Ukuvuselela ilayisense yemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokuthelela imoto ibe semgwaqeni

Vuselela ngokuthelela imoto unyaka nonyaka ngaphambi kokuba iphelelwe yisikhathi. Kunenhlawulo uma ukhokhe sekwedlule isikhathi.

Kunesikhathi esengeziwe sezinsuku ezingamashumi amabili nanye (21) emva kokwedlula kwesikhathi. Kuyavuselelwa naseposini (Post office) akhethekileyo.

Ukuvuselela kabili ngonyaka.

Amabhasi aphoqelekile ukuvuselela njalo ezinyangeni eziyisithupha.

Okufanele ukwenze

  1. Imoto esebenza ukuthutha umphakathi noma enesisindo esikhulu, ukuhlolwa kuphoqelekile. Uma ingahloliwe imvume yomgwaqo ngeke itholakale.
  2. Vakashela umkhandlu noma iposi (Post Office)ekhethekileyo uphathe:
    • umazisi
    • i- MVL2 ,uma ungenaso isaziso sokuvuselela, gcwalisa i- ALV
  3. Izinkampani:
    • incwadi yebhizinisi
    • incwadi yegunya yokuthatha izinqumo nomazisi
    • incwadi yegunya
    • i- MVL2, uma ungenaso isaziso sokuvuselela, gcwalisa i- ALV
  4. Khokha imali yokuhlolwa kwesicelo egunyaziwe esazisweni.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo siphendulwa ngosuku olulodwa.

Kubiza malini

Thintana nehhovisi lamalayisense langakini ukuze uthole ukuthi kubiza malini.

Amafomu okumele agcwaliswe

Isicelo selayisense yemoto (MVL1) liyatholakala kunanoma yiziphi iziphathimandla zokurejista.

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page