ISitatimende soMhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-21 kuNcwaba 2024

A.    Ezisematheni

1.    Sakha iNingizimu Afrika Ephephile 
1.1.    Ukulwisana Nobugebengu
1.2.    IKhabhinethi lamukele ukuboshwa komsolwa oneminyaka engama-40 ubudala okukholakala ukuthi ungomunye wongqondongqondo bokuthunjwa kwabantu bese kucelwa isamba esithile okubhekiswe kakhulu kosomabhizinisi eNingizimu Afrika. Uphinde asolwe ngokuhamba phambili ezidakamizweni ze-crystal meth zenani lezigidi ezingama-R300 ezishaqwe kamuva nje eGoli e-Fourways nase-Bruma. Lokhu kuboshwa kubonisa ukuzinikela kukahulumeni ekubhekaneni nobugebengu obuhleliwe.
1.3.    IKhabhinethi leseka ukutshalwa kwamathimba ezomthetho azobhekana nesimo esiphezulu sobugebengu esenzeka eMpumalanga Kapa. La mathimba azofaka phakathi imisebenzi yokulwisana nobugebengu obuhleliwe, imisebenzi ekhethekile kanye nemisebenzi yezobunhloli. IKhabhinethi likugcizelele kwabomthetho ukuthi umphakathi awukwazi ukuvinjezelwa yizigilamkhuba.
1.4.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukuboshwa komsolwa otholakale nezincwadi ezigunyaza ukungena kwelinye izwe ezingama-34 etholwa yiZiphathimandla Ezilawula Imingcele eMngceleni waseLebombo ongenela e-Mozambique. Lokhu kusengomunye wemizamo eqhubekayo yokulwisana nezigilamkhuba ezingena kule lizwe ngokungemthetho ezihlose ukudicilela phansi ukulawulwa kwemingcele yethu kanye nemithetho yokufudukela kuleli lizwe.
1.5.    Ukulwisana nobugebengu kusalokhu kungumsebenzi wethu sonke njengamaphoyisa, imiphakathi nayo yonke imikhakha futhi iKhabhinethi liyaqhubeka nokunxusa izakhamuzi ukuthi zisebenzisane nabomthetho ukuqeda ubugebengu emiphakathini yakithi.

1.2.    Ukulwa noDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)
1.2.1.    IKhabhinethi licela amadoda esizwe sakithi ukuthi abe yingxenye yomzamo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa wokulwa ne-GBVF ngokuthi asayine isifungo esitholakala ku: www.stateofthenation.gov.za/endGBVF.
1.2.2.    Ngokusayina lesi sifungo, amadoda ayazinikela ukuba yingxenye yokuthola isixazululo sokuziphatha, kanye nokuzibophezela ezenzweni zawo. Siphinde sibophezele amadoda ukuthi angalokothi aphakamisele abantu besifazane isandla, kodwa abaphathe ngokulingana, ahloniphe amalungelo abo, futhi abaphathe ngokuhlonipha isithunzi sabo. Ukubhekana ne-GBVF sibambisene kuzoholela ekutheni sibe nomphakathi ophilile, ophephile futhi onokuthula lapho abesifazane nabantwana bezokhula khona. 
1.2.3.    Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi lamukele ukuvulwa kweSikhungo sama-65 eSibhedlela i-Mitchells Plain eKapa ekuqaleni kwaleli viki okuyisikhungo sokweseka izisulu ze-GBVF. Ukusungulwa kwamaThuthuzela Care Centres nguhulumeni ezweni lonkana kuyindlela yokunqanda ngokushesha, yokubhekana kanye nokweseka izisulu zodlame, ikakhulukazi abesifazane nabantwana.
1.2.4.    IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngezibalo ezethusayo zabantwana abakhulelwayo lapho abantwana abancane abaneminyaka eyishumi ubudala beba abazali isikhathi singakafiki. 
1.2.5.    IKhabhinethi linxusa umphakathi nabazali ukuthi basize ukuxazulula le nkinga ngokuthi babike nganoma ubani ozibandakanya ocansini nengane encane (ingane engaphansi kweminyaka eyi-16 ubudala) njengoba lokhu kuyicala.
1.2.6.    Uma izwe lingasebenzi ngokubambisana ukubhekana nale nkinga yokukhulelwa kwezingane ezincane, abesifazane namantombazanyana bazoqhubeka bavaleleke ogibeni lwenhlupheko, ukweswela imfundo kanye nokubandakanyeka kwezomnotho.

1.3.    Ukukhishwa ngaphambi kwesikhathi kwekhalenda lezibalo zekota zobugebengu 
1.3.1.     IKhabhinethi likuphawulile ukukhishwa ngaphambi kwesikhathi kwekhalenda lezibalo zekota zobugebengu zonyakamali wezi-2024/25. Izibalo zobugebengu zizokhishwa ngoNcwaba nangoLwezi wezi-2024, ziphinde zikhishwe ngoNhlalanja nangoNhlaba wezi-2025. Ukukhishwa njalonjalo kwezibalo zobugebengu kubalulekile ukuqaphela izindlela zobugebengu kanye nasekuthatheni izinqumo ekulweni nobugebengu.

1.4    Ukulawulwa Kwenhlekelele

1.4.1    IKhabhinethi lamukele ukungenelela okuphuthumayo koMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu ekusizeni imindeni esale dengwane emva kokuthi amakhaya abo emukile ngesikhahi kuwa izidonga zedamu mhla wesi-8 kuNcwaba 2024 kuMasipala wase-Swartland eNtshonalanga Kapa.
1.4.2    Usizo luzolokhu luhanjiswa emindenini ekhahlamezekile kulandela ukuwa kwamadamu amathathu, ase-Riverlands okudale umonakalo omkhulu ezakhiweni nakwingqalasizinda. Amanzi asebohlile manje ukuze abahlali – abebesusiwe ekuqaleni – bezobuyela emakhaya abo. Yize kunjalo, kusahlolisiswa umonakalo odalekile, kanti izikhungo zomphakathi ezimbili ezikhona zisavulelwe abahlali abakhetha ukungabuyeli emakhaya njengamanje.
1.4.3    Njengoba isikhathi sezimvula sisondela kuleli lizwe ezingxenyeni zenyakatho yezwe, iKhabhinethi licela omasipala baqinisekise ukuthi imisele edlulisa amanzi emvula ikhucululiwe futhi ayivalekile lokho okuzoqinisekisa ukugeleza ngokukhululekile kwamanzi uma izulu lina.

2.    Umnotho 
2.1    Izibalo Zabasebenzi Zekota 
2.1.1    Isibalo sabantu abangasebenzi besingama-33% ekoteni yesibili yezi-2024, sikhuphuke ngephesenti elingu-0.6 ekoteni yokuqala (besingama-32.9% ekoteni yokuqala). Isibalo semisebenzi sehle ngezi-92 000 saya kwizigidi eziyi-16.7 ekoteni yesibili yezi-2024. Inani labantu abangasebenzi likhule ngezi-158 000 laya kwizigidi eziyisi-8.4 ngekota eyodwa. 
2.1.2    Ucwaningo lwabantu abasebenzayo ngokwezimboni luveze ukwehla kwenani labantu abasebenzayo ezimbonini ezinhlanu kwezilishumi ekoteni yokuqala yezi-2024 nasekoteni yesibili yezi-2024. Ukwehla kwemisebenzi kwenzeke kakhulu embonini yezoHwebo (110 000), eyeZolimo (45 000), kanye nakwimisebenzi yasezindlini (18 000). 
2.1.3    Noma kunjalo, kube nokukhula kwemisebenzi emkhakheni Wezokukhiqiza (49 000) naKwizinsizakalo Zomphakathi (36 000). Ukukhula okukhulayo emkhakheni wezokukhiqiza kuqinisa umsebenzi wokwakha umnotho wezokukhiqiza. Uhulumeni usalokhu egxile kulokhu akubeke eqhulwini kokwakha umnotho obandakanya wonke umuntu futhi osungula amathuba emisebenzi.
2.2.    Ukukhuphuka kwamandla emali
2.2.1.    Ukukhuphuka kwamanani abathengi ngonyaka bekungu-4.6% ngoNtulikazi 2024, kwehle kusuka ku-5.1% ngoNhlangulana 2024. Inkomba yamanani abathengi yenyuke ngo-0.4% inyanga nenyanga ngoNtulikazi 2024.
2.2.2.    Izinto ezibe nomthelela omkhulu ku-4.6% wezinga lokukhuphuka kwamandla emali ngonyaka kube yilezi:
•    Izindlu nemisebenzi yakhona (kwenyuke ngo-5.3% unyaka nonyaka okube ngamaphuzu ayiphesenti elingu-1.3),
•    Impahla nezinsizakalo ezehlukahlukene (kwenyuke ngo-7.0% unyaka nonyaka okube iphuzu eliyiphesenti elingu-1.0),
•    Ukudla neziphuzo ezingebona utshwala (kwenyuke ngo-4.5% unyaka nonyaka nokube yiphuzu eliyiphesenti elingu-0.8), kanye
•    Nezokuthutha (kwenyuke ngo-4.2% unyaka nonyaka nokube yiphuzu eliyiphesenti elingu-0.6).

NgoNtulikazi wezi-2024, izinga lokukhuphuka kwamandla emali ngonyaka kube ngale ndlela elandelayo:
•    Impahla yayingu-4.6%, yehla isuka ku-5.5% ngoNhlangulana wezi-2024, 
•    Izinsizakalo bezingu-4.7%, zenyuka zisuka ku-4.6% ngoNhlangulana wezi-2024.

2.3.    Ezamandla
2.3.1.    Ukusayinwa koMthetho Wokuchibiyela Ezokulawulwa Kukagesi nguMongameli u-Ramaphosa kuvula ithuba elisha lomkhakha kagesi osezingeni lokuncintisana futhi osimeme ohlangabezana nezidingo zikagesi zabantu baseNingizimu Afrika. 
2.3.2.    Lezi zichibiyelo ziqinisekisa ukuthi ugesi uyatholakala ngokusondeza ababambiqhaza abaningi ukuthi babandakanyeke ekukhiqizweni kukagesi.
2.3.3.    Isiqinisekiso sokuthi ugesi uyatholakala kuleli lizwe kuphinde kwaqiniswa ngomunye ugesi owengeziwe ongama-2 500 megawatts ozofakwa kwigridi kazwelonke uma kuphela uMandulo wezi-2024. Umthamo owengeziwe ozoqhamuka e-Medupi Unit 4, eKusile Unit 6 nase-Koeberg Unit 2 uzobeka leli lizwe endaweni enhle yokufinyelela ezinsukwini eziyi-150 ngaphandle kokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Le mpumelelo yezinsuku eziyi-148 ngaphandle kokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga yenzeke ngenxa yokuncishiswa kokuphehlwa kukagesi ngegesi, okuholele ekongiweni kwezindleko eziyizigidigidi ezili-R10.21 zodizili uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.
2.3.4.    IKhabhinethi likuphawulile ukuhoxiswa kwesicelo sokuthengwa kwamandla enuzi aphehla ugesi nguNgqongqoshe Kagesi Nezamandla, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa, ukuze kuzoxoxisanwa nomphakathi kuqala. IKhabhinethi liqinisekisile ukuthi amandla enuzi asalokhu eyingxenye yezamandla aleli lizwe njengoba ekhiqiza ugesi onekhabhoni encane, nowethembekile ongafaka igalelo elikhulu ekuqinisekiseni ukuthi ugesi uyatholakala kuleli lizwe futhi uhambisana nesimo sezulu.

2.4.    Ingqalasizinda Yamachweba
2.4.1.    IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwezikebhe ezidonsa imikhumbi ezinhlanu (5) kweziyisikhombisa (7) neziyingxenye yohlelo lwe-Transnet National Ports Authority lokubhekana nezinselele zokuminyana emachwebeni akuleli lizwe ngokuhambisana noMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla ukubuyisela ukusebenza kahle kanye nokuncintisana emachwebeni nasezitimeleni zethu.
2.4.2.    Izikebhe ezakhiwe zafakwa ubuchwepheshe besimanjemanje kanye namandla okudonsa zizosiza ukunciphisa isikhathi esilindwa yimikhumbi ngokusiza ngokudiliza ngokushesha imithwalo kanye neziqukathi emachwebeni ethu amakhulu. Izikebhe zizophinde zisize kwezokuphepha nasekugwemeni izingozi ngokuthi zisize ukudlulisa imikhumbi ezindaweni eziminyene.

3.    Ezempilo
3.2.1.    I-Mpox
3.2.2.    IKhabhinethi liphinde laqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi isifo se-Mpox, manje esesimenyezelwe njengeSimo Esiphuthumayo Sezempilo Yomphakathi Esibhekene Namazwe Ngamazwe yiNhlangano Yomhlaba Yezempilo (i-WHO) kanye nesimo esiphuthumayo sezempilo yomphakathi ezwenikazini yiZikhungo zase-Afrika Ezilawula Nezinqanda Izifo (i-Africa CDC) siyalawuleka eNingizimu Afrika.
3.2.3.    Kuze kube manje, inani eliphelele labantu abatholakala nesifo lime kuma-24 uma kubalwa nalabo abathathu abashonile, abasindile bayi-19 bese kuthi ababili basabambekile bathola ukwelashwa lapho behleli ngabodwana emakhaya. Kulaba bantu, abayishumi nambili base-Gauteng, abayi-11 baKwaZulu-Natali noyedwa oseNtshonalanga Kapa.
3.2.4.    IKhabhinethi licela amalungu omphakathi ukuthi adlale indima yawo ngokweseka imizamo kahulumeni yokugwema ukusabalala kwe-Mpox ngokuhlale njalo beqaphele futhi belandela izindlela zokugwema isifo ezifana nokugcina inhlanzeko ukugwema ukuthelelana.
3.2.5.    IKhabhinethi leseka isicelo sikaMongameli Ramaphosa ngokwamandla akhe njenge-Champion yeNhlangano Yobubambo lwase-Afrika (i-AU) mayelana noKunqanda, Ukulungela kanye Nokubhekana Nobhubhane, ukuthi bonke abayingxenye basebenze ngokubambisana ne-Africa CDC ukuqinisekisa ukuthi kunosizo olufanele oluvela emhlabeni jikelele, nokuqinisekisa ukufinyelela ngokulinganayo emakhambini okwelapha, kubandakanya ezokuxilonga, imithi yokwelapha kanye nemigomo.

3.3.    Isifo samatele (i-FMD)
3.3.1.    Uyabonakala umsebenzi osuwenziwe wokulwa ne-FMD komasipala bendawo base-Kouga nase-Kamma eMpumalanga Kapa, njengoba isigameko sokugcina sibikwe phakathi kukaNtulikazi.
3.3.2.    Ukuphuma nokungena kwezilwane ezifundeni ezithintekayo kuyaqhubeka nokubhekwa ngeso lokhozi ukuze kuzogwenywa ukusabalala kwesifo ezindaweni ezingakathinteki ngoKokulawulwa Kwesifo Endaweni, kanti ukuthuthwa kwemfuyo isuka endaweni iya kwenye kudinga iMvume Yokuthutha Imfuyo eqhamuka ehhovisi likadokotela wezilwane kahulumeni ukugwema ukusabalala kwesifo.
3.3.3.    Amapulazi ezinkomo angama-30 okutholakale ukuthi anaso isifo samatele afakwe ngaphansi kohlelo lokuvalelwa kwezinkomo ngazodwana, nemizamo yokugoma izinkomo iyaqhubeka nokunqanda ukusabalala kwesifo kanye nokunciphisa ubunzima bezimpawu. Ngaphezu kwalokhu, imigomo yokuvikela isifo isikhishelwe kwamanye amapulazi angama-37 ahlonzwe njengasengcupheni enkulu ngenxa yokusondela kwawo ezindaweni ezihaqekile. Sezizonke, zingaphezu kwezi-92 000 izinkomo nezimvu ezicishe zibe ngama-600 emapulazi angama-67 esezigomile.

3.4    Uhlelo lokudla ezikoleni
3.4.1    IKhabhinethi liyiphawulile indlela yokusebenza yokwenza ngcono uhlelo Lukazwelonke Lokudla Ezikoleni futhi leseka umsebenzi oqhubekayo wokuqinisekisa ukuthi ukucophelisisa endleleni eyethuliwe yokuvikela izidingo zabafundi abayizigidi eziyi-9.7 abasizakala nsuku zonke kulolu hlelo.

4.    Ukubungazwa Kwenyanga Yabesifazane
4.2.1.    INgqungquthela Kazwelonke Kwezobulili Emkhakheni Wezindiza (i-NAGS)
4.2.2.    I-South African Civil Aviation Authority (i-SACAA) engaphansi koMnyango Wezokuthutha isingathe ngempumelelo iNgqungquthela Kazwelonke Kwezobulili Emkhakheni Wezindiza (i-NAGS) ebibanjwe KwaZulu-Natali ngoLwesithathu ngenhloso yokugqugquzela ukuthi abesifazane babambe iqhaza emkhakheni wezindiza emhlabeni, kanjalo nokuthuthukisa amalungelo abesifazane kulo mkhakha.

4.3.    Umhlangano Obanjwe nge-Inthanethi Wesifunda saseNingizimu ye-Afrika Omayelana Nokuthuthukiswa Kwabesifazane Kwezomnotho
4.3.1.    UMnyango Wabesifazane, Intsha Nabantu Abaphila Nokukhubazeka usingathe umhlangano obanjwe nge-inthanethi omayelana nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho eSifundeni saseNingizimu ye-Afrika oqale mhla zingama-21 kuya mhla zingama-22 kuNcwaba 2024. 
4.3.2.    Kulo mhlangano kucutshungulwa izinkinga ezibhekene nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho nokugxile ezinhlelweni zokuhweba nezomnotho, izinhlaka nezivumelwano esigabeni sikazwelonke nasezifundeni kanye nomthelela wazo ekuthuthukisweni kwezomnotho kwabesifazane, intsha nabantu abaphila nokukhubazeka.

5.    Izindaba Zamazwe Ngamazwe
5.1     INgqungquthela yama-44 yeNhlangano Ethuthukisa Imiphakathi eseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)  
5.1.1    IKhabhinethi lamukele imiphumela yeNgqungquthela yama-44 ye-SADC yeZinhloko Zombuso noHulumeni ebibanjwe e-Harare, eZimbabwe mhla we-17 kuNcwaba 2024.
5.1.2    Kule Ngqungquthela kunxuswe amazwe angamalunga ukuthi aqalise ngeSicelo Sokusiza Abantu seSifunda se-SADC esiqondene nesomiso nezikhukhula ezidalwa amazinga okushisa aphezulu, nokuqhubeka nokuqapha ubungozi besimo sezulu, kubandakanya nokuqagulwa kwamazinga aphezulu okushisa nokuqhamuka nezinyathelo eziphuthumayo zokunqanda izinhlekelele.
5.1.3    Kule Ngqungquthela kubhekwe nokuqaliswa kweSivumelwano sokusungula uNxantathu weNkundla Yokuhwebelana Mahhala phakathi kweMakethe Enkulu yeMpumalanga neNingizimu ye-Afrika, Amazwe aseMpumalanga ye-Afrika ne-SADC okuzohlinzeka ngamathuba kumalunga e-SADC ukuthi angene emakethe yamazwe angama-26 anabantu ababalelwa kwizigidi ezingama-700 kanye nesamba somkhiqizo wezwe esiyi-US$1 trillion. 
5.1.4    Mayelana nempi phakathi kwe-Israel ne-Palestine, kule Ngqungquthela kuphawulekile ukukhathazeka ngokuqhubeka nokuhlaselwa kwabantu base-Palestine osekuholele ekushoneni kwabantu abangenacala, ukucekelwa phansi kwezakhiwo kanye nokushabalala kwezimo zobuntu. Kucelwe ukuthi kubekwe phansi izikhali, kukhululwe abathunjiwe kanye nokuqalwa kwezingxoxo ezizoletha isixazululo kule ngxabano.

5.2    Ingqungquthela yeNhlangano Yezitimela eNingizimu Afrika (i-SARA)
5.2.1    IKhabhinethi lamukele izingxoxo eziqhubeke kwiNgqungquthela ye-13 ye-SARA okuhloswe ngayo ukweseka umkhakha wezitimela ku-SADC ngenhloso yokulawula ukuhwebelana ngaphakathi kwesifunda kanye nokusebenzisa amathuba okuhweba alethwe yiNkundla Yokuhwebelana Mahhala Yamazwe ase-Afrika.
5.2.2    Imboni yezitimela ekhulayo ye-SADC idinga utshalomali olukhulu kwezezitimela kanye nokusebenzisana ngaphakathi kwisifunda se-SADC ukuxazulula izinkinga zayo eziningi. Eminyakeni eminingi imboni yezitimela yesifunda ibhekene nezinkinga ezifana nobugebengu, ubusela kanye nokucekeleka phansi.
5.2.3    INingizimu Afrika izinikele ukudlala indima yayo ekusunguleni umkhakha wezitimela osebenza kahle, osebenzisana neminye nowesimanjemanje, futhi njengamanje iqalisa ngenqubomgomo nezingenelelo, okunguMhlahlandlela Wezokuthuthwa Kwempahla, okuzovuselela, kweseke futhi kuthuthukise ukusebenza kwezitimela zethu.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
(i)    IBhodi Labeluleki eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-DSBD)
(a)     IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kwebhodi labeluleki ngaphakathi ku-DSBD njengokusho koMthetho Kazwelonke Wamabhizinisi Amancane, we-1996 (Umthetho we-102 we-1996), njengokuchitshiyelwa kwawo. 
(b)    Ukusungulwa kwebhodi labeluleki kungukuqinisekisa ukumelwa nokugqugquzela lokho okudingwa ngamabhizinisi amancane njengokusho kweQhingasu Likazwelonke Lokuthuthukiswa Nokwesekwa Kwamabhizinisi Amancane eNingizimu Afrika. 
(c)    Umsebenzi omkhulu webhodi labeluleki kuzoba ngukweluleka uNgqongqoshe ezindabeni ezithinta ukukhula kwamabhizinisi amancane, kubandakanya imigomo kazwelonke ephathelene nokuthuthukisa nemithethonqubo yamabhizinisi amancane.
(d)     Ibhodi labeluleki lizosiza uhulumeni ngezeluleko zobungcweti ezinobufakazi ezimayelana nokusebenza kwezingxenye ezehlukahlukene zokusebenza kwamabhizinisi amancane lokho okuzovumela ukuthi kube khona izinguquko kwizinqubomgomo, kuchitshiyelwe nemithetho, kuphinde kuqhanyukwe nezingenelelo ezizokweseka amabhizinisi amancane, amancanyana naphakathi kanye nemifelandawonye.

C.    Ezakamuva kwiKhabhinethi

(i)    Imiphumela yoMhlangano wama-35 waMazwe ayingxenye ye-Montreal Protocol (i-MOP) obumayelana neZinto Eziqeda Ugqinsi Oluvikela Umhlaba 
(a)    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngokudingidwe eMhlanganweni wama-35 waMazwe e-MOP obumayelana neZinto Eziqeda Ugqinsi Oluvikela Umhlaba obubanjelwe e-Nairobi, e-Kenya ngoMfumfu wezi-2023.
(b)    Kulo mhlangano, izihambeli zazinikela ukuthi zizobhekana nezinto eziletha ubungozi ogqinsini oluvikela umhlaba kanye nalezo eziyingozi esimeni sezulu emhlabeni. INingizimu Afrika iyilungu le-Montreal Protocol kanti ukubamba iqhaza kwaleli lizwe kwi-MOP yama-35 bekuhloswe ngakho ukuqinisekisa amalungelo abantu baseNingizimu Afrika okuthi babe nesimo nendawo ephephile njengokusho koMthethosisekelo lokho okudingwa yizwe kuvikelekile ngokubheka ukuthi amanye amakhemikhali okuxoxwe ngawo ukuthi ayingozi kubantu ayasetshenziswa kuleli lizwe, yimboni yamafriji, ezolimo, izicimamlilo, imishini engenisa umoya kanti eminye yale mikhakha ifaka igalelo ekukhuleni komnotho.

(ii)    Imiphumela yeNgqungquthela Yesihlanu Yamaqembu (i-COP5) emayelana neSivumelwano se-Minamata 
(a)    IKhabhinethi liyamukele imiphumela ye-COP5 ebibanjelwe e-Geneva, e-Switzerland ngoLwezi 2023. Isivumelwano se-Minamata sibaluleke kakhulu ekuvikeleni impilo yabantu kanye nemvelo ekulinyazweni yi-mercury. 
(b)    Phakathi kwezinqumo ezathathwa kwingqungquthela kukhona lezi (i) izinsuku ezintsha ezibekiwe zokuqeda ngemikhiqizo ene-mercury kubandakanya nezimonyo, (ii) Ukuqinisa amaxhama Nabantu Bomdabu, (iii) isivumelwano sesilinganiso esingumkhawulo esingu-15mg/kg se-mercury okumele iqukathwe imfuzuca ene-mercury noma imikhiqizo ehlanganiswe ne-mercury.
(c)    Ezinye izinqumo zifaka ukwamukelwa kokulawulwa kwe-mercury ekhishelwa emhlabeni nasemanzini kanye nokulawula ukungcoliswa komoya yi-mercury.

(iii)    Izinqumo zeNgqungquthela Yamaqembu yama-28 (i-COP28) emayelana neSivumelwano soHlaka lwe-UN Sokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC)
(a)    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngezinqumo ze-COP28 ebibanjelwe e-Dubai e-United Arab Emirates (e-UAE) ngoZibandlela 2023. 
(b)    Izinqumo ze-COP28 kuhloswe ngazo ukunciphisa inani legesi engcolisa umoya ngokuhambisana nesinqumo sokuba ku-20C seSivumelwano sase-Paris kanye nokusiza amazwe athuthukayo ukuthi akwazi ukumelana nemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu. 
(d)    IKhabhinethi liphinde lakuphawula ukuxoxisana ku-COP28 ngezindaba ezibalulekile ezifana nalezi (i) ukuphothulwa kohlelo lomsebenzi weminyaka emibili we-Glasgow-Sharm el-Sheikh, (ii) ukwamukelwa koHlelo Lokusebenza Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo lwe-UN ukuze kuzodingidwa izindlela ezihlukene zokuguqukela kwezamandla anganukubezi imvelo – okuyisinqumo esigcizelela ukubaluleka kwezezimali, ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe nokudluliswa nokwakhiwa kwamandla okuguqukela kwezamandla anganukubezi imvelo (iii) ukusetshenziswa kweSikhwama Esibhekele Umonakala Wesimo Sezulu. 
(e)    Amazwe angamalungu adangele ukuthi izigidigidi ezingama-U$100 azange zenziwe ngowezi-2021, futhi uma ngabe izimali ezenele zingabikhona, amazwe athuthukayo angeke akwazi ukuqalisa.
(f)    INingizimu Afrika iqinisekise isimo sayo ngaphansi kwe-UNFCCC kanye neSivumelwano sase-Paris.

D.    UMthethosivivinywa 
(i)    UMthethosivivinywa Wezokuthungatha Nokutakula Ngezindiza Nasolwandle (i-AMSAR) wezi-2024  
(a)     IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa we-AMSAR ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho waseNingizimu Afrika Wezasolwandle Nezindiza, wezi-2002 (Umthetho wama-44 wezi-2002), osudlulelwe isikhathi. 
(b)     UMthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu ngesikhathi sezigameko zokuthungathwa nokutakulwa ngezindiza nasolwandle. Umthethosivivinywa uphinde ufune ukuqondanisa indlela yokusebenza ye-AMSAR kuzwelonke nezindlela zokusebenza nokwenzekayo emhlabeni jikelele. Lo Mthethosivivinywa uzoqinisa indlela yokusebenza ye-AMSAR nezokhulisa izimboni zezindiza nezasolwandle lokho okuzofaka igalelo ekukhuleni komnotho. 

E.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisisiwe ngokufanele.  
(a)     Amalungu ebhodi le-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-SEDA):

(i)    Nkz. Nonzuzo Makhanda (uSihlalo).
(ii)    Nkz. Dorah Mosili.
(iii)    Nkz. Xolisa Daku.
(iv)    Nkz. Nontobeko Lubisi.
(v)    Mnu. Luyanda Ntuane.
(vi)    Nkz. Cingashe Motale.
(vii)    Mnu. Pat Makape.
(viii)    Nkz. Hilda Tsoadi.
(ix)    Mnu. Avuyile Xabadiya.
(x)    Mnu. Sinovuyo Mpakama.
(xi)    Mnu. Waseem Carrim.
(xii)    Mnu. Thembinkosi Bonakele. 
(xiii)    Mnu. Keabetwe Mogorosi.

F.    Imicimbi Ezayo

1.    Imbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) e-Ekurhuleni
1.1.    UMongameli u-Ramaphosa uzoba neMbizo kaMongameli ye-DDM kuMasipala Wedolobha Ekurhuleni ngoLwesihlanu, mhla wama-23 kuNcwaba 2024 e-Tsakane Stadium, ngenhloso yokuzohlola inqubekelaphambili emsebenzini wokulethwa kwezidingonqangi.
1.2.    IMbizo kaMongameli ye-DDM izokwethanyelwa ngabaholi abaphuma kuzona zontathu izinhlaka zikahulumeni abazoxoxisana ngezinselele ezibhekene nemiphakathi ekulethweni kwezidingonqangi, kanye nezinhlelo zentuthuko ezikhona kumasipala wedolobha ngokuhambisana nomgomo othi uHulumeni Oyedwa, uHlelo Olulodwa, Isabelomali Esisodwa.
1.3.    IMbizo ye-DDM inkundla lapho kuxoxisanwa khona ehlukile eNingizimu Afrika, futhi isenza sibe ngelinye lamazwe ambalwa akwaziyo ukuxoxisana ngqo nezakhamuzi zalo esigabeni esifana nalesi.
1.4.    Abahlali base-Ekurhuleni bayamenywa ukuthi beze ngobuningi babo ukuze bezoxoxisana ngezinhlelo ezikhona zokuxazulula inkinga yokuswelakala kwamanzi kanye nezinyathelo imiphakathi ngokusebenzisana no-Eskom okufanele izithathe ukugwema ukucinywa kukagesi okulokhu kwenzeka.

2.    Ukusingathwa Kwengqungquthela Nombukiso Wezezindiza e-Afrika 
2.1    IKhabhinethi licubungule laphinde lagunyaza ukuthi iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela Nombukiso Wezezindiza e-Afrika eGoli kusuka mhla we-16 kuya mhla we-17 kuMandulo 2024. Ingqungquthela kanye nombukiso ngumcimbi omkhulu wohwebo embonini yezezindiza. 
2.2    Ngaphezu kwalokhu, umcimbi uzobeka iNingizimu Afrika ebalazweni njengendawo yezivakashi futhi ulethe ithuba lokukhangisa eminye imikhiqizo yaseNingizimu Afrika kubabambiqhaza beNgqungquthela Nombukiso.

3.    INgqungquthela Kwezokufuduka
3.1    IKhomishini Kazwelonke Yezokuhlela, iNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezokufuduka kanye noHlelo Lwentuthuko lwe-UN bavule iNgqungquthela Kwezokufuduka eGoli kusuka mhla wama-20 kuya mhla wama-23 kuNcwaba 2024. 
3.2    Kule ngqungquthela kuhlolisiswa kuphinde kudingidwe ngokufuduka njengento eholela entuthukweni, ngokugxila kakhulu ekusizeni abantu abafudukayo ngokwezimali zabo kanye nokusebenzisana kwamazwe ngamazwe.

4.    INyanga Yezokuvakasha
4.1    Uhlelo lweNyanga Yezokuvakasha lwe-2024, oluzoqhutshwa kusuka mhla lu-1 kuya mhla zingama-30 kuMandulo 2024, lwethulwe eNyakatho Kapa ngokubhekela isidingo sokusabalalisa ukubaluleka kwezokuvakasha ezweni jikelele. 
4.2    Njengoba izwe limema izivakashi zakuleli nezamazwe ngamazwe ukuthi zizobona izindawo ezihehayo zaseNingizimu Afrika, amasiko nemikhuba okuphilwa ngayo, uhulumeni usebenza ngokuzikhandla ukukhulisa lo mkhakha ngokuvundulula amakhono kwezokuvakasha emalokishini ethu, emakhaya nasemadolobheni amancane. Ngokwenza kanjalo sizokhulisa futhi sisabalalise ezokuvakasha eNingizimu Afrika.

5.    Uhambo LukaMongameli oluya e-People’s Republic of China (e-PRC)
5.1    UMhlonishwa, uMongameli u-Ramaphosa uzothatha uHambo lukaMongameli oluya e-PRC kusuka mhla wesi-2 kuya mhla wesi-5 kuMandulo 2024 oluzoqinisa ubudlelwano bobunxusa nobohwebo phakathi kwala mazwe amabili. Lolu hambo lulandela ukuvakasha kwesine kukaMongameli u-Xi Jinping eNingizimu Afrika ngowe-2023.
5.2    I-China yizwe elikhulu elihwebelana neNingizimu Afrika ngohwebo phakathi kwala mazwe amabili olume kwizigidigidi ezingama-US$34 ngowezi-2023, okuhlanganisa imikhiqizo ethunyelwe e-China eyizigidigidi eziyi-US$12 kanye nempahla ebuya e-China eyizigidigidi ezingama-US$22. I-China ilokhu ifaka igalelo elikhulu emkhankasweni wotshalomali eNingizimu Afrika futhi iyilona lizwe elitshala kakhulu izimali.
5.3    Iningi lezivumelwano ezibalulekile kulindeleke ukuthi ziphothulwe ngesikhathi saloluHambo lukaMongameli, kubandakanya neSivumelwano Sohlaka Somfelandawonye Wentuthuko, ukuhambelana kohwebo kanye nokukhulisa ukufinyelela ezimakethe. 
5.4    Ithimba laseNingizimu Afrika lizophinde libe yingxenye yoMhlangano Wokusebenzisana kweNingizimu Afrika ne-China (i-FOCAC) ozobanjwa kusuka mhla wesi-4 kuya mhla wesi-6 kuMandulo 2024. 
5.5    I-FOCAC indlela yokusebenzisana kwamazwe ehlukahlukene phakathi kwe-China namazwe ase-Afrika, futhi ithathwa njengenkundla yokusebenzisana ngaphansi kohlelo lwe-Chinese’s Belt and Road Initiative okuyiqhingasu le-China lwamazwe ngamazwe lokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

G.    Imiyalezo

1.    Isizwe esiphumelelayo
1..1.    Abesifazane namadoda kwezemidlalo kuleli lizwe bayaqhubeka nokuqhakambisa izwe lethu emidlalweni eyehlukahlukene emhlabeni jikelele futhi bayasibumba njengezwe.
1..2.    Amaqhawe ethu ebhola lombhoxo, ama-Springboks, aphinde ehlula i-Australia okwesibili futhi ayaqhubeka nokuba yiqembu elingakaze lehlulwa ku-Rugby Championship. 
1..3.    I-Australia nayo inqobile njengoba u-Dricus du Plessis egcine isicoco sakhe se-UFC middleweight ngokuhlula u-Israel Adesanya wase-Nigeria e-Perth.
1..4.    Ama-Proteas aphumelele ngesikhathi ehlula i-West Indies emdlalweni wesibili wekhilikithi eGuyana lapho bephume phambili ngo:1-0 kwi-test series.
1..5.    IQembu lase-SA lithole igolide elilodwa, amasiliva amathathu kanye nezindondo zethusi ezimbili kuma-2024 Paris Olympics, nabaphindaphinde isibalo sezindondo zemidlalo eyedlule ye-2021 Tokyo Olympic Games. Le mpumeleleo izohlala isikhathi eside emiqondweni yethu.
1..6.    Njengesizwe sibungaza iqembu lazeNingizmu Afrika le-relay okunguBayanda Walaza; u-Bradley Nkoana; u-Shaun Maswanganyi no-Akani Simbine ngokuthola indondo yesiliva emjahweni wamadoda wamanqamu we-4x100m relay. Baqophe umlando omusha e-Afrika wemizuzwana engama-37.57. Ngaphezu kwalokhu, u-Jo-Ane van Dyk uthole indondo yesiliva emdlalweni wabesifazane we-javelin.
1..7.    Le mpumelelo ibonisa amandla emidlalo ukuthi angabumba futhi edlule yonke imigoqo. IKhabhinethi ligqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise lezi zikhathi zokubumbana njengethuba lokusizana njengabantu baseNingizimu Afrika ukwakha umphakathi esifuna ukuphila kuwona.

2.    Ukuhalalisa 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 
•    UZime waseNingizimu Afrika wezi-2024 osanda kwethweswa isicoco, uNkosazana Mia le Roux, futhi imethulela isigqoko ngokuqina kwakhe. U-Mia le Roux ubonisa umoya waseNingizimu Afrika wokunqoba nasiphi na isimo njengoba engumuntu wokuqala ophila nokukhubazeka (ongezwa kahle ezindlebeni) ukuthi abe nguZime waseNingizimu Afrika. IKhabhinethi limufisela okuhle kodwa emsebenzini wakhe omusha njengenxusa laseNingizimu Afrika. 
•    IJaji Eliyinhloko eliphumayo u-Raymond Zondo, ozothatha umhlalaphansi uma kuphela uNcwaba 2024 emva kokusebenza njengejaji iminyaka engama-27.
•    Nkz. Fikile Marakalla, ophume isibili emkhakheni wezithombe kuma-SADC Media Awards 2024. Waqala ukusebenza kuPhiko lukaHulumeni Kwezokuxhumana Nokudluliswa Kolwazi njenge-intern nokuyimanje usesebenza ngokuphelele njengomunye wabethimba elithwebula iPhini likaMongameli.
•    Mnu. Benjamin Moshatama we-Chanel Africa Radio, ophume isibili emkhakheni wemisakazo kuma-SADC Media Awards 2024.
•    Iqembu lomdanso, i-Durban’s Wu Tang Cru, ngokuthola indondo yegolide nesiliva kuma-UDO World Street Dance Championships. Leli qembu lithole igolide ku-under-14 Intermediate category laphinde lathatha isicoco se-Intermediate World Champions.
•    Mnu. Dada Morero, usodolobha waseGoli omusha okhethiwe, futhi simufisela okuhle kodwa njengoba eqala umsebenzi wakhe wokuhola uMasipala Wedolobha omkhulukazi eNingizimu Afrika.

3.    Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kubangani nasemndenini walaba abalandelayo: 
•    Slz. Muxe Nkondo, obengumfundi kwezenqubomgomo yezenhlalo namasiko. Ube negalelo elibonakalayo ekusungulweni kwenqubumgomo kusuka emkhakheni wezokuvakasha, ukuhlaliswa kwabantu kanye nokuphathwa kwemisebenzi kahulumeni kuya kwezesayensi nobuchwepheshe, kanye nobuciko namasiko.
•    Mnu. William Smith, umsunguli wemfundo yeZibalo neSayensi nowahlonishwa nge-National Order of the Baobab. U-William wasiza abafundi abaningi ngokwenza lula izifundo zeZibalo, iSayensi, i-Biology neSingisi ohlelweni lwe-SABC i-Learning Channel - indoda okuyiyona eyaqala ukufundisa ngobuchwepheshe ngaphambi kwesikhathi sedijithali.
•    Nkz. Zanele Mbokazi-Nkambule, obengumsakazi ku-Ukhozi FM kanye nomsunguli wama-Crown Gospel Awards.

Imibuzo: Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore