Ukufaka isicelo se-ETQA ukuba ubhaliswe ngokusemthethweni njengesikhungo sezemfundo nokuqeqesha

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

 

 

 

Izincazelo

Imithetho elawula i-Education, Training and Development Quality Assurance (ETDQAs) ngaphansi kwe iziphathi mandla zemiphumela zase ningizimu Afrika (SAQA) idinga ukuba lowo ofuna ukuba nesikhungo semfundo nokuqeqesha afake isicelo sokubhaliswa ngokusemthethweni. Ukuze ubhaliswe ngokusemthethweni, izikhungo zemfundo nokuqeqesha kufanele zibhaliswe ngaphansi kwemigomo elawula lolohlobo lwesikhungo.

Umthetho maqondana ne-Mfundo ephakeme kanye nkoqhubela phambili ngezifundo udinga ukuba zonke izikhungo zemfundo nokuqeqesha neziqeqesha abafundi ngokugcwele, zibhaliswe ngaphansi komnyango wezemfundo.

Isikhungo sezemfundo nokuqeqesha kufanele sikhiphe amazinga ehlukene emiphumela nemikhakha etholakalangaphansi kwezifundo ezifundisayo esiyinikezele ngabaphathe i-Education and Training Quality Assurance (ETQA) yomkhakha wemfundo nokuqeqeshwa (SETA) noma i-Professional Body.

Izidingo zokubhaliswa ngokusemthethweni:

  • Izidingo zokubhaliswa ngokusemthethweni zitholakala emqulwini obizwa nge Criteria and Guidelines for Providers netholaka kwi-website yeSAQA.
  • Izinhlelo nezivivinyo ezizokwethulwa isikhungo, imfundo kanye noqeqesho sizogcina ngesiqiniseko esibhalisiwe ngaphansi Komqolo wemiphumela wezwe (NQF). 
  • Uhlelo lwezifundo (uludwetshiwe, okuqukethwe yiloluhlelo kanye nezinsiza kufundisa) kusondelene nemazinga/ noma miphumela. 
  • Kunabasebenzi abawufundele umsebenzi wabo (abafundisayo kanye nabahloli ababhaliswe ngokusemthethweni). 
  • Abafundi bayakwazi ukufinyelela kwizinsiza kufundisa ezisezingeni. 
  • Izinhlelo zokuvivinya kanye nendlela ezenziwa ngayo ukuhlola amazinga okufunda, azenzeleli, zisemthethweni futhi zethembekile kanti zenzelwe ukuphucula izindlela zokufunda.

    Izinyathelo okumele zilandelwe

    • Thumela incwadi yesifiso sakho sokuba ubhaliswe ngokusemthethweni emnyangweni ofaneleyo we-ETQA.
    • Ngenisa ifomu echaza ngezinga lomsebenzi wakho kanye nesicelo sakho kwi-ETQA.
    • Uma isicelo sakho sokubhaliswa ngokusemthethweni singemukelwangwa kanti ucabanga ukuthi asiphathwanga ngendlela efanele, unelungelo lokudlulisela udaba lwakho phambili.
    • Uhla lwe zindlela zokuxhumana kwi- ETQAs kanye nemininingwane ngakho itholakala kwi-website yeSAQA.

      Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

      Lokhu kungathatha cishe izinyanga eziyisithupha.

      Izindleko

      Kanti lokhu kwenziwa mahala.

      Amafomu okumele agcwaliswe

      Amafomu okufaka izicelo kanye nemininingwane eqondene nezikhungo zezemfundo nokuqeqesha angatholakala emnyangweni ofanele kwi-ETQA.

      Indawo nendlela yokuxhumana

       

      National office
      Tel 012 431 5070
      Helpdesk 0860 111 673
      Fax 012 431 5147
      E-mail verifications@saqa.co.za
      City/town Pretoria
      Province Gauteng
      Physical address South African Qualifications Authority, Quality Assurance and Development, Hatfield Forum West, 1067 Arcardia Street, Hatfield, Pretoria
      Postal address Postnet Suite 248, Private Bag X06, Waterkloof, 0145
      Website https://www.saqa.org.za/

       

      Share this page