I-Central Application Service (CAS)

I-Central Application Service (CAS) inikeza ulwazi nokweseka abafundi abangakayitholi indawo yokufunda ezikhungweni zemfundo nokuqeqeshwa emva kokuqeda isikole, kanye nalabo ababheka amathuba atholakalayo uma uqeda isikole.

Ngonyaka wezifundo wezi-2026 nangale kwawo, i-Central Applications Clearing House (CACH) imisiwe kwangena i-Central Application Service endaweni yayo.  

I-CAS iyinsizakalo edidiyelwe ethuthukisa ukuvela kwamathuba kulo lonke uhlelo lweMfundo Nokuqeqeshwa Emva Kwesikole, okuhlanganisa amanyuvesi, amakolishi kanye namathuba ahlukile. Iphinde yeseke ekuthatheni izinqumo eziphusile futhi isize abafundi ukuba bagweme izikhungo ezingekho emthethweni. 

UMnyango Wemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa usalokhu uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi akekho umuntu omusha oshiywa engenalo ulwazi, ukuboniswa indlela noma ukwesekwa lapho bebheka amathuba emva kokuqeda isikole. 

Abafundi bayakhuthazwa ukuba baxhumane ne-Central Application Service ngokuxoxa ngo-WhatsApp enombolweni ethi 081 308 4196.

Share this page