Thengisa utshwala obungeniswa bubuningi ngemuva kokufakelwa emabhodleleni

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo mayelena nokuthola imvume yokudidiyela umthamo wophuzo oluvela ngaphandle

Ukudidiyela utshwala bamazwe angaphandle ukwenza inzuzo, Thola imvume kumyango weZolimo Amahlathi kanye nokudoba. Ungaxuba imikhiqizo yangaphandle nemkhiqizo yalapha amanzi kanye nezithako zangaphandle.

Kufanele uchatheke isibonelo esingama 750 ml walapha nowangandle udidiyele ndawonye Thumela izibonelo ngokwehlukana ehhovisini lesifunda semikhiqizo yotshwala ngeposisi kuPrivate bag x5015, Stellenbosch 7599 noma uzihambisele mathupha  esitobhini lapho kubekwe khona impahla ese mgwaqeni uPolkadraai, Stellenbosch. Akudingekile ukuba uze uthumele isampula lamanzi uma uwaxubile emasampuleni akho.

Ithimba lomsumpa lizothumela wonke amasampula egumbini labahlaziyi uma ingxubevange yakho iphumelele bazobe sebekuthinta futhi ugunyazwe ukuxuba uphinde udayise ngokwemigomo.

Emva kwalokho ungathumela esinye isibonelo siyohlolwa okokugcina ngokwemigomo yemithetho yophuzo oludakayo umthetho 60 ka 1989 okokugcina ugunyazwa ukuthaka futhi udayise umthamo wophuzo oludakayo.

Okufanele ukwenze

  1. Thintana nonsumpa ehhovisi legatsha elise-Stellenbosch ku-(012) 8091660 noma uthumele ku: jeswaynen@nda.agric.za usho ukuthi ufuna imvume yokudidiyela uphuzo oluvela phesheya kwezilwandle ukuze uthole incazelo ekahle.
  2. Yikha isampula noma isibonelo sengxube engama 750 ml yophuzo lwangaphande kanye nemvubelo ozoxubanisa nayo.
  3. Thumela izibonelo noma amasampula ehhovisini lesifunda semikhiqizo yotshwala ngePosi kuPrivate Bag x5015, Stellenbosch 7599 noma uzihambisele mathupha esitobhini lapho kubekwe khona impahla, emgwaqeni uPolkadraai, Stellenbosch. 
  4. Kufanele  ulindele ukuthola imvume ku Mhlaziyi  ngaphambi kokuba uphinde uxube noma udidiyele uphuzo olodakayo.
  5. Uma usuyitholile imvume kumele udidiyele, uphinde ubuqambe igama maqede ubupakishe kahle bese uthatha futhi elinye isampula elingama 750 ml ulihambile kwi dilesi elibhalwe ngenhla.
  6. Thumela ukudidiyela kwakho kokugcina nefomu eligcwalisiwe. Kumele uthole amafomu ngezanzi bese uyawagcwalisa.

Isikhathi esinqunyiwe

Asikho isikhathi esebekiwe sokucubungula

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for blending of liquor imported in bulk (Isicelo sokudidiyela umthamo wophuzo oludakayo oluvela emazweni angaphandle)   

Imininingwane yokuxhumana

Ucingo: 021 809 1660
Fax: 021 887 9457


iMeyili: jeswaynen@nda.agric.za

Mathupha: Plant Quarantine Station, Polkadraai Road, Stellenbosch 7600

Iposi: Private Bag X5015, Stellenbosch 7599

Iwindi: www.dalrrd.gov.za

 

Share this page