Isitatimende Somhlangano Wekhabhinethi wangomhla zizi-4 Ndasa 2015

1. Ukuqaliswa kokusebenza Kwezinhlelo  Zikahulumeni Eziqavile

1.1. IKhabhinethi isamukele Isabiwomali Sikazwelonke sowezi-2015 esizoshayela ukuqala kokusebenza kohlelo olunamaphuzu ayisishiyagalolunye njengoba lwethulwa nguMongameli ngenkathi ethula Inkulumo Echaza Isimo Sezwe. Lesi sabiwomali sihlinzeka ngesiqiniseko, ukuzinza kanye nokucongobezela lapho kwenganyelwa izimali zezwe okudingekayo ukuze umnotho waseNingizimu Afrika ukwazi ukusimama nakulezi zimo zomnotho ezinzima.
  
IKhabhinethi igcizelele ukuthi izinyathelo zezentela ezethulwe Kusabiwomali Sikazwelonke sowezi-2015 ziyadingeka ukuze kwesekwe ezezimali zezwe nakulo nyakamali esikuwo. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba basebenzisane nohulumeni ukutheleza izimo zezomnotho esibhekene nazo ukuze kuye phambili ukucijiswa kokusimama komnotho.

1.2  IKhabhinethi incoma umsebenzi oncomekayo owenziwe yiPhini likaMongameli uCyril Ramaphosa lapho ebelekelela ukhetho olukhululekile nolunobulungiswa eLesotho ukudlala indima yakhe njengoMdidiyeli Wenhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).  IKhabhinethi iphinde income Umkhandlu Wokwelulekwa Kwesigungu Sokhetho (i-EAC), iKhomishani Yezokhetho yaseLesotho (i-LEC), Abezokuphepha kanye nabantu baseLesotho ngokuba babe nokhetho olunokuthula, olukhululekile kanye nolunobulungiswa. INingizimu Afrika izosebenzisana nohulumeni osanda kukhethwa waseLesotho ukuze kusimamiswe umnotho wala mazwe womabili, Isizinda esiseNingizimu ne-Afrika kanye neli zwekazi lonkana.

1.3  IKhabhinethi ikubonile futhi ikwamukele ukuzibandakanya kweNingizimu Afrika ekuphawuleni koSuku Lomhlaba Lwezilwane Zasendle mhla zi-3 Ndasa 2015.   Ngaphansi kobugosa bukaNgqongqoshe Molewa iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokubeka izinhlelo ezivikela imvelo nendawo yezwe iphinde ilwisane nokuzingela ngokungemthetho.  Okuphambili kulezi ukutshalwa Kofezela Abaluhlaza, phecelezi ama-Green Scorpions, esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International. Lokhu kungokokuqinisekisa ukuthotshelwa Kwezimiso Zemvelo Esengcupheni noma Evikelwe, Izimiso ze-CITES, Izimiso Zokuhlwaywa Kwemvelo Ephilayo, Ukufinyeleleka Nokwabelana Ngemihlomulo kanjalo Nezimiso Zemvelo Yokufika Nehlaselayo.  INingizimu Afrika iphinde yadlala indima eqavile ekuxoxisaneni ne-Interpol, ikakhulukazi kuBhodi Yokweluleka Yekomidi Lokuthotshelwa Kwemibandela Yezemvelo, kanjalo nakumaqembu okusebenza ngobugebengu amathathu e-Interpol lapha sibala Iqembu Lokusebenza Lobugebengu Obubhekiswe Kwizilwane Zasendle, Iqembu Lokusebenza Lezobugebengu Kwezokudoba kanye Neqembu Lokusebenza Lobugebengu Bokungcolisa.

1.4 IKhabhinethi ikuqaphele ukuthi i-Durban ifake isicelo sokusingatha ama-2022 Commonwealth Games, nesethulwe ngokusemthethweni eLondon mhla zi-2 Ndasa 2015.  Ukusingatha le midlalo kungadala imisebenzi ebalelwa kweyizi-11 650 kuphinde kusimamise umnotho wezwe ngezigidigidi zamarandi ezibalelwa kwezingama-20. Elinye ifa lale Midlalo kuyoba uhlelo oludidiyelwe lwezokuthutha zomphakathi nesikhuluma nje izinhlelo zakhona sezigunyaziwe.

2 Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

2.1 IKhabhinethi igunyaze Ukuchitshiyelwa Kwenqubomgomo Yokushintsha Ukusakaza Ngendlela Edijithali kubandakanywe uhlelo lokulawula ku-Set Top Box (i-STB), noluzocaciswa kahle kunqubomgomo eshicilelwe. Uhulumeni uzohlinzeka nge-STB yamahhala kumakhaya ampofu angaphezu kwezigidi ezinhlanu anomabonakude. Kuzobekwa eqhulwini lawo makhaya asezizindeni ezisemingceleni yezwe. Kungekudala nje Ungqongqoshe Wezokuxhumana uzomemezela usuku okuzovulwa ukusakaza ngendlela edijithali kanjalo nalolo okuzocinywa ngalo ukusakaza ngendlela ebizwa phecelezi, i-analogue.

2.2 IKhabhinethi igunyaze Uhlaka lweminyaka emihlanu Lwezolimo, ezamahlathi Nezokudoba kanye Nenqubomgomo Yohlelo Lokusebenza Kwezolimo. Uhlaka lubeka ngokusobala izinselele eziqavile ezibhekene nezimboni zontathu luphinde lunikeze izindlela zokungenelela ezingasetshenziswa kuzo zozine lezi zindawo, lapha sibala Ukulingana noguquko, ukukhula ngokulinganayo nokuncintisana, ukuzinza endaweni kanye nokubusa. Icebo kanye nohlelo lokuqaliswa komsebenzi luzobe lulokhu lubukezwa njalo ngonyaka. Ukwabiwa komhlaba kungolunye lwezinhlelo zikahulumeni oluqhakambisa ukulingana kubantu, kodwa kuze kube manje, akukuningi eselukufezile ekuletheni uguquko.  Kodwa-ke lolu hlelo lokwakha kabusha nokuthuthukisa lwaveza ukuthi inhlosongqangi yokwabiwa komhlaba ingukushintsha ukuma kwesimo sezolimo eNingizimu Afrika. Luphinde lufise ukweseka lezi zimboni ukuze kusimame umnotho kwakhiwe nemisebenzi.

2.3 IKhabhinethi igunyaze Umhlangano wama-40 Wezibhedlela Zomhlaba Wenhlangano Yomhlaba Yezibhedlela ozobanjelwa e-Durban ngasekupheleni kowezi-2016.  Inhlangano Yomhlaba Yezibhedlela iyinhlangano yomhlaba wonke jikelele ezimele, engenzi nzuzo, engekho ngaphansi kukahulumeni engeyezibhedlela kanye nezihlangano ezihlinzeka ngosizo lwezempilo. Umhlangano lo waminyaka yonke uhlinzeka abasebenzi bezempilo ngethuba lokucobelelana ngamasu nezindlela zokuthuthukisa imiphumela yezokwelapha.

2.4 IKhabhinethi inxusa abazali ukuba bazibandakanye ngokuphelele okhethweni Lwezigungu Ezilawula Ukusebenza Kweszikole (i-SGB) oluzokwenziwa kuzo zonke izikole zikahulumeni kusukela mhla ziyi-6 kuya kumhla zingama-28 kuNdasa 2015.  Ama-SGB alekelela ekuthuthukisweni kwalowo muzwa wokubandakanywa kwemiphakathi ezikoleni zethu. Ukusebenza kwezikole nje jikelele kubandakanya nemiphumela kuvame ukusimama uma abazali bezibandakanye ngokugcwele ezindabeni zezikole.  Aabalelwa ngaphezu kwezi-250 000 amalungu e-SGB akhethwayo esikhathini seminyaka emithathu ukuba aasebenze ukubhekelela izikole zikahulumeni ehlanganiswe umgomo owodwa, ukwenza imfundo ibe yindaba yomphakathi wonkana.

3 Imithethosivivinywa

3.1 IKhabhinethi igunyaze ukulethwa Kwemithethisivivinywa emibili, yomibili echibiyela Umthetho Wezingane, wezi-2005 (Umthetho ongunombolo 38 wezi-2005) njengoba uchitshiyelwe nguMthetho wama-41 wezi-2007, ePhalamende. Lezi zichibiyelo ziphendula izahlulelo zenkantolo, ezamemezela ukuthi izigaba ezithile zoMthetho zazingahambisani nomthethosisekelo.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezingane, wezi-2015 (isigaba sama-75 soMthethosivivinywa) – Ukuchitshiyelwa lokhu kuqondene nokulungiswa kwencazelo yokuthi “icala lezocansi” kanye nokuyenza ihambisane Nomthetho Wobugebengu (amacala ezocansi kanye nokunye okuqondene nalokho) uMthetho ongunombolo 32 wezi-2007. Ukuchitshiyelwa lokhu kuphinde kubhekane nokuvumela izingane ezeqa umthetho ukuba zikwazi ukuzikhulumela ngaphambi kokuba amagama azo afakwe Kurejista Kazwelonke Yezokuvikela. Loku kuchibiyela okuhlongozwayo kuphinde kucacise isidingo sokufaka ingane ngaphansi kohlelo lokunakekelwa ngosingabazali luphinde luhlinzeke ngezinye izigaba ezengeziwe zezingane ezingafaneleka ukuba zitholwe ngabazali abasha.

UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wesibili Wezingane, wezi-2015 (isigaba sama-76 soMthethosivivinywa) – uhlose ukuqinisekisa ukuthi zonke izingane zithokozela izinsiza  nemihlomulo okuhloswe ngayo ukuba zithole ukunakekelwa ngokwasemphakathini kanye nokuthi ziphephe kanjalo nokwakha uhlelo lwezenhlalakahle olusebenza ngempumelelo. Uuphinde usophe ukuhlinzeka ngendawo ephephile nenokuvikeleka ezinganeni ezizithola zihlwempu futhi zidinga ukunakekelwa nokuvikelwa.

4 Isimo seKhabhinethi Ezindabeni Ezisematheni

4.1 IKhabhinethi iyihlaba iyayihlikiza indaba yokuputshuka kwemiqingo engabeka ukuphepha kwezwe engcupheni. Yize noma kuyinqubo yakhona ukuba izwe labelane, phakathi kokunye, ngezindaba ezithinta amathuba ezomnotho kanye nokuphepha kwezwe,   kodwa amahemuhemu okuputshuka kwemiqingo yeNhlangano Kahulumeni Yezokuvikela akukho emthethweni.

IKhabhinethi yemukela uphenyo olugcwele leNhlangano Kahulumeni Yezokuvikela odabeni lolu futhi iqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi izoqhubeka nokwenza umsebenzi wayo wokuvikela nokugcina isithunzi sezwe, izakhamuzi kanye nengqalasizinda kuphephile.
  
IKhabhinethi igcizelela umyalezo waNgqongqoshe Wezokuvikeleka Kwezwe, uDavid Mahlobo, ukuthi ukuziphatha okufana nalokhu kubukela phansi umsebenzi owenziwayo ukuze kuvikelwe izwe nemingcele yalo.

4.2 IKhabhinethi yemukela isimemezelo sakwa-Eskom sokuthi Iyunithi 6 Yesiteshi Sikagesi, i-Medupi, ikhiqize amandla kagesi okuqala kuleli sonto, nokwenza ukuthi ibe iyunithi yokuqala kwayisithupha ukuba asebenzisane. Ukusebenzisana yinqubo lapho ijenereyitha ixhunywa ebuxhakaxhakeni obuphehla amandla agesi kazwelonke. Ngenkathi siqhubeka nokuzama ukwandisa amandla kagesi kuzwelonke, ikhabhinethi inxusa umphakathi ukuba ulandele imithetho ebekiwe yokonga ugesi. Imiphakathi iyakhuthazwa ukuba isebenzise ugesi ngokucongobezela, ngenkathi sisazama ukwethula eminye imithombo yamandla agesi.

4.3  IKhabhinethi incoma isibindi, ukuzinikela, ukuzibophezela nokusebenza ngokuzikhandla kwabesilisa nabesifazane abangaphumuli bevikela impahla ukuba ingalimali, imfuyo kanye nemvelo ebalulekile ngenkathi amalangabi eKapa edla lubi.
 
IKhabhinethi izwakalise ukubonga emiphakathini okuthe ngobuntu bayo, yazibandakanya nohulumeni ukwakha izikhungo zokunakekela ukuze kuhlaliswe labo abangenazindawo. Umoya wokuvolontiya okhonjiswe abantu abasize izisulu zomlilo ube muhle kakhulu futhi uyakhuthaza. 

4.4 IKhabhinethi isakhathazekile ngokuhlaselwa kwezifikanamthwalo futhi yexwayisa ukuthi izikhungo zomthetho zizoqhubeka nokubonakala ezindaweni ezithintekayo, nokuthi abenzi bokubi bazobhekana nengalo yomthetho. Udlame olubhekiswe kuzifikanamthwalo kuleli luyabhekisiswa yizinhlaka zikaHulumeni.

4.5 IKhabhinethi ihalalisele iqembu laseNingizimu Afrika likanobhutshuzwayo Labangaphansi kweminyaka eyi-17, Amajimbos, ngokwenza izwe liziqhenye ngalo lapho liphumelela ukungena emdlalweni wamanqamu Emncintiswaneni Wabangaphansi kweminyaka eyi-17 wezi-2015 e-Afrika e-Niamey, e-Niger.  Indlela abadlale ngayo encomekayo kulo mncintiswano Wentsha Yase-Afrika ubanikeze ithuba lokudlala emncintiswaneni Wendebe Yomhlaba, i-FIFA U17, e-Chile ngasemaphathelweni awo lo ophezulu.

4.6 IKhabhinethi izwakalisa isililo ngokudlula emhlabeni kwenye yezingqalabutho zabaculi baseNingizimu Afrika u-Zayn Adam, usaziwayo owayecula phambili eqenjini elalithandwa kakhulu ngeminyaka yezi-1970 i-Pacific Express, nomculo wakhe owavelela isikhathi esiyiminyaka engama-50. Wayehamba phambili emlandweni womculo waseKapa.

4.7 IKhabhinethi ithakase kakhulu ngokuthi, njengohulumeni onakekelayo, isiwombe sokugcina sokubuyiswa kwezidumbu zabantu baseNingizimu Afrika abadlula emhlabeni ngenkathi kubhidlika indlu yezivakashi yase-Synagogue Church of All Nation (SCOAN) eLagos sesiphothuliwe.  Imindeni yalabo abalahlekelwe ngabathandiweyo babo isemicabangweni yethu kanjalo nalabo abalimala kule nhlekelele.

5 Imicimbi Ezayo

5.1 UMongameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo yokuvulwa Kwendlu Yabaholi Bendabuko Kuzwelonke ePhalamende, eKapa ngomhla ziyi-5 Ndasa 2015 (namuhla).  Ubudlelwano phakathi kukahulumeni nabaholi bendabuko bubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi kwakhiwa imiphakathi eshabashekayo, enokuphatha ngokulingana kanye nezindawo zasemakhaya ezinesimo esizinzile.

5.2 IKhabhinethi iyakwamukela ukubuyiselwa kwamathambo ezishoshovu ezaziwayo zomzabalazo u-JB Marks no-Moses Kotane eNingizimu Afrika zisuka e-Russia lapho zazingcwatshwe khona iminyaka engama-42 edlule. Laba baholi abangazicabangelanga bona bodwa, abathathwa njengabazali bomzabalazo wenkululeko futhi abafaka ugqozi kuzigadlaba ezifana no-Nelson Mandela, Oliver Tambo no-Walter Sisulu, bazothola ukungcwatshwa ngokusemthethweni. UMongameli Jacob Zuma uyalele ukuthi ifulegi lakuleli lithotshwe kusukela ngomhla ziyi-9 kuNdasa kuze kube ngumhla zingama-22 Ndasa 2015. U-Moses Kotane uzongcwatshwa kabusha ePella, eNyakatho Ntshonalanga ngomhla ziyi-14 Ndasa 2015 bese u-JB Marks angcwatshelwe e-Ventersdorp, eNyakatho Ntshonalanga mhla zingama-22 Ndasa 2015. Ukubuyiswa kwamathambo kuyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekubuyiseni amathambo awo onke amaqhawe afela emazweni okuhamba. Ngonyaka odlule amathambo entatheli eyaziwayo u-Nat Nakasa abuyiswa ngempumelelo esuka e-New York ukuze angcwatshwe kabusha e-Heroes Acre e-Chesterville, e-Durban.

5.3 IKhabhinethi yamukela umkhankaso ongukhukhulelangoqo Wokuxilongwa nokuhlolwa kweSifo Sofuba (i-TB) ozokwethulwa yiPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngomhla zingama-24 Ndasa 2015 nokuzobe kuwuSuku Lomhlaba Lwe-TB,  esiFundeni sase-Dr Kenneth Kaunda esiFundazweni saseNyakatho Ntshonalanga – ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukushabalaliswa kukamashayabhuqe we-TB eNingizimu Afrika: Siphuthumisa Usizo Lwethu Kuzisulu Zegciwane leSandulela-Ngculazi”. Lo mkhankaso ongenasiphelo uzohlomisa bonke abantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi labo abahlala emiphakathini yasezimayini, iziboshwa ezisezikhungweni zokuhlunyeliswa kwezimilo kanye nasezinkulisa ukuze bakwazi ukuxilongwa bahlolelwe i-TB. Kule minyaka emihlanu edlule sibe nenqubekela phambili enkulu lapho siqinise amasu kahulumeni okulawula i-TB ngokunyusa amanani abantu abaxilongwa nabahlolwa i-TB ikakhulukazi ngokusetshenziswa koMkhankaso WokuHlolelwa Nokwelulekwa Ngegciwane leSandulela-Ngculazi. Ukuxilongwa nokuhlolwa kuphinde kwalekelelwa ukwethulwa kohlelo lokuhlolwa i-TB ne-TB engazweli imishanguzo lunikeze imiphumela ngaleso sikhathi.

5.4 IKhabhinethi incoma ukuzinikela nokuzibophezela kothisha bethu, ngaphandle kwabo ebesingeke sikwazi ukufeza imigomo yethu eminingi njengezwe. Amagama aphakanyiselwe Izindondo Zothisha Kuzwelonke azisa igalelo elingelinganiswa elifakwa othisha emizamweni yokuthuthukisa izwe lethu; umcimbi walezi Zindondo uzoba ngomhla ziyi-7 Ndasa 2015 e-Gallagher Estate, e-Midrand.  UMnyango WezeMfundo Eyisisekelo usingatha lo mcimbi waminyaka yonke ukuze ukhombise ukwazisa ukuzinikela, ukuzibophezela, ukusebenza ngokuzikhandla nokuziphatha ngendlela ehlelekile kothisha.

5.5 UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNomvula Mokonyane uzokwethula Isonto Likazwelonke Lezamanzi endaweni ehlaselwe yisomiso KwaDukuza, KwaZulu-Natali mhla ziyi-16 Ndasa 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Akukho okungafaniswa Namanzi”. Leli sonto eligujwa nguzwelonke lizophethwa ngoSuku Lomhlaba Lwamanzi mhla zingama-22 Ndasa 2015. Lo mkhankaso uzofundisa abantu baseNingizimu Afrika ngokubaluleka kwamanzi nesidingo sokuphathwa ngendlela ezinzile kwale nsiza eyimvelakancane. IKhabhinethi ikhumbuza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi sihlala ezweni elingenawo amanzi amaningi iphinde inxenxe bonke abantu ukuba bonge amanzi ngokulungisa wonke amapayipi avuzayo baphinde benze izinguquko endleleni abaphatha ngayo amanzi.

5.6 NgeSonto, mhla ziyi-8 kuNdasa, Usuku Lwabesifazane Lomhlaba (i-IWD) nokuwusuku olusetshenziswa umhlaba ukubheka emuva inqubekela phambili eseyenziwe, nokuba kukhuthazwe ushintsho kuphinde kuthokozelwe izinto ezikhombisa isibindi nokuzimisela kwabantu besifazane abafana nami nawe kodwa abadlala indima engefaniswe emlandweni wayo yonke imiphakathi namazwe. UMnyango Wezabesifazane uzohola imigubho kazwelonke ye-IWD eLanga High School eKapa ngaphansi kwesiqubulo esithi: Amalungelo Abesifazane Ngamalungelo Abantu. Sisonke Siqhubekisela iNingizimu Afrika Engenalo Udlame Phambili. Lesi siqubulo sihambisana naleso seNhlangano Yezizwe esithi: Ukuphathwa ngokulinganayo Kwabesifazane kuyinqubekela phambili yabo bonke abantu! Kanye Nesifungo seNhlangano Yobumbano Lwamazwe Ase-Afrika sonyaka wezi-2015 esithi “Unyaka Wokuhlonyiswa Kwabesifazane Nokuthuthukiswa Ukuze Kufezwe Imigomo Ye-Afrika yangowezi-2063”. Usuku lolu luzosetshenziselwa ukwethula uhlelo lwezingxoxo Zikazwelonke kanye Nezifundazwe nezizoqala kuyo le ephezulu kuze kube nguNhlangulana. Lokhu kuzoba yingxenye yombiko ngesimo sabesimame ozokwethulwa nguMongameli mhla ziyi-8 kuNcwaba.

5.7 IKhabhinethi imema Imithombo Yezindaba yaseNingizimu Afrika ukuba ilethe izicelo zokungenela umncintiswano we-SADC Media Awards wezi-2015. Usuku lokuvala umhla zingama-31 Ndasa 2015 futhi imininingwane iyatholakala kusizindalwazi soMnyango Wezokuxhumana i-www.doc.gov.za. Lezi zindondo zixhumanisa izinhlaka ezihlelekile zohulumeni be-SADC, imiphakathi, izifundiswa nabacwaningi, abasebenzi nabemithombo yezindaba. Zigqugquzela ukuhlangana kwesizinda nokusebenzisana ngokukhuthaza izintatheli nabezindaba bamazwe angamalungu alesi sigungu ukuba asakaze izindaba ezimalungana nesizinda. Umncintiswano uphinde ube  Nezindondo Zezindaba Zamanzi nokuyilezo eziqhakambisa Ukuphathwa Ngokudidiyelwe Kwezinsiza Zamanzi Kusizinda se-SADC.

6 Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe baqashwe ngaphansi kwesivumelwano sokuba kuqinisekiswe iziqu zabo zemfundo kanjalo nokuqinisekiswa kwakho konke okudingekayo.
6.1 Mnu Mayihlome Tshwete njengePhini Likamqondisi-Jikelele: Ezokuxhumana kuMnyango Wezasekhaya.
6.2 Nksz CM Mogotsi njengePhini Likamqondisi-Jikelele kuMnyango Wezobuciko Namasiko
6.3 Mnu Vusimuzi Philemon Madonsela Ukwelulwa kwenkontileka yakhe njengoMqondisi-Jikelele kuMnyango Wokwengamelo Ngokubambisana.

7 Amalungu Angesiyo Ingxenye Yesigungu Esiphezulu eBhodi ye-ZA Domain name Authority (i-ZADNA)
7.1 Nksz N Dhevcharran  (Usihlalo)
7.2 Dkt NYH Mzizana
7.3 Mnu AM Brooks
7.4 Mnu NM Nkszibi
7.5 Adv MJ Ralefatane
7.6 Mnu MNU Khumalo
7.8 Dkt YKN Mohutsioa-Mathabathe
7.9 Nksz  MO Morata
7.10 Mnu J Tshipa

8 Amalungu Angesiyo Ingxenye Yesigungu Esiphezulu eBhodi Ye-BroadBand Infraco
8.1 Mnu BMC Ngcobo (uSihlalo)
8.2 Nksz MM Maponya
8.3 Dkt A Githiari
8.4 Nksz N Selamolela

9 Abaqondisi Abangesiyo Ingxenye Yesigungu Esiuphezulu  beBhodi Ye-SENTECH
9.1 Mnu MA Mello (uSihlalo)
9.2 Mnu SM Radebe
9.3 Mnu LC Mtimde

10 IBhodi Yesikhungo Sikazwelonke Senhlanganisela-Mvelo eNingizimu Afrika (iSANBI)
10.1 Nksz MNE Magomola (uSihlalo)
10.2 Dkt ST Cornelius
10.3 Dkt JM Matjila
10.4 Nksz BD Ngidi
10.5 Mnu S Gounden
10.6 Nksz NN Mnqeta
10.7 Nksz T Godongwana
10.8 Prof. BW van Wilgen
10.9 Dkt YN Seleti
10.10  Nksz S Mancotywa
10.11   Nksz TE Abrahamse

11 IBhodi Yamapaki Azwelonke eNingizimu Afrika (i-SANParks)
11.1 Nksz J Yawitch   (uSihlalo)
11.2 Dkt K Njobe
11.3 Mnu ET Khumalo
11.4 Dkt CG Olver
11.5 Nksz F Futwa
11.6 Nksz BD Ferguson
11.7 Mnu M India
11.8 Mnu L Zitha
11.9 Dkt M Matlou
11.10 Mnu MT Mokono
11.11 Dkt N Mzilikazi
11.12 Nksz T Semane
11.13 Nksz JE McCourt
11.14 Mnu FG Mketeni

12 Abaqondisi Abangesiyo Ingxenye Yesigungu Esiphezulu e-South African National Roads Agency Limited (i-SANRAL)
12.1 Mnu R Morar (uSihlalo)
12.2 Nksz A Lawless
12.3 Nksz ZJ Kganyago
12.4 Mnu M Matete
12.5 Nksz D Mashile-Nkosi

13 Abaqondisi Abangesiyo Ingxenye Yesigungu Esiphezulu be-Airports Company South Africa Limited Board (i-ACSA)
13.1 Mnu SD Macozoma (uSihlalo)
13.2 Dkt NKSZ Mabela
13.3 Nksz S Simelane
13.4 Nksz MK Matlou

Ishicilelwe ngabo: nguMnyango Wezokuxhumana
Imibuzo Ingabhekiswa: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo engashayelwa: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore