Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani
Mayelana nosizo lwelayisensi yosizo lokusakaza kokuthengisa
Ilayisensi yosizo lokusakaza kokuthengisa inikezwa inhlangano ehlinzeka ngokusakaza ngenhloso yokuthola inzuzo noma njengengxenye yebhizinisi elenza inzuzo. Inhlangano Yezokusakaza YaseNingizimu Afrika (i-SABC) yiyo kuphela enelayisensi yokusakazela umphakathi eNingizimu Afrika.
Noma ngubani ohlose ukuhlinzeka ngosizo lokusakaza kokuthengisa kufanele abe nelayisensi yokusakaza kokuthengisa.
Ifomu lokufaka isicelo kanye nendawo ephakanyisiwe kuyingxenye yesimemo esithile sokufaka isicelo esishicilelwe KuSomqulu Kahulumeni.
Okumele ukwenze
- Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo ubhale ngokuhlukanisa, usebenzisa osonhlamvukazi.
- Hambisa eHhovisi Elizimele Lezokuxhumana eNingizimu Afrika (i-Icasa) amakhophi ayi-16 efomu lokufaka isicelo nelilodwa elingakopishiwe kanye nemali yokufaka isicelo engabuyiselwa.
- Izicelo ezingaphelele ngeke zibuyiselwe kumfakisicelo futhi ngeke sithwale cala ngalokhu.
Kuthatha isikhathi esingakanani
Ukuthola ilayisensi kungathatha izinyanga eziyisithupha kuya kweziyishumi nambili.
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Ifomu lokufaka isicelo lizoba yingxenye yamashedula azoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni .
Kuthintwe bani
ICASA head office
Tel: 012 568 3000/3001
E-mail: info@icasa.org.za
Physical address: 350 Witch-Hazel Ave, Eco-Park Estate, Centurion, 0144
Postal address: Private Bag X10, Highveld Park 0169