ISitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla ziyi-15 Mbasa 2015

1. Ukubhebhetheka kwezigameko zakamuva zokuhlaselwa kwabantu bokufika

1.1 IKhabhinethi iyazigxeka kakhulu izenzo zodlame oluqhubekayo oluqondiswe kubantu bokufika kuleli. Kuleli qophelo, iKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kwimindeni yalabo abalahlekelwe yizimpilo zabo kulolu dlame futhi ibafisela ukwelulama okusheshayo labo abalimele. Ukucasuka nokungagculiseki kwabantu ngeke neze kwamukelwe njengesizathu esizwakalayo salokhu kuhlaselwa kwabokufika kanye nokuphangwa kwezitolo. Nakuba uhulumeni eziphawulile izinkinga eziphakanyiswe yimiphakathi, ngeke neze lezi zinkinga zixazululwe wukuhlasela omunye umuntu onjengawe. Esikhundleni salokho, lokhu kukhombisa isithombe esingesihle neze ngathi njengabantu, futhi kuphambene kakhulu nezifiso nezisekelo zelizwe lethu elibuswa ngentando yeningi. INingizimu Afrika yalwisana nenqubo yokuqonelwa ngabezizwe kanye noBandlululo ngokubambisana okukhulu nabantu bakuleli zwekazi lethu lase-Afrika, ukuze kuqinisekiswe bonke abantu kuleli zwekazi bayahlonishwa futhi baphathwa ngesithunzi nesizotha.

1.2 Lokhu kuhlaselwa kwabokufika kunomthelela omubi kakhulu kubudlelwano bethu naleli zwekazi kanye namazwe omhlaba, kwezomnotho kwezenhlalo kanye nakwezepolitiki. Kungenzeka futhi kukhahlamezeke ngendlela efanayo izinkampani zaseNingizimu Afrika eziqhuba amabhizinisi ngempumelelo kuleli zwekazi, ezingenisa imali enkulu emgodlagodleni wezimali wakuleli, futhi ezinegalelo elikhulu ekusimamisweni komnotho wethu. Kamuva nje, abaculi baseNingizimu Afrika abebezokhombisa amakhono abo emazweni aphesheya, njengeqembu le-BigNuz ebelizohambela kwelaseZimbabwe, nanye no-Kelly Khumalo no-Casper abebezocula e-London, kudingeke ukuthi ahoxiswe amakhonsathi abo ngenxa yalokhu kuhlaselwa kwabokufika. Futhi seyingomtshingo ubethwa ngubani imiphakathi yethu eminingi ebiziphilisa ngezitolo zabokufika kuleli.

Namuhla, abantu baseNingizimu Afrika bathokozela ukuphila ezweni elikhululekile, futhi lokhu kwazuzwa ngegalelo elikhulu elafakwa ngamazwe amaningi ezwekazi lase-Afrika. Isithwalandwe sethu esesadlula emhlabeni, uMongameli Oliver Tambo sakhoseliswa isikhathi esilinganiselwa eminyakeni engama-30 kwelaseZambia kanye nabanye abantu baseNingizimu Afrika abaningi ababephila ekudingisweni. Amazwe ase-Afrika awagcinanga nje kuphela ngokukhoselisa abantu bethu, kodwa futhi asihlinzeka ngezinsizakalo, asixhasa nangezimali futhi amanye alahlekelwa kakhulu ngoba ashonelwa yizakhamuzi zawo emzabalazweni wokulwela intando yeningi eNingizimu Afrika. Ngeze neze ivume iNingizimu Afrika ukuphazanyiswa emshikashikeni wayo wokufezekisa inhloso-mbono yoBumbano Lwamazwe Ase-Afrika equkethwe kwi-Ajenda yoBumbano Lwe-Afrika (i-AU) yowezi-2063, okuyihloso-mbono eyayiqhutshwa ngokhokho bethu oKwame Nkrumah, Nnamdi Azikiwe, Mwalimu Julius Nyerere kanye no-Nelson Mandela. 

UMongameli Jacob Zuma usejube oNgqongqoshe Beqoqo Lezobulungiswa, Lokuvinjelwa Kobugebengu Nezokuvikeleka ngokubambisana noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, Owezohwebo Nezimboni kanye Nowezokuthuthukiswa Komphakathi ukuthi bafakane imilomo nabo bonke abathintekayo ukuze kutholakale ikhambi loxazulula le nkinga. Ongqongqoshe banikezwe futhi nomsebenzi wokuthola ikhambi lokulungisa izimo zenhlalo nezomnotho abaphila ngaphansi kwazo abantu, okubonakala sengathi yizona eziwumongo walokhu kuhlaselwa kwabokufika, ukuze lolu daba kubhekwano nalo ngqo ngendlela enohlonze futhi ngokuphelele. UMongameli uphinde futhi wamemezela izinyathelo ezithathwe nguMbutho Wezokuvikela WaseNingizimu Afrika (i-SANDF) okuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukuthi imingcele yezwe lethu ilawulwa ngendlela efanelekile.

IKhabhinethi inxusa yonke imiphakathi, izinhlangano kanye nabantu bonke ukuthi babambane ngezandla ukuze kulwisanwe nalokhu kuhlaselwa kwabantu bokufika. INingizimu Afrika ayilona neze izwe elinodlame ngakho-ke akufanele neze sivumele idlanzana labantu libambe izwe lonkana ngobhongwane ngenhloso yokufezekisa izinhloso zabo. Udlame alukaze nje lube yikhambi lokuxazulula izinkinga kunoma yimuphi umphakathi futhi naseNingizimu Afrika ngeke nje nakancane luze lube yisixazululo. Masingavumi neze ukuthi kuqhutshwe udlame egameni lethu!

2. Izichuse

2.1 IKhabhinethi isiphawulile isinqumo sabaphathi benyuvesi sokususa isichuse sika-Rhodes emagcekeni eNyuvesi yaseKapa. Kule shuminyaka mibili edlule iNingizimu Afrika yenze amagxathu amakhulukazi ekuqinisekiseni ukuthi izimpawu zomlando wethu zikhombisa ukwahlukahlukana kwethu njengabantu bakuleli kanye nombuso wethu wentando yeningi labantu. Kepha-ke iKhabhinethi iyavuma ukuthi umkhankaso wokususa izimpawu zomlando kanye namagama acunulayo ezweni lethu awuqhubeki ngesivinini esigculisayo. IKhabhinethi iyiphawulile inkulumo-mpikiswano ebanzi ephathelene nokulethwa koguquko eqhubekayo njengamanje emiphakathini yethu futhi iyayikhuthaza, kanti futhi njengoba kubonakala ngokucacile ukuthi uguquko aluqhubeki ngesivinini esigculisayo kuyinto esiyiqonda kahle kamhlophe ukungagculiseki kanye nokukhathazeka kwabafundi. Ngakho-ke siyabakhuthaza ukuthi balandele imigudu efanelekile echazwe ngaphansi kwemithetho yezwe lethu.
     
2.2 IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibandakanye kwizinqubo eziqhubekayo njengamanje eziholwa nguMnyango Wezobuciko Namasiko eziphathelene namagugu aleli lizwe kanye nokwakhiwa kwesizwe. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhunjuzwa ukuthi uMthetho Wamagugu Kazwelonke we-1999 unikeza incazelo efingqiwe yezinqubo zokubonisana okumele zilandelwe uma abantu befuna ukuthi kususwe noma kuthuthwe isichuse siyobekwa kwenye indawo.

3. Uhambo lukaMongameli waseZimbabwe Lokuvakasheli kuleli

3.1 IKhabhinethi ilwamukele ngezandla ezimhlophe uhambo Lombuso waseZimbabwe lokuvakashela kuleli obeluholwa nguMongameli Robert Gabriel Mugabe olube yimpumelelo enkulu. INingizimu Afrika neZimbabwe, ngamazwe anomlando omude wokubambisana kulesi sifunda, futhi anobudlelwano obuhle kwezamasiko.  Abantu baseZimbabwe badlala indima enkulu esikhathini esedlule ngokusekela umzabalazo wenkululeko eNingizimu Afrika. 

Lolu hambo lukhulise ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe ngokuthi kusungulwe iKhomishana Yokusebenzisana Kwalawa Mazwe Amabili futhi kwasayindwa nezivumelwano ezintathu kanye naMamemorandamu Okubambisana amabili.

  • Isivumelwano Sokusungulwa Kwekhomishana Yokusebenzisana Kwalawa Mazwe Amabili kukhulisa ukuxhumana ngendlela ehlelekile phakathi kwalawa mazwe amabili emazingeni aphakeme, ngokuthi kubanjwe umhlangano woMongameli Balawa Mazwe bobabili ngenhloso yokubuyekeza inqubekelaphambili eyenziwe kwizivumelwano zokusebenzisana okuvunyelwane ngazo.
  • Isivumelwano Sokubambisana Ekuphathweni Kwemithombo Yamanzi kanye nokusungula futhi kuqinisekiswe ukusebenza kweKhomishana Yokubambisana Ezindabeni Eziphathelene Namanzi kuzophucula ubambiswano kwezokuhlela, ukuthuthukiswa kanye nokuphathwa kwemithombo yamanzi ukuze kube khona ukuvumelana mayelana nendlela okuzosetshenzwa ngayo futhi ukuze ahlomule ngokufanelekile lawa mazwe amabili. Lawa mazwe azokwenza ucwaningo ngokubambisana ngenhloso yokuthola ulwazi mayelana nokuthi imithombo yamanzi kwelaseZimbabwe ingakwazi yini ukuphakela iRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ngamanzi; futhi kuzosungulwa imiklamo yamanzi ngokubambisana, ezohlomulisa lawa mazwe ngokuthi kuvulwe kwamathuba omsebenzi, kulethwe uguquko kwezomnotho futhi kuthuthukiswe futhi kudluliswe kwamakhono. 
  • Isivumelwano Sokulekelelana Kwezimpiko Ezilawula Ukungena Nokuphuma Kwempahla Emingceleni - Lesi sivumelwano sibeka isisekelo sokusungula isikhungo lapho umuntu ezothola khona lonke usizo aludingayo endaweni eyodwa ngenkathi ephuma noma engena emngceleni. Lolu wuhlelo lokusebenza ngendlela efanayo emazweni ngamazwe olugqugquzelwa yiNhlangano Yomhlaba Lokulawulwa Kokungena Nokuphuma Kwempahla Emingceleni Yamazwe. Injongo yalokhu ukulekelela izimpiko ezimbili zalawa mazwe ezethweswe umsebenzi wokulawula imingcele ukuthi zikwazi ukwabelana ngolwazi, zihlinzekane ngosizo oluphathelene nokwenziwa komsebenzi ngendlela efanelekile, futhi zisebenze ngokuhlanganyela emsebenzini wazo wokuqapha, ukuvakashela izikhungo ngenhloso yokuyohlola ukuthi umsebenzi wenziwa ngendlela efanelekile yini kanye nokwenza uphenyo ngokuhlanganyela futhi kubanjiswane ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo.  
  • IMemorandamu Yokubambisana (i-MoU) Kwizingxoxo Zokubonisana Emazingeni Osomaqhinga izosungula inkambiso yokubanjwa kwezingxoxo ngokuqhubekayo emazingeni osomaqhinga ukuze kudingidwe izindaba eziphathelene ne-Afrika kanye nezinye ezithinta lawa mazwe womabili. Inhloso-ngqangi yale-MoU ukusungula inkambiso yokubanjwa kwezingxoxo ngokuqhubekayo emazingeni osomaqhinga ukuze kudingidwe izindaba eziphathelele nokuqiniswa kobudlelwano nokuvikeleka kanye nokubambisana phakathi kwalawa mazwe amabili kwelase-Afrika.
  • IMemorandamu Yokubambisana Kwezohwebo ihlose ukuhlinzeka lawa mazwe amabili ngesigcawu sokubonisana kanye nokwabelana ngolwazi mayelana nezimo ahlangabezane nazo kanye nezindlela azisebenzisile kulezo zimo ngenhloso yokulekelelana emizamweni yokukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho. Lawa mazwe avumelene ukuthi azobambisana ngokuthi kugqugquzelwe ukuhwebelana, kususwe izithiyo ezivimbela ukuhwebelana futhi kwakhiwe ikhono namandla okusebenza ngendlela efanelekile emikhakheni ehlonziwe ehlukahlukene futhi kugxilwe nasekuthuthukisweni kwamakhono okujwayelekile.

4. I-Sefako Makgatho Health Sciences University

4.1 IKhabhinethi ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukuvulwa ngokusemthethweni kwe-Sefako Makgatho Health Sciences University (i-SMU) nguMongameli Jacob Zuma eGa-Rankuwa, esifundazweni saseGauteng mhla ziyi-14 Mbasa 2015. Le nyuvesi, ebandakanya nophiko lweNyuvesi yaseLimpopo obelubizwa nge-Medunsa, iqale ukusebenza ngowezi-2015, futhi inabafundi abayizi-5 000.

Ukusungulwa kweNyuvesi i-Sefako Makgatho kuhlinzeka ngethuba elihle kakhulu lokuthuthukisa nokuqeqesha ongoti abasha bezempilo abazoba negalelo elibonakalayo ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika abaningi abancisheke amathuba ngenxa yobubha kanye nokungakwazi ukufinyelela kwizinsizakalo zezempilo. I--Sefako Makgatho Health Sciences University yinyuvesi yokuqala yamasayensi ezempilo ezimele esungulwe kuleli. Uhulumeni uzoqhubeka nokutshala izimali kwezemfundo kanye nasekuthuthukisweni kwamakhono njengoba lokhu kunegalelo elikhulu ekukhulisweni komnotho nasekuletheni intuthuko.

5. Iviki Lezimbizo

5.1 IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abaphume ngobuningi babo ukuyobamba iqhaza ohlelweni lokuxhumana ngqo nabantu abamele umphakathi ngeViki Likazwelonke Lezimbizo ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili”. Lokhu kuyinkomba yokuvuthwa kombuso wethu wentando yeningi labantu lapho izakhamuzi zibamba iqhaza ngenkuthalo ezinhlelweni okuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uyaphendula njengoba uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) lulayela ukuthi kube njalo. Abaholi bezepolitiki baxhumane nemiphakathi futhi bayichazela kabanzi ngezimemezelo ezenziwe nguMongameli Jacob Zuma eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe yowezi-2015.

5.2 Izimbizo zahlinzeka futhi ngethuba lokuthi abaholi bezepolitiki bachazele umphakathi ngezinhlelo zikahulumeni zokuphucula ukuhlinzekwa kwezidingongqangi nokuthi bakwazi ukulalela izinkinga zomphakathi. Kubanjwe Izimbizo ezingaphezu kwama-70 kusukela mhla ziyizi-07 kuMbasa kuya mhla ziyi-12 Mbasa 2015. Imicimbi yezimbizo yaphothulwa mhla ziyi-12 ngokubanjwa komcimbi oyingqayizivele obizwa nge-“Imbizo Lounge”, owabe usingathwe kanyekanye ngabaholi bezepolitiki abathathu ezifundazweni ezintathu.

6. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

6.1 IKhabhinethi yayamukela imiphumela yocwaningo olwenziwe oluphathelene nezikhalazo kanye nezicelo zolwazi eziyizi-161 091 ezamukelwe Kwinombolo Yocingo KaMongameli kusukela ekusungulweni kwayo kuze kuyofinyelela ekupheleni kwenyanga kaNdasa 2013. Ucwaningo lwathola ulwazi lokuthi yizikhalazo ezinjani ezifakwe yizakhamuzi, futhi lwahlonza nezingqikithi eziphuma kulezi zikhalazo kanye nezinkinga ezivamisile eziphathelene nokungahanjiswa komsebenzi njengendlela efanelekile kwizinhlaka zikahulumeni ezahlukahlukene. Imiphumela yocwaningo yahlonza izinto eziningana ezikhathaza izakhamuzi ezivamise ukutholakala kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.

Imiphumela yocwaningo izolekelela iminyango kahulumeni ukuthi iqonde kangcono ukuthi yiziphi izinto ezikhathaza imiphakathi, futhi ihlinzeke ngolwazi olufanelekile oludingwa yimiphakathi. Izinhlelo zokungenelela zizophucula indlela esihlinzeka ngayo umphakathi ngezinsizakalo.

6.2 IKhabhinethi yethulelwa umbiko wakamuva wokuhlaziywa kokukhokhelwa kwezinkampani ezihlinzeka uhulumeni ngezimpahla nezinsizakalo kungakapheli izinsuku ezingama-30 emva kokufakwa kwe-invoyisi efanelekile. IKhabhinethi iyiphawulile inqubekelaphambili eseyenziwe, kodwa izwakalise ukukhathazeka ngeminye iminyango esabhekene nezinselelo.

Uhlaziyo oluqhathanisa iMinyango Kazwelonke kusukela ngenyanga kaMasingana kuye kuNcwaba ngowezi-2013 kanye nowezi-2014 kusukela kuMasingana kuyofinyelela kuNcwaba lukhombisa ubungcono obungama-39% uma kubhekwa inani lama-invoyisi akhokhelwe kungakapheli izinsuku ezingama-30 kanti futhi kubonakala ubungcono obungama-32% uma kubhekwa inani lama-invoyisi akhokhelwe sekudlule izinsuku ezingama-30.

Ngesikhathi esifanayo, iminyango kazwelonke yabika ukuthi  ayizi-155 572 ama-invoyisi enani eliyizigidigidi zamarandi ezingu-3,8 akhokhelwe sekuphele izinsuku ezingama-30, kanti futhi ayizi-62 887 ama-invoyisi enani eliyizigidigidi zamarandi ezingu-2,1 osekuphele izinsuku ezingama-30 efakiwe, angakakhokhelwa kuze kube manje.  

Futhi ngaleso sikhathi, iminyango yezifundazwe ikhombise ubungconywana obungama-5% uma kubhekwa inani lama-invoyisi akhokhelwe kungakapheli izinsuku ezingama-30. Izifundazwe zabika ukuthi  ayizi-241 332 ama-invoyisi enani eliyizigidigidi zamarandi ezingu-13,4 akhokhelwe sekuphele izinsuku ezingama-30, kanti futhi ayizi-356 079 ama-invoyisi enani eliyizigidigidi zamarandi ezingu-21,8 osekuphele izinsuku ezingama-30 efakiwe, angakakhokhelwa kuze kube manje. 

Lokhu kukhombisa ukubuyela emuva noma ukwehla kwezinga ngama-52% uma kubhekwa inani lama-invoyisi osekuphele izinsuku ezingama-30 efakiwe, angakhokhelwanga.

Ukuze kulekelelwe iminyango kahulumeni ehlangabezana nobunzima, iKhabhinethi ikwamukelile ukusungulwa kophiko olukhethekile eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola oluzolandelela kuleyo minyango ehlangabezana nobunzima bokukhokhela ama-invoyisi ngesikhathi esibekiwe.  Lolu phiko luzosebenza ngokubambisana noMnyango Wezezimali  Kuzwelonke kanye noMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-DPSA).
Ngaphezu kwalokho kuzosatshaIaliswa imininingwane yenombolo yocingo kazwelonke engafonelwa ngabahlinzeki bezimpahla nezinsizakalo uma bengakhokhelwanga ngesikhathi. Izikhalazo zabo zizodluliselwa kwiminyango kahulumeni efanelekile bese kukhishwa umbiko mayelana nezimpendulo ezihlinzekwe yiminyango.

6.3 IKhabhinethi yawuphawula umbiko Wokuhlolwa Kokuqaliswa koHlelo Lwezibonelelo Zokuthengiswa Kwezimpahla Emazweni Angaphandle kanye Nosizo Lwezokutshalwa Kwezimali (EMIA) futhi yazamukela nezinyathelo ezithathwe ngabaphathi, kanye nohlelo lokwenza ngcono isimo loMnyango Wezohwebo Nezimboni. Lokhu kube yingxenye yoHlelo Lokuhlola Lukazwelonke lowezi-2013/14 okuhloswe ngalo ukuhlola  ukuthi lusebenza kahle yini lolu Hlelo lwe-EMIA ekusekeleni abakhiqizi baseNingizimu Afrika kanye nalabo abathumela izimpahla emazweni angaphandle.

Uhlelo lwe-EMIA luhlinzeke ngosizo kumabhizinisi athumela impahla emazweni angaphandle ayizi-6 766 ezifundazweni zonkana futhi lukhokhele izicelo zezibonelelo zenani eliyizigidi zamarandi ezingama-510 kusukela ngowezi-2009/10 kuya kowezi-2012/13. La mabhizinisi ahlinzekwe ngosizo avule amathuba omsebenzi ayizi-24 802. Ucwaningo olwenziwe kubabambiqhaza be-EMIA lubonisa ukuthi sisetshenziswa kakhulu isibonelelo se-EMIA yizinkampani zaBantu Ababencishwe Amathuba Phambilini kanye namabhizinisi abesifazane.

6.4 IKhabhinethi ivumile ukuthi uhlaka loMbhalo Wenqubomgomo Kazwelonke Yezokugembula lushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze abantu abaningana emphakathini bakwazi ukuzwakalisa izimvo zabo ngalo. Ngalolu hlaka kuhloswe ukuphucula indlela okulawulwa ngayo ezokugembula, kuqinisekiswe ukuthi indlela okuqhutshwa ngayo umsebenzi ihambelana kangcono, kuphuculwe ukubambisana nokusebenzisana nezifundazwe futhi kubekwe iBhodi Kazwelonke Yezokugembula, njengomlawuli, esimweni sokubhekana kangcono nenkinga yokugembula okungekho emthethweni.

6.5 IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa kohlaka lweNqubomgomo Yotshwala ukuze abantu abaningana emphakathini bakwazi ukuzwakalisa izimvo zabo ngalo. Uhlaka lweNqubomgomo Yotshwala luzokwenza ngcono indlela okulawulwa ngayo ukuthengiswa kotshwala futhi lulwisane nokuthengiswa kotshwala ngaphandle kwemvume.  Phakathi kokunye, iziphakamiso zale nqubomgomo zizozama ukuxazulula inkinga yomthelela ongemuhle wotshwala kwezenhlalo nezomnotho wabantu kanye nezinye izindleko ezibangelwa ukuxhashazwa kotshwala, kanye nodaba lokulethwa koguquko kwimboni yotshwala.

6.6 IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi mayelana nemiphumela yokuhlolwa okwenziwe emkhakheni wokuThuthukiswa Kwezingane Zisencane ngenhloso yokuthola ukuthi yiziphi izinkinga ezikhona kulo mkhakha, lapho kwenziwe khona ukuhlola okunzulu kwiBanga R kanye nezinhlelo zokungenelela ekuhlinzekweni kwezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ngokudla okunomsoco.

IKhabhinethi ivumile ukuthi kuthuthukiswe uHlelo Lukazwelonke Oludidiyelwe Lokuhlinzekwa Kokudla Okunomsoco olwenzelwe iNingizimu Afrika, okuwuhlelo oluzobhekana ngokuphelele nodaba lokuhlinzekwa kokudla okunomsoco, kubandakanya nokudla okudliwa ngumama ngaphambi kokukhulelwa, nokudla okutholwa ngumntwana ezinsukwini zokuphila kwakhe zokuqala eziyi-1 000, nasesigabeni sokuthuthukiswa kwezingane zisencane kanye nakwiBanga R. Uhlelo lokuphucula isimo oluwumphumela wokuhlolwa “Komthelela Wokwethulwa  Kwemiphumela Yokufunda YeBanga R” lugcizelela ukuphuculwa kwezinga lemfundo yeBanga R ukuze kuqinisekiswe ukuthi lokhu kunomthelela omuhle ezinganeni ezihlwempu kanye nasezifundazweni ezingaqhubi kahle kwezemfundo. Lokhu kubandakanya ukuqeqeshwa nokuthuthukiswa kothisha beBanga R kanye nokuqashwa kwabantu abanesitifiketi semfundo ephakeme esifanelekile (i-NQF level 5) ngenhloso yokufezekisa lokhu.

7. Imithethosivivinywa

7.1 IKhabhinethi ivumile ukuthi kukhishwe uMthethosivivinywa Wezomshwalense, wezi-2015 ukuze umphakathi ukwazi ukuzwakalisa izimvo zawo ngawo.
Lo Mthethosivivinywa uyahambelana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, futhi uqinisekisa ukuba khona komkhakha wezomshwalense onohlonze futhi olawulwa ngendlela efanele, futhi ugqugquzela uzinzo kwezezimali okuyinto ezosekela ukukhula komnotho okusimeme ngokusebenzisa imigomo yokwenza ibhizinisi ngobuchule nobuhlakani obukhulu, ethuthukiswe ngenhloso yokugwema isimo esifana naleso esenzeka ngesikhathi sokufadalala komnotho ngowezi-2008. Lo Mthethosivivinywa uqalisa ukusebenza kohlaka olusha lokwenza ibhizinisi ngobuchule nobuhlakani emkhakheni wezomshwalense.\

Uhlelo lokuHlolwa Nokuphathwa Kwesimo Senkampani Sokukwazi Ukukhokha Izikweleti Zayo kuhloswe ngalo ukwethula inkambiso entsha ephokophele phambili futhi esekelwe phezu kobungozi, yokubhekana nenkinga yokucwila kwebhizinisi ngenxa yokushoda kwezimali, ngokuthi kuqinisekiswe ukuthi inkampani inemali eyanele emgodlagodleni wayo ukuze ikwazi ukumelana nobungozi obubhekene nomsebenzi wokuphathwa kwenkampani yomshwalense. Futhi lolu hlelo luhlinzeka izinkampani zomshwalense ngezibonelelo zokukhuthaza ukusetshenziswa kwamathuluzi okuqapha nokulawula ubungozi asezingeni eliphezulu. Lezi zinyathelo kuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukuvikelela okungcono kubanikazi bamapholisi omshwalense kanye nalabo ababhaliswe njengabazohlomula kulawo mapholisi futhi kulethwe nozinzo kwezezimali.

7.2 IKhabhinethi ivumile ukuthi kushicilelwe uhlaka loMthethosivivinywa Wokuchibiyela Umthetho Wesikhungo Sezobunhloli Bezezimali, wezi-2014 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlongoza ukuthi kwenziwe izichibiyelo eMthethweni Wesikhungo Sezobunhloli Bezezimali (uMthetho Nombolo 38 wezi-2001). Lokhu kuhloswe ngakho ukubhekana nobungozi obungaphazamisa uzinzo ohlelweni lwethu lwezimali ngenxa yobugebengu bokundandaniswa kwezimali ngendlela engekho emthethweni kanye nokuxhaswa kwabashokobezi ngezimali, ngokuthi kuqinisekiswe ukuthotshelwa kwemigomo nezinkambiso zamazwe ngamazwe, ngaphansi kohlaka lwemithetho yaseNingizimu Afrika.

8. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Ezisematheni

8.1 IKhabhinethi ikuphawule ngokukhathazeka okukhulu ukudlondlobala kwesibalo sabantu abashone ezingozini zomgwaqo nempelasonto yePhasika, njengoba kube nezingozi ezingama-208 ezithathe imiphefumulo yabantu abayizi-287, uma kuqhathaniswa nenani labantu abashone ngonyaka odlule, lapho kwashona khona abantu abayi-193 ezingozini eziyi-148.

Ukuphepha emgwaqeni kungumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi impumelelo yemikhankaso yethu yezokuphepha emgwaqeni incike ekutheni bonke abasebenzisi bomgwaqo badlale indima yabo. Abashayeli kumele bathobele imithetho yomgwaqo, bangashayeli bedakiwe, bangaweqi umgomo wejubane futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanelekile sokuba semgwaqeni.

8.2 Egameni labantu baseNingizimu Afrika, iKhabhinethi idlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni kanye nabantu baseKenya, ikakhulu imindeni yalabo abashone esigamekweni esingenangqondo sokuhlaselwa kwabafundi e-Garissa University College mhla zi-2 Mbasa 2015.
IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Jacob Zuma ekugxekeni lesi senzo sobushokobezi futhi iyagcizelela ukuthi iNingizimu Afrika iyayeseka imizamo yelizwe laseKenya kanye neyamazwe omhlaba yokugcinwa kokuthula noxolo, uzinzo, intando yeningi labantu kanye nokwakhiwa kwesizwe saseSomalia.

8.3 IKhabhinethi ihalalisela abantu base-Nigeria ngokubamba ukhetho olukhululekile, olusobala, olwamukelekile futhi olungachemile mhla zingama-28 Ndasa 2015, njengoba lokhu kumenyezelwe ngokusemethethweni yiKhomishana Yokhetho Kazwelonke Ezimele yase-Nigeria. Egameni labantu baseNingizimu Afrika, iKhabhinethi ihalalisela uJenene Muhammad Buhari ngokukhethwa kwakhe njengoMongameli wezwe Elibuswa Ngemibusombuso lase-Nigeria.

8.4 IKhabhinethi ithanda ukuhalalisela u-Marlene van Niekerk ngokuba ngumuntu waseNingizimu Afrika wokuqala osohlwini lwalabo abasethubeni lokuklonyeliswa ngendondo yombhali wezincwadi ovelele, i-Man Booker International Prize. Wahlonishwa ngomsebenzi wakhe omuhle kakhulu ekubhalweni kwezincwadi ezingamanoveli, kubandakanya nenoveli yakhe esihloko sithi Triomf kanye nenye enesihloko esithi Agaat. Wahlonishwa futhi ngendondo kazwelonke i-Order of Ikhamanga ngowezi-2011 “ngegalelo lakhe elikhulu kwezobuciko bokubhalwa kwezincwadi kanye namasiko”.

9. Imicimbi ezayo

9.1 IKhabhinethi yakuphawula ukuthi uMongameli Jacob Zuma uzophendula imibuzo ePhalamende ngoLwesine, mhla ziyi-16 Mbasa 2015.

9.2 IKhabhinethi iyalwamukela uHambo Olusemthethweni lukaMongameli Jacob Zuma Lokuvakashela e-Jakarta, kwelase-Indonesia kusukela mhla ziyi-19 kuze kube ngumhla zingama-21 Mbasa 2015, oluzobuyekeza isimo sobudlelwano balawa mazwe amabili ukuze kuqinisekiswe ukufezekiswa ‘koHlelo Lokusebenza’ lweminyaka emihlanu, njengoba izinhlangothi zamazwe womabili zaxoxisana ngalo ePitoli ngoLwezi 2014.

UMongameli Jacob Zuma uzohambela futhi neNgqungquthela yamazwe ase-Afrika nawase-Asia ezobanjwa kusukela mhla zingama-22 kuze kube ngumhla zingama-23 kuMbasa e-Jakarta, okuyingqungquthela ezoqinisa ubambiswano nokusebenzisana phakathi kwamazwe aseNingizimu ne-Ikhweyitha ngenhloso yokuqinisekisa ukukhula kwenhlalo nomnotho walamazwekazi omabili.
Lolu hambo luzophothulwa ngokwethamela uMgubho weminyaka engama-60 kwabanjwa iNgqungquthela yase-Bandung ngowe-1955 kanye noMgubho weminyaka eyi-10 yoBambiswano Olusha Emikhakheni Esemqoka Oluphakathi Kwamazwe ase-Afrika kanye nawase-Asia (i-NAASP) mhla zingama-24 Mbasa 2015, ozobanjelwa e-Bandung, e-West Java. Kuse-Bandung lapho abaholi bombutho wethu o-Moses Kotane kanye no-Maulvi Cachalia bethula khona imigomo yokungacwasi ngokobuhlanga kanye nozimele-geqe phambi kwesithangamu samazwe omhlaba.

9.3 IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza kwimigubho yeNyanga Yenkululeko, ezongenisa ishuminyaka lesithathu lenkululeko yaleli lizwe ngokuthi kugqugquzelwe ukuhlonishwa kwesithunzi somuntu futhi kuqhutshwe i-ajenda kazwelonke efanayo yokuqinisekisa ukwakhiwa kweNingizimu Afrika ebumbene futhi echumile.
Imigubho yethu kazwelonke izophothulwa ngoSuku Lwenkululeko, mhla zingama-27 Mbasa 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sigubha Isiqalo Seshuminyaka Lenkululeko yethu Lesithathu ngokuthi Sisheshise Ukulethwa Koguquko Olunohlonze Kwezomnotho”.

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhunjuzwa futhi ngokuzidela okukhulu okwenziwa ngabanu bezwe lethu kanye nabesifazane emzabalazweni ngenkathi belwisana nenqubo yolunya nesihluku sobandlululo ukuze sikwazi ukuthokozela inkululeko yethu esiphila ngaphansi kwayo namhlanje.
Njengophawu lokuhlonipha abantu baseNingizimu Afrika abadlale indima enkulu ekuthuthukisweni kombuso wethu wentando yeningi labantu, uMongameli Jacob Zuma uzohlonipha abantu abavelele emikhakheni ehlukahlukene ngokubaklomelisa ngeziNdondo Zikazwelonke ngoSuku Lwenkululeko, emcimbini ozobanjelwa e-Union Buildings. IKhabhinethi iyabahalalisela bonke abazohlonishwa ngezindondo zikazwelonke futhi ithanda ukudlulisa amazwi okubabonga ngendima abayidlalile.

9.4 IKhabhinethi ivumile ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iSigcawu Esijwayelekile sama-25 Sobumbano Lwamazwe Ase-Afrika (i-AU) kumahhovisi oMnyango Wobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana nase-Sandton International Convention Centre eGoli, mhla ziyisi 7-15 Nhlangulana 2015.  INingizimu Afrika ihlinzekwe ngaleli thuba lokusingatha le ngqungquthela emva kokuhoxa kwelizwe lase-Chad.

Injongo enkulu yale ngqungquthela ukubuyekeza inqubekelaphambili eseyenziwe ekufezekisweni kwezinjongo zaleli zwekazi, futhi kuzogxilwa ikakhula kwisiqubulo sowezi-2015, esithi “Unyaka Wokufukulwa Nokuthuthukiswa Kwabesifazane ngenhloso yokufezekisa i-Ajenda ye-Afrika yowezi-2063”. Okunye okubalulekile okuzodingidwa yisimo soxolo nokuvikeleka e-Afrika, ukulwisana neGciwane le-Ebola kanye nomthelela walo kwinhlalo nomnotho, imithombo ehlukile yokuxhaswa ngezimali kweNhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika, ukwamukelwa Kohlelo Lweminyaka Yokuqala Eyishumi Yokuqaliswa kwe-Ajenda ye-AU yowezi-2063 kanye nokulethwa koguquko kwiNhlangano Yezizwe njengoba izogubha iMinyaka engama-70 yasungulwa.

10. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

10.1 Dkt Diane Cecile Parker oqashwe njengePhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezemfundo Yasenyuvesi ngaphansi koMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha.

10.2 Mnu Abel Makalene Mawela, oqokwe njengoMqondisi  Ongeyona Ingxenye Yesigungu Esiphezulu kwiBhodi ye-Export Credit Insurance Corporation.

10.3 Mnu Tefetso Bernard Phitsane, oqokwe njengelungu elingeyona ingxenye yesigungu esiphezulu kwiBhodi ye-Passenger Rail Agency of South Africa.

10.4 Ibhodi Ezimele Elawula Abacwaningimabhuku Ezimali:
a) Nksz Lise Keech;
b) Mnu Abel Dlamini;
c) Mnu Thiru Pillay;
d) Mnu Zola Luxolo Fihlani;
e) Nksz Amanda Lethukuthula Mazibuko;
f) Nksz Noluphumzo Leonora Noxaka;
g) Nksz Rene Aloise Kenosi (oqashwe kabusha);
h) Mnu Alexander Van der Watt (oqashwe kabusha); kanye no
i) Mnu Michael Sass (oqashwe kabusha).

10.5 Umkhandlu WaseNingizimu Afrika Wobudlelwane Bamazwe Omhlaba (i-SACOIR):
a) Slz Maxi Schoeman (omele abezemfundo ephakeme);
b) Slz Anthoni Van Nieuwkerk (omele abezemfundo ephakeme);
c) Dkt Siphamandla Zondi (omele abezemfundo ephakeme);
d) Slz Shamil Jeppie (omele abezemfundo ephakeme);
e) Slz Sekgothe Mokgoatsana (omele abezemfundo ephakeme);
f) Nksz Chichi Maponya (omele abamabhizinisi);
g) Nksz Danisa Baloyi (omele abamabhizinisi);
h) Dkt Thandi Cynthia Ndlovu (omele abamabhizinisi);
i) Nksz NonhlanhlaMjoli-Mncube (omele abamabhizinisi);
j) Mnu Billy Masetlha (omele abamabhizinisi);
k) Mnu Dennis George (omele abasebenzi);
l) Mnu Joel Mfingwana (omele abasebenzi);
m) Dkt Somadoda Fikeni (omele izinhlangano zomphakathi wonkana);
n) uJenene Moyo Mudau (omele izinhlangano zomphakathi wonkana);
o) Mnu Aziz Pahad (omele izinhlangano zomphakathi wonkana);
p) Mnu Tshepo Mashiane (omele izinhlangano zomphakathi wonkana);
q) Inxusa u-Griffiths Mandlenkosi Memela (omele izinhlangano zomphakathi wonkana);
r) Mnu Jimmy Gotyana (omele izinhlangano zomphakathi wonkana); kanye no
s) Mnu Kenny Morolong (omele izinhlangano zomphakathi wonkana).

10.6 Ikhomishana Yezinsizikalo Zombutho Wezokuvukela:
a) Nksz Nksz Sebina Hlapolosa;
b) Slz Malegapuru William Makgoba; kanye no
c) Mnu Joseph Maselele Jongile.

10.7 Mnu Kevin Wakeford uqashwe njengoMphathi Omkhulu weNkampani Yezikhali YaseNingizimu Afrika (i-Armscor).

10.8 Slz Ntomb’fikile Mazibuko uqokwe njengoSihlalo Oyingxenye Yesigungu Esiphezulu eMkhandlwini Wophiko Olulawula Imboni Yangasese Yezokuvikeleka.

Imibuzo: Nksz Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Cell: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore