Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-29 Ndasa 2017

1. Ukuqaliswa kokusebenza Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. UMongameli Jacob Zuma uzobiza iNgqungquthela yesithathu kaMongameli Yohulumeni Bezindawo kusukela mhla ziyisi-6 kuya mhla ziyisi-7 kuMbasa 2017 ngaphansi kwendikimba ethi “Ukuguqula Izindawo ZikaMasipala ukuze Kuqinisekiswe Ukuthuthukiswa Komphakathi Nomnotho Okunohlonze”.

Ingqungquthela izogxila ekuqiniseni uhlelo lohulumeni bezindawo njengengxenye yesigaba sesibili sohlelo Lokubuyela Emasisweni. Ngaphezu kwalokho, izobhekana nokungabi khona kobulungiswa kwezokuhlaliswa kwabantu kanye nokuhlaliswa kwabo ezindaweni ezingakulungele kahle ukuhlalisa abantu, okuyinto eqhubekayo nokuba nomthelela ezimpilweni zabo.

Eminye imikhakha ibandakanya: ukwakha imiphakathi ekwaziyo ukubhekana nezimo ezinzima ukuze kugwenywe futhi kuncishiswe umthelela wezinhlekelele; kanye nokwenza izivumelwano zikahulumeni wonkana ngenhloso yokuqhubela phambili ukuthuthukiswa komphakathi nomnotho okunohlonze ukuguqulwa ngokuqinile kwezenhlalakahle kanye nezomnotho ezingeni lohulumeni bezindawo.

Uhulumeni wendawo ungumsebenzi womuntu wonke – iKhabhinethi inxusa ababambiqhaza bakahulumeni nabazimele, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi wosomabhizinisi wonkana ukuba basekele ngokuphelele izinhlelo okuhloswe ngazo ukweseka omasipala.

1.2. INgqungquthela yesithathu Yezokuvakasha Yohulumeni Bezindawo izobanjwa kusukela mhla zi-3 kuya kumhla zi-4 kuNdasa 2017 e-Emperors Palace, eGauteng ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukuhlela ezokuvakasha kuwumsebenzi womuntu wonke.” Ingqungquthela izogxila ekukhuliseni ezokuvakasha ezweni ngokudidiyela ukukhula kwezomnotho kwazo zonke izifundazwe nomasipala kanye namaqhinga ezentuthuko.

1.3. Inhlangano Yezamapaki Kazwelonke yaseNingizimu Afrika (i-SANParks) izosingatha iNgqungquthela Yotshalomali Lwezokuvakasha ngomhla zi-4 kuMbasa 2017, ezogxila emathubeni amasha otshalomali angama-55. Eminyakeni eyi-15 edlule, i-SANParks isibe nenqubekelaphambili yokukhuphula isibalo sezinsebenziswano Zokubambisana phakathi Kukahulumeni Nomkhakha Ozimele, ezifaka phakathi imiklamo eminingi enhlobonhlobo, kubandakanya izindawo zokulala, izitolo zokudla, imisebenzi yezitolo zezimpahla, isikhumulo sezindiza saseSkukuza kanye Nomzila Wemoto Ehamba Ngozingi yase-Table Mountain.

1.4. UMongameli Jacob Zuma, njengoSihlalo weKomidi Lezinhloko Zemibuso maqondana Nethimba Eliseqophelweni Eliphezulu LeNhlangano Yezizwe (i-UN) Kwezamanzi, uvule ngokusemthethweni iNgqungquthela kanye Nombukiso WeNhlangano Yezizwe Wosuku Lwamanzi Emhlabeni waphinda futhi wethula Noshicilelo lwe-17 loMbiko we-UN Wokuthuthukiswa Kwamanzi Omhlaba, ogxile endimeni esemqoka yokuphathwa kwamanzi asesetshenzisiwe ukuze kuqinisekiswe iminotho enomdlandla, imiphakathi enohlonze futhi ekwaziyo ukubhekana nezimo ezinzima kanye nokugcinwa kwemvelo isesimweni esihle emhlabeni wonke jikelele.

IKhabhinethi iyasamukela isethembiso esenziwe yiThimba Eliseqophelweni Eliphezulu Kwezamanzi sokusebenzisana kakhulu nabo bonke ababambiqhaza ukuqinisekisa ukuthi izinjongo ezihlobene namanzi ze-Ajenda yowezi-2030 nangale kwayo ziyafezekiswa.

IziNjongo Zentuthuko Esimeme zibandakanya injongo yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukufinyelela amanzi aphephile ngonyaka wezi-2030, nokwenza amanzi indaba esemqoka kakhulu empini yokuqedwa kobubha obunamandla. Amanzi kanye nokuthuthwa kwendle kungumongo wentuthuko esimeme, kusemqoka futhi ekuphileni kwabantu kanye nakwezemvelo.

1.5. ISizinda Sikahulumeni Kazwelonke Esifaka Konke esethulwa nguMongameli uZuma ngomhla ziyi-17 kuNdasa 2017 sesiyasebenza manje futhi sesivulelwe ukwenza ibhizinisi kubona bonke abatshalizimali. Sisebenza njengentuba yokungena kanye nesilulu sokukhishwa kwemisebenzi yeminyango exhumene ekuhlinzekeni ngezinsizakalo ezigxilisiwe kanye nezongoti kulabo abafuna ukuqala ibhizinisi noma ukutshala imali eNingizimu Afrika. Zonke lezi zinsizakalo seziyatholakala manje ngaphansi kophahla olulodwa.

1.6. UMongameli Jacob Zuma usenwebe ukufinyeleleka kweKomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene (i-IMC) maqondana Nokufuduka Kwabantu ngokubandakanya bonke oNdunankulu Bezifundazwe kanye neNhlangano Yohulumeni Bezindawo yaseNingizimu Afrika (i-Salga) njengamalungu.

Lokhu kuzoqinisekisa ukugxila okudidiyelwe kuzo zonke izingxenye zokufuduka kwabantu kubandakanya nenqubomgomo yokufuduka kwabantu yaseNingizimu Afrika, izindlela imikhakha enhlobonhlobo engasebenzisana ngazo nohulumeni ukukhuthaza ukufuduka kwabantu okuhlelekile kanye nokuqiniswa kobudlelwano obuhle phakathi kwezakhamizi kanye nabantu bokufika kuleli.

1.7. Njengoba siyiphetha iNyanga Yamalungelo Abantu iKhabhinethi ibonga abantu baseNingizimu Afrika abahlanganyele emigubhweni yezwe ngoSuku Lwamalungelo Abantu, ehloniphe amaqhawe ethu omzabalazo alwela amalungelo amaningi esiwathokozelayo namuhla. Lokhu kubandakanye nokugujwa kweminyaka engama-40 kusukela uBantu Steve Biko ashona.

Ukugujwa kwamaqhawe ethu kazwelonke kuqinisekisa ukuthi intsha yethu kanye nezizukulwane zakusasa bayazi futhi bayaqonda ngegalelo lawo kanye nalokho ayekumele.

1.8. Sizibonele ukukhuphuka okwethusayo kwesibalo sezehlakalo zokucwasana, ezibuyisela emuva konke esesikuzuzile njengezwe elibuswa ngentando yeningi labantu.
Kufanele sizigqaje ngokuthi siphila ezweni eliqhakambisa amalungelo abantu kanye nesithunzi sabo. Lezi zinzuzo zatholakala kanzima. Abantu balahlekelwa yizimpilo zabo. Akumele nakancane sikhohlwe wukuzidela nokuzinikela okwenziwa ukuze kuzuzwe inkululeko yethu kanye nentando yeningi labantu. Kufanele siqhubeke nokwakha iNingizimu Afrika ezoqhakambisa amalungelo abantu bonke, kungakhathaleki ukuthi bakusiphi isigaba sempilo, ubulili noma bahlala kuphi nezwe.

1.9. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bahlanganyele emigubhweni yoSuku Lwenkululeko Lukazwelonke kanye neNyanga Yenkululeko. Inyanga Yenkululeko kanye noSuku Lwenkululeko Lukazwelonke kuwuphawu oluqopha ukufika kwenkululeko kanye nentando yeningi labantu ezweni lakithi, kanye nohambo lwethu sisuka ezweni elalikhungethwe yinzondo kanye nokuhlukana siya emphakathini lapho sakha khona ikusasa elilodwa elifanayo.

Imigubho yeNyanga Yenkululeko ikhuthaza uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe njengenhloso-mbono yethu yesikhathi eside yokusebenza ngokubambisana ukuze kufezekiswe uhlobo lweNingizimu Afrika eshiwo nguMthethosisekelo, noMqulu wethu Wamalungelo kanye noSomqulu Wenkululeko we-1955 oyingqophamlando.

1.10. IKhabhinethi imema bonke abafundi bamabanga aphezulu ukuba babambe iqhaza emncintiswaneni wokubhala izindaba wezikole zamabanga aphezulu ze-SADC wezi-2017, ovuleleke kubona bonke abafundi bezikole zamabanga aphezulu ezisesifundeni se-SADC.

Isihloko Somncintiswano Wokubhala Izindaba Wezikole Zamabanga Aphezulu wezi-2017 sithi "Ukuqinisekisa Amandla Kagesi Asimeme ukuze Kuthuthukiswe Umnotho Wesifunda"
Umnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzosiza abafundi abafisa ukungenela umncintiswano wokubhala izindaba. Izindaba ezintathu eziqokiwe esifundazweni ngasinye zizodluliselwa eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo ngomhla zi-5 kuNhlaba 2017. Izindaba ezintathu ezidle umhlanganiso kuzwelonke zizohanjiswa kuNobhala we-SADC mhla zingama-31 kuNhlaba 2017.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. Amalungu Ezigungu Zeziphathimandla kuzona zontathu izinhlaka zikahulumeni azoxoxisana nabantu baseNingizimu Afrika ezweni lonkana ngeViki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni kusukela mhla ziyi-17 kuya kumhla zingama-23 kuMbasa 2017 ngaphansi kwendikimba ethi “Uma sisonke siqhubekisela iNingizimu Afrika phambili”.

IKhabhinethi igqugquzela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babe yizakhamizi ezikhuthele futhi ezidlala indima yazo ngokufanelekile, futhi baxhumane nabaholi bakahulumeni maqondana nezinhlelo eziqaliswayo ukuze kwenziwe ngcono izimpilo zabantu futhi babenze baphendule ngomsebenzi abawenzela umphakathi. I-GCIS izolawula futhi ihole lolu hlelo, futhi imininingwane yalokhu izotholakala kwiwebhusayithi ku-www.gov.za.

2.2. IKhabhinethi igunyaze ukubuyekezwa konyaka kwesishiyagalolunye koHlelo Lomsebenzi Wenqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP) lowezi-2017/18 kuya kowezi-2019/20 olubhekana nezinselele ezisemqoka zokukhula komnotho kanye nezezimboni kanye nobubha obugxile ohlangeni oluthile, ukungalingani kanye nokusweleka kwemisebenzi.
Lokhu kuyingxenye esemqoka yoHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye lukaMongameli Jacob Zuma futhi kuhanjelaniswa nomqondo wenqubomgomo yoGuquko Lwezomnotho Olunohlonze.

I-IPAP isizuze izimpumelelo ezinkulu kakhulu ezindaweni eziningi ezisemqoka: ukuhlenga amafemu amaningi kanye nemisebenzi, ukweseka imikhakha esemqoka kakhulu ekukhuliseni amathuba eNingizimu Afrika okusungulwa kwezimboni esikhathini eside kanye nokuvula izindawo ezintsha zokukhula komnotho ukuze kwakhelwe phezu kwesimo sethu esihle uma siqhathaniswa namanye amazwe futhi sikwazi futhi nokuncintisana namazwe omhlaba emkhakheni wezezimboni.

Izigqugquzeli ze-IPAP zowe-2017-2020 zibandakanya: isibophezelo esiphindiwe Ekuguqulweni Kwezomnotho Okunohlonze; imizamo eqhubekayo yokuvikela ukukhula komnotho okuhlanganyelwe nokubandakanya umuntu wonke; ukudlondlobaliswa ngokushesha koHlelo Losozimboni Abamnyama, kanye nokugxila okuqine kakhulu nokuqhubekayo maqondana nokuqiniswa kwemisebenzi eqasha abasebenzi abaningi ochungechungeni lokulungiswa kwemikhiqizo nophakelwa kwempahla okuxhuma imikhakha yokuqala futhi eyisisekelo yezomnotho nemikhakha yezemikhiqizo kanye nezinsizakalo ehlanganiswe nomzamo othe xaxa wokuthengiswa kwezimpahla emazweni angaphandle.

2.3. IKhabhinethi yethulelwe umbiko maqondana nemiphumelo Yenhlolovo Kazwelonke yowezi-2014/15 Yokuthuthukiswa Kocwaningo kanye Nomsebenzi Wokulinga (Inhlolovo ye-R&D).

Izindleko Eziphelele zeNingizimu Afrika ze-R&D (i-GERD) zibe ngamarandi angamabhiliyoni angama-29, 345. Lokhu kubonisa ukukhuphuka okuncane ngama-14.4% kusuka kumarandi angamabhiliyoni angama-25, 661 ngowezi-2013/14. Lona sekuwunyaka wesine kulandelelana lapho i-GERD ikhuphuka khona ngemuva kokwehla ngowezi-2009/10 nowezi-2010/11. I-GERD njengephesenti le-GDP, inkomba esemqoka yokuqina kwe-R&D kwezomnotho, ikhuphukele kuma-0, 77% ngowezi-2014/15.

Ukufakwa kotshalomali olwanele nolufanelekile kwi-R&D kuyadingeka ukuze kufezekiswe izinjongo zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

2.4. IKhabhinethi iyaweseka umbiko wokuqala weminyaka emibili maqondana Nesimo Sokuguquka Kwesimo Sezulu Kwezesayensi Nobuchwepheshe eNingizimu Afrika.
Lo mbiko, ozosatshalaliswa ezindaweni eziningi, uhlinzeka ngokuhlola okusemqoka kanye nohlolojikelele oluqhathanisekayo locwaningo lwezesayensi lokuguquka kwesimo sezulu kanye nobuchwepheshe obusha obuhlobene nalokhu. Umbiko wenza izincomo eziyisishiyagalombili ukwenza ngcono isimo sokuguquka kwesimo sezulu kwezesayensi nobuchwepheshe eNingizimu Afrika futhi ubeke izwe njengombambiqhaza ezwenikazi kanye nasemhlabeni jikelele kwezokuguquka kwesimo sezulu kwezesayensi nobuchwepheshe. Lokhu kuzosetshenziswa ukuqinisa amaqhinga okunciphisa umthelela wokuguquka kwesimo sezulu kanye nokuqinisekisa ukuthi ayahambelana.

2.5. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweQhinga Lezobuchwepheshe Bolwazi Lezokuxhumana Lokwesekwa Kwamabhizinisi Amancane, Aphakathi Nendawo kanye Namakhulu (ama-SMME) ukuze kutholwe izimvo zomphakathi. Leli Qhinga lihlose ukusungula imingenelelo yobuqhinga yokudlondlobalisa ukuthuthukiswa kanye nokukhula kwamabhizinisi amancane emkhakheni we-ICT, kanye nokugqugquzela ukukhuphuka emazingeni okuba nentshisekelo kanye nokusetshenziswa kwama-ICT ngumkhakha wamabhizinisi amancane jikelele.

2.6. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweSu Lukazwelonke Lwe-Intanethi ukuze kutholakale izimvo zomphakathi.

I-e-Strategy iveza obala inhloso-mbono yokusungulwa komphakathi wolwazi kanye nomnotho wolwazi obandakanya umuntu wonke ogxile ezidingweni zezakhamizi, abamabhizinisi kanye nomkhakha kahulumeni. Lokhu kuhlinzeka ngenkundla yokuba abantu baseNingizimu Afrika bafake ezobuchwepheshe ezimpilweni zabo ngendlela ezoba nomvuzo omuhle emphakathini wonkana.

Inhloso yalokhu ukusungula umphakathi osekelwe olwazini onakekelayo nogxile kubantu, ukuguqula umphakathi waseNingizimu Afrika kanye nezomnotho ngokusekelwe ekufinyelelekeni kanye nokusetshenziswa kobuchwepheshe bolwazi bokuxhumana besimanjemanje.

2.7. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa Kweqhinga kanye Nomkhombandlela we-e-Government Kazwelonke ukuze kutholakale imibono yomphakathi.

Leli Qhinga liqondisa ukuguqulwa kobuxhakaxhaka bemisebenzi kahulumeni buguqulelwe emphakathini osebenza ngobuxhakaxhaka obubandakanya umuntu wonke, ukuze kuvunyelwe kangcono izakhamizi ukuba zihlomule emathubeni anikezelwa ezobuchwepheshe obusebenza ngobuxhakaxhaka ukwenza ngcono izinga lezimpilo zazo.

Lokhu kuzokuba negalelo maqondana nokufezekiswa kwezinjongo zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe kanjalo nokuba nefuzela ezinhlelweni kanye nezinqubo zikaHulumeni ukuhlinzeka ngezinsizakalo zikaHulumeni ngendlela esebenza ngempumelelo.

2.8. IKhabhinethi igunyaze iQhinga Likazwelonke Lokuphepha Emgwaqeni lowezi-2016-2030. Lokhu kubhekana nezinselelo kanye namagebe ahlonzwe nguMnyango Wezokuthutha maqondana nokuqaliswa ukusebenza kwamaqhinga angaphambilini, kubandakanya neQhinga Likazwelonke Lokuphepha Emgwaqeni lowezi-2006.

Lokhu kunegalelo ekufezekisweni kwenjongo yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe “yonciphisa ukulimala kwabasebenzisi bomgwaqo, izingozi kanye nodlame ngama-50% kusukela emazingeni owezi-2010”. Kuphinde kusabele esidingweni sokusungulwa kwenethiwekhi yengqalasizinda yezomnotho egculisayo, encintisanayo kanye nephendulayo ukuqinisekisa ingqalasizinda yezemigwaqo ephephile nevikelekile.

Izingozi zomgwaqo zinomthelela omubi kakhulu emindenini kanye nasemiphakathini njengoba ziholela ekulahlekeni kwezimpilo zabantu futhi zibeka umthwalo omkhulu emahlombe ohlelo lwezibonelelo zomphakathi kanye nezenhlalakahle.

2.9. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koHlaka Lweqhinga Lomkhakha Wezokuvakasha Likazwelonke ukuze kutholakale imibono yomphakathi. Lolu wuhlaka lokukhulisa nokuthuthukisa ezokuvakasha eNingizimu Afrika.

Iqhinga lihlose ukukhuphula igalelo eliqonde ngqo lezokuvakasha emnothweni lisuka kumarandi angamabhiliyoni ayi-118 kuya kumabhiliyoni angama-302 ngowezi-2026 ngokuhlela ngokubambisana, kanye nokuqaliswa ukusebenza kwemisebenzi eseqhulwini okuvunyelwene ngayo.

Ukuqaliswa ukusebenza kweQhinga Lomkhakha Wezokuvakasha Likazwelonke elikhona njengamanje kube negalelo ekukhuleni okukhulu okwenzekile ngokwemithamo yabavakashi, igalelo eMkhiqizweni Ophelele Wezwe,  ukukhuphuka kakhulu kwesibalo sempahla ethunyelwa emazweni angaphandle uma kuqhathaniswa nempahla engena kuleli kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi. Isigaba esilandelayo sokukhula sigxile ekukhuleni komnotho okubandakanya umuntu wonke kanye nokulethwa koguquko kulo mkhakha.

2.10. IKhabhinethi igunyaze uHlelo Lukazwelonke Lokulwisana (i-NSP) Negciwane Lesandulela-ngculaza (i-HIV), Isifo Sofuba (i-TB) kanye Namagciwane Athelelelana Ngokocansi (ama-STI) lowezi-2017-2022.

Ukusabela kweNingizimu Afrika kwimibhedukazwe yezifo ze-HIV ne-TB kuchaza ukuthi umuntu waseNingizimu Afrika ojwayelekile nje manje usephila cishe iminyaka eyishumi ngaphezulu kunaleyo ebebeyiphila ngowezi-2004. Izinga lokutheleleka nge-HIV lehlile njengoba kwehlile nokushona kwabantu ngenxa ye- TB.

Le NSP yesine ihlose ukukala izimpumelelo ngenkathi yethula amaqhinga amasha okuvimbela ukutheleleka okusha, ukuhlonzwa kwabantu abathelelekile kusenesikhathi kanye nokubelapha ngempumelelo kanye nokubanakekela futhi. Ibalula uhlaka lokusebenza lobuqhinga bokusebenza ngokubambisana kwemikhakha ehlukahlukane ukudlondlobalisa inqubekelaphambili maqondana nokuncishiswa kwezifo kanye nokushona okuhlobene ne-HIV, i-TB nama-STI. Lokhu kuhanjelaniswe noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe oluvumayo ukuthi  i-HIV kanye ne-TB kunomthelela omkhulu ekunciphiseni isivinini sentuthuko kuleli.

2.11. IKhabhinethi ithiwe yethulelwe ulwazi mayelana noMbiko weKomidi loNgqongqoshe maqondana noHlaka Lokusebenza Lwenqubomgomo Yokukhubazeka Kwezemfundo Yangemuva Kokuqeda Isikole kanye Nasohlelweni Lokuqeqesha, owenze izincomo maqondana nokusungulwa koHlaka Lokusebenza Lwenqubomgomo Yokubhekelela Ukukhubazeka.

Lokhu kuqalisa ukusebenza kwezimiso zoMthethosisekelo maqondana nokususwa kwemigoqwana evimbela ukubandakanywa kwabantu ababuthakathaka emphakathini wonkana njengamalungu abamba iqhaza omphakathi.

2.12. IKhabhinethi igunyaze ukuhanjiswa kweSivumelwano Esibuyekeziwe maqondana Nokwamukelwa Kwezifundo, Izitifiketi, Amadiploma, Iziqu Zosomaqhuzu kanye Nezinye Iziqu Zezemfundo Kwezemfundo Ephakeme Emazweni ase-Afrika ePhalamende ukuze zigunyazwe. UNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme Nokuqeqesha uzoqinisekisa insizakusebenza egunyaziwe kanye noPhiko LweNhlangano Yezizwe Olwengamele Ezemfundo, Ezesayensi kanye Nezamasiko (i-UNESCO).

Lesi Sivumelwano Esibuyekeziwe sihlose ukuhlinzeka ngesimo esikahle Emazweni ase-Afrika wonkana esivumela ukwamukelwa kweziqu zemfundo ephakeme ezinjengezitifiketi, amadiploma, iziqu zosomaqhuzu kanye nezinye iziqu zemfundo, ngaleyo ndlela sivumela ukuya nomaphi kwabafundi, izifundiswa kanye nabasebenzi ezwenikazi lonkana.

2.13. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo Kazwelonke Yohlelo Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwamakhono Emisebenzi lweNingizimu Afrika, ukuze kutholakale imibono yomphakathi.

Inqubomgomo ihlinzekela isimo esikahle esivumela ukuhlinzekwa kweZinsizakalo Zokuthuthukiswa Kwamakhono Emisebenzi kusetshenziswa izinqubomgomo, imihlahlandlela, imibandela, izindlela zokwenza, izinhlaka, imisebenzi ehlanganyelwe kanye nokubambisana. Lokhu kuzoqhubekela phambili ekuqinisekiseni ukuthi zonke izakhamizi ezineminyaka ehlukahlukene, ziyakwazi ukufinyelela ulwazi lwamakhono emisebenzi oluseqophelweni eliphezulu kanye nezinsizakalo zokuthuthukiswa kwamakhono emisebenzi impilo yazo yonke, ukuze zikwazi ukuthatha izinqumo ezingcono nezinzulu mayelana nempilo ezizoletha amazinga aphezulu emisebenzi futhi zisize ukukhuphula ukukhula okuqinile komnotho ezweni ziphinde zithuthukise ukubamba kwazo iqhaza ngokugcwele ekuthuthukisweni okuphelele kweNingizimu Afrika.

Lokhu kuhanjelaniswe noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe oluncoma ukukhuthazwa kokukhula komnotho kanye namathuba emisebenzi, ukuqondaniswa kwabasebenzi abangasebenzi nemisebenzi ebafanele, ukukhuphula ukuthuthukiswa kwamakhono kanye nezibalo zabafundi abaneziqu zasenyuvesi.

2.14. IKhabhinethi yethulelwe umbiko maqondana nenqubekelaphambili esiyenziwe Ekubuyekezweni Kohlelo Lwezobulungiswa Nokulwisana Nobugebengu kanye nasekwenziweni isimanjemanje Kohlelo Lwezobulungiswa Nokulwisana Nobugebengu ngokusebenzisa iNqubo Yohlelo Lobulungiswa Oludidiyelwe.

IKhabhinethi igunyaze uhlaka lokusebenza olubanzi lokuthuthukiswa koHlelo Lwezobulungiswa Nokulwisana Nobugebengu Oludidiyelwe oluzobhekana nezinselele kanye nezingqinamba ochungechungeni lobulungiswa nokulwisana nobugebengu lonkana.

Uhlelo Lwezobulungiswa Nokulwisana Nobugebengu Oludidiyelwe lumiselwe ukuqinisa ukusebenzisana kanye nokufakwa kwamanxusa okugcinwa komthetho ukuze kufezekiswe injongo yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe – lokwakha imiphakathi ephephile kanye nokusungula Uhlelo Lwezobulungiswa Nokulwisana Nobugebengu  olulwisana nenkohlakalo. Lokhu kunegalelo Emphumeleni wokuthi Bonke Abantu eNingizimu Afrika Baphephile futhi Bazizwa Bephephile.

2.15. IKhabhinethi igunyaze ukukhishwa koMbhalo Wokuxoxisana ngezinhloso zokuthi kuboniswane nomphakathi okuzoholela ekusungulweni kweQhinga Lokulwisana Nenkohlakalo Likazwelonke “elinendlela yokusebenza ebandakanya uhulumeni wonkana kanye nomphakathi”.

Leli qhinga kuqondwe ngalo ukubhekana nenkohlakala, kuyo yomibili imikhakha kahulumeni kanye nozimele njengoba kuhlonziwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe. Izinyathelo ezithuliwe kuhloswe ngazo ukusungula uhlelo lokulwisana nenkohlakalo olunohlonze olukhuthaza ukusebenzisana kwemikhakha ehlukahlukene emikhakheni yonkana.

2.16. IKhabhinethi igunyaze uMthetho Osadingidwa omusha maqondana Nokufuduka Kwabantu Emazweni Omhlaba. Lolu wuhlaka lokusebenza lwenqubomgomo elizoqondisa ukubuyekezwa okubanzi kwesimiso sokufudukela kwabantu kuleli kanye nezinye izimiso ezihlobene naso.

UMthetho Osadingidwa usekela ilungelo leNingizimu Afrika lokuzimela ukuze inqume ngezimo zokwamukelwa kanye nokuhlaliswa kwabantu bokufika kuleli ngokuhambelana nezimfuno zayo zikazwelonke. Uhlinzeka ngenhloso-mbono enenqubekelaphambili yokuthi iNingizimu Afrika isebenzise ngokugcwele imihlomulo yokufuduka kwabantu okuphethwe kahle emazweni omhlaba ngenkathi ngakolunye uhlangothi inciphisa ubungozi obuhambisana nalokho. Ukufuduka kwabantu emazweni omhlaba kumele kwamukelwe ngezandla ezifudumele futhi kusenjalo kuqashwe ukuzimela kwezwe, ukuthula kanye nokuvikeleka.

2.17. IKhabhinethi uyaweseka uMcimbi Wokunikezwa Kwabantu Bangaphandle Ubuzwe Bakuleli ozobanjwa nguMnyango Wezasekhaya futhi iyakugunyaza ukuthi kube yimpoqo kubantu abanikezwe ubuzwe ngokwemvelo ukuba bahambele lo mcimbi. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuthi izinkantolo zomantshi, phakathi kokunye, zisetshenziselwe ukubamba imicimbi yokunikezwa kwabantu bangaphandle ubuzwe bakuleli.

Lo mcimbi uhlinzeka ngethuba lokufundisa izakhamizi ezintsha ngamalungelo azo kanye nezibopho kanye nokwenza isifungo sokwethembeka phambi kukaNgqongqoshe. Lokhu kuzokuba negalelo obumbanweni lomphakathi ngokugqamisa isidingo sokuba abantu baseNingizimu Afrika bamukele abantu bokufika kuleli asebethole ubuzwe baseNingizimu Afrika.

2.18. IKhabhinethi yethulelwe umbiko maqondana nomsebenzi owenziwe yiThimba likaMongameli Lokwenziwa Komsebenzi Wezimboni Zamaciko elakhiwe ngamaPhini oNgqongqoshe. Ithimba Lokwenziwa Komsebenzi, usihlalo walo okuyiPhini likaNgqongqoshe Ehhovisi likaMongameli, lihlinzeka ngenkundla yobuqhinga yabantu abathatha izinqumo kuhulumeni, ezinhlanganweni zomphakathi kanye nasemkhakheni ozimele ukuba baxoxisane ngomsebenzi ongenziwa ngokuhlanganyela ozosheshisa izinguquko embonini yezamaciko. Izinkinga okubhekwana nazo zibandakanya: ukuqoshwa kwemisebenzi yobuciko ngokungemthetho, ukuvikelwa kwamalungelo abaqambi kanye nokwephulwa komthetho, ukugcizelelwa kwemisebenzi yobuciko evutshelwe kuleli kanye nokudlalwa kwayo emoyeni, izibonelelo zomphakathi kubandakanya nokulinganiswa kwemali engenayo, ukuhlelwa kwemboni ikakhulukazi amaciko, ukuguqulwa komkhakha kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.

Umsebenzi weThimba Lokwenziwa Komsebenzi weseka uMnotho waseMzansi Oyigolide kahulumeni, ogqugquzela ukusungulwa kwemisebenzi, uthuthukisa kokubili ukulingana komphakathi kanye nokukwazi ukuncintisana futhi unxenxela ukutshalwa kwezimali lapha ezweni ngaphakathi emisebenzini engasungula amathuba emisebenzi ephathekayo.

Ngokusebenzisana nezazi zemboni eminyangweni kahulumeni yonkana, iThimba Lokwenziwa Komsebenzi liqalise inqwaba yemingenelelo ukuvula kanye nokusebenzisa ngokwanele imboni yezamaciko ochungechungeni lwezamaciko lonkana eminye yayo ibandakanya ukwethulwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa Kwelungelo Labaqambi kanye noMthethosivivinywa Wokuvikelwa Kwamaciko ePhalamende; ukwandiswa nokwenziwa ngcono kwemikhankaso yokulwisana nokuqoshwa kwemisebenzi yobuciko ngokungemthetho njll.

2.19. IKhabhinethi igunyaze isiphakamiso esibuyekeziwe seNingizimu Afrika Ezingxoxweni Zokuhwebelana Ngezinsizakalo Emazweni Asathuthukayo ase-Afrika eseNingizimu (i-SADC) eziqondene nemikhakha yokwakha kanye neyezokuthutha.

Lokhu kukhuthaza ukukhula komnotho wasekhaya wemikhakha eseqhulwini kubandakanya nokunweba amathuba okufinyelela emakethe kwezinsizakalo zaseNingizimu Afrika ezidayiselwa kwamanye amazwe angaphandle.

Ukuxegiswa kwemibandela yezinsizakalo kuwuphawu lwesinyathelo esisemqoka ekubandakanyweni okunzulu kwe-SADC futhi kunegalelo ekusungulweni kwemakethe yesifunda ezokweseka ukuhlanganiswa kanye nokuthuthukiswa kwezinkampani zesifunda ukuba zikwazi ukuhlinzeka ngezinsizakalo emakethe yesifunda enkulukazi. Lokhu kunegalelo ezinjongweni zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe zokukhuthaza ukubandakanywa komnotho wesifunda kanye nokuthuthukiswa kwezwekazi lase-Afrika.

2.20. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa ePhalamende kwemvume Yesivumelwano saseNairobi Esichitshiyelwe Sokuvikelwa, Ukuphathwa kanye Nokuthuthukiswa Kwendawo Yasemanzini Asolwandle Nasogwini Lolwandle lwaseNdiya Olusentshonalanga.

Lokhu kuhlinzeka ngendlela yokusebenzisana esifundeni, ukudidiyelwa kanye nemisebenzi yokubambisana esifundeni sase-Afrika eseMpumalanga naseNingizimu. Lokhu kuzovumela iZinhlangano Okusetshenziswana nazo ukuba zicije izinsizakusebenza kanye namakhono kubabambiqhaza abahlukahlukene kanye namaqembu anentshisekelo maqondana nokuxazulula izinkinga ezixhumene zendawo esogwini kanye nesemanzini asolwandle kubandakanya nezinkinga ezisemqoka zikazwelonke kanye nezangaphesheya kwemingcele.

Imvume izonqanda ukungcoliswa komoya futhi iqinisekise ukuphathwa kahle kwemvelo yezitshalo nezilwanyana zasogwini nezasolwandle okuyinto enomthelela ekuqinisekiseni ukudla okwanele kuleli, ezempilo kanye namathuba okukhula komnotho.

2.21 IKhabinethi yethulelwe umbiko maqondana nemiphumela yoMhlangano wama-22 Wengqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza (i-COP22) ngaphansi kweSivumelwano Sehlangano Yezizwe maqondana Nokuguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC), noMhlangano we-12 Wengqungquthela Yamazwe Abambe Iqhaza osebenza njengoMhlangano Wamazwe ayingxenye Yesivumelwano sase-Kyoto (i-CMP 12), obubanjwe kusukela mhla ziyisi-7 kuya mhla ziyi-18 kuLwezi 2016, e-Marrakech e-Morocco.

I-Marrakesh COP 22 yaba ngumzuzu osemqoka woguquko osuka eminyakeni eminingi yezingxoxo ezikhiqize iSivumelwano sase-Paris ngenhloso yokuqaliswa kokusebenza kwezinyathelo zokumelana nomthelela wokuguquka kwesimo sezulu kanye nokunciphisa umthelela walokhu. Izinjongo ze-COP 22 zifezekiswe ngobuningi ngokuhambelana negunya laseNingizimu Afrika.

2.22. IKhabhinethi igunyaze igunya lokuxoxisana leNingizimu Afrika ukuba lisebenze njengesisekelo sezingxoxo Engqungqutheleni Yamazwe Abambe Iqhaza (i-COP) Kusivumelwano sase-Basel, saseRotterdam kanye nesaseStockholm, ezobanjwa kusukela mhla zingama-24 kuMbasa kuya mhla zi-5 kuNhlaba 2017 e-Geneva.

Inhloso wukusebenzela ukuphathwa kwamakhemikhali nemfucuza ngendlela ebhekelela imvelo ukuze kuqinisekiswe ukulondolozwa kwempilo yabantu kanye nemvelo.

2.23. IKhabhinethi igunyaze ukuhanjiswa koMbiko Wokuqala Wezwe maqondana Nesivumelwano Samalungelo Ezomnotho, Ezenhlalakahle kanye Nezamasiko eKomidini LeNhlangano Yezizwe Emalungelweni Ezomnotho, Ezenhlalakahle kanye Nezamasiko.

Ukutholwa kwamalungelo enhlalo-mnotho kwenza ingxenye esemqoka yoMthethosisekelo kanye noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe. Selokhu kwangena intando yeningi labantu iNingizimu Afrika isithathe amagxathu abalulekile ekufezekiseni ngendlela enenqubekelaphambili amalungelo enhlalo-mnotho abantu bayo. Eminyakeni eyi-18 edlule sakhe izikhungo zentando yeningi labantu, saguqula imisebenzi kahulumeni, sanweba izinsizakalo eziyisisekelo, saletha uzinzo emnothweni futhi sathatha indawo yethu ngokusemthethweni emndenini wezizwe. Yize kunalezi zimpumelelo, ububha, ukungalingani kanye nokuswelakala kwemisebenzi kusalokhu kuyizingqinamba zethu ezisemqoka.

3. IMithethosivivinywa

3.1. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Wohlelo Lwemihlomulo Yezingozi Zomgwaqo, wezi-2017. UMthethosivivinywa uhlinzekela uhlelo lwezibonelelo zomphakathi oluqondiswe ezisulwini zezingozi zomgwaqo ngokwenza umhlinzeko omusha wohlelo lomhlomulo wezingozi zezimoto olubizwa ngokuthi uHlelo Lomhlomulo Wezingozi Zomgwaqo, oluthatha indawo yeSikhwama Sezingozi Zomgwaqo.

3.2. IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kweNqubo Yokupheliswa koMthethosivivinywa we-Overvaal Resorts Limited, wezi-2017 ukuze kutholakale imibono yomphakathi. Lokhu kuphelisa uMthetho we-Overvaal Resorts Limited 123 we-1997, oyisimiso sokusungulwa kwe-Aventura. Lokhu kuphothula ukuthengiswa/ukukhishwa kwe-Aventura ezandleni zikahulumeni.

IKhabhinethi yathatha isinqumo mhla zingama-22 kuNcwaba 2001 sokuthengisa izikhungo zokungcebeleka zase-Aventura ngengoba zithathwa njengempahla kaHulumeni engewona umongo.

3.3. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kwesiChibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuvikela, wezi-2017 ePhalamende. UMthethosivivinywa uhambelanisa uMthetho Wezokuvikela, wezi-2002 (uMthetho onguNombolo 42 wezi-2002) kanye nezimfuno zamanje zezinhlangano zoMnyango ezizothuthukisa ukusebenza ngendlela egculisayo koMnyango Wezokuvikela. Izichibiyelo ziphathelene nokuqhutshwa komsebenzi ngaphakathi emnyangweni futhi zisebenza ngaphakathi eMnyangweni Wezokuvikela.

3.4. IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Womkhakha Womsebenzi Wezomthetho, wezi-2017 ePhalamende.

UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Womkhakha Womsebenzi Wezomthetho, wezi-2014 (uMthetho 28 wezi-2014) ukuze kubhekanwe nezinkinga ezikhona eziphathelene nokuqhutshwa komsebenzi zohlobo olungenayo ingxabano nokuphikisana.

UMthethosivivinywa uhlose ukulawula uklanywa nokubekwa kwamandla okwengamela eMikhandlu Yezifundazwe, ukuhlinzekela ukuthi ngabasebenzi bemisebenzi yezomthetho kuphela abangenza imisebenzi ethile noma bahlinzeke ngezinsizakalo ezithile, ukulawula ngokuthe xaxa imisebenzi yamabhange mayelana nama-akhawunti ezimali ezigcinelwe imisebenzi ethile egameni labatshalizimali (trust accounts), ukulawula ubude besikhathi seNkundla Kazwelonke maqondana Nomkhakha Wobungoti Bezomthetho kanye nokuhlinzekela usuku lokuhlakazwa kwezinhlangano zezomthetho.

4. Izindaba Ezisematheni

4.1. Uhulumeni usamukele isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo maqondana nokukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni. Ikomidi elinoNgqongqoshe abahlukahlukene (i-IMC) maqondana neZibonelelo Zikahulumeni Zonkana, usihlalo walo okunguMongameli Jacob Zuma kade lisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi uHulumeni uyaqhubeka nokukhokha izibonelelomali zikahulumeni ezingaphezu kwezigidi eziyi-17 kubahlomuli abafanelekile kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2017.

Abahlomuli abathola izibonelelomali zikahulumeni ezitolo kanye nasemabhange bazokhokhelwa mhla lu-1 kuMbasa 2017 ngenkathi labo abasebenzisa izikhungo zokuhola zakwa-SASSA bezokhokhelwa kusukela mhla zi-3 kuMbasa 2017. Abahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni kufanele baqaphele izinsuku zabo zomholo ngokwehlukana kwazo, ezivela eziliphini abazithola ngosuku lwabo lomholo olwedlule, ngoNdasa 2017. Inombolo yamahhala yesikhungo sezingcingo sakwa-SASSA, ethi: 0800 60 10 11 izobe ivuliwe ukusiza abahlomuli ngayo yonke imibuzo abanayo. Amalungiselelo asenziwe ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lwe-SOCPEN luyatholakala ukuze luphenye futhi luqinisekise isimo sezicelo zezibonelelomali zikahulumeni.

Uhlelo lukahulumeni lwezibonelelo zomphakathi lusalokhu luyinqaba yokuphephela yezigidi zabantu baseNingizimu Afrika. Lungumongo wohlelo lukahulumeni lokunciphisa ububha, futhi selusizile ukubuyisa isithunzi sabantu bakithi. Thina singuHulumeni onakekelayo oqhubekayo nokulwela ukwenza ngcono izimo zokuphila zabantu baseNingizimu Afrika abahlwempu, abantekenteke kanye nababencishwe amathuba.

4.2. IKhabhinethi iyaqinisekisa ukuthi amalungelo kanye nokuphepha kwabo bonke abantu besifazane emiphakathini yethu kufanele kuvikelwe. Izigameko zakamuva zokuhlukunyezwa ngokocansi kwabantu besifazane, ikakhulukazi behlukunyezwa ngabashayeli bamatekisi zibangela ukukhathazeka okukhulu.

IKhabhinethi iyabancoma abantu besifazane abanesibindi asebephumele obala ukuzobika lezi zigameko futhi iyanxusa emiphakathini ukuba isize kubanjwe laba babhebhezeli bodlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane.

4.3. IKhabhinethi iyazigcizelela izibopho ezenziwe nguMongameli Jacob Zuma ngenkathi ethula inkulumo yakhe eMcimbini Wokuklonyeliswa Kothisha Abavelele we-17: ukuthi bazothathelwa izinyathelo othisha abaqhubekayo nokushaya abafundi ezikoleni, lokhu akukho emthethweni futhi bazothathelwa izinyathelo othisha abaphula umthetho futhi bajivaze isithunzi kanye nokuphepha kwezingane. Inkinga yokukhulelwa kwamatshitshi kanye nobugebengu kwezinye izikole, obunjengodlame lwemigulukudu, izidakamizwa, utshwala kanye nobuqhwaga nakho kubekwe eqhulwini.

4.4. IKhabhinethi ikuphawule ngokukhathazeka okukhulu ukukhuphuka kwezehlakalo zodlame lwamatekisi kwezinye izingxenye zezwe. Bonke ababambiqhaza embonini yamatekisi bayanxuswa ukuba baxoxisane futhi bafune izisombululo ezinkingeni eziyimbangela yalokhu ukuze kungakhahlamezi abagibeli abathembele ezimotweni zabo. IKhabhinethi inxusa umkhakha wezokuthutha kanye namanxusa okugcinwa komthetho ukuba basebenzisane ukubhekana nokuqubuka kodlame lwamatekisi.

4.5. IKhabhinethi ikhathazeke kakhulu mayelana nokugqekezwa kwamahhovisieNhloko Yamajaji nalapho kwantshontshwa khona amakhompuyutha ambalwa. Izenzo ezinjengalezi zobugebengu yizenzo ezilwisana ngqo nentando yeningi labantu esekelwe phezu komthethosisekelo futhi azinayo indawo emphakathini wethu.

Iqoqo Lezobulungiswa Lokulwisana Nobugebengu kanye Nokuvikeleka, eliholwa nguMongameli Jacob Zuma ligcizelele ukuzinikela kwalo ekulweni nobugebengu futhi linxusa imiphakathi ukuba ibike izenzo ezisolisayo kwiziphathimandla ezifanelekile.

4.6. IKhabhinethi iyalwamukela uphenyo lweKhomishana Yezokuncintisana maqondana nezinsolo zokungaziphathi kahle emkhakheni okhiqiza imifino nezithelo futhi ilinde isiphetho sayo esisheshayo. Ukuziphatha ngendlela engancintisani kuhlukumeza imizi eminingi entekenteke yaleli lizwe futhi kubukela phansi umzamo wethu kazwelonke wokukhuphula ukubamba iqhaza kwabalimi abamnyama abasafufusayo kule makethe.

Siwushayela ihlombe umsebenzi weKhomishana ekuvikeleni kanye nasekulondolozeni amalungelo abathengi, kanye nemiphakathi yethu.  

4.7. Umnyango Wezolimo, Ezamahlathi kanye Nezezinhlanzi usucele iziphathimandla zase-Brazil ukuba zihlinzeke ngolwazi olusemthethweni kanye nohlu lwamabhizinisi ahlonziwe odabeni oluphathelene nenyama engaphephile ethunyelwe emazweni ahlukahlukene, okungenzeka kubandakanye neNingizimu Afrika.

Iziphathimandla zase-Brazil sezilulekiwe ukuba zimise konke ukukhishwa kwenyama iyiswe kwamanye amazwe isuka kulawo mabhizinisi kuze kube lolu daba luyaxazululwa ngendlela egculisa uPhiko Lwezezilwane lwaseNingizimu Afrika.

4.8. UMongameli Jacob Zuma umemezele uMngcwabo Osemthethweni Okhethekile Wesiboshwa Secala Lokugumbuqela Umbuso Elaliqulwa eRivonia kanye nengqalabutho yomzabalazo wenkululeko yeNingizimu Afrika ekhululekile nebuswa ngentando yeningi labantu, uMnu Ahmed “Kathy” Kathrada.

IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli uZuma ekuthumeleni amazwi enduduzo kumlingani wakhe, owayenguNgqongqoshe waphambilini Wezamabhizinisi Kahulumeni uNksz Barbara Hogan, umndeni wakwa-Kathrada kanye nekhaya lakhe lezepolitiki, i-African National Congress, nokuyilona uMalume u-Kathy alisebenzele ngokuzikhandla impilo yakhe yonke yobudala.

Inkonzo yesikhumbuzo esemthethweni izohlelwa kanti imininingwane izomenyezelwa maduze nje.

4.9. IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bomsunguli weqembu le-Bloemfontein Celtic uDkt Petrus Rantlai Molemela. Ukhondolo lwegalelo lakhe elikhulukazi futhi elihlonishwa kakhulu ekuphathweni kwebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika lube nesandla kwezemidlalo kanye nasekuthuthukisweni komphakathi.

4.10. IKhabhinethi idlulise amazwi ayo enduduzo emndenini kanye nabathandiweyo bomlingisi osemkantshubovu kanye nomdlali wamafilimu uMnu Joe “Sdumo” Mafela obedume kakhulu ngelika ‘Sdumo’. Uzokhunjulwa ngegalelo lakhe elikhulu emkhakheni wethu wezamasiko.

5. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.
5.1. IBhodi Lesikhungo Sokuqanjwa Nokusungulwa Kobuchwepheshe Obusha:
a) Mnu Edward Christian Kieswetter (uSihlalo);
b) Dkt Steven Lennon;
c) Nksz Joy Sebenzile Matsebula;
d) Mnu Thabiso Ramasike;
e) Nksz Fuzlin Levy-Hassen;
f) Nksz Patience Lethabo Mlengana;
g) Mnu Mzwandile Madikizela;
h) Dkt Jan van de Loosdrecht;
i) Dkt Judy Coates; kanye no
j) Slz Roy Marcus.

5.2. IBhodi Labaqondisi lakwa-Postbank:
a) Nksz Boitumelo Mothelesi;
b) Mnu Edward Netshivhulana;
c) Nksz Leonora Noluphumzo Noxaka;
d) Mnu Ashley Cavel Seymour; kanye no
e) Mnu Mark Barnes.

5.3. Ukuqokwa kabusha kukaNksz Nomsa Motshegare njengeSikhulu Esiyinhloko Somlawuli Wezikweletu Kazwelonke.

5.4. Nksz Zodwa Ntuli oqokwe njengoKhomishana weKhomishana Yokusimamiswa Okubanzi Komnotho Wabantu Abamnyama.

5.5. Inkantolo Yemibango Yezinkampani:
a) Adv Mohammed Alli Chicktay (uSihlalo);
b) Nksz Bongekile Zulu;
c) Nksz Ishara Kamini Bodasing;
d) Mnu Lindelani Daniel Sikhitha;
e) Solwazi Petrus Albertus Delport (uqokwe kabusha);
f) Mnu Maake Francis Kganyago (uqokwe kabusha);
g) Mnu Khashane Manamela (uqokwe kabusha);
h) Nksz Lucia Glass (uqokwe kabusha);
i) Nksz Khatija Tootla (uqokwe kabusha); kanye no
j) Nksz Matshego Jacqueline Ramagaga.

5.6. IBhodi leKhomishana Yelotho Kazwelonke:
a) Solwazi Ntshengedzeni Alfred Nevhutanda;
b) Adv William Elias Huma;
c) Nksz Doris Dondur;
d) Mnu Muthuhadini Alfred Madzivhandila;
e) Mnu Yaswant Narotham Gordhan; kanye no
f) Nksz Zandile Nkonyane (omele i-dti)

5.7. Isikhungo Esabela Izinhlangano Zesisa seBhodi leKhomishana Yelotho Kazwelonke:
a) Nksz Ndileka Eumera Portia Loyilane;
b) Nksz Iveda V Kayser Smith;
c) Nksz Chickey Silvy Mofet-Mubu; kanye no
d) Mnu Jeffrey Du Preez.

5.8. Mnu Jeremiah Lengoasa oqokwe njengeSikhulu Esiyinhloko Sophiko Lwezesimo Sezulu lwaseNingizimu.

Imibuzo:
Donald Liphoko
Imininingwane yokuxhumana: 082 901 0766

Share this page

Similar categories to explore