Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-23 Mandulo 2015

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni eziqavile

1.1. IKhabhinethi ikwamukele ukuthulwa ngokusemthethweni koshicilelo lwesikhombisa lweZinkomba Zentuthuko (zowezi-2014) mhla zinga-20 Mandulo 2015, oluthule ezakamumva mayelana nesimo sentuthuko eNingizimu Afrika. Lezi zinkomba zenza kube lula ukuqonda umthelela wezinqubomgomo ezihlukahlukene zikahulumeni kanye nezinhlelo zokuletha izinsizakalo entuthukweni yezwe.

Lezi zinkomba ziphinda zikhuthaze inkulumo-mpikiswano mayelana nezinselelo ezibhekene nezwe lethu futhi zisebenze njengezimpawu ezisiza ngokuchaza ibanga eselihanjiwe ekuguquleni umphakathi. Ziyasigqugquzela ukuthi sisebenze ngokubambisana ukuze sifeze izinhloso zethu zesikhathi eside nezesiphakathi nendawo njengoba kubekiwe kuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) – uMbono we-2030 kanye noHlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi.

1.2. IKhabhinethi ikwamukele ukuqokwa kwezimantshi zesifunda eziyi-154 kuzinkantolo zezimantshi ezihlukahlukene ezweni lonke. Okubaluleke kakhulu ukuthi izimantshi ezi-90 zingabantu besifazane, nokwenza ama-59% abafakizicelo abaqokiwe. Njengoba izimantshi ezi-141 zingabantu abamnyama futhi ezi-13 zingabantu abamhlophe kuzokwenza ngcono kakhulu izinguquko zezobulili nezobuhlanga ezinkantolo ezisezingeni eliphansi. Lokhu kuqokwa kwezimantshi kwakamumva kulandela ukuqokwa kwezimantshi zesifunda ezingama-57 mhla zi-2 Nhlolanja 2015, nokwenza isamba sonke sezimantshi eziqokwe kulo nyaka zibe nga-211, nokungakaze kwenzeke eminyakeni enga-21 yentando yeningi labantu.

1.3. IKhabhinethi ikwamukele ukukeliswa kweNingizimu Afrika ibe ngenye yamazwe amathathu aphezulu kuHla Lwesabelomali Esisobala lowezi-2015, nokuyisona kuphela isikali esizimele, esiqhathanisekayo emhlabeni jikelele sokukala ukuba sobala kohlelo lwesabelomali, ukubamba iqhaza kanye nokuqapha. Lokhu kubeka iNingizimu Afrika ibe ngumholi womhlaba mayelana nokuba sobala kwesabelomali. Ezinye zezinguquko izwe eliqale ukuzisebenzisa phakathi konyaka wezi-2010 nowezi-2015 kubandakanya uhlaka olusha lwezinhlelo ezingamaqhinga kanye nezinhlelo zokusebenza zonyaka, kanye nokuzibophezela kukahulumeni ukuxoxisana nezinhlangano zomphakathi ukuqunisekisa ukubamba iqhaza okubonakalayo.

1.4. IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sokuthi iNingizimu Afrika izothatha isikhundla sokuba nguSihlalo we-Open Government Partnership (i-OGP). I-OGP wuhlelo oluxube amazwe lokuthi ohulumeni bazibophezele ngendlela ebonakalayo ukugqugquzela ukusebenzela obala, ukuhlomisa izakhamuzi, ukulwa nenkohlakalo kanye nokusebenzisa ubuchwepheshe obusha ukuqinisa ukubusa. INingizimu Afrika i-Brazil, i-Indonesia, i-Mexico, i-Norway, i-Philippines, i-United Kingdom ne-United States of America ngiwo amalungu asungula lolu hlelo.

Ngesikhathi sayo sokuba nguSihlalo iNingizimu Afrika ithembisa ukukhulisa ulwazi lwezombusazwe lwe-OGP ukuqinisekisa ukubamba iqhaza kanye nokuziphendulela ezingeni loMongameli Bamazwe. INingizimu Afrika izophinda igxile ekufakeni i-OGP ohlelweni lwezingxoxo zamazwe omhlaba kuNhlangano Yezizwe (i-UN), kuSigungu-Jikelele (i-UNGA), Eqoqweni Lamazwe angama-20 (i-G20), kanye nakwezinye izinkundla zokuxoxisana.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi isekela ukuthi iNingizimu Afrika isingathe Inkomfa Yesibili yamazwe e-Commonwealth emayelana neMisebenzi Yentsha ngoNdasa 2016, ngokucela kweHhovisi likaNobhala Wamazwe e-Commonwealth. UMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola uzosebenzisana neHhovisi likaNobhala Wamazwe e-Commonwealth, Inyuvesi YaseNingizimu Afrika kanye ne-Ejensi Kazwelonke Yezokuthuthukiswa Kwentsha ekuhleleni le nkomfa. Le nkomfa ihlose ukuthuthukisa abantu abasha abanda ngokushesha baseNingizimu Afrika, futhi ihlinzeka ngenkundla yokuphatha ngobuchule intuthuko yabasebenzi abasebasha kanye.nokubakhuthaza njengabahlinzekingqangi bemisebenzi ebhekiswe entsheni

2.2. IKhabhinethi igunyaze Imihlahlandlela Yezamabhizinisi Yokuziphatha Kahle Wezinkampani ZaseNingizimu Afrika Eziqhuba Amabhizinisi e-Afrika. Le mihlahlandlela iyiqoqo lemigomo oyilandela ngokuzithandela ehambisana nemithetho kanye namazinga amukelwe emhlabeni jikelele ekhuthaza ukuziphatha ngendlela efanele ekuqhubeni ibhizinisi ezwenikazi lase-Afrika. Iphinda ihlinzeke uhlaka oluqondisayo lwezinkampani zaseNingizimu Afrika lokukhuthaza intuthuko yezomnotho esimeme e-Afrika. Iphinda ikhuthaze izinkampani zaseNingizimu Afrika ukuthi zenze ukubandakanyeka kwazo kanye nendlela eziqhuba ngayo umsebenzi kuhambisane nezinhloso zentuthuko nokudidiyela zikahulumeni e-Afrika kanye nokwakha ukwethembana kanye nemihlomulo yezinkampani kanye nemiphakathi eziqhuba ibhizinisi kuyo.

2.3. IKhabhinethi ivume ukwamukelwa kweNgqugquthela ye-Institutionalization of the Southern African Customs Union (i-SACU). Le ngqungquthela, ebandakanya oMongameli bamazwe noma Uhulumeni wezwe ngalinye, izohlinzeka inkombandlela yezombusazwe neyamaqhinga ku-SACU. Wonke amalungu e-SACU kumele asayine lesi sivumelwano ukuze ingqungquthela ibe yisikhungo esiphezulu sokuthatha izinqumo ze-SACU.

2.4. IKhabhinethi ivume Ukukhishwa kwenCwadi Yokusekela ebhekiswe kuKhomishani Yamazwe Ase-Afrika yeNhlangano Yabahlinzeki be-Inthanethi ohlelweni lwesicelo sokusingatha i-Internet Exchange Point yesifunda. Lokhu kunomthelela ekudidiyelweni kwesifunda kanye nokwakhiwa kwengqalasizinda ephephile, enokwethenjelwa kanye nezinsizakalo ukuhlangabezana nezimfuno zomphakathi wezolwazi.

Lokhu kugxilisa ukusebenzisana kanye nokubambisana phakathi kwezikhungo zase-Afrika futhi kubeka iNingizimu Afrika ibe ngumholi womhlaba ekuthuthukisweni kanye nasekusatshalalisweni koLwazi lwezoBuchwepheshe Kwezokuxhumana (i-ICT). Ukugcina imisebenzi kusifunda kuzokwehlisa izindleko zokuxhumana kanye nokukhuthaza ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, ukusungula izinto ezintsha, ukuqala amabhizinisi kanye nezinkundla zemisebenzi kahulumeni etholakala nge-inthanethi, kanye nokuqinisekisa ukuthi i-Afrika izilawulela ulwazi lwayo kanye nokuqukethwe.

2.5. IKhabhinethi igunyaze ukuthi iNingizimu Afrika ibe lelinye lamazwe azosingatha Umhlangano Wesibili Wongqongqoshe Wezentuthuko Yezempilo Phakathi Kwe-China ne-Afrika ngaphansi kwengqikithi ethi “Ukukhuthaza ukutholakala Konakekelo Lwezempilo e-Afrika, Ukwenza Ngcono Ukubambisana Phakathi kwe-China Ne-Afrika Kwezempilo Yomphakathi emva kwesikhathi se-Ebola” kusukela zi-4 zize zibe yi-6 Mfumfu 2015 eKapa. Lesi sinyathelo siwumphumela woMhlangano Wokusebenzisana phakathi kwe-China ne-Afrika okubeka ezempilo njengengxenye ebalulekile yokubambisana phakathi kwe-China ne-Afrika. Kamumva nje, i-China ithembise ngezinsiza ezibalulekile ukusiza ukulwa nokuqubuka kwe-Ebola eNtshonalanga Ye-Afrika.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Semithetho Kazwelonke Yokuphathwa Kwemvelo, wezi-2015 ukuze umphakathi uphawule. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwemvelo, we-1998 (uMthetho we-107 we-1998) kanye nemithethonkambiso eminingana yokuphathwa kwemvelo. Izichibiyelo ziqinisa, phakathi kwezinye izinto, ukuphathwa kwemvelo okudidiyelwe, izinyathelo zokuthobela kanye nokuqinisekisa ukulandelwa komthetho, ezemvelo ezihlukahlukene kanye nokongiwa kwayo, ukuphathwa kwezinga lomoya kanye nokuphathwa kwemfucuza.

3.2. IKhabinethi iphasise ukwethulwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wezababhaci, wezi-2015 ePhalamende. Izichibiyelo zikhulisa ukusebenza kahle kanye nokusebenza ngempumelelo ohlelweni lwababhaci lokufaka izicelo zokukhoseliswa, futhi kuyingxenye yokubuyekeza okubanzi kweNqubomgomo Yokufuduka okuqhubekayo.

3.3. IKhabinethi iphasise ukwethulwa Komthethosivivinywa Kwesikhwama Esilawulwa Ezobulungiswa, wezi-2015 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa wakha uhlala lwezomthetho oluzokhulisa ukuziphendulela nokubhekana nemiphumela yocwaningo kaMcwaningimabhuku Jikelele ngokwenza ngcono ukusebenza kahle kwenhlangano kanye nokuguqula izinsizakalo zezobulungiswa.

Lo Mthethosivivinywa uphinda uhlinzekela ukusungulwa kweSikhwama Esilawulwa Ezobulungiswa ukulawula ukuphathwa, ukuqondiswa, ukutshalwa kwezimali kanye nokusetshenziswa kweZimali Ezinikelwe Ingxenye Yesithathu (okuphinda kubizwe ngeZimali Ezikuthrasti), njengezimali zesondlo nezebheyili

3.4. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa we-Ejensi Yokuphathwa Kwemingcele (i-BMA), wezi-2015. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwakha i-BMA,ezolinganisa uhambo olunqamula imingcele oluphephile, ukwenziwa lula kwezohwebo kanye nokuphepha kwezwe okuphoqelekile kuzibophezelo zeNingizimu Afrika zesifunda, zezwekazi lase-Afrika nezomhlaba. Leli gunya elilodwa lokuthobelisa ukulandelwa kwemithetho emingceleni lihlinzeka izinsizakalo ezingabizi, ezokuphepha ezenziwe ngcono kanye nokuphathwa okungcono kwezindawo ezisemingceleni.

4. Imicimbi ezayo

4.1. UMongameli Jacob Zuma uzohola ithimba laseNingizimu Afrika eliya ku-UNGA yama-70 e-New York, eMelika ngaphansi kwegqikithithi ethi “Inhlangano Yezizwe Eminyakeni engama-70: Indlela okusabhekenwe nayo yezoxolo, ezokuphepha kanye namalungelo abantu” Umhlangano we-UN Wentuthuko Esimeme kusukela zinga-25 zize zibe ngama-27 Mandulo 2015 izobanjwa ngaphambi komhlangano we-UNGA ukuze kuvunyelwane ngoHlelo Lwentuthuko lwangemumva konyaka we-2015.

Uhlelo olusha lwentuthuko esimeme luyosebenza njengohlelo lokuqala umsebenzi ngamazwe omhlaba kanye nokuhumeni bamazwe ukukhuthaza ukuphumelela okwabelwana ngakho kanye nenhlalakahle yabo boke abantu eminyakeni eyi-15 ezayo. Mhla zingama-25 Mandulo Ongcwele u-Pope Francis uzothula inkulumo ku-UNGA, kanti inkulumo-mpikiswano jikelele izoqala mhla zi-28 Mandulo zize zibe zi-6 Mfumfu 2015. INingizimu Afrika yanelisekile ukuthi izinhloso zentuthuko esimeme zizoqhubeka nokugxila ekulweni nobubha, nokungalingani kanye nentuthuko esimeme.

4.2. UMnyango Wezokuthutha uzoqalisa ukusebenzisa umkhankaso weNyanga Yezithuthi kaMfumfu (i-OTM) kusuka lu-1 kuya zi-31 Mfumfu 2015 ngaphansi kwengqikithi ethi "Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili". I-OTM ibanjwa njalo ngonyaka njengenyanga okuhloswe ngayo ukukhombisa ngamaphrojekthi engqalasizinda anomthelela omkhulu kunhlalo nomnotho kwezezithuthi njengemigwaqo, ezomoya, ezasemanzini, ezikajantshi kanye nezithuthi zomphakathi. Amaphrojekthi aqavile kuyobandakanya ukuvulwa ngokusemthethweni kwentuthuko yengqalasizinda yezemigwaqo njengePhrojekthi yomgwaqo u-R71 Yase-Moria (ukwenziwa ngcono kwezokuphepha kunxanxathela); Umgeni Interchange kanye ne-Denneysville Sasolburg Road eFreyistata yiNkampani Yezemigwaqo YaseNingizimu Afrika (i-SANRAL) ngokubambisana neminyango yezokuthutha nemigwaqo yezifunda

I-OTM izophinda isetshenziselwe ukukhuphula umkhankaso Wokuphepha Emgwaqeni Wezinsuku ezingama-365, oholwa ngumnyango futhi owenziwa ngokubambisana nezikhungo zezokuthutha ezinegunya lezokuphepha emgwaqeni kanye nomkhakha ozimele kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni. INhlangano Ephethe Imigwaqo Yezithuthi izoqalisa uhlelo lokusebenza amahora angama-24 lwamaphoyisa omgwaqo ukuqeda lokhu kubulala. Uhulumeni uphinde wathuthukisa iziqu zamaphoyisa omgwaqo zisuka kuHlaka Lweziqu Lukazwelonke (i-NQF) 4 kuya ku-NQF 6 ukwenza kuhlonipheke umsebenzi wezamaphoyisa omgwaqo.

ISikwama Sezingozi Zasemgwaqeni (i-RAF) sizoqhubeka nokuhlinzeka unakekelo lwangemva kokushayisa kanye nolunye usekelo olufanele kuzisulu zezingozi zomgwaqo kanye nemindeni ethintekile kanye nokufinyelela emphakathini ngokusebenzisa imikhankaso ye-RAF.

4.3. INingizimu Afrika izosingatha okokuqala ngqa Inkomfa Yomhlaba YaseNingizimu Afrika Yezamandla Asebenziseka Kabusha kusukela zi-4 kuze kube zi-7 Mfumfu 2015 eKapa, ngaphansi kwegqikithi ethi “Ukunikeza Kabusha i-Afrika Amandla”. Inkomfa izoveza amathuba amandla asebenziseka kabusha akhona eNingizimu Afrika kanye nase-Afrika kubakhiqizi bamandla avuselelekayo, njengendawo la okumele batshale khona imali.

INingizimu Afrika, ngokusebenzisa Uhlelo Lokuthenga Kubakhiqizi Bezamandla Avuselelekayo iba ngamanye aseebenzisa kakhulu amandla avuselelekayo. Ngomuso, i-biomass, amandla aphehlwa ngomoya ugesi welanga kanye nogesi we-hydropower uzofaka amagigawathi ayi-11.4 ogesi ovuselelekayo kugridi.

UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe usekela izinqubomgomo zezamandla zezwe ngocwaningo kanye nentuthuko yezobuchwepheshe kubuchwepheshe obungcolisa kancane nobungangcolisi nhlobo okungathengiswa futhi kusatshalaliswe ukunyusa izinga likagesi owanele futhi otholwa yizo zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Eminye imizamo yezokuhlukanisa izindlela zokuphehla ugesi kubandakanya ukuthuthukiswa kobuchwepheshe be-hydrogen fuel obungasetshenziswa ukusekela emakhaya kanye nokuhlinzekwa kukagesi, izimoto ezisebenza ngogesi – kakhulukazi ezimayini nakumkhakha wezokugcebeleka – wezimoto zasezimayini, ukusatshalaliswa kohlobo ezimotini zegalofu kanye neziteshi zezokuxhumana ezingomahambanendlwana.

Manje sesiyakwazi ukwakha kanye nokudidiyela izinto ezahlukahlukene senze izisetshenziswa zokuphehla ugesi ezihlukahlukene ezihlolwayo njengamanje. Imihlomulo yohlelo lobuchwepheshe be-hydrogen and fuel cell ukusetshenziswa kweplathinamu engaphinda ivule amathuba kumakethe yezimoto iphinde ikhuthaze imihlomulo kumaminerali ethu amaningi. Mayelana nalokhu, sesisungule futhi saqinisa ubudlelwano bethu nomkhakha wangasese ukwenza ukuhlola kokugcina kanye nokungenisa emakethe izingxenye ezahlukene kanye namandla aphelele.

4.4. Uhulumeni uzogubha Inyanga Yokuthuthukiswa Komphakathi ngoMfumfu ngokugqamisa izinhlelo zokulwa nobubha kanye nokusabalalisa lezi zinhlelo ngokusebenzisa i-Project Mikondzo ukufinyelela kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abahlwempu. Kusukela kuthulwe ngokusemthethweni kwe-Project Mikondzo ngowezi-2013, izikhulu zikahulumeni sezivakashele izigceme ezingaphezu kwama-900 ezinamazinga aphezulu obubha kanye nokuswelakala kwamathuba emisebenzi ukuqonda kangcono izidingo ezihlukahlukene zemiphakathi.

Njengengxenye yemicimbi kaMfumfu, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzophinda ugubhe Iminyaka Eyishumi Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-SASSA), ehlinzeka ngezibonelelo zikahulumeni njengamanje ezihlomulisa abantu abayizigidi eziyi-16,8, futhi eminyakeni eyishumi edlule isize ekunciphiseni ububha kanye nokuhlinzeka ukudla okwanele emndenini ehlwempu. UMnyango uphinde wavula isikhathi sokufaka izicelo zemifundaze yosonhlalakahle futhi abantu abanentshisekelo bayakhuthazwa ukuthi bafake izicelo ngaphambi komhla zi-31 Mfumfu 2015. Ukuthola ulwazi oluthe xaxa, sicela uvakashele lesi sizindalwazi: www.dsd.gov.za.

4.5. IKhabhinethi ihlonipha bonke othisha bethu ngoSuku Lothisha Lomhlaba mhla zi-5 Mfumfu 2015 futhi lidlulisa ukubonga kubo ngokuzibophezela, ukuzinikela nokubekezela kwabo ekuqeqesheni intsha kanye nokukhulisa izingqondo zabafundi ukuze bakwazi ukubhekana nekusasa.

IKhabhinethi imema yonke intsha yaseNingizimu Afrika enentshisekelo ukuthi ifake izicelo zoHlelo Lomfundaze WeFunza Lushaka, uhlelo lweminyaka eminingi lokukhuthaza ukufundisa njengomsebenzi, kusuka mhla lu-1 Mfumfu 2015. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala kulesi sizindalwazi: www.education.gov.za. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, ikakhulu abantu abasha ukuthi babheke umkhakha wokufundisa njengomsebenzi abangawukhetha.

4.6. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babungaze izihlabani zethu zezemidlalo ngozikhethela Izindondo Zezemidlalo zowezi-2015 ungakapheli uMandulo 2015. Ulwazi oluthe xaxa luyatholakala ku: www.srsa.gov.za

4.7. UMnyango Wezemidlalo Nezokugcebeleka waseNingizimu Afrika uzosingatha Izinkambu Zentsha eneminyaka eyi-15 kuya kwengama-23 kusukela zi-5 zize zibe yi-10 Mfumfu 2015. Izinkambu zentsha ziyingxenye esabalele yohlelo lukahulumeni lokuthuthukisa intsha, ukuyihlomisa ngolwazi kanye namakhono ukuze ibe yizakhamuzi ezibamba iqhaza ngendlela ebonakalayo.

4.8. IKhabhinethi unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele Usuku Lokugcebeleka Lukazwelonke lokuqala lonyaka, oluzoba mhla zi-2 Mfumfu 2015. Mhla zi-10 Zibandlela 2014, iKhabhinethi yamemezela ukuthi uLwesihlanu lokuqala ngoMfumfu unyaka ngamunye kufanele lube wuSuku Lwezokugcebeleka Lukazwelonke. Lolu suku luyohlinzeka ithuba kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babambe iqhaza kumisebenzi eyokwenza ngcono impilo yabo kanye nenhlalakahle. Izakhamizi eziphile kahle futhi ezibamba iqhaza zibalulekile ekufezeni izinhloso ze-NDP.

4.9. IKhabhinethi ifisela Iqembu lakuleli lekhilikithi,ama-Proteas, inhlanhla ohambweni lawo lokuyodlala ikhilikithi e-India kusukela zingama-29 Mandulo zize zibe yisi-7 Zibandlela 2015, futhi ifisela Amabhokobhoko inhlanhla kumdlalo wawo obalulekile weNdebe Yomhlaba namuhla (ngoMgqibelo). IKhabhinethi ikhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele amaqembu ethu njengoba edlala kumincintiswano ehlukahlukene.

5. Isimo sekhabhinethi ngezindaba eziqavile esimweni samanje

5.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukutshalwa kwezigidi zamarandi ezingama-22 ukuthuthukisa izakhiwo eMaropeng ukufaka inkundla yokuhlala enezihlalo ezinga-500 kanye nokulungisa indawo yabavakashi ukuhlinzekela ukuthutheleka okulindelekile kwezivakashi ezintsha. Lokhu kulandela ukutholakala okuwumlando kwe-Homo Naledi eNdaweni Yamagugu Yomhlaba ebizwa nge-Cradle of Humankind. .

5.2. IKhabhinethi iphawulile ngezakamumva mayelana neZivivinyo Zikazwelonke Zonyaka (ama-ANA) futhi inxusa zonke izingxenye ukuthi zithole isixazululo esibeka phambili siphinde sivikele amalungelo abafundi. Ama-ANA ayithuluzi elibalulekile elisetshenziselwa ukuhlonza amagebe ukuqinisekisa ukuthi ukungenela okuhlosiwe kokuthuthukiswa kwabafundi kanye nothisha. Nakuba uhulumeni ephawula ngokukhathazeka okuphakanyiswe ngothisha, uyagcizelela ukuthi imfundo kumele ibe yiyo eseqhulwini.

5.3.  IKhabhinethi ihlanganyela nezwe lonke ekukhumbuleni Obusisiwe uTshimangadzo Samuweli Benedict Daswa, owayenguthisha oneminyaka engama-43 wasendaweni yaseTshitanini eLimpopo, owabulawa mhla zi-2 Nhlolanja 1990 ngenxa yenkolelo yakhe eqinile kwezokholo. Lokhu kubuye kube ngokokuqala emlandweni weSonto LamaKhatholika eNingizimu Ne-Afrika ukuthi isakhamuzi saseNingizimu Afrika sihlonishwe njengoMfelilukholo Obusisiwe KaKristu. IKhabhinethi inxusa zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi zihloniphe umfelilukholo wokuqala waseNingizimu Afrika ngokuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi siphila ndawonye ngokuthula nangokuzwana, futhi sihloniphe amalungelo oMthethosisekelo kanye nawesintu abanye abantu.

5.4. IKhabhinethi ihalalisela Iyunithi Elwisana Nokuzingelwa Ngokungemthetho, i-Black Mamba (iZimamba), iqembu labaqaphiziqiwi baseNingizimu Afrika elihlanganisa nabantu besifazane, elihlabane ngendondo ye-Champions of the Earth, umklomelo wezemvelo ophezulu we-UN. IZimamba zaklonyeliswa ngomthelela eziwenzile ekulweni ukuzingelwa ngokungemthetho kanye nezenzo zazo zesibindi. Umthelela uyabonakala ngoba kusukela yaqala ukuba khona ngo-2013, iyunithi yamalungu angama-26 isize ekuboshweni kwabazingeli abazingela ngokungemthetho abayisithupha, yanciphisa ukucushwa kwemigoga ngama-76%, futhi yasusa imigoga eyi-1 000, futhi yaqeda izinkambu zabazingeli abazingela ngokungemthetho ezinhlanu kanye nezindawo zenyama yasendle ezimbili.

5.5. IKhabhinethi incoma abaqokiwe futhi abawinile kuZindondo ZeMbokodo zonyaka wezi-2015, ukubambisana phakathi koMnyango Wezobuciko Namasiko kanye nomkhakha ozimele.

5.6. IKhabhinethi ihalalisela inhloko yemisebenzi yezocwaningomabhuku ekhethekile kuMnyango Kazwelonke Wezezimali, uNksz Zanele Mxunyelwa, owamenyezelwa njengoMhloli Oqonisekisiwe Wonyaka wezi-2015 yiNhlangano Yabahloli Benkohlakalo Abaqinisekisiwe. Lo mklomelo ophezulu uqinisekisa ukuthi uhulumeni ulikhuphulile izinga lokulwa nenkohlakalo nokukhwabanisa, futhi labo abahlela imisebenzi yenkohlakalo nokukwabanisa baxwayisiwe ukuthi bengayenzi.

5.7. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nakubangani baka-Reggie Vandeyar, isishoshovu sezepolitiki ebesihamba phambili emikhankasweni eminingi, kubandakanya umkhankaso wokushaya indiva amapasi futhi wachitha iminyaka eyi-10 e-Robben Island. Wayesithameli soMhlangano Wabantu owamukela uMqulu Wamalungelo waphinda wasebenza nemiphakathi ehlukahlukene. Ungcwatshwe ngoMgcwabo Okhethekile Osemthethweni Wesifundazwe ngeSonto, zingama-20 Mandulo 2015.

5.8. IKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo emndenini kanye nakubangani bakaMnu. Wandile Dlamini odlule emhlabeni mhla ziyi-21 Mandulo 2015. 

Ubedume kakhulu ngelika-“Quesh”, uMnu. Dlamini wayesishoshovu sezombusazwe futhi wayelilungu loMkhonto WeSizwe. Ngesikhathi esekudingisweni wayezinze eLesotho futhi wabuye waya eZambia kwaze kwaba sekukhululweni kwe-ANC njengenhlangano esemthethweni eNingizimu Afrika. Ngesikhathi sokushona kwakhe, ebesebenza njengeMenenja-Jikelele kwiNhlangano Kahulumeni Yezokuvikela. 

6. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. SASSA:
a. UMnu. Tsakeriwa Joseph Chauke njengeSikhulu Esiphezulu Sezezimali (i-CFO); kanye
b. noMnu. Abraham Sonny-Boy Mahlangu njengeMenenja Jikelele : ICT.

6.2. UMkhandlu we-ICT B-BBEE Charter:
6.2.1. Isigatshana Sezokuxhumana
a. UMnu. Lucky Mokgabudi Masilela (Inkundla Yezokuxhumana YaseNingizimu Afrika); kanye
b. noNkz Sarah-Jane Capazario (Inhlangano Yabahlinzeki Be-inthanethi).

6.2.2. Umkhakhana Wezikagesi
a. UMnu. Raletlhogonolo Andile Tlhoaele (Inhlangano Yezamakhebuli YaseNingizimu Ne-Afrika); kanye
b. noMnu. Mduduzi Odysseus Mkhonza (weNkundla i-Black IT).

6.2.3. Isigatshana Sezobuchwepheshe
a. UMnu. Gavin Pieterse (Inhlangano Yezobuchwepheshe); kanye
b. noMnu. Adrian Schofield (Isikhungo Sabasebenzi Bezobuchwepheshe SaseNingizimu Afrika).
6.2.4. Umlawuli
a. UKhansela Katharina Pillay (Inhlangano Elawula Ezokuxhumana eNingizimu Afrika).
6.2.5. Abesifazane
a. UNkz Nokuzola Nelly Ehrens (Inkundla Yezokuxhumana eNingizimu Afrika).

6.2.6. Intsha
a. UNkz Morwesi Ramonyai (ku-Young Entrepreneurs South Africa).

6.2.7. Ukuthuthukiswa Komnotho Kazwelonke kanye Nomkhandlu Wezabasebenzi (i-Nedlac)
a. UMnu. Thulani Tshefuta.

6.2.8. Izinyunyana noma umfelandawonye wezabasebenzi
a. UMnu. Richard Charles Poulton (Inyunyana Yabasebenzi Bezokuxhumana); kanye
b. noMnu. Tshepang Lesiba (Inyunyana Yabasebenzi Bezokuxhumana).

6.2.9. Umkhakhana Wezokuxhumana
a. UNkz Pheladi Gwangwa (Inhlangano Kazwelonke Yezinkampani Zokusakaza); kanye
b. noMnu. Frank Awuah (Inhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika).
6.2.10. Abasebenzi bakahulumeni
a. UNkz Petronella Linders – Isekela Mqondisi-Jikelele : Inqubomgomo ye-ICT Nokuthuthukiswa Kweqhinga (UMnyango Wezengqalasizinda  Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi)
6.3 UMnu. Mlamli Booi oqashwe njengeSikhulu Esiphezulu (i-CEO) ye-Sentech.

6.4 UNkz Rudzani Cordelia Rasikhinya oqahswe njenge-CFO futhi njengelungu lesigungu se-Ejensi Yezobuchwepheshe Bombuso.

6.5  UNkz Bongani Louisa Mathebula njengelungu langaphandle leBhodi le-National Metrology Institute of South Africa.
6.6 UMnu. Pascal Moloi oqashwe njenge--CEO ye-Ejensi Yezokuthuthukiswa Kwesindlu.
6.7 UMnu. T Takalani oqashwe njenge-CEO yeSedibeng Water.
6.8 USlz Edith Vries oqashwe njengoMqondisi Jikelele woMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, Inkontileka yeminyaka emithathu

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore