Izindleko Ezichithwe Nguhulumeni Kwezokukhangisa Ezikhungweni Ezahlukahlukene ngokwethulwa nguNgqongqoshe Faith Muthambi

NjengoNgqongqoshe Wezokuxhumana, kufanele ngicacise kahle nje mayelana nenkoleloze elokhu ivela isatshalalaliswa yi-Democratic Alliance (i-DA) kodwa iyiveza njengombuzo ngesikhathi semibuzo ephalamende minyaka yonke kulesi sikhathi seminyaka emithathu edlule. Lokhu kumayelana nemali echithwe uhulumeni ukuthenga isikhala sokukhangisa engaphansi Komnyango Wezokuxhumana.

I-DA ibeka izinsolo zokuthi Uhulumeni uhlomulisa “abezindaba abanobuhlobo nombuso”. NgoLwesine mhla zingama-29 kuMasingana, emva kokuba ngethule imininingwane ngemali enganyelwe Umnyango Wezokuxhumana echithwe Nguhulumeni ukuthenga isikhala sokukhangisa, iphinde futhi yavuka le nkoleloze, manje isibhalwe njengamazwi abhalwe ngaphansi kwegama lika-Gavin Davis.

Kusobala ukuthi Umhlonishwa u-Davis oyiLungu lePhalamende (oyi-MP) akaluqondisisisi udaba lwezokuxhumana ngokukhangisa kahle hle, futhi alikho iqiniso kulo mzamo wakhe wokufuna ukweyamanisa imicabango yakhe ngendlela ebandlululayo kanye nezikhungo zezindaba zabantu abamnyama ukuze afeze ezakhe izimfuno. 

Ulwazana nje okungatheni lwezokusatshalaliswa kwamaphephandaba, izibalo zabafundi bamaphephandaba kanye  nokubhalwa iphephandaba bekungagwema amaphutha asobala enziwe ngumhlonishwa lo kulezi zinsolo zakhe.

Eqinisweni nje, i-The New Age ayiqhelelene kakhulu ne-Business Day ngendlela ehlelwa ngayo kuncike kuhlobo lwezindaba ezibhalwa khona.  Ucwaningo oluqhutshwe yinkampani edume umhlaba wonke, i-Media Tenor lwethule umbiko ohlaziya izindaba eziyimibiko emihle ngoMongameli Zuma ezibhalwe ngesikhathi esiphakathi kukaNtulikazi wezi-2014 noMasingana wezi-2015.

Lo mbiko uveza ukuthi i-10% yezindaba ezishicilelwe ngoMongameli Zuma ku-The New Age bezizinhle futhi zinomyalezo okhuluma kahle ngoMongameli, kanye ne-9% yezindaba ezishicilelwe yi-Business Day nazo zinomyalezo okhuluma kahle ngoMongameli. Ingabe manje kufanele sithi i-Business Day iyinkundla yokusakaza eqhakambisa uMongameli?

Ukwenza izinqumo emkhakheni wezindaba oguquguqukayo, abasebenzi bophiko lokuthengwa kwezinsiza zezokusakaza kuMnyango Wezokuxhumana yilo elishayela amasu okuthenga kukahulumeni lisebenzisa isofthiwe nezinsiza ezihamba phambili zezokukhangisa ze-Telmar Media esetshenziselwa ukufinyelela, ukusakaza kanye nesivinini sokufinyelela kubantu ngokusakaza.  

Abasebenzisa i-Telmar abayizi-10 000 emazweni angama-85 babandakanya ama-ejensi ahamba phambili emhlabeni jikelele, abashicileli bezokusakaza okudijithali kanye nokwamaphepha, izinkampani ezisakazayo kanye nezinkampani zokukhangisa.  Abasebenzi bophiko lokuthenga izinsiza eziqondene nezokusakaza loMnyango Wezokuxhumana bavame ukwethamela imihlangano yokuqeqeshwa noma yokucijwa eqinisekiswe ngabakwa-SAARF ne-Telmar, futhi bangamalungu Enhlangano Yezokukhangisa Kwezezindaba yaseNingizimu Afrika.

I-The New Age – iphephandaba elisatshalaliswa kuzwelonke liqhathaniswa ngokungenabulungiswa namaphephandaba kumadolobhakazi amakhulu kuphela (i-The Herald – e-Nelson Mandela Bay, i-The Mercury – e-Durban, i-Pretoria News – ePitoli) athengiswa kulezi zindawo kuphela.  Uma singakulandela lokhu kushiwo nguMhlonishwa Davis (oyi-MP), uhulumeni kungadingeka akhangise emaphephandabeni amaningi amadolobhakazi amakhulu – kuzo zonke izifundazwe ukuze alinganise nabafundi abathenga i-The New Age, ngemali engaphezu kwaleyo yokukhangisa ku-The New Age

Iqiniso lithi nje, i-The New Age isatshalaliswa kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye, ngezishicilelo eziyisithupha zezizinda.  Isishicilelo ngasinye sosuku se-The New Age siba nekhasi ngalinye elizogxila esifundazweni ligqamise izindaba zasendaweni phezu kwezindaba elizibikayo zikazwelonke kanye nezomhlaba jikelele. 

Uhulumeni usebenzisa ezokuxhumana ezididiyelwe ukufeza umsebenzi wokuxhumana nezindimbane zonke zabantu baseNingizimu Afrika.  Uzisholo ngawakhe amazwi uMhlonishwa Davis ukuthi uhulumeni usebenzisa amaphephandaba angama-248 ukwazisa umphakathi wakuleli ngezinhlelo zakhe, kodwa waphutha ukusho ukuthi uhulumeni ngumeseki ohamba phambili wemithombo yezindaba eyahlukahlukene ngezikhangiso azifaka khona. 

Akuqondakali kahle ukuthi kungani umhlonishwa eqhubeka nokulokhu ephehla izitatimende ezingesilo iqiniso ngokugcwele mayelana nenani labafundi be-The New Age.  Inani labafundi bayo abayizi-153 000 kungakabalwa abanye ababukeli abayizi-621 000, ngokubalwa yi-AMPS, ababukela uhlelo lukamabonakude, i-TNA Briefings – uhlelo olukusakazwa bukhoma olubandakanya izingxoxo zaababambiqhaza -  abafundi be-The New Age kanye nabalandeli basezinkundleni zezokuxhumana kumabonakude kazwelonke.

Ngiyammema Umhlonishwa Davis (oyi-MP) ukuba avakashele e-Tshedimosetso House; nokuyigama leSetswana elichaza ukuthi ukubona ekusithekeni, ukufunda, ulwazi, noma ukukhanyiseleka ngokuthile (inkinga nje ukuthi kungenzeka angakwazi ukuwubona nalo mbhinqo okhona kuleli gama) ukufundiseka ngabayimisinsi yokuzimilela abanamakhono acijwe kuleli ophikweni lezokuthenga okuqondene nokusakazwa kwezindaba kuMnyango Wezokuxhumana. Hleze lokhu kungelapha inkinga yamhlonishwa yokuphangisa abone ukuboshwa kozungu nalapho kungekho khona.

Imibuzo:
Ayanda Hollow
Umakhalekhukhwini: 061 488 0634

Share this page

Similar categories to explore