Lasekapa, Entshonalanga Kapa, Mhla We-18 Ntulikazi 2024
USomlomo Wesigungu Sikazwelonke, uMhlonishwa uThoko Didiza,
USihlalo woMKhandlu Kazwelonke Wezifundazwe, uMhlonishwa u-Refilwe Mtshweni-Tsipane,
IPhini likaMongameli u-Paul Mashatile,
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
IPhini likaMongameli Laphambilini kanye noSomlomo Waphambilini uBaleka Mbete,
IPhini likaMongameli Laphambilini uPhumzile Mlambo-Ngcuka,
USihlalo Waphambilini we-NCOP u-Amos Masondo,
IJaji Eliyinhloko u-Raymond Zondo,
IPhini Lejaji Eliyinhloko uMandisa Maya,
IMeya yeDolobha laseKapa, u-Geordin Hill-Lewis,
IZinhloko Zezikhungo Ezeseka Inkululeko,
Ilungu Ehloniphekile elahlonishwa nge-Order of Ikhamanga, uDkt. Esther Mahlangu,
Izihambeli Ezikhethekile Nabantu Abahloniphekile
Amalungu Ezinhlangano Zamanxusa,
Amalungu Ahloniphekile ePhalamende,
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
Sihlangene lapha esifundazweni saseNtshonalanga Kapa emva kwezikhukhula ezinkulu ezidale umonakalo emakhaya, amabhizinisi kanye nengqalasizinda, okukhahlameze izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu esifundazweni sonkana.
Ezinsukwini ezedlule, sizibonele imililo yequbula KwaZulu-Natali, lapho abantu abayi-14, okubandakanya izicishamlilo eziyisithupha, beshonile. Le mililo iphinde yabhubhisa amakhaya, imfuyo kanye namadlelo.
Imithandazo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika inabo bonke abantu ababhekene nalezi zimo ezinzima zesimo sezulu njengoba beqala phansi bakha.
Malungu Ahloniphekile,
Ngicele uSomlomo Wesigungu Sikazwelonke noSihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe ukuthi bahlanganise lo mcimbi wokuvula ngokusemthethweni iPhalamende ngosuku olunomlando futhi olubalulekile.
Namuhla, sibungaza ukuzalwa ngomsunguli wesizwe sethu kanye neqhawe lomhlaba elalilwela ukuthula, ubulungiswa kanye nokubuyisana, uMongameli u-Nelson Rolihlahla Mandela.
Kulolonke izwe lethu nasemhlabeni jikelele, izigidi zabantu zibungaza lolu suku ngokusiza kanye nobumbano.
Ngalokho abakwenzayo baqinisekisa iqiniso elimile elithi: ubuntu sibuthola kubuntu kwabanye abantu.
Umuntu ngumuntu ngabantu. Motho ke motho ka batho.
Muthu ndi muthu nga vhangwe vhathu. Munhu yi munhu yi vanhu.
Ngalolu suku siyakhunjuzwa ukuthi sinomsebenzi komunye nomunye; nokuthi ukuphila kwethu nenjabulo yethu ngeke yahlukaniswa kuleyo yabesifazane neyamadoda.
Siyakhunjuzwa ukuthi siphokophelele inqubekelaphambili kanye nempumelelo, kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi akekho osala ngemuva.
Thina singabantu baseNingizimu Afrika siyisizwe esehlukahlukene, sinemilando, izinkolelo, amasiko kanye nezilimi ezehlukene.
Kodwa simunye. Futhi sinekusasa elilodwa.
Yilo leli kusasa elenza abantu baseNingizimu Afrika bafune iPhalamende naloHulumeni bahlangane baye phambili.
Ezinsukwini ezingama-50 ezedlule, abantu baseNingizimu Afrika bahamba bayovota ukuzikhethela ikusasa lezwe lethu. Ngaphambi kokhetho babekudlulisile ukukhathazeka kwabo kanye namathemba abo, izifiso zabo nalokho abakulindele.
Ngamavoti abo, bakushilo ukuthi abaholi bezwe lethu kufanele babeke eceleni ukwehlukana ngokwepolitiki babe munye ukuze bezonqoba izinselele ezinzima ezibhekene nesizwe sakithi.
Bathumela umyalezo ocacile wokuthi ngaphandle kobumbano, ukusebenzisana nokubambisana, imizamo yethu yokuqeda ububha, ukuswelakala kwemisebenzi kanye nokungalingani ngeke iphumelele.
Ngokulandela lo myalelo ophuma kubantu, amaqembu epolitiki aphuma kuzozonke izingxenye zepolitiki akhetha ukusungula uHulumeni Wobumbano Lukazwelonke.
Okuyinto engakaze ibonwe emlandweni wethu wentando yeningi labantu, amaqembu epolitiki alishumi amelwe lapha ePhalamende lethu avumile ukusebenzela uhlelo olulodwa lokwakha iNingizimu Afrika engcono, elinganayo neyenza kahle.
Ahlangene aba munye, ngale kokwehlukana, ngoba bonke bazinikele esizweni esibumbene, esiphumelelayo nesibandakanya wonke umuntu.
Ngokusayina iSivumelwano Sokusebenzisana, amaqembu azinikele ukuhlonipha uMthethosisekelo kanye nomthetho nokugqugquzela ukuphendula, ukusebenzela obala, ngobuqotho nokubusa ngendlela efanele.
Amaqembu aluvumile uHlelo Lokuqala oluyisisekelo somsebenzi lukaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke.
Imisebenzi okumele yenziwe ebekwe eqhulwini evela kulolu hlelo lokuqala yesekwe ngokuphelele yi-Lekgotla, okuyiKhabhinethi ebelihlanganise ongqongqoshe abasha abaqokiwe, amaphini ongqongqoshe kanye nondunankulu. Abamele ohulumeni wasekhaya, abaqondisi-jikelele kanye nezinye izikhulu ezibalulekile nabo bebekhona.
Lena yimisebenzi ebekwe eqhulwini esizoyicacisa kusihlwa.
IKhabhinethi lizophinde lihlangane lizobonisana ngoHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi, lapho lizocacisa lonke uhlelo lwemisebenzi ebalulekile kanye nokungenelela kukahulumeni eminyakeni emihlanu ezayo.
UHlelo Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi luzocacisa ngombono kanye neqhingasu elizochaza ngokucacile izinhloso liphinde lifake phakathi izinjongo kanye nezindlela zokuzuza konke lokhu. Lezi zinjongo zizohambelana neSabelomali, esizokweseka ukuqaliswa kwale misebenzi.
Kuwowonke lo msebenzi, uHlelo Lwentuthuko Kazwelonke loMbono wangowezi-2023 lusalokhu luyisisekelo sokukhula nentuthuko yezwe lethu.
Sizophinde sisebenzele phezu kweZinjongo Zentuthuko Ezisimeme Zenhlangano Yezizwe Ezibumbene kanye noHlelo Lwenhlangano Yobumbano Lwe-Afrika lwangowezi-2063 ekubumbeni uHlelo lwethu Lwentuthuko Lwesikhathi Esiphakathi.
I-Lekgotla igcizelele ukuzimisela kwawo wonke amalungu kaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke ukusebenza ngokubambisana ukuthuthukisa lokho okudingwa abantu baseNingizimu Afrika.
Kuyabonakala futhi kuyabongeka ukuzinikela kanye nogqozi oNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe amasha kanjalo noNdunankulu abalubonisayo emisebenzini yabo.
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
Ngale kwempumelelo yenkululeko yeminyaka engama-30, nomsebenzi owenziwe eminyakeni emihlanu eyedlule yokwakha kabusha umnotho wethu kanye nomphakathi, izigidi zabantu baseNingizimu Afrika basalokhu behlupheka, abasebenzi futhi baphila emphakathini ongenakho ukulingana.
Eshumini leminyaka nesigamu, umnotho wethu ukhule kancane.
Izimo zabantu baseNingizimu Afrika namuhla zidinga ukuthi sisebenze ngokubambisana njengoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke nabobonke ababambiqhaza ababalulekile ezweni lethu ngokuphuthuma, ngokuzethemba nangokuzimisela.
UHulumeni Wobumbano Lukazwelonke usunqume ukusebenzisa iminyaka emihlanu ezayo ukubhekana nemisebenzi emithathu ebekwe eqhulwini:
Okokuqala, ukuqhuba uhlelo lokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu kanye nokusungulwa kwemisebenzi.
Okwesibili, ukunciphisa ububha nokubhekana nezindleko zokuphila eziphezulu.
Okwesithathu, ukwakha umbuso onekhono lokusebenza, osebenza ngobuqotho nothuthukayo.
Sinqume ukuthi uHulumeni Wobumbano Lukazwelonke ugxile ekukhulisweni komnotho obandakanya wonke umuntu futhi kubekwe phezulu ohlelweni lukazwelonke.
Esikubonile eminyakeni engama-30 eyedlule ukuthi uma umnotho wethu ukhula, imisebenzi iyasungulwa. Uma umnotho wethu ufadalala, ayikho imisebenzi esungulwayo futhi kulahleka imisebenzi.
UHulumeni Wobumbano Lukazwelonke uzokwenza konke okuzoholela ekukhuleni komnotho osimeme ngokushesha nokususa yonke imigoqo eme endleleni yokukhula komnotho.
Sizimisele ukuthi ukukhula komnotho kubandakanye wonke umuntu. Kufanele kuguqule izimpilo zabantu.
Ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu kufanele kwabelane ngengcebo kanye namathuba.
Kufanele kweseke ukuthuthukiswa kwabantu abamnyama baseNingizimu Afrika nabesifazane, kanye nabo bonke ababengafinyeleli ezinsizakalweni zomnotho.
Lena yingxenye yomthethosisekelo okubalulekile ukuthi ixazulule ukungalingani kwesikhathi esedlule futhi ibhekane nokuhamba kancane kwentuthuko.
Ngezinhlelo zokuthuthukisa nokuletha uguquko, singaqinisekisa ukuthi amakhono, izinsiza kanye namandla abantu baseNingizimu Afrika asetshenziswa ngendlela efanele.
Sizoqhubeka nezinhlelo ezigqugquzela ukuthuthukiswa komnotho wabantu abamnyama, ukulingana kwezemisebenzi kanye nokweseka amabhizinisi amancane naphakathi.
Sizoqhubeka sivikele futhi siphakamise amalungelo abasebenzi, futhi siqhubeke ukwenza ngcono izimo abaphila nabasebenzela kuzona.
Ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu kudinga ukuthi siqinisekise indawo yabantu besifazane nentsha emnothweni.
Ukukhula komnotho kudinga ukuthi sisuse imigoqo yezenhlalo, yomnotho, yamasiko neminye kuze kufike lapho abantu abaphila nokukhubazeka kanye nabanye abantu ababuthakathaka bebamba iqhaza ngokuphelele kwezomnotho.
Sizokweseka ukukhula komnotho emabhizinisini asemakhaya siphinde sitshale izimali kwingqalasizinda yomphakathi ezindaweni ezingatholi kahle izinsizakalo.
Sizokwenyusa uxhasomali ekuguqulweni komhlaba, sibeke phambili ukubuyiswa komhlaba kanye nokweseka ukuqiniswa kwamakhono ezikhungo ezenza kahle umsebenzi.
Ukukhulisa umnotho obandakanya wonke umuntu, osheshayo, kufanele silungise omasipala abathwele kanzima.
Ukukhula komnotho kwenzeka ezingeni lohulumeni wasekhaya, lapho abantu bephila futhi besebenza khona.
Omasipala bethu kufanele kube yibona abahlinzeka ngezinsizakalo futhi balawule ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu. Kufanele basebenze ukuheha utshalomali.
Le ndlela ingagqugquzela amabhizinisi ukuthi aphile futhi asungule eminye imisebenzi ezindaweni zomasipala. Abatshalizimali baheheka ezindaweni ezinengqalasizinda esebenzayo neyesimanje.
Ukwenza lula nokusheshisa ukuhlela nezinqubo zokulawula kungenza kube lula ukuthi amabhizinisi atshale izimali futhi aqhube komasipala, lokho okuzosungula amathuba amaningi emisebenzi.
Njengohulumeni kazwelonke, sinesibopho esikuMthethosisekelo kanye negunya elicacile lokusiza omasipala ukuthi basebenzise ngokufanele amandla nemisebenzi yabo.
Sizoqinisekisa ukuthi ukwakheka kwezikhungo kanye nendlela yokuxhasa ngezimali ohulumeni basekhaya kuhambelana nomsebenzi, nokuthi omasipala basebenza ngokusimeme ngakwezezimali.
Sizobeka izindlela zokuqinisekisa ukuthi abantu abanamakhono nabaqeqeshiwe babekwa ezikhundleni eziphezulu komasipala, kanye nokuqinisekisa ukuqhutshwa ngenqubo yokuqashwa kwabantu engenakho ukugxambukela.
Okuhamba phambili ngenjamanje, sizoletha uzinzo kohulumeni bamadolobha siphinde sigcine ukulethwa kwezidingonqangi.
Sesiwuqalile lo msebenzi.
Ngesikhathi ngivakashele eThekwini ekuqaleni kwalo nyaka, ngahlangana nabahlali basedolobheni, nabaholi bamabhizinisi endawo kanye nabasebenzi bakwamasipala.
Bangitshela ukuthi bafuna ukusebenza ngokubambisana ukwakha idolobha abazoziqhenya ngalo futhi.
Sesisungule ithimba elibizwa ngokuthi i-eThekwini Presidential Working Group elizosiza uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe ukuguqula indlela okuphathwa ngayo uMasipala Wedolobha, ukuxazulula izinkinga zamanzi nokuthuthwa kwendle kanye nokuheha utshalomali olusha.
Sizokwenza ngendlela efanayo kwabanye omasipala bamadolobha ababhekene nezinselele ezinzima ukuze amadolobha ethu ezoba ngommongo wokukhula komnotho kanye nezikhungo eziphuphuma amathuba.
Eminyakeni emihlanu ezayo, ukusebenza ngokubambisana, ngokuhlanganisa amakhono ethu, sizophemba indlela yokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu eNingizimu Afrika ngokufuna utshalomali lwengqalasizinda.
Imiklamo ebalulekile iyaqhubeka ezweni lonkana emikhakheni efana nowezokuthutha, imigwaqo, amanzi, ezamandla kanye nokuhlaliswa kwabantu.
Sizokhuphula kakhulu isilinganiso sotshalomali lwengqalasizinda ngokulandela indlela yokusebenza ephelele nedidiyelwe, ezobeka iNgqalasizinda yaseNingizimu Afrika njengesikhungo esihamba phambili ekuxhumaniseni nasekuhleleni.
Senza lula imithethonqubo yokusebenzisana kukahulumeni nezinkampani ezizimele lokho okuzovumela utshalomali olukhulu kukona kokubili ukuthuthukiswa kwengqalasizinda yezenhlalo neyezomnotho.
Kusuka komasipala bamadolobha abakhulu kuya ezindaweni ezisemakhaya, sinenhloso ecace bha yokuguqula izwe lethu kube yindawo lapho kwakhiwa khona, njengoba kwakhiwa imigwaqo, amabhuloho, izindlu, izikole, izibhedlela kanye nemitholampilo, njengoba kuxhunywa izintambo zokuxhumana nge-inthanethi nanjengoba kuxhunywa izintambo ezintsha zikagesi.
