Sifakwa kanjani isicelo sokunxeshezelwa ngokulimala noma ukutheleleka ngezifo usemsebenzini esikhwameni sokunxephezela

Uma ulimala, uthola isifo noma ufa ngenkathi usemsebenzini, wena noma abantu abondliwa nguwe bangafaka isicelo sokunxeshezelwa esikhwameni sokunxephezela.

Isikhwama sikhokhela ukunxephezela abasebenzi abaqashwe ngokugcwele nabasebenza amatoho, abaqeqeshwayo nabafunda umsebenzi abalimala noma abatheleleka ngesifo besemsebenzini bese belahlekelwa umsebenzi ngenxa yalokho.

Ungafaka isicelo uma:

  • uqashwe ngokugcwele
  • ungumsizi wasezindlini olala ekotasi olikhokhela irenti noma uqashwe endaweni eyibhizinisi
  • ufunda  noma uqeqeshelwa umsebenzi noma ungumsebenzi wasepulazini
  • ungumsebenzi okhokhelwa yisikhungo esiqasha abasebenzi.

Angeke ufake isicelo uma:

  • ungumsizi wasezindlini oqashwe ekhaya elizimele
  • uyilungu eligcwele loMbutho wezokuvikela WaseNingizimu Afrika ngenkathi usemsebenzini wokuvikela izwe ngokwemibandela yeSigaba 1 soMthetho wezokuVikela, we-1957
  • uyilungu loMnyango wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ngenkathi usemsebenzini wokuvikela izwe ngokwemibandela yesigaba 1 soMthetho wezokuVikela, we-1957
  • ungumsebenzi ongasebenzi ngaphansi kokulawulwa ngumqashi isibonelo ongaphansi kwenkontileka. Abasebenzi abaqashwe ngongaphansi kwenkontileka bayokhokhelwa
  • ungumnikazi webhizinisi lomuntu oyedwa
  • ungumsebenzi osebenze ngaphandle kweNingizimu Afrika isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyi-12 ngaphandle kokuvumelana noMqondisi-Jikelele woMnyango wezabaSebenzi
  • utholakale unecala lokweqa imithetho ngamabomu, ngaphandle uma ulimale kabucayi noma wakhubazeka.

Qaphela: Uma wena, njengomsebenzi, ufa ngenxa yesifo noma ingozi ehlangene nasemsebenzini, abondliwa nguwe bangafaka isicelo kulesi sikhwama.

Imihlomulo yokunxeshezelwa ngeke ikhokhwe uma:

  • ubike ingozi kumqashi emva kwezinyanga ezingaphezu kweziyi-12 emva kokwehla kwengozi noma isifo esatholakala
  • uma ungasebenzi isikhathi esiyizinsuku ezintathu noma ngaphansi, lapho isiKhwama sizokhokhela izindleko zokwelashwa kuphela
  • ingozi yenzeke ngenxa yobudedengu bakho noma isenzo esingalungile sangamabomu (ngaphandle uma ukhubazeke unomphela noma ushonile kuleyo ngozi, lapho-ke isiKhwama siyokhokha imali yokunxephezela)
  • uma unqaba unganaki ngamabomu ukwelashwa ngokwezempilo.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokufaka isicelo sokunxeshezelwa ngezingozi nezifo ezenzeka emsebenzini noma thintana nabesikhwama sokunxephezela.

 

Share this page