Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyisi-5 kuMandulo 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyisi-5 kuMandulo 2018 e-Tuynhuys, eKapa.
 
A. Izindaba Ezisematheni

1. Ezomnotho
1.1. IKhabhinethi linxusa yonke imikhakha yaseNingizimu Afrika ukuba isekele imizamo eholwa nguhulumeni yokukhuthaza ukukhula komnotho kulandela ukukhishwa kwezibalomanani zokukhula komnotho ezibonisa ukuthi umnotho wezwe unciphe ngama-0.7% ngekota lokuqala lonyaka.

1.2. Nakuba imikhakha yomnotho ethile, njengomkhakha wezimayini, owezokwakha kanye nowezimali, ibonise ukukhula okungconywana, lokho kuhlulekile ukunqanda ngokuphelele ukuncipha komnotho wezwe okubangelwe wukufadalala kweminye imikhakha yezomnotho, ikakhulukazi umkhakha wezolimo.  

1.3. Ngasohlangothini lokusetshenziswa kwezimali, ibonakalise ukusimama okukhulu ngenisomali lezimpahla ezithunyelwa emazweni angaphandle, kepha-ke le mpumelelo icekelwe phansi wukuncipha kwemali esetshenziswa yikhaya ngalinye kanye nokuncipha kakhulu kwesitokwe sempahla. Lukhulile utshalomali oluvela ezinkampanini ezizimele, kusenjalo lwehlile utshalomali oluvela emkhakheni kahulumeni.

1.4. Ukukhula kwesimo sokungabikhona kozinzo ezimakethe zomhlaba kanye nomphumela wokuncipha kwesamba somkhiqizo wezwe (i-GDP) kudinga ukuthi uhulumeni asheshise imizamo yokususa izithiyo ezivimbela ukukhula komnotho futhi kusenjalo asekele nabantu bakuleli abantulayo abadinga ukubhekelelwa kakhudlwana.  

1.5. Kule minyaka emine edlule, lehle kakhulu impela izinga lokukhula komnotho. Imbangela yalokhu yizinto ezinjengesomiso emkhakheni wezolimo kanye nokwehla kwentengo yezimbiwa, kodwa-ke zikhona nezinkinga zangaphakathi ezweni, ezithuntubeze ukutshalwa kwezimali kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.

1.6. Uhulumeni uzibophezele ekutheni, phakathi kokunye, akhe kabusha uhlelo lwezimvume zokuvakashela kuleli ngenhloso yokweseka umkhakha wezokuvakasha, nokuphothula imithetho yezezimayini esemqoka ngenhloso yokweseka umkhakha wezimayini kanye nokuqhubeka nokuletha uzinzo esimweni sezimali samabhizinisi kahulumeni.

1.7. Izingqugquthela zamathuba omsebenzi kanye notshalomali ezizobanjwa khona maduze nje, kanye nohlelo oludidiyele oluhlongozwayo lwezinyathelo zokukhuthaza nokusimamisa umnotho, kuzohlinzeka ngomkhombandlela wezinguquko ezidingekayo ukuze kukhuliswe umnotho wezwe.

1.8. IKhabhinethi liyakugcizelela ukuzibophezela kukahulumeni ekuletheni ukusimama kwezezimali futhi kuzokwethulwa uhlaka lwezimali olubuyekeziwe eSitatimendeni Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi.

2. Uhambo lukaNdunankulu we-United Kingdom (i-UK) ne-Northern Ireland
2.1. NjengoMongameli Cyril Ramaphosa, iKhabhinethi lilwamukele ngentokozo uhambo olube yimpumelelo enkulu lokuvakashela kuleli kukaNdunankulu wase-UK nase-Northern Ireland u-Theresa May. Lolu hambo luzoletha imihlomulo emihle futhi engcono kakhulu eNingizimu Afrika, ngenxa yokuqiniswa kohwebo notshalomali phakathi kwalawa mazwe. I-UK ingelinye lamazwe angaphandle atshale imali eningi impela eNingizimu Afrika, njengoba kunezinkampani zase-Brithane ezingaphezu kwama-650 ezihweba kuleli. Ngenkathi kubanjwe izingxoxo phakathi kwalawa mazwe, kwaxoxiswana ngamathuba okusungula ubambiswano phakathi kwawo, kanye nemizamo yokusebenzisana.

2.2. UNdunankulu u-May uphinde wasebenzisa lolu hambo lwakhe ukudlulisela ngokusemthethweni iNsimbi Yomkhumbi i-SS Mendi (i-SS Mendi Bell) ezandleni zoMkhuzi Omkhulu Wamasosha aseNingizimu Afrika, uMongameli Ramaphosa, nakubantu baseNingizimu Afrika, ngenhloso yokubungaza nokukhumbula ukuzidela kwamasosha aseNingizimu angaphezu kwama-600 abhubha ngenkathi kucwila i-SS Mendi olwandle lwaseNgilandi eminyakeni engaphezu kwe-100 eyadlula.

3. INgqungquthela Yesithangami Sobambiswano Lwamazwe ase-Afrika ne-China (i-FOCAC)
3.1. IKhabhinethi lacubungula uHlelo Lokusebenza Lwase-Beijing (lowezi 2019-2021), oluhlinzeka ngemininingwane yemiphumela yeNgqungquthela ye-FOCAC eyabe iholwa ngosihlalo ababili ababambisene, okunguMongameli Ramaphosa kanye noMongameli wase-China u-Xi Jinping.

3.2. Ngenhloso yokwakha ubambiswano oluhlelekile futhi olubanzi phakathi kwe-China namazwe ase-Afrika, i-China izibophezele ekusunguleni izinhlelo eziyi-10 zokubambisana ne-Afrika. Lezi zinhlelo zisemkhakheni wokusungulwa kwezimboni; ukusetshenziswa kwezindlela zesimanje-manje kwezolimo; ingqalasizinda; izinsizakalo zezimali; intuthuko ebhekelela imvelo; usizo lwezohwebo nokutshalwa kwezimali; ukuncishiswa kobubha nokuqikelela inhlalakahle yomphakathi; impilo yomphakathi; ukushintshisana ngabantu ngenhloso yokwabelana nokucobelelana ngamakhono, kanye nokuthula nokuvikeleka. Esikhathini sokusebenza kwalolu bambiswano, ukusebenzisana phakathi kwalezi zinhlangothi ezimbili kuzosekelwa isiqubulo esithi: “I-China ne-Afrika: Sisebenzela ukuletha umphakathi onohlonze kakhulu kunakuqala, onengomuso elifanayo, ngaphansi kobambiswano oluhlomulisa izinhlangothi zonke.”

4. Intengo kaphethilomu
4.1. IKhabhinethi lamukela ukungashintshi kwentengo kaphethilomu kule nyanga, okuyisenzo sobubele sesikhashana esizokwenzeka kanye kuphela, sokunciphisa umthwalo osemahlombe abasebenzisi bezithuthi zomphakathi, abashayeli kanye nabathengi, ngenkathi uMnyango Wezamandla, (i-DoE)  usathungatha ezinye izinyathelo ezingasetshenziswa.   

4.2. Izimo zomhlaba, kubandakanya nokukhuphuka kwentengo kawoyela ongahluziwe kanye nemibono eqeda ithemba ngesimo samazwe asafufusa, ziholele ekutheni ikhuphuke ngokushesha intengo kaphethiloli eNingizimu Afrika kusukela ngoMbasa kulo nyaka.   

4.3. IKhabhinethi selizwakalise ukukhathazeka ngalokhu kukhuphuka kwentengo kaphethiloli kanye nomthelela walokhu ongemuhle neze kumthengi, kubandakanya phakathi kokunye, nemithelela ephathelene nokwehla kwamandla emali njengoba abakhiqizi bedlulisela umthwalo walokhu kukhuphuka kwentengo emkhakheni wezokuthengisa.

4.4. Emuva kokubhekisisa lesi simo, uNgqongqoshe Wezamandla, uMnu Jeff Radebe, wenze lo mzamo wokungenelela okhethekile egameni likahulumeni ngenhloso yokwehlisa isisindo sejoka eliphezu komphakathi ebesizokhuphuka ngenxa yokunye futhi ukukhuphuka okukhulu kwentengo kaphethiloli, futhi ngenxa yale mizamo kahulumeni intengo kaphethilomu izokhuphuka kuphela ngamasenti angu-4.9 ngelitha ngalinye ukuze kubhekelelwe ukukhushulwa kwamaholo abasebenzi bemboni kaphethiloli okwenziwa minyaka yonke, njengabasebenzi abethela uphethilomu emagalaji kaphethilomu.

4.5. Esikhathini lapho umnotho wezwe ukhahlanyezwa yizivunguvungu zezinkinga zomhlaba, iKhabhinethi liyakuthokozela ukuthi lo mzamo wokulekelela ngeke neze ube nomthelela emgodlagodleni wezimali zikahulumeni njengoba kuzosetshenziswa izimali esezivele zikhona ohlakeni lokubekwa kwentengo kaphethilomu.

5. Izinguquko kwezomhlaba
5.1. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise izinkulumompikiswano eziphathelene nezinguquko kwezomhlaba ukuqinisa ukwakhiwa kwesizwe nobumbano lomphakathi. Inqubo yasephalamende eqhubekayo njengamanje izosicacisela kahle ngalokhu futhi isinikeze ithuba lokuqhubekela phambili njengesizwe. Le nqubo esobala, eqhutshwa ngokwemithetho ebekiwe kanye nomthethosisekelo iwuphawu lokuzibophezela kwethu ekutheni sithole izixazululo ndawonye ezizohlomulisa izwe lethu futhi zilenze libe ngcono kakhulu kunakuqala.

5.2. IKhabhinethi liqinisekile ngokuthi le nqubo izosivumela ukuthi sifinyelele kuhlelonqubo lwezinguquko kwezomhlaba oluzokwamukelwa yibo bonke abantu.

5.3. Ngokusebenzisana, singakha isizwe esingcono lapho kufezekiswa khona amaphupho nezifiso zabo bonke abantu bakuleli.   

6. Ezamanzi
6.1.  IKhabhinethi liyakuthokozela ukuthi uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usuwuphothulile umsebenzi wokwakha i-Cornelis River Dam eFreyistata. Leli damu, okulindeleke ukuthi lihlomulise amakhaya ayizi-2 690 kanye nabantu abalinganiselwa kwizi-10 674, lizodambisa izinselele zamanzi ezibhekene nomphakathi wase-Warden nowaseZenzeleni ngaphansi kukamasipala wendawo i-Phumelela Local Municipality.

6.2.  INingizimu Afrika isalokhu ibhekene nezinselele zokushoda kwamanzi ngenxa yesomiso futhi iKhabhinethi linxusa bonke abantu ukuthi basebenzise amanzi ngokuwonga, nangobuhlakani.

7. Ezemfundo
7.1. IKhabhinethi lihalalisele uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE) ngokudlulisela ezandleni zesifundazwe ngempumelelo isikole i-Delft South Primary School, esingaphandle kwedolobha laseKapa eNtshonalanga Kapa.

7.2. Lesi sikole sakhiwa ngaphansi koHlelo Lokwakhiwa Kwengqalasizinda Yezikole Ngokushesha (i-ASIDI) ngemali eyizigidi ezingama-75 zamarandi. Sinamakilasi angama-45, ilabholethri yamakhompyutha neyesayensi, umtapowolwazi kanye nesizinda sokupheka nokulungisa okuya ngasethunjini. Lesi sikhungo sikanokusho sizohlinzeka ngesimo esisezingeni elifanele lokufunda nokufundisa kubafundi ababalelwa kwi-1 578 abavela emphakathini wase-Delft.

7.3. Lesi yisikole sokugcina ezikoleni ezingama-25 esezidluliselwe ezandleni zesifundazwe saseNtshonalanga Kapa ngaphansi kohlelo lwe-DBE. Kuze kube manje, uhlelo lwe-ASIDI selwakhe izikole zikanokusho ezingama-205 ezweni lonkana. Zingama-685, uma sezizonke, izikole ezihlinzekwe ngamanzi atholakala ngaso sonke isikhathi, futhi zingama-486 ezihlinzekwe ngezinsizakalo zokuthuthwa kwendle ezisezingeni elifanele kanti futhi zingama-372 ezixhunyelwe ugesi okokuqala ngqa.

8. Izicelo zowezi-2019 Zohlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafundi Ngezimali Zokufunda (i-NSFAS)
8.1. IKhabhinethi liyayithokozela intshisekelo enkulu eboniswe ngabafundi abanesifiso sokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kulandela ukuvulwa kwenqubo yokufakwa kwezicelo zoxhasomali lwe-NSFAS zowe-2019 mhla zi-03 kuMandulo. Bangaphezu kwezi-45 000 abafundi abanesifiso sokuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nalabo ababhaliswe ezikhungweni zemfundo ephakeme njengamanje abavakashela iwebhusayithi ye-NSFAS ngosuku lokuqala. Futhi sekwenziwe inqubekelaphambili ebonakalayo impela emzamweni wokukhokhela labo bafundi abebengakakhokhelwa kuze kube manje izimali zabo zokufunda.

8.2. Inqubo yokufakwa kwezicelo iqhutshwa ngohlelo olusha olwenza kusheshe ukuthathwa kwezinqumo kanti futhi njengamanje izicelo sezigcwaliseka kalula kubafundi, noma ngabe bakuphi kuleli.

9. Isifo se-Listeriosis
9.1.  IKhabhinethi liyasithakasela impela isimemezelo sokuthi seluphelile ubhubhane lwesifo se-Listeriosis, futhi lokhu kuwubonakalisa ngokusobala umphumela wohlelo lwesimo esiphuthumayo lokubambisana phakathi koMnyango Wezempilo (i-DoH) kanye neSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithathelanayo, ngokwesekwa yiNhlangano Yezempilo Emhlabeni, obelusungulelwe ukulawula nokuqeda lolu bhubhane obelubhedukile.

I-DoH seyiqhamuke nohlelo lokuqapha ukuze kugwenywe ukuqubuka kwalesi sifo kabusha. Wonke amafemu enyama esilungisiwe futhi esilungele ukudliwa yenkomo neyengulube kanye neyenkukhu kumele abe nezinhlelo zokuphatha ukudla ngokuphepha, ngokoMthethonqubo R607 oshicilelwe mhla ziyi-14 kuNhlangulana 2018. Iyaqhubeka imikhankaso yokuhlola amafemu, ngokwemithethonqubo equkethe imininingwane yakamuva ephathelene nenhlanzeko.

10. Izinsolo zokudla-mbumbulu kanye nokudla osekuphelelwe yisikhathi
10.1. IKhabhinethi liyasincoma impela isinyathelo esiphuthumayo esithathwe nguNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Aaron Motsoaledi, sokufakela izibuko izinsolo zokudla-mbumbulu kanye nokudla osekuphelelwe yisikhathi okuthiwa kuthengiswa eNingizimu Afrika. I-DoH seyithole izikhalazo eziningi kakhulu futhi ikuphawulile ukukhathazeka okuzwakaliswe ngabantu mayelana namavidiyo okudla angaqinisekiswanga ajikeleza ezinkundleni zokuxhumana.

10.2. Kusukela kuNcwaba, sekwenziwe imikhankaso yokuhlola izitolo zokudla ezihlukahlukene futhi lokhu kuyaqhubeka nasezingxenyeni zezwe ezihlukahlukene.

10.3. Ngaphezu kwalokhu, imboni yokudla inxusiwe ukuthi ibheke futhi ithole ukuthi ziyiqiniso yini izinsolo zokuthengiswa kokudla-mbumbulu, ngenkathi ezinye iziphathimandla zikahulumeni ezilawulayo eziphuma eMnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nezokudoba, noMnyango Wezohwebo Nezimboni, kubandakanya neKhomishana Kazwelonke Yabathengi (i-NCC), zimatasa ziqinisekisa izinsolo zomphakathi zokudla okungekho ezingeni elifanele.  

10.4. IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi uqaphele futhi uqikelele ekuhlukaniseni phakathi kwamatemu asetshenziswayo aphathelene nokudla:

  • I-best-before date wusuku oluphathelene nobude besikhathi sokuhlala emashalofini kwemikhiqizo yokudla okomile kanye nokudla okusemathinini ezitolo, futhi lokhu akuyona neze inkomba yokuphepha kokudla.
  • I-sell-by date wusuku olusetshenziselwa ukudla okubolayo okuvamise ukugcinwa efrijini futhi kusukela kuNtulikazi kulo nyaka, lolu suku alusathathwa njengento esemqoka futhi edingekayo, ngokuyalela kweziphathimandla zomhlaba.
  • I-use-by noma i-expiry date wusuku oluyinkomba yokuphelelwa yisikhathi futhi lokho kusho ukuthi ukudla okunalolu phawu akusanambitheki kahle emva kwalolu suku. Mayelana nokudla okubolayo, lokhu kusho ukuthi lokho kudla akusakulungele neze ukudliwa.
  • “Izimpahla-mbumbulu” (“Counterfeit goods”) kuvamise ukuthi kube yizimpahla zomgunyathi ezithengiswa ngaphansi kwegama lenye inkampani kanti igama elithi “ukudla-mbumbulu” (“fake food”) lisetshenziswe ezinkundleni zokuxhumana liqondiswe kwizinhlobo zokudla-mbumbulu okungenazo izakhi zokudla ngaphakathi kukona.
     

10.5.  IKhabhinethi liyagcizelela ezicelweni ezikhishiwe zaqondiswa kubantu bakuleli mayelana nokuthi beze nobufakazi obuphathekayo bokudla okwakhiwe ngezinto ezinobungozi kanye namakhemikhali.

10.6. Ngaphezu kwalokho, iKhabhinethi liyakugxeka ukuhlaselwa nokuphangwa kwezitolo ngenxa yezinsolo zokuthi zithengisa ukudla okusolisayo. Ngeke zibekezelelwe neze izenzo zobugebengu ezinjalo futhi izikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngeke zingabaze nakancane ukubopha nokushushisa abantu abatholakale bekhuthaza noma benza lezi zenzo zobugebengu. IKhabhinethi liyawanxusa amalungu omphakathi anolwazi mayelana nokudla okusolisayo ukuthi afonele i-DoH ku-011 386 2003/6 noma i-NCC ku-012 428 7000.

11. Ukukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni
11.1. IKhabhinethi liyawamukela umbiko wenqubekelaphambili owethulwe nguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi u-Susan Shabangu, mayelana nobambiswano phakathi koPhiko Lwezibonelelo Zomphakathi LwaseNingizimu Afrika (i-SASSA) kanye nePosi LaseNingizimu Afrika (i-SAPO) lokuthatha umsebenzi wokukhokhwa kwezibonelelomali zomphakathi obuqhutshwa yi-Cash Paymaster Services kusukela mhla lu-1 kuMfumfu 2018.  

11.2. Kuze kube manje, i-SASSA seyikhiphe amakhadi amasha egolide e-SASSA alinganiselwa ezigidini ezinhlanu nesigamu, athatha indawo yamakhadi amadala, kodwa-ke kusenezinkulungwane ngezinkulungwane zamakhadi asalinde ukushintshiswa. IKhabhinethi liyabanxusa kakhulu abanikazi bamakhadi amadala ukuthi bahambe bayoshintshisa amakhadi abo ukuze bathole amasha.

11.3.  I-SAPO izowuthatha iwubeke ezandleni zayo futhi nomsebenzi wokubakhokhela imali engukheshi labo bahlomuli bezibonelelomali abangakwazanga ukukhipha izibonelelo zabo emishinini yokukhipha imali (ama-ATM) noma ezitolo lapho bevamise ukukhipha khona imali yabo. Ukuze bathole ulwazi oluthe xaxa, abahlomuli bezibonelelomali zomphakathi kumele bafonele i-SASSA ngezikhathi zomsebenzi kule nombolo yamahhala ethi 0800 60 10 11.

12. Ingozi yesitimela
12.1. IKhabhinethi libafisela ukwelulama okusheshayo abagibeli abalimala ngenkathi kungqubuzana izitimela zakwa-Metrorail ezimbili ku-Eloff Extension e-Selby, eningizimu yeGoli, futhi linxusa ukuthi lusheshiswe uphenyo lokuthola imbangela yale ngozi ukuze isigameko esinjengalesi singaphinde zenzeke esikhathini esizayo.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi
1.  IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa kweziBalomanani Zobugebengu Zikazwelonke zowe-2017/18 nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
1.1.  Izibalomanani zobugebengu ezikhishwa njalo ngonyaka ziyalekelela ekuqapheni imigomo esemqoka afuna ukufinyelela kuyona uhulumeni, ikakhulukazi ukuncishiswa kwezigameko ezibikiwe zobugebengu obubucayi, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile oHlakeni Oluhlelekile Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2014-2019. Izibalomanani zobugebengu zingasetshenziswa futhi njengezinkomba ezixwayisayo ngaphambi kokwenzeka kobugebengu obuthile ukuze kuqiniswe imikhankaso yokuvimbela ubugebengu kanye namaqhingasu eminyango kahulumeni ahlukahlukene.
    
2. IKhabhinethi lethulelwa umbiko mayelana nenqubekelaphambili esiyenziwe ekuphathweni kwenqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kwezisebenzi zikahulumeni ezenza ibhizinisi nohlaka lukahulumeni. Ukugqugquzela izinyathelo zokuphatha ezinobulungiswa futhi ezingachemile ezithathwa yizikhulu eziphezulu zikahulumeni kuyinto esemqoka kakhulu ekwakheni uhulumeni osebenza ngendlela evulelekile futhi ophendulayo ngezenzo zakhe,  okuyinjongo yoMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika yowe-1996 kanye nokwakha umbuso onamandla okusebenza ngendlela efanele, okuyinto eshiwo kwiNhlosombono yowezi-2030 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

2.1. Sekwenziwe inqubekelaphambili ebonakalayo impela ekuqalisweni koMthethonqubo 13(c) weMithethonqubo Yomkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni (ama-PSR) yowezi-2016, owenqabela izisebenzi zikahulumeni ukwenza ibhizinisi nohlaka lukahulumeni, kanye noMthethonqubo 18 wama-PSR wezi-2016, olayela ukuthi amalungu Abaphathi Abaphezulu (i-SMS) adalule ingcebo namafa abo ezimali kanye neminye imisebenzi eseceleni abayenzayo.

2.2.  IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukuthi Iziphathimandla Eziphezulu zeminyango kahulumeni ezifanelekile ziqaphe ukuqaliswa nokusetshenziswa koMthethonqubo 13(c) we-PSR wezi-2016, futhi zithathe izinyathelo ezifanele zokuqondiswa kwezigwegwe bese zibikela uNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-MPSA) njalo ekupheleni konyaka ngamunye mayelana nalokho. Umbiko wokuqala kulindeleke ukuthi wethulwe kuNgqongqoshe ngaphambi komhla zingama-31 kuNdasa 2019.

2.3. Ngowezi-2016 nowezi-2017, uMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo wahlonza izisebenzi zikahulumeni ezibhaliswe kwiSizindalwazi Esikhulu Sabahlinzeki Bezinsizakalo Zikahulumeni, esihlinzekwa nguMnyango KaMgcinimafa Kazwelonke. Iminyango kahulumeni yanxuswa ukuthi iqwashise abasebenzi, iqinisekise ulwazi olugciniwe futhi ihlinzeke ngombiko mayelana nokuqaliswa nokusetshenziswa kwemithethonqubo ngokuthi kuthathelwe izaphulamthetho izinyathelo ezifanelekile zokuqondiswa kwezigwegwe.

2.4. Ekupheleni kukaMbasa 2018, angama-96% amalungu ama-SMS ayesethumele imininingwane yokudalula ingcebo namafa awo kanye neminye imisebenzi eseceleni ayenzayo, ngokusebenzisa uhlelo lokudalula imininingwane nge-inthanethi olubizwa nge-eDisclosure System.

3. IKhabhinethi lethulelwe umbiko ngenqubekelaphambili eseyenziwe mayelana noHlelonqubo Lokuxhasa Ngezimali Isikole Sikazwelonke Sokuqeqesha Abasebenzi Bakahulumeni (i-NSG).
3.1. IKhabhinethi ligunyaze iqoqo lezinhlelo zokuqeqeshwa eziphoqelekile ezizolingwa yi-NSG zokuhlinzeka ngezinyathelo zokungenelela ezisheshayo ezizocija futhi zihlinzeke abasebenzi bakahulumeni ngamakhono okwenza umsebenzi wabo ngobungoti. Kwagunyazwa futhi nokuthi iminyango efanelekile, eqashe labo basebenzi abaqeqeshwa ngaphansi kwezinhlelo eziphoqelekile, kube iyona ekhokhela i-NSG ngqo.

3.2. Lokhu kuzoholela emkhakheni wokuphathwa kwemisebenzi kahulumeni othuthukisayo futhi othatha izinyathelo ezithe xaxa, njengomzamo wokufezekisa iNhlosombono yowezi-2030 ye-NDP ngokwakha “umbuso okwaziyo ukwenza umsebenzi wawo ngendlela efanele futhi othuthukisayo, futhi ohola umkhankaso onohlonze, olokhu uqhubeke njalo wokulwisana nobubha, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokungalingani emphakathini, ngokusebenzisana nezakhamuzi zawo ezinomdlandla futhi ezikhuthele.”

4.   IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koHlaka Lomthetho Odingidwayo Ophathelene Nesayensi, Ubuchwepheshe Nokuqanjwa Nokusungulwa Kwezinhlelo Nezimpahla Ezintsha wezi-2018, ukuze umphakathi uphawule ngawo. UNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uNkz Mmamoloko Kubayi-Ngubane, uzohlinzeka ngombiko ophelele mayelana nalokhu ngokuhamba kwesikhathi.

5. IKhabhinethi liphinde lagunyaza ukuthi kushicilelwe iQhingasu Lokwelulwa Kwezindawo Zikazwelonke Ezivikelwe (i-NPAES) ukuze umphakathi uphawule ngalo.
5.1.  I-NPAES wuhlelo oluhlelekile lweminyaka engama-20 oluhambelana ne-NDP, olugxile ekweluleni umhlaba wezindawo ezivikelwe, ikakhulukazi ekukhuliseni umnotho, nokuletha uguquko kanye nokusimama.
5.2. I-NPAES igcizelela ukusetshenziswa kahle, nangendlela efanele kwezimali ezikhona eziyingcosana kanye nabasebenzi ukuze kwandiswe ngempumelelo izindawo ezivikelwe futhi ngaphandle kokusebenzisa imali eningi ngokweqile, kuqinisekiswe ukusimama kwemvelo futhi kuqiniswe imizamo yokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu.
5.3.  Izindawo zaseNingizimu Afrika ezivikelwe zibandakanya izizinda zamagugu omhlaba, iziqiwu, izizinda zemvelo, izizinda zemvelo ezikhethekile, imvelo evikelekile, izindawo zasolwandle ezivikelwe, izindawo ezisezintabeni ezineziziba zamanzi, futhi ikakhulukazi izindawo ezingamahlathi avikelwe, kanye nezizinda zemvelo ezingamahlathi.

6.  IKhabhinethi liyigunyazile iMibono YeNingizimu Afrika Ezosetshenziswa Ezingxoxweni zoMhlangano we-13 Wengqungquthela Yamazwe Asayine Isivumelwano Samaxhaphozi Sase-Ramsar (i-Ramsar COP 13) ezobanjelwa e-Dubai, kwelase-United Arab Emirates, kusukela mhla zingama-21 kuze kube ngumhla zingama-29 kuMfumfu 2018.
6.1. Izinjongo ezibanzi zeSivumelwano sase-Ramsar wukuqinisekisa ukulondolozwa nokusetshenziswa ngobuhlakani kwawo wonke amaxhaphozi. ENingizimu Afrika, amaxhaphozi asengcupheni kakhulu kuyo yonke imiphilandawonye yemvelo (ama-ekhosisitimu), njengoba angama-48% kuwona esengozini enkulu yokushabalala.
6.2. Lokhu kufaka isandla ekuphathweni kwemithombo yamanzi njengengxenye yendlela yokulawulwa kwesomiso ebonisa inkuthalo nokuthatha izinyathelo eziphathekayo.

C.  IMithethosivivinywa
1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezinxephezelo Zokulimala kanye Nokungenwa Yizifo Emsebenzini wezi-2018 ukuze umphakathi uphawule ngawo.
1.1. Lo Mthethosivivinywa, ochibiyela uMthetho Wezinxephezelo Zokulimala kanye Nokungenwa Yizifo Emsebenzini, we-1993 (uMthetho ongunombolo 130 we-1993) uvikela amalungelo abasebenzi basemakhaya, abebeshiywe ngaphandle kulo Mthetho, futhi ubamukele njengabasebenzi abasemthethweni ukuze bathole imihlomulo efanele, futhi kwenziwe ngcono naleyo mihlomulo abayitholayo njengamanje.
1.2 . Lezi zichibiyelo zizokwenza ngcono imihlomulo ekhokhelwa abasebenzi nabantu ababondlayo, futhi zihlose ukulekelela abasebenzi abalimele kanye nalabo abangenwe yizifo ukuze bathole usizo lokwelashwa okufanelekile futhi badidiyelwe kabusha endaweni abasebenzela kuyona kanye nasemphakathini.

2.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iSichibiyelo Somthethosivivinywa Wobulungiswa Bezingane wezi-2018 sethulwe ePhalamende.
2.1.  Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wobulungiswa Bezingane, wezi-2008 (uMthetho ongunombolo 75 wezi-2008) ukuze kubuyekezwe iminyaka yobudala ephansi yokubekwa icala lobugebengu ngokuthi ikhushulwe isuswa eminyakeni eyi-10 iye eminyakeni eyi-12. Lo Mthethosivivinywa uthatha izinyathelo ezithe xaxa ekuvikeleni amalungelo ezingane eziphule umthetho.
2.2. Futhi lo Mthethosivivinywa uqeda ukuxhunyaniswa kodaba lwamandla okwenza isenzo sobugebengu nokunikezwa isigwebo sokufakwa kwesaphulamthetho ngaphansi kohlelo lwesijeziso esihlukile esikhundleni sokugqunywa ejele, ngokuthi kususwe umbandela wokuthi kuboniswe ubufakazi obuqanda ikhanda ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo sokufakwa kwesaphulamthetho ngaphansi kohlelo lwesijeziso esihlukile kanye nokwenziwa kophenyo olwandulela ukuqulwa kwecala.

3. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokuhamba Ngezindiza wezi-2018 sethulwe ePhalamende.
3.1. Lo Mthethosivivinywa, ochibiyela uMthetho Wezokuhamba Ngezindiza, wezi-2009 (uMthetho ongunombolo 13 wezi-2009), uzoqinisa izinhlaka zemithetho elawula ezokuphepha emkhakheni wezokuhamba ngezindiza, nokuvikeleka kanye nokuvikelwa kwemvelo ngenhloso yokuqinisekisa ukusimama nozinzo embonini yezokuhamba ngezindiza.
3.2. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuthobela izibopho zamazwe ngamazwe emkhakheni wezokuhamba ngezindiza, okuyinto ezoqinisa ukwesekwa kwentuthuko yezomnotho yaleli lizwe futhi kuholele ekukhuphukeni kwezinga nomthamo wezohwebo, ezokuvakasha kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.
3.3. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela futhi, phakathi kokunye, ukuqhutshwa ngokuzimela kophenyo lwezingozi nezigameko eziphathelene nezindiza, kanye nokulungiswa kwezingxenye zomthetho ezinokuphikisana nokungahambelani okuthile kanye nobuthakathaka.

D. Imicimbi Ezayo
1. Iviki lama-Thusong Service Centre
1.1. Njengoba lenzeka ngaphansi kweNyanga Yezemisebenzi Kahulumeni, iViki lama-Thusong Service Centre elibanjwa minyaka yonke kusukela mhla ziyi-17 kuya kumhla zingama-21 kuMandulo 2018 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Thuma Mina: Sihambisa Izinsizakalo Zikahulumeni Kubantu”, lihlinzeka ngethuba lokuthi uhulumeni ahambise izinsizakalo zikahulumeni kubantu.
1.2. Ama-Thusong Service Centre yizikhungo ezingontozonke lapho kutholakala khona izinsizakalo zikahulumeni kanye nolwazi, futhi lama-Thusong Service Centre ayi-133 atholakala ezweni lonkana ayizizinda zethemba, ukufinyelela, ukulungisa izinto ezingahanjiswanga ngendlela efanele esikhathini esedlule, ikhwalithi kanye nokuhlonyiswa kwalabo bantu ababencishwe amathuba esikhathini esedlule ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho yabantu kuleli.
1.3. Uhulumeni wenza imizamo yokufaka uHlelo Lokulawula Imigqa Yokulinda Izinsizakalo oluzonciphisa izinqubo nemidanti eminingi okumele ilandelwe, ukuze kuncishiswe nesikhathi sokulinda. Lolu hlelo luzofakwa kuzo zonke izizinda zikahulumeni ezweni lonkana futhi kuzogxilwa nasekuxhumaneni ngobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana (i-ICT), okuyinto eyenza kube lula ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zikahulumeni.

2. INgqungquthela ye-ITU Yezokuxhumana Ngezingcingo Yamazwe Ngamazwe yowezi-2018
2.1. IKhabhinethi liyayamukela iNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yezokuxhumana Ngezingcingo   Yenhlangano Yezokuxhumana Ngezingcingo Emhlabeni (i-ITU) yowezi-2018 ezobanjelwa eThekwini kusukela mhla ziyisi-9 kuya kumhla ziyi-13 kuMandulo 2018, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukuqhamuka Nemiqondo Emisha Ukuthuthukisa Nokusebenzisa Ubuxhakaxhaka Besimanjemanje”. Lo mcimbi, oza eNingizimu Afrika okokuqala ngqa, uhlinzeka ngethuba lokuthi amazwe akhuphule izinga lokubamba kwawo iqhaza ukuze kuqiniswe futhi kuthuthukiswe ukusetshenziswa kwe-ICT e-Afrika njengensiza ezoletha intuthuko nokuqanjwa kwezinhlelo nezinsizakusebenza ezintsha.

2.2. Le ngqungquthela ebanjwa minyaka yonke iheha izithunywa ezingaphezu kwezi-9 000 ezivela emhlabeni wonke jikelele, lapho ohulumeni kanye nabaholi bemboni becubungula futhi bahlonze amathuba nezinkambiso ezingungqaphambili zokuthuthukisa inhlalomnotho ngokusebenzisa i-ICT. Izihloko ezisemqoka okuzobhungwa ngazo zibandakanya: ukusetshenziswa kwe-5G ukuthuthukisa nokusebenzisa ubuxhakaxhaka besimanjemanje, ukubambisana ekuqinisekiseni ukuvikeleka kwe-inthanethi, izinsizakalo zezimali ezihlinzekwa ngobuxhakaxhaka besimanjemanje kanye namasathelayithi okuthuthukisa nokusebenzisa ubuxhakaxhaka besimanjemanje.

2.3. INgqungquthela ye-ITU Yezokuxhumana Ngezingcingo Yamazwe Ngamazwe yowezi-2018 isingathwa ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iqalisa imiklamo kazwelonke esemqoka kakhulu, ebandakanya iQhingasu Likazwelonke Lokuqhuba Umsebenzi Kahulumeni Nge-inthanethi eligxile ekuletheni uguquko lokusetshenziswa kwe-inthanethi nobuxhakaxhaka besimanjemanje uma kuhlinzekwa izinsizakalo zikahulumeni kanye neQhingasu Likazwelonke Lokweseka Amabhizinisi e-ICT Asafufusa (ama-SMME), elihlose ukuvula amathuba okukhula nokudlondlobala komkhakha wama-SMME e-ICT eNingizimu Afrika. Lawa mathuluzi akha isimo esizovumela ukukhula kwalo mkhakha futhi ukwazi nokuqinisekisa ukusimama kwawo nokuqhubeka isikhathi eside.

E. Imiyalezo
1. Amazwi enduduzo
1.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo:

  • emndenini osemanzini kanye nomphakathi wonkana weNyuvesi Yezobuchwepheshe yase-Tshwane kulandela ukudlula emhlabeni kuka-Katlego Monareng. IKhabhinethi liyabanxusa abantu ukuba behlise imimoya ngenkathi amaphoyisa enza uphenyo lwawo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umbulali ubhekana nengalo yomthetho.
  • emndenini nabangani babantu abayisishiyagalombili ababhubhe ekuqhumeni okwenzeke efemini yezikhali yakwa-Denel e-Somerset West eNtshonalanga Kapa.
  • izihlobo nabangani babantu abashone enhlekeleleni yomlilo oqubuke esakhiweni esisetshenziswa ngokuhlanganyela yiminyango kaHulumeni Wesifundazwe sase-Gauteng, okunguMnyango Wezempilo, Owezokuhlaliswa Kwabantu kanye Nowezokuphatha Ngokubambisana.  

2. Amazwi okuhalalisela
2.1. IKhabhinethi lihalalisele abantu baseZimbabwe ngoguquko olwenzeke ngempumelelo lokuthatha izintambo kukahulumeni omusha oholwa nguMongameli Emmerson Mnangagwa, owagcotshwa mhla zingama-26 kuNcwaba 2018. UMongameli Ramaphosa wahlanganyela nabanye abaholi base-Afrika eHarare ukuyozibonela ngawakhe ngenkathi kubanjwe lo mkhosi. IKhabhinethi liyakweseka ukuzibophezela kukaMongameli Ramaphosa ekutheni uzosebenzisana ngokubambisana okukhulu nelizwe laseZimbabwe ukuze kuphuculwe ubudlelwano bomlando, ezepolitiki kanye nobungani obuphakathi kwalawa mazwe, futhi okuwubudlelwano obuzogxila ikakhulukazi ekuqinisekiseni ubambiswano lwezomnotho.

2.2. IKhabhinethi liyawuncoma impela uMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezimboni, ikakhulukazi abacwaningi besifazane, maqondana nocwaningo lwezempilo olwenziwayo njengamanje ngenhloso yokuthuthukisa nokwenza ngcono uhlelo losizo nokunakekelwa kwezempilo kuleli. Lokhu kubandakanya: (i) iqhezwana (chip) lokuhlonza isifo sashukela ngokuqapha nokuhlola amazinga kashukela egazini ngokuhlaziya umphefumulo womuntu; (ii) ukuthuthukiswa kwamagciwane awusizo asetshenziswa ekukhiqizweni kwamatshwele ezinkukhu, uhlobo lwenhlanzi olubizwa nge-dusky-cob kanye nezimbaza, okuyinto ezolekelela ezikhiqizweni kwemikhiqizo yezilwane ngokwemvelo, engenawo ama-antibhayothiki, amakhemikhali kanye nezikhuthazi-kukhula; (iii) kanye nokuqhutshwa kocwaningo mayelana namangqamuzana ezakhi zomzimba aphindaphindekayo (ama-stem cell).

2.3. IKhabhinethi lithanda futhi ukuhalalisela Dkt Evodia Setati, umcwaningi omkhulu oPhikweni Lwezokulinywa Kwamagilebhisi kanye Nezewayini eNyuvesi yase-Stellenbosch, onqobe iNdondo Kasosayensi Wesifazane Ovelele emcimbini obanjwa minyaka yonke wokuhlonishwa ngeziNdondo Kwabesifazane Abavelele Kwezesayensi eNingizimu Afrika obubanjelwe ePolokwane mhla zingama-23 kuNcwaba 2018.

2.4. IKhabhinethi lithanda futhi ukuhalalisela no-Caster Semenya owenze ezibukwayo ngenkathi enqoba umjaho wakhe wesithathu emqhudelwaneni wamanqamu we-Diamond League ebangeni lamamitha angama-800 obubanjelwe kwelaseSwitzerland.

F. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
1.    Mnu Jacob Ganny Mbele oqashwe njengePhini LikaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Wophiko Lwemiklamo Nezinhlelo Zamandla eMnyangweni Wezamandla (i-DoE).
2.    Nkz Hilda Dikeledi Mhlongo oqashwe njengo-DDG: Wophiko Lwezemisebenzi Yesikhungo e-DoE.
3.    Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu esithatha izinqumo mayelana nokuphathwa kwenhlangano nsuku zonke beBhodi LabaQondisi Bebhange Lentuthuko Yezomhlaba Nezolimo:

  •  Adv Sandra Coetzee (oqokwe kabusha); kanye no
  • Nkz Mathane Eveline Makgatho.
     

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore