Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi ngoLwesithathu, mhla ziyi-11 kuNhlaba 2022

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    Ukuphathwa kwenhlekelele emuva kokuhlasela kwezikhukhula
1.1.    IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kubo bonke abantu abashonelwe ngabathandiweyo babo ezikhukhuleni zakamuva ezidale umonakalo owesabekayo ezihlasele izingxenye eziningana zezwe lethu, ikakhulukazi isifundazwe saKwaZulu-Natali. 
1.2.    Ukumenyezelwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kanye nezinhlelo zosizo lokungenelela eziphathelene nenhlalo-mnotho yabantu ezimenyezelwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa kamuva nje, bekuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthathwa kwezinyathelo ezisebenza kahle futhi ezihambelanayo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni, ngokusebenzisa iSizinda Sikazwelonke Sokuphathwa Kwenhlekelele. 
1.3.    Imali eyisigidigidi esisodwa samarandi ehlinzekwe nguhulumeni isetshenziselwa ukulekelela imizamo yokweseka nokuvuselela, ukubuyisela ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi kanye nokuhlinzeka ngosizo lokunciphisa usizi nenhlupheko kubantu okusho ukuhlinzeka ngokudla, amanzi, indawo yokuhlala, ukuthuthwa kwendle kanye nezingubo zokugqoka. 
1.4.    Seyiqalisiwe kakade inqubo yokwakha kabusha izindawo ezikhahlamezekile njengoba abantu bezwe lakithi bebambene ngezandla ekuzimiseleni kwabo ukulekelela labo abalahlekelwe ngamakhaya abo kanye nempahla yabo.

2.    Ezakamuva ngeSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19) 

2.1.    IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka kwalo ngokudlondlobala kwenani labantu abasuleleka nge-COVID-19 kamuva nje ezingxenyeni ezithile zezwe futhi linxuse abantu bonke ukuba bathathe izinyathelo zokuzinakekela nokuqikelela impilo yabo ukuze bazivikele kuleli gciwane elibulalayo, ikakhulukazi esikhathini sasebusika.
2.2.    Igciwane liselokhu liyingozi esihleli nayo ngaso sonke isikhathi phakathi kwethu futhi ukugonywa kusalokhu kuyisona sikhali sokuzivikela esisebenza kahle kakhulu. IKhabhinethi liyakuthokozela ukukhula kwesibalo sabantu abaqoka ukugonywa njengendlela yokuqala yokuzivikela ku-COVID-19 emuva kokuthi izibalo zakamuva zibonise ukuthi isibalo sabantu abadala asebegonyiwe ezifundazweni ezinhlanu sesikhule saze sayofinyelela enanini eliyingqophamlando elingaphezu kwamaphesenti angama-50.   
2.3.    IKhabhinethi liyabanxusa labo abangakagonywa ukuthi nabo benze kanjalo ukuze bazivikele futhi bavikele nabathandiweyo babo. Kumele futhi siqhubeke nokulandela yonke imigomo yokuzivikela kwi-COVID-19, kubandakanya ukugqoka isifonyo esimboza kokubili ikhala nomlomo, ukugeza izandla ngamanzi nensipho, noma sisebenzise isibulali-magciwane sezandla esiqukethe i-alcohol engama-70%, futhi sigcine ibanga eliphephile okungenani eliyimitha elilodwa lokuqhelelana phakathi kwethu nabanye abantu emphakathini. 

3.    Isibonelelo Sosizo Olubhekiswe Kubantu Abagajwe Wusizi Nenhlupheko (i-SRD) 

3.1.    IKhabhinethi likhuthaze izakhamuzi ezithola iSibonelelo se-SRD esingama-R350 ukuba zifake izicelo zazo kabusha, kulandela ukwethulwa kwemithethonqubo emisha elawula izicelo kanye nemibandela yokufaneleka kwabantu ukuthola lesi sibonelelo.
3.2.    Izicelo zingafakwa kwiwebhusayithi yoPhiko LweziMpesheni Nezibonelelo Zikahulumeni lwaseNingizimu Afrika (i-SASSA): https://srd.sassa.gov.za/. Uhlelo lokufaka izicelo lwavulwa mhla zingama-23 kuMbasa 2022 futhi luwuhlelo oluqhutshwa ngobuchwepheshe bedijithali ngokuphelele ukuze kusheshe ukucutshungulwa nokuphothulwa kwezicelo. 
3.3.    Isibonelelo sokuhlinzeka ngosizo siyisibonelelo esisemqoka kakhulu sokubhekelela imindeni entulayo obekungenzeka izithole seyibhuqabhuqwa yisihlava sobubha nokuntuleka kwamathuba omsebenzi. Uhulumeni uzibophezele ekuhlinzekeni ngezibonelelo kulabo bantu abadla imbuya ngothi abangenawo amandla okuzibhekelela ngokwabo ukuze bakwazi ukuhlangabezana nezidingo zabo eziyisisekelo.

4.    Ezokuphepha nokuvikeleka 

4.1.    IKhabhinethi liyaqhubeka nokugxeka izenzo zokubulawa kwabantu besifazane ezingenangqondo futhi lisithokozele isenzo sabomthetho sokubabopha ngokushesha okukhulu abasolwa abayamaniswa nokufa kuka-Nks Hillary Gardee (28), obehlala endaweni yaKamagugu eMpumalanga. IKhabhinethi liphinde futhi lagxeka nesenzo sokubulawa kwabantu abayisithupha eKhayelitsha, eKapa. Lokhu kubulawa kwabantu okungenangqondo kuyisikhumbuzo sokuthi kusekuningi okumele sikwenze njengomphakathi ukuqeda udlame kanye nodlame olweyamene nobulili kanye nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF). 
4.2.    IKhabhinethi linxuse abantu bonke kuleli ukuthi basebenzisane nohulumeni empini yokulwisana nobugebengu kanye ne-GBVF. Uma sibambisene singaqinisekisa ukuthi imiphakathi yethu kanye nezitaladi zethu kuphephile kubantu bonke, kubandakanya nabantu esebekhulile ngokweminyaka, abesifazane kanye nezingane. 

5.    Ezomnotho

5.1.    IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukuvulwa ngokusemthethweni kwefemu eyakha izitini yakwa-Corobrik, i-Kwastina e-Driefontein e-Gauteng okwenziwe nguMongameli u-Ramaphosa ngoLwesithathu mhla zizi-4 kuNhlaba 2022. Le femu kanokusho yohlobo lwesimanjemanje iyingxenye yotshalomali oluyizigidi ezingama-800 zamarandi, oluhambisana nolunye futhi utshalomali olwengeziwe oluyizigidi ezingama-200 zamarandi olwabelwe umsebenzi wokwelulwa kwemisebenzi kakhonkolo yakwa-Corobrik KwaZulu-Natali. Abakwa-Corobrik bangelinye lamabhizinisi akuleli asabelile kwikhwelo likaMongameli u-Ramaphosa lapho enxusa amabhizinisi aseNingizimu Afrika kanye namabhizinisi amazwe ngamazwe ukuba atshale izimali emnothweni wezwe lethu.
5.2.    IKhabhinethi likuphawulile ukuthi umnotho wegesi ihayidrojini osafufusa uthole ukwesekwa nokufukulwa njengoba abakwa-Anglo American sebethule iloli elisebenza ngegesi yehayidrojini. Leli loli – eliguquliwe ebelisebenza ngodizili manje eselisebenza ngehayidrojini, futhi elinengxenye ethile yalo esebenza ngamabhethri ohlobo lwe-lithium-ion – lingelokuqala ngqa ukubonakala emhlabeni wonke jikelele. Umnotho wehayidrojini usuhlonzwe njengento esemqoka kakhulu okumele ibekwe eqhulwini kuhlobo lomnotho wethu olungayinukubezi imvelo, futhi ukuze kukhuthazwe ukukhula komnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi. 
5.3.    IKhabhinethi liluthokozele futhi nolunye utshalomali olwengeziwe olufakwe yinkampani ekhiqiza ukudla yase-Ireland, i-Kerry Group, esivule ifemu entsha edle izigidi ezingama-650 zamarandi e-Hammarsdale, KwaZulu-Natali, okuhloswe ngayo ukukhiqizela leli zwekazi ukudla ngokuqhubekayo. Le femu iyifemu eyingqayizivele, futhi engafani neze namanye, njengoba inezinsiza-kusebenza eziningana eziyoyilekelela ukuthi iqhubeke isikhathi eside yenza umsebenzi wayo ngendlela esimeme, kubandakanya imishini engadli ugesi omningi, ukusetshenziswa kukagesi welanga ukuze kuncishiswe umthamo kagesi osuka esikhungweni sikagesi sikazwelonke, ukuqoqwa kwamandla kagesi nokushisa emithonjeni yamandla kagesi esisetshenzisiwe, kanye nokuqoqwa nokugcinwa kwamanzi ngobunyoninco, nokusebenzisa izinto kabusha kanye nokuncishiswa kwemfucuza ekhiqizwayo. Inkampani i-Kerry Group seyisebenze eNingizimu Afrika kusukela ngowezi-2011, futhi lolu tshalomali olwengeziwe luyinkomba yokuthi iNingizimu Afrika iyizwe eliyintandokazi kubatshalizimali.
5.4.    Lolu tshalomali lulandela ezinyathelweni zokwethulwa kweveni yohlobo lwe-Isuzu D-Max eyakhiwa kuleli e-Gqeberha eMpumalanga Kapa ngenyanga edlule. I-D-MAX entsha yohlobo lwesimanjemanje iwuphawu olucace bha lokuzibophezela kwenkampani yakwa-Isuzu eNingizimu Afrika futhi ingenye yezimpumelelo ezizuzwe ngaphansi koHlelo Lokuthuthukisa Ukwakhiwa Nokukhiqizwa Kwezimoto (i-APDP). I-APDP iwuhlelo lokukhuthaza umkhiqizo oluqondiswe embonini yezimoto okuhloswe ngalo ukugqugquzela nokukhulisa inani lezimoto ezikhiqizwa yile mboni yezimoto, ukugqugquzela ukwakhiwa nokulungiswa kwezingxenye zezimoto embonini yakuleli futhi ngalokho-ke kuvuleke amathuba omsebenzi ochungechungeni lonkana lwemisebenzi yokwakhiwa nokukhiqizwa kwezimoto. Lilinganiselwa kuma-R2.8 ezigidigidi inani lomkhiqizo wakuleli ozokhiqizwa esikhathini sonkana sokuqhubeka kwe-APDP. Lolu tshalomali luzovikela imisebenzi eyi-1 000 yabantu abaqashwe ngqo kulesi sikhungo futhi luvulele abantu abayizi-24 000 amathuba omsebenzi emisebenzini eminingana engaphandle ehlobene nomsebenzi owenziwa yile nkampani futhi ngalokho-ke lulekelele kakhulu ekuthuthukisweni nokufukulwa komphakathi kulesiya sifunda. 

6.    INgqungquthela Yezezimayini

6.1.    INgqungquthela Yokutshalwa Kwezimali Ezimayini zase-Afrika yowezi-2022 ebibanjelwe e-Cape Town International Convention Centre kusukela mhla ziyisi-9 kuya kumhla ziyi-12 kuNhlaba 2022, ingesinye sezigcawu ezinkulukazi zokuxhumana nokusebenzisana phakathi kwabo bonke ababambiqhaza embonini yezimayini. Isiqubulo sale ngqungquthela sabe sithi: “Uguquko-simo Lwezezimayini e-Afrika: Sitshala Izimali Ekuguqulweni Kwamandla, i-ESG, kanye Neminotho”.
6.2.    IKhabhinethi linethemba elikhulu lokuthi iNgqungquthela Yezezimayini izolekelela ekuvezeni kanye nokukhangisa iNingizimu Afrika njengezwe eliyintandokazi kubatshalizimali.
6.3.    INingizimu Afrika ilwamukela ngezandla ezimhlophe utshalomali olungena kuleli futhi izibophezele ekwakheni izimo ezikahle futhi ezikulungele ukukhula komnotho okubandakanyayo kanye nokulethwa koguquko emnothweni.

7.    Ubudlelwane namazwe ngamazwe omhlaba kanye namazwe esifunda

7.1.    IKhabhinethi likwamukelile futhi ukuxhumana nokufakana imilomo kwakamuva nje phakathi kukaMongameli  u-Ramaphosa noMongameli waseMelika u-Joe Biden, noMongameli wase-France u-Emmanuel Macron kanye noMongameli wase-Zambia u-Hakainde Hichilema ezigcawini zokuxhumana ezahlukene.
7.2.    Lokhu kuxhumana nokufakana imilomo kuhlinzeke uMongameli ngethuba elikahle lokuqinisa ubudlelwane kanye nobambiswano phakathi kweNingizimu Afrika namazwe ebambisene nawo ezindabeni ezisemqoka eziphathelene nesifunda kanye nalezo eziphathelene namazwe ngamazwe omhlaba, kubandakanya nokuthola isixazululo esinokuthula kwingxabano eqhubekayo e-Ukraine.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi

1.    Amavoti Esabelomali
1.1.    IKhabhinethi linxusa zonke izakhamuzi ukuba ziwalandele amaVoti Esabelomali ahlukahlukene ethulwa yiminyango kahulumeni kazwelonke kanye neHhovisi likaMongameli ukuze kuqinisekiswe ukuthi uhulumeni uyaphendula ngemisebenzi yakhe. 
1.2.    Ngenkathi kwethulwa amaVoti Esabelomali, yonke iminyango ichaza kabanzi ngezinhlelo zayo kanye nezinto ezibekwe eqhulwini ezizokwenziwa kulo nyaka. Amavoti Esabelomali kuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziswa ngobunyoninco ekuhlangabezaneni nezidingo zomphakathi. 
1.3.    Ahlinzeka futhi ngesigcawu esihle kakhulu sokuba oNgqongqoshe bakwazi ukuchaza kabanzi ngomsebenzi kahulumeni, kubandakanya izimpumelelo kanye nezinselele. 

2.    Iqhingasu Lokuqaliswa Kokukhishwa  Kwesibaseli Esiyigesi Ewuketshezi (i-LPG)  

2.1.    IKhabhinethi liligunyazile iQhingasu Lokukhishwa kwe-LPG ukuze liqale ukusebenza,  okuyiqhingasu elashicilelwa ngoNdasa 2022 ukuze kuboniswane nomphakathi ngalo. Leli qhingasu lihlose ukwelula nokunweba imboni ye-LPG ezweni. I-LPG izolekelela kakhulu ekuqinisekiseni ukusetshenziswa kwemithombo yamandla ehlukahlukene.  
2.2.    Phakathi kwezinye izinhlelo zokungenelela, leli qhingasu lizolawula amanani entengo emsebenzini wonkana wokukhiqizwa kwegesi ewuketshezi futhi leseke nomsebenzi wokukhiqizwa kwamasilinda e-LPG ezweni. Futhi lizofundisa umphakathi ngemihlomulo yokusebenzisa i-LPG njengolunye uhlobo lwamandla olwehlukile olungasetshenziswa. 
2.3.    Abantu bazokwazi ukufinyelela kulona emuva kokuba selishicileliwe nguMnyango Wezimbiwa Namandla ku-www.dmr.gov.za.

3.    Uhlaka Lwamasu Lukazwelonke olumayelana Nemikhankaso Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abanokukhubazeka 

3.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lwamasu Lukazwelonke olumayelana Nemikhankaso Yokuqwashisa Ngamalungelo Abantu Abanokukhubazeka. Uhlaka luhlose ukuhola nokuqondisa umkhakha ozimele ngokunjalo futhi nomkhakha kahulumeni ekuqinisekiseni ukuthi avikelekile amalungelo abantu abanokukhubazeka, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996. 
3.2.    Uhlaka luhlinzeka ngeqoqwana lamathuluzi azolekelela ekususeni imigoqo ebandlululayo ekuthathweni kwezinqumo, ikakhulukazi lezo eziphathelene nabantu abanokukhubazeka.  Futhi luqwashisa abantu abanokukhubazeka ukuthi bawazi amalungelo abo njengoba evikelwe nguMthethosisekelo. Uhlaka luhlinzeka futhi ngokuqeqeshwa,  imibiko yabezindaba kanye nokuqwashisa emphakathini mayelana namalungelo abantu abanokukhubazeka.
3.3.    Uhlaka luqalisa ukusebenza koMthetho Odingidwayo omayelana Nabantu Abanokukhubazeka. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe asayina iSivumelwano seNhlangano Yezizwe (i-UN) esiqondene Namalungelo Abantu Abanokukhubazeka kanye Nesivumelwano se-UN soMqulu wase-Afrika Wamalungelo Esintu kanye Namalungelo Abantu esiqondene Namalungelo Abantu Abanokukhubazeka (Isivumelwano Samalungelo Abantu Abanokukhubazeka base-Afrika).
3.4.    Uhlaka kwaboniswana ngalo nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile, kubandakanya noMkhandlu Kazwelonke Wokuthuthukiswa Komnotho Nabasebenzi.

4.    INgqungquthela Yezokuphathwa Komhlaba kanye Namalungelo Obunikazi Nokusetshenziswa Komhlaba Ezindaweni Lapho Abantu Besebenzisa Khona Umhlaba Ngokuhlanganyela

4.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukusingathwa kweNgqungquthela Yezokuphathwa Komhlaba kanye Namalungelo Obunikazi Nokusetshenziswa Komhlaba Ezindaweni Lapho Abantu Besebenzisa Khona Umhlaba Ngokuhlanganyela ngoLwesihlanu mhla zingama-27 kanye noMgqibelo mhla zingama-28 kuNhlaba 2022 e-Gauteng.

4.2.    IKhabhinethi lasemukela ngokusemthethweni ngoNdasa 2021 iSitatimende Esichaza Ngokucacileyo Umbono-simo Kahulumeni maqondana Nokuphathwa Komhlaba kanye Namalungelo Obunikazi Nokusetshenziswa Komhlaba Ezindaweni Lapho Abantu Besebenzisa Khona Umhlaba Ngokuhlanganyela. Liyalele ukuthi kubanjwe ezinye izigcawu zokubonisana nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile.
4.3.    Ingqungquthela izoba yisigcawu sokusonga nokuphothula umsebenzi osuwenziwe kusukela ngonyaka odlule kuze kube manje, lapho bekunxenxwa khona imibono evela kubabambiqhaza abahlukahlukene.

C.    Imicimbi Ezayo

1.    INgqungquthela Yesihlanu Yomhlaba Wonke Mayelana Nokuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane
1.1.    INingizimu Afrika izosingatha iNgqungquthela Yesihlanu Yomhlaba Wonke Mayelana Nokuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane e-Durban International Convention Centre, KwaZulu-Natali, kusukela ngeSonto mhla ziyi-15 kuze kube nguLwesihlanu mhla zingama-20 kuNhlaba 2022. Kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi iNhlangano Yezabasebenzi Yamazwe Ngamazwe (i-ILO) isingathe le ngqungquthela ezwekazini lase-Afrika. 
1.2.    Izinhloko zemibuso, ongqongqoshe abayi-120, umbimbi olumkhakha-mithathu lwamazwe ayi-187 angamalungu e-ILO, izikhungo ze-UN, izikhungo zezemfundo, izinhlangano zezinhlaka zomphakathi wonkana, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, abezindaba kanye namaqembu omphakathi kulindeleke ukuthi bayethamele le ngqungquthela.
1.3.    Ingqungquthela izonikeza futhi iNingizimu Afrika ithuba lokuveza nokubonakalisa uMthethosisekelo wezwe njengoba uwavikela amalungelo ezingane. Leli lizwe lizoxhumana futhi libonisane namazwe ahlukahlukene asekhathule indima ebanzi kakhulu kuneyethu ekuqedeni ukusetshenziswa kwezingane futhi lifunde kulawo mazwe. 

2.    Imbizo kaMongameli eqondene Nohlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM)

2.1.    UMongameli u-Ramaphosa uzobamba Imbizo kaMongameli eqondene ne-DDM eMpumalanga ngoLwesihlanu mhla zingama-20 kuNhlaba 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ungashiyi muntu ngemuva”. Njengesigcawu esimqoka sokubamba iqhaza komphakathi, Imbizo izonikeza uMongameli ithuba lokuxhumana ngqo nababambiqhaza abahlukahlukene – ikakhulukazi imiphakathi yezindawo zasemakhaya – futhi uzolalela izinkinga nezinselele zabo ngenhloso yokuzixazulula.
2.2.    Imbizo kaMongameli eqondene ne-DDM ihlose ukususa izithiyo ezivimbela ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi ngendlela edidiyelwe futhi igqugquzele ukubamba iqhaza komphakathi ngokuhambisana ne-DDM.
2.3.    Abantu baseNingizimu Afrika bangakulandela okuqhubekayo ezingxoxweni futhi babambe iqhaza kuzona ezinkundleni zokuxhumana ngaphansi kwe-hashtag ethi #PresidentialImbizo.

3.    Inyanga ye-Afrika 

3.1.    Umbungazo waminyaka yonke weNyanga ye-Afrika kanye noSuku lwe-Afrika oluzoba ngoLwesithathu mhla zingama-25 kuNhlaba uzogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka Wokudla Okunomsoco: Siqinisa ikhono namandla okuzibamba ziqine ekuhlinzekeni ukudla okunomsoco kanye nokuqinisekisa ukutholakala kokudla okwanele ezwekazini lase-Afrika”.
3.2.    Njengengxenye yenhloso-mbono yesikhathi eside ebekwe ngokucacileyo ku-Ajenda 2063 (ewumhlahlandlela wokuthuthukiswa kwe-Afrika ukuze izuze intutuko yenhlalo-mnotho ebandakanyayo futhi esimeme eminyakeni engama-50), isiqubulo sigxile kulokho abantu base-Afrika abangaba namandla okukufezekisa, ngokugcizelela ikakhulukazi kubantu besifazane, amabhungu namatshitshi kanye nezingane. Lokhu kuyinto esemqoka kakhulu ekuletheni intuthuko njengoba kuholela ekutheni abantu baphile impilo engcono futhi amazwe nawo athole ingenisomali ephakeme futhi engcono.
3.3.    Umcimbi ophawulekayo nogqamile kule migubho yeNyanga ye-Afrika nguMcimbi WeViki Lezokuxhumana lase-Afrika, ozobanjelwa e-Constitutional Hill eGoli kusukela mhla zingama-23 kuze kube ngumhla zingama-27 kuNhlaba 2022. 
3.4.    Inyanga ye-Afrika iyithuba lokugqugquzela ubunye nobumbano e-Afrika kanye nokudidiyelwa kwesifunda ngokujulile, kanye nokubophezela i-Afrika kabusha ekushabashekeleni impokophelo efanayo. IKhabhinethi likhumbuza wonke umuntu ukuthi izidingo nezintshisekelo zethu njengezwe zixhumene kakhulu nozinzo, ubumbano kanye nokuphumelela kwe-Afrika. 

D.    Imiyalezo

1.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba abalandelayo: 

  • UNks Phindile Xaba (53), osebenze embonini yabezindaba isikhathi eside futhi lapho ezuze khona impumelelo enkulu, lapha ekhaya eNingizimu Afrika ngokunjalo futhi nasemazweni angaphandle. Usebenze ngokuzikhandla okukhulu ukwenza ngcono izwe lethu. 
  • Inxusa uSilumko Sokupa (74), osebenzele uPhiko Lwezokuvikeleka Kombuso isikhathi eside futhi lapho enze khona umsebenzi oncomekayo impela ezikhundleni ezahlukahlukene aziphathile emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni.
  • USlz Francis Wilson (83), owabe eyisazi sezomnotho esihlonishwayo futhi engumsunguli wophiko lwezocwaningo i-Southern Africa Labour and Development Research Unit.

E.    Abaqashiwe
 
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    UDkt Kesavan Naidoo oqashwe njengoMqondisi-Jikelele (u-DDG): Wezokuthuthukiswa Kwesikhungo eMnyangweni Wezokubusa Ngokubambisana (i-DCoG).
2.    UMnu Siphosihle Emmanuel Hlomuka oqashwe njengo-DDG: Wezokuphathwa Kwezinhlelo Zokweseka Nokungenelela Kohulumeni Basekhaya e-DCoG. 
3.    UMnu Risimati Patrick Mathye oqashwe njengo-DDG: Wezokuphathwa Kwezinsizakalo Zamanzi Nokuthuthwa Kwendle eMnyangweni Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS). 
4.    UMnu Collin Xolani Zwane oqashwe njengo-DDG: Wezokulawula, Ukulandelwa Kwemithethonqubo Ebekiwe kanye Nokuphoqelela Ukuthotshelwa Kwayo e-DWS.
5.    UMnu Melanchton Makobe oqashwe njengo-DDG: Wezokuqinisekisa Ukuphathwa Nokusebenza Kahle Kwamabhizinisi Ombuso (ama-SOC) eMnyangweni Wezamabhizinisi Kahulumeni. 

F.    IKhabhinethi livumelene noNgqongqoshe maqondana nokuqashwa kwalaba abalandelayo:
1.    UMnu Bhekuyise Mathews Khenisa oqashwe njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) wesiKhungo Sezokuthuthukiswa Kwezindlu, phecelezi, i-Housing Development Agency (i-HDA).
2.    UNks Joy Keledi Masemola oqashwe njengoMphathizimali Omkhulu we-HDA. 
3.    UDkt Cornelius Ruiters oqashwe njengo-CEO wesikhungo sezamanzi i-Lepelle Northern Water.

4.    Amalungu oMkhandlu Womqulu Womkhakha Wezamahlathi: 

(a)    Nks Nelly Ndlovu (uSihlalo);
(b)    Nks Makhosazana Mavimbela;
(c)    Mnu Dwayne Marx;
(d)    Nks Tanucia Coopasamy;
(e)    Mnu Tyrone Hawkes;
(f)    Mnu Penwell Lunga;
(g)    Mnu Michael Peter;
(h)    Mnu Bruce Breedt;
(i)    Mnu Pierre Tullis; 
(j)    Mnu Roy Southey;
(k)    Mnu Lulamile Xate;
(l)    Mnu Mlungisi Bushula;
(m)    Nks Thandi Mokoena;
(n)    Mnu Darryll Sauer;
(o)    Mnu Tshepo Makhene;
(p)    Nks Pumeza Nodada;
(q)    Nks Lindiwe Mavundla; kanye
(r)    NoNks Kwena Komape.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore