Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla zingama-28 Ntulikazi 2015

1. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

1.1. IKhabhinethi izamukelile izinhlelo zokusungula i-Operation Phakisa Mining Lab, ezohlonza izinkinga ezivimbela umkhakha wezezimayini ukuthi ukwazi ukuba negalelo elibonakalayo ekukhulisweni komnotho kanye nokuletha intuthuko. Ngokubambisana nezinye izinhlaka, i-Mining Lab izothuthukisa futhi nezinhlelo zokubhekana nalezi zinselelo. Kuhlelwe ukuthi kubanjwe i-Mining Lab ezodonsa amaviki amane ngoMfumfu 2015.

1.2. IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kwemibono yomphakathi mayelana nohlaka lweSu Lezomnotho Eliphathelene Nezemvelo. Lelisu lifaka phakathi isikhathi esiyiminyaka eyi-14 esizophela ngowezi-2030. Ngalelisu kuhloswe ukwandisa igalelo lemvelo kwiSamba soMkhiqizo Wezwe futhi kusenjalo lizofaka isandla emizamweni yokongiwa kwemvelo yaleli lizwe.

Phakathi kokunye, lelisu lizogxila ekufakeni umfutho ekukhulisweni komkhakha wezilwane zasendle kanye nowezokuvakasha okuqondene nezemvelo.

1.3. IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kwemibono yomphakathi mayelana nohlaka kanye nendlela ezolandelwa Yezinyathelo iNingizimu Afrika Ehlose Ukuzithatha ngenhloso yokubonisana nabo bonke abathintekayo ngaphambi kokuthunyelwa kwalolu hlaka ku-United Nations Framework Convention on Climate Change (UNFCC).

Uma sekuboniswene ngokuphelele ngalolu hlaka luzoba yingxenye yesivumelwano esisemthethweni ngaphansi kwe-UNFCC, esizokwamukelwa e-Paris, kwelase-France ngoZibandlela 2015.

2. IMithethosivivinywa

IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa kwale Mithethosivivinywa elandelayo ukuze umphakathi uphawule ngayo:

2.1. UMthethosivivinywa Wophiko Lwezokuphathwa Kwemingcele (i-BMA), wezi-2015, ohlose ukusungula i-BMA ezoqinisekisa ukuphuma nokungena kwabavakashi emingceleni yakuleli ngendlela evikelekile, yenze lula ukuhwebelana futhi iqinisekise ukuthotshelwa kwezidingo zokuqinisekisa ukuvikeleka nokuphepha kwaleli lizwe, ngaphansi kwezibopho zeNingizimu Afrika kwisifunda, nezwekazi lase-Afrika kanye namazwe omhlaba.

Lolu phiko olulodwa lokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho yemingcele luhlinzeka ngethuba lokunikeza abantu usizo ngendlela efanelekile futhi enenzuzo kanye nokuvikeleka okwenziwe ngcono kanye nokuphathwa ngendlela efanelekile kwesimo semingcele yakuleli.

2.2. Isichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezabakhoseli, wezi-2015, okuhloswe ngawo ukwakha inqubo esebenza ngendlela efanelekile yokufakwa kwezicelo zabakhoseli abavela kwamanye amazwe.

IKhabhinethi ikwamukelile futhi nokuthunyelwa ePhalamende kwale Mithethosivivinywa elandelayo:

2.3. Isichibiyelo SoMthethosivivinywa Wokhetho Lomasipala ngaphansi Kohulumeni Basekhaya, wezi-2015, ochibiyela uMthetho Wokhetho Lomasipala ngaphansi Kohulumeni Basekhaya, wezi-2000 (uMthetho wama-27 wezi-2000).

Lezi zichibiyelo zenzelwe ukuqinisekisa amalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya lowezi-2016 angenazihibe kanye nokuqhutshwa kokhetho ngendlela efanelekile.

2.4. Isichibiyelo SoMthethosivivinywa Womshwalense Wokuphelelwa Umsebenzi, wezi-2014. Lesi isichibiyelo sesibili soMthetho Womshwalense Wokuphelelwa Umsebenzi wezi-2001 (uMthetho wama-63 wezi-2001).

Uma usuphasisiwe lo Mthethosivivinywa, phakathi kokunye, uzokwelula isikhathi sokukhokhwa kwemihlomulo kulabo abangamalungu alo mshwalense sisuka kwizinyanga eziyisishiyagalombili siyofinyelela kweziyi-12, kanye nokwelulwa kwesikhathi sokufakwa kwezicelo zokukhokhelwa sisuka kwizinyanga eziyisithupha siyofinyelela kwizinyanga eziyi-12.  

3. Imicimbi ezayo

3.1. IKhabhinethi isamukelile isiqubulo seNyanga Yabesifazane yowezi-2015 esithi: “Abesifazane, Babumbene Ekuqhubekiseleni Phambili iNingizimu Afrika” futhi ilwamukelile nohlu lwezinto ezizokwenziwa ngeNyanga Yabesifazane, ezizoholela ohlelweni oluzolandelwa unyaka wonke.

Umcimbi woSuku Lwabesifazane mhla ziyisi-9 Ncwaba 2015 uzobanjelwa e-Sasolburg, eFreyistata, futhi uzoqopha ukukhishwa koMbiko Wokuqala Ophathelene Nesimo Sabesifazane, okuzokwenziwa nguMongameli Jacob Zuma.

Unyaka wezi-2015 uqopha futhi nomgubho weminyaka engama-59 weMashi Yabesifazane belibangise e-Union Buildings, ngenkathi bebhikishela imithetho yamapasi, futhi lokhu kuzoba yisiqalo samalungiselelo omgubho weminyaka engama-60 ngowezi-2016.

3.2. UNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe, uNksz Naledi Pandor, uzokwethula iViki Lezesayensi Likazwelonke (i-NSW) (elizoqhubeka kusukela mhla lu-1 kuze kube ngumhla ziyisi-8 kuNcwaba 2015) emcimbini ozobanjelwa oPhikweni lwaseMafikeng lweNyuvesi yaseNyakatho Ntshonalanga mhla lu-1 kuNcwaba. Uzobe ephelezelwa nguNgqongqoshe Wezemfundo Wesifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga, uNksz Maphefo Matsemela, kanye nePhini likaShansela we-NWU, uSlz Dan Kgwadi. Lo mcimbi uzohanjelwa yizinkulungwane ngezinkulungwane zabafundi, izitshudeni zasenyuvesi, ososayensi kanye namalungu omphakathi.

Isiqubulo se-NSW 2015 sithi “Unyaka Wamazwe Ngamazwe Wezokukhanya kanye Nobuchwepheshe Obusekelwe Phezu Kokukhanya.” Ukukhanya kanye nokubaluleka kokukhanya ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu kuzobukiswa ngakho ezimweni ezahlukahlukene, njengokusetshenziswa kwe-laser kwezempilo, ukwengulwa kontwentwesi emehlweni kulabo abangasaboni kahle, ukukhiqizwa kwempahla ezimbonini, ukushisela izimoto kanye nemisebe yokuvikeleka eyenzelwe ukuvimbela ukugqekezwa kwezakhiwo.  

UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe, ngokusebenzisa uMkhandlu Wezocwaningo Lwezesayensi Nolwezezimboni (i-CSIR), usutshale izimali kwisayensi yezama-photonics – okusho isayensi yezobuchwepheshe bokukhanya ekhiqiza, ilawule futhi ihlonze amagagasi okukhanya kanye nezinhlayiya zokukhanya. Lokhu sekuholele, phakathi kokunye, ekusungulweni kobuchwepheshe obusha futhi obuyingqophamlando kweze-digital-laser. Le mpumelelo eyenzeke kwa-CSIR iyakhombisa ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi futhi sekunendlela yokucabanga entsha mayelana nobuchwepheshe be-laser futhi lokhu kungenzeka kuhlinzeke ngesisekelo okuzokwakhelwa phezu kwaso ubuchwepheshe besikhathi esizayo.

4. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

4.1. Mnu Stavros Nicolaou njengelungu elizongena esikhundleni selungu elisaxinwe ngeminye imisebenzi loMkhandlu Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezabasebenzi kwiBhodi Yokweluleka Izizinda Ezikhethekile Zezomnotho.

4.2. Ibhange Lomhlaba:

a) Mnu Bafana Patrick Mathidi –  (oqashwe kabusha njengoMqondisi Ongeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla);
b) Adv. Sandra Julie Hester Coetzee  – (oqashwe njengoMqondisi Ongeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla);
c) Nksz Mathane Eveline Makgatho –  (oqashwe njengoMqondisi Ongeyona Ingxenye Yesigungu Seziphathimandla); kanye no
d) Mnu Bennie van Rooy – (oqashwe njengeSikhulu Esiyinhloko Yokuphathwa Kwezimali futhi onguMqondisi Omkhulu).

4.3. UMkhandlu Kazwelonke Wezokubhaliswa Kwabakhi Bezindlu:

a) Mnu Abbey Chikane (uSihlalo);
b) Nksz Julieka Bayat;
c) Nksz Xoliswa Eunice Daku;
d) Mnu Themba Thomas Cyril Dlamini;
e) Nksz Hlaleleni Kathleen Dlepu;
f) Inxusa u-Segogwane Samuel Kotane;
g) Mnu Phetola Nailana Solomon Makgathe;
h) Nksz Mankwana Christinah Mohale;
i) Nksz Busisiwe Nwabisa Nzo;
j) Mnu Alvin Phumudzo Rapea;
k) Mnu Goolam Hoosen Manack (omele iHhovisi LoMgcinimafa Kazwelonke);
l) Mnu Obed Lucas Molotsi  (omele uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi); kanye no
m) Mnu Lulama Andisa Potwana (omele uMnyango Wezohwebo Nezimboni).

4.4. Dkt Muzamani Charles Nwaila njengoMqondisi-Jikelele (i-DG) woMnyango Wezendabuko – (Welulelwe inkontileka yomsebenzi ngeminyaka emithathu.)

4.5. Dkt Bongani Douglas Ngqulunga njengePhini likaMqondisi-Jikelele: weHhovisi Langasese likaMongameli oPhikweni LeHhovisi likaMongameli.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore