Ilayisense yemisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Maqondana nelayisense yemisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi

UMthetho Wezokusakaza we-1999 (uMthetho 4 we-1999), uchaza umsebenzi wokusakaza onomsindo ophansi njengomsebenzi wokusakaza onomsindo ofinyelela emphakathini othile, esikhungweni esizimele noma emphakathini uwonkana okhipha amandla angeqi kwi-watt eyodwa.

Ilayisense yemisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi ingagunyazwa ngaphansi kwezigaba ezilandelayo:

  • Imisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi engenisa imali - imisebenzi eqhutshelwa nesakazela onxanxathela bezitolo/izikhungo, izinkundla zemidlalo, izinkundla zemibukiso kanye nezindawo zokubuka amabhayisikobho okungenwa kuzo ngezimoto, noma eminye imisebenzi efuze le engase ivunyelwe Isikhungo Esizimele Esibhekele Ezokusakaza eNingizimu Afrika (i-Icasa).
  • Imisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi yomphakathi - imisebenzi eqhutshelwa nesakazela izikhungo zokugcina abantu abakhulile, ukuxhunyaniswa kwezindawo zokukhonzela, ukuxhunyaniswa kwezindawo zokukhonzela kanye nezikhungo zokugcina abantu abakhulile, noma eminye imisebenzi efuze leyo i-Icasa ingase iyivumele.

Amalayisense emisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi omphakathi nawokungenisa imali kumele asebenze ngokusemthethweni iminyaka emithathu, futhi ilayisense yemisebenzi yokusakaza enomsindo ophansi yemicimbi ekhethekile iyosebenza izinsuku ezingamashumi amathathu.

Okumele ukwenze

  1. Thola isiteshi esifanelekile somsebenzi wokusakazaonomsindo ophansi.
  2. Thola indawo yesitudiyo neyokusakaza.
  3. Sungula iqembu labasebenzi elizobhekelela inqubo yokufaka isicelo futhi lisebenze njengomfakisicelo egameni labahleli bomcimbi.
  4. Iqembu lomsebenzi kumele:
    • Liqoqe amasiginesha avela emphakathini
    • Libhale uhlelo lwebhizinisi
    • Lilawule ukhetho lwamalungu eBhodi oluzokwenziwa ngokwentando yeningi labantu
  5. Licele ikhophi yefomu lesicelo somsebenzi wokusakaza neyokwabiwa kwesizwambiko ku-Icasa.
  6. Ligcwalise ifomu lesicelo ngepeni, kubhalwe ngamagama amakhulu.
  7. Lithumele ifomu lesicelo elingeyona ikhophi kanye namanye angamakhophi aqinisekisiwe ayi-16 e-Icasa, kanye nemali yokufaka isicelo.

Izicelo ezingagcwalisiwe ngokuphelele zizobuyiselwa kumfakisicelo futhi awukho umthwalo noma ukuphazamiseka okuzoba semahlombe e-Icasa

Kuthatha isikhathi esingakanani

Ukugunyazwa kwale layisense kungase kuthathe izinyanga ezimbili kuya kwezintathu.

Kubizamalini

Amanani 2020/21

Amafomu okumele agcwaliswe

Ifomu lesicelo lizoba yingxenye yezithasiselo ezizoshicilelwa kuGazethi Kahulumeni.

Indawo nendlela yokuxhumana

 

 

ICASA head office
Tel: 012 568 3000/3001
E-mail: info@icasa.org.za 

Physical address: 350 Witch-Hazel Ave, Eco-Park Estate, Centurion, 0144
Postal address: Private Bag X10, Highveld Park 0169

Regional offices

 

Share this page