ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesine, mhla we-16 kuLwezi 2023

A. Ezisematheni

Ukuvuselelwa Nokukhula Komnotho

1. UCwaningo Lwekota Lwabasebenzi (i-QLFS)

1.1. IKhabhinethi lamukele imiphumela ye-QLFS, yekota yesithathu ngowezi-2023, njengoba ikhishwe eZezibalo eNingizimu Afrika ebonise ukuthi izibalo zabantu abasebenzayo zidlula amazinga emisebenzi ngaphambi kokuhlasela kwe-COVID-19. 

1.2. IKhabhinethi lithokoze kakhulu ukuthi zonke izifundazwe ngaphandle kwesisodwa zibe negalelo ekwenyukeni ngezi-399 000 enanini labantu abasebenzayo nokuyinani eliphelele labantu abasebenzayo abayizigidi eziyi-16.7 kwikota yesithathu, uma kuqhathaniswa nezigidi eziyi-16.3 kwikota yesibili ngowezi-2023.  Igalelo elikhulu ekwengezeni imisebenzi esifundazweni saKwaZulu-Natali (eyenyuke ngezi-152 000), eLimpopo (eyenyuke ngezi-70 000), eNyakatho Ntshonalanga (eyenyuke ngezi-61 000) kanye neMpumalanga, libonisa ukufezeka kancane kancane kwephupho loHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho lokwakha kabusha umnotho kangcono, ngamandla nangokubandakanya wonke umuntu.  

1.3. IKhabhinethi libonga igalelo eliqhubekayo nelingaguqukiyo lale mikhakha elandelayo kanye nezimboni:

1.3.1.1. Imisebenzi emkhakheni ohlelekile yenyuke ngezi-287 000 kanti kumkhakha ongahlelekile khona imisebenzi yenyuke ngezi-29 000;

1.3.1.2. Ezezimali (kubandakanya izinsizakalo zamabhizinisi) imisebenzi yenyuke ngezi-237 000;

1.3.1.3. Ezezinsizakalo Zomphakathi Nezenhlalo imisebenzi yenyuke ngezi-119 000 kwathi kwezolimo imisebenzi yanyuka ngezi-61 000.

1.4. IKhabhinethi liphinde laphawula ngomthelela ongemuhle odalwa ugesi kanye nezokuthuthwa kwempahla emkhakheni wezokukhiqiza, ezimayini, ezokuthutha kanye nezinsiza. IKhabhinethi linethemba elikhulu lokuthi inqubekelaphambili izobonakala maduze-nje ekuqedweni kokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, kanye nezinkinga ezikhona embonini yokuthuthwa kwempahla.   

1.5. IKhabhinethi liphinde lathokoza ngokuthi ngaphandle kwezinselele ezisekhona, amazinga okungasebenzi kwentsha ayancipha kancane kancane (ehle nge-1.9% ekoteni eyedlule), kanye nokwenyuka kwenani lentsha esebenzayo ngezi-237 000, okuye enanini eliphelele lentsha esebenzayo lezigidi eziyisithupha.

2. Utshalomali

2.1. Odabeni olufanayo lokuvuselelwa nokukhuliswa komnotho, iKhabhinethi lamukele izigidigidi ezi-R5 ezengeziwe zotshalomali oluphuma kwa-Ford Motor Company olufakwa ekwakhiweni kohlobo lwemoto lwe-Ford Ranger oluzohamba ngogesi nangophethiloli okubhekwe ukuthi luthunyelelwe e-Europe, e-New Zealand nase-Australia. Inkampani njengamanje iqashe abantu abayizi-5 200 eNingizimu Afrika. 

2.2. IKhabhinethi liphinde lamukela utshalomali lwe-Procter & Gamble (i-P&G) emkhiqizweni wayo oseqophelweni eliphezulu we-Pampers Premium Care e-Ekurhuleni, e-Gauteng. Utshalomali lwe-P&G olulokhu lukhula selulinganiselwa kwizigidi ezingama-R900 kusukela ngowezi-2018 kanti njengamanje kuqashwe abantu abangaphezu kwezi-4 000 kanye neminye imisebenzi kuyoyonke imisebenzi yayo yokukhiqiza.

2.3. Yomibili imiklamo ye-Ford Motor Company nowe-P&G ibonisa ubufakazi begalelo lomkhankaso wotshalomali kaMongameli u-Cyril Ramaphosa ayewuqhuba ngeNgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika, futhi kuyisiqinisekiso sokuthi iNingizimu Afrika iyindawo ongayikhetha ukutshala kuyona izimali. 

3. INingizimu Afrika izothumela inyama ebomvu e-Saudi Arabia

3.1. IKhabhinethi lamukele ukusayinwa kwesivumelwano senyama ebomvu nezwe lase-Saudi Arabia, ngesikhathi seNgqungquthela Yotshalomali Phakathi kwe-Saudi Arabia ne-Afrika. Lesi sivumelwano siluphawu lwesinyathelo esibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi imikhiqizo yenyama ebomvu yaseNingizimu Afrika iyafinyelela ezimakethe ezinkulu, futhi siqinisa igalelo lomkhakha wezolimo ekukhuleni komnotho nasekusungulweni kwamathuba emisebenzi.   

3.2. IKhabhinethi libongise oNgqongqoshe uThoko Didiza kanye no-Ebrahim Patel ngomsebenzi abawenzile wokuqinisekisa ukuvulela iNingizimu Afrika imakethe yemikhiqizo yenyama ebomvu. 

4. Ukuhlanekezelwa kwamabomu kwezidingo zoKuthuthukiswa Komnotho Wabantu Abamnyama (i-BEE) Kwezolimo nokuthunyelwa kwemikhiqizo yezolimo kwamanye amazwe.

4.1. IKhabhinethi ligxeke ukuhlanekezelwa kwamabomu okwenziwa ngabanye bezindaba mayelana nezidingo ze-Agri-BEE zokuthunyelwa kwemikhiqizo yezolimo kwamanye amazwe okuhloswe ngakho ukudala ukungaboni ngasolinye ngokwebala, laphinde lakhumbuza abezindaba ukuthi inkululeko ihambisana ngokulinganayo nokuzibophezela.

4.2. IKhabhinethi lizwakalise ukubonga imboni yezolimo, ikakhulukazi i-SA Wine kanye ne-Agricultural Chamber of Business, eyaziwa kakhulu ngokuthi i-Agbiz, ngokushaya indiva imizamo yokuholela leli lizwe kanye nomkhakha wezolimo kwizingxabano zebala ngokucacisa esidlangalaleni ngala mampunge ngesikhathi eqeda nje ukushicilelwa. Indlela enisingathe ngayo lolu daba, ibonise ukuthi nebala niwubambile umoya oqoshwe yiqembu lama-Springboks wokuthi Sinamandla Uma Sisonke. 

5. Ezokuvakasha 

5.1. IKhabhinethi liphawule ngobudlelwano obuqaliwe phakathi koMnyango Wezokuvakasha kanye no-Google nobuzosiza kakhulu ekuphakamiseni iNingizimu Afrika njengezwe elihamba phambili kwezokuvakasha. 

5.2. Lobu budlelwano kuhloswe ngabo, phakathi kwezinye izinto, ukulawula ukusetshenziswa kwamathuluzi edijithali ukuthuthukisa nokusimamisa ezokuvakasha, kubandakanya ukuqinisekisa ukuthi i-Google Maps izosebenzisa ubuchwepheshe ukugwema izindawo lapho budlange khona ubugebengu. 

Ukulwa Nobugebengu Nenkohlakalo

6. Indlela Edidiyelwe Yokulwa Nobugebengu

6.1. IKhabhinethi lamukele ukutshalwa kwamalungu ayizi-3 300 oMbutho Wezokuvikela Kazwelonke eNingizimu Afrika (i-SANDF), kusuka mhla wama-28 kuMfumfu 2023 kuze kube ngumhla wama-28 kuMbasa 2024, ukuthi asize uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) namanye ama-ejensi okuthotshelwa komthetho ukulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho kuleli lizwe.

6.2. Lokhu kutshalwa kuqinisekisa ukuzinikela kukahulumeni ekuqedeni nya ukumbiwa kwezimayini ngokungemthetho kanye nokwakha izimo zokukhula komnotho obandakanya wonke umuntu kanye nezinguquko zomnotho. 

6.3. UNgqongqoshe Wezobulungiswa, Ukunqandwa Kobugebengu kanye neKlasta Yezokuvikela bethula inqubekelaphambili ngomsebenzi oqhubekayo wokulwa nobugebengu, noNgqongqoshe Wamaphoyisa ngeviki eledlule wethule izibalo zakamuva zobugebengu zekota.

7. INkulumo-mpendulwano kaZwelonke yoMkhandlu kaZwelonke Olwisana Nenkohlakalo (i-NACAC)

7.1. IKhabhinethi lamukele ukusingathwa ngempumelelo kweNkulumo-mpendulwano Kazwelonke ye-NACAC, echaze kabanzi ngenqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni kweQhingasu Likazwelonke Lokulwa Nenkohlakalo kanye nezincomo zeKhomishini Yamajaji Ephenya Ngezinsolo Zothunjwa Kwamandla Ombuso.

7.2. Le nqubekelaphambili ibandakanya izingxenye zezinguquko zomthetho eziyisishiyagalombili (8) kweziyi-16 ezaphakanyiswa ukubhekana nezincomo ezithile zeKhomishini Yokuthunjwa Kwamandla Ombuso nokuyimanje zisePhalamende.  Le Mithethosivivinywa ifake izingxenye ezifana nokuthengwa kwempahla nezinsizakalo kuhulumeni, izinguquko kuhulumeni, indlela yokuziphatha yabasebenzi bakahulumeni, izinguquko kwezobunhloli, ukuhlanzwa kwemali kanye nezinguquko kwezokhetho.  

7.3. UPhiko Lokushaqwa Kwempahla lunikezwe imiyalelo yokumisa ukusebenza kwempahla ebiza izigidigidi eziyi-R14 etholwe kumacala ahlobene nokuthunjwa kwamandla ombuso lwaphinde lwabuyisa izigidigidi ezi-R5.5 ezatholwa ngendlela engalungile. Ngaphezu kwalokhu, uPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala seludlulisele enkantolo amacala angama-34 okuthunjwa kwamandla ombuso nenkohlakalo, abandakanya abasolwa abangama-205.   

8. Ukulwisana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane

8.1. IKhabhinethi ligxeke kabi ukugwazwa komfundi wesifazane waseNyuvesi yoBuchwepheshe i-Cape Peninsula, egwazwa ngumyeni wakhe. 

8.2. IKhabhinethi licela ukuthi umphakathi usebenze ngokubambisana nohulumeni ukuqeda udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile ngesikhathi abomthetho beqhubeka nokubopha nokuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi babhekana nomthetho. 

9. Ukufa kwabantwana ngenxa yokungondleki kahle

9.1. IKhabhinethi likhathazekile ngokufa okubikiwe kwabantwana ngenxa yokungondleki kahle njengoba kubike iKhomishini Yamalungelo Abantu eNingizimu Afrika. 

9.2. IKhabhinethi lifisa ukukhumbuza amalungu omphakathi ngezinhlelo zokusiza zikahulumeni ezifana neSibonelelo Sabantwana okuhloswe ngaso ukusiza imindeni ngezidingonqangi zabantwana. Lokhu kungukwengeza ngaphezu koHlelo Lokusiza Kwezenhlalo lapho uhulumeni ehlinzeka ngokudla okunempilo kumakhaya abuthakathaka ngoHlelo Lokuphakela Abantwana Ezikolweni Kuzwelonke kanye Nokuphakelwa Komphakathi nezikhungo zentuthuko.

10. Ukubhalisela Ukuvota

10.1. IKhabhinethi ligcizelele ikhwelo layo kubo bonke abafaneleke ukuvota ukuthi babhalisele ukuvota ezikhungweni zokuvota eziseduzane nabo, kanye nokushintsha imininingwane yabo ngeMpelasonto Yokubhalisela Ukuvota yomhla we-18 kuya mhla we-19 kuLwezi 2023. 

10.2. Ukusiza labo abazovota abadinga ukulanda omazisi abasafake izicelo zabo noma ukufaka isicelo sesitifiketi Sikamazisi Wesikhashana, uMnyango Wezasekhaya usushintshe izikhathi zokusebenza zahambelana nalezo ze-IEC ngesikhathi sempelasonto yokubhalisela ukuvota.

10.3. IKhabhinethi likhumbuze iZakhamuzi ukuthi zingasebenzisa futhi uhlelo lobuchwepheshe be-inthanethi (https://registertovote.elections.org.za/Welcome) oselusebenze kusuka ngoNhlolanja wezi-2023, ukubhalisa noma ukushintsha imininingwane yabo. 

Ukuthuthukiswa Kwengqalasizinda

11. Ezamandla

11.1. UNgqongqoshe Kagesi Ehhovisi LikaMongameli usekhiphe umbiko ocacile kwabezindaba ngesimo nenqubekelaphambili ekuqinisekiseni ukuthi ugesi uyatholakala. 

12. Ukutholakala Kwamanzi

12.1. IKhabhinethi lithokozile ngemibiko ethi ukungaboni ngaso linye okuholele ekubambezelekeni kokuqaliswa komklamo we-Mzimvubu Dam sekuxazululiwe kanti umsebenzi kule ndawo uqale ngasekuqaleni kukaLwezi, ngesikhathi izingxoxo nabaholi bendabuko ngezinkinga ezibhekene nomphakathi ziqhubeka. 

12.2. IKhabhinethi lazisiwe ukuthi kuyaqhubeka ukukhushulwa kwezindonga ze-Clanwilliam Dam kuzonyusa umthamo oqukethwe ufinyelele kuma-cubic meters ayizigidi ezingama-344 nalapho kuzohlomula abantu bakuMasipala Wesifunda sase-West Coast, uMasipala Wendawo i-Cederberg kanye noMasipala Wendawo i-Matzikama. 

12.3. IKhabhinethi litshelwe kafushane ukuthi ukwakhiwa kwe-Tzaneen Dam kuphinde kwaqala ngoNhlangulana wezi-2023, ngokuhlawumbisela ukuthi kuzophothulwa ngoMbasa wezi-2025.

12.4. IKhabhinethi laziswe ukuthi ithimba elihlanganyele lomasipala bamadolobha abathathu (i-Ekurhuleni, i-Joburg neTshwane) kanye ne-Rand Water bayaqhubeka nokuhlangana zonke izinsuku ukuxazulula umsuka wenkinga yamanzi.  Okuyisona sizathu senkinga yamanzi e-Gauteng ngokulahlekelwa ngamanzi ngenxa yengqalasizinda kamasipala endala kanye nokungagadwa kwamanzi avuzayo kanye nokungalungiswa.

13. ISigaba Sesibili se-SA Connect

13.1. IKhabhinethi lithole laphinde lacubungula umbiko wakamuva ngokuqaliswa koMklalo weSigaba Sesibili se-SA Connect. I-SA Connect nguhlelo lukahululeni okuhloswe ngalo ukuvala igebe kwezedijithali ngokuxhuma amakhaya kanye nezikhungo zikahulumeni ku-inthanethi kanye nokuhlinzeka nge-Wi-Fi emiphakathini kulolonke ilizwe. 

13.2. Kokuqhubekayo eSigabeni Sesibili salo mklamo, iKhabhinethi lithokozile ukuthi amakhaya ayi-1 000 asexhunyiwe ohlelweni lwe-inthanethi nokuthi izindawo zokuxhuma ama-Wi-Fi eziyi-1 000 kuhlelwe ukuthi afakwe kuzona ngoZibandlela wezi-2023. 

13.3. Ngaphezu kwalokhu, lo mklamo usuqalise ingqalasizinda yokuxhunywa kwe-inthanethi ezovumela ukuthi amakhaya akwazi ukufinyelela kwi-inthanethi ngamanani aphansi. Ngama-R249 ngenyanga, amakhaya angene kulolu hlelo ane-inthanethi engapheli, ngokukhokha amanani aphansi edatha ayi-R5 i-gig elilodwa ngosuku.

13.4. Kuhlawunjiselwa ukuthi lo mklamo uzophinde ufake igalelo kwezomnotho ngokuhlinzeka ngamathuba emisebenzi ayizi-4 505 kanye nemisebenzi yamakhono eyi-169, futhi izosiza izinkampani ezincane ezingaphezu kwama-75. 

13.5. Ukwengeza kulokhu, kuzofakwa i-inthanethi ezikoleni ezingaphezu kwezi-18 000, imitapo yolwazi engama-943, izikhungo zezempilo eziyizi-5 731 kanye nasezinkantolo zesizwe eziyizi-8 241 ezinyangeni ezizayo ngokwesibophezelo esenziwa yizinkampani zokuxhumana.

13.6. Kulindeleke ukuthi lo mklamo uzofaka i-inthanethi emakhaya angaphezu kwezigidi ezinhlanu kanye nezindawo eziyizi-32 000 zokuxhuma i-Wi-Fi yomphakathi kulolonke izwe ezinyangeni ezingama-36 ezizayo. 

14. Ukushintshela Ekusakazeni Ngedijithali

14.1. IKhabhinethi liyibonile inqubekelaphambili eyenziwa izwe ngohlelo lokusuka ekusakazeni nge-analogi kuyiwe kudijithali.  Ngomhla wama-23 kuNtulikazi 2023, yonke imishini ethumela amagagasi okusakaza eyi-123 engaphezu kwe-694 Megahertz yacishwa ezifundazweni ezazisele okwakuyiMpumalanga Kapa, iKwaZulu-Natali, iNtshonalanga Kapa kanye ne-Gauteng. Lokhu kuzoholela ekutheni kuvuleke isikhala samagagasi omoya, nolunye ulwazi kanye nezidingo ezihambisana nobuchwepheshe bokuxhumana.  

14.2. IKhabhinethi laziswe kafushane ukuthi uNgqongqoshe Wezokuxhumana Nobuchwepheshe Bedijithali uqoke inyanga kaZibandlela ngowezi-2024 njengosuku olungumnqamulajuqu wokucinywa zonke izinsiza ezisakaza nge-analogi, nokuthi umsebenzi uyaqhubeka ukugcina lolu suku olubekiwe. 

15. UHlelo Lukamasipala Lokukhuculula Nokuhlanza Imvelo 

15.1. IKhabhinethi ligqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe yingxenye yohlelo lokukhuculula izwe kuqoqwe wonke udoti ngokubamba iqhaza emkhankasweni womasipala wokukhuculula nokuhlanza imvelo oqhubekayo lulolonke izwe. Lolu hlelo oseluvele lusungule amathuba emisebenzi angaphezu kwezi-37 000 kuhloswe ngalo ukukhuculula izindawo eziyizi-7 251 okulahlwa kuzona udoti ngokungemthetho emiphakathini kulolonke izwe.  

15.2. Lokhu kufaka phakathi ukuhlanzwa kwansuku zonke kwemigwaqo, ukukhucululwa kwezindawo lapho kulahlwa khona udoti kungafanele, ukuhlanza izindawo ezigudle ugu kanye nokuvuselelwa kwamapaki. 

Amandla Ombuso

16. Imiphumela Yocwaningo-mabhuku Lukazwelonke Nezifundazwe (unyaka-mali wezi-2022/23)

16.1. UMcwaningi-mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika (i-AGSA) wazise kafushane iKhabhinethi ngemiphumela yocwaningo-mabhuku lukazwelonke nezifundazwe kunyaka-mali wezi-2022/23.

16.2. I-AGSA ikhombe ukwenza kahle komsebenzi oqhubekayo obonisa ukwenza kangcono ekuphenduleni, ukwenza izinto obala, ukwenza umsebenzi ogculisayo kanye nokusebenza kahle kwezindlela zokulawula.

16.3. Iminyango kanye nezikhungo ucwaningo-mabhuku lwazo olulandele yonke imithetho akwangatholakala lutho inani lawo lenyuke lasuka kuma-94 ngowezi-2018/2019 laya kwi-147 ngowezi-2022/2023, lokho okubika ukwenza kangcono unyaka nonyaka.

16.4. Iminyango nezikhungo ucwaningo-mabhuku lwazo olulandele yonke imithetho kodwa kwakhona okutholakalayo iyi-162, kanti lokhu kubonisa ama-39% ezikhungweni ekwenziwe kuzona ucwaningo-mabhuku.

16.5. Izikhungo neminyango ezikuphikayo okutholakele inani lazo lehle lisuka kuma-25 ngowezi-2018/2029 laya kweziyisi-5 ngowezi-2022/2023 okuyisikhathi samanje nokubonisa i-1% ezikhungweni ekwenziwe kuzona ucwaningo-mabhuku.

16.6. Yize uMcwaningi-mabhuku Jikelele ebike ngokulahlekelwa izimali ezilinganiselwa kwizigidigidi eziyi-R14, izinyathelo zokubhekana nokungalandeli imithetho nazo zibonisa ukuba ngcono. 

16.7. Yize izinselele zisalokhu zikhona, imiphumela yocwaningo-mabhuku lukahulumeni kuzwelonke nakwizifundazwe lonyaka-mali wezi-2022/23 ichitha imicabango yokuthi amandla oMbuso ayafadabala, ngocwaningo oluzimele nolunembayo olwenziwa izikhungo ne-AGSA olubonisa umgudu onamandla kanye nokwenza kangcono.

17. Ubudlelwano Bamazwe Ngamazwe – Uhambo Lombuso oluya e-Qatar

17.1. Ngeviki eledlule, uMongameli u-Cyril Ramaphosa waphothula uHambo Lombuso oluya e-Qatar ngokumenywa iNkosi u-Sheikh Tamim bin Hamad Al Thani, Amir woMbuso wase-Qatar. Lolu hambo luqinisekise ubudlelwano bokusebenzisana beminyaka engama-30.

17.2. UMongameli wahlanganyela nethimba eliphezulu losomabhizinisi baxoxisana nomphakathi wamabhizinisi wase-Qatar emikhakheni eyehlukene ngenhloso yokuthuthukisa ubudlelwano kwezohwebo.  

17.3. UMongameli uRamaphosa kanye no-Amir bavumelene ukuthi bazoqoka amathimba azobhekisisa ukunyusa utshalomali lwase-Qatar eNingizimu Afrika ukuze luzohambelana nokuqina kwalobu budlelwano bokusebenzisana. 

18. Izindaba Zepolitiki

18.1. IKhabhinethi liphinde isicelo esenziwe ngabaholi base-Afrika sokuqeda impi e-Gaza, ngesikhathi seNgqungquthela ye-Afrika ne-Saudi e-Riyadh ebisingathwe ngu-Crown Prince Mohammed Bin Salman. Le ngqungquthela igxeke ukuhlaselwa kwezakhamuzi kanye nokuphulwa komthetho wamazwe ngamazwe nguHulumeni wakwa-Israel. 

18.2. IKhabhinethi liyaqhubeka nokukhathazeka ngenxa yonya oluboniswa nguHulumeni wakwa-Israel kubantu base-Palestine, kubandakanya ukuhlasela ngamabomu iSikole Senhlangano Yezizwe Ezibumbene e-Gaza kanye nokubulawa kwamakhulu ezingane ebezikhosele esikoleni, nokwengeza ngaphezu kokuhlaselwa okuqhubekayo kwabasebenzi basesibhedlela, iziguli kanye nengqalasizinda yesibhedlela. 

18.3. Kungenxa yalolu lunya oluqhubekayo olwenziwa nguHulumeni wakwa-Israel ngaphandle kokujeziswa esekwa futhi evikelwa ngamazwe anamandla, ukuthi mhla we-17 kuLwezi 2023, iNingizimu Afrika - ikanye ne-Comoros, i-Djibouti, i-Bolivia ne-Bangladesh – ngokuhlanganyela badlulisele lesi simo sase-Palestine eNkantolo Yamacala Yamazwe Ngamazwe (i-ICC).

18.4. Ngesikhathi iZiphathimandla zase-Palestine zicela i-ICC ukuthi iphenyisise ubugebengu ngokugunyazwa yinkantolo ngowezi-2018, iNingizimu Afrika ikholelwa ukuthi loku kuhlasela okunonya kwamanje, ikakhulukazi e-Gaza, kudinga ukuphinde kufakelwe izibuko ngokwesekwa ngokuphelele ngamaqembu ombuso. Inxusa lethu elise-Hague lahambisa mathupha isicelo sokudlulisa, esasicela i-ICC ukuthi iphenyisise izenzo zobugebengu bezempi, ubugebengu obubhekiswe kubantu kanye nokubulawa kwabantu ngeso lokuthi labo abathintekayo baphendule.  Ngenxa yokuthi umhlaba wonke uyazibonela ukwenzeka kwalobu bugebengu kulesi sikhathi, kubandakanya nezinkulumo ezibonisa inhloso yokubulala ezikhulunywa ngabaholi bakwa-Israel, silindele ukuthi izincwadi ezigunyaza ukuboshwa kwalaba baholi, okufaka phakathi noNgqongqoshe Wombuso u-Netanyahu, zizokhishwa maduze-nje.  

18.5. I-ICC ikwazile ukuphenya lesi simo sase-Palestine kusukela ngowezi-2021 ngesikhathi udaba lokuba negunya kule ndawo luxazululwa.  Kodwa-ke, sikuqaphelile ukuthi iHhovisi Lomshushisi liyaqhubeka nokudonsa izinyawo yize isimo simanzonzo. Lolu lunya oluqhubekayo ngabe alwenzekanga ukube uphenyo lwenzeka ngokushesha ngesikhathi iziphathimandla zase-Palestine zifaka isicelo sazo okokuqala.

18.6. Silindele ukuthi njengoba manje amanye amaqembu ombuso nawo esephakamise eyawo imibono yokuthi kuphele lokhu kuhlasela kuka-Israel, kanye nobufakazi obuqandula ikhanda obukhona, ukuthi izincwadi ezigunyaza ukuboshwa zizokhishwa ngesikhathi kuhlanganwa kwiNgqungquthela Yamaqembu phakathi kukaZibandlela e-New York.   Ukwehluleka ukwenza lokho kuzobonisa ukungazimiseli kwe-ICC ukuthatha isinyathelo kuzophinde kube luphawu olubonisa ukwahluleka kohlelo lokusebenza lomhlaba ekuphatheni ngendlela efanele kanye nesidingo sokusungula uhlelo lokusebenza olusha. 

18.7. Abantwana abaningi babulewe enyangeni eyedlule ukwedlula isibalo salabo ababulawayo ngonyaka ngenxa yezingxabano zonke sezihlangene eminyakeni emithathu eyedlule.  Abasebenzi abaningi be-UN babulelwe e-Gaza selokhu kwasungulwa iNhlangano Yezizwe Ezibumbene. Inani lezintatheli ezibulawayo lihlasimulisa umzimba. Laba ngabantu ababulawa izenzo zikaHulumeni wakwa-Israel, hhayi ngoba wayezivikela, kodwa ngokufakazelwa izinkulumo zabaholi bayo inhloso ngukuqeda nge-Gaza yabantu base-Palestine bese beyithatha bona.  

18.8. Umhlaba awukwazi nje ukusonga izandla ubukele, umhlaba wonke kufanele ukuthi usukume uqede lokhu kubulawa kwabantu manje.

B. Izinqumo zeKhabhinethi – kubandakanya nalezo zomhlangano okhethekile weKhabhinethi, wangomhla wesi-9 kuLwezi 2023

1. Ukubungaza iMinyaka engama-20 yeNdlela Yokuhlolana Kwamazwe ase-Afrika (i-APRM)  

1.1. IKhabhinethi licubungule laphinde leseka isicelo sokuthi iNingizimu Afrika isingathe imibungazo yeMinyaka engama-20 ye-APRM kusuka mhla wama-23 kuya mhla wama-30 kuLwezi 2023.  INingizimu Afrika yeseka umsebenzi we-APRM wokugqugquzela ubugugu boBumbano Lwe-Afrika (i-AU) bokuphatha ngentando yeningi labantu kanye nentuthuko yawo wonke umuntu ezwenikazini. 

1.2. Imibungazo yeMinyaka engama-20 izofaka phakathi ukubandakanywa kwezinhloko zombuso zamanje nezaphambilini kanye nohulumeni neKhomishini ye-AU. 

2. Ukusetshenziswa kwezimali eziphuma kwi-Akhawunti Yezimpahla Zobugebengu (i-CARA)

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusetshenziswa kwezimali eziku-CARA ukulwisana nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho kanye nobunye ubugebengu. 

2.2. Imali eyizi-R2 172 359 ibekelwe ukulwa nokumbiwa kwezimayini okungekho emthethweni, nokuqhubekayo nokubeka engcupheni umnotho waseNingizimu Afrika. Imali inikezwe i-SAPS, i-SANDF, uMnyango Wezasekhaya kanye ne-Ejensi Elawula Imingcele. I-SAPS izosebenzisa le mali ukuthenga izimoto, izindiza ezinophephela emhlane, nezimoto zempi iNyala iphinde itshale amanye amaphoyisa ayizi-4 000 izinyanga eziyi-18. 

2.3. Ukumbiwa kwezimayini ngokungemthetho kanye nobunye ubugebengu obuhleliwe kudla iNingizimu Afrika izigidigidi zamarandi unyaka nonyaka kanti futhi kuthunaza isithunzi sethu njengendawo okutshalwa kuyona izimali.

3. UHlelo Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo (i-JET-IP)

3.1. IKhabhinethi ligunyaze i-JET-IP, nezobonisa iNingizimu Afrika indlela yokuguqukela kumnotho onekhabhoni ephansi ngokunyusa izindlela zokuphehla amandla avuselelekayo.  

3.2. I-JET-IP icacise idlanzana lezingenelelo iNingizimu Afrika ezidingayo kanye notshalomali oludingekayo ukuze izwe liguqukele kumnotho wekhabhoni ephansi nomelana nesimo sezulu ngokuhambisana neZethulo Zikazwelonke Ezinqunyiwe ezethulwa kwi-UN. IKhabhinethi linombono wokuthi i-JET-IP ibonisa ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekuguqukeleni kumnotho onganukubezi imvelo ngokuhambisana nezidingo zezamandla zaleli lizwe. 

3.3. I-JET-IP izoqhutshwa inhlanganisela yezinguquko emkhakheni wezamandla, kubandakanya uHlelo LwaseMpumalanga Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo, Izimoto Ezintsha Ezingangcolisi Imvelo kanye neHayidrojini Enganukubezi Imvelo, phakathi kokunye. Lolu hlelo luyaqhubeka luphendule mayelana nokuzinikela kweNingizimu Afrika ngaphansi kweSivumelwano sase-Paris kanye neSivumelwano soHlaka lwe-UN Sokuguquguquka Kwesimo Sezulu kanjalo nokuzinikela kuHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko (i-NDP). I-JET-IP izovumela iNingizimu Afrika ukuthi kancane kancane ifeze izithembiso zayo zokunciphisa ukukhishwa kwekhabhoni ngesikhathi lokho kuqinisekisa ukukhula komnotho ofaka wonke umuntu, ukuqinisekisa ukutholakala kwezamandla kanye nokutholakala kwamathuba emisebenzi.

4. INqubomgomo Ehlongozwayo Yokuxhasa Ezokuthutha Umphakathi Kuzwelonke 

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kusomqulu kweNqubomgomo ehlongozwayo Yokuxhasa Ezokuthutha Umphakathi Kuzwelonke ukuze umphakathi uzophawula ngayo. Le nqubomgomo ihlongoza ukuthi ukuxhaswa kwezokuthutha umphakathi eNingizimu Afrika kushintshe kungaxhaswa uhlobo oluthile lwezokuthutha kodwa kube indlela yokuxhasa umgibeli.

4.2. Uhulumeni uyabona ukuthi umkhakha wezokuthutha ungummongo wentuthuko kuleli lizwe, nokuthi amakhaya amaningi athembele ngokuphelele kwizithuthi zomphakathi ukwazi ukuhamba.  

5. Imibiko yokuqhubeka komsebenzi woHlaka Lwamasu Lwesikhathi Esiphakathi Lwakabili Ngonyaka (i-MTSF) lwezi-2019-2024

5.1. IKhabhinethi lithole laphinde lacubungula imibiko yokuqhubeka komsebenzi we-MTSF yakabili ngonyaka kusuka mhla lu-1 kuMbasa 2023 kuya kuma-30 kuMandulo 2023.  Imibiko eyingxenye yakho konke uhulumeni akubeke eqhulwini okuzoholela ekufezekiseni izinhloso ze-NDP. 

5.2. Imibiko igxile kokuyisikhombisa uhulumeni akubeke eqhulwini okwakhonjwa nguhulumeni ophethe wehlandla lesithupha okuyilokhu okulandelayo: 

  • Okokuqala Okuseqhulwini: Ukwakha umbuso onekhono, okwaziyo ukuziphatha kanye nothuthukayo;
  • Okwesibili Okuseqhulwini: Amakhono ezemfundo nezempilo;
  • Okwesithathu Okuseqhulwini: Ukuqinisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini ngokuhlinzeka izidingonqangi ezithembekile futhi ezisemgangathweni;
  • Okwesine Okuseqhulwini: Ukuhlanganiswa kwezindawo, ukuhlaliswa kwabantu kanye nohulumeni wasekhaya;
  • Okwesihlanu Okuseqhulwini: Ukubumbana Komphakathi;
  • Okwesithupha Okuseqhulwini: Ukuguqulwa komnotho nokusungulwa kwamathuba emisebenzi;
  • Okwesikhombisa Okuseqhulwini: I-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.

5.3. UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli obhekele ukuHlela, Ukuqapha nokuCwaninga uzohola izithangami namaklasta mayelana noHlelo loMsebenzi. 

C. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wenkampani Kawoyela eNingizimu Afrika (i-SANPC) 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-SANPC ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa uqhubezela isinqumo seKhabhinethi sokuhlanganisa i-PetroSA, i-South African Gas Development Company (i-iGas) kanye ne-Strategic Fuel Fund.

1.2. UMthethosivivinywa uhlinzekela ukusungulwa kwenkampani kahulumeni ezoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ibamba iqhaza ngokuphelele ekuthuthukisweni kukawoyela negesi.  Uzophinde uqinisekise ukuthi izwe liyakwazi ukuthumela ugesi lokho okuzokweseka ukuthuthukiswa nokukhula komnotho. 

1.3. I-SANPC izokwengamela ukuhlelwa kwamasu, ukuxhumanisa kanye nokuphathwa kwezinsiza zikawoyela kuleli lizwe, kanti lokhu kuzofaka igalelo kwintuthuko nasekusungulweni kwemisebenzi.  

D. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanelekile.

1. Ukuqashwa kwesibili kuka-Dkt. Molefi Motuku esikhundleni sokuba nguMphathi omkhulu (i-CEO) woMkhandlu Wezobuchwepheshe Bezimbiwa (i-MINTEK) (uphinde waqashwa);

2. Ukuqashwa kuka-Mnu. Siyabulela Koyo esikhundleni sokuba yi-CEO ye-Amatola Water;

3. Ukuqashwa kwesibili kuka-Nks. Poppy Khoza njengoMqondisi Ophethe we-South African Civil Aviation Authority (kuvuselelwe isivumelwano somsebenzi);

4. Amalungu e-Phongolo – Umzimkhulu Catchment Management Agency Board.

(a) Dkt. Thava Kelly (uSihlalo);
(b) Mnu. Sibusiso Makhanya (iPhini likaSihlalo);
(c) Nks. Hlengiwe Ndlovu;
(d) Mnu. Bhekumuzi Gumbi;
(e) Dkt. Lembi William Mngoma;
(f) Nks. Snenhlanhla Mngadi;
(g) Slz. Purshottama Reddy;
(h) Mnu. Mdandla Myeni; kanye
(i) noNks. Nokuthula Khanyile

5. Amalungu e-Vaal Orange - Catchment Management Agency Board.

(a) Mnu. Desmond Solomon Fransman (uSihlalo);
(b) Nks. Tsakane Zwane (iPhini likaSihlalo);
(c) Mnu. Hubert Thompson;
(d) Nks. Nontuthuzelo Njeza;
(e) Mnu. Nakana Lazarous Masoka;
(f) Nks. Ponatshego Lizzy Mothibi
(g) Nks. Doris Liana Theresia Dondur;
(h) Nks. Dichikane Rachel Mashego; kanye
(i) noMnu. Louis Van Oudtshoorn.

E. Imicimbi ezayo

1. UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nabantwana (mhla wama-25 kuLwezi kuya mhla we-10 kuZibandlela) 

1.1. Lo nyaka usho iMinyaka engama-25 selokhu iNingizimu Afrika yasungula uMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Wokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nabantwana. Ukwethulwa kwawo kuzoba seMpumalanga eNsikazi Stadium, eDolobheni laseMbombela ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sisheshisa izinyathelo zokuqeda nya udlame okubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane: asishiyi muntu ngemuva”. Indikimba: “Ukufinyelela ngendlela ephephile kwabesifazane emanzini ahlanzekile: nokuyilungelo lomuntu eliyisisekelo, kuxazulula izinkinga abesifazane ababhekana nazo ekutholeni amanzi nezindlu zangasese ngokuphepha.

1.2. INingizimu Afrika kanye ne-Union of Comoros bazosingatha ngokubambisana iNgqungquthela Yamadoda ye-AU Yesithathu emayelana noBudoda Obufanele KuBuholi Obuzoqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane mhla wama-27 kuya mhla wama-28 kuLwezi 2023 ePitoli ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ukuhlanganisa Ukuzinikela Esivumelwaneni Senhlangano Yobumbano Lwe-Afrika Sokuqeda Udlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane.”

F. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo:

  • USlz. Dire Tladi, waseNyuvesi yasePitoli, ngokukhethwa kwakhe yi-UN njengeJaji leNkantolo Yezobulungiswa Yamazwe Ngamazwe. USlz. Tladi ungumfundi ohlonishwa kakhulu, inxusa elinekhono futhi ongowokuqala ngqa eNingizimu Afrika ukuthi akhethwe ukuyosebenzela iNkantolo esineminyaka engama-78 yasebenza, ijaji lesibili eliphuma esifundeni esiseNingizimi ye-Afrika kanye nejaji lesibili elincane ngobudala ukuthi liqokelwe kule nkantolo. 
  • I-AGSA ngokubekwa njengomcwaningi-mabhuku wangaphandle weNhlangano ye-UN Yezemfundo, Isayensi Namasiko. Lokhu kungukugcwalisela ukuthi izikhungo zaseNingizimu Afrika zime nje ngaphezudlwana kwesilinganisomvama. Ngokwedlule, i-AGSA beyingumcwaningi-mabhuku wangaphandle we-UN, iminyaka engaphezu kweyishumi eyedlule.
  • Iqembu le-Mamelodi Sundowns ngokundizisa ifulegi phezulu nokuqopha umlando ngokuphuma phambili emidlalweni yokuqala ye-African Football League.  Lokhu kunqoba kungesinye isibonelo samandla obumbano olulethwa ezemidlalo, oluqhubekayo nokwakha isizwe kanye nobumbano lomphakathi.
  • Iqembu Labesifazane le-Mamelodi Sundowns ngokuba ngoshampeni be-CAF Women’s Champions League ngokushaya iqembu i-Sporting Club Casablanca.
  • Iqembu lama-Proteas ngokubonisa ukuqinisela nomoya wokulwa emdlalweni owandulela owamanqamu abahlulwe kuwona bedlala ne-Australia emidlalweni yeNdebe Yomhlaba yeKhilikithi futhi libongela i-Australia ngokuphuma phambili kwiNdebe yomhlaba ye-ICC yangowe-2023.
  • Umlingisi osemnkantshubomvu nobuye abhale imidlalo u-Dkt. John Kani, ohlonishwe ngomklomelo we-Officer of the Most Excellent Order of the British Empire (i-OBE) ngegalelo lakhe endimeni yezeshashalazi. I-OBE ingumklomelo wase-Britain ohlonipha loyo osuke enze ezibukwayo emsebenzini wakhe.
  • UNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme, Isayensi Nokuqamba kabusha, uDkt. Blade Nzimande, ohlonishwe ngeziqu zobusolwazi yi-Beijing Jiaotong University e-China. Lezi ziqu ngezokumhlonipha ngamagalelo akhe kwezemfundo, futhi ziluphawu lokuqinisa amaxhama phakathi kweNingizimu Afrika ne-China.
  • UDkt. Kogie Naidoo, ohlonishwe ngoMklomelo Wowesifazane Ohamba Phambili Kwezesayensi owethulwe yiNhlangano ye-Europe Namazwe Asathuthuka Ecwaninga Ezokwelapha - okuluhlelo lokwenza ucwaningo lwe-European Union.
  • Inkampani yaseNingizimu Afrika i-InvestSA, okuyigatsha loMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana (i-dtic) enqobe umklomelo we-UN Investment Promotion Award kwiForamu Yotshalomali Yomhlaba yesi-8, ngokugqugquzela kanye nokulawula umklamo wezamandla omkhulu nofaka phakathi utshalomali lwamazwe angaphandle ukuze kwakhiwe umklamo omkhulukazi wezamandla avuselelekayo kuleli lizwe, okulindeleke ukuthi uhlinzeke ngezamandla ahlanzekile emakhaya ayizi-200 000.
  • INingizimu Afrika yabekwa endaweni yokuqala kwi-GBS World Competitiveness Index, ngokweseka kwayo zonke izikhungo emkhakheni we-‘Global Customer Lifecycle Management’ yaphinde yabekwa endaweni yesibili emkhakheni we-Global Customer Service and Support Services.

2. Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo:

  • Iqhawe lomculo eNingizimu Afrika u-Marc Rantseli, owayingxenye yeqembu lomculo i-Marc Alex ayelisungule nomfowabo u-Alex Rantseli.
  • Iqhawe lentatheli yezemidlalo laphambilini kanye nomhleli wezindaba u-Sello Rabothata. Waziwa kakhulu ngothando lwakhe lwebhola likanobhutshuzwayo, futhi waba yingxenye yeqembu elasiza ukwetha iQembu leBhola laseNingizimu Afrika ngokuthi iBafana-Bafana.
  • Umsakazi oyisilomo u-Irvin Sihlophe, obesakaza aphinde adidiyele izinhlelo zemidlalo esiteshini somsakazo we-SABC Ukhozi FM.
  • Odabuka e-Palestine kodwa oyiNhloko ye-Gift of the Givers ehhovisi elise-Gaza, u-Ahmed Abbasi, obulewe ngesikhathi sempi eqhubekayo phakathi kwe-Israel ne-Hamas.

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni

Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore