Ukungenisa ngaphakathi nokuthumela ngaphandle imikhiqizo yephetroliyamu

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nokufaka isicelo sokungenisa noma ukusa kwamanye amazwe imikhiqizo yamafutha

Uma ufuna ukuhambisa noma ukungenisa umkhiqizo wamafutha kuleli laseNingizimu Afrika, kufanele uqale uthole igunya emnyangweni wezokumbiwa phansi (DME) yokuba uthole imvume kwi-Nkomishani Ephethe ezohwebo zomhlaba (ITAC).

Ukungeniswa nokuhanjiswa kwemikhiqizo yamafutha kulawulwa imithetho nemigomo yokuhambisa nokungenisa amafutha kuleli kanti ke inkampani noma umuntu ofuna ukulanda noma ukuhambisa imikhiqizo yamafutha ngaphandle kufanele abe nemvume yokungenisa nokuhambisa impahla ngaphandle.

Ukunikezelwakwemvume yokungenisa noma ukuhambisa umkhiqizo wamafutha ngaphandle kwakuleli kuphethwe uMnyango wezokumbiwe phansi (DME).

 Ukuze  ubhekelelwe ekutheni uthole igunya, kufanele uthintane ne DME maqondana nemigudu elandelwayo.

Izimpahla ezifana namafutha angahluziwe, amafutha emoto, upharafini, lubricating oils, ugesi wamafutha, petroleum jelly, petroleum bitumen and paraffin wax zingena ngaphansi kwemigomo ethile elawula ukungena nokuphuma kwamafutha kuleli.

Okufanele ukwenze

  1. Cela ifomu yokufaka isicelo semvume yokungenisa nokuhambisa impahla kwi-ITAC noma uwadonse kwi-website ye-ITAC.
  2. Gcwalisa lamafomu okufaka isicelo bese uwahambisa kwi-DME ukuze uthole igunya, kanye kanye nekhophi yesitifiketi senkampani yakho sokubhalisela intela.
  3. Uma ke isicelo sakho sesigunyaziwe, silande kwiDME bese usihambisa ku-ITAC.
  4. I-ITAC iyophengulula isicelo sakhobese ikunikeza imvume uma isicelo sakho siphumelele.

Qaphela: imvume yokuhambisa impahla ngaphandle ihlala izinyanga ezingu 12 kanti eyokuzingenisa yona uhlala izinyanga eziyisithupha

Isikhathi esinqunyiwe

Isikhathi esimisiwe sokukhishwa kwemvume yokuhambisa impahla ngaphandle iba izinsuku ezintathu sokusebenza.

Kubiza malini

ITAC ayikhokhisi mali ngokusiza kodwa kuyomele ukhokhe intela yosizo kwa SARS. Inani lentela libalwa kusukela esambeni saleyo mikhiqizo noma izimpahla ( ebekiwe ngokwezinhlelo kumakhasimende noma abathengi kanye nomthetho sivivinyo. Imininingwane ngentela ekhokhwayo vakashela I websaythi  yakwa SARS.

Amafomu okumele agcwaliswe

Ngokuhambisa impahla ngaphandle:

Ngokungenisa impahla kuleli:

Imininingwane yokuxhumana

 

ITAC national office - Import and Export Control

Tel: 0861 834 384, 012 394 3590, 012 394 3591
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: International Trade Administration Commission, 77 Meintjies Street, Block D, Sunnyside, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X753 Pretoria, 0001
Web address: http://www.itac.org.za

Department of Energy

Tel: 012 406 8000
E-mail: info@energy.gov.za
City/town: Pretora
Province: Gauteng
Physical address: 192 Visagie Street, Corner Paul Kruger & Visagie Street, Pretoria, 0001
Postal address: Private Bag X96, Pretoria, 0001
Web address: https://www.energy.gov.za/

Share this page