Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zizi-4 kuNtulikazi 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zizi-4 kuNhlangulana 2018 e-Union Buildings, ePitoli.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Inyanga kaMandela
IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi “Benze Izinto Ezibonisa Ukuhlonipha Ukhondolo LukaMandela” njengoba sesisondele oSukwini Lwamazwe Ngamazwe Luka-Nelson Mandela mhla ziyi-18 kuNtulikazi 2018. INhlangano Yezizwe (i-UN) yalwamukela ngokusemthethweni lolu suku, oluhlinzeka abantu baseNingizimu Afrika kanye nomphakathi wamazwe ngamazwe ngethuba lokuhlonipha uMongameli wethu waphambilini, futhi owabe eyingqalabutho yomhlaba wonke jikelele, u-Nelson Rolihlahla Mandela.

Uhulumeni usememezele inyanga kaNtulikazi njengeNyanga kaMandela, njengoba lena kuyinyanga azalwa ngayo. Njengengxenye yemigubho yeminyaka eyikhulu kwazalwa uMandela imikhakha ehlukahlukene seyiqalise izinhlelo nemikhankaso eminingana yokuhlonipha umsebenzi nokhondolo lukaMadiba. NgoLwesihlanu, kuzobanjwa umcimbi okhethekile wokuhlonipha ukukhathalela kwakhe udaba lwamathuba omsebenzi kanye nabantu abasha abangabasebenzi, lapho umkhankaso ogqugquzela ukugqokwa kwezingubo ezikhiqizwe eNingizimu Afrika, i-Wear South African ngokubambisana ne-Nelson Mandela Foundation (i-NMF) kanye ne-South African Clothing and Textile Workers Union (i-SACTWU), bezokwethula izikibha zika-Nelson Mandela e-Durban.

Lezi zikibha ezithungwe kuleli ziyatholakala ezitolo ezidumile zakuleli futhi inzuzo ezotholakala ekuthengisweni kwazo izongena esikhwameni se-NMF sokuxhasa imisebenzi nezinhlelo ezihambelana nenhlosombono kaMandela kanye nempilo yakhe. UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho uMnu Ebrahim Patel, uzokwethula inkulumo egameni likahulumeni phambi kwezimenywa. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele umkhankaso wokuthengwa kwempahla ekhiqizwe kuleli, i-Buy Local, futhi bazigqoke ngokuziqhenya okukhulu izingubo ezithungwe kuleli.

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu ukuthi babe yingxenye yomkhankaso woguquko. Ngokusebenzisana njengezwe elibumbene, elingacwasi ngokobuhlanga nangokobulili, singalusekela ukhondolo lukaMadiba futhi siqhubekele nalo phambili. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi banikele imizuzu engama-67 yesikhathi sabo, mhla ziyi-18 kuNtulikazi, ukuletha uguquko ezimpilweni zabantu abantulayo.
 
2. Utshalomali
IKhabhinethi liyasamukela isinyathelo sakamuva sokukleliswa kwenkampani yakwa-Old Mutual ohlwini lwezinkampani ezihweba ngamasheya ku-JSE. Ukungena ku-JSE kwalesi sikhondlakhondla senkampani enengcebo ebalelwa kuma-US$10bn (amabhiliyoni ayi-130wamarandi) kuwuphawu olunohlonze olubonisa ukwethenjwa ngabatshalizimali kweNingizimu Afrika kanye nezimakethe zezimali zakuleli.

IKhabhinethi liyakuthokozela ukubuyela kwabakwa-Old Mutual esikhungweni sokuhweba ngamasheya saseNingizimu Afrika ngoba lokhu kuwuphawu olubonisa ukubuyela kwale nkampani kwelase-Afrika lapho idabuka khona futhi kufinyelelisa esiphelweni isikhathi sokuhweba kwale nkampani njengenkampani yezezimali ebisizinze e-London. Isibophezelo esenziwe ngabakwa-Old Mutual sokusungula isikhwama esinemali eyizigidi ezingama-500 zamarandi sokugqugquzela ukuthuthukiswa komnotho wakuleli, ikakhulukazi okuzokwenziwa ngamabhizinisi amancane asezandleni zabantu abamnyama, sizokhuthaza imizamo yaleli lizwe yokwakha umnotho obandakanyayo. Siyazinxusa nezinye izinkampani eziyingxenye yomkhakha wezezimali ukuthi nazo zisungule izinhlelo zokuthuthukisa ezifana nalo mklamo wabakwa-Old Mutual, ngokuthi zixoxisane futhi zibonisane nohulumeni.

