Ukususa utshwala obungeniswayo obubuya ngaphandle

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo sicelo sokususa utshwala ubusuka ngaphandle

Uma ufuna ukususa utshwala obusuka ngaphandle esikhumulweni semikhumbi, kumele ufake isicelo sokuthola isitifiketi sokususa utshwala emNyangweni weZolimo, Amahlathi kanye nokuDoba okhona eMtateni noma esikhumulweni semikhumbi ukuze ukwazi ukubuhambisa uyodayisa noma yikuphi eNingizimi Afrika.

Uma uMnyango weZolimo namaHlathi kanye nokuphathelene nokuDoba usivuma isicelo sakho, bayobe sebenikezela utshwala bakho obuvaliwe endaweni lapho kugcinwa khona izimpahla ngendlela  ephephile  maqede bese bazisa uMhloli wakuleyo ndawo yokubeka izimpahla ephephile.

Kumele uhambe uye lapho kubekwe khona utshwala bakho ufike unikeze uMhloli oyomfica khona lencwadi noma isitifiketi sakho  sokususa utshwala nokuthi uphinde uthuthe bonke utshwala bakho phambi kwakhe.

Angeke uvunyelwe ukususa utshwala esikhumulweni semikhumbi ubuhambise noma yikuphi lapho ungabudayisa khona lapha eNingizimu Afrika ngaphandle kwephepha mvume.

Okufanele ukwenze

  1. Hamba uye eMnyangweni kaHulumeni weZolimo, amaHlathi kanye nokuphathelene nokuDoba ongaphakathi eMtateni ufike ugcwalise ifomu lesicelo maqede ulibiyisele kuwo uMnyango ka Hulumeni weZolimo namaHlathi kuso isikhungo  semiKhumbi.
  2. Uma isiceleo sakho siphumelela, imikhiqizo yakho yophuzo oludakayo iyobe isithunyelwa endaweni yokugcina izimpahla ephephile, kumele uye khona ufike unikeze uMhloli wakhona incwadi yakho yemvume bese wehlisa utshwala egogogweni lempahla. 
  3. Uyobe usugcwalisa ifomu elihlukile kwamanye yalolo hlobo oluthize lophuzo oluno sayizi noma ukuma okuhlukile kwamanye noma igama labo elingafani namanye. Isicelo masilandelwe yilokhu okulandelayo:
  • Isampula elingama 750 ml uMhloli ayolithatha kumkhiqizo omusha ofikile
  • Isitifiketi sokuthumela kwelinye izwe.

Isikhathi esinqunyiwe

Kasikho isikhathi esibekiwe salokhu.

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for a certificate of removal (Isicelo sesitifiketi sokususa)

Imininingwane yokuxhumana

 

Regional offices

Tel: 021 809 1660
Fax: 021 887 9457
E-mail: jeswaynen@dalrrd.gov.za
Physical address: Plant Quarantine Station, Polkadraai Road, Stellenbosch 7600
Postal address: Inspection Services – Stellenbosch, Private Bag X5015, Stellenbosch 7599

 

Share this page