Noma yimuphi umuntu
osebenzisa le-website (umsebenzisi) kumele alandele nokuvuma
ukulandela imibandela nezimo zokusebenzisa njengoba kubekwe kule
nothisi yomthetho Uma umsebenzisi engafisi ukuphoqelelwa yile
mibandela nezimo umsebenzisi akumela angene kwi-website, akhombise
izinto ezikuyo, asebenzise, noma akhiphe izinto kuyo kanye/noma
ukwenza ikhophi noma ukusabalalisa okuqukethwe kule
website.
1. Indlela yokusebenzisa kanye nelungelo lobunikazi
(copyright)
1.1 Abasebenzisi bangabuka, benze amakhophi, bakhiphele
(download) kumakhompyutha abo, baprinte, basabalalise (distribute)
okuqukethwe kule website, noma ingxenye yayo ukusebenzisa ulwazi
noma ukuchaza lapho abakuthole khona (reference) kuphela, kanti
futhi lokhu bangakusebenziseli inzuzo ngezemali.
1.2 Abasebenzisi abafisa ukusebenzisa okuqukethwe kule website
ngenhloso yezokuzuza imali, ngeke bakwenza lokho ngaphandle kokuthi
baqale bathole imvume ebhaliwe, etholakala kuWeb Manager
(uMininjela we-Web) kule nombolo yocingo ethi: +27 12 314 2140 noma
ngokuthumela i-email ekhelini elithi
electronic@gcis.gov.za.
Ukukhiqiza futhi (reproduction) kanye/noma ukwenza amakhophi
okuqukethwe kuyo noma ingxenye yayo, ngenhloso yezezimali kumele
kuhambisana nale nothisi yelungelo lobunikazi ngokuphelele. ©
GCIS2004: ONKE AMALUNGELO AGODLIWE (ALL RIGHTS RESERVED)
1.3 Onke amalungelo obuqotho nokulunga (moral rights) kanye noma
yimaphi amanye amalungelo ezokuXhumana koMbuso (Government
Communications and Information System - GCIS) noma ezinye
izinhlangano zomthetho maqondana nengqikithi emaqondana nakho kule
website angabekwanga obala, kusho ukuthi agodliwe.
2. Amalungelo olwazi lwangokomqondo (Intellectual Property
Rights)
Konke okuqukethwe lapha, i-data, ama-trademarks (uphawu
olubhaliswe emthethweni lwenhlangano noma
inkampani)
3. Ukuzikhipha ecaleni (Disclaimer)
3.1 Lolu lwazi kule website lunenhloso yokunikeza ngolwazi
olunabile maqondana nesihloko esithile noma izihloko, kanti futhi
alunikeze yonke injula ngalesi sihloko (ngalezi zihloko).
3.2 Kungumsebenzi osemahlombe omsebenzisi ukuzenelisa yena
ngaphambi kokuba angene kule website, ngokuthi le website
izohlangabezana nezidingo zakhe siqu umsebenzisi, kanye
nokuhambisana ne-hardware (imishini yakhe) kanye/noma i-software
yakhe. Ulwazi, imibono (ideas) kanye nemiqondo (opinions) kule
website, akumele kuthathwe ngokuthi yiseluleko esiprofeshinali,
noma umqondo osemthethweni (official opinion) we-GCIS, noma enye
inhlangano ebhaliswe emthethweni (legal entity) maqondana nolwazi,
imibono noma imiqondo evezwa kule website. Abasebenzizi bakhuthazwa
ukubonisana nabolwazi lweprofeshini ngaphambi kokuba bathathe noma
yiliphi inyathelo maqondana nolwazi, imibono, noma imiqondo evezwe
kule website.
3.3 Abe-GCIS abenikezi kumela noma amawaranti, abekwe ngendlela
engaqondile ngqo (implied) noma ngenye indlela (otherwise), ukuthi
kuyothi phakathi kokunye, ingqikithi equkethwe lapha kanye
netheknoloji etholakala kule website akunawo amaphutha, okweqiwe
ngephutha (omissions), noma ukuthi inkonzo (isevisi) izoba
ngengaphazamiseki ukufinyelela ku-100%, nokuthi ayinawo amaphutha,
noma izohlangabezana nombandela wesici esithize (criteria)
ngokwenziwa komsebenzi noma iqophelo. Le site inikezwa njengoba
injalo ("as is") Abe-GCIS bazikhipha kowo wonke amacala
abekwe ngendlela engaqondile ngqo (implied), amawaranti,
okubandakanya kodwa hhayi khona kuphela, amawaranti ezendayizo
(merchantability), itayitele, ukuqina nokulungela inhloso ethile,
ukungaphazamisi amalungelo, ukuhambelana ukuvikeleka, ukuqondana
ngqo, kanti futhi ayimeli ngokuqonde ngqo noma ngkungaqondile ngqo
noma ukunikeza amawaranti ngengqikithi yokuqukethwe kwi-website,
kanye nokuthi i-website kanye nokuthi i-website iqokelelwe
ngendlela ezohlangabezana nezidingo eziqondene nomuntu nomuntu
siqu. Abasebenzisi bakhuthazwa ukuthi babike noma yiwaphi
amaphutha, ukungasebenzi kahle, noma imetheriyali ecasulayo
(offensive material), ngokusebenzisa inqubo yokuveza imibono
(feedback) link
3.4 Umsebenzisi we-website wenza lokhu ngokuzibeka yena engozini
njengomsebenzisi (at the user's own risk) Umsebenzisi kumele
athwale konke emahlombe akhe okumaqondana nobungozi noma
ukulahlekelwa okungaba wumphumela wokusebenzisa ingqikethi
equkethwe kule website. Abe-GCIS noma enye inhlangano ebhaliswe
emthethweni (legal entities) maqondana nolwazi oluqukethwe lapha
kule website, noma abasebenzi be-GCIS noma enye inhlangano enjalo,
ngeke bafakwa ecaleni ngenxa yomphumela oyisipesheli, ongaqondile
ngqo, ohambisana nalokho, noma ukulinyalelwa okubi noma yikuphi
okunye ukulinyalelwa noma kwisimo sekontraki, umthetho , isenzo
esingeyiso ngokomthetho noma ukuphazamisa ilungelo (tort),
(okubandakanya, kodwa okungapheleli lapho kuphela, ubudedengu);
noma okunye okuqondene nokusebenzisa le dokhumende noma ulwazi. Uma
okunye okukhona kungasebenziseki ngenxa yanoma yisiphi isizathu,
okulandelayo kuyoqhubeka nokusebenza. Ngokulandela izigaba 43(5)
no-43(6) zomthetho we-Electronic Communciations and Transactions
Act 25 of 2002 (umthetho wezokuxhumana nokusebenzisa inqubo
ye-elektroniki), abe-GCIS ngeke bafakwa ecaleni ngokulinyalelwa,
ukulahlekelwa noma icala kwanoma yiyiphi inhlobo okwenzeka ngenxa
yokusebenzisa noma ukungakwazi ukusebenzisa le website, noma
izinkonzo (amasevisi), noma okuqukethwe kule website.
3.5 Okunye ukuxhumaniseka (ama-link) aku-web server axhumanisa
nemithombo yosizo (resources), ephethwe ngabanye abe-GCIS
abangenakulawulo kuyo. Abe-GCIS abamele muntu noma amawaranti
ngokuqonda ngqo kwanoma yiyiphi ingxenye eqondene naleyo mithombo
yosizo (resources)
3.6 Okubekwe kwi-Par 2 of Chapter III of the Electronic
Communications and Transactions Act 25 of 2002 (umthetho
wezokuxhumana nokusebenzisa inqubo ye-elektroniki) akufakelwe
ekusebenzeni kunoma yimiphi imilayezo yezokuxhumana nge-eletroniki,
umsebenzisi angayithumela kwabe-GCIS ngokusebenzisa le-website.,
Noma yikuphi ukuxhumana noma umlayezo othunyelwa ngumsebenzisi
kwabe-GCIS uzothathwa ngokuthi wamukelwe ngabe-GCIS lapho umuntu
emukelwa umlayezo ngokubhala. Uma usebenzisi engatholi impendulo
esikhathini esifanele, umsebenzisi kumele alandelele lolu daba
nabe-GCIS Abe-GCIS ngeke bafakwa ecaleni lokuhluleka
ukuphendula.
3.7 Uma umsebenzisi edinga noma yiluphi ulwazi kwabe-GCIS maqondana
nezinkonzo (amasevisi) abo, noma ngokuqukethwe kule-website,
kungaxhunyanwa nabo ngokusebenzisa inqubo yokuveza imibono lapha
kwi-feedback link
4. Ukuvikeleka
4.1 Ukuphepha
Abe-GCIS banamazinga afanele kwezentengo yetheknoloji kanye
nenqubo yokuvikeleka ekusebenzeleni ukuvikela lonke ulwazi
olunikezwa ngabasebenzisi ukuthi lungalahleki, lusetshenziswe kabi,
lushintshwe noma lubhidlizwe. Kuzothathwa zonke izinyathelo
ezifanele ukuvikela ulwazi lomsebenzisi. Abasebenzi abagunyaziwe
ababhekene nokunakwa kolwazi oluyimfihlo (sensitive data)
olunikezelwe, kumele bagcine imfihlo yalolo lwazi. Umgomo usebenza
kubo bonke abasebenzi bakwa-GCIS, noma izinhlangano zikahulumeni
ezingamukela ulwazi oluvela kwabe-GCIS. Kuvinjelwe wumthetho kunoma
yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano, ukuthola, noma ukuzama
ukuthola ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliphi
ikhasi kule-website, noma ukufakela noma ukuzama ukufakele noma
yiyiphi ikhodi engagunyaziwe, elimazayo, noma yolunya kule website.
Uma umuntu efakela noma ezama ukufakele ikhodi engagunyaziwe,
elimazayo noma yolunya kule website, noma ezama ukungena ngendlela
engekho emthethweni kunoma yiliph ikhasi , lowo muntu kule website,
lowo muntu uyobekwa icala lokweqa umthetho, kanti uma abe-GCIS noma
yimuphi umkhakha kahulumeni ulimazeka noma ngayiphi indlela,
uyovula icala lembuyekezo ngokulinyalelwa.
4.2 Ukuxhumaniseka nokuthatha ulwazi lwabanye ngokungemthetho
ulwenze olwakho (Linkage and Framing)
Siyakwemukela ukuthi abanye abantu besithathu (third party)
bazixhumanise (link) nolwazi olufakelwe kulama khasi.
Akuvunyelwe kunoma yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano noma
i-website ukuthatha ulwazi ngokungemthetho balwenze olwabo (to
frame) noma yiliphi ikhasi lale website okubandakanya ngisho
ne-homepage, nanganoma yiyiphi indlela, ngaphandle kwemvume
ebhaliwe ebuya kwabe-GCIS
4.3 Ukuxhumanisa kwabantu besithathu
ne-Website
Lokhu kungasiza ngokuxhumanisa (provide links) kwamanye
ama-website njengento nje ewusizo (as a convenience), kanti noma
yikuphi ukuxhunyaniswa akusho ukuthi abe-GCIS bavumelana nalawo
ma-website. Ama-website axhumanisiwe (linked websites) noma
amakhasi awekho ngaphansi kolawulo lwe-GCIS. Abe-GCIS abanawo
umsebenzi emahlombe abo noma ukuba necala ngokuqonde ngqo noma
ngokungaqondile ngqo nanganoma yiyiphi indlela maqondana
nokuqukethwe, ukusetshenziswa noma ukungakwazi ukusetshenziswa noma
ukufinyelela noma yiwaphi ama-website axhunyanisiwe (linked
websites), nonoma yiyiphi imixhumaniso (any links) atholakala
kuma-website axhunyanisiwe (linked websites).
5. Ukuba yimfihlo (okwangasese)
5.1 Isingeniso
Isitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese) sisebenza kwabe-GCIS
kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho elawula,
eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa ngokusebenzisa
le-website.
Umsebenzisi angavakashela le website ngaphandle kokunikeza ulwazi
ngaye siqu. Kodwa umsebenzisi uvuma ukusebenzisa lolo lwazi
(i-data) ngokulandela lesi sitatimende semfihlo (sokugcina
okwangasese) Sicela uqaphele ukuthi le website ingaba nokuxhumana
namanye ama-website angalawulwa yilesi sitatimende semfihlo
(sokugcina okwangasese).
Uma umsebenzisi enemibuzo, noma ukukhathazeka maqondana nalesi
sitatimende semfihlo, noma imfihlo yomsebenzisi ngesikhathi
esebenzisa le Website, angasebenzisa i-feedback link.
5.2 Ama-cookies
Abe-GCIS bangasebenzisa ama-cookies (amafayili amaganyana
amancane agcinwa ku-browser yomsebenzisi) noma ku-web beacons
(izithombe ze-elektroniki ezenza ukuthi i-website ikwazi ukubala
abasebenzisi abakwazi ukuthola ikhasi elithile kanye nokufinyelela
kuma-cookies athile) ukuqinisekisa ukuthi i-websiste iphethwe kahle
kanye nokulekelela ukuthuthukisa i-website. Abe-GCIS noma abanikeza
ngenkonzo (ngezinkonzo)kuyo bangasebenzisa ama-cookies ukuqokelela
ulwazi lomlinganiselo othize(collect aggregate data). Abe-GCIS
ingasebenzisa izinto ezinjengalezi ngezikhathi nezikhathi
ukulendelela ukusetshenziswa nokutholakala kolwazi kuma-system ayo,
kanye nokubona imikhakha yabasebenzisi bezinto ezifana namakheli
ama-IP, i-domain, inhlobo ye-browser kanye namakhasi avakashelwe.
Lolu lwazi lubikwa ku-web administrator (umphathi we-web)
osebenzisa lolu lwazi ukuhlaziya inani labasebenzisi ezindaweni
ezehlukene ze-website, kanye nokuqinisekisa ukuthi le website
isebenza njengethuluzi eliwusizo, elisebenza ngokunomphumela kanye
nokuba wumthombo wolwazi
Ama-cookies kanye nama-web beacons awaqoqi ulwazi lwabasebenzisi
ziqu, ulwazi olufana namagama noma amakheli ama-email. Umsebenzisi
angenqaba ukusebenzisa ama-cookies ngoba ama-browser amaningi
awavumeli abantu ziqu ukusebenzisa ama-cookies. Ngaphansi kwezimo
ezithile, abasebenzisi bangenqatshelwa (bangalelwa) ukufinyelela
ezingxenyeni ezithile zale website, uma ama-browser abo ehlelelwe
ukunqabela ama-cookies.
5.3 Ukusebenzisa ulwazi lomuntu siqu
Isitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese) sisebenza
kwabe-GCIS kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho
elawula, eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa
ngokusebenzisa le-website.Umsebenzisi angavakashela le website
ngaphandle kokunikeza ulwazi ngaye siqu. Kodwa umsebenzisi uvuma
ukusebenzisa lolo lwazi (i-data) ngokulandela lesi sitatimende
semfihlo (sokugcina okwangasese) Sicela uqaphele ukuthi le website
ingaba nokuxhumana namanye ama-website angalawulwa yilesi
sitatimende semfihlo (sokugcina okwangasese).Uma umsebenzisi
enemibuzo, noma ukukhathazeka maqondana nalesi sitatimende
semfihlo, noma imfihlo yomsebenzisi ngesikhathi esebenzisa le
Website, angasebenzisa i-feedback link.
Ulwazi lomuntu siqu lusetshenziselwa izinhloso ezithile kuphela,
isibonelo, lapho umsebenzisi ebhalisa (erejista) ne-website ukucela
ukuthi kuxhunyanwe naye ngezindawo ezithile eziphathelene nabe-GCIS
Abe-GCIS bangasebenzisa ulwazi olufakelwe ngumsebenzisi ukwenza
i-profile yomsebenzisi ukuze babhekane nezidingo zakhe siqu
ekuphenduleni kwabo, kwezinye izicelo zomsebenzisi, noma imibuzo,
kanye nokuthuthukisa i-website. Uma umsebenzisi ekhetha ukubhalisa
(ukurejista) nge-online, emcimbini othize owenganyelwe ngabe-GCIS,
abe-GCIS bazosebenzisa ulwazi olufakelwe ngumsebenzisi ukuphendula
umsebenzisi Nangaphezu kwalokho, u-web administrator angathi lapho
kufanele khona asebenzise ulwazi lomsebenzisi kwimisebenzi ethize
ephathelene ne-website. Abe-GCIS bazoqinisekisa ukuthi imisebenzi
yezokumaketha ihambelana nemithetho efanele, nokuthi isetshenziswa
ngokuhambisana nezinqubo ezilandelayo ukuthola imvume efanele
kumsebenzisi ngaphambi kokuthumela i-email equkethe ulwazi
lwezinkonzo zabe-GCIS. Umsebenzisi angathi kunoma kunini acele
abe-GCIS ukuyeka ukuthumela imetheriyali umsebenzisi ngokusebenzisa
inqubo ye-feedback noma ye-unsubscribe link
5.4 Ukudalula ulwazi kwabenye besithathu (Disclosure to Third
Parties)
Ngisho noma abe-GCIS benganikeza ulwazi lwabasebenzisi
kwabanikeza ngezinkonzo (service providers) abasebenza ngowlazi
egameni labo, ngeke banikeza abantu besithathu ulwazi, noma eminye
imikhakha kahulumeni ukuze ilusebenzisele ezinye izinhloso noma
izinhloso ezingaqondene, ngaphandle kokuba lokho kuye kwadalulwa
ngesikhathi sokuxhumana.
Ulwazi lomuntu siqu lungadluliselwa kumikhakha yamazwe omhlaba
ngabe-GCIS noma kubantu besithathu ngezinhloso ezingenhla. Lokhu
ngeke kwabandakanya ukudluliseka kumazwe angenayo imitheshwana
yolawulo (rules) lokuvikelwa kolwazi efana naleyo ekhona kuzwe
okuhlala kulo umsebenzisi. Ngokunikeza ulwazi kwabe-GCIS ngale
website, umsebenzisi uvumela ukudluliselwa kwalolo lwazi.
Lapho kufanele khona, ulwazi lomuntu siqu lungadalulwa
kwabomthetho, kwabezinqubo zolawulo, noma kwimikhakha kahulumeni,
noma abesithathu lapho kufanele khona, noma kuyinto efanele
ukulandela imithetho, noma izibopho zenqubo yolawulo(desirable to
comply with legal or regulatory obligations), noma ngezinhloso
ezibekwe ngenhla.
5.5 Ukufinyelela kulwazi lomuntu siqu
Uma kunikezwe ngolwazi lomuntu siqu kule website, abasebenzisi
abafisa ukubuyekeza ulazi lwabo ziqu bangenza lokho ngesicelo
sokucela ukubuyekeza ngokusebenzisa i-feedback link. Ngemuva
kwalokho, abasebenzisi bazokwazi ukufinyelela ama-profile
abasebenzisi, ukuqondisa lolo lwazi kanye nokufakela imininingwane
yabo yakamuva noma ukukhipha amagama kuhla (unsubscribe) noma
kunini. Abasebenzisi abanenkinga yokuthola ama-profile abo, noma
abafuna ukucela ikhophi yolwazi lwabo ziqu, kumele baxhumane no-web
administrator ngokusebenzisa i-feedback link. Kuzo zonke izimo,
abe-GCIS bazobhekana nezicelo zokufinyelela kulwazi, noma
ukushintsha ulwazi ngokulandela izidingo zomthetho ezisebenza
kulesi sigaba.
5.6 Akunasivumelwano
Akukho okutholakala lapha ngaphakathi, okubanga noma okunenhloso
yokubanga ikontraki noma isivumelwano phakathi kwabe-GCIS kanye
nomsebenzisi ovakashela i-website.
5.7 Ukuvikela nokugcina imfihlo yangasese yeziNgane
Abe-GCIS bamukela ukubaluleka kokuvikela imfihlo yangasese
yezingane ekuxhumaneni ngokwe-online kuwo wonke
umhlaba.
6. Ukunqamula ubudlelwane
Lezi zimo nemibandela zokusetshenziswa ziyisisekelo esiphelele
sobudlelwane obuprofeshinali, noma obunye ubudlelwane phakathi
kwabe-GCIS kanye nale-website. Noma yikuphi ukuhluleka
ngasohlangothini lwabe-GCIS ukusebenzisa noma ukulandela noma
yiliphi ilungelo noma okubekiwe (provision) kule mibandela nezimo
zokusebenzisa ngeke nanganoma yiyiphi indlela kwaba wukugudlulela
eceleni kwalelo lungelo noma lokho okubekiwe Uma umbandela othize
noma isimo esithize sokusebenzisa le website singasebenziseke
ngkugcwele noma singasebenziseki (valid) ngenxa yanganoma yisiphi
isizathu, lowo mbandela (mibandela) noma leso simo (lezo zimo)
ziyonqumeka kweminye imibandela nezimo. Imibandela nezimo ezisele
ngeke zachaphazeleka ngalokho kunqumeka noma ukungasebenziseki,
nakhona kuyohlala kusebenza.
7. Ukubuyekeza kabusha le Mibandela kanye Nezimo
Abe-GCIS benelungelo lokushintsha (ukuguqula) ukuhlela ngenye
indlela (modify), ukungezela noma ukususa izingxenye ezithile noma
yonke le mibandlela nezimo zokusebenzisa ngezikhathi nezikhathi.
Izinguquko kule mibandela nezimo zokusebenzisa ziyoqala ukusebenza
ngaleso sikhathi sezinguquko lapho zifakelwa kule website.
Kuyisibopho esisemahlombe omsebenzisi ukuthi ngezikhathi nezikhathi
ahlole imibandela nezimo zokusebenzisa le websiste noma izinguquko
noma ulwazi olusha olusanda kufakelwa. Ukuqhubeka komsebenzisi
ukusebenzisa le website, ngemuva kokufakelwa kwezinguquko noma
ulwazi olusha, kuyothathwa ngokuthi lowo msebenzisi uyitholile
inothisi kanti futhi wemukela ukuzibophezela ngayo le mibandela
nezimo zokusebenzisa, okubandakanya izinguquko nolwazi
olusha.
8. Ulwazi nge-website kanye nomnikazi
8.1 Igama eligcwele kanye nesimo kwezomthetho maqondana
nomnikazi we-website:
Government Communication and Information System (GCIS),
okunguMnyango kaZwelonke kaHulumeni eRiphabliki yeNingizimu Afrika,
ngokumelwa ngu-Chief Executive Officer. we-GCIS
8.2 Ikheli le-website yale-website ngu:
http://www.services.gov.za
8.3 Imininingwane yokuxhumana nomnikazi we-website:
Ikheli lePosi:
Government Communication and Information System
Private Bag X745
PRETORIA
0001
Ikheli lomgwaqo:
Government Communication and Information System
Midtown Building No. 356
Cnr Prinsloo and Vermeulen Streets
PRETORIA
South Africa
Inombolo yocingo: +27 12 314 2911
Inombolo yeFekisi: +27 12 323 3831
I-email:
electronic@gcis.gov.za
|