Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi Wangomhla ziyi-15 Nhlolanja 2017

1. Ukuqaliswa Kokusebenza Kwezinhlelo ZikaHulumeni

1.1. IKhabhinethi iyayamukela Inkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yowezi kaMongameli uJacob Zuma ngaphansi kwendikimba ethi "Ukuguqulwa Kwezomnotho Ngamandla Nangomfutho”. Lokhu kwenzeke phakathi naphakathi kwehlandla lokuba sehhovisi kwalo Mbuso owathatha izintambo zokubusa ngowezi-2014 okubonakale unyaka wezi-2017 umenyezelwa njengoNyaka ka-Oliver Reginald Tambo kanye nonyaka wokujulisa ubumbano.

UMongameli uJacob Zuma ubalule inqubekelaphambili esiyenzayo ekufezekiseni umbono wethu Wesizwe Sikazwelonke Esibuswa Ngokwentando Yeningi Labantu kanye nezinyathelo ezisemqoka ezidingekayo ukuze zisisondeze eduzane nangokushesha esizweni esibumbene, esingacwasani ngokobuhlanga, esingacwasani ngokobulili, esibuswa ngokwentando yeningi labantu nesiqhakazile.  

UMongameli udlinzile ngokuqaliswa kokusebenza kohlelo lukaHulumeni futhi wamemezela nezinhlelo ezibambekayo nezisebenzisekayo ukuze kuqaliswe ngempumelelo ukusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), oluqinisa Uhlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) lowezi-2014-2019. I-SoNA yowezi-2017 ikhombise ngokusobala ukuthi imizamo ehlanganisiwe eyenziwa nguhulumeni, ngabamabhizinisi kanye nezinhlangano zabasebenzi ekuqaliseni ukusebenza koHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye isiqala ukuba nomthelela. IKhabhinethi igcizelela ikhwela elihlatshwe nguMongameli lokuqinisa imizamo okuhloswe ngayo ukudlondlobalisa ukuguqulwa kwezomnotho ngamandla nangomfutho kanye nemizamo yokusheshisa ukuqaliswa kokusebenza kwakho.

ONgqongqoshe Beqoqo Leminyango Ehlukahlukene basezinhlelweni zokubamba izithangami nabezindaba eziba ngemuva kwe-SoNA ukuze benabe kabanzi ngoHlelo lukaHulumeni Lokusebenza lowezi-2017/18. Inkulumo Yesabelomali yowezi-2017/18 izoqhubeka nokuhlahla ukwabiwa kwemali ezinhlelweni ezinhlobonhlobo zikahulumeni njengoba zibalulwe nguMongameli.

1.2. Imiphumela yeNgqungquthela Yokutshalwa Kwezimali Ezimayini zaseAfrika ebibanjelwe eKapa muva nje ikhombisa ukuvunwa kwezwe kwezokuncintisana emikhakheni yezimayini kanye neminye imikhakha ehlobene nazo.

Umkhakha wezezimayini usalokhu uwumgogodla womnotho waseNingizimu Afrika ngokuba negalelo eliyi-8% kwiSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP), ukuqasha abantu abalinganiselwa ezi-460 000 kanye nokuholelwa ngezimali zasemazweni angaphandle. INingizimu Afrika iyaqhubeka nokuba yizwe elinomkhiqizo omuhle futhi eliklomelisayo kubantu abatshale izimali ezimayini ngokuba nezigidigidi ezilinganiselwa ku-$2.5 kuya kwezi-3 kwizingodla zezimbiwa phansi ezingezona ezamandla ezingakathintwa. Izichibiyelo ezizokwenziwa kuMthetho Wokuthuthukiswa Kwemithombo Yezimbiwa kanye Nophethiloli Ongahluziwe ngoNhlangulana 2017 kanye nokugazethwa koMqulu Wezimayini obuyekeziwe ngoNdasa 2017 kuzokuba negalelo ekusungulweni kwendawo yezokulawula evumelayo ezogqugquzela utshalomali, ukuhweba kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi ngendlela elinganayo necabangela inhlalakahle yomphakathi.

1.3. Le Indaba iqhakanjiswe kakhulu yi-Invest Africa okuyinkundla yabaholi bamabhizinisi, abatshalizimali kanye nosomabhizinisi yokuzuza ukukhanyiseleka kanye nokuvuleleka olwazini kanye namathuba avela e-Afrika.

1.4. IKhabhinethi iyasamukela Isivumelwano Sokukhokha okufinyelelwe kusona phakathi kwemboni yezokwakha kanye noHulumeni, esiphinde saziwe ngokuthi Uhlelo Lokwakha Kabusha Ngokuzithandela (i-VRP).  

Lesi Sivumelwano simisa izinjongo zezinkampani zezinguquko, phakathi kokudayiswa kwezabelo eziphansi ezingama-40% zidayiselwa abantu abamnyama baseNingizimu Afrika noma ngokusebenzisa izinsebenziswano nezinkampani zokwakha ezincane eziphethwe ngabantu abamnyama, ukuze sisize ukukhuphula inzuzo yazo ifinyelele kuma-25% enzuzo yezinkampani ezinkulu ezibhalisiwe kuhlu lwezinkampani ezikhungweni zokuhwebelana ngamasheya ezifana nesi siseGoli (i-JSE), esikhathini seminyaka eyisikhombisa.

Lesi yisivumelwano somkhakha esihle kakhulu esiphelele maqondana noguquko okungenwe kusona kanye nohulumeni kuze kube namuhla futhi singasiza ukuqalisa ukusebenza kombono kaHulumeni wokuguqulwa kwezomnotho ngamandla nangomfutho. Siphinde sibe ngumzekeliso ongasetshenziswa maqondana nokwenziwa kwezinguquko kweminye imikhakha.

IKhabhinethi ihalalisela bonke abacikice lesi sivumelwano futhi inxusa zonke ezinye izinkampani zokwakha kulo mkhakha ezingeyona ingxenye yalesi sivumelwano njengamanje, ukuba zibukele kulo mzekelo bese zijoyina kule nsebenziswano eyakhiwayo, ngokwenza izibophezelo ezifanayo ukuze kusimamiswe futhi ukuguqulwa kwalo mkhakha.

1.5. IKhabhinethi ishayela ihlombe bonke abalingani abaseMkhandlwini Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho Nabasebenzi (i-Nedlac) ngengqophamlando yesivumelwano maqondana nokwethulwa Komholo Kazwelonke Oyisisekelo wama-R20 ngehora kusukela ngaphambi kukaNhlaba 2018.

Isivumelwano maqondana Nomholo Kazwelonke Oyisisekelo kanye nezinye izinyathelo zokuqinisa uzinzo lwabasebenzi kanye nezingxoxo zamaholo siyisinyathelo esisemqoka ekusunguleni isizwe esilinganayo, esinobulungiswa kanye nesiqhakazile njengoba uqaguliwe kwi-NDP.

Iholo likazwelonke eliyisiseko, eliwumkhawulo okungamele kube khona noyedwa umsebenzi okhokhelwa ngaphansi kwawo, lizokwenza ngcono kakhulu izimpilo zezigidi zabasebenzi abahola kancane bese liqala nokubhekana nenselelo yokungalingani kwamaholo.

Iholo limiswe ezingeni lokuqala elizokwenza umehluko wangempela obonakalayo ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika ngenkathi linciphisa nanoma yimiphi imithelela emibi maqondana nokuqashwa kwabantu. Amabhizinisi ahlulekayo ukukhokha iholo likazwelonke eliyisisekelo angafaka isicelo sesikhashana sokungakhokhi, ngenkathi kusacutshungulwa ngezinyathelo zokusiza imikhakha ebuthakathaka yezomnotho.

1.6. Inselelo yokusweleka kwemisebenzi isalokhu iyinto eseqhulwini kuhulumeni kanti futhi zonke izinhlelo kanye nezinyathelo zokungenelela kwenziwe kwalungela ukuguqula isimo sime ngenye indlela, ikakhulukazi kulesi sikhathi esinzima sezomnotho. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhuphuka kwemisebenzi kwezomnotho ekoteni yesine yowezi-2016 ngenkathi kudalwe amathuba omsebenzi ayizi-235 000, ngokoCwaningo Lombutho Wabasebenzi Lwangamakota. La mathuba omsebenzi afumaneke  kakhulu emkhakheni wezinsizakalo zezwe, ulandelwe umkhakha wezokuthutha kanye nowezokukhiqiza.

Ukukhula kwemisebenzi kule kota kuholele ekwehleni kancane kwesilinganiso sokusweleka kwemisebenzi saya kuma-26.5%.

1.7. IKhabhinethi ibonga bonke abazali, othisha, abafundisi kanye nabaqhubi bomsebenzi maqondana nokuqalwa ngempumelelo konyaka wokufunda wezi-2017. Ezemfundo zingenye yezinto zethu eziseqhulwini ezisemqoka nezingumongo ekufezekiseni Umbono wezi-2030 we-NDP.

1.8. IKhabhinethi incoma ukuzimisela kwabafundi bakaMatikuletsheni wezi-2016 njengoba sigubha ukukhuphuka kwesilinganiso sabaphumelele sisuka ema-70.7% ngowezi-2015 siya ema-72.5% ngowezi-2016.

IKhabhinethi ifisela bonke abafundi okuhle futhi ilangazelele ukubona okunye ukwenza ngcono esilinganisweni sokuphumelela kwabafundi bakaMatikuletsheni wezi-2017.

IKhabhinethi iphinde yancoma abafundi abazohlalela ukubhala izivivinyo zokuchibiyela umatikuletsheni phakathi komhla ziyi-11 Nhlolanja 2017 nomhla ziyi-18 Ndasa 2017 ngokubekezela kwabo.

1.9. Njengengxenye yemizamo kahulumeni yokucija umphakathi ukuba uvikele ilungelo lokufunda, Umnyango Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola uzobiza Izimbizo Zohlelo Lwentuthuko Kazwelonke Lokubuyela Esikoleni ngomhla zingama-25 Nhlolanja 2017 kuzo zonke izifundazwe. Imfundo iyisisekelo sazo zonke izinhlelo zikahulumeni kanti futhi wonke Amalungu eKhabhinethi ayobe ebambe iqhaza. Amalungu omphakathi ayamenywa ukuba ajoyine amalungu eKhabhinethi, Amalungu ePhalamende, oNdunankulu kanye nabaholi kohulumeni basemakhaya njengoba bezokube behambela izikole, izikhungo zemfundo ephakeme kanye nezinye izikhungo zezemfundo.

1.10. Ngokuhambelana nemigomo yoMqulu Wenkululeko ethi “imfundo ephakeme kanye nokuqeqeshelwa ezobuchwepheshe kuyovulelwa wonke umuntu ngokusebenzisa izibonelelo zikahulumeni kanye nemifundaze eyonikezelwa ngokubhekelela ukufaneleka komuntu”, Uhulumeni ngokusebenzisa uHlelo Lukazwelonke Lokuxhasa Abafundi Ngezezimali (i-NSFAS) uxhasa abafundi abasha abangaphezu kwezi-20 000 emanyuvesi angama-23. Lokhu kungaphezu kwabafundi abayi-107 000 ababuyayo emanyuvesi angama-25 kanye nabafundi ababuyayo abayizi-737 747 emakolishi angama-35 Okufundela Umsebenzi Wezzobuchwepheshe Bezandla Nokuqeqeshwa (ama-TVET).

1.11. Uhulumeni wethu uyaqhubeka nokuhlolisisa izindlela ezinhlobonhlobo ekutholeni izisombululo zokuxhasa nokuvula amathuba kubantu abahlwempu nabaphakathi nendawo ukuba bakwazi ukuqhubeka nemfundo ephakeme kanye nokuqeqeshwa. Uhlelo Lokusiza Abafundi Ngezezimali Ikusasa (i-ISFAP) luwuhlelo olusha lokubambisana kukahulumeni nomkhakha ozimele oluholwa nguMnyango Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha (i-DHET) olusiza “abanye abafundi abangabalwanga noma abangondingasithebeni”.

Lo mklamo usahlolwa ngamanyuvesi ayisithupha kanye nekolishi le-TVET futhi uzokhokhela izifundo zabafundi abalinganiselwa cishe kwi-1 500 abafundela iziqu ezihlukahlukene zemikhakha yolwazi jikelele, kanjalo neziqu eziyisikhombisa zobungoti kanye neziqu zomsebenzi wezandla ezizodwa kuze kube baqeda izifundo zabo. Bazophinda futhi bathole ukwesekwa kwezemfundo, ukwesekwa kwezenhlalakahle, ukuqeqeshelwa amakhono ezempilo, ukucathuliswa kanye nokwesekwa kwezempilo lapho kudingeka khona. Kuzodingeka izigidi ezingaphezu kwama-200 zamarandi ukuvumela lokhu kuhlolwa ukuba kube yimpumelelo kanti futhi yonke leyo mali izophuma emkhakheni ozimele.

1.12. Umncintiswano wesibili Wamakhono Omhlaba eNingizimu Afrika osingethwe nguMnyango Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eDurban kusukela mhla ziyi-13 kuya mhla ziyi-17 Nhlolanja 2017, ubungaza ikhono lamaciko ezandla asemancane kanye nochwepheshe abasebancane ezweni. Uphinde usebenze njengohlelo lokugqugquzela ukuze kuqhakanjiswe ukubaluleka komkhakha wemisebenzi yezandla emnothweni wezwe. Abanqobile bazokuya komela iNingizimu Afrika Emncintiswaneni Wamakhono Omhlaba Wamazwe Ngamazwe e-Abu Dhabi e-United Arab Emirates ngoMfumfu 2017.

1.13. Ukuhambela kukaMongameli uJacob Zuma kungazelele muntu Esiteshini Samaphoyisa saseNyanga eKapa kuqondane nokukhishwa Kocwaningo Lwezisulu Zobugebengu lowezi-2015/16 ngabesikhungo Sezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats South Africa). Ngolu hambo lube yimpumelelo, luyingxenye yohlelo lukaMongameli lweSiyahlola, lusize uMongameli ukuthi azibonele bukhoma umsebenzi owenziwayo ukulwisana nobugebengu kule ndawo. Iminyango Eseqoqweni Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka imatasa ilungiselela ukubhekana nezinselelo lesi Siteshi Samaphoyisa esibhekene nazo.

1.14. Ucwaningo Lwezisulu Zobugebengu lubalulekile njengoba luqondisa uhulumeni ekusunguleni izinqubomigomo zakhe zokulwisana nobugebengu. Lokhu kuyahambelana nokuseqhulwini kuhulumeni kokuthi Bonke Abantu eNingizimu Afrika Baphephile futhi Bazizwa Bephephile. Imiphumela isiza ukuqondisa omunye umsebenzi osadinga ukwenziwa, ukuze uhambisane nezindaba ezinhle zokuzuziwe eminyakeni emihlanu edlule, ngemidlinzo kanye nezehlakalo ezehlele izakhamizi.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. Ukulinganiswa Kokuqaliswa Kokusebenza Ngempumelelo Kokulawulwa Kwezemvelo Emkhakheni Wezezimayini, kubandakanye ukuphendula kwabaphathi kanye necebo lokwenza ngcono loMnyango Wezemvelo.
Umthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwezemvelo, we-1998 uchaza indlela yokwenza ukuphathwa kwezemvelo okumele ifakwe kuyo yonke imikhakha, kubandakanya nomkhakha wezezimayini. Injongo ukuqinisekisa ukuthi imithelela yezemvelo ebangelwa yimisebenzi yezimayini incishiswa ngempumelelo noma ilawulwe. Ukulinganisa kuhlole ukufaneleka kanye nokusebenza ngempumelelo kwalo mthetho kanye nokuqaliswa kwawo ukusebenza ukuze kufezekiswe le njongo.

IKhabhinethi iyalweseka ‘Uhlelo Lwezemvelo Olulodwa’ njengoba kuhlongoziwe Ohlelweni Lokwenza Ngcono oluhambisana negunya lokucabangela izinyathelo ezengeziwe zokugxilisa ezinjengokuhanjelaniswa kweMithetho Ethile Yokuphathwa Kwezemvelo. IKhabhinethi iyayeseka futhi ingxoxo maqondana nokuvalwa kwezimayini ukuqinisekisa ukuvikelwa kwezemvelo kanye nokunciphisa ingozi yenhlalo nomnotho yemiphakathi eyakhelene nezimayini.

2.2. Umbiko Wonyaka Womthobanhliziyo Wentela Yocwaningo kanye Nentuthuko (i-R&D) wowezi-2015/16 osuhanjiswe ePhalamende, ukhombisa indlela uhlelo Lomthobanhliziyo Wentela ye-R&D olukhuthaza ngayo ukukhuphuka kotshalomali kwi-R&D ngumkhakha ozimele. Lokhu kuyadingeka ukukhuphula amandla omnotho ukuze usimamise ukusungulwa kwamathuba omsebenzi, kanjalo nokukhuphula ukukapaka kolwazi okuhle ngokudluliswa kolwazi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.

Kusukela ngoNdasa 2015 kuya kuNhlolanja 2016, Umnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe wamukele izicelo zomthobanhliziyo wentela ye-R&D eziyi-189 ezivela ezinkampanini eziyi-147. Lokhu kusikhuphulile isamba senani lezinkampani ezibamba iqhaza ohlelweni lomthobanhliziyo kusukela ekusungulweni kwalo ngoLwezi 2006, saya kuma-962. Kulesi sikhathi Umnyango Wezezimali Kuzwelonke uqagula ukuthi imali engaphezulu kwezigidi eziyi-6 zamarandi yentela ebizoqoqwa kodwa edeliwe ngenjomphumela womthobanhliziyo wentela ye-R&D. Esikhathini esifanayo umthobanhliziyo uxhase cishe izigidi ezingama-36.1 zamarandi ezindlekweni ze-R&D.

Ezinkampanini ezingama-962, ama-47% Ngamabhizinisi Amancane kanye Naphakathi Nendawo, ama-12% ngamabhizinisi amakhulu (anenzuzo yezigidi ezingama-41 zamarandi kuya ezigidini eziyi-100 zamarandi); ama-32% ngamabhizinisi amakhulukazi (anenzuzo eyizigidi eziyi-100 zamarandi nangaphezulu); kanti ama-8% awabudalulanga ubukhulu benzuzo yawo.

2.3. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kohlelo lokudidiyelwa kwesabelomali sikahulumeni semisebenzi Yocwaningo kanye Nentuthuko (i-R&D).

I-NDP iyakuqaphela ukuthi i-R&D kanye nokuqamba kabusha kunendima esemqoka okuzoyidlala ekwenzeni ngcono ukukwazi ukuncintisana komnotho waseNingizimu Afrika kanye nasekwesekeni ukuthuthukiswa kwenhlalo nomnotho kanye namathuba omsebenzi.

Ingqalasizinda kazwelonke yezesayensi esemqoka kakhulu yaseNingizimu Afrika isigugile futhi idinga ukulungiswa ngokushesha kwezobuchwepheshe kanye nokwenziwa isimanjemanje ukugcina ukuhanjiswa kwezidingo ngempumelelo. Leyo ngqalasizinda enjalo inkulu kakhulu futhi imba eqolo, futhi iyodinga utshalomali oludidiyelwe kuyona yonke iminyango.

Ukudidiyelwa kwesabelomali okuhlongoziwe kuyoqaliswa ngethemu yaphakathi nonyaka kowezi-2016/17 nowezi-2019/20.

2.4. IKhabhinethi ilunywe indlebe maqondana nenqubekelaphambili esiyenziwe emiklamweni ye-Square Kilometre Array (i-SKA) ne-MeerKAT, isakhiwo esihleliwe se-South African Radio Astronomy Observatory ehlanganisiwe, kanye nokusingathwa kwesibonakude se-Hydrogen Epoch of Re-ionisation Array (i-HERA) esizindeni se-SKA.

I-SKA ne-MeerKAT kuqukethe owodwa Wemiklamo eyi-18 Yezingqalasizinda Ezinobuqhinga zeKhomishana KaMongameli Edidiyela Ingqalasizinda. Le miklamo emikhulu yezingqalasizinda inegalelo kwi-NDP ngamandla enawo wokukhuthaza ukuthuthukiswa komnotho, ukuvula amathuba ezomnotho kanye nokukhuphula ukusungulwa kwamathuba emisebenzi.

Kwenziwa inqubekelaphambili enhle maqondana namalungiselelo e-SKA-1 eNingizimu Afrika kubandakanya nokuthengwa komhlaba kanye nezingxoxo maqondana nesivumelwano samazwe ngamazwe kanye nenqubo yokutholakala kwayo. Eminyakeni yalo eyishumi Uhlelo lwe-SKA Lokuthuthukiswa Kwamakhono Wabantu eNingizimu Afrika lunikezele ngemifundaze engaphezu kwama-800, nalapho kwesekwe khona kakhulu izikole eziseCarnarvon.

Isithombe se-MeerKAT sokuqala sesibhakabhaka esiyigagasi esikhiqizwe ngezinzwangomoya eziyi-16 kuphela sikhombisa imithala (galaxy) engaphezu kwe-13003 esemkhathini obuqamama nokuveza ukuthi lesi isibonakude somsakazo esingungqaphambili Emhlabeni Oseningizimu futhi kufanele sibe isibonakude esingungqaphambili emhlabeni wonke sohlobo lwaso, uma sesiphothuliwe ukwakhiwa. Izinzwangomoya eziphelele ezingama-64 zizobe sezifakiwe futhi sezisebenza ngoNdasa 2018, futhi sakhiwa ngama-75% omkhiqizo walapha ekhaya ukuze kulungiselelwe imboni yalapha ekhaya ukuthi ibambe iqhaza ngokujulile.

I-HERA iyisiboniso sezesayensi esizogcwalisela ukuze kuthuthukiswe ukuqondwa kokwakheka komthala futhi ixhaswe kuphela yiSikhungo Sezesayensi Sikazwelonke sase-United States ngokubambisana neNyuvesi yaseCambridge.

Umqondo we-single radio astronomy observatory, ezokwaziwa ngokuthi yi-Radio Astronomy Observatory yaseNingizimu Afrika uzohlanganisa ndawonye imiklamo ehlukahlukene kanye nemisebenzi yomkhakha wesayensi ngesibhakabhaka nolwazi ngezinkanyezi waseNingizimu Afrika. Kunezinzuzo ezigculisayo ezizokwenziwa ngeSikhungo Sikazwelonke esisodwa esisha ngaphansi Kwesikhungo Sikazwelonke Sokwenziwa Kocwaningo (i-NEF).

2.5. Umthetho Osadingidwayo maqondana Nenqubomgomo Kazwelonke Yezindiza Zomphakathi, okhuthaza futhi uthuthukise ukuphepha kwezindiza zomphakathi, ukuvikeleka kanye nokuthobela ezemvelo, ugunyaziwe.

Uphinde ukhuthaze intshisekelo kazwelonke yeNingizimu Afrika futhi ugqugquzele ukwandiswa kwezohwebo kanye nezokuvakasha. Uphinde futhi ukhuthaze ukuthuthukiswa kwemboni yezindiza esebenza ngokugculisayo nokunomkhiqizo omuhle, ekwaziyo ukuncintisana lapha ezweni ngaphakathi kanye nasemazweni omhlaba.

2.6. IKhabhinethi iphinde yagunyaza Uhlelo Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezikhumulo Zezindiza olwavundululwa nguMthetho Osadingidwayo maqondana Nenqubomgomo Kazwelonke Yezindiza Zomphakathi ukubhekana namagebe akhona amanje kwizikhumulo zezindiza kanye nesimo esifiswayo sakusasa.

Luzoqondisa futhi lweseke kokubili ukuhlelwa kwezikhumulo zezindiza zonke kanye nokuthuthukiswa kwezikhumulo zezindiza ngazodwana ezifakwe phakathi ezingqikithini ezibanzi zokuklanywa komhlaba kanye nezinto zokuthutha, ngokuxoxisana nababambiqhaza abasemqoka bezikhumulo zezindiza.

Ingqalasizinda yezikhumulo zezindiza iyingxenye ebalulekile yohlelo lwezokuthutha lwaseNingizimu Afrika futhi inegalelo ekuthuthukisweni kwenhlalo nomnotho wezwe ngokugqugquzela ezokuvakasha ngaphakathi ezweni kanye nasemazweni omhlaba kanye nokuhweba.

2.7. Uhlaka lweNqubomgomo Ephelele Yezokuthutha Zasolwandle yowezi-2016, lugunyaziwe, ukuze kutholwe izimvo zomphakathi.

Lokhu kuhlinzeka ngohlaka lokusebenza lukazwelonke oluzoqondisa ukuphatha okudidiyelwe, ukukhula, ukuthuthukiswa kanye nokuguqulwa komkhakha wasolwandle, ngenhloso yokuthukulula amandla aphelele omkhakha wasolwandle kanye nokuthuthukisa igalelo lawo ekuthuthukisweni kwezinjongo zenhlalo nomnotho wezwe, ngenkathi uba negalelo futhi kwezohwebo lwamazwe ngamazwe.

Lokhu kuyahambelana nezinto eziseqhulwini zikaHulumeni ezihlobene ne-Operation Phakisa maqondana nokukhulisa Umnotho Wasolwandle kanye nezinjongo ezibanzi eziku-NDP yowezi-2030 kanye noHlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda ukukhuthaza ukukhula komnotho kanye nokusimamisa ukusungulwa kwemisebenzi.

3. IMithethosivivinywa

3.1. Ukuhanjiswa koHlaka loMthethosivivinywa Wokuhlelwa Komumo Wasolwandle, wezi-2016 ePhalamende. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lokusebenza lezomthetho lokuthuthukiswa kohlelo lokuhlelwa komumo wasolwandle okhuthaza ukukhula komnotho; futhi ugqugquzelwa wukuhlela okudidiyelwe emikhakheni eminingi yonkana.

Luzokhuthaza ukuphathwa okuhle kolwandle ngokuqinisekisa ukubandakanywa kwayo yonke imikhakha ekuphatheni ngokubambisana kanye nasekuhleleni emkhakheni wasolwandle. Luzophinda futhi lugqugquzele: ukuxazululwa kwezingxabano (phakathi kwabasebenzisi bolwandle kanye neziphathimandla ezilawulayo); ukuthuthukiswa kolwazi; ulwazi kanye nokuphatha emkhakheni wasolwandle lwaseNingizimu Afrika.

UMthethosivivinywa uzosebenzela ukuthuthukiswa okuqinile nokuqhubekayo, kunokuba usebenzele ukulondolozwa noma ukuvikelwa kwemvelo, ngenhloso yokuba negalelo ezinjongweni eziningi zezenhlalo jikelele kanye nezomnotho. Uphinde futhi ube wuhlelo olusemqoka oluqanjwe kabusha lwe-Operation Phakisa yokuqala (Umnotho Wasolwandle) ukuvula amandla ethu ezomnotho.

3.2. Ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwamazinga Emikhiqizo Yezolimo ePhalamende. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wamazinga Emikhiqizo Yezolimo, yowe-1990 (uMthetho onguNombolo 119 yowe-1990).

UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisa uhlaka lokusebenza elilawula imikhiqizo yezolimo, ezempilo kanye nokuphepha kokudla okuthile kwemikhiqizo yezolimo. Uhlaka lokusebenza elilawulayo kanjalo lukhuthaza ukuphepha kokudla futhi lusungule indawo evumela umkhiqizo okhuphukile noqhubekayo. Lokhu kuzokhuphula izindlela zokuhwebelana ezinobulungiswa kanye nokuvikelwa kwabathengi.

3.3. Ukushicilelwa koHlaka loMthethosivivinywa Wezinhlelo Zokubhaliswa Kwamatayitela Ngobuxhakaxhaka be-Intanethi, lowezi-2016, ukuze kutholwe izimvo zomphakathi.

UMthethosivivinywa ugqugquzela ukuthuthukiswa, ukusungulwa kanye nokugcinwa kohlelo lokubhaliswa kwamatayitela ngobuxhakaxhaka be-intanethi oluzohlinzekela, phakathi kokunye, ukubhaliswa ngempumelelo kwemithamo emikhulu yamatayitela njengomphumela wezinyathelo zikaHulumeni wethu zokuguqulwa komhlaba, izikhathi zokubuyisa impendulo ezenziwe ngcono zokuhlinzeka ngamatayitela abhalisiwe kanye nezincwadi emakhasimendeni; ukuhlinzeka ngokufinyeleleka ezweni lonkana kwezinsizakalo zokubhaliswa kwamatayitela; ukushaya emhloleni okuthuthukisiwe kokuhlolwa kanye nokubhaliswa; ukutholakala kolwazi emphakathini; kanye nezici zokuvikeleka kubandakanya nobumfihlo.

Lokhu kuphinde kweseke isicelo se-NDP sezinyathelo okumele ziqaliswe ukusebenza kuyo yonke iminyango kahulumeni kanye nemikhakha ephatha ulwazi kanye nobuchwepheshe ngempumelelo ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ayisali ngasemuva kwezobuxhakaxhaka be-intanethi.

4. Izindaba Ezisematheni

4.1. IKhabhinethi ijoyina uMongameli uJacob Zuma ngokudlulisa amazwi endunduzo emindenini nakubangani beziguli ezigula ngokwengqondo ezashona eGauteng. Uhulumeni, nomphakathi ngobubanzi, banejoka lokuvikela kanye nokunakekela labo ababuthakathaka. IKhabhinethi iyamuncoma uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Aaron Motsoaledi ngokuqoka Umxazululi Wezempilo ukuba aphenye ngazo zonke izenzo ezingalungile ezenziwa yizikhungo zezempilo kanye nabasebenzi bezempilo. Ngaphezu kwalokho, isinyathelo esithathwe nguNdunankulu waseGauteng, uDavid Makhura, ngokusekelwa ngumbiko Womxazululi Wezempilo, samukelekile.

IKhabhinethi iyanxusa futhi uNdunankulu uMakhura ukuba aqinisekise ukuthi izinyathelo ezifanelekile zokuqondiswa izigwegwe ziyathathwa kubona bonke okungenzeka ukuba abaziphathanga ngendlela efanele noma baziphathe budedengu.

4.2. IKhabhinethi ikhathazekile mayelana nokuziphatha budlaba okuvezwe Ekuvulweni kwePhalamende okunganyatheli nje kuphela amalungelo abanye ePhalamende, kodwa okunyathela amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Iphalamende lingesinye sezikhungo zaseNingizimu Afrika ezasungulwa ngentando yeningi labantu, zisungulwa nguMthethosisekelo, ukuze zivikele uMqulu Wamalungelo Esintu futhi ziphendule kubantu baseNingizimu Afrika – bonke ababeke ithemba labo kuthina ngokuthi sibaholele empilweni engcono. Amalungu ePhalamende, njengabantu abamele abantu kufanele babeke phambili izimfuno zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika kuqala futhi aqinise indima edlalwa yilesi sikhungo esibaluleke kangaka.

4.3. IKhabhinethi ichazeliwe Ngesishingishane Somoya Esibizwa ngoDineo, nalapho iNingizimu Afrika kulindeleke ukuba ibhekane nezivunguvungu ezinzima kanye nezimvula ezinamandla kusukela namuhla, ngoLwesine, 16 Nhlolanja 2017 kuze kube yimpelasonto - ngeSonto 19 Nhlolanja 2017. Lesi Sishingishane somoya sizothinta iMpumalanga, izindawo ezisemajukujukwini enyakatho neKwaZulu-Natali kanye naseLimpopo. Lokhu kuzothinta ikakhulukazi – iKruger National Park, Enhlanzeni, Vhembe, oMasipala bezifunda zaseMopani neWaterberg. Izingxenye ezisempumalanga neLimpopo nazo kungenzeka zibhekane namazinga aphezulu emvula ngoLwesihlanu, alinganiselwa kuma-200 mm esikhathini esingamahora angama-24.

Isikhungo Sikazwelonke Sokuphathwa Kwezinhlekelele (i-NDMC) kanye neSikhungo Sikazwelonke Semisebenzi Ehlanganyelwe (i-NATJOC) ezifaka phakathi iminyango kahulumeni ehlukahlukene kanye nezikhungo ezinhlobonhlobo sezisihlolile isimo futhi zavula Izikhungo Zesifundazwe Zemisebenzi Ehlanganyelwe (i-PROVJOC) eLimpopo, Mpumalanga naKwaZulu-Natali. Le ndlela yokusebenza efaka imikhakha ehlukahlukene izosiza lapho kuba khona isidingo ukuqinisekisa ukuphepha kwemiphakathi kanye nokunciphisa umthelela.

Uhulumeni unxusa yonke imiphakathi ethintekayo ukuba iqaphe ngeso lokhozi ngaphambi kwalesi sishingishane. Imiphakathi iyakhalinywa ukuba ingaweli imigwaqo enezikhukhula, amabhuloho kanye nemifula echichimayo. Siyaphinda futhi sinxusa abazali, abanakekeli kanye nabaqaphi bezingane ukuba baqinisekise ukuphepha kwezingane zabo ngesikhathi salezi zichotho. Imiphakathi kufanele isebenzisane ndawonye ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu. Sicela nilalele izixwayiso kanye nolwazi maqondana neSishingisane Somoya Esibizwa ngoDineo ezisakazwa kuzo zonke iziteshi zemisakazo yalapha ekhaya.

4.4. IKhabhinethi ikweseka ngokugcwele ukungenelela kanye nokuxoxisana nemiphakathi okwenziwa yithimba likahulumeni, eliholwa nguNgqongqoshe Wezasekhaya, uMalusi Gigaba, kanye noNgqongqoshe Wezokuphepha Komphakathi Wesifundazwe saseGauteng uSizakele Nkosi-Malobane ukuxoxisana ngezinkinga ezithinta imiphakathi endaweni, ikakhulukazi izinkinga eziphathelene nokusebenza kwamaphoyisa kanye nezinsolo zemisebenzi engekho emthethweni eyenziwa ngabantu bokufika kuleli.

IKhabhinethi iyaleseka ikhwela elihlatshwe nguNgqongqoshe “lendlela yokusebenza kahulumeni wonkana” ukubhekana nalezi zinkinga zangempela eziphakanyiswe yimiphakathi, okuzobhekwana nazo ngokwenza lokhu: ukusungulwa Kweziphathimandla Zokuphathwa Kwemingcele ezizosiza ukulawula kangcono imingcele yethu, ukunikezwa kwamaphepha afanele kwabo bonke abantu abahlala eNingizimu Afrika, ukusebenza kwamaphoyisa ngempumelelo kanye nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho kanye noMthethosisekelo weRiphabhulikhi yizakhamuzi kanye nabantu bokufika kuleli.

IKhabhinethi yesekela ngokugcwele iqoqo leminyango yezokuvikeleka, ukuqinisekisa ukuthi lezi zinkinga ziyaxazululeka ngendlela egculisa abantu baseNingizimu Afrika. Lokhu kuzodinga inkulumompendulwano engcono maqondana nokusebenza kwamaphoyisa phakathi kwemiphakathi kanye nabasemagunyeni. IKhabhinethi ifisa futhi ukucela ukuba kwenziwe ukuphawulwe ngendlela enengqondo emiphakathini yibo bonke abaholi kanye nabamele abantu emiphakathini, izinkinga kufanele ziphathwe ngendlela enengqondo.

4.5. Kwesinye isehlakalo esihlukile, iKhabhinethi iyakugxeka ukuhlaselwa kwabalandeli, abadlali kanye nezikhulu ngesikhathi kunomdlalo kanobhutshuzwayo we--Absa Premiership phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates eLoftus Versfeld okushiye abantu abayi-13 belimele.

Lokhu kuziphatha okunje kanye nezenzo zobugebengu zihlazisa ezemidlalo futhi  zenza izwe libukeke kabi futhi kudinga kuthathwe izinyathelo eziqinile ngabasemagunyeni ebhola likanobhutshuzwayo okufanele benze okuthile ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi izenzo ezinjengalezi aziphinde zenzeke futhi.

5. Imiyalezo yokuzwelana kanye neyokuhalalisa

5.1. IKhabhinethi idlulisa amazwi endunduzo emndenini, abangani kanye nakubantu bebhola lombhoxo ngobubanzi ngokudlula emhlabeni kowayengukaputeni waMabhokobhoko uJoost van der Westhuizen. UMongameli uJacob Zuma uphinde wamemezela Umngcwabo Osemthethweni Okhethekile Wesifundazwe ukuhlonipha ingqalabutho yebhola lombhoxo laseNingizimu Afrika.

5.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukukhethwa kukaNgqongqoshe Wezangaphandle waseChad, uMoussa Faki Mahamat, njengoSihlalo omusha weKhomishana Yobumbano lwase-Afrika (i-AU), ethatha indawo kaDkt Nkosazana-Dlamini Zuma waseNingizimu Afrika.

5.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqokwa kukaNgqongqoshe uJeff Radebe, njengenxusa laseNingizimu Afrika Lezakhamuzi Zamazwe Omhlaba, i-Global Citizens, futhi uzokuba yingxenye yombutho Wezakhamuzi Zamazwe Omhlaba eziyizigidi eziyisishiyagalombili emhlabeni wonke jikelele. Leli lithimba losaziwayo abaphezulu, abenzi bezinqubomgomo, abaholi bamabhizinisi, izishoshovu kanye nababambiqhaza abazinikele ukubhekana nezinselelo ezinkulukazi zomhlaba kanye nokuqeda ububha obungachazeki. Umsebenzi walo mbutho uyahambelana nezinjongo ze-NDP zokuqeda ububha kanye nokunciphisa ukungalingani, kanye nokuhlomulisa uhlaka lokusebenza lwezentuthuko lezwekazi – i-Ajenda yowezi-2063.

5.4. UNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uNaledi Pandor, naye uyahlonishwa yiNhlangano yaseMelika Yokuthuthukiswa Kwezesayensi ngeqhaza lakhe ezingxoxweni zesayensi eBoston, e-United States, namuhla.

5.5. IKhabhinethi ihalalisela abanqobile kwiziNdondo zoBuntu zaminyaka yonke, ezisingethwe nguMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana ukubungaza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezidlala indima esemqoka ekuvezeni isithombe esihle seNingizimu Afrika emazweni omhlaba. Laba bantu babandakanya: uWinnie Madikizela-Mandela; Siyabulela Xuza; Pretty Yende; Esther Mahlangu; Gertrude Shope; neNxusa laseChina uTian Xuejun. I-Sasol, Babies Behind Bars neDesmond Tutu HIV Foundation nabo bahlonishiwe.

5.6. IKhabhinethi iyahalalisa futhi naseqenjini i-South African Sevens eliphinde laziwe ngokuthi yiBlitzboks ngokunqoba umncintiswano Wochungechunge Lomhlaba we-Sydney Rugby Sevens. Lokhu ngukunqoba kwabo kwesibili kusukela unyaka uqalile emva kokuba iBlitzboks inqobe i-HSBC Wellington Sevens ngoMasingana.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Nksz. Claire Busetti uqashelwe kwiBhodi Yesikhungo Socwaningo Lukazwelonke (i-NEF).

6.2. Mnu. KW Vukela njengePhini likaMqondisi-Jikelele: Ukuhanjiswa Kwezidingo eMnyangweni Wemisebenzi Kahulumeni kanye Nokuphathwa Kwayo.

6.3. Nksz. JL Meyer njengoMphathi Oyinhloko Yezezimali eGovernment Printing Works.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Inombolo yokuxhumana: 082 901 0766

 

Share this page

Similar categories to explore