Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-10 kuMfumfu 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyi-10 kuMfumfu 2018 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Umnotho kanye nomkhankaso wotshalomali

1.1 IKhabhinethi liyazamukela izinhlelo zikahulumeni zokungenelela eziphathekayo futhi ezinohlonze ezinjengokuzibophezela ekuthengeni imikhiqizo yakuleli, ukuqiniswa kakhudlwana kwemizamo yokukhulisa umthamo wempahla yakuleli ethunyelwa emazweni angaphandle, izinhlelo zokungenelela ochungechungeni lomsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo kanye nokweseka amabhizinisi asafufusa. Lezi zimemezelo ziwumphumela weNgqungquthela Yemisebenzi ethathe izinsuku ezimbili ebibanjwe esikhathini esifushane esedlule, ebibizwe ngaphansi koMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye Nezabasebenzi (i-Nedlac).

1.2 Umphumela weNgqungquthela Yemisebenzi ulandela isimemezelo soHlelo Lokuvuselela Nokugqugquzela Ukusimama Komnotho, oluhlose ukubuyisa nokuvuselela ukukhula komnotho futhi ludale namathuba omsebenzi adingeka kakhulu. Usomqulu Wezimayini omusha – ophothulwe ngokubonisana nemboni yezimayini, abasebenzi, imiphakathi ethintekile kanye nabanye ababambiqhaza – icacisa izinto ezisemqoka kakhulu okumele zenziwe ukuze kulethwe ukukhula komnotho, ukusimama kanye noguquko.

1.3 IKhabhinethi liyabanxusa bonke ababambiqhaza ukuthi bawucubungule futhi bazame ukuwuqonda uSomqulu Wezimayini ukuze uphothulwe futhi kulethwe uzinzo emkhakheni wezimayini. 

2. Ihhovisi loMnyango Wezasekhaya lase-Kokstad kanye nokunikezwa kwamatayitela

2.1 NjengoMongameli Cyril Ramaphosa, iKhabhinethi nalo liyawuncoma impela uMnyango Wezasekhaya ngokuvula ngempumelelo ihhovisi lawo lase-Kokstad KwaZulu-Natali. UMongameli wavula ngokusemthethweni leli hhovisi loMnyango Wezasekhaya njengengxenye yohlelo lukahulumeni lokwelula ukufinyelela kwezizinda zoMnyango Wezasekhaya ezihlinzeka ngezidingongqangi kubantu ukuze kuhlangatshezwane nesasasa elikhulu eliboniswa yizakhamuzi zakuleli komazisi bekhadi kanye nezinye izincwadi.

2.2 Ngaphezu kwalokho, uMongameli Ramaphosa wadlulisela amatayitela angaphezu kwama-443 ezandleni zabahlomuli boMklamo Wezindlu wase-Franklin. Lokhu kuyingxenye yohlelo lokuvuselela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abahlomuli bathokozela imihlomulo ephelele yokuba ngabanikazi bezindlu futhi ukuze bakwazi nokufinyelela emakethe yomhlaba ehlelekile.

2.3 IKhabhinethi lithanda futhi ukusebenzisa leli thuba ukukhuthaza izakhamuzi zakuleli ukuthi zihambe ziyolanda omazisi bazo ngokushesha emva kokuthola isaziso esibanxusa ukuthi beze bazobalanda.

3. Ukufinyelela esivumelwaneni mayelana nokwabiwa kwamagagasi okusakaza ngomoya

3.1 IKhabhinethi liyasamukela isivumelwano okufinyelelwe kusona mayelana nodaba olubandakanya isiMemo Sokufakwa Kwezicelo eziqondene nokwabiwa kwamagagasi okusakaza ngomoya afunwa kakhulu. Lokhu kuhlinzeka ukuqiniseka mayelana nezinqubomgomo emkhakheni wezobuchwepheshe bolwazi nokuxhumana (i-ICT). 

3.2 Lesi sivumelwano sihambelana nekhwelo likaMongameli Ramaphosa lokuqaliswa kwenqubo yokwabiwa kwamalayisensi amagagasi okusakaza ngomoya afunwa kakhulu.

3.3 Ngenhloso yokufaka isandla esithe xaxa ekuqalisweni kokusebenza koHlaka Lombiko Odingidwayo Wenqubomgomo Ye-ICT Edidiyelwe Kazwelonke, bonke abanentshisekelo bazonikezwa ithuba lokuhlinzeka uphiko ngemibono yabo ebhalwe phansi kuze kube ngumhla ziyisi-8 kuLwezi 2018 mayelana nenqubomgomo ehlongozwayo kanye nesiqondiso senqubomgomo.

4. Imifelandawonye yabadobi abancane yokuqala ngqa yaseNingizimu Afrika

4.1 IKhabhinethi liyayamukela imifelandawonye yabadobi abancane yokuqala ngqa yaseNingizimu Afrika emkhakheni wezokudoba, okungumfelandawonye wase-Port Nolloth kanye nowase-Hondeklipbaai eNyakatho Kapa, eyathulwa nguNgqongqoshe Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba, uMnu Senzeni Zokwana. 

4.2 Ukwethulwa kwale mifelandawonye kuwuphawu lokuqaliswa kokusebenza kwenqubomgomo yabadobi abancane. Amalungelo okudoba anikeza abadobi bendawo isithunzi, njengoba bebedoba ngokungemthetho, kepha-ke manje sebevikelekile, futhi kungokokuqala ngqa ukuthi kwenzeke into enjalo kuleli. 

4.3 Le miphakathi yabadobi abancane emibili ezohlomula kule nqubomgomo seyithole ukuqeqeshwa okuyisisekelo mayelana nemifelandawonye futhi ilekeleliwe ukubhalisa imifelandawonye yayo ukuze ikwazi ukufaka izicelo zamalungelo okudoba isikhathi esiyiminyaka eyi-15.

5. Isikhathi sokuthunyelwa kwamafomu entela

5.1 IKhabhinethi liyabancoma abakhokhi bentela ababalelwa ezigidini ezintathu asebewathumelile amafomu abo entela, futhi abayisigamu kulaba bawathumele nge-inthanethi amafomu abo besebenzisa uhlelo lwe-eFiling. Mhla zingama-31 kuMfumfu, siyavalwa isikhathi sokuthunyelwa kwamafomu entela sowezi-2018 maqondana nabakhokhi bentela abathola ingenisomali evela emholweni kuphela kanye nabakhokhi bentela yesithutshana (okusho labo abathola ingenisomali ngale komholo, noma ingenisomali evela ebhizinisini) abaqoka ukuzihambisela amafomu abo mathupha egatsheni lesiKhungo Esiqoqa Intela saseNingizimu Afrika (i-SARS). Abakhokhi bentela yesithutshana abaqoka ukuthumela amafomu nge-eFiling bazonikezwa ithuba lokuthumela amafomu abo kuze kube ngumhla zingama-31 kuMasingana 2019.

5.2 Ukuqoqwa ngendlela efanele kwemali engenayo emgodlagodleni kahulumeni kuqinisekisa amandla aleli lizwe olulawula imali engenayo ngokuzimela futhi ukuthunyelwa kwamafomu entela aqukethe imininingwane efanelekile, ngesikhathi esibekiwe, kuyaqinisekisa ukuthi abakhokhi bentela bathathwa njengabantu abawuthobelayo umthetho wezentela. Imali etholakala ngokukhokhwa kwentela ilekelela uhulumeni ukuze akwazi ukuxhasa ngezimali imiklamo yokuthunyelwa kwezidingongqangi kuleli kanye nezinye izinhlelo zokuthuthukiswa kwenhlalomnotho.

6. Ukukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni

6.1 IKhabhinethi lethulelwe umbiko yiKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene: Elijutshwe Ukubhekana Nodaba Lwezibonelelomali Zikahulumeni, usihlalo walo okunguNgqongqoshe Nkosazana Dlamini-Zuma.   Kusukela mhla lu-1 kuMfumfu 2018, bangaphezu kwezigidi eziyi-10 abahlomuli abakhokhelwe izibonelelomali zabo kusetshenziswa ezinye zalezi zikhungo ezilandelayo – iPosi laseNingizimu Afrika (i-SAPO)/i-Postbank; i-Grindrod Bank kanye nezitolo ezinjengo-Boxer, Shoprite, kanye no-Pick n Pay.

6.2 Uhulumeni usekwazile ukufudukisa ngempumelelo umsebenzi wokukhokhwa kwezibonelelomali zikahulumeni usuka enkampanini yakwa-Cash Paymaster Services (i-CPS) ngokomyalelo wesiNqumo Senkantolo. Bonke abahlomuli abebekhokhelwa imali engukheshi ngu-CPS sebefudukisiwe futhi i-CPS seyazisiwe ngokuqedwa kwenkontileka yayo kusukela mhla zingama-30 kuMandulo 2018.

6.3 IKhabhinethi lidlulisa ukubonga kwalo ngomsebenzi wokuqapha omuhle kakhulu obuholwa yiThimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene lisekelwa yiThimba Elikhethekile LabaQondisi Jikelele Abanolwazi Olunzulu Emsebenzini Walo Mkhakha. Liyawubonga futhi umsebenzi omuhle wezikhulu ezivela ku-SAPO, Inhlangano Yezimpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (i-Sassa) kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi; OwezeNgqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi; OwezokuHlela, Ukuqapha Nokuhlola; Owezezimali Kuzwelonke; uMbutho Wamaphoyisa waseNingizimu Afrika (i-SAPS) kanye Nophiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS).

6.4 IKhabhinethi liyababonga bonke abahlomuli bezibonelelomali zikahulumeni ngobambiswano lwabo abalubonisile kulesi sikhathi soguquko.

7. Imigubho yekhulu-nyaka lika-Albertina Sisulu

7.1 IKhabhinethi lethulelwe umbiko mayelana namalungiselelo omgubho wekhulu-nyaka likaMama u-Albertina Sisulu ozobanjwa ngenyanga azalwa ngayo, uMfumfu. UMama uSisulu wazalwa mhla zingama-21 kuMfumfu 1918, futhi usiHlalo WeKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Ejutshwe Umsebenzi Wokuhlela Lo mgubho, uNgqongqoshe u-Jeff Radebe, ukhona lapha ukuzochaza kabanzi mayelana nemicimbi nemisebenzi ezokwenziwa ephathelene nomgubho wekhulu-nyaka likaMama u-Albertina Sisulu.

8. Ukugwetshwa kukababa wase-Springs

8.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukugwetshwa kwendoda enesihluku, edume ngeleNunu Esabekayo yase-Springs (i-Springs Monster). Wagwetshwa iminyaka engama-35 ejele ngecala lokuzama ukubulala indodana yakhe, ukuhlukumeza, ukuhluleka ukunakekela izingane zakhe kanye nokusebenzisa futhi athengise izidakamizwa. Udlame oluqondiswe kwabesifazane lusalokhu luyinselele enkulu ezweni lethu, njengoba lokhu kubonakale ngokucacile esigamekweni sokudlwengulwa kwengane esencane esenzeke esikhathini esifushane esedlule esitolo sokudla sakwa-Dros e-Silverton.   

8.2 Khabhinethi liyagcizelela ekhweleni eliqondiswe kwiziphathimandla eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuthi zenze konke okusemandleni azo ukushushisa abenzi balawa macala amabi kangaka. Futhi liyasinxusa sonke ukuthi sisebenzisane ekunqandeni ukuphulwa kwamalungelo ezingane nalawo malungu omphakathi angakwazi ukuzivikela futhi adinga ukubhekelelwa kakhudlwana.

9. Imibhikisho yase-Westbury

9.1 IKhabhinethi liyazamukela izinyathelo zokungenelela e-Westbury ezithathwe nguNgqongqoshe uBheki Cele, eziyingxenye yeqhingasu elibanzi lokulwisana nesihlava sezidakamizwa kanye nodlame oluphathelene nemigulukudu kuleya ndawo.

9.2 Izinyathelo zokungenelela zibandakanya ukutshalwa kwethimba lamaphoyisa akhethekile aqeqeshwe ngokujulile, adume “ngelamaBherethi”, kanye nokukhuliswa kwesibalo samaphoyisa aqaphile, ehla enyuka emphakathini, eqinisekisa ukuphepha komphakathi. Futhi okubaluleke nakakhulu, kuzokwenziwa uphenyo mayelana nezinsolo zenkohlakalo esiteshini samaphoyisa sase-Westbury. 

9.3 IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi wase-Westbury kanye nayo yonke eminye imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukunqanda izenzo zobugebengu, izidakamizwa kanye nemigulukudu ezindaweni ehlala kuzona.

10. Ubugebengu

10.1 IKhabhinethi liyazincoma impela izimpiko eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ngophenyo olunzulu olumkhakha-mningi ezilwenzile oluphathelene nezigameko zeziqhumane ezitholakale ezikhungweni ezinenxanxathela yezitolo, ezitolo ezinkulu ezidumile kanye nasezindlini zesonto lamaSulumane (ama-mosque), okuwuphenyo oseluholele ekuboshweni kwabasolwa abayi-19. Lolu phenyo belubandakanya neQoqwana Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka. Abasolwa abathathu kulaba baboshelwe amacala aphathelene neziqhumane ezatholakala ezikhungweni ezihlukahlukene eThekwini, kubandakanya nendlu yesonto lamaSulumane e-Verulam. Bonke abasolwa kulindeleke ukuthi babekwe amacala, kubandakanya elokubulala, ukuzama ukubulala kanye nokwephula uMthetho Weziqhumane.

10.2 IKhabhinethi liyabaqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ukulwisana nobugebengu kuyinto ebekwe eqhulwini futhi uhulumeni uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi bonke abahlali baseNingizimu Afrika baphila ngaphansi kwesimo esiphephile futhi esivikelekile.

11. Ukuguqulwa kwegama lendawo: Makhanda

11.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukuguqulwa kwegama ledolobha i-Grahamstown, eMpumalanga Kapa, libizwe ngeMakhanda, ngenhloso yokuhlonipha umphrofethi, isazi senzululwazi kanye nomkhuzi wempi owalwisana nenqubo yokuqonelwa ngabezizwe.

11.2 Lolu guquko luyingxenye esemqoka ohambweni lwentando yeningi labantu futhi luzolekelela ukuqinisa ubumbano lomphakathi futhi luzokwenza ukuthi abantu bakuleli bawuqonde futhi bawazise kakhudlwana umlando waleli lizwe, okungumlando wethu sonke.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

IKhabhinethi lilugunyazile uhlelo olubuyekeziwe lokuqaliswa koMklamo Wokufudukela Ekusakazeni Ngedijithali. Lolu hlelo lusebenzisa indlela yokusebenza eqhutshwa yizimakethe noma izitolo ngokuthi kubanjiswane nomkhakha ozimele kanye nezimboni. Ngale ndlela yokusebenza, uhulumeni ngeke esazibandakanya ekuthengweni kwamabhokisana okudonsa isiginali kamabonakude (ama-set-top-boxes), ukugcinwa kwawo, kanye nokuthuthwa nokuxhunywa kwawo emakhaya. 

Lokhu kuhlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba lokuqhubekela phambili ekuphothulweni kwalo mklamo wokufudukela ekusakazeni ngedijithali ngendlela ebandakanyayo, engambi eqolo futhi esebenza kahle, futhi kunciphisa nobungozi kuhulumeni. Lokhu kuzokhuphula inani lababukeli asebebukela umabonakude othola isiginali yedijithali lifinyelele emkhawulweni obekuhloswe ukufinyelela kuwona wama-85% futhi kuze kudlulele nangaphezulu kwalokho, njengoba kuphokophelwe ekucimeni wonke amasiginali okusakaza nge-analogi.

IKhabhinethi liwugunyazile uMbhalo Wemigomo Engumongo (i-Common Core Document) yeNingizimu Afrika, ozothunyelwa kwiNhlangano Yezizwe (i-UN). Lo mbhalo uhlinzeka ngenqubekelaphambili equkethe ulwazi olujwayelekile olungamaqiniso futhi olunezibalomanani mayelana nokuthobela kweNingizimu Afrika izibopho ezihambisana nezivumelwano ze-UN eziyisishiyagalolunye ezasayinwa.

C. Imicimbi Ezayo

Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)

UNgqongqoshe Wezezimali u-Tito Mboweni uzokwethula Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS) ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuMfumfu 2018, esizoveza izinguquko ezithile ezenziwe kwisabelomali sikazwelonke ngenhloso yokuqinisekisa ukusimama kwezimali.

Inyanga Yezokuthutha

Uhlelo lwalo nyaka lweNyanga Yezokuthutha lugcizelela ukubaluleka kwengqalasizinda yezokuthutha, enjengezithuthi zasolwandle, izindiza, izitimela kanye nezithuthi ezihamba emgwaqeni njengoba lokhu kuyizinto ezisemqoka ezizolekelela ekukhuliseni umnotho.

IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi usebenzise izithuthi zomphakathi futhi uqalise ngenkuthalo ukusebenza kwezinhlelo zokuphepha emgwaqeni, okuyinto okumele yenziwe unyaka wonke. Masisebenziseni iNyanga Yezokuthutha ukugubha nokubuyisa isikompilo lokuthi abantu bagibelisane emotweni eyodwa uma beya emsebenzini esikhundleni sokuthi umuntu ngamunye azihambele ngemoto yakhe ukuze kuncishiswe isiminyaminya sezimoto emigwaqeni yakuleli. Ukuphepha kusalokhu kuyinselele emgwaqeni yakuleli, futhi abashayeli kanye nabantu abahamba ngezinyawo kumele bayisebenzise ngokucophelela imigwaqo yomphakathi.

D. Imiyalezo

Amazwi okuhalalisela

Isibonakude seNingizimu Afrika esisebenza ngamagagasi omoya, i-MeerKAT, sizoba yingxenye ye-Breakthrough Listen, okuwuhlelo lwamazwe ngamazwe lokucinga nokuthungatha izimpawu zezidalwa eziphilayo emkhathini. Lokhu kubonisa ubuchwepheshe nengqalasizinda yakuleli ehlonishwa emhlabeni wonke jikelele. I-MeerKAT, okuyisibonakude seNingizimu Afrika esisebenza ngamagagasi omoya esinezindishi ezingama-64, esethulwa ngoNtulikazi kulo nyaka, yisibonakude esibukhali kunazo zonke izibonakude zohlobo olufanayo emhlabeni wonke jikelele.

IKhabhinethi lihalalisela ithimba labacwaningi abavela eNyuvesi yase-Wits abenze ukufakelwa kwesibindi okuyingqophamlando futhi okube yimpumelelo, ngenkathi bethatha ingxenye yesibindi kumama Onegciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) beyifaka kumntwana wakhe ongenayo i-HIV.  Ithimba lodokotela belibandakanya uSlz Jean Botha, Dkt Francesca Conradie, Dkt Harriet Etheredge, Dkt June Fabian kanye noSlz Caroline Tiemessen.

IKhabhinethi lihalalisela abantu base-Equatorial Guinea emgubhweni wama-50 wenkululeko yabo. Kusukela mhla ziyisi-5 kuNhlaba 1993 iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuba nobudlelwane obuphelele ne-Republic of Equatorial Guinea ezingeni losomaqhinga.

Amazwi enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani kanye nozakwabo bakaNgqongqoshe Wezemvelo u-Boma Edna Molewa osesishiyile emhlabeni. UNgqongqoshe Molewa wazibonakalisa ngomsebenzi wakhe omuhle ezikhundleni eziningi abethweswe zona kanye nasemikhankasweni yobushoshovu abeyishabashekela, kusukela kwigalelo lakhe emzabalwazweni wenkululeko yethu kuya kubushoshovu bakhe bokulwela amalungelo abesifazane alinganayo ezweni lethu. Futhi ubeyisishabasheki sikazwelonke nesomhlaba wonke jikelele ebesilwela ukuphathwa kahle kwemvelo ukuze sibe nomhlaba osimeme oyothokozelwa yibo bonke abantu futhi bahlalisane kahle kuwona.

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-Indonesia. Uhulumeni usethembisile ukuthi uzoleseka futhi alilekelele leliya lizwe, lapho kudingeke khona, futhi iKhabhinethi liyabancoma impela abahlinzeki bosizo abavela eNingizimu Afrika abayingxenye yemizamo yokulekelela nokuhlinzeka ngosizo esiqhingini sase-Indonesia, i-Sulawesi, esikhahlanyezwe wukuzamazama komhlaba kanye ne-tsunami.

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nozakwabo baNkz Rowena Baird odlule emhlabeni kuleli sonto. UNkz Baird ubengumsakazi odumile futhi engusaziwayo emkhakheni wezokusakaza ngomoya.

Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

IKhomishana Yamazwe Ngamazwe Yokuphathwa Nokulawulwa Kohwebo:

  • Dkt F Ismail (uSihlalo);
  • Mnu B Mokgatle;
  • Nkz T van Meelis;
  • Mnu ED Vlok;
  • Nkz P Mbiko;
  • Mnu JC de Beer;
  • Nkz VNN Ncwaiba;
  • Mnu W Sihlobo; kanye
  • noNkz AV Hlatshwayo.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

 

Share this page

Similar categories to explore