Faka isicelo sokusungula isithangami sasemsebenzini

Isithangami sasemsebenzini ngamakomidi abasebenzi akhethwe ngabasebenzi endaweni yokusebenza. Lamakomidi ahlangana nabaqashi njalo ngezikhathi ezithile axoxe nabo ngezindaba eziphathelene nomsebenzi.

Lezi zithangami azithathi indawo yezingxoxo eziba khona phakathi komqashi nabasebenzi ezimayelana nezimo zokusebenza, kodwa zidingida izindaba ezifaneleka ukuxazululwa ngokuxoxisana. Lezi zihlanganisa izindaba ezingathinti amaholo, njengokuhlelwa kabusha komkhiqizo nokwethulwa kwezobuchwepheshe ezintsha.

Izithangami zasemsebenzini zisungulelwa:

  • ukuthuthukisa izinto ezizosiza bonke abasebenzi emsebenzini, hhayi kuphela amalungu ezinyunyana
  • ukwenza ngcono ukusebenza ngempumelelo
  • ukuxoxa nabasebenzi ngezindaba ezithile
  • ukubandakanya abasebenzi lapho kwenziwa izinqumo ngokuhlanganyela ezindabeni ezithile.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nokusungula isithangami sasemsebenzini noma thintana ne-CCMA.

 

Share this page