Izingxoxo zakamuva zesiThangami Sezomnotho Samazwe Ngamazwe (i-WEF) Esiqondene Notshalomali ziwuphawu olubonisa amathuba ahlinzekwa yiNingizimu Afrika njengezwe elingakhulisa utshalomali futhi kufakwe kulona notshalomali olusha. Lezi ziNgxoxo zazethanyelwe ngabaphathi abakhulu ababemele izinkampani eziningi zakuleli kanye nezamazwe angaphandle, ezafakana imilomo noMongameli Cyril Ramaphosa kanye nethimba loNgqongqoshe beKhabhinethi. Izingxoxo zaba wusizo olukhulu ekuhlonzeni izinyathelo zokukhuphula amazinga okutshalwa kwezimali futhi ziyigxathu elisemqoka kakhulu eliphokophele kwiNgqungquthela Yotshalomali ezobizwa nguMongameli makhathaleni ngokuqhubeka kwalo nyaka.

3. Ukudliwa komhlaba
IKhabhinethi liyakuthokozela ukuqaliswa kwenqubo yePhalamende yokulalelwa kwezimvo zomphakathi, yokubuyekezwa kweSigaba 25 soMthethosisekelo WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika we-1996, ngenhloso yokuvumela ukudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo. Emva kokuphasiswa kwesiphakamiso sokudliwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo, iPhalamende lasungula iKomidi Lokubuyekezwa KoMthethosisekelo elizobamba izigcawu zokulalelwa kwezimvo zomphakathi ezweni lonkana. Lezi zigcawu zokulalelwa komphakathi zizobanjwa kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye futhi lokhu kuzophothulwa ngoNcwaba 2018.

IKhabhinethi liyabanxusa bonke labo abanentshisekelo ukuba babambe iqhaza ngokuthula kulezi zigcawu zokulalelwa komphakathi futhi liyawunxusa umphakathi ukuthi uyibekezelele imibono ehlukahlukene ezohlinzekwa lapho, ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abantu bathola ithuba elikahle lokubamba iqhaza kulezi zigcawu zomphakathi ngaphandle kokuphazanyiswa.

IKhabhinethi lixoxile futhi nangokukhathazeka okuzwakaliswe ngabaholi bendabuko ezindabeni eziphathelene nomhlaba. Ngenxa yalokho-ke, selisungule ithimba loNgqongqoshe abazoxhumana nabaholi bendabuko ukuze kuboniswane ngalokhu futhi kutholakale ikhambi eligculisayo elizoqeda ukukhathazeka kwabo mayelana nalolu daba. UNgqongqoshe Wokwengamelo Ngokubambisana Nezendabuko, uDkt Zweli Mkhize, nguyena umhlanganisi nomholi waleli thimba futhi usekelwa nguNgqongqoshe Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba, uSenzeni Zokwana, uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba u-Maite Nkoana-Mashabane kanye noNgqongqoshe Wezokuxhumana uNomvula Mokonyane.

4. Isikhathi sokuthunyelwa kwamafomu entela
IKhabhinethi liyabakhuthaza bonke abakhokhi bentela ukuthi bathumele amafomu abo entela esikhathi sentela sowezi-2017/18, esivulwe mhla lu-1 kuNtulikazi 2018. Ukuqoqwa ngendlela efanele kwemali engenayo emgodlagodleni kahulumeni kuqinisekisa amandla aleli zizwe okulawula imali engenayo ngokuzimela, futhi ukuthunyelwa kwamafomu aqukethe imininingwane eqondile futhi efanelekile, ngesikhathi esinqunyiwe, kuyaqinisekisa ukuthi abakhokhi bentela bayaqhubeka nokuthathwa njengabantu abawuthobelayo umthetho wezentela. Imali etholakala ngokukhokhwa kwentela ilekelela uhulumeni ukuthi akwazi ukuxhasa ngezimali imiklamo yokuthunyelwa kwezidingo-ngqangi kubantu kanye nezinye izinhlelo zokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho.

5. Ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli
IKhabhinethi likuphawulile ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli kwakamuva nje, okulandela okunye ukukhuphuka kwentengo ngenyanga edlule, futhi kulindeleke ukuthi kube nokunye ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli ngenyanga ezayo. Intengo kawoyela ongahluziwe wohlobo lwe-Brent elawulwa ngama-dollar aseMelika ibe nomthelela entengweni kaphethiloli, nekadizili kanye nopharafini. Kusukela ekuqaleni kukaNhlaba kulo nyaka, ehle ngaphezu kwe-1% amandla eRandi lakuleli uma liqhathaniswa ne-dollar laseMelika.

Lezi zinguquko eziphindaphindekayo eziphathelene namandla emali, eziholela ekutheni yehle iphinde ikhuphuke futhi intengo kaphethiloli, sezibe nomthelela ongemuhle neze kubathengi, ikakhulukazi kubantu abadla imbuya ngothi. Ukukhuphuka kwentengo kaphethiloli kunomthelela ezindlekweni zokusebenzisa izithuthi futhi kukhuphula namani entengo yokudla, ikakhulukazi amanani okudla okuyisisekelo abaphila ngako abantu abahlwempu kanye namanani emithi.
 
IKhabhinethi lithanda ukubaqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uhulumeni wenza imizamo yokuxazulula izinselele ezibhekene nemiphakathi ehlwempu. Umnyango Wezezimali Kuzwelonke sewuqoke ithimba longoti abayisishiyagalolunye elijutshwe umsebenzi wokubuyekeza uhlu olukhona njengamanje lwezinhlobo zokudla ezingafakwa Intela yeNtengo (i-VAT), okuwuhlu olunezinhlobo eziyi-19 zokudla okuyisisekelo. UMongameli Ramaphosa nguyena ohola leli thimba, elakhiwe ngabameleli abavela kuhulumeni kanye nabameleli abavela emkhakheni ozimele, elizoheha abatshalimali abathe xaxa ukuthi beze bazotshala izimali zabo kuleli lizwe ukuze kukhuliswe umnotho wezwe futhi kudalwe namathuba omsebenzi adingeka kakhulu, ikakhulukazi aqondene nentsha.

IKhabhinethi liyabanxusa impela abomkhakha ozimele ukuthi nabo balekelele, ngokuthi bangasheshi ukukhuphula amanani entengo ezimpahla zabo emva kokukhuphuka kwentengo kaphethiloli ukuze bangakhahlamezeki kakhulu abathengi. Lokhu kuyolekelela kakhulu ekunciphiseni umthelela ongemuhle kubantu abahlwempu obangelwa ngqo yilokhu kukhuphuka kwentengo kaphethiloli. Ukukhuliswa komnotho wakuleli kuyofaka isandla esikhulu impela emizamweni yokuletha uzinzo emnothweni wezwe. IKhabhinethi liyabanxusa futhi abomkhakha ozimele ukuthi babambisane nohulumeni ukuze kusizakale bonke abantu baseNingizimu Afrika abakhahlamezekile, ikakhulukazi abantu abahlwempu.

6. Ukukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni
IKhabhinethi lethulelwa umbiko nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uNkz Susan Shabangu, mayelana nokubambezeleka kwakamuva nje kokukhokhelwa kwabahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni izimali zabo, obekuthe chithi saka ezweni lonkana. Kuyinto eliyazi kahle kamhlophe iKhabhinethi ukuthi izibonelelomali zikahulumeni ziwumthombo wokuziphilisa kubantu bakuleli abahlwempu, ngakho-ke lizwakalise ukudabuka kwalo okukhulu ngalokhu kuphazamiseka kohlelo lokukhishwa kwezibonelelomali zikahulumeni, futhi lixolisile impela kubo bonke abathintekile.

UNgqongqoshe Shabangu uliqinisekisile iKhabhinethi ukuthi lobu buhixihixi obenzekile bubangelwe wuquko olwenzekile ngenkathi kuyekwa ukusetshenziswa kohlelo oludala lokukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni kuqaliswa uhlelo olusha olulawulwa yiNhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni LwaseNingizimu Afrika/iPosi LaseNingizimu Afrika. UNgqongqoshe uliqinisekisile iKhabhinethi ukuthi iningi labahlomuli ababengayitholanga imali yabo selikhokheliwe. Futhi kusenjalo, kunamathimba aqokiwe asebenza ngokuzikhandla okukhulu ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo lusebenza kahle ngaso sonke isikhathi ukuze kugwenywe ukubambezeleka okunjengalokhu esikhathini esizayo.

7. Uphenyo Oluqondene Nomkhakha Wezempilo
IKhabhinethi liyakwamukela ukukhishwa kombiko wesikhashana woPhenyo Lwezokuncintisana Ezimakethe oluqondiswe embonini ezimele yokuhlinzekwa kosizo nokunakekelwa kwezempilo, okuwumbiko okhishwe namuhla. USihlalo walolu Phenyo Lijaji Eliyinhloko eselathatha umhlalaphansi iJaji uSandile Ngcobo futhi lolu phenyo lulalele ubufakazi obuhlinzekwe ngababambiqhaza abahlukahlukene kule minyaka emithathu edlule. Lo mbiko wesikhashana uzovulelwa umphakathi isikhathi esiyizinyanga ezimbili. Umbiko wokugcina uzothunyelwa kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho ngasekupheleni kowezi-2018, bese emva kwalokho wethulwa ePhalamende.

8. Isivumelwano sase-Khartoum
IKhabhinethi liyasamukela isivumelwano sokubekwa phansi kwezikhali unomphela esenziwe nguMongameli wase-South Sudan u-Salva Kiir kanye no-Riek Machar, nokusayinwa kweSivumelwano sase-Khartoum. Lokhu kuletha ithemba lesivumelwano esizoqeda impi esilikhahlameze kakhulu izwe labo.

Lesi sivumelwano sikubeka ngokucacile ukuthi ukubekwa phansi kwezikhali kubandakanya nokuhoxiswa kwamasosha, ukususwa kwalawo masosha abekanise eduzane kwalawo abebambene nawo ngezihluthu, ukuhoxiswa kwawo wonke amasosha ombimbi, ukuvulwa kwemizila yokuthumela usizo kubantu abakhahlamezekile kanye nokukhululwa kweziboshwa zempi nezepolitiki. Isivumelwano sivumela futhi namazwe angamalungu eNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) kanye nenhlangano yezohwebo nentuthuko i-Intergovernmental Authority on Development ukuthi athumele amasosha azoqapha ukuhlonishwa kwalesi sivumelwano sokubekwa phansi kwezikhali.

IKhabhinethi liyabakhuthaza bonke labo abayingxenye yalesi sivumelwano ukuthi basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni lesi sivumelwano sokubekwa phansi kwezikhali siholela ekupheleni kwempi futhi siqinisekise ukubuyiswa koxolo nokuthula kanye nokuthuthukiswa komnotho kwelase-South Sudan.

9. Isizinda Sokuhwebelana Mahhala KwiZwekazi Lase-Afrika (i-AfCFTA)
IKhabhinethi liyakwamukela ukusayina kweNingizimu Afrika isivumelwano se-AfCFTA ne-AU. Ukusayinwa kwalesi sivumelwano yiNingizimu Afrika kukhuphula isibalo samazwe asesayine lesi sivumelwano sifinyelele kuma-49.

I-AfCFTA iyisinyathelo esisondeza leli zwekazi ekusungulweni kwesizinda sokuhwebelana mahhala esikhulu kunazo zonke emhlabeni jikelele. Kulindeleke ukuthi lesi sivumelwano siwahlomulise kakhulu wonke amazwe kuleli zwekazi ngemihlomulo yezenhlalo-mnotho.

Ngokusho kwe-UN, kulinganiselwa ekutheni i-AfCFTA izokhuphula ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika ngama-53% ngokuqeda intela ekhokhiswa izimpahla ezivela emazweni angaphandle futhi kuqede nezinye izithiyo ezingaphathelene nokukhokhiswa kwentela. Lesi sivumelwano kulindeleke ukuthi sakhe isizinda sokuhwebelana e-Afrika esinabantu abangaphezu kuka-1.2 wamabhiliyoni, esinomnotho olinganiselwa ku-2.5 wezinkulungwane zezigidigidi (amatriliyoni) zama-dollar aseMelika.

UNgqongqoshe Wezohwebo Nezezimboni, uDkt Rob Davies, uzoqalisa inqubo yokuqinisekiswa nokwamukelwa ngokusemthethweni kwalesi sivumelwano ePhalamende.

10. Uhlelo-nqubo lwe-Afrika
IKhabhinethi liyayamukela iNgqungquthela yesi-6 yeNhlangano Elawula Izindaba Zentela Yempahla Okuhwebelwana Ngayo Emazweni aseNingizimu ne-Afrika (i-SACU) eyabanjwa mhla zingama-29 kuNhlangulana 2018 kwelase-Botswana, eyabe yethanyelwe nguMongameli Ramaphosa. Le ngqungquthela yagcizelela ukubaluleka kohlelo-nqubo lokudidiyelwa kwesifunda olugqugquzela ukudidiyelwa komnotho, ukuvulwa kwezimboni, kanye nokugxila emikhiqizweni ehlukahlukene eminothweni yamazwe angamalungu e-SACU.

UMongameli Ramaphosa wahola futhi nethimba ebelihambele kwelase-Islamic Republic of Mauritania, ukuyokwethamela uMhlangano Ojwayelekile wama-31 Wezinhloko Zemibuso Nohulumeni Bamazwe Angamalungu e-AU. Le ngqungquthela yabanjwa kusukela mhla lu-1 kuya kumhla zi-2 kuNtulikazi 2018 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukunqoba Impi Yokulwisana Nenkohlakalo: Umgudu Osimeme Ophokophele Ekuletheni Uguquko Olunohlonze e-Afrika”. Le ngqungquthela yahlinzeka ngethuba eliyingqayizivele lokuxoxisana nokubhekana ngqo nezinselele ezithile eziphathelene nempi yokulwisana nenkohlakalo e-Afrika.

Njengamanje uMongameli Ramaphosa usingethe uzakwabo uMongameli wase-Ghana, u-Nana Addo Dankwa Akufo-Addo, osohambeni lwakhe olusemthethweni kuleli kusukela mhla zizi-4 kuya kumhla zi-5 kuNtulikazi 2018, okuwuhambo okuhloswe ngalo ukuqinisa kakhudlwana ubudlelwano obukhona phakathi kwalawa mazwe amabili. INingizimu Afrika ne-Ghana bayaqhubeka nokuthokozela ubudlelwano obuqinile obusekelwe phezu komlando ofanayo wokusekelana nokubambisana. Ubambiswano olukhona phakathi kwalawa mazwe mayelana nokuhwebelana nokutshalwa kwezimali lubandakanya ezezimayini, ezokuthengisa, ezomshwalense, ezesayensi nobuchwepheshe, ezokuthutha, ezokuvakasha, ezamabhange, ezokwakha, ezokuhlinzekwa kwezinsizakalo, ezokuhlinzekwa kwegunya lokuhweba ngaphansi kwegama lenkampani ethile, ezokukhiqiza, ezokudoba, ezokuhamba kwezindiza kanye nezamandla.

B. Izinqumo ZeKhabinethi
11. IKhabhinethi liwugunyazile umbhalo wokufakana imilomo nokubonisana ngohlelo lwemigubho yoSuku NeNyanga Kazwelonke Yabesifazane ezobanjwa ngoNcwaba 2018. Isiqubulo salo nyaka sithi “Iminyaka eyi-100 Kwazalwa u-Albertina Sisulu: Abesifazane Babumbene Ekuqhubekiseleni iNingizimu Afrika Phambili”. Uhlelo lwalo nyaka lwenzeka ngesikhathi esifanayo nokubanjwa kwemigubho emithathu yokuhlangana kweminyaka-khulu esemqoka kuleli, okuyiminyaka eyikhulu kwazalwa u-Tata Nelson Mandela noMama u-Albertina Sisulu kanye neminyaka eyikhulu kwasungulwa inhlangano yabesifazane abampisholo, i-Bantu Women’s League.

Imicimbi yeNyanga Yabesifazane izogqugquzela imiphakathi futhi yakhe ubambiswano ukuze kuthathwe izinyathelo ezinqala zokubhekana ngqo nezinkinga ezibhekene nabesifazane namantombazane, ikakhulukazi udlame oluqondiswe kwabesifazane, ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho, ukutholakala komhlaba, izenzo nemikhuba enobungozi, kanye nezinye izindaba ezibhekene nabesifazane, ngokususela kulokho okushiwo wuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) kanye nezibopho zeNingizimu Afrika emhlabeni jikelele. Ngokuhamba kwesikhathi, uNgqongqoshe eHhovisi LikaMongameli, ophathiswe izindaba zaBesifazane, uNkz Bathabile Dlamini, uzohlinzeka ngemininingwane ephelele yohlelo.

C. IMithethosivivinywa
12. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokugembula Kazwelonke wezi-2018. Seluphothuliwe kakade uhlelo lokufakana imilomo nababambiqhaza abathintekayo mayelana nalo Mthethosivivinywa.
UMthethosivivinywa uhlose ukungenelela kwezokugembula ngohleloxhumano lwekhompyutha, ukukhangiswa kwezokugembula kanye nendawo okwakhiwe kuyona izikhungo zokugembula. Futhi lo Mthethosivivinywa ufaka uMlawuli Kazwelonke Wezokugembula (i-NGR) esikhundleni seBhodi Likazwelonke Lezokugembula okuyilona elilawula ezokugembula njengamanje. Ngokubambisana neziphathimandla zezifundazwe, i-NGR izothuthukisa imigomo yokusebenza ezosetshenziswa kuyo yonke imikhakha yezokugembula, futhi le migomo izosebenza njengamazingana azoba ngumhlahlandlela ohola lezo zinhlangano ezizilawula ngokwazo, njengomkhakha wezomjaho wamahhashi.

13. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuncintisana wezi-2018. Lesi sichibiyelo sihlinzekela ukwelulwa kwegunya lokusebenza leziphathimandla zokuncintisana kanye neSigungu Seziphathimandla ngenhloso yokubhekana ngqo nenkinga yokukhonya ngokweqile kwezinkampani ezinkulu kwezomnotho, uguquko oluhamba ngesivinini sonwabu eNingizimu Afrika kanye nokusebenzisa kwezinkampani ezinkulu amandla azo ngokweqile.
UMthethosivivinywa usushicileliwe kakade kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo futhi sekubonisenwe ngawo nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo.

D. Imicimbi Ezayo

14. I-100 Men March
Ngaphansi komkhankaso kazwelonke we-“Send Me – Thuma Mina” oholwa wuPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS), kuzobanjwa imashi engumlando “Yeminyaka eyi-100 ka-Nelson Mandela no-Albertina Sisulu: Imashi Yamadoda Yokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane” ngoLwesibili, mhla ziyi-10 kuNtulikazi 2018.

Le mashi, ezohlelwa futhi ilawulwe yi-GCIS, izoqala ngehora le-10:00 e-Church Square bese iyophelela ongwengweni oluseningizimu lwe-Union Buildings ePitoli.
IKhabhinethi liyawanxusa wonke amadoda kanye nabafana ukuthi basabele kuleli khwelo lomkhankaso we-“Send Me – Thuma Mina” ngokuthi babambe iqhaza kule mashi, futhi baziveze obala ukuthi bona abahambisani nakancane nesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Amadoda avela kuyo yonke imikhakha, izinhlanga, izinhlangano zepolitiki kanye nezinkolo ezihlukahlukene azosukuma abumbane ngenhloso yokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

15. Iviki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni Zomphakathi
Uhulumeni uzoqalisa uhlelo lwakhe lweViki Likazwelonke Lokugxila Ezimbizweni Zomphakathi kusukela mhla ziyisi-9 kuya kumhla ziyi-15 kuNtulikazi 2018, lapho amalungu esiGungu Seziphathimandla ezoxhumana ngqo nezakhamuzi zakuleli ezweni lonkana.
Esinye sezisekelo zeNingizimu Afrika ebuswa ngokwentando yeningi labantu kusalokhu kuwukuzibophezela okungaguquki neze kukahulumeni ekuqaliseni izinhlelo zokubandakanya nokubonisana nomphakathi njalo futhi ngokuqhubekayo, ezisabelayo ezidingweni zomphakathi, okuhloswe ngazo ukuchazela kahle umphakathi ngezinqubomgomo nezinhlelo zikahulumeni.
IKhabhinethi liyayikhuthaza yonke imiphakathi, ngokomoya we-“Thuma Mina”, ukuthi ibambe iqhaza kulezi zimbizo okuzobe kukhona kuzona nezikhulu zikahulumeni futhi iyanxuswa imiphakathi ukuthi isebenzise leli thuba ukuzwakalisa izinselele ebhekene nazo mayelana nokuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi zomphakathi.

16. Ingqungquthela ye-10 ye-BRICS
INingizimu Afrika isime ngomumo ukusingatha, ngaphansi komoya woBuntu, ingqungquthela ye-10 yombimbi lwamazwe i-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika (i-BRICS) kusukela mhla zingama-25 kuya kumhla zingama-27 kuNtulikazi 2018. Le ngqungquthela izobanjelwa e-Sandton Convention Centre e-Gauteng. NgoLwesihlanu, mhla ziyisi-6 kuNtulikazi 2018, uMongameli Ramaphosa kulindeleke ukuthi afakane imilomo neThimba laseNingizimu Afrika emhlanganweni wesidlo sasekuseni okuzocutshungulwa kuwona wonke amalungiselelo asenziwe kuze kube manje mayelana nokusingathwa kweNgqungquthela ye-10 ye-BRICS.

Isiqubulo sale ngqungquthela esithi: “I-BRICS kwelase-Afrika: Ukusebenzisana Ukuze Kube Nokukhula Komnotho Nempumelelo Nokuchuma Okubandakanyayo Kuwo Wonke Amazwe Ombimbi Esikhathini Sokwenziwa Komsebenzi Ngobuxhakaxhaka Besimanjemanje”, sibonisa izinto ezingumongo ezibekwe eqhulwini kumalungu e-BRICS, ikakhulukazi ukuzabalazela ukwakha umphakathi obandakanyayo kanye nobambiswano lwamazwe ngamazwe oluzoletha impumelelo nokuchuma kubo bonke abantu. Lesi siqubulo sihambelanisa futhi siqinisekise ukuqhubeka ngendlela ekhethekile nesikhundla esiphethwe yiNingizimu Afrika njengamanje sokuba ngusihlalo wakho kokubili, iNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) kanye ne-Indian Ocean Rim Association.
INingizimu Afrika izosebenzisa isikhundla sayo njengosihlalo ukuqinisekisa inqubekelaphambili ku-BRICS futhi ilethe ukugxila okukhethekile emathubeni ahlinzekwa yiSikhathi Sokwenziwa Komsebenzi Ngobuxhakaxhaka Besimanjemanje.

17. Izingxoxo Zongqongqoshe Base-Afrika Bezobuciko Namasiko
UMnyango Wezobuciko Namasiko uzosingatha iziNgxoxo Zongqongqoshe Base-Afrika Bezobuciko Namasiko e-Durban kusukela mhla ziyisi-5 kuya kumhla ziyisi-6 kuNtulikazi 2018. Lo mhlangano uhlose ukubika mayelana nokufinyelela olwazini ngenhloso yokuveza nokubonisa igalelo lezinsizakalo zemitapo yolwazi nokuhlinzekwa kolwazi ngaphansi kwengqikithi yoHlelo-nqubo lowezi-2063 lwe-AU, okuwuhlaka olukhethekile lokuletha uguquko lwenhlalo-mnotho kwelase-Afrika kule minyaka engama-50 ezayo.

18. Isibonakude i-MeerKAT/i-Square Kilometer Array (i-SKA)  
Kulindeleke ukuthi uMongameli Ramaphosa ethule isibonakude samagagasi omoya esinezindishi ezingama-64, esaziwa ngokuthi yi-MeerKAT, esandulela isibonakude i-SKA. I-MeerKAT yakhiwe ebangeni elingamakhilomitha angama-90 ngaphandle kwedolobhana lase-Carnarvon eNyakatho Kapa.

Isibonakude i-MeerKAT sizoba negalelo elikhulukazi ekukhuphuleni kakhulu ulwazi lokuthi wakheke kanjani uMhlaba wonke kanye Nezulu (i-Universe), nokuthi usebenza kanjani kanye nokuthi yini engaba nomthelela esimweni sawo sangomuso. Ukuphothulwa kwalesi sibonakude kuyisigameko esiyingqophamlando okumele sibungazwe futhi sithokozelwe yiNingizimu Afrika kanye ne-Afrika yonkana.

E. Imiyalezo

Amazwi Enduduzo
19. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kuMongameli waphambilini u-Jacob Zuma, nomndeni wakhe kanye nabangani ngokudlula emhlabeni kwendodana yakhe, uVusi Nhlakanipho Zuma, oficwe wukufa ngasekuqaleni kwaleli viki.

20. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bomthwebuli wezithombe wodumo ongasekho emhlabeni, u-David Goldblatt. Izwe lethu lisalokhu liziqhenye njalo ngomsebenzi wakhe owaveza obala ukuhlukunyezwa kanye nesihluku sobandlululo.

21. Futhi iKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nabangani bomvukuzi oshone emayini i-Khomanani yabakwaSibanye-Stilwater’s e-Driefontein eMpumalanga futhi lisalokhu likhathazekile ngokuphepha kwabavukuzi kule mayini.

Amazwi Okuhalalisela
22. IKhabhinethi lithanda ukuhalalisela uMtapo Wolwazi Kazwelonke waseNingizimu Afrika (i-NLSA), obugubha iminyaka engama-200 wasungulwa. Ngasekuqaleni kwalo nyaka, i-NLSA iqophe isigameko esiyingqophamlando ngokusingatha umbukiso ovulelekile onesihloko esithi “Indlu Yomcebo Wolwazi”.

23. IKhabhinethi liyasamukela isinqumo soPhiko Lwezemfundo, Ezesayensi Nezamasiko Lwenhlangano Yezizwe (i-Unesco) sokumemezela ngokusemthethweni izintaba zaseMakhonjwa esifundazweni saseMpumalanga, ezibizwa futhi ngokuthi yi-Barberton Greenstone Belt, njengeSizinda Esiyigugu Lomhlaba. Lesi yisizinda seNingizimu Afrika se-10 esimenyezelwe ngokusemthethweni njengeSizinda Esiyigugu Lomhlaba.

IKhabhinethi liyabanxusa bonke ababambiqhaza bomkhakha wezokuvakasha ukuthi bakhangise zonke izizinda zamagugu ezikhona eNingizimu Afrika njengoba ezokuvakasha zingomunye wemikhakha ezosheshisa ukuthuthukiswa komnotho wezwe kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi kubantu bezindawo ezakhelene nezizinda zamagugu.

24. IKhabhinethi libungaza ngokuziqhenya isikhumbuzo seminyaka engama-63 sokwamukelwa okuyingqophamlando koMqulu Wenkululeko owaba yisisekelo soMthethosisekelo WeRiphabulikhi yaseNingizimu Afrika.

Namuhla imigomo engumongo yoMqulu Wenkululeko ibonakala ngokucacile emigomweni yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-OAU) (manje esibizwa nge-AU) futhi i-UN nayo seyihambelanise iSimemezelo sayo Somhlaba Wonke Samalungelo Esintu nale migomo.

F.  Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
25. Mnu Sibusiso E Bukhosini oqashwe njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-iSimangaliso Wetland Park Authority.
26. Adv Mmadikeledi Suzan Malebe oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Ophikweni Lokulawulwa Kwezimbiwa, eMnyangweni Wezimbiwa (i-DMR).
27. Nkz Buyisiwe Faith Ntokozo Ngcwabe oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lwenqubomgomo Yezimbiwa Nokugqugquzelwa Kwazo, e-DMR.
IKhabhinethi liqoke futhi amalunga azoba yingxenye yalezi zikhungo ezilandelayo:
27.1 Umkhandlu i-Financial Reporting Standards Council.
27.2 Ibhodi le-South African National Biodiversity Institute (i-SANBI).
27.3 Isikhungo Seziqiwu Zikazwelonke zaseNingizimu Afrika (i-SANParks).
27.4 IsiKhwama Sezingozi Zomgwaqo Sikazwelonke (i-RAF).

Ukwelulwa kwesikhathi sobulungu salawa malungu omkhandlu i-Financial Reporting Standards Council:
a. Mnu Garth Dennis Coppin;
b. Nkz Dumisani Manana;
c.  Nkz Christine Ramon (iPhini LikaSihlalo);
d. Nkz Dawn Earp;
e. Mnu Khaya Dludla;
f.  Mnu Bruce Mackenzie;
g. Nkz Tania Wimberley;
h. Dkt Suresh P Kana (uSihlalo); kanye
i.  no-Adv Rory Wayne Voller.

IBhodi le-SANBI:
a. Dkt Lesley Thulani Luthuli;
b. Nkz Thandiwe Godongwana;
c.  Slz Brian William van Wilgen;
d. Dkt Crispian Garth Olver;
e. Nkz Ntsoaki Mngomezulu;
f.  Nkz Venete Jarlene Klein;
g. Nkz Beryl Ferguson;
h. Nkz Judy Hermans;
i.  Ummeleli Womnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe;
j.  Nkz Skumsa Mancotywa (Ummeleli Womnyango Wezemvelo (i-DEA)); kanye
k. no-Dkt Moshibudi Rampedi.

Amalungu eBhodi le-SANParks:
a. Nkz Joanne Yawitch;
b. Dkt Kungeka Njobe;
c. Nkz Sophie Molokoane;
d. Nkz Tanya Abrahamse;
e. Adv Tshepiso Mphahlane;
f.  Nkz Tasneem Essop;
g. Dkt Urshanie Govender;
h. Slz Elizabeth Mokotong;
i. Mnu Tale Daniel Motsepe;
j. Mnu Lourence Benard Mokgakane (ummeleli waBantu Neziqiwu);
k. Mnu Shonisani Munzhedzi (ummeleli we-DEA); kanye
l.  noMnu Fundisile Mketeni.

Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi leSikhwama Sezingozi Zomgwaqo Sikazwelonke:
a. Dkt Peter Mathebula – uSihlalo;
b. Nkz Koko Mashigo;
c. Dkt Fanie Bale;
d. Mnu Moses Nyama;
e. Dkt Nomonde Mabuya-Moloele;
f. Mnu Thulani Tshabalala;
g. Nkz Dineo Molefe;
h. Dkt Mohamed Fazel Randera;
i. Mnu Khotso Mothobi (oqokwe kabusha); kanye
j. noDkt Maria Peenze (oqokwe kabusha).

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – Ibamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore