ISitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-22 Mfumfu 2014

1. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

1.1. IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa kohlaka lweNqubomgomo Kazwelonke Yezokuthuthwa Kwabafundi kuSomqulu Kahulumeni, isikhathi esiyizinsuku ezingama-21 ukuze umphakathi uphawule ngalo.

Le nqubomgomo kuhloswe ngayo ukwenza ngcono ukutholakala kwemfundo esezingeni elifanelekile ngokuthi kuhlinzekwe izinto zokuthutha abafundi eziphephile, ezisezingeni elamukelekile, ezisebenza kahle, ezididiyelwe futhi ezisimeme, ikakhulu emiphakathini esezindaweni zasemakhaya lapho izinselelo zokuthuthwa kwabafundi zivimbela ukutholakala kwemfundo.

Le nqubomgomo yenzelwe ukubhekana nezinselelo zendawo okuhlaliswe kuyona abantu kanye nokuhlelwa kabusha kwendlela okusetshenzwa ngayo, okuyizinto ezinomthelela  kwikhwalithi yezinto ezithutha umphakathi. Ihlinzeka futhi ngesu lokuhlela elididiyelwe kanye namazinga okuphatha afanayo.

Ukuqaliswa kwale nqubomgomo kuzohlinzeka abafundi ngesimo sezokuthutha esiphephile futhi esivikelekile ngokuthi kubanjiswane neziphathimandla zokugcinwa komthetho.

1.2. IKhabhinethi yawamukela uMyalelo Wokuthuthukiswa Okuphoqelekile, Izinsuku Zokuqeqeshwa Eziphoqelekile kanye Nezidingo Eziyisisekelo Zokungena Esikhundleni, okuwumyalelo ophathelene namazinga ahlukahlukene esigabeni saBaphathi Abasezikhundleni Eziphezulu njengoba ebekwe ngokweSigaba 3(2) soMthetho Wezemisebenzi Kahulumeni, 1994.

Lokhu kuzogqugquzela ukuthuthukiswa kwamakhono ukuze kufezekiswe injongo yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, yokwakha umbuso othuthukayo onekhono lokusebenza ngendlela efanele ukuze ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kube ngcono kakhulu kunakuqala.
                                                                    
Lo myalelo uyisu lesikhathi eside lokuthuthukiswa kwamakhono elizokwenza ngcono ikhwalithi yabasebenzi, okuyinto esemqoka kakhulu kwikhono likahulumeni lokwenza umsebenzi athweswe wona.
                                                                    
Yonke iminyango emkhakheni wezeMisebenzi Kahulumeni kuzodingeka ukuthi ilandele indlela yokusebenza efanayo yokugqugquzela ukuthuthukiswa kwamakhono okuhambelana nomsebenzi kahulumeni futhi okuphoqelekile esigabeni saBaphathi Abasezikhundleni Eziphezulu.

1.3. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi uMnyango Wezokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi wethule uhlaka loMbhalo Okuzoxoxiswana Ngawo ophathelene neMigomo kanye Nendlela Yokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi, phambi kweKomidi LasePhalamende Lezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo kanye Nokuhlela, Ukuqapha Nokuhlolwa Komsebenzi.

Lo mbhalo uphakamisa ukuthi kusungulwe iqoqwana lemigomo eyisisekelo kanye nendlela ezosetshenziswa emkhakheni wezokuQapha Nezokuhlolwa Komsebenzi (i-M&E), okuhloswe ngayo ukuthi kulethwe ubungcono obuqhubekayo kwindlela asebenza ngayo uhulumeni futhi kukhuliswe nezinga lokuphendula ngendlela efanele. Injongo esemqoka yalokho ukwenza kube nokuvumelana mayelana nezinjongo ze-M&E, nokuthi kumele iqaliswe kanjani.

Lokhu kuzofaka isandla ekuqalisweni koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) mayelana nokwakhiwa kombuso othuthukayo futhi onekhono lokusebenza ngendlela efanele kanjalo futhi kugqugquzelwe ukuba khona kwezakhamuzi ezikhuthele kanye nobuholi obunohlonze. Amakhono e-M&E ayingxenye yamakhono abalulekile ezokuphatha adingekayo ukuze kube nombuso othuthukayo futhi onekhono lokusebenza ngendlela efanele.

1.4. IKhabhinethi yawamukela amaphuzu iNingizimu Afrika ezokukhulumela phezu kwawo ezingxoxweni zoKongiwa Kwezinhlobo Ezithile Zezilwane Zasendle Ezisuka Emazweni Athile Ziyokhosela Kwamanye Ngezikhathi Ezithile Zonyaka (i-CMS COP11) ezizobanjelwa e-Quinto, kwelase-Ecuador, kusukela mhla zizi-4 kuya kumhla ziyisi-9 kuLwezi 2014.
Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika ngenkuthalo emizamweni yokubhekana nezinselelo zokuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokongiwa kwemvelo nezinhlobo zezitshalo nezilwane eziphathelene nalokho, kususelwa phezu komgomo wokuthuthuka okusimeme kanye nokusimama kwemvelo, futhi kuhambelana nezidingo zeSigaba 24 soMqulu Wamalungelo.

1.5. IKhabhinethi yalamukela igunya lokuxoxisana elizoba yisisekelo sephuzu iNingizimu Afrika ezokhulumela phezu kwalo embuthanweni wama-20 weNgqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza kwi-UNFCCC (i-COP 20), kanye neNgqungquthela ye-10 Yamazwe Abambe Iqhaza ezothathwa njengomhlangano waMazwe Abambe Iqhaza kwiSivumelwano sase-Kyoto (i-CMP 10), kusukela mhla lu-1 kuya kumhla ziyi-12 kuZibandlela 2014 e-Lima, kwelase-Peru.
                                                                    
Iphuzu iNingizimu Afrika ezokhulumela phezu kwalo kulezi zingqungquthela lihambelana nezimfuno zaleli lizwe, kanye nomthelela wokuqhubeka kweNingizimu Afrika ukubamba iqhaza kwizingxoxo zamazwe ngamazwe zokuguquguquka kwesimo sezulu njengoba kuchazwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe.

1.6. IKhabhinethi yasamukela isethulo seSivumelwano saseKapa sowezi-2012 sokuqaliswa kokusebenza kwezimiso zeSivumelwano sase-Torremolinos sowe-1993 esiphathelene neSivumelwano Samazwe Ngamazwe Sokuphepha Kwezikebhe Zokudoba, 1977 ukuze samukelwe futhi siqinisekiswe yiPhalamende.
                                                                    
Isivumelwano sase-Torremolinos kanye Nenqubo Yaso yowe-1993 ibeka amazinga okuphepha okumele athotshelwe, njengemishini yokuhlenga izimpilo zabadobi uma besebunzimeni, ukuxhumana ngo-ova, ukuvinjelwa kokuqubuka komlilo, imishini nezinto ezisebenza ngogesi kanjalo nezidingo ezikhethekile zezikebhe zokudoba ezihamba olwandle ezinobude obungamamitha angama-24 noma ngaphezulu.
                                                                    
Le nqubo yezokuphepha yamazwe ngamazwe futhi eyisibopho izofaka isandla ekwenzeni ngcono amazinga okuphepha ukuze kuncishiswe inani labantu abashonela olwandle, elilinganiselwa kubantu abayizi-24 000 ngonyaka. Izikebhe zokudoba zaseNingizimu Afrika kuzodingeka ukuthi zithobele izimiso zenqubo yezokuphepha ngenkathi zisemanzini oMbuso obambe iqhaza kwisivumelwano sase-Torremolinos sowe-1993.

Loku kuhambelana nezinjongo ze-Operation Phakisa zokuthuthukiswa kohlaka lokulawulwa kwezilwandle zaseNingizimu Afrika, kwenziwe ngcono nokuvikeleka kwezilwandle zaseNingizimu Afrika, ikakhulu imvelo yasolwandle esengozini enkulu yokushabalala, futhi kubhekwane negebe elikhona lokuntuleka kwamakhono, phakathi kokunye okuningi.

1.7. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi iNingizimu Afrika ivume ukuba yingxenye yeSivumelwano Samazwe Ngamazwe Samazinga Okuqeqeshwa, Ukunikezwa Izitifiketi kanye Nokuqapha Abasebenzi Bezikebhe Zokudoba, 1995 (STCW-F).
                                                                    
Lona ngumzamo wokuqala wokusungulwa kwamazinga amazwe ngamazwe okuqeqeshwa aphoqelekile enzelwe abasebenzi bezikebhe zokudoba ezihamba olwandle ezinobude obungama-24 kuya phezulu. Lokhu kuzokwenza ngcono ukuphepha kwabadobi nempahla olwandle, futhi kuvimbele ukungcoliswa kwemvelo yasolwandle okwenziwa yimboni yezokudoba.

Esikhathini esedlule, ukusebenza isikhathi eside olwandle bekubonakala njengendlela yokuthola isipiliyoni somsebenzi kanye namakhono afanelekile. Lolu hlelo lokuqeqeshelwa emsebenzini alukhiqizanga umphumela osizingeni elifanelekile obulindelekile, ophathelene namakhono abasebenzi bezikebhe zokudoba.

Lolu hlelo olusha lwakhelwe phezu kwenhlanganisela yokuqeqeshelwa emsebenzini okuncishisiwe kanye nemfundo eyenziwe ngcono futhi ehleleke kangcono kunakuqala eyenzelwe ukuphucula ulwazi lwabadobi. Lokhu kuzokwenza ukuthi abadobi bakwazi ukuqhubekela phambili ngokuhamba kwesikhathi besuka ezikebheni zokudoba ezincane beya ezikebheni ezinkulu futhi ekugcineni bakwazi ukusebenza ezikebheni ezihwebelana namazwe ngamazwe.