Kufanele sisebenze ukusungula umkhuba wokunakekela ingqalasizinda yomphakathi, kanye nezinsiza siphinde sisungule izindlela zokuqinisekisa lokhu.
NjengoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke, sikhethe ukuqinisa umkhankaso wotshalomali, siqguqguzele futhi sivumele amabhizinisi ukuthi atshale izimali emikhiqizweni.
Lolu tshalomali luzoholela ekusungulweni kwamathuba emisebenzi kubantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi ikakhulukazi abantu abasha.
Sizoqhuba imikhankaso yokukhula komnotho emikhakheni ebalulekile yabasebenzi efana neyezinsizakalo, ezolimo, imikhiqizo ecocekile nakwezokuvakasha.
Ukusungulela abantu baseNingizimu Afrika amathuba emisebenzi, sizogxila ekusebenzeni ngezimbiwa esinazo ukuze sizothumela kwamanye amazwe imikhiqizo esiyenziwe kunokuthi sithumele imikhiqizo eluhlaza.
Sizosungula inqubomgomo yezezimboni zesimanjemanje ezizogxila ekuncintisaneni komnotho wethu, nokuxhasa ngemali amabhizinisi ukuze kuzothunyelwa imikhiqizo eminingi kwamanye amazwe futhi kusungulwe nemisebenzi.
Sizoqhubeka sisebenze nababambiqhaza ukusungula nokuqalisa iZinhlelo Ezinkulu zokukhulisa izimboni ezibalulekile, sikhulise utshalomali, sisungule imisebenzi futhi silethe uguquko.
Sinesiqiniseko sokuthi amabhizinisi amancane kanye nomkhakha ongahlelekile banawo amandla okukhulisa umnotho obandakanya wonke umuntu nokusungula amathuba emisebenzi.
Sizonaka kakhulu ukwesekwa kwamabhizinisi amancane naphakathi emalokishini nasezindaweni ezisemakhaya. Sizohambisa imisebenzi yezomnotho siyise lapho kuhlala khona abantu abaningi bakithi ukuze kuzosunguleka imisebenzi eminingi.
Umgoqo ufadabalisa ukusungulwa kwemisebenzi. Yonke iminyango nayoyonke inkampani engaphansi kukahulumeni bayalelwe ukuthi banciphise imigomo engenasidingo evimbela amabhizinisi ukuthi asungule amathuba emisebenzi.
Sibonisile ukubaluleka kokuthi umphakathi usebenze ngokusungula amathuba emisebenzi namathuba ezindlela zokuziphilisa.
UHlelo lukaMongameli Lokusungulwa Kwemisebenzi, uHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi kanye neminye imizamo ngaphansi koHlelo lukaMongameli Lokusungulela Intsha Amathuba Emisebenzi lusize ngemali engenayo, isipiliyoni somsebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono kubantu abasha abaningi abangasebenzi.
Sizoqhuba siphinde sifake lezi zinhlelo ngaphakathi ezikhungweni ukuze abantu abaningi abasha bezokwazi ukuba yingxenye yamathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.
NgoHlelo lukaMongameli Lokusungulwa Kwemisebenzi, sikwazile ukusungula cishe imisebenzi eyizigidi ezimbili kanye namathuba ezindlela zokuziphilisa. Sihlose ukwandisa kakhulu uhlelo lwemisebenzi yomphakathi ukuze kuzosunguleka amathuba emisebenzi amaningi.
Likhona ithemba lokuthi umnotho uzokhula ngale kwemingcele yethu.
Njengoba siqinisa ubudlelwano bobunxusa nozakwethu esihwebelana nabo nalabo esingahwebelana nabo, sibeke phambili ukuqalisa iNkundla Yokuhwebelana Mahhala Yamazwe ase-Afrika ukuze sizokwenyusa imikhiqizo esiyithumela ezwenikazini lonkana.
Sizokwenza lokhu njengengxenye yendlela yenqubomgomo yokusebenzisana namanye amazwe, egqugquzela ukuthula, ukuvikeleka, intando yeningi labantu kanye nentuthuko e-Afrika yonkana futhi egqugquzela ukulawulwa komhlaba ngendlela efanele nebandakanya wonke umuntu.
Eminyakeni emihlanu ezayo, sizosebenzisa ithuba eliyisimanga lokusebenzisa ezamandla avuselelekayo ukukhulisa umnotho obandakanya wonke umuntu.
INingizimu Afrika inezinsiza ezihamba phambili zamandla adonswa ngelanga nangomoya emhlabeni.
Njengoba siguqukela ekusebenziseni amandla avuselelekayo, iNingizimu Afrika kufanele isungule umkhakha okhiqiza imikhiqizo enganukubezi imvelo ozogxila ekuthunyelweni kwehayidrojini ecocekile nemikhiqizo enjalo, izimoto ezihamba ngogesi kanye nezingxenye zikagesi ovuselelekayo.
Isibonelo, sesibonile ukuthi iNyakatho Kapa izihehe kanjani izigidigidi zamarandi zotshalomali ngemiklamo kagesi ovuselelekayo.
Umsebenzi uyaqhubeka wokwakha i-Special Economic Zone e-Boegoebaai ukuze kuzoqhutshwa utshalomali lwemiklamo yezamandla ehayidrojini ecocekile.
Sesivele sinomsebenzi osuqalile wemiklamo kagesi ovuselelekayo, okungugesi oyizi-22 500 MW womthamo ophehlwe kabusha, elinganiselwa ezigidigidini ezingama-R400 zotshalomali oluzimele olusha. Utshalomali olufana nalolu luzosungula imisebenzi eminingi.
Kuleli viki nje, sibone umklamo wogesi omkhulukazi kosewake wakhona ufakwa kwigridi duzane nase-Lichtenburg eNyakatho Ntshonalanga, onamaphaneli ogesi odonswa ngelanga ongaphezu kwezi-390 000 ozokwengeza ugesi ongama-256 MW kwigridi.
Sizobona eminingi yale miklamo yenzeka ezweni lonkana ezinyangeni naseminyakeni ezayo. Njengoba lolu tshalomali luthela izithelo lokho kusho ukuthi miningi imisebenzi ezosunguleka.
UHlelo Lotshalomali Lokuguqukela Kugesi Ococekile lubonisa indlela ecace bha yokutshala ngaphezu kuka-R1.5 trillion ekuguqukeleni kugesi ococekile, kubandakanya nokwesekwa kwabasebenzi nemiphakathi eseMpumalanga nezinye izifunda ezikhiqiza ilahle.
INingizimu Afrika iguqukela kugesi ovuselelekayo okulindeleke ukuthi kube yiyonanto eholela ekukhuleni komnotho nasekusungulweni kwemisebenzi eminyakeni eyishumi ezayo nangale.
Siphinde sibe nethuba elehlukile lokuthi sibeke phambili izwe lethu emnothweni wedijithali futhi sisungule amathuba emisebenzi kwizinsizakalo zedijithali.
Sizotshala izimali ohlelweni lomazisi abayidijithali nolwezinkokhelo eziyidijithali, ukufinyelela ku-inthanethi engambi eqolo, kanye nokuqeqeshwa kwabantu abasha emakhonweni edijithali.
Njengoba sibheka izindlela ezintsha zokukhulisa umnotho, sizoqhubeka nezinguquko eziholela ekukhuleni komnotho.
Kusenjalo, sizokwethula isigaba sesibili se-Operation Vulindlela, okunguhlelo lukahulumeni oludlale indima ebalulekile ekwesekeni nasekuletheni uguquko emphakathini.
Esigabeni sesibli, i-Operation Vulindlela izogxila ekuguquleni uhlelo lokusebenza lohulumeni wasekhaya kanye nokwenza ngcono ukulethwa kwezidingonqangi, kanye nokusebenzisa ingqalasizinda yedijithali yomphakathi ukuthi kube yiyona eqhuba ukukhula komnotho kanye nokubandakanya wonke umuntu.
Izophinde igxile ekusheshiseni ukukhishwa komhlaba kahulumeni ukuze kuzokwakhiwa izindlu zomphakathi kanye nokuguqula inqubomgomo yezezindlu ukuze izovumela abantu ukuthi bakwazi ukuthenga izindlu ezingambi eqolo ezindaweni ezithandwa yibona.
Sizophothula ukwenza izinguquko embonini kagesi eNingizimu Afrika esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka.
Selokhu kwamenyezelwa UHlelo Lokusebenza Lukagesi ngoNtulikazi wezi-2022, sesenze inqubekelaphambili emangalisayo ekunciphiseni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Eminyakeni emihlanu ezayo, uhulumeni uzogxila ekwandiseni nasekuqiniseni olayini bokuthumela ugesi.
Ukuqhuba ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu, sidinga ojantshi bezitimela ezithutha impahla ukuthwala izimbiwa zethu, imikhiqizo yezolimo kanye nempahla ekhiqiziwe iyiswe emakethe.
Ngokuqaliswa koMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla, sizoqhubeka nezinguquko zokuguqula uhlelo lokuthuthwa kwempahla eNingizimu Afrika.
Umsebenzi esiwenzayo namabhizinisi nezinyonyana ngokusebenzisana neKomiti Likazwelonke Elibhekelele Izinkinga Zokuthuthwa Kwempahla usube negalelo ekwenzeni ngcono ukusebenza kojantshi abathutha impahla kanye namachweba.
Inhlalakahle yabantu bakithi kanye nokukhula komnotho kulele ekubeni namanzi.
INingizimu Afrika iyizwe eliswele amanzi, ukutholakala kwamanzi kusengcupheni ngenxa yokungatshali izimali ngokwanele kwingqalasizinda yamanzi nokuthunyelwa kwamanzi.
Ngakho-ke sizoqhubeka nezinguquko emkhakheni wezamanzi ukuze sizovumela utshalomali kwingqalasizinda yamanzi kanye nokulawulwa okungcono kwezinsizakalo zamanzi ezweni lonkana.
Njengoba amabhizinisi edinga amanzi nogesi ukuthi asebenze, kanjalo nomnotho okhulayo udinga amakhono.
Uma amakhono esiwadingayo engekho manje, kufanele sihehe abantu abaneziqu ezifanele nesipiliyoni.
Sizoqhubeka nezinguquko zezimvume zokuvakasha ezethulwa eminyakeni embalwa eyedlule ukuheha amakhono notshalomali kanye nokukhulisa umkhakha wezokuvakasha.
Sizoqhubeka nokufuna inqubomgomo yezomnotho eyeseka ukukhula nokuthuthukiswa komnotho, ngendlela ezinzile.
Njengawo wonke amazwe, kufanele ukuthi siboleke imali ukuze silekelele isabelomali sethu.
Sizosebenzisa izimali zikahulumeni ngokucabangela ukunciphisa isikweletu. Sizinikele ukwehlisa izindleko zesikweletu sethu ukuze sizosebenzisa leyo mali kwezinye izinto ezibalulekile kanye nezidingo zomnotho.
Okunye esikubeke eqhulwini njengoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke ukubhekana nobubha kanye nezindleko eziphezulu zokuphila.
Iqhingasu elisebenzayo, elididiyelwe nelicacile lokuqeda ububha liyadingeka ukuze lizovikela futhi leseke labo ababuthakathaka emphakathini.
Ngisho nangesikhathi lapho izinkampani eziningi zenza inzuzo enkulu, izigidi zabantu baseNingizimu Afrika ziyahlupheka ngenxa yamanani akhuphukayo.
NjengoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke, sizobheka ukuthi sandise uhlu lokudla okubalulekile okungakhokhelwa i-VAT siphinde sibuyekeze kanzulu amanani, kufaka phakathi inani lamafutha, ukuze sizothola ukuthi amanani angancishiswa kuphi.
Ukwentula indawo yokuhlala kungenye yezimbangela zobubha, okuyikona okwandisa izindleko zokuphila eziphezulu kubantu bakithi.
Ukuhlinzekwa kwamatayitela omhlaba kanye nezindlu zoxhaso kunikeza abantu indawo abangayisebenzisa ukwenza ngcono isimo sabo sezomnotho.
Ukungabi namali engenayo nakho kuyimbangela yobubha.
Indlela engcono yokulwisana nobubha ngukuthi abantu babe nemisebenzi. Nokho sesibe nezingenelelo zokweseka labo abangasebenzi ngezinhlelo zokungenelela nangesikhathi kuhlasele i-COVID-19 lapho sethula khona iSibonelelo se-SRD.
ISibonelelo se-SRD sesisize izigidi zabantu abangasebenzi.
Sizosebenzisa lesi sibonelelo njengesisekelo sokwethula indlela esimeme yokusiza ngemali abantu abangasebenzi ukuxazulula inkinga yokweswela imalingeniso.
Kufanele siqinisekise ukuthi ohulumeni basekhaya baqalisa ngendlela efanele inqubomgomo efaka wonke umuntu ukuze lapho abadala, ababuthakathaka kanye nabantulayo bezokwazi ukuthola usizo ngokukhokhela izidingonqangi.
Okubalulekile, sizohlanganisa usizo lwezenhlalo nolunye usizo olukhona ukuze sizokhipha abantu bakithi enhluphekweni.
Njengezwe, sidinga ukubona umphumela owenziwa uhlelo lwezemfundo olusebenza kahle nolusezingeni ekunciphiseni ububha kanye nokuqhuba ukukhula komnotho obandakanya wonke umuntu.
Ngakho-ke sizogxila ekutheni wonke umuntu akwazi ukufinyelela emfundweni yasenkulisa, okuyisidingo semfundo ethuthukile eminyakeni elandelayo.
Sizoqinisekisa ukuthi izikole zisesimeni esifanele semfundo, zinamagumbi anele, ziphephile futhi zinezindlu zangasese ezisesimeni esifanele, zinamanzi ahlanzekile kanye nesidlo sansuku zonke kulabo abasidingayo.
Ukuqinisekisa ukuthi sikhiqiza amakhono adingwa ngumnotho wethu, sizokwengeza ukuqeqeshwa kwamakhono ezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme, silandele indlela yokubheka ukuthi imisebenzi idinga maphi amakhono bese sithuthukisa wona.
Umsebenzi obalulekile eminyakeni emihlanu ezayo ngukuqinisekisa ukuthi sinciphisa izindleko eziphezulu zokuphila ngokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu eNingizimu Afrika ufinyelela ngokulinganayo kwezokunakekelwa ngokwezempilo okusemgangathweni, okungambi eqolo.
Njengoba siqalisa uMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI), sizogxila ekuqiniseni ingqalasizinda yokunakekelwa ngokwezempilo, sithuthukise ukuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo futhi sisebenzise ubuchwepheshe ukuthuthukisa ukuphathwa kwezonakekelwa kwezempilo.
Ngesikhathi kukuningi ukuphikisana mayelana ne-NHI, kunesivumelwano esithi kufanele sisebenzise izinsiza namakhono ayo yomibili imikhakha kahulumeni nozimele ukuhlangabezana nezidingo zokunakekela ngokwezempilo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokulinganayo.
Ekuqaliseni i-NHI, siyazethemba ukuthi sizokwazi ukuhlanganisa ababambiqhaza, nokuthi sizokwazi ukuxazulula ukungaboni ngaso linye futhi sicacise ukudideka.
Njengoba sinabantu abaningi abahlala kude nasemathubeni omnotho nezinsizakalo, izindleko zokugibela zithatha ingxenye enkulu emalini engenayo yabantu futhi zikhuphula nezindleko zokuphila.
Ngakho-ke okuphuthumayo njengamanje ngukuthi kuphothulwe ukulungiswa kojantshi bezitimela zabagibeli ezweni lonkana ukuze abantu bezokwazi ukuhamba besuka ezindaweni eziqhelile beze emadolobheni.
Cishe amaphesenti angama-80 ojantshi bezitimela manje sebeyasebenza futhi, cishe iziteshi ezingama-300 ezazimoshekile sezilungisiwe, nokuletha izinsizakalo eziphephile nezisebenza kahle kubagibeli.
Okwesithathu okubekwe eqhulwini nguHulumeni Wobumbano Lukazwelonke ngukwakha umbuso onekhono, osebenza ngobuqotho nothuthukayo.
Sizoqhubeka nomsebenzi osuvele uqalile wokuguqula umsebenzi kahulumeni, siqinisekise ukuthi siheha abantu abanamakhono, nobuqotho ukuthi bazosebenza kuhulumeni.
Sizoqhubeka silwe nenkohlakalo futhi sinqande ukugxambukela kwepolitiki ekuphathweni kombuso.
Kulo hulumnei, sizophothula umsebenzi wokubuyisa izikhundla zezemali kanye nokulawula ukusebenza kwezimkampani ezingaphansi kukahulumeni (ama-SOE).
Sizophothula ukuqaliswa kwendlela entsha yokuthi ama-SOE aphathwe inkampani eyodwa. Lokhu kuzokwenza ngcono ukuziphendulela, ukusebenzela obala, ukuphatha kanye nokulawula, ngesikhathi kunciphisa ukungenzi kahle umsebenzi futhi kunciphise nenkohlakalo.
Ukusungulwa kwenkampani yama-SOE kuzovula intuba yokusungula isikhwama sotshalomali lukahulumeni.
Lokhu kwenziwe kwaba yimpumelelo ngamanye amazwe lapho izikhwama zotshalimali zawo sezibe nemali etholakale ngokusebenza kwama-SOE kunokuthi kusetshenziswe izimali zikahulumeni.
Ukulwisana nobugebengu nenkohlakalo, kufanele sibe nama-ejensi ezomthetho anekhono, anolwazi futhi azimele azokwazi ukulwa nobugebengu obuxakile nobuhleliwe.
Sizosebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukusiza ekulweni nobugebengu. Indlela equkethe imininingwane izosetshenziswa ukuhlonza izindawo lapho kudlange khona ubugebengu nokuzobonisa ukuthi amaphoyisa kufanelwe abekwe kuphi kanjalo nezindlela zokunqanda ubugebengu.
Sizoqhubeka nokulwa nobugebengu obuphezulu obufana nokumba ezimayini ngokungemthetho, udlame lwamaqembu ezigelekeqe, ukubanjwa kwezimoto zemali kanye nezigebengu eziqola osonkontileka abakhayo ngokusebenzisa uphiko olukhethekile lwamaphoyisa.
Sizoqhubeka nokuqalisa uHlelo Lukazwelonke loDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF), siphinde sengeze izinsizakalo zokusiza izisulu, ezifana nama-Thuthuzela Care Centres kanye namahhovisi e-GBV eziteshini zamaphoyisa.
Malungu Ahloniphekile,
Eminyakeni engamashumi amathathu edlule, uMongameli u-Nelson Mandela wama phambi kwaleNdlu wakhuluma ngezinsuku zokuqala eziyi-100 zoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke wokuqala.
Ngokwamukela imibono eyehlukene yamaqembu ehlukene kuhulumeni, wathi:
“Sihlanganiswe ukuzinikela emzamweni owodwa kazwelonke wokubuyisana njengesizwe futhi sisithuthukise.”
Kungashiwo okufanayo ngoHulumeni Wobumbano Lukazwelonke osungulwe manje ngamaqembu alishumi amelwe kuleli Phalamende.
Sizinikele ngokufanayo ukubuyisa isizwe ngokwenza ngcono ubulungiswa kwezenhlalakahle kanye nempumelelo elinganayo kubo bonke abantu.
Sizinikele ukwenza ngcono inhlalakahle yezwe lethu nabantu balo ngokuba nokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu, ukusungulwa kwemisebenzi kanye nokuncishiswa kobubha.
Lona ngumsebenzi osithinta sonke.
Emcimbini Wokugcotshwa kukaMongameli, ngenza isifungo sokuthi kufanele sisebenze ngokubambisana ukubamba iNkulumompendulwano Kazwelonke lapho sizoxoxisana ngezinselele ezibalulekile ezibhekene nesizwe sethu, kanye nokuvumelana kulokhu esikudingayo sonke ukuze sizoba nekusasa elingcono laleli lizwe.
Emiphakathini jikelele, abantu bazwakalise ukuyeseka iNkulumompendulwano Kazwelonke.
Bathe kufanele ifake phakathi bonke ababambiqhaza bakuleli lizwe, abamele umphakathi, abaholi bendabuko, umkhakha wezenkolo, abasebenzi, amabhizinisi, abamasiko, abakwezemidlalo kanye nezinye izinhlangano ezimele izimfuno nemibono eyehlukene yezakhamuzi zakithi.
Kulandela isibonelo esisibone emicimbini eyedlule, efana ne-Congress of the People ngowe-1955, i-Conference for a Democratic Future ngowe-1989 kanye nezingxoxo ze-Convention for a Democratic South Africa ekuqaleni kowe-1990, uma sifunda ekubhalweni komthethosisekelo wethu wentando yeningi labantu ngowe-1996, sihlose iNkulumompendulwano Kazwelonke lapho umphakathi uzoba yingxenye yayo.
Njengoba senzile ezikhathini eziningi ezibalulekile emlandweni wethu, sizobheka ukuba nombono owodwa futhi sakhe isivumelwano esicacile nohlelo lokusebenza olucacile ukuze sizofeza izifiso zezwe.
Ngale Nkulumompendulwano, kufanele sibe ngabaqhubi boguquko, sibe ngabaqhubi bokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu, sibe ngabasunguli bamathuba.
Eminyakeni embalwa eyedlule, iqembu elihlukahlukene lalabo abasebenzisanayo nababambiqhaza abaphuma emphakathini bahlangana badingida imizekelo eyehlukahlukene yekusasa lezwe lethu.
Le mizekelo yabizwa ngokuthi yi-Indlulamithi Scenarios 2035.
Omunye womzekelo abawuchaza wawubizwa ngokuthi yi-‘The Recrimination Nation’, lapho kwasetshenziswa uhlobo lwenyoni enomsindo iNkankane njengophawo lwawo.
Lomzekelo wachaza isimo sokungenzi lutho, lapho izinkinga ezibhekene nezwe zingaxazululwa. Lapho wonke umuntu egxeka omunye nomunye ngezinkinga zaseNingizimu Afrika. Lo mzekelo wakha isithombe sezwe lethu lifadabala.
Umzekelo wesibili, uphawu lwawo okuyiNqe, wakha isithombe sesizwe esiphelelwe yithemba esilawulwa ngukuhlangana kwamaqembu ngenhloso yokuzinothisa bona nokuzixhasa ngezimali.
Lo mzekelo ubonise utshalomali lushabalele, ukukhula komnotho kuya phansi futhi kungekho nemisebenzi, ububha nokungalingani kuphezulu kakhulu.
Baphinde bachaza umzekelo abawubize nge-‘The Cooperation Nation’, onophawu lweHlokohloko.
Lo mzekelo wakha isithombe lapho emva kokuphazamiseka nemibhikiso kukhona ukubumbana kwamaqembu epolitiki, umbuso, umkhakha ozimele kanye nomphakathi ukuze ngokubambisana bezothola lokho okumele bakubeke eqhulwini basizane ngokufukulana.
Kunoguquko ekwakhekeni kukahulumeni futhi lolu guquko luholela ekukhuleni komnotho, luheha utshalomali oluningi, kuncipha ukuswelakala kwemisebenzi, ukungalingani nobubha.
Ngokusungula uHulumeni Wobumbano Lukazwelonke, ngokulungiselela iNkulumompendulwano Kazwelonke, sesizibeke emgudwini ‘wesizwe esisebenza ngokubambisana’.
Singathanda ukuthi sonke njengabantu baseNingizimu Afrika siziphathe ‘njengamahlokohloko’. Amahlokohloko angezinye zezinyoni ezinobungani lapho akha izidleke ndawonye futhi ayasebenzisana.
Ngale kwezinselele, ngale kokungaboni ngaso linye, ngale kwezivunguvungu, njengabantu baseNingizimu Afrika sibizelwe ukuthi sihlale sizinikele ukufuna indlela yokusebenza ngokubambisana, ukukhulisa umnotho kanye nokubandakanya wonke umuntu.
Ekuqaleni kosuku namuhla, iqembu labaqwali bentaba laseNingizimu Afrika bafinyelele esiqongweni se-Kilimanjaro, isiqongo esiphezulu kunazo zonke ezwenikazini i-Afrika.
Benze lokhu njengendlela yokuhlonipha ukuzalwa kuka-Nelson Mandela nokubungaza iminyaka engama-30 yenkululeko yethu.
Uhambo olwaziwa ngokuthi yi-Trek4Mandela, laba baqwali bahlanganyele nabanye abaqwali abaphuma emazweni ambalwa emhlabeni jikelele ukusiza ngokuthi amantombazane angaphuthi esikoleni ngokuqokelela imali yokuthenga imikhiqizo yokuhlanzeka (ama-sanitary pads) nezinye izidingo.
Lesi senzo sabo kufanele sisigqugquzele sonke.
Le mpumelelo yabo kufanele isikhumbuze thina sonke ukuthi, njengesizwe saseNingizimu Afrika, ayikho intaba engeke sayiqwala futhi asikho isiqongo esingeke sifike kuso.
Ngiphetha ngokukhumbula nokucaphuna amagama ka-Martin Luther King Jr, uma ngithi:
Masiphakame ngokuzilungiselela okukhulu.
Masime ngokuzimisela okukhulu.
Masiqhubeke kulezi zinsuku ezinamandla, izinsuku ezigcwele izinselele, senze iNingizimu Afrika ibe yilokho okufanele ibe yikho.
Sinethuba lokwenza iNingizimu Afrika ukuthi ibe isizwe esingcono.
Engathi uNkulunkulu angabusisa iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo.
Nkosi Sikelel’ i-Afrika.
Ngiyabonga.