Okubhalisa indawo yokuhlala izingane















Ukubhalisa inhlangano engenzi nzuzo 


Maqondana nokubhalisa inhlangano engenzi nzuzo


Uma inhlangano yakho ingesiyo eyokwenza inzuzo kanti futhi ayisiyo ingxenye kahulumeni, ungafaka isicelo sokuyibhalisa. Ungaletha isicelo sentlangano engenzi nzuzo  (NPO), ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezenhlalakahle yomphakathi esifundazweni okuso.


Bhalisa inhlangano yakho ukuze ikholakale emehlweni walabo abangafisa ukuyixhasa ngezimali.

I-NPO ihlanganisa isikhwama, izinkampani noma iqhhaza labafakiwe emphakathini.


Ukubhalisa iNPO yakho kunomvuzo ngoba isitifiketi sayo si:


  • qinisekisa ukukholeka namathuba ukuthola uxhaso.

  • Kuvumela inhlangano yakho ukuba ikwazi ukuvula ibhange

  • isiza inhlangano yakho ukuthola izibonelelo kwezentela.


Ukubhalisa, kufanele ubengomunye wabalandelayo:


  • Inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni (NGO)

  • Inhlanagano esungulwe emphakathi (CBO)

  • Inhlangano esungulwe ngezakwalizwi (FBO)


[Phezulu]


Okufanele ukwenze


  • Gcwalisa i- fomu yesicelo se NPO uyihambise ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezenhlalakahle yomphakathi esifundazweni.

  • Letha ifomu yesicelo sokubhalisa i NPO yakho kanye namakhophi amabili aqukethe konke ngokusungulwa kwenhlangano.

    • Isikhwama – ubunini besikhwama kanye nencwadi yokugunyaza yenkantolo.

    • Section 21 – isitifiketi sokufakwa kwayo kanye nakho konke okushicilelwe ngalokhu.

    • Ukuhlanganyela ngokuzinikela – umthethosisekelo

  • Amaphepha ngokusungulwa kwe NPO kufanele abe nesibonelelo somthetho sigaba (Section 12 (A-O) olawula izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, ACT,1997. Uma ungakwazi ukuhambisana nalokhu, isicelo sakho siyochithwa.

  • Uma ke ungeneliseki ngokuchithwa kwesicelo sakho noma ukucinywa kwesitifiketi senhlangano yakho, ungadlulisela ukunganeliseki kwakho kwihlu lwabaxazululi.

  • Uma ke sesibhalisiwe, inhlangano yakho kulindeleke ukuba ilethe umbiko wonyaka wezimali esikhathini esiyizinyanga eziyisishiyagalolunye ngemuva kokuphela konyaka zimali wayo.

  • Ungafaka isicelo sakho ehovisi eliseduze nawe lomnyango wezokuthuthukiswa komphakathi noma ngeposi:


The Directorate

Non-profit organisations

Department of Social Development

Private Bag X901

Pretoria

0001


uma usihambise nqgo:


Department of Social Development

134 Pretorius Street

HSRC Building

Pretoria


Qaphela:


  • Kuyicala ukuba inhlangano isebenze njengebhaliswe nje NPO kodwa ibe ingabhalisiwe.

  • Iminyango ehlukene kahulumeni inesibonelelo sezimali ngokuhlukana kwezidingo.


[Phezulu]


Isikhathi esinqunyiwe


  • Kungathatha cishe izinyanga ezimbili ikuphothula wonke umsebenzi wokubhalisa.

  • Uma isicelo sakho sifika, umnyango uyokuthumelela incwadi eshoyo, bese, ke uthola isitifuketi uma isicelo sakho siphemelela ngakho konke okudingekile nge - Nonprofit Organisations Act, 1997.


[Phezulu]


Kubiza malini


Kumahala


[Phezulu]


Amafomu okumele agcwaliswe


(Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.)


Isicelo sokubhalisa intlangano engenzi nzuzo


[Phezulu]


 

Share this page