1.8. IKhabhinethi yakwamukela ukuthi ashicilelwe kuSomqulu Kahulumeni amadizayini emali ewuhlweza eyisikhumbuzo yowezi-2015 eyenziwe yiNkampani yaseNingizimu Afrika Eyenza Imali Ewuhlweza.
a)  Uchungechunge loHlamvu lwe-Protea: “IMpilo YesiThwalandwe: NR Mandela”
b)  Uchungechunge Lohlamvu Olukhombisa Imvelo: “Izilwane Ezizingela Ebusuku – Impungushe Enomhlane Omnyama”
c)  Uchungechunge Lohlamvu luka-R1 Oluyigolide: “Izilwane Ezihuquzelayo zaseNingizimu Afrika – Ingwenya yomfula i-Nile”
d)  Uchungechunge Lohlamvu luka-R2 Oluyigolide: “Umklamo we-UNESCO: Umuntu kanye Nezinto Zemvelo Eziphilayo”
e)  Uchungechunge Lohlamvu Lwesiliva Lomqhele Nemali Engutiki: “Izitimela zaseNingizimu Afrika”; kanye
f) Nochungechunge Lohlamvu Lwesiliva: “Izindawo Zasolwandle ZaseNingizimu Afrika Ezivikelekile”

1.9. IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi oluphathelene nokuHlelwa Kabusha Kwezifundankantolo Zomantshi kanye Namandla Namagunya Okwengamela Ezimpiko Namagatsha Enkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika.

Umklamo wokuhlelwa kabusha kwezinkantolo wenzelwe ukuqeda ukhondolo lokungalingani nokwenzelela. Uzosungula umkhombandlela ozoqondisa yonke iminyango ethintekile, nezimpiko zokugcinwa komthetho kanye nezikhungo zobulungiswa ukuze zenze imisebenzi yazo ihambelane ngendlela efanele. Imiphakathi eyayincishwe amathuba esikhathini esedlule ehlala ezindaweni ezabe ziyizabelo zabantu abamnyama, nasezindaweni zabamnyama ezazinomazibuse kanye nasezindaweni zasemakhaya manje isizohlomula kwimiphumela yale nqubo yokuhlelwa kabusha kwezinkantolo. Izokwazi ukufinyelela ezinkantolo ngezindleko ezincishisiwe.

Ekuhlinzekweni kobulungiswa, kuyadingeka ukuthi kuhlelwe kabusha amandla namagunya okwengamela ayenziwe ngaphansi kwenqubo yobandlululo, kuzo zonke izinkantolo kubandakanya nohlaka lwazo kanye nokwakheka kwazo. Inqubo yokuhlelwa kabusha kwezinkantolo iqinisekisa ukusatshalaliswa ngokulinganayo kwezinkantolo kuleli lizwe, ukuze kube lula ukufinyelela ezinkantolo, okuyilungelo eliyisisekelo elivikelwe yiSigaba 34 soMqulu Wamalungelo otholakala kuMthethosisekelo.

2. Imithethosivivinywa

2.1. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezesondlo, 2014.

UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezesondlo, 1998 (uMthetho 99 we-1998) ukuze kwenziwe ngcono uhlelo lwezesondlo futhi kuphuculwe ukuthola kwabesifazane nezingane ubulungiswa.

Lezi zichibiyelo zinciphisa izinselelo, eziphathelene nezomthetho nokuphatha, abahlangabezana nazo labo okumele bathole imali yesondlo, esikhathini esiningi okungabesifazane nezingane.

Lokhu kuxhumene ngqo nemikhawulo esemqoka yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ephathelene noguquko lwezomnotho kanye nokuvikelwa kwenhlalakahle yomphakathi.

Ezinye zezimiso zalo Mthethosivivinywa Wokuchibiyela zibandakanya: ukuvimbela labo abangayikhokhi imali yesondlo ekutheni baqhubeke nokuhlinzekwa ngesikweleti ngenkathi kusenemali yesondlo abayikweletayo, nokwenza izinkampani zomakhalekhukhwini zibe nesibopho sokuhlinzeka izinkantolo zesondlo ngemininingwane yokuxhumana yalabo ababekwe amacala esondlo kanye nalabo abangayikhokhi imali yesondlo, uma inkantolo igculisekile ukuthi isihlulekile yonke imizamo efanelekile yokuthola umkhondo wabo, nokuphoqelela ukuthi umuntu onikezwe umyalelo wenkantolo wokukhokha imali yesondlo ayikhokhe yonke imali yesondlo angayikhokhanga.

2.2. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa we-Agrément South Africa kanye neMemorandamu Yezinto Eziphathelene NoMthethosivivinywa.

Ukusungulwa kwe-Agrément South Africa, njengoba kuhlongozwe kuMthethosivivinywa we-Agrément South Africa, 2014 kuzofaka isandla ekusungulweni komkhakha wezokwakha okhuthele onekhono lokuqhamuka nezindlela ezintsha kwezokwakha, okuyinto ezoba nomthelela omuhle ekuvulweni kwamathuba omsebenzi futhi kusenjalo kufake isandla kwizinhlelo zikahulumeni zokwakhiwa kwengqalasizinda.

Lokhu kuzoletha imihlomulo eminingi kusukela kwezocwaningo kuya ekusungulweni kwezindlela zokusebenza ezintsha, ukukhula kwemisebenzi yezokukhiqiza, ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuncishiswa kobubha.

2.3. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende kohlaka lweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezomsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku.

Lo Mthethosivivinywa Wokuchiyela uhlongoza ukuchitshiyelwa koMthetho Wezomsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku, 2005, ukuze kulawulwe abacwaningi-mabhuku abangamathwasa kanye nokubuyekeza izinto eziphathelene noMthetho Wezinkampani, 1973 ukuze zihambelane noMthetho Wezomsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku 2008 (uMthetho Nombolo 71 wezi-2008).

Inhloso yalokhu ukufaka abantu abanesifiso sokuba ngabacwaningi bamabhuku (abacwaningi-mabhuku abangamathwasa) ngaphansi koMthetho Wezomsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku, 2005, ngaphambi kokuthi babhaliswe, ukuze balawulwe yiBhodi Ezimele Elawula Umsebenzi Wabacwaningi-Mabhuku, ngendlela efanayo nokulawulwa ngayo abacwaningi-mabhuku ababhalisiwe, kanye nokwenza izichibiyelo ezibalulekile ezidingwa nguMthetho Wezinkampani 2008. Futhi lokhu kuzovikela umphakathi emsebenzini owenziwa ngabacwaningi-mabhuku abangamathwasa.

2.4. IKhabhinethi yakwamukela ukwethulwa ePhalamende KoMthethosivivinywa Wokuqeda Nokuchibiyela Imithetho Yezokuvikela, 2014.
Lokhu kuhloswe ngakho ukuqeda kanye nokuchibiyela imithetho yezokuvikela esiphelelwe yisikhathi futhi engasadingeki njengoba ihlonzwe yiKhomishana Yezokuguqulwa Kwemithetho YaseNingizimu Afrika.

IKhomishana yanikezwa umyalelo wokuthi yenze ucwaningo oluphathelene nayo yonke imithetho yaseNingizimu Afrika ukuze ikhiphe iseluleko sokuthi yimiphi imithetho okumele iqedwe esiphelelwe yisikhathi, engasadingeki noma ephambene nomthethosisekelo. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukufezekisa lo msebenzi emkhakheni wezokuvikela.

UMthethosivivinywa uhlongoza ukuqedwa kwemithetho yezokuvikela eyi-16 esiphelelwe yisikhathi futhi uhlongoza ukuchitshiyelwa koMthetho owodwa kule mithetho, ongahambelani neSigaba 9 soMthethosisekelo (isigatshana sezokulingana). Lokhu kuzokwenza imithetho yezokuvikela ihambelane nomoya woMthethosisekelo, okhona njengamanje, ngokuthi kukhishwe izimiso ezicwasayo encwadini yemithetho.

3. Ukuqaliswa Kwezinhlelo ZikaHulumeni Ezisemqoka

3.1 IKhabhinethi ihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ekugujweni koSuku Lwenkululeko Yabezindaba olwalu mhla ziyi-19 kuMfumfu 2014 lapho uMongameli Jacob Zuma asingatha khona izintatheli nabahleli asebemnkantsh’ubomvu  njengengxenye yokugubha iminyaka engama-20 yenkululeko yezamaphephandaba eNingizimu Afrika. Usuku Lwenkululeko Yabezindaba luwumgubho wenkululeko yokukhuluma ngokukhululeka nenkululeko yabezindaba eqinisekiswe ngumthethosisekelo wethu.

3.2 UMongameli Zuma, ephelezelwa ngamalungu eKhabhinethi, uNdunankulu waKwaZulu-Natali kanye noNgqongqoshe Besifundazwe wabamba iMbizo KaMongameli, eyaba yimpumelelo kakhulu, kuMasipala waseMsunduzi kanye nowaseMgungundlovu mhla zingama-30 Mandulo 2014.

Njengengxenye yokuxhumana okuqhubekayo futhi okuqondene ngqo nabantu baseNingizimu Afrika, uMongameli uzobhekisa amabombo eGiyani, eLimpopo, mhla zingama-31 Mfumfu 2014 ngaphansi kohlelo lukaMongameli olubizwa ngeSiyahlola.

3.3 IKhabhinethi iyawamukela umbiko wenqubekela-phambili eseyenziwe ekuqalisweni koHlaka Lwesivumelwano Semboni Yezezimayini Esimeme owethulwe kwisigcawu siKazwelonke Sokubonisana Somkhakha Wezezimayini ebesibanjwe esikhathini esifushane esedlule.

Lesi sigcawu sikhombisa ukuzibophezela kwabo bonke ababambiqhaza  kwingomuso lezezimayini eNingizimu Afrika, kanye nokuzibophezela ekwakheni nokugcina ukulingana phakathi kwezidingo zenhlalo nomnotho kanye nezinjongo zokutshalwa kwezimali.

IKhabhinethi iyakwamukela ukuzibophezela kabusha kwababambiqhaza oHlakeni Lwesivumelwano Semboni Yezezimayini Esimeme kanye nokuthola izisombululo zesikhathi eside kwizinselelo ezibhekene nemboni yezezimayini.

3.4 IKhabhinethi iyasamukela isimemezelo sikaMongameli Zuma esiphathelene nenqubekela-phambili eseyenziwe kwi-Operation Phakisa ukuze kuvuleke indima engadlalwa yizilwandle zaseNingizimu Afrika emnothweni wakuleli ngendlela esimeme.

Lolu hlelo lokusebenza lukaMongameli Jacob Zuma lusisondeza ekufezekisweni kwemihlomulo yomnotho wolwandle, okungenzeka ufake imali eyizigidigidi zamarandi eziyi-177 emkhiqizweni ophelele wakuleli futhi uvule amathuba omsebenzi angaphansana kancane nje kwesigidi esisodwa.

Umklamo wesibili we-Operation Phakisa uqale mhla ziyi-13 kuMfumfu 2014 futhi uzogxila ekuqinisekiseni ukuthi ngaphansi kohlelo lwethu lwezempilo kunemitholampilo esebenza kahle. Esikhathini esingamaviki ayisithupha amathimba ahlukahlukene futhi anikezwe imisebenzi enhlobonhlobo azowucubungula lo mkhakha futhi athuthukise izinhlelo zokusebenza ezizokhishelwa umphakathi uma seziphothuliwe.

3.5 IKhabhinethi yasamukela iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (MTBPS), esihlinzeka ngemininingwane efingqiwe yohlaka lokusetshenziswa kwemali okuzolungiswa ngalo izabelomali zikazwelonke kanye nezezifundazwe.

IKhabhinethi iyazamukela izinyathelo ezimenyezelwe kwi-MTBPS zokunqanda ukusetshenziswa kwemali ngokweqile emkhakheni weZemisebenzi Kahulumeni.
IKhabhinethi ithanda ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi nakuba kunalesi simo sezomnotho esinzima uhulumeni uzoqhubeka nokuxhasa ngemali izinhlelo zawo ozenzela umphakathi, nokutshala izimali kwingqalasizinda kanye nezibonelelo zokusekela izimboni ezisemqoka.

4. Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Ezisematheni

4.1. IKhabhinethi iyazamukela izinyathelo eziqaliswe nguMnyango Wezamandla zokwenza ngcono ukutholakala kukagesi owanele kuleli lizwe, ukuhlangabezana nezidingo zomnotho kanye nokuvula amathuba omsebenzi adingeka kakhulu. Ukusayindwa kwezivumelwano nohulumeni bakwamanye amazwe eziphathelene nenonzi kuyisinyathelo esihle sokwenelisa izidingo zaleli lizwe eziphathelene nogesi.

Izivumelwano ezisayindiwe zengeza phezu kwenani labahlinzeki benonzi  elingakhetha kubona leli lizwe ohlelweni lwalo lokuthengwa kwenonzi, okuyinto ezoba ngenye futhi ingqophamlando ekubekweni eqhulwini kokutholakala kukagesi owanele kuleli.

Le nqubo izolekelela leli lizwe ukuthi lithathe elinye igxathu elizokwenza liyeke ukuthembela kwisikhungo sikagesi wenonzi esikhona kuleli njengamanje e-Koeberg, kodwa libe nemboni yenonzi ebanzi kakhulu kunakuqala, ezimele futhi ekwazi ukubhekelela zonke izidingo zayo, okulindeleke ukuthi ifake ugesi ongamagigawathi angu-9.6 kwinethiwekhi kagesi kazwelonke.

Uhlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe lubophezela leli lizwe ekucubunguleni zonke izindlela ezikhona zokuthola ugesi ukuze nasesikhathini esizayo kuqinisekiswe ukutholakala kukagesi owanele kuleli. IKhabhinethi inethemba lokuthi ukusebenzisa kweNingizimu Afrika ugesi oxubile – obandakanya ugesi ophehlwa ngamalahle, ilanga, umoya, amanzi, igesi kanye nenonzi – kuzoqinisekisa ukuba khona komthombo kagesi othembakele futhi otholakala ngaso sonke isikhathi ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zaleli lizwe zokukhuliswa komnotho, kube nokulingana phakathi kokusetshenziswa kwemithombo kagesi ehlukahlukene futhi lokho kuzosisiza ukuthi sikwazi ukufinyelela kwimikhawulo yethu esizibekele yona yokunciphisa ukukhiqizwa kwentuthu engcolile.

4.2. IKhabhinethi iyawemukela futhi iyawahalalisela wonke amaqembu ngokubamba ngempumelelo umhlangano wokuhlala kwePhalamende laseLesotho kabusha ngeviki eledlule ngokwesiMemezelo Sezingxoxo Zokuletha Ukuthula Ebezibanjelwe eMaseru ebeziholwa yiPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa.

4.3. IKhabhinethi iyagcizelela futhi ukuthi iNingizimu Afrika isiqalise izinyathelo ezidingekayo zokuvimbela isifo se-Ebola ukuze singasabalaleli kuleli.
Sekuqinisiwe ukuqapha nokuhlolwa kwabantu abangena kuyo yonke imingcele yakuleli lizwe ukuze kuhlonzwe labo abanemfiva ehambisana nezifo eziyingozi, ikakhulu isifo se-Ebola. Futhi uhulumeni usesungule ithimba likazwelonke elizosukumela phezulu uma kwenzeka kubheduka lesi sifo futhi kunezibhedlela eziyi-11 esezimi ngomumo ezizoba yizizinda zokwelapha iziguli ezinesifo se-Ebola.

IKhabhinethi iyayeseka imizamo yeNhlangano Yezempilo Emhlabeni yokusungula izizinda zokwelapha isifo se-Ebola kanye nokuqinisa ikhono lokuhlolwa okwenziwa emalabholethri, nokulandela umkhondo walabo okungenzeka ukuthi basulelekile, nokuqwashisa umphakathi, nokungcwaba ngokuphepha kanye nokunakekelwa kwezempilo okungaphathelene nesifo se-Ebola eNtshonalanga Afrika.

Futhi iKhabhinethi iyabanxusa abantu kanye nabamabhizinisi emhlabeni wonke jikelele ukuthi bafake isandla kwiSikhwama Sokulwisana ne-Ebola esisungulelwe ukulekelela wonke amazwe akhahlamezekile aseNtshonalanga Afrika empini yawo yokulwisana nalesi sifo esiwubhubhane.

4.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuboshwa kwabantu abayisithupha okunezinsolo zokuthi bayathinteka emacaleni okwebiwa kwamakhebula kagesi okwaholela ekutheni kunqamuke ukuphakelwa kwamanzi ezindaweni ezithile zase-Gauteng. Laba bantu bebeyingxenye yeqembu lezigebengu okubikwa ukuthi amaphoyisa alihlakazile ngokubopha laba. IKhabhinethi izwakalise umbono wokuthi ukuntshontshwa kwamakhebuli kanye nezenzo zobugebengu ezihlobene nakho – ezinjengokuntshontshwa kwezivalo zemigodi yezitamkoko, izinsimbi ezibiyele amabhuloho, amaphayiloni kagesi, ucingo olubiyele izindawo ezithile njll kufana nesenzo sokucekela phansi impahla ngamabomu ngenhloso yokuphazamisa ukusebenza kohlelo lwengqalasizinda yaleli lizwe. Uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi izelelesi ezitholwe zinecala lokuntshontsha noma lokwamukela amakhebuli antshontshiwe zithola izijeziso eziqinile ezivunyelwe ngumthetho. Uhulumeni ukhathazeke kakhulu ngalolu daba futhi ngeke nakancane angabaze ukuthatha izinyathelo ezinqala ukulwisana nalesi sihlava.

4.5 Uphiko Lwezohwebo Nokutshalwa Kwezimali eNingizimu Afrika (i-TISA), okuwuphiko loMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti), ngesonto eledlule luklonyeliswe ngendondo kwiSigcawu Sezokutshalwa Kwezimali Emhlabeni seNgqungquthela YeNhlangano Yezizwe Yezohwebo kanye Nentuthuko ebibanjelwe e-Geneva ngaphansi kwesigaba sokugqugquzelwa kokutshalwa kwezimali okusimeme. Lokhu kungenxa yomsebenzi owenziwa yi-TISA wokweseka ukusungulwa eThekwini kwenkampani yabakwa-Unilever yase-Indonesia, eyavulwa nguNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni ngenkathi iNingizimu Afrika isingethe ingqungquthela i-COP 17.

4.6 IKhabhinethi yahlinzekwa ngolwazi lwakamuva mayelana nenhlekelele yokubhidlika kwesakhiwo kwelase-Nigeria. Kuzokhishwa esinye isitatimende esihamba sodwa esiphathelene nale nhlekelele, emva kwalesi sithangamu sabezindaba.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo yosuku ngaphansi kwengqikithi ethi: “UMhlaba Njengemakethe eyodwa Enkulukazi Esafufusa”, kwiNgqungquthela ye-innovaBRICS & Beyond e-London mhla zingama-27 kuMfumfu 2014. 

Le ngqungquthela ihlanganisa abaholi bohulumeni kanye nabamabhizinisi, abanomsebenzi abawenzayo ezimakethe ezisafufusa noma abanetshisekelo yokungena kulezi zimakethe, ngenhloso yokucubungula kanye nokuxoxisana ngamathuba okutshalwa kwezimali kanye nezinselelo ezitholakala kulezi zimakethe.

IKhabhinethi iyayamukela iNgqungquthela ye-innovaBRICS & Beyond ngoba iyibona njengethuba lokukhangisa iNingizimu Afrika kumabhizinisi aseBhrithani kanye nawezinye izimakethe ezisafufusa njengezwe elikulungele ukuthi kutshalwe izimali kulona. 

5.2 UMongameli Zuma uzokwamukela uMongameli wase-Burundi u-Pierre Nkurunziza mhla zizi-4 kuLwezi, eKapa. Ukuvakasha kukaMongameli waseBurundi kuzokhulisa ubudlelwane obuqinile obukhona njengamanje phakathi kwelizwe lethu nelaseBurundi futhi kuqhubekisele phambili ukuhwebelana kwamazwe aleli zwekazi. 

5.3 UMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, ngokubambisana noMkhandlu Wezamanzi WoNgqongqoshe Base-Afrika (i-AMCOW), neKhomishana Yocwaningo Lwezamanzi yaseNingizimu Afrika, ne-SADC kanye neNhlangano Yabesifazane Yobambiswano Kwezamanzi, uzosingatha iNgqungquthela Yezobulili, Amanzi kanye Nentuthuko edolobheni laseMonti kusukela mhla zi-3 kuya kumhla ziyisi-7 kuLwezi 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ubulili, Amanzi kanye Nentuthuko – uxhumano olungakasetshenziswa”.

I-ajenda yale ngqungquthela izobekwa yiNqubomgomo kanye Nesu le-AMCOW Lokubekwa Eqhulwini Nokubhekelelwa Kwabesifazane Emkhakheni Wezamanzi kwelase-Afrika, enezinjongo eziyisikhombisa ezigxile kwinqubomgomo, izinsiza, ucwaningo, ukuhlinzeka ngolwazi lokusebenza, ukubambisana kanye nokuqapha nokuhlola, ukuze kufezekiswe injongo enkulu yokulingana kwezobulili kwinqubomgomo yazamanzi.

5.4 IKhabhinethi ibafisela okuhle kodwa bonke abafundi ngenkathi belungiselela ukuhlolwa kwabo kokuphela konyaka. Lokhu kuhlolwa kuyisikali esisemqoka sokuhlola umthelela wezinhlelo zethu zokungenelela kwezemfundo, ezinjengohlelo loKuhlolwa Kukazwelonke Konyaka (ANA) kanye NeSitatimende Senqubomgomo Yohlelo Lwezifundo Nokuhlola (CAPS).

IKhabhinethi iyasamukela isiqinisekiso esikhishwe ngu-Umalusi sokuthi leli lizwe selimi ngomumo ukuqalisa ukuhlolwa kukaMatikuletsheni phakathi komhla zingama-27 kuMfumfu nomhla zingama-28 kuLwezi 2014.

Bonke abazali, abalondolozi bezingane kanye nemiphakathi bayakhuthazwa ukuthi basekele abafundi njengoba belungiselela ukuhlolwa kwabo.

IKhabhinethi ibafisela okuhle kodwa futhi nabafundi bakamatikuletsheni bowezi-2014 ekuhlolweni kwabo okuzayo. IKhabhinethi iyabanxusa futhi abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuthi basekele uKhetho Lwemikhandlu Elawula Izikole lowezi-2015 oluzobanjwa kusukela mhla ziyisi-6 kuya mhla zingama-28 kuNdasa 2015, ngokuthi bangenele ukhetho noma bavote.

5.5 IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele iNyanga Kazwelonke Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abakhubazekile phakathi komhla zi-3 kuLwezi nomhla zi-3 kuZibandlela 2014 ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sigubha iminyaka engama-20 yamalungelo abantu abakhubazekile ngaphansi kombuso wethu weNtando Yeningi Labantu”.

Kusukela ngowe-1994 sesenze amagxathu amakhulu ekuqhubekiseleni phambili amalungelo abantu abakhubazekile nokuthi baphile impilo esezingeni elifanelekile, futhi lokho sikwenze ngokusebenzisa imithetho, izinqubomgomo kanye nezinhlelo zokuphucula inhlalakahle yabo. Ngokombiko wokuBuyekeza Iminyaka Engamashumi Amabili 1994 – 2014, kusungulwe iHhovisi Lesimo Sabantu Abakhubazekile, kwamukelwa neSu Likazwelonke Lokukhubazeka Elididiyelwe, futhi abantu abakhubazekile bahlinzekwa ngokunakekelwa kwezempilo okutholakala mahhala, izibonelelo zikahulumeni kanye nemfundo ebandakanya umuntu wonke.

I-NDP iyasibophezela njengesizwe ukuthi senze okuthe xaxa ukuze kwandiswe ukutholakala kwezinsizakalo, ikakhulu imfundo esezingeni eliphakeme kanye namathuba omsebenzi enzelwe abantu abakhubazekile.

5.6 Ngaphansi komoya weNyanga Yezokuthutha, iKhabhinethi inxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bashayele ngokucophelela okukhulu emigwaqeni yethu, ngokuthi bahloniphe umkhawulo wejubane obekiwe futhi baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esifanelekile sokuba semgwaqeni. Uhulumeni uhlaba ikhwelo eliqondiswe kubo bonke abantu abahamba ngezinyawo ukuthi basebenzise umgwaqo ngokucophelela futhi unxusa bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi bahloniphane.

6. Abaqashiwe

6.1. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamalungu eBhodi Yesikhungo Sezocwaningo Sikazwelonke:
a)  Slz Mala Singh (oqokwe kabusha);
b)  Slz Mamokgethi Phakeng;
c)  Slz Ari Sitas;
d)  Adv Louisa Zondo;
e)  Slz Tinyiko Maluleke;
f) Dkt Vathiswa Papu-Zamxaka;
g)  Nksz Gail Campbell
h)  Mnu Mashangu Lubisi
i) Slz Errol Tyobeka (oqokwe kabusha);
j) Slz Sunil Maharaj (oqokwe kabusha)
k) Dkt Peter Clayton (oqokwe kabusha);
l) Slz Loyiso Nongxa (uSihlalo);
m) Nksz Joanne Yawitch; kanye no
n)  Slz Murray Leibbrandt (oqokwe kabusha).

6.2. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamalungu eBhodi Yokuhlolwa Kwezinto Ezintsha Eziqanjiwe (Patent Examination Board)
a)  Nksz Elena Mihail Zdravkova;
b)  Slz Christiena Maria van der Bank (oqokwe kabusha);
c)  Nksz Shanaaz Tiry (oqokwe kabusha);
d)  Nksz Sandra Clelland (oqokwe kabusha); kanye no
e)  Mnu Paul Sibisi (oqokwe kabusha).

6.3. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengaMalungu Enkantolo Yezinkampani.
a)  Slz Kasturi Moodaliyar;
b)  Adv Lizelle Dominique Haskins;
c)  Mnu Mmoledi Fairhope Malokane; kanye no
d)  Mnu Peter John Veldhuizen.

6.4. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengamalungu eBhodi Yophiko Olwengamele Ezokundiza Ngamabhanoyi lwaseNingizimu Afrika (Board of the South African Civil Aviation Authority).
a)  Mnu Smunda Mokoena (uSihlalo);
b)  Slz Ntombizozuko Dyani-Mhango;
c)  Major-General Nhlanhla Lucky Job Ngema;
d)  Nksz Lizeka Dlephu;
e)  Adv Roshan Dehal (oqokwe kabusha);
f) Nksz Doris Dondur (oqokwe kabusha); kanye no
g)  Mnu Mongezi India.

6.5. IKhabhinethi yakwamukela ukuqokwa kwalaba abalandelayo njengabalawuli besikhwama abangeyona ingxenye yeSigungu Esiphezulu beBhodi Yesikhwama Sikazwelonke Sokufukulwa Kwabantu Abamnyama Kwezomotho (Board of the National Empowerment Fund).
a)  Mnu R Garach;
b)  Mnu A Raiz;
c)  Nksz Z Ntlangula;
d)  Nksz N Mosala;
e)  Nksz A Makwetla; kanye no
f) Nksz J Williams.

6.6. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaMnu Fundisile Mketeni njengoMphathi Omkhulu woPhiko Lukazwelonke Olwengamele Iziqiwi zaseNingizimu Afrika (iSANParks) ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emihlanu.

6.7. IKhabhinethi yakwamukela ukwelulwa kwenkontileka kaNksz Thuli Radebe njengoMphathi Omkhulu weSizinda Sokuqanjwa Nokusungulwa Kwezinto Emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni ((i-CPSI) isikhathi esengeziwe esiyiminyaka emithathu.

6.8. IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kukaNksz Lakela Kaunda njengeSikhulu Esiyinhloko Esengamele Imisebenzi Eyenziwayo, eHhovisi likaMongameli.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Mnu. Donald Liphoko
Inombolo yeselula: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore