Isicelo sokubuyiselwa imali yelayisense

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngokufaka isicelo sokubuyiselwa izimali zelayisense

Uma imoto yakho intshontshiwe, isuliwe noma kuthiwe ayisalungele ukusebenza unomphelo, ungafaka isicelo sokubuyiselwa imali yelayisense yemoto yakho.

Isicelo sakho sokubuyiselwa imali kufanele senziwe esikhathini esingeqi izinyanga ezintathu emva kosuku lwesaziso sokwesulwa kwemoto yakho ku-MEC wesifundazwe lapho okwakubhaliswe khona imoto yakho. Imali obuyiselwa yona izobalwa kokukodwa kokuyishumi nambili kwezimali zelayisense yemoto ekhokhwe maqondana nemoto yakho njalo ngenyanga ilayisense yemoto yakho isesemthethweni.

Emva kokuba isicelo sakho sesitholakele, u-MEC oqondene nalokhu kungenzeka akubuyisele kodwa imali engaphansi kwe-R100.00 angeke ibuyiswe.

Okufanele ukwenze

  1. Yana esiphathinimandla esirejistayo esifundazweni lapho owarejista khona imoto yakho ne imibhalo elandelayo:
    • incwadi yakho kamazisi
    • i-afidavithi eqinisekisa ukuthi imoto beyebiwe, ayiskulungele  unomphelo ukusetsheziswa noma inesitifiketii.
  2. Gcwalisa Ifomu Lesicelo Sokubuyiselwa Izimali Zelayisense - RLF.

Isikhathi esinqunyiwe

Isicelo sisetshenzwa ngalo lelo langa, kodwa imali ibuyiselwa emva kwezinsuku ezimbalwa ngenxa yezinhlelo zangaphakathi zokugcinwa kwamabhuku.

Kubiza malini

Lo msebenzi umahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Isicelo Sokubuyiselwa Izimali Zelayisense (Application for refund of licence fees (RLF) )

Imininingwane itholakala emkhandlwini naku-enatis website.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact the relevant municipality

Share this page