Faka isicelo sokwamukelwa njengeNhlangano ezuzisa umphakathi (i-PBO)

Uma ufuna inkampani yakho yamukelwe njengeNhlangano Ezuzisa Umphakathi (PBO) kumele ufake isicelo eHhovisi lakwa-SARS.

Ukuze inhlangano ifaneleke ukuvunywa njenge-PBO kumele kube ukuthi yamiswa noma yasungulwa eNingizimu Afrika njenge:

  • nkampani engenzi nzuzo enencwadi yokusungulwa kwenkampani eyi-memorandum of incorporation
  • thrasti enencwadi yokusungulwa kwenkampani eyi-trust deed
  • nhlangano yabantu enencwadi yokusungulwa kwenkampani okungumthethosisekelo.

Le nhlangano ngeke ikhokhe intela uma ivunyiwe eHhovisi lakwa-SARS futhi ihambisana nezimfuneko ezibekwe eMthethweni Wentela.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nezinhlangano ezizuzisa umphakathi  noma uthintane nabakwa-SARS kule nombolo: 012 483 1700 noma thumela i-imeyili ku: teu@sars.gov.za.

 

SARS Contact Centre 0800 00 7277

Share this page