Amaphuzu asemqoka esikhathi esimaphakathi konyaka mayelana nokufezekiswa kwezethembiso zeNkulumo Echaza Isimo Sezwe ethulwe kwisithangamu sabezindaba

NgoLwesibili mhla ziyi-11 kuNcwaba 2015, eziNdlini Zombuso ePitoli, uMongameli Jacob Zuma wethula kwisithangamu sabezindaba imininingwane yakamuva mayelana nezinto esezenziwe nguhulumeni kusukela ngasekuqaleni konyaka kuyofinyelela esikhathini esimaphakathi nonyaka mayelana nokufezekiswa kwezethembiso azenza eNkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA). Le nkulumo kaMongameli yabe igxile emsebenzini owenziwa nguhulumeni ukuqalisa ukusebenza konyaka wokuqala woHlaka Lwamasu Okusebenza Asemqoka Esikhathi Esimaphakathi (i-MTSF) yowezi-2014-2019, njengoba kuchaziwe kwi-SoNA yangoNhlolanja 2015.

I-MTSF, okuwuHlelo Lokusebenza lukahulumeni, isekelwe phezu koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), olungumhlahlandlela wezenhlalo nezomnotho kuleli okuhloswe ngalo ukulwisana nezinselelo ezintathu ezibhekene nezwe, ububha, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani, ngenhloso yokuthi uma kufika owezi-2030 zibe sezinqotshiwe lezi zinselelo.

Ulwazi lwakamuva mayelana noHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye

ENkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe ngoNhlolanja 2015, uMongameli Zuma wamemezela uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye okuhloswe ngalo ukukhuthaza ukukhula komnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli. Lolu Hlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye luyindlela kahulumeni yokungenelela nokubhekana nenselelo yokugqoza kokukhula komnotho waseNingizimu Afrika.

Ngaphezu kokukhula komnotho okulindelekile okulinganiselwa kuma-2% ngowezi-2015, kunethemba lokuthi uHlelo Olunamaphuzu Ayisishiyagalolunye kungenzeka  lusheshise ukukhula komnotho wakuleli ngama-0,8% esikhathini esifushane esizayo kanti futhi esikhathini eside esizayo kungenzeka lusheshise ukukhula komnotho nge-1%.

Lolu hlelo lwakhiwe ngamaphuzu asemqoka alandelayo:

  1. Ukuxazululwa kwenselelo yamandla kagesi.
  2. Ukuvuselelwa nokukhuthazwa kwezolimo kanye nochungechunge lomsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo.
  3. Ukuqhubekisela phambili ukuhlomuliswa kwabantu bakuleli emnothweni wezimbiwa zethu.
  4. Ukuqaliswa ngendlela engcono koHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP) oluzoba nomthelela omkhulu kunakuqala.
  5. Ukugqugquzelwa kwabatshalizimali abazimele.
  6. Ukulawulwa nokuncishiswa kokungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi.
  7. Ukusekelwa kwamabhizinisi asafufusa (ama-SMME), imifelandawonye namabhizinisi asemalokishini kanye namabhizinisi asezindaweni zasemakhaya ukuze akwazi ukusebenza ngendlela esimeme.
  8. Izinguquko zombuso kanye nokufaka umfutho kwiqhaza lezinkampani zombuso, ingqalasizinda yolwazi lwezobuchwepheshe kwezokuxhumana (i-ICT), ukuhlinzekwa kwe-inthanethi esheshayo, amanzi, ukuthuthwa kwendle, nengqalasizinda yezokuthutha, kanye
  9. Nomkhankaso we-Operation Phakisa okuhloswe ngawo ukukhulisa umnotho wasolwandle kanye neminye imikhakha.

UKUKHIQIZWA KWEMPAHLA

Ukutshalwa kwezimali kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi

Usizo lukahulumeni luwulekelelile umkhakha wezokukhiqizwa kwezimoto ukuthi ukhiqize izimoto eziyizi-566 000 ngowezi-2014 zisuka kwizimoto eziyizi-356 800 ngowezi-2000.

Lolu sizo lusikhulisile isibalo sezimoto ezithunyelwa emazweni angaphandle sisuka ezimotweni eziyizi-11 000 ngowe-1995 safinyelela ngaphezu kwezimoto eziyizi-270 000 ngowezi-2014. Ngenxa yalokhu-ke kuvuleke amathuba omsebenzi ayizi-300 000 emkhakheni wezokukhiqizwa kwezimoto.

Futhi kutshalwe imali eningi impela emikhakheni yezokukhiqiza esemqoka, njengomkhakha wezezimoto, umkhakha wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo kanye nomkhakha wempahla esebenza ngogesi.

Lokhu kubandakanya nemali engamarandi ayizigidigidi ezinhlanu etshalwe yinkampani yakwa-Mercedes Benz, nezigidigidi ezintathu ezitshalwe yinkampani yakwa-Ford, nezigidigidi ezine ezitshalwe ngabakwa-Unilever ezinkampanini ezine kule minyaka edlule kanye nemali engamarandi ayizigidi ezingama-228 etshalwe ngabakwa-Samsung.

Ngowezi-2014, izimoto ezithunyelwe emazweni angaphandle zilinganiselwa kwimali engamarandi ayizigidigidi eziyi-115, okuyinani elingama-12,7% empahla ethunyelwa emazweni angaphandle.

Ukungenelela kukahulumeni obekuhloswe ngakho ukunqanda ukufadalala komkhakha wezingubo zokugqoka, indwangu, isikhumba kanye nowezicathulo sekuholele ekutheni kusindiswe amathuba omsebenzi ayizi-68 000 kulo mkhakha.

Ekupheleni kukaNdasa 2015, uhulumeni ubese ebeke eceleni isamba semali engamarandi ayizigidigidi ezingu-3,7 yokuxhasa umkhakha wezamabhizinisi azimele kusukela ekusungulweni koHlelo Lokuncintisana Emkhakheni Wezingubo Zokugqoka Nendwangu ngowezi-2010.

Ngokusebenzisa uMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti), uhulumeni usexhase izimboni zokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo ngemali elinganiselwa kumarandi ayizigidigidi ezingu-1,2 kusukela ngowezi-2009 ngaphansi kwezinhlelo ezahlukahlukene.

Ukuthuthukiswa kwezimboni

Ngenhloso yokukhuthaza nokudlondlobalisa ukuthuthukiswa kwezimboni kuleli uhulumeni usesungule uHlelo Losozimboni Abamnyama, phakathi kwezinye eziningi, olwenzelwe ukuguqula umkhakha wezokukhiqizwa kwempahla kanye nokusekela osomabhizinisi abamnyama ukuze bathole ithuba lokubonakalisa amakhono abo kwezebhizinisi.

Sesikhona isamba sokuqala esiyimali engamarandi ayisigidigidi esisodwa esivela kwi-dti esizosetshenziswa ngonyaka wezimali wezi-2015/16 kanye nesamba semali engamarandi ayizigidigidi ezingama-23 evela oPhikweni Lwezokuthuthukiswa Kwezimboni ezosetshenziswa kule minyaka emithathu ezayo.

INGQALASIZINDA

Phakathi kowezi-2009 nowezi-2014, uhulumeni kanye nezikhungo zikahulumeni sebetshale imali engaphezu kwezigidigidi eziyinkulungwane eyodwa kwingqalasizinda.

Le mali itshalwe kwingqalasizinda yezamandla kagesi, ezemigwaqo, ezokuthutha ngezitimela, ezamachweba, ezokuthuthwa komphakathi, ezokuhlinzekwa kwamanzi nokuthuthwa kwendle, ezezibhedlela, ezemfundo eyisisekelo kanye nemfundo ephakeme, kanye nengqalasizinda yemiklamo eyingqayizivele njengesibonakude i-Square Kilometre Array kanye ne-Meerkat.

Ukuqaliswa kohlelo lokuxhunywa kwe-inthanethi esheshayo

Ngenyanga kaNcwaba ngowezi-2015, besekuxhunywe amakhebuli okuthumela i-inthanethi esheshayo alinganiselwa kumakhilomitha ayizi-41 351 ubude, ukuze kuhlinzekwe i-inthanethi esheshayo futhi ezoba wusizo emnothweni wakuleli.

Ukufudukela ohlelweni lokusakaza ngedijithali

NgoNdasa 2015, iKhabhinethi yazamukela izichibiyelo zokugcina zeNqubomgomo Yokufudukela Ohlelweni Lokusakaza Ngedijithali, okuyinto esivule indlela ebheke ekuqalisweni kokusebenza kwalolu hlelo. Futhi iKhabhinethi ivumile ukuthi uhulumeni ahlinzeke mahhala ngamabhokisana okwamukela isiginali yokusakaza, abizwa ngama-set-top boxes, kumakhaya ahlwempu ayizigidi ezinhlanu anomabonakude.

Nakuba leli lizwe lihlulekile ukuhlangabezana nosuku lomnqamulajuqu weNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezohleloxhumano, womhla ziyi-17 Nhlangulana 2015, wokuqedwa kohlelo lokusakaza nge-analogi ngenhloso yokufudukela kwidijithali, mningi impela umsebenzi osewenziwe ngaphansi kwenqubo ezoholela ekuqedweni kohlelo lokusakaza nge-analogi, okungasensuku zatshwala kwenzeke.

IHhovisi likaNgqongqoshe Wezokuxhumana seliphothule futhi lacikica izivumelwano zokubambisana namazwe angomakhelwane – okuyiBotswana, Namibia, Mozambique, Lesotho kanye nezwe laseSwaziland – ngenhloso yokunciphisa ukuphazamiseka kwesiginali yokusakaza yakuleli njengoba lungakaqaliswa uhlelo lokusakaza ngedijithali kuleli lizwe.

AMANDLA KAGESI

Sekwenziwe inqubekelaphambili enkulu impela mayelana nokuxazululwa kwezinselelo zokushoda kwamandla kagesi eNingizimu Afrika kusukela ekusungulweni koHlelo Lwezamandla Kagesi Olunamaphuzu Amahlanu ngoZibandlela 2014.

Uyaqhubeka nokuba ngcono omsebenzi owenziwayo nsukuzonke kwa-Eskom kubandakanya nomsebenzi wokulungiswa kwezikhungo zikagesi ukuze zihlale zisesimweni esifanelekile, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izikhungo eziphehla ugesi zilungiswa ngendlela efanelekile futhi zihlinzeka ngogesi ngamandla azo aphelele.

Abakwa-Eskom sebecikice izivumelwano zokuThenga Ugesi ZesiKhathi Esifushane ezizokwengeza ugesi ophakelwayo, ukuze kubhekwane nenkinga yokushoda kukagesi okubangelwa ukuvalwa kwezikhungo zikagesi ngenkathi zilungiswa futhi ukuze kubhekwane nesidingo sokuphakelwa kukagesi esikhulayo ngesikhathi sosuku lapho abantu bewusebenzisa kakhulu ugesi emakhaya.

Ngaphezu kwalokhu, kunamamegawathi kagesi angama-800 azokwengezwa kwisikhungo sikagesi sikazwelonke ngenxa yokusetshenziswa kwezindlela zokukhiqiza ugesi nokushisa ngesikhathi esisodwa.

Izinhlelo zokuqinisekisa ukusetshenziswa kukagesi ngokuwonga seziholele ekutheni kongiwe ugesi ongamamegawathi angama-450 futhi kuncishiswe ukukhiqizwa kwesikhutha esingcolisa umoya.

Kunemiklamo ehlukahlukene yoHlelo Lukagesi Ovuselelekayo Otholakala Kubakhiqizi Bakagesi Abazimele njengamanje olufaka ugesi ongamamegawathi ayi-1800 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke. 

Kule minyaka emibili nesigamu ezayo, kunemiklamo engama-92 yohlelo lukagesi ovuselelekayo ezokwengeza ugesi ongamamegawathi ayizi-6 327 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke.

Iyaqhubeka imizamo yokuthola ezinye izindlela zokuphehla ugesi, kubandakanya nemiklamo ezokwenziwa ngokubambisana namazwe angomakhelwane kwisifunda seNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), okuyimiklamo ebandakanya ukuphehlwa kukagesi ngamanzi, negesi kanye namalahle.

Mayelana nokuphakelwa kukagesi esikhathini esimaphakathi kuya kweside amalungiselelo ohlelo lokuhlinzekwa kukagesi wenonzi asesigabeni esiphezulu kakhulu futhi kulindeleke kuthi uphothulwe ngaphambi konyaka-mali wezi-2015/16 umsebenzi wokuqokwa kwezinkampani ezizokwakha izikhungo eziphehla ugesi wenonzi.

Kuzoshicilelwa uHlelo Olubanzi Lokusetshenziswa Kwegesi olubuyekeziwe, okuwuhlelo olugqugquzela ukuthuthukiswa nokutshalwa kwezimali embonini yezokukhiqizwa kwegesi.

Uhulumeni uzoqhubeka nemizamo yokuthola izindlela ezisebenza kahle futhi ezithembakele zokusetshenziswa kukagesi oxubile ukuze kuqinisekiswe ukuthi kunogesi owanele kuleli, njengamanje kanye nasesikhathini esizayo.

EZOMNOTHO

Umnotho waseNingizimu Afrika, ngokufanayo neminye iminotho yamazwe omhlaba, uyaqhubeka nokubhekana nobunzima bokubuyela ngokuphelele esimweni sokukhula komnotho ngomfutho esabe sikhona ngaphambi kokufadalala komnotho wamazwe omhlaba.

INingizimu Afrika yazibophezela ukuthi izokhulisa umnotho ngamaphesenti amahlanu ngowezi-2019, kepha ukukhula ngomnotho ngephesenti elilodwa nesigamu ngowezi-2014 kukhombisa ukuthi likhulu igebe okumele livalwe ukuze kufinyelelwe kwinjongo ye-NDP.

Kodwa-ke, nakuba umnotho wamazwe omhlaba ukhula ngesivinini sonwabu, kubhekeke ukuthi umnotho ukhule uze ufinyelele okungenani kumaphesenti amathathu kule minyaka emithathu ezayo, ngoba kulindeleke ukuthi inciphe inkinga yokushoda kukagesi – okuyinto eyisithiyo esikhulu esiphazamisa ukukhula komnotho.

Ukusekelwa kokutshalwa kwezimali

Mhla ziyisi-7 kuNcwaba, iThimba Lokusebenza likaMongameli, lixoxisane ngesidingo sokwenza ngcono indlela okulawulwa ngayo kanye nezikhathi ezibekiwe zokusekela ukutshalwa kwezimali, phakathi kokunye okuningi okuxoxwe ngako. Ngakho-ke, kuzoqhubeka ukuqaliswa kweziZinda Zomnotho Ezikhethekile.

Sewuqalisiwe umsebenzi wokusungulwa kwesikhungo esizolawula wonke umsebenzi ophathelene nokutshalwa kwezimali noma izikhungo okuzotholakala kuzona zonke izinsizakalo eziphathelene nokutshalwa kwezimali, ngaphansi kophahla olulodwa, ngenhloso yokusekela ukutshalwa kwezimali ezivela ngaphakathi kuleli kanye nokutshalwa kwezimali ezivela emazweni ngamazwe. Kunomklamo oqhutshwayo wokulinga lesi sikhungo osuqalisiwe kwi-dti.

Le sikhungo sizokwenza ngcono isimo okusetshenzelwa ngaphansi kwaso kwezokutshalwa kwezimali futhi wenze kube lula ukwenza ibhizinisi ngokuhlonza izithiyo eziphazamisa ukwenziwa kwebhizinisi, kususwe imigoqo ephathelene nokuphathwa nokulawulwa kwenqubo elandelwayo, kuncishiswe ukungalawuli ngendlela efanelekile, kusungulwe imigomo namazinga, kwenziwe ngcono izikhathi ezibekiwe zokuhlinzeka ngosizo, kulawulwe ngendlela efanelekile yonke imibuzo ephathelene nokutshalwa kwezimali futhi kuhlinzekwe izimpendulo ezisheshayo.

Imithethonqubo emisha mayelana nama-Visa

Kulandela izikhalazo mayelana nemithethonqubo emisha ephathelene nama-visa, uhulumeni usesungule iKomidi loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elijutshwe ukucubungula iMithethonqubo Ephathelene Nokungena Nokuphuma Kwabantu Kuleli.

I-IMC izozama ukulungisa udaba lwemiphumela engahlosiwe ebangelwe yimithethonqubo emisha ephathelene nokungena nokuphuma kwabantu kuleli okungenzeka ikhahlameze imikhakha ehlukahlukene, kubandakanya umkhakha wezokuvakasha nowezokutshalwa kwezimali kuleli.

Usihlalo wekomidi le-IMC yiPhini likaMongameli u-Ramaphosa, futhi leli komidi libandakanya uNgqongqoshe Wezokuvakasha, Owezasekhaya, Owezohwebo Nezimboni, Owezokuthuthukiswa Komphakathi kanye Nowezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.

UKUTHUTHUKISWA KWAMABHIZINISI AMANCANE

Ziyaqhubeka izinhlelo zokungenelela ezibekwe eqhulwini ezenzelwe ukuhlinzeka amabhizinisi asafufusa, imifelandawonye, amabhizinisi asemalokishini kanye nawasezindaweni zasemakhaya ngethuba lokubonakalisa ikhono lawo kwezebhizinisi. Lezi zinhlelo zokungenelela zibandakanya nokwenziwa kwemizamo yokuqaliswa kwenqubomgomo yokubeka eceleni umxhaso ongamaphesenti angama-30 okuzosekelwa ngawo izinkampani ezisafufusa kanye nemifelandawonye.

Amabhizinisi amancane ayibhizinisi elikhulu

Ama-SMME azosekelwa ngokuthi alekelelwe ukufinyelela ezimakethe kanye nokuthola izimali zokuqhuba ibhizinisi. Kuzoncishiswa izithiyo nemigoqo ebambezela ama-SMME ekwenzeni ibhizinisi, kubandakanya nokubuyekezwa kwayo yonke imithetho ekhona njengamanje ephathelene namabhizinisi amancane.

Ukukhokhelwa kwabahlinzeki bempahla nezinsizakalo

Sekusungulwe uphiko olukhethekile eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola oluzophenya izigameko zokungakhokhelwa kwabahlinzeki bempahla noma izigameko zokukhokhelwa kwabo sekudlule isikhathi esibekiwe esiyizinsuku ezingama-30, nakuba bewathumele ama-invoyisi abo aqukethe imininingwane efanelekile.

UBUDLELWANO PHAKATHI KWABASEBENZI NABAQASHI

IPhini likaMongameli u-Ramaphosa yilona elihola izingxoxo zokubonisana phakathi kwabamabhizinisi kanye nohulumeni njengomzamo wokulungisa ubudlelwano phakathi kwabasebenzi nabaqashi.

EMkhandlwini Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi kuvunyelwene ngencazelo okuzosetshenzelwa phezu kwayo yoMkhawulo Womholo Ophansi Kuzwelonke.

Ezinye izindlela ezizosetshenziswa ukunciphisa ukungqubuzana phakathi kwabasebenzi nabaqashi zibandakanya nesivumelwano sokuthuthukiswa koMgomo Wokuziphatha Ngendlela Efanelekile ngesikhathi kuqhubeka isiteleka, ukuvalelwa kwabasebenzi ngaphandle kanye nenqubo yokulamula ephoqelekile elawulwa yiKhomishana Yokubuyisana, Ukuxazululwa Kwemibango kanye Nokulamula.

EZOLIMO

Sekwenziwe inqubekelaphambili enkulu mayelana nokuthuthukiswa kwamaPaki Ezolimo, njengoba sekuhlonzwe izizinda ezingama-43 kwezingama-44. Elinye lamaPaki Ezolimo lizokwethulwa esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.

Uhulumeni uyaqhubeka nokuqalisa eminye imiklamo esemqoka yoHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezolimo ngenhloso yokusekela ukukhula kwezolimo kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi emkhakheni wezolimo kanye nowezokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo.

Lolu hlelo lubandakanya nokukhuliswa kosizo okuxhaswa ngalo abalimi abanamapulazi amancane kanye nokuthola izindlela zokukhulisa isibalo sabakhiqizi bezolimo.

Ezamanzi nokuthuthwa kwendle

Uhulumeni usehlonze amanzi njengento esemqoka kakhulu ekuthuthukisweni komnotho futhi uyaqhubeka umsebenzi wokuqalisa uhlelo olunamaphuzu amahlanu lwezamanzi nokuthuthwa kwendle.

Lolu hlelo lubandakanya lokhu okulandelayo:

  • ukulungiswa nokuphuculwa kwengqalasizinda yezamanzi nokuthuthwa kwendle ekhona njengamanje
  • ukwakhiwa kwamadamu amasha kanye nokuthuthukiswa kwamanzi eziphethu
  • ukwenziwa ngcono kwezinga lamanzi
  • ukuthuthukiswa kobuchwepheshe besimanjemanje bokulawulwa kolwazi oluphathelene namanzi nokuthuthwa kwendle
  • ukuqinisekiswa kwezindlela zokulawulwa kwamanzi ezingcono futhi ezididiyelwe ezinjengokukhishwa kwamalayisense okusebenzisa amanzi.

Kuzoqaliswa inqubo yokubuyekeza uMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1994 (uMthetho we-108 wonyaka we-1997) kanye noMthetho Kazwelonke Wezamanzi, we-1998 (uMthetho wama-36 we-1998).

Kunemizamo yokungenelela eyenziwa nguhulumeni ngenhloso yokunqanda ukuvuza kwamapayipi amanzi, okuyinto edla leli lizwe imali engamarandi ayizigidigidi eziyisikhombisa ngonyaka.

Uhlelo lukahulumeni, oluqhutshwa nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, lokuqeqesha abalungisi bamapayipi kanye nopulamba abayizi-15 000 abazolungisa ompompi bamanzi abavuzayo emiphakathini yabo, luzokwethulwa ngokusemthethweni edolobheni lase-Port Elizabeth, eMpumalanga Kapa, mhla zingama-28 kuNcwaba. Sewuqalile umsebenzi wokuthungathwa nokuqashwa kwabantu abasha bokuqala abayizi-3 000 abazokwenza lo msebenzi kulo nyaka-mali wezi-2015/16.

Imfundo eyisisekelo

Imiphumela yokuHlolwa Konyaka Kukazwelonke yowezi-2014 ikhombisile ukuthi kusetshenzwe ngendlela engaphezulu kwemigomo nemikhawulo obekuhloswe ukuthi kufinyelelwe kuyona eBangeni lesi-3, esifundweni sokufunda nokubhala kanye nesezibalo, kubandakanya noLimi Lwebele eBangeni lesi-6.

Kodwa-ke imiphumela yesifundo seziBalo kanye neyoLimi Olwengeziwe Lokuqala yeBanga lesi-6 nelesi-9 ayithokozisi neze.

Kuzoqiniswa ukuqaliswa kweSu Lezezibalo, Isayensi kanye Nobuchwepheshe kuzo zonke izikole. Uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi uhlinzeka ngothisha abadingekayo, nokuqeqeshwa okufanelekile kanye nokuthuthukiswa.

Kuyaqhubeka futhi nokuphuculwa kweziqu zothisha beBanga R njengengxenye yohlelo lokuhlinzekela isikhathi eside nokutshala izimali ukuze kuqinisekiswe ukuhlinzekwa kwemfundo eseqophelweni eliphezulu.

EZEMPILO

UHlelo lweNgculazi lweNhlangano Yezizwe luyincome kakhulu iNingizimu Afrika ngezinhlelo zayo eziyimpumelelo zokulwisana nengculazi (i-AIDS) nesandulela-ngculazi (i-HIV).

Impumelelo ezuziwe ibandakanya ukwelulwa kohlelo lokuhlinzekwa kwemishanguzo (ama-ARV) kubantu abaphila nengculazi nesandulela-ngculazi. Kuze kube manje bangu-3,1 wezigidi abantu abathola ukwelashwa ngemishanguzo, okuyisibalo esingaphezulu komkhawulo wezi-2014/15 obubekiwe, okungabantu abayizigidi ezintathu.

Selukhulisiwe uhlelo lokuhlolela isifo sofuba futhi selufinyelela kubantu abayizigidi eziyi-15,2, okuyisibalo esingaphezulu komkhawulo obubekiwe, okungabantu abayizigidi eziyisithupha.

Uyaqhubeka umzabalazo wokulwisana nengculazi nesandulela-ngculazi, kubandakanya nempi  yokulwisana nokucwasana okuhambisana nalesi sifo, ukuze abantu abaphila negciwane bakwazi ukuphila ekahle futhi badlale indima yabo njengezakhamuzi zakuleli.

Inqubomgomo Kazwelonke Yentsha (NYP)

IKhabhinethi iyamukele ngokusemthethweni i-NYP ngoNhlaba 2015. Selisunguliwe iThimba Lokusebenza likaMongameli Eliqondene Nentsha (i-PYWG), elibandakanya izinhlangano zentsha kanye nohulumeni, eliholwa yiPhini likaMongameli Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola ngaphansi kweHhovisi likaMongameli, uMnu Buti Manamela. I-PYWG yiyona elawula umsebenzi wokuqaliswa kwe-NYP.

Izinhlelo eziqaliswayo zibandakanya lezi ezilandelayo:

  • ukuqeqeshwa nokucathuliswa kwabantu abasha abangosomabhizinisi kanye nemifelandawonye;
  • ukuhlelwa kabusha kanye nokubuyekezwa koHlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafundi Ngezimali Zokufunda (i-NSFAS);
  • ukukhuliswa kwesibalo sabafundi ababhalisa emanyuvesi nasemakolishi okufundela imisebenzi yobuchwepheshe bezandla;
  • ukuqaliswa kwezinhlelo zokuhlinzeka intsha ngamathuba omsebenzi ezinjengokuxhunywa kamagiza asebenza ngogesi welanga kanye nama set-top boxes; kanye
  • nokuqaliswa kwezinhlelo zokuhlinzeka umphakathi ngamathuba omsebenzi kanye nokugqugquzela imigomo yokuziphatha kanye namagugu obuntu nenhloso yokwakha isakhamuzi esiziphatha ngendlela efanelekile futhi esidlala indima ebonakalayo ezweni.

EZEZIMAYINI

Ezezimayini ziyingxenye esemqoka kakhulu emnothweni waseNingizimu Afrika. Uhulumeni ukhathazekile ngesimo esingesihle neze esikhona njengamanje, okungenzeka siholele ekulahlekeni kwamathuba omsebenzi emkhakheni wezezimayini kanye nowensimbi bese kukhahlameza imindeni eminingi, nemiphakathi kanye nomnotho.

Njengomzamo wokubhekana nokudilizwa kwabantu okuqhubekayo njengamanje emkhakheni wezezimayini, uNgqongqoshe Wezezimbiwa, u-Adv Ngoako Ramatlhodi, ubize umhlangano, obanjwe mhla ziyisi-5 Ncwaba 2015, wabo bonke abathintekayo abamele osomabhizinisi kanye nabasebenzi emkhakheni wezezimayini.

Umhlangano wahlonza imikhakha eminingana engasetshenziswa ukuvikela amathuba omsebenzi kanye nokuthola ezinye izindlela zokubhekana nesimo esikhona njengamanje esikhundleni sokudiliza abasebenzi. Kwasungulwa ithimba elijutshwe ukucubungula isimo somkhakha wezezimayini bese liqhamuka neziphakamiso ezinohlonze zokubhekana nalokhu.

Mhla ziyisi-7 kuNcwaba, iThimba Lokusebenza likaMongameli lajuba uhulumeni kanye neNhlangano Yezezimayini ukuthi bazame ukuthola isixazululo esizokwamukelwa yibona bonke abathintekayo, ngaphandle kwezinkantolo, mayelana nomcabango othi “uma uhlinzekwe ngolwazi namandla futhi wathuthukiswa, uyohlala unolwazi namandla futhi uthuthukile” okuwumcabango oqukethwe kuSomqulu Wezezimayini.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezokuthuthukiswa Kwemikhiqizo Yezimbiwa Nekawoyela uphindiselwe emuva ePhalamende ukuze kulungiswe udaba lokubonisana eMkhandlwini Kazwelonke Wezifundazwe, okuyinto okubonakala sengathi ayenzekanga ngendlela egculisayo, phakathi kokunye okuningi okumele kulungiswe.

UMnyango Wezezimbiwa uyaqhubeka nokukhipha imiyalelo yokuhlonishwa komthetho kulezo zinkampani ezingawuthobeli umthetho obekiwe. Kuhoxisiwe ukumiswa kokusebenza kwelayisense yenkampani yakwa-Optimum Coal futhi le nkampani iyalelwe ukuba izilungise izindaba eziphathelene nokungathobeli kwayo imithetho ebekiwe.

Umkhankaso we-Operation Phakisa

Uhulumeni wethule umkhankaso we-Operation Phakisa, okuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukutholakala kwemiphumela esheshayo emkhakheni wezempilo kanye nowezomnotho wasolwandle ngowezi-2014.

Ngaphambi kokuphela konyaka wezi-2015 kuzokwethulwa umkhankaso we-Operation Phakisa oqondiswe emkhakheni wezezimayini.

Ukusekelwa kohulumeni basekhaya

Uhulumeni uyaqhubeka nokusekela omasipala emikhakheni ehlukahlukene ngenhloso yokuqaliswa kohlelo olubizwa ngeMazibuyele Emasisweni, olwethulwa ngoMandulo 2014 ngenhloso yokuvuselela omasipala.

Ziyanxuswa izikhungo nezinkampani zikahulumeni kanye nezomkhakha ozimele ukuthi zikhokhe imali eziyizikweleta omasipala ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngendlela efanelekile.

Kuze kube manje, imali ekweletwa omasipala ilinganiselwa kumarandi ayizigidigidi eziyikhulu, kusukela ngowezi-2009.

EZOKUPHEPHA NOKUVIKELEKA

Izigaba ezahlukahlukene zoMbutho Wamaphoyisa ase-Ningizimu Afrika (i-SAPS) – kubandakanya isigaba sobunhloli bezobugebengu, ithimba elikhethekile eliqeqeshelwe ukubhekana nezimo ezibucayi neziyingozi, uphiko oluhambahambayo emphakathini olugqoke umfaniswano wamaphoyisa kanye noKlebe, ngokubambisana neNhlangano Yabamabhizinisi Elwisana Nobugebengu, izitolo ezithengisa omakhalekhukhwini, neSikhungo Solwazi Oluphathelene Nobungozi Obuqondene Namabhange saseNingizimu Afrika kanye nezinkampani zonogada ezizimele – bakwazile ukulwisana ngempumelelo nokuphangwa kwezikhungo zenxanxathela yezitolo.

Amaphoyisa asethole ulwazi lokuthi iningi lezikhungo zenxanxathela yezitolo lihlaselwa ngabaphangi ngoba befuna ukubamba inkunzi izitolo ezithengisa omakhalekhukhwini. Omakhalekhukhwini kanye nenye impahla yasendlini esebenza ngogesi ephangiwe ithunyelwa emazweni angaphandle kwaseNingizimu Afrika. Kunabasolwa abaningana asebeboshiwe mayelana nalezi zigameko zokuphanga, kubandakanya nongqondongqondo balokhu.

Ukubulawa kwamaphoyisa

Kulandela ukubulawa kwamaphoyisa angama-55 kusukela ngoMasingana kophezulu, uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uNathi Nhleko usenxuse ukuthi lifakelwe izibuko kabusha isu lezokuphepha kwamaphoyisa ukuze amaphoyisa akwazi ukuphendula ngendlela efanelekile uma ehlaselwa.

Ukuhlaselwa kwamaphoyisa kuwukuhlaselwa kwegunya namandla oMbuso kanye nokuhlaselwa kwesizwe.

Abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo emizamweni yokunqanda izigameko zokuhlaselwa kwamaphoyisa ngokuthi baveze ababulali amaphoyisa njengoba behlala emiphakathini yabo. Abantu kumele baqhubeke nokuhlinzeka amaphoyisa ngolwazi oluphathelene nabo bonke labo abazibandakanya ezenzweni zobugebengu ukuze kwakhiwe imiphakathi ephephile.

Mhla ziyisi-6 kuMandulo kuzobanjwa umcimbi oyisikhumbuzo saminyaka yonke samaphoyisa asala enkundleni, e-Union Buildings ePitoli.

Isibhicongo saseMarikana

Kubekwe uqhulwini ukuqaliswa kokusebenza kwezincomo zombiko ophathelene nezigameko ezibuhlungu zaseMarikana, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga, ezaholela ekubulaweni kwabantu abangama-44.

Iyacutshungulwa impendulo kaKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke, uJenene Riah Phiyega, esuselwa kwizincomo zeKhomishana ka-Farlam mayelana nokuthi ufanelekile yini ukuba kulesi sikhundla asiphethe.

Ziyaqhubeka izingxoxo phakathi koNgqongqoshe abathintekayo embikweni waseMarikana, njengoNgqongqoshe Wezamaphoyisa, Ezabasebenzi, Ezezimbiwa kanye Nezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo.

Ngokuhamba kwesikhathi isizwe sizohlinzekwa ngolwazi oluphathelene nenqubekelaphambili eseyenziwe mayelana nokuqaliswa kokusebenza kwalezi zincomo. Zonke izinhlelo zokungenelela ezenziwayo kuhloswe ngazo ukuqinisekisa ukuthi isigameko esifana nalesi ngeke nakancane siphinde senzeke futhi eNingizimu Afrika.

Ukuhlaselwa kwabokufika

Kulandela ukuhlaselwa kwabantu bokufika ngoMbasa kophezulu, i-IMC eyengamele izindaba eziphathelene nokuFuduka Kwabantu ihlose ukwenza konke okusemandleni ayo ukuqinisekisa ukuthi izigameko zokuhlaselwa kwabokufika ngeke nakancane ziphinde zenzeke futhi kuleli.

Izinyathelo ezithathwayo ukugwema lokhu zibandakanya izinguquko kwimithetho elawulayo, ukuphuculwa komsebenzi wamaphoyisa ngokusebenzisa umkhankaso we-Operation Fiela-Reclaim, kanye nokugqugquzela ukuhlalisana ngokuthula kanye nobunye phakathi kwezakhamuzi zakuleli kanye nabantu abadabuka emazweni angaphandle.

I-IMC eyengamele izindaba eziphathelene nokuFuduka Kwabantu izobamba umhlangano nezinhlangano ezimele abantu bokufika kuleli kanye nabantu abadabuka kwamanye amazwe ase-Afrika ukuze kuqhutshekwe nezingxoxo zangoMbasa 2015 ezabe zibanjwe nguMongameli Zuma kanye nabantu bokufika kuleli.

I-AFRIKA ENGCONO

Ukukhula okusheshayo kuleli zwekazi lase-Afrika kuhlinzeka ngethuba lokuthola izimakethe ezibanzi zokuthengisa imikhiqizo nezinsizakalo. Ukukhula komnotho esifundeni se-sub-Saharan region kulindeleke ukuthi kufinyelele kuma-4,5% ngowezi-2015.

Mayelana nalokhu-ke, i-SADC igxile kakhulu ekuphothulweni kwenqubomgomo ezosetshenziswa kulesi sifunda.

INingizimu Afrika izoqhubeka nokusebenza ngaphansi kweNhlangano Yamazwe ase-Afrika kanye ne-SADC ngenhloso yokubamba iqhaza ekusungulweni kwezindawo zokuhwebelana mahhala kanye nokukhuthaza amasu okusungulwa kwezimboni kwizwekazi lase-Afrika.

Share this page

Similar categories to